Ntuzuma FM

Ntuzuma FM online radio station and non profit organization online radio station from Durban Ntuzuma Township in South Africa.
(6)

We give you new and old tracks to jam for and also reality shows

24/03/2024

Throwback: 28 November 2020

Uhlelo: Ensimin'kanomkhubulwane (Outside Broadcasting).

Abasakazi: Gibson "Magibela Imbebhedla & Khululiwe Mzolo

24/03/2024

Throwback: 14 November 2020

Uhlelo: Ensimin'kanomkhubulwane

Abasakazi: Gibson "Magibela Imbebhedla" & Khululiwe "S'nqamu samatindane"

Isimo sishubile endaweni yase Lindelani eNtuzuma izakhamuzi namanje zisalwa impi eyodwa yamanzi nogesi abangasakwazi.Imi...
14/03/2024

Isimo sishubile endaweni yase Lindelani eNtuzuma izakhamuzi namanje zisalwa impi eyodwa yamanzi nogesi abangasakwazi.

Imigwaqo ibinje izolo eLindelani izakhamuzi zikhala ngokuthi sekuphele amasonto, abanye izinyanga amanzi nogesi okukade kwahamba abasazizwa neze njengabantu baphilayo.

Ibuhlungu impilo yokungabi namanzi nagesi esikhathini samanje. Sicela uMasipala weTheku ulusukumele loludaba kubuye isidima sabantu.

Sesiside kakhulu lesikhathi umsakazo uthule emoyeni ngenxa yesigameko esenzeka ngonyaka owedlule lapho kwagqekezwa ezind...
09/03/2024

Sesiside kakhulu lesikhathi umsakazo uthule emoyeni ngenxa yesigameko esenzeka ngonyaka owedlule lapho kwagqekezwa ezindlini zomsakazo kwabulawa impahla kwebiwa nemishini yokusakaza. Kepha amandla awaphelile neze njengoba lomsakazo uzobuya ngolunye unyawo lapho kuzoshintsha igama lesiteshi, izinhlelo ezintsha, kanye ne content entsha ntsha ezothokozisa abalaleli.

Sicela nawe mlaleli okanye mthandi walomsakazo ukuba ube yingxenye yomlando walomsakazo ngokuthi "ushare" okanye ucomment ngengama ofisa lomsakazo ubuye ngalo kanye nohlelo ofisa lomsakazo ube nalo ozolithokozela sobe sesitomula igama elilodwa.

Lokhu sikwenziswa ngukuthi wena njengomlaleli nomthandi walomsakazo uvo lwakho lubalulekile kakhulu kithi. Siphinde sithembise ukuthi kungekudala sizofaka emakhasini ethu ezokuxhumana kulabo abafisa ukufaka izicelo zokuba yingxenye lalomsakazo.

'isizwe

Kubikwa ukuthi zizovalwa izitimela eziya KwaMashu uma abahlali bakulendawo bengashintshi indlela abenza ngayo. Abakwa Pr...
06/03/2024

Kubikwa ukuthi zizovalwa izitimela eziya KwaMashu uma abahlali bakulendawo bengashintshi indlela abenza ngayo.

Abakwa Prasa sebethathe isinqumo sokwehlisa isibalo sezitimela eziya KwaMashu njengoba abahlali bakulendawo bezijikijela ngamatshe. Kanti kubikwa ukuthi lomkhuba usujwayelekile ikakhulukazi laba abakhelene nemizila yezitimela njalo masidlula baphonse izimbokodo emzileni okanye basishaye ngamatshe isitimela, kwesinye isikhathi kuqhuma ngisho nesibhamu sibhekiswe kuso okuyingozi kubagibeli.

KwaMashu local News update

Izakhamuzi zase Ntuzuma kwa C zivale imigwaqo namuhla ekuseni zikhala ngengqalazizinda okubalwa ukuhamba kwamanzi amason...
04/03/2024

Izakhamuzi zase Ntuzuma kwa C zivale imigwaqo namuhla ekuseni zikhala ngengqalazizinda okubalwa ukuhamba kwamanzi amasonto ngamasonto.

MOST RESILIENT RADIO STATIONS.Sibuye nayo Bathandi nabalaleli siyabonga nge support. Asiqhubeke siyilwe lempi. /2024
24/02/2024

MOST RESILIENT RADIO STATIONS.

Sibuye nayo Bathandi nabalaleli siyabonga nge support. Asiqhubeke siyilwe lempi.

/2024

Umsakazo iNtuzuma Fm idlule ezimeni ezinzima kakhulu ngonyaka ophelile lapho amakhono namaphupho abantu abaningi eshabal...
19/02/2024

Umsakazo iNtuzuma Fm idlule ezimeni ezinzima kakhulu ngonyaka ophelile lapho amakhono namaphupho abantu abaningi eshabalele kubalwa ngisho abebenesifiso sokujoyina lomsakazo obukhulisa amakhono abasakazi abafana no Philani Mdletshe okwi iCora namuhla, Kubalwa oSifiso Ndlangisa okwi Vibe Fm namuhla kanye nabanye abasakazi abafana no Philani "Spanish" Mdunjane onekhono elimangalisayo, Philani "Dlakadla" Mngomezulu, Mseti Waruna kanye nabanye abasakazi abakhiqizwe yilomsakazo.

Sithanda ukudlulisa intokozo kubo bonke abasisekile kulesikhathi esinzima nokusibekezelela. Kungekudala sizofaka isikhangiso sokuthungatha abasakazi abasha abazojoyina ithimba labasakazi bethu.

Mhla ziwu 24 ku February 2024 ngomgqibelo lo wakusasa sizobe sikuma Online Radio Awards (O.R.A's) azobe ese Durban Exclusive ku Smith Street kusukela ngo 10am kuya ku 5pm. Kanti amathikithi atholakala ngo R50 emnyango.

Our very own presenters, Snenhlanhla "Black Indoni" is nominated for BEST ONLINE RADIO FEMALE PERSONALITY. Sphesihle "Black GTI" is also nominated for BEST ONLINE RADIO MALE PRESENTER.

Ntuzuma FM is nominated in 2 categories:

- BEST/MOST POPULAR ONLINE RADIO
- SPECIAL AWARD NOMINATION FOR MOST RESILIENT ONLINE RADIO STATION.

SIYABONGA ASIHLANGANE KHONA

Nakuba umsakazo ungakabuyeli emoyeni kodwa umphathi wezihlelo uMs Mazibuko usaqhubeka nomsebenzi wokulekelela izingane e...
29/01/2024

Nakuba umsakazo ungakabuyeli emoyeni kodwa umphathi wezihlelo uMs Mazibuko usaqhubeka nomsebenzi wokulekelela izingane ezidinga usizo nge uniform yesikole kakhulukazi izicathulo.

Siyabonga kuye nabamusekayo ngokungaligqabulu ifindo alibopha mhla esungula loluhlelo. Siyacela uma kukhona abangalekelela ukuqhubeka nokwenza lomsebenzi omuhle bathintane naye ukufaka isandla ukubuyisa ugqozu kodado.

Call/WhatsApp: 066 093 8966

ISAZISOBacela ukufuniswa imoto edunwe izolo eNtuzuma E ewuhlobo lwe Toyota Corolla Quest eSilver grey, number plate: NT ...
16/12/2023

ISAZISO

Bacela ukufuniswa imoto edunwe izolo eNtuzuma E ewuhlobo lwe Toyota Corolla Quest eSilver grey, number plate: NT 90228.

Kubikwa ukuthi lemoto idunwe izolo endaweni yase Ntuzuma E section Lulwane road. Kucelwa onolwazi okanye oke wayibona axhumane nalezinombolo ezilandelayo:

0844146351 okanye 076699415.

Siyabonga.

A.C.C EThekwini Region imema wonke umphakathi wase Ntuzuma ukuba uhlanganyele nabo njengoba kuzobe kunomcimbi ozebe uhan...
12/12/2023

A.C.C EThekwini Region imema wonke umphakathi wase Ntuzuma ukuba uhlanganyele nabo njengoba kuzobe kunomcimbi ozebe uhanjelwe umongameli weqembu umnumzaneMasizole Mnqasela eNtuzuma G kulindeleke ukuba kwethulwe nezinkulumo kanye nezingqinamba ezibhekene nomphakathi wase Ntuzuma kanye nezindawo ezisondelene neNtuzuma.

12/12/2023

Ikhona kodwa I excitement yokuya kini Ngokhisimuzi?? 🥺😓

Ugqemeke engeqiwantwala umndeni waka Mpungose ngokdlula emhlabeni kuka Scelo Mpungose ngokuphazima kweso obedume ngezink...
27/11/2023

Ugqemeke engeqiwantwala umndeni waka Mpungose ngokdlula emhlabeni kuka Scelo Mpungose ngokuphazima kweso obedume ngezinkondlo.

-Kubikwa ukuthi uScelo Mpungose osesithombeni ubesengozini yemoto emvakokuhluleka ukulawula imoto abehambangayo kwazise umgaqo ubumanzi ushelela elibangise emsebenzini izolo ekuseni ngabo 08:20.

Abosizo oluphuthumayo Kanye namaphoyisa bafike ngesikhathi endaweni yesigameko bazama ngakhokonke okusemandleni ukusindisa impilo yakhe waphuthunyiswa esibhedlela okuyilapho ashonele khona.

Siyaziqhenya ngama Bhokobhoko. Siyabonga M🇿🇦🇿🇦🇿🇦🇿🇦🇿🇦🇿🇦
28/10/2023

Siyaziqhenya ngama Bhokobhoko. Siyabonga M🇿🇦🇿🇦🇿🇦🇿🇦🇿🇦🇿🇦

ISAZISO"Ngicela usizo lokufuniswa uBhuti wami ugcine ukubonakala eMona Tuesday ababembona bathi ebengathi akekho right k...
23/10/2023

ISAZISO

"Ngicela usizo lokufuniswa uBhuti wami ugcine ukubonakala eMona Tuesday ababembona bathi ebengathi akekho right kahle cause ubengakhulumi ethuli mawukhuluma naye. Akatholakali nase fonini 😭😭😭📿🤲."

"Kanti nase msebenzin wakhe bathi kade agcina ukuya khona ubesebenzela Ntuzuma Police Station uyi Phoyisa💔😭😭. Ngicela ningifonele kule number or WhatsApp bonolwazi okanya umubonile 0847206265."

Nhamsisi Khuzwayo

ISAZISOKunabantu abasebenzisa iNtuzuma fm page esisola ukuthi kungenzeka ukuthi le laptop eyantshontshwa emsaka...
18/10/2023

ISAZISO

Kunabantu abasebenzisa iNtuzuma fm page esisola ukuthi kungenzeka ukuthi le laptop eyantshontshwa emsakazweni ngesikhathi sigqekezelwa iyo le aba poster ngayo. Loludaba olungezansi udaba oludala olwangonyaka ophelile, unyaka usaqala esathi uma sesithole yonke incazelo ngalemoto sabuyela ukuzocacisela abalaleli ukuthi yayiphambaniswa nenye eyayenza ubugebengu.

Siyezwa kuthiwa umsakazo unokuzwakala usebenza ekubeni okwamanje usavaliwe kuze kube isikhathi la sizobuyela khona kubalaleli nabathandi bethu ukubazisa ngomsakazo ukuthi bawulindele ngaluphi usuku emoyeni.

Kunabantu abasebenzisa izinto zomsakazo ezalahleka mhla kugqekezwa emsakazweni. Sicela ukudlulisa ukuthi umsakazo usavaliwe okwamanje futhi nezindlela zokuwulalela zishintshiwe ngisho iwebsite ish*tshiwe kanye nama email ethu ashintshiwe. Nizokwaziswa uma kuphothulwa zonke izinhlelo zomsakazo ukuthi nizosithola kanjani kanye nokuthi nizoxhumana nathi kanjani.

Siyaxolisa ukuthi sithule isikhathi eside kangaka, umonakalo ubumkhulu kakhulu njengoba kwalahleka nezinto ezazibucayi kakhulu ngesikhathi kugqekezwa emsakazweni.

Siyabonga.

Umndeni wakwa Mzimela KwaMashu J section eThekwini ku ward 45, kwimanje basakhala ngobuhlungu ababhekene nabo kulandela ...
13/10/2023

Umndeni wakwa Mzimela KwaMashu J section eThekwini ku ward 45, kwimanje basakhala ngobuhlungu ababhekene nabo kulandela ukusha komuzi kwahamba nemiphefumulo yabantu abathathu (3).

Lomndeni namanje usacela usizo kubantu abangalekelela njengoba kuze kube yimanje abakalutholi usizo kanti uhulumeni nezinye izinhlaka zilokhu zithembisa kodwa kuze kube yimanje basalindile.

Kucelwa abantu abangakwazi ukufaka isandla nosomabhizinisi bendawo abangathanda ukulekelela umndeni ukwazi ukuthola uphahla lokukhosela.

Ngokulula isandla ungaxhumana nephephandaba lasendaweni KwaMashu local News update

Ngokubambisana singenza umehluko.

04/10/2023

Sekuyinto evamise ukwenzeka KwaMashu eyokudunwa kwezimoto ezithutha imali. Njengoba nanamuhla ekuseni kudunwe enye imoto yemali ngokusebenziswa kwamabhamu ukuyiqhumisa. Lesigameko senzeke ku Malandela Road khona KwaMashu, sikhumbule ukuthi kusanda kudunwa enye enxanxatheleni yezitolo yakhona KwaMashu iBridge City, kusetshenziswa yoba futhi lendlela yokuyiqhumisa kungabanjwa muntu.

13/09/2023

Sicela ukufuniswa umndeni ka Alfred Ndebele uthi umndeni ungowase Mpangeni, uveze nokuthi kukhona nabomndeni wakhe abahlala eNtuzuma kwa E kanye nase Tafuleni. Kucela onolwazi ngaye athintane nalenombolo 066 597 5148.

Siyabonga

ISAZISOUmndeni wakwa Mahlaba ucela ukufuniswa uMnu Sipho Mahlaba oduke ngomhlaka 18 August 2023. Akaphilile kahle ekhand...
13/09/2023

ISAZISO

Umndeni wakwa Mahlaba ucela ukufuniswa uMnu Sipho Mahlaba oduke ngomhlaka 18 August 2023. Akaphilile kahle ekhanda kodwa akalwi.

Kucelwa ombonayo ashayele kule number 073 498 9808

Siyabonga

Ulale ngokuthula Mntwana
09/09/2023

Ulale ngokuthula Mntwana

Mndeni wakithi kwaphinda futhi lokho omunye wabasakazi bethu uSnenhlanhla Black Indoni ungomunye wabatumulwe oqokwe kumn...
01/09/2023

Mndeni wakithi kwaphinda futhi lokho omunye wabasakazi bethu uSnenhlanhla Black Indoni ungomunye wabatumulwe oqokwe kumncintiswano ama Awards okuba UMSAKAZI OVELELE OSEMUSHA. UKUVOTA sms LYD 457 ku 33282 iSMS ibiza R1.50 kanti ama SMS amahala awasebenzi. Asiyibuyise ize Ntuzuma le Ndondo.

Emnyakeni emihlanu eyedlule kusungulwa lomsakazo akubanga yinto elula, sizamile ukuba sibe wusizo emphakathini wethu nga...
01/09/2023

Emnyakeni emihlanu eyedlule kusungulwa lomsakazo akubanga yinto elula, sizamile ukuba sibe wusizo emphakathini wethu ngamandla ebesinawo ngaphandle kosizo oluvela kubaxhasi okanye uHulumeni. Uthando lomphakathi wethu luhlezi luhamba phambili kukho konke, abathandi nabalaleli balomsakazo basikhombise okukhulu ukweseseka basinika nothando. Sizamile ukufaka isadla emiphakathini eminingi lapho abalaleli bethu becela khona usizo besikuqikelela ukuthi siyafinyelela.

Sidlule ezimeni eziningi kodwa asikho esikhulu esidlula esokwebelwa impahla, leyo ngozi isankenketha namanje emakhanda ethu. Kepha ngalokho asiphelanga amandla sisazoqhubeka njalo nokulekelela umphakathi wethu kanye nakwezinye izindawo esifinyelela kuzo. Lomsakazo owasungulwa ngaphansi kwesihlahla mhla zingu 1 ku September 2018 ngenhloso yokulekelela umphakathi namakhono entsha yasemalokishini namanje sisathembisa ukuthi lokho namanje akukashintshi.

Luningi ushintsho oluzayo kulomsakazo njengoba sesithuthela kwenye indawo, okunye sizonazisa uma sekuphethwe konke. Kubalwa izinhlelo ezintsha, indlela abalaleli bethu abazosithola ngayo emoyeni nokunye esizonazisa khona bese kusondele isikhathi.

Namuhla sigubha iminyaka emihlanu lomsakazo wasungulwa, ngalokho sicela ukudlulisa ukubonga kubalaleli kanye nabathandi balomsakazo ngokuseseka kuze kube yimanje. Siyabonga kakhulu ngegalelo enilidlalayo ukuqinisekisa ukuthi izifiso zalomsakazo zigcine zifezeka.

Siyabonga kakhulu ngothando. Happy 5th year anniversary to us.

'isizwe

2nd annual INK AWARDS uwalethelwe yi INK Art Foundation. Azobe mhlaka 2 ku September  2023 eUrban Lounge Durban Central ...
31/08/2023

2nd annual INK AWARDS uwalethelwe yi INK Art Foundation. Azobe mhlaka 2 ku September 2023 eUrban Lounge Durban Central kusukela ngo 12 emini.

Umcimbi we Women's Day celebration ehlelwe yin Gugu Dlamini Foundation ozoba mhlaka 30 kuyo lenyanga ozobe ubanjelwe eNt...
28/08/2023

Umcimbi we Women's Day celebration ehlelwe yin Gugu Dlamini Foundation ozoba mhlaka 30 kuyo lenyanga ozobe ubanjelwe eNtuzuma B hall isikhathi ngu 11 ekuseni. Kumenywa umphakathi ukuba uhlanganyele nathi ukugubha imbokodo yase Ningizimu Africa.

13/08/2023

ISAZISO

UBonisiwe Nqoko ucela Nwabisa Happiness Daceka olahlekelwe isikhwama sakhe (purse) esinamakhadi asebhange kanye nomazisi (ID) obekade egibele itekisi esuka eNtuzuma ilibangise eBridge City. Ucela amuthinte kulenombolo 072 720 8915.

Siyabonga.

Happy Women's Day KwiMbokodo YaseNingizimu Afrika.
09/08/2023

Happy Women's Day KwiMbokodo YaseNingizimu Afrika.

TOUCHING STORIES Inhliziyo yami ibuhlungu angifuni ukungasho akungeni nokudla, can't even sleep 💔Ngikhumbula sisaDayisa ...
06/08/2023

TOUCHING STORIES

Inhliziyo yami ibuhlungu angifuni ukungasho akungeni nokudla, can't even sleep 💔Ngikhumbula sisaDayisa amaqanda sayeka ngenxa yokubolelwa ama box aw6 each box had 360 eggs... sisaDayisa inhloko Emakhehleni uMakhelwane owahlehlisa uthango ngoba evukwe umona we tried holding on but ended up giving up on inhloko.

Manje sekuylokhu Kwaka Mnyandu ukuthi kumele siphume Kusasa 💔😩lapho we recently purchased a 2 deck oven, Sithi siyazihlela for uDecember, investing in our business. Ngibuhlungu kakhulu because of inconveniencing our clients and especially our employees ngoba we can't find a commercial place in such short notice 💔our suppliers don't deliver in residential addresses, God knows how long it took us to find reliable suppliers... Ngiyanicelaaa kuthiwa ingane engakhali ifela ebhelekweni njengamanje ngiyakhala ngicela usizo😭.

Story Shared by
Nompumelelo Zondo

076 775 3387

IZIGEBENGU ZISHAYE ZACHITHA NAMALI KUBANJWA IMOTO ETHWALA IMALI.Izinswelaboya zishaye zachitha nezindodla zemali ngesikh...
26/07/2023

IZIGEBENGU ZISHAYE ZACHITHA NAMALI KUBANJWA IMOTO ETHWALA IMALI.

Izinswelaboya zishaye zachitha nezindodla zemali ngesikhathi kubanjwa imoto yemali enxanxatheleni yezitolo iBridge City Mall KwaMashu namuhla ntambama ngezikhathi zabo 6.

Kubikwa ukuthi izigebengu zisebenzise amabhomu ukuqhumisa imoto yemali badubula nangezibhamu ezinkulu. Umshayeli kanye nonogada abalimalanga.

Happy Father's Day kobaba base Ningizimu Africa.
18/06/2023

Happy Father's Day kobaba base Ningizimu Africa.

Address

33 Iwayini Grove, Ntuzuma H
Durban
4399

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ntuzuma FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Videos

Share

Category

Our Story

Online radio station from Durban Ntuzuma Township in South Africa. We are focusing in local content where we aiming to develop our community and also to assist the government through our radio programming.

We are working close with local Non Profit Organisations such as Amathalente Art and Culture Center, Gugu Dlamini Foundation, Impumelelo Drop In Center, Lindelani Youth Forum, Student Connection, Ntuzuma SAPS Youth Desk, KwaZulu Natal Provincial CPF Youth Desk and we also working with Masiphephe Network Group.

Left photo :We ware working with Ntuzuma SAPS Youth Desk and SAPS on a campaign called Jabula uzibheke where we were going around Ntuzuma and Kwamashu communities during 2019 December holidays. Educating and alerting the community about the use of drug that can lead to GBV which is Gender Besed Violence.

Right Photo: We were on Masiphephe Network launch dialogue which was taking place at Ntuzuma B hall. The dialogue was about Sixteen Days of Activism for No Violence Against Women and Children. This dialogue was for KwaZulu Natal Province, eThekwini North-Central & West.


Other Radio Stations in Durban

Show All