Ukhozi FM

Ukhozi FM AFRICA's biggest and most LOVED radio Brand, boasting over 7.6 million listeners.
(1279)

Jabul'ujule neSkhukhukazi esimatshweletshwele uLadyD Wabantu  kusukela ngo-09h00-12h00
03/09/2024

Jabul'ujule neSkhukhukazi esimatshweletshwele uLadyD Wabantu kusukela ngo-09h00-12h00

Ubani omufisela   namhlanje?🥳🥳🥳Sithumele iVN-071 613 666 7
03/09/2024

Ubani omufisela namhlanje?
🥳🥳🥳

Sithumele iVN-071 613 666 7

Ezweni Sakhile ngo-07:15U-Sabelo Madondo ohlala eMzingwenya eSikhawini usephila ngokukhubazeka emva kokuphunyuka ngakubi...
03/09/2024

Ezweni Sakhile ngo-07:15

U-Sabelo Madondo ohlala eMzingwenya eSikhawini usephila ngokukhubazeka emva kokuphunyuka ngakubiza ngenyoka kade ebhukuda esizibeni sangakubo nabangani bakhe. U-Sabelo uneminyaka engu 25 kanti lesehlo senzeka ngonyaka ka 2019. Sikhuluma no Sabelo, nomama wakhe kanye nenyanga.

  - (Whatsapp - 071 613 666 7)Namhlanje sisakazela eDidima Camp, indawo enhle kakhulu esezintabeni zoKhahlamba. Izintaba...
03/09/2024

- (Whatsapp - 071 613 666 7)

Namhlanje sisakazela eDidima Camp, indawo enhle kakhulu esezintabeni zoKhahlamba. Izintaba zoKhahlamba zaziwa njengenye yezindawo ezazihlala isizwe esibizwa ngama KhoiSan. Dado awusitshele okwaziyo ngama KhoiSan?

Vuka Nathi!!!Uhleli no DJ Sgqemeza, MROZA Wangempela, Mhlonishwa Sibisi kanye no Ayanda Msweli kusukela ngo 06:00-09:00 ...
03/09/2024

Vuka Nathi!!!

Uhleli no DJ Sgqemeza, MROZA Wangempela, Mhlonishwa Sibisi kanye no Ayanda Msweli kusukela ngo 06:00-09:00

The person we become is a result of the choices we make every day. Choose wisely!!Sengathi leliviki lingabalihle, makuth...
03/09/2024

The person we become is a result of the choices we make every day. Choose wisely!!

Sengathi leliviki lingabalihle, makuthi zonke izinqumo nezifiso zakho ziphumelele. Nquma kahle. Khetha kahle!!

Ikhaya LoKhozi noNkosinathi Mshengu kusukela ngo-00:00-03:00www.ukhozifm.co.za
02/09/2024

Ikhaya LoKhozi noNkosinathi Mshengu kusukela ngo-00:00-03:00
www.ukhozifm.co.za

02/09/2024

- Qinisekisa ukuthi uvula umsakazo wakho manje ukuze uzwe esikuphathele zona egunjini la Anonymous namhlanje ube yingxenye yengxoxo ngokuthumela iVN-071 613 66 67.

02/09/2024

Open Letter ebhekiswe emndenini....

"Dear Msakazi....

Ngifisa ukukhuluma ngeMndeni esizalwa kuyo, akekho umuntu onenzondo ukudlula lo ozalwa naye. Umuntu wakini uyakuzonda uma uneqiniso emndenini wonke, bakhohlwe ukuthi impilo iseqinisweni, hhayi emangeni.

Ngesinye isikhathi, abazali bethu yibona ababayimbangela yenzondo emndenini, laba abaphila ngconywana emndenini bathandwa benza izinto ezingalungile bese kuthi laba izinto zabo ezingahambi kahle bashaywa indiva kanye neqiniso labo abalikhombisa emndenini, ngokuthi abanalutho izinto zabo abazishoyo nabazenzayo zithathwa izeleze, bese kuthi laba abaphila ngconywana bathandwe nezinto zabo ezingalungile nabazenzayo, bathandwa noma sebeyokhalakathela eweni. Umuntu angakhuzwa ngoba kusatshwa ukuthi bazoyeka ukusipha abasipha khona. Umndeni ke lowo.

Umndeni kufanele engabe ilapho ophephela khona, uthole usizo khona kodwa sekuthiwa uma izinto zakho zingakuhambeli kahle uboqala ubheke khona la endlini ngaphambi kokuthi uphume.

Obhalile "- uShombela oneqiniso (eMsinga kaDolo)

Uma ufisa ukuphawula ngale-Open letter yanamhlanje, thumela iVN-071 613 66 67.

Uma ufisa sifunde eyakho i open letter, ungayithumela ku [email protected]

Amathuba Omsebenzi   UGraham Sabela ongumsunguli we GFORCE Employment Solutions usitshela ngamathuba omsebenzi akhona nj...
02/09/2024

Amathuba Omsebenzi

UGraham Sabela ongumsunguli we GFORCE Employment Solutions usitshela ngamathuba omsebenzi akhona njengamanje uma unazo izimfanelo ezidingakalayo

Uma kukhona ongakuzwanga kahle ungazitholela le podcast ku www.ukhozifm.co.za kuma podcast ngaphansi kohlelo Ubusuku Obuhle.

Ubusuku Obuhle noZama Mseleku ohleli esihlalweni sikaSiya Mhlongo kusukela ngo-20:00-00:00 www.ukhozifm.co.za
02/09/2024

Ubusuku Obuhle noZama Mseleku ohleli esihlalweni sikaSiya Mhlongo kusukela ngo-20:00-00:00
www.ukhozifm.co.za

Nami Iyangishunqela Intuthu! Namhlanje sibheka udaba lomlaleli osibhalele othi waxoshwa endaweni yokusebenza ayesebenza ...
02/09/2024

Nami Iyangishunqela Intuthu!

Namhlanje sibheka udaba lomlaleli osibhalele othi waxoshwa endaweni yokusebenza ayesebenza kuyo ngokungekho emthethweni. Uthi wayilandela yonke imigomo emva kokuthi etholwe oDokotela abane abahlukene ukuthi une- PTSD, Major Depression kanye ne-Anxiety. Uthi wathatha i-sick leave esadla i-chronic medication yakhe kodwa wathola ukuthi usexoshiwe esakwi-sick leave yakhe nokuyinto athi ayikho emthethweni ngokwakwa-Labour Ralations Act, uyasilandisa.

Email:

“Ngibingelele Tshatha kanye no Selby nabalaleli bomsakazo Ukhozi FM, ngonyaka wokubungaza u30 years wenkululeko. Nginenkinga lapha ngicela usizo Iwenu oKhozini olumaphikophiko. Amalungelo ami okuphila ahlukumezekile kanye nenkululeko ebungazwayo angiyazi, futhi angisiboni isizathu ngaxoshwa emsebenzini, ngixoshwa nje ngiyagula kakhulu.

Nga diagnozwa ngo Dokotela abane(4) phakathi kwabo kukhona neSpecialist Psychiatrist nge PTSD ne Major Depression and Anxiety.

Basakazi ngicela usizo lapha ngoba ngaxoshwa emaphoyiseni(SAPS) kungalandelwanga imithetho yakwa Labour Relations Act(Unfairly and Unprocedurally Dismissed). ODokotela banginika isikhathi sokuthi ngihlale ekhaya ngidle imishwanguzo yalokugula(Chronic Medications)ngoba isimo sasingesihle neze.

Ngenza konke okwakufanele ngikwenze according to i-Labour Relations Act, kodwa phezu kwakho konke lokho ngathuka sengixoshwa emsebenzini.

Basakazii abathandekayo, ngokwe PILIR(Policy on ILL-health Retirement)ne National Instruction 2/2004 mayifundwa kanye ne Labour Relations Act ne Basic Conditions of Employment Act, kwakufanele i SAPS ingise kwi Health Risk Manager for assessment, kodwa abakwenzanga lokho, azange bangise ngisho naku Dokotela wombuso (state Doctor)njengoba kufanele kwenziwe ngokusho komqulu we PILIR. Bavele bangixosha without trial and absentia (ngingekho).

Angikwazi nokuthola omunye umsebenzi ngoba ngaxoshwa emsebenzini (DISHONORABLE DISCHARGED). Izingane zami nalabo engibanakelelayo siyahlupheka kanti nekusasa lethu kumnyama njengoba ngingasebenzi kuyimina i-bread winner nasemndenini wonke. Angisakhoni ukubondla nokubafundisa kangangoba kuyabagulisa ngokwenqondo (mentality affected) ngalokhu okwenzekayo ezimpilweni zethu, enye yezingane zami nayo ibithatha i Chronic Medications ye Asthma kanti nomagcina unezimpawu zokuba ne Autism, angikwazi ukumusa ko Dokotela for diagnosis ngenxa yokungasebenzi.

Okubuhlungu kakhulu basakazi ngaxoshwa ngenxa yobandlululo ngokwebala, maqede kwathuleka nje kanjalo.

Ubufakazi balokho nginabo black and white. Emaphoyiseni ubandlululo luphezulu ngendlela emangalisayo futhi exakile, abelungu kubusa bona yize ezitulweni eziphezulu kuhlezi abantu abansundu(basibambe ngobhongwane).

U******** uyalwazi udaba Iwami ngake ngambikela ukuthi kunobandlululo ne corruption, victimization ne unfair Labour practices lapha emaphoyiseni, yingakho ngicela usizo lomsakazo Ukhozi FM ukuba lucele uNgqongqoshe angenelele ngoba anginayo imali yabameli.

Basakazi ngicela Ukhozi olumaphikophiko lundize lulethe ubulungiswa kulenkinga ewubhubhane lobandlululo, baningi abanalenkinga basaba ukuvictimizwa yingakho bethulile abanye bagcina bezibulele kwesinye isikhathi babulale nabantu abasondelene nabo(commit suicide)nginobufakazi obuningi engingabuveza mayelana nalobandlululo ne unfair Labour practices and Defeating ends of Justice, okwenziwa abamhlophe bangenziwa lutho bona.

Ngagcina ngingasakwazi ukuqhubeka ne Chronic medication yami nendodakazi yami, amalungelo ethu okuphila nokufunda ahlukumezeke kakhulu, asiyijabuleli lenkululeko abanye abayijabulelayo.

Ngicela ukungazisho igama lami ngisabela izingane zami zingahlukumezeka esikoleni kanye nokuvikela is'thunzi sami." -Ongathandanga ukudalulwa

Asisabalale Ngolwazi no-Nco Dube
02/09/2024

Asisabalale Ngolwazi no-Nco Dube

Lalela uhlelo   Woza Nabangani Bakho lukaTshata noSelby phakathi kuka-15:00 – 18:00. Ungakhohlwa ukusithumelela umyalezo...
02/09/2024

Lalela uhlelo Woza Nabangani Bakho lukaTshata noSelby phakathi kuka-15:00 – 18:00. Ungakhohlwa ukusithumelela umyalezo oqoshiwe wodaba lwakho ukuze uzibeke ethubeni lokuziwinela u-R5000!

Bambelela Siyajika!           Wena uthi   kumuphi umshayeli namhlanje? Kungaba umshayeli wetekisi, webhasi, webhanoyi, w...
02/09/2024

Bambelela Siyajika!

Wena uthi kumuphi umshayeli namhlanje? Kungaba umshayeli wetekisi, webhasi, webhanoyi, westimela njll.

Sibhalele khona la noma usithumele iVN-079 754 6975.

Luhamba kanjani usuku lwakho?
02/09/2024

Luhamba kanjani usuku lwakho?

Woza Nabangani BakhoMC Tshatha Isbatshazwa SakwaNongoma, Mkhaba, Nco Dube kanye no Ayanda Msweli ku  , 15:00-18:00
02/09/2024

Woza Nabangani Bakho

MC Tshatha Isbatshazwa SakwaNongoma, Mkhaba, Nco Dube kanye no Ayanda Msweli ku , 15:00-18:00

02/09/2024

Injobo Ithungelwa Ebandla

Namhlanje sifisa ukukhuluma namadoda ahluleka (ukuphatha) imali. Kukhona umuntu osebenzayo kahle nje, uyahola njalo ngenyanga, kodwa ngendla yokungabi nje nesandla sokuphatha imali, uhlezi engenamali. Ngabe yini imbangele yalokhu?

[Izibongo ZoKhozi FM]  Qopha i-video yakho engu-30 secs ubongela umsakazo wakho ohamba phambili ufake ku-Facebook, Twitt...
02/09/2024

[Izibongo ZoKhozi FM]

Qopha i-video yakho engu-30 secs ubongela umsakazo wakho ohamba phambili ufake ku-Facebook, Twitter naku-Tik Tok bese uthi .

Ngokwenza njalo uzibeka ethubeni lokuhlomula ingxenye ka-R25 000

Umncintiswano uvalwa ngomhlaka 20 kuMandulo 2024.

Kunemigomo nemibandela

Ukhozi FM Luhamba Phambili!

Kubamba'Ezingelayo noMam'uMbongwaNamhlanje uMam’uMbongwa uphendula imibuzo yabantu abasha maqondana nama post e-Teaching...
02/09/2024

Kubamba'Ezingelayo noMam'uMbongwa

Namhlanje uMam’uMbongwa uphendula imibuzo yabantu abasha maqondana nama post e-Teaching eKZN.

UMam'uMbongwa uzophinde asiphe amathuba akhona

02/09/2024

SITHESHA NABAPHATHI

Namhlanje sizokhuluma nge “office etiquette” (indlela yokuziphatha eOffice). Ukubaluleka kokwazi indlela yokuziphatha eOffice uma ungumsebenzi. Sizokhuluma no Nomcebo Sithole ongumphathi kwenye yezinkampani ezinkulu eKapa Lodumo.

02/09/2024



Isihloko: Njengo msebenzi, ngokucabanga kwakho uma ungasebenza ngokuzimisela, usebenze kahle, wenze yonke into elindelikile kuwe ukuthi uyenze emsebenzini wakho, usemathubeni na okuthi ukhushulelwe phambili ngokomsebenzi?

 … Uhleli noZimiphi Biyela kusukela ngo 12:30-15:00
02/09/2024



Uhleli noZimiphi Biyela kusukela ngo 12:30-15:00

☕TEA TIME no LadyD Wabantu ☕ “Ngiyabingelela Mam’Lady D nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ngithe nami ake ngibhale ngodab...
02/09/2024

☕TEA TIME no LadyD Wabantu ☕

“Ngiyabingelela Mam’Lady D nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ngithe nami ake ngibhale ngodaba lami olungixakile lapha.

Ngingowesifazane osemncane, umlisa lona wahlawula wambesa ekhaya. Lona wesilisa wangicela ingane, ngakhulelwa nginemniyaka engu20, lona wesilisa wangithembisa ukuthi ngizomgana ngino 21 weminyaka, nangempela wakwenza lokho, kodwa Mam’Khoza kuningi ukuhlukumezeka osekwenzekile. Ungihlukumezile ngamagama, engishaya kanti ubethi uma eseqedile ukungishaya, uma efuna ukulala nami, ulala nami nginjalo, uma nginqaba uthi sekukhona esengilala nabo.

Lona wesilisa ngimganile, konke bengikwenziswa uthando, angizange ngiphoqwe muntu, ngesikhathi ngikhulelwe nginezinyanga eziwu4 ngacela ukuthi angiphe imali yokuya kwadokotela, wanginikeza imali engango R600 kanti wayeqala egcina ukunginikeza imali ngikhulelwe. Lona wesilisa waze wazobuya enyangeni ka-9, kwafika isikhathi sokuthi ngiyoteta akazange azihluphe ngalutho, kuthe sekwenzekile wafuna izithombe zengane, ngamthumelela. Emuva kwalokho wangitshela ukuthi anginyuke ngiye kuyena eGoli, ngathi ngifika wafuna ukulala nami ngenkani ngifika.

Lendoda ayifuni ukuthi ngifunde, ayifuni ngisebenze, wathi akanaye umfazi ozosebenza, angihlale phansi nginake umuzi. Umlisa lona wathi uyangisola ukuthi ingane lena akuyona eyakhe ngoba ubona ngathi ngiyajola mina emakhaya, wangishaya , ngambophisa, umndeni wakhe wathi angikwazi ukubophisa indoda yami, angimkhiphe ejele ukuze izoxoxwa umndeni lento. Impela ngakwenza lokho kodwa akuzange kukhulunywe emuva kwalokho.

Ngicela ningisize ukuze akwazi ukuthola ubufakazi bokuthi ingane eyakhe ngempela ngifisa ngathi ngingathola i-DNA ngiphinde futhi aphoqwe ukuthi asondle sobabili mina nengane uma kungenzeka, ngididekile angazi ngenze njani Mam’Khoza.” –Ongathandanga ukudalulwa

Singena kwinyanga yamagugu namasiko phecelezi i-heritage month, sithe ake sibheke izindaba ezithinta ubugebengu ezindawe...
02/09/2024

Singena kwinyanga yamagugu namasiko phecelezi i-heritage month, sithe ake sibheke izindaba ezithinta ubugebengu ezindaweni lapho kubusa khona amakhosi nezinduna. Namhlanje sibheka udaba lezithangami zasemakhaya nokusebenzisana namaphoyisa ukulwisana nobugebengu njengokuntshontshwa kwemfuyo nokugqekezelwa kwabantu ezindaweni zasemakhaya

Sizokhuluma neNkosi uPhathisizwe Chiliza oyiphini likaSihlalo weNdlu yeSifundazwe saKwaZulu Natali yabaholi boMdabu ngaloludaba. Ukhona noBrigadier Nduduzo Bhebgu oqhamuka kwa-SAPS

Mellow Yellow!☀Ibinjani impelasonto yakho?  Uhleli neSkhukhukazi esimatshweletshwele uLadyD Wabantu   kusukela ngo-09h00...
02/09/2024

Mellow Yellow!☀

Ibinjani impelasonto yakho?

Uhleli neSkhukhukazi esimatshweletshwele uLadyD Wabantu kusukela ngo-09h00-12h00

Siyayazi Ingoma Ngakithi!🎶 Home Sweet Home - Big Zulu🎶 Maphupho - Zee Nxumalo
02/09/2024

Siyayazi Ingoma Ngakithi!

🎶 Home Sweet Home - Big Zulu
🎶 Maphupho - Zee Nxumalo

Address

100 KE Masinga Road
Durban
4000

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ukhozi FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ukhozi FM:

Videos

Share

Category


Other Radio Stations in Durban

Show All