15/10/2022
Sat, 15 Oct 2022 12:18:58 GMT
Charles Khuzwayo
October 15, 2022
LIHLEHLISELWE inyanga ezayo icala lomfundisi osolwa ngokunukubeza izingane eziwu-13 zaseLuvisi, eNquthu. Inceku yeNkosi (56) beyivele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu ngezinsolo zokudlwengula izingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-14. Umsolwa kuthiwa ubeheha izingane ngokuthi azizobuka opopayi maqede azibukise ama-video ocansi ngaphambi kokuzitika ngazo ngocansi. Ngokusho komthombo, ezabafana zilishumi nanye kanti ezamantombazane zimbili.
Omunye wabazali, Isolezwe elingeke limdalule igama ukuvikela abagilwa, wadalula ukuthi akukhona okokuqala umsolwa eboshelwa icala elifuze leli njengoba ake akhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-2016.
Uthi nangaleso sikhathi yize kwakungene icala lezingane ezimbili enkantolo kodwa ziningi ezinye endaweni okuthiwa wayezinukubezile.
“Lelo cala lahoxiswa ngo-2018, kwathiwa ubufakazi kabenele ngoba lobo izingane ezazibubhale phansi ngenkathi kuthathwa izitatimende ngo-2016 nalobo ezase zibusho enkantolo, base bungasafani ncamashi,” kusho umzali.
Amacala aseboshelwe wona njengamanje kuthiwa ngawenze phakathi kuka-2021 noSepthemba 18, 2022.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, wathi umsolwa ubhekene namacala ayisihlanu okudlwengula namathathu okunukubeza ngokocansi.
Share this article:
ShareTweetShareShareEmail