Ezididiyelwe Ngolimu Lwesizulu Stories

Ezididiyelwe Ngolimu Lwesizulu Stories This page is about stories,i would be happy to get support

Happy birthday to you 🎂🎉🥳
02/09/2024

Happy birthday to you 🎂🎉🥳

28/08/2024

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Ntombikayise Basi, Asanda Snenhlanhla

21/08/2024

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Thelile Ndaba, Nomfundo Clover

Like our page Impande Media Enterprise 🙏
17/08/2024

Like our page Impande Media Enterprise 🙏

15/08/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESHUMI-10

Ushiwa igazi uKhethiwe njengoba kuyimpelasonto umgqibelo,izikhathi zisondelela enhlukaniseni sikhathi uthwalofu umatasa ekhishini uyapheka kanti umama wakhe uzibukela umabonakude.ayibeke indaba umama avele ethi izinto zabantu nabathakathi abangafuni ukumubona ejabula,avele azithulele engaphikisani naye.

Kubekhona onqonqozayo emnyango bamuyalele ukuthi akangene nebala angene,angabingeleli kuqhume inganono adindilize phansi uMaNdlovu athi uyaphuthuma uKhethiwe usesindwe zinyawo ubalekile umlisa.asikhihle esikanandi nomakhelwane bazwile kodwa ngenke ubabone besondela indaba isashisa beza ngoba sekuthulekile.

Ngokuphazima kweso kufike abosizo oluphuthumayo behamba nabakwasidlodlo nabacwaningi,basondele nomakhelwane bezokhalisa.bamuxine ngemibuzo uKhethiwe aze athi tshiyo tshiyo usevuthiwe bamuthathe bamubuyisele kubo,kufike umngani wakhe.
"Khethiwe ngizwelana nawe futhi ngibuhlungu ngokukuvelele,ngibona kungcono ukuthi uyofihla ikhanda ekhaya umama ngenke abenankinga ngoba ube sindelene kakhulu nomama wakho."
"Kulungile mngani umbono omuhle loyo nami angiboni ngizokwazi ukulala uma isimo sisanjena,owenze lento alibambe lingashoni no Ntozonke akekho angimazi nokuthi uphume wabheka ngaphi."

Afike esephoseka ekhaya uThobani,ujuluke umanzi te futhi uyatatazela athi qalaqala akaboni lutho futhi akekho amlandelayo.abone ukuthi usenele angene egunjini lakhe aziphonse embhedeni,kusenjalo kungene abazali bebabaza ngomshophi ovelele abakwaNdlovu.

Avele agumule izimpahla abezifakile ngokukhulu ukushesha lokho kube ngathi akukho olonakele,aphume egunjini lakhe abingelele abazali aphume.uphuma nje akazi nokuthi ulibangisekuphi nezwe kodwa inhloso ukuzama ukukhohlwa ubudedengu abenze kwaKhethiwe edubula umama kaKhethiwe ezitshela ukuthi uKhethiwe ngoba ezwe iphimbo lakhe ngenkathi bemuyalela ukuthi akangene,yena akangabuza mkhuhlane wavulela ngenhlavu maqede kwagcwala uthuli lapho umngani wakhe umufuna uthuli.

13/08/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESISHIYAGALOLUNYE-9

Kusemini bebade izithandani zihlangene erenki yakwaBoxer,bahlangana nje uKhethiwe akazi kuhlangenwe ngani njengoba uQhamuka ebevutha engabaselwe ngenkathi bexoxa ocingweni,uvele wadilika ngaphandle kwesizathu esiphusile.badibane babingelela kuthi ukuthuleka nje belalele umoya njengoba ushaya kancane njengo Moses ebona ikhenana,athathe kanjena uQhamuka.
"Ngempela ekabani ingane?" Amubheke emehlweni abuyise izinhlozi
"Engani ngasho ngathi ingane kasisi wami uZintozonke,sekusukaphi ukuthi uphinde ungibuze?"
"Akunankinga" Asuke ahambe eyongena emotweni yakhe isuke ikhale amaphepha asale achofe ifoni.

Lapha efonini uzama ukufonela uThobani ngenhloso yokumubuza ukuthi utheni kuQhamuka futhi uyithole kanjani inombolo yakhe,abone enganakwa nocingo alubanjwa asuke ahambe,endleleni umnqondo awukho ugcwele amathafa uyazula zula usekhumbula namazwi kaTholokwakhe umngani 'Uzimbela ithuna' abuye awuphebeze lowomcabango,afike ekhaya azijikijele phezu kombhede ziye ubuthongo.

UThobani useMandeni Mall emabhetshini aseKFC uhlezi nomngani wakhe uGobongo bayazixoxela njengamihla yonke,kuze kufike endabeni kaKhethiwe kepha uThobani azihlangule ngokuba netulo lokubulala owayeyintombi yakhe.ligcine liphumile inqina embizeni ngenda yezulu lezandla aqale amamatheke uThobani abhekise ikhanda lakhe entshonalanga athi ukuthula.
"Uyindoda emadodeni,indoda yenza njalo manje ngizoyithola nini leshandisi?"
"Ngizozwa ngawe"

Akulahlwa ngambeleko kakufelwa,makumele zilime ziyetsheni makunjalo.isimo esibhekene nezithandani nomama kaKhethiwe uMaNdlovu usevele ngekhanda ezindabeni zezingane,ngenye imini umakhelwane uMaNgema wake wamuvula amehlo kepha akangalalela waphikisana naye.

Uma sekungene umzali akulula ukwenza intando yakho akulula ukuzithathela izinqumo ozithandayo nozifisayo,asazi iyozala nkomoni uma sekunjena ngoba uyawubasa ngempela umlilo uThobani akadlali futhi umlilo ongenathemba lokuthi engase awuwothe.

30/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESISHIYAGALOMBILI-8

UQhamuka uzipholele akanankinga kwazise usezinsukwini zokuphumula,udane ethi jeqe kumakhalekhukhwini wakhe ubuka isthombe sika Khethiwe aphazanyiswe ukungena komqhafazo wenombolo angayazi,limushaye lumeqe uvalo uma ethola umlayezo othi 'Uma ungahlukani nomama wengane yami kukhona okuzokwethusa futhi uyolibuka uligcine uma uqinisa ikhanda.' Engabe ubani lo othumela lomlayezo futhi uqondeni ngempela,lidume manje ikhanda phela wazi ukuthi uKhethiwe akanangane nakhu-ke esatshiswa indoda angayazi nokuyazi,athathe isihluthulelo semoto ziye.

Lapha kwaNdlovu ingane kaKhethiwe igadwa umama wakhe naye uKhethiwe,udadewabo uyigada methandile futhi uma kukhona azokuthola noma azokuzuza.kuthulekile namhlanje ubona ngezenzo ukuthi inqondo yomunye wabo igcwele amathafa ngapha uyejabula umama udane ethi ngasho ngathi ngiyombatha amatshali ngawe ntombi yami,phela wena awufani nalemphuphe yalapha elokishini eyazi ukuvulela ama Polo imilenze ngenhloso yemali ayi ngenhloso yokugana,wazala MaGatsheni.uKhethiwe udliwa ukuthi vele uThobani useyitholile indaba yamalobolo njengoba nomama wakhe evele waphenduka imoto kamasipala uma imemezela imihlangano yomphakathi,kazi iyozala nkomoni ngiyafisa ukwazi mtakababa eminye yemicabango ecabangwa uGobongo njengoba ehlale emuxhwayisa umngani wakhe ngokuthi akahlukane nenjabulo kaKhethiwe akamukhulule kepha uqinisa ikhanda.

Kusegalaji laseSondoni eduze nesiteshi samaphoyisa eSundumbili Police Station uQhamuka Kwesabe Amadoda uzofaka uphethiloli,uma ethi qalaqala amehlo akhe ahlangane naka Thobani azame ukuzikhumbuza ukuthi wake wayibonaphi lensizwa kepha kwale,kodwa indlela abukwa ngayo isho ukumazi.akhokhe angene emotweni ayisuse ayipake eKhwezi eduze ne Pola Park kusenjalo esafuna ukulandela lensizwa vembu uKhethiwe lisho kakhulu uvalo.
"Sthandwa sami?"
"Yebo kwenzenjani wakhombisa ukuthuka?"
"Akonakele lutho ukuthi ngiyacabanga nje." Aqalaze akasayiboni lensizwa.

29/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESIKHIMBISA-7

Libafazi bedube inyama lapha ngaphandle uMaNdlovu uvakashele umakhelwane uMaNgema ngenhloso yokunqubuzana ngemibono njengoba kuzoza izinkomo,izihlathi zivakashele izindlebe kubona bobabili kwazise bayaziqhenya ngamadodakazi wabo kanti futhi baziwa ngezindaba lapha elokishini.uMaNgema athi ukuhleba ngokwenzeka komunye umakhelwane aqhelelene esho ethi uvelelwe umshophi indodana yakhe yashaya yayivala impahla yasendlini kwasinda upende ngoba usodongeni,bahleke kuvele elokugqibela kwasho amaxhosa,base behlala odabeni abahlangene ngalo.

"Ngiyakuzwa-ke ntombi kodwa icebo lami lithi hamba uyobona abamanga uqinise indodakazi yakho kwizimfamona."
"Ngizobacoshaphi"
"Khululeka"

Luhambe usuku uGobongo alithole izulu lezandla kepha angayithi vu kuThobani efuna ukuba nesiqiniseko ngemfihlo anayo angafuni ukumtshela yona,uThobani uphansi phezulu ngokwenza ucwaningo ngo Qhamuka nokufuna inombolo yocingo.uTholokwakhe unencindezi ngalempicabadala ebhekene nomngani wakhe,ayi ngoba emubalekela kepha uzizwa eqhemeke engeqiwa ntwala kanti futhi unamahloni okumbheka uKhethiwe ungafuna ukuthi nguyena ophakathi kwetshe nembokodo,kepha namhlanje uthathe isinqumo sokuyomuvakashela abhodle ngosizi analo kulenkinga kamngani wakhe.

Anqonqoze bamuyalele ukuthi akangene,abuze ukuthi ukhona yini uKhethiwe ayithole impendulo aye egunjini likamngani wakhe,akulula uMaNdlovu ukuthi axoshe uTholokwakhe ngoba ingane yomlingani wakhe abangamathe nolimu naye kuyamuphoqa ukuthi amuthande ngisho ngabe akamuthandi.
"Mngani ngicela uyiqonde lento engikutshela yona,angikulahlile kunjengoba ngikuchazela."
"Kodwa mngani wami ngiyabonga ngokuzwelana nami ngiphinde ngixolise indlela engikuthathe ngayo,ngiyabona akuyona lento engiyicabangayo." Bamoyizele bahagane bajabule.

Ubungani into enjena-ke ebuhleni nasebubini nihlale nindawonye njalo,yebo amaphutha ayenzeka kepha siyadinga ukuxolelwa nxa sonile noma singenzaka kahle.

25/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESITHUPHA-6

Kumatasa lapha kwaNdlovu kulungela ukuza komkhwenyana wabo wakusasa,umama ukhushuza elhushuzile lapho undodakazi akakugqizi qala okwenziwayo lapha ekhaya.uQhamuka uvele wafonela umama wentombi emazisa ukuthi uyeza uza nezindaba ezimnandi ezuwuju,ngokwakhe uKhethiwe ubezomufihlela umama wakhe aze azitholele yena iqiniso.
"Khethiwe wazimunyunga nje,wabandikindiki ngathi ujeli wangokhisimuzi.usuku oluhle namhlanje oluqhakazile kuza umkhwenyana ayi labafana abatebhisa amablukwe bewabeke lapha ezinqeni nama trunk ancolile." Uyaqoba njengoba ethetha,lapho othethiswayo uyazibukela nje.

Afike uQhamuka kubekuhle kube njeyana,kuxoxwe nangosuku lokuza kwabakhongi kwaNdlovu.uThabani uvutha engabaselwe njengoba esanda kuzwa ukuthi engase alotsholwe umama wengane yakhe,usefisa ngabe inganono iyazamula kufe ofayo.

Inkulu indaba kuThobani ngalo Khethiwe angamufiseli inqubekela phambili,iqhinga asenalo ukuthi inombolo yocingo lukaQhamuka ukuze amethuse angaqhubeki nezinhlelo.naye uKhethiwe akazi enzenjani ngoba uyamuthanda uQhamuka inkinga ubaba wengane ongafuni ukwamukela,nanokusabiswa ngamagama aziswana anokufa phakathi.

Impilo ithanda ukubanzima kepha inkosi eyaziyo,lapha elokishini lase Thokoza abantu bahlale bekhuluma futhi izindaba zihamba nomoya.abantu bengabulalana ngenxa yabasiki bebunda osibhinca makhasane,bheka nje indaba kaKhethiwe isichwele imandeni yonke ukuthi engase alotsholwe noma inini nangu nomama wakhe akazibekile phansi ufafaza kulolonke ilokishi epikela omakhelwane eqhosha ngengane yakhe eyahlekwa izwe libhekile uThabani ephika ingane umphathi uzwa wajika lapho wahamba ekamabuyaze njengomuntu oduka nezwe.

Uma izinto zingahambi kahle uyaye ujikelwe nangabangani ikakhulukazi obathembile,lokho kufakazelwa isisho esithi 'Ihlatshwa ifulathele' nethemba alibulali konke uma ekwenza ngethemba kuyoba isifiso sakhe

18/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESIHLANU-5

Zimanukwenzeka kuQhamuka futhi uzizwa ngathi kukhona okushaya manzi njengoba uKhethiwe engayizwa kahle eyokuthi amenze ingoduso yakhe,kuselokhishini lakwa Cheapies esigcemeni sase14 ngase Buhle esikoleni uQhamuka uzilalele udla amathambo enqondo kwazise ngezikhathi zasemini kuza umalume wakhe uSpikili ongokudabuka Ematsheketsheni lapho inkaba yakhe uQhamuka yasala khona.

Ngapha umama kaKhethiwe usha amashushu ufuna ukwazi kuqhubekani ngaye no Qhamuka,lapho uvele ashalaze ngoba nangu ubaba wengane uzama ukokhela umlilo angawazi uzowubhula kanjani uma ususha ubuhanguhangu.lapha elokishini lase Thokoza izindaba zihamba nomoya yingakho uKhethiwe enetwetwe kanti nosisi wakhe unguvovoliyakhipha umlomo umanzi.

"Mshana uzimisele nini ukukhuluma into ezwakalayo ngoba ngikhathele ukulokhu ngihambela ubala." USpikili ehlala ehleleka esitulweni endlini kamshana wakhe.
"Ayi malume ngibona kukhona okushaya amanzi ngalentombi engizimisele ngayo."
"Yini ifihla induku emqubeni?"
"Ngicabanga kanjalo"
Angayinambisisi kahle lendaba uma eyetshisa umalume,abuke umshana wakhe anikine ikhanda athathe ethi.
"Wena Qhamuka kwesabe Amadoda angikwazi unjena mina,yini wayivaka nje wanovalo entanyeni."

Bexoxe banqume nosuku lokuyovela kwaNdlovu,ngapha uThobani uyaveva intukuthelo umama wengane uqhubeke nempilo esamuthanda.awekho amaqhinga angadlali ekhanda lakhe uyathatha uyabeka,uyakha uyabhidlisa nogwayi akasawuzwa ushonaphi.

UGobongo uzimisele ngokukhipha umngani wakhe otakwini kepha uvele ethi uzomusiza ngezulu lezandla kuphela okunye cha uyozibonela akafuni ukuthwala amacala akhe,useze wahlehlisa neculo lokuyobamba inkunzi kwaSqumbe njengoba kuhlwa ngomnyama kulezinsuku zasebusika.

Imizamo kaKhethiwe yokusenga ezimithiyo uyibona ishabalala njengamazolo ebona ilanga emehlweni akhe,nomngani wakhe usezizwa ngathi uyamulahla ngendlela inkulumo yakhe incika kwekamama wakhe.

15/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESINE-4

KukwaQhiph'khowe lapho okuhlala khona uGobongo umngani ka Thobani,uzihlalele akalangazelele lutho kwazise benza imisebenzi yokuthambama kwelanga.uGobongo umuzwa ngephunga lomthunzi wezinkukhu ukuthi ukhona ekhaya,ubona nangesicabha ukuthi kushaya umoya.ngenhlahla amufice umungani wakhe athi laphu laphu ngapha kugwayi wesilungu ngoba akawubhemi lowesizulu,umnqondo usezinkalweni ugcwele amathafa udabe ethi jephu kumngani wakhe.

"Gobongo ndoda ewumfowethu" Athi phafu ugwayi "Kukhona la engidinga khona usizo futhi ngiyakwethemba isifuba sami esakho,esakho esami."
"Khuluma ngilalele" Uyamoyizela nalento ayibhemayo isimungene egazini
"Ngidinga izulu lezandla ndoda,ngiyazi uzolithola ngokushesha uma sengidinga ukuthi lizamule" Adamane ephebeza intuthu ethe ukumuxaka
"Ngiyakuzwa kodwa awuthi ukunaba ukuze ngigqugquzeleke futhi ngithole elingabhayizi elingenamacala elimsulwa njengosana olusakhasela eziko" Kume nse ukubhema avule namawindi kushaye umoya uyabona ukuthi umngani wakhe uxinekile.

Amubeke esithombeni ngodaba anezinsolo ngalo ngo Khethiwe njengoba ezihlangula engafuni ukuthi babuyelane,udane enqekuzisa ikhanda uGobongo ekhombisa ukuzwa kahle indaba abamulandisa yona.zishaye izikhathi zenhlukanisa suku isikhathi sasemini,uThobani abuyele ekhaya igeji yethemba inyukile uyazi ukuthi umngani wakhe akashayi eceleni.

Izikhathi zasemini uKhethiwe uzihlalele nomngani wakhe uTholokwakhe kuvelanda umama uye esitolo ukuyocoshacosha okwasendlini,njengoba bexoxa nje inhliziyo kaKhethiwe ipakisha intukuthelo ngokungezwa kahle inkulumo kaTholokwakhe.
"Ngempela uqonde ukuthini kimi?"
"Ungangizwa kabi mngani wami,uQhamuka uzimisele ngawe ngakho-ke wena vula isifuba sakho umtshele ngengane ngoba kochitheka bugayiwe azihlali phansi zesaba amazolo,uzimbela igodi mtakamama."

Lehlaba lephukela uma ezwa lelo,waqala ukumesaba manje uQhamuka kodwa kuphinde kwedlule ngenxa yokubambelela emagameni kamama wakhe

14/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESITHATHU-3

"Kade ngixoxa nomalume sibangula iva lokuthi bazovela nini kini,i hope umama wakho uzojabula"
"Ngicela ungaqali umtshele umama"
"Hawu ngoba yini?"
"Uzokwazi if ungamtsheli"
"Ayi angisakuqondi manje,wasubhala ucisha sekunenkinga yini or awukakakulungeli ukuba nengane?" Amubheke emehlweni avele ashalaze uKhethiwe "Ngilindele impendulo"
"Akunjalo ukuthi ngisazama izindlela zokubuyela esikoleni" Lapho uvalo luyazenzela kugijima amahashi esifubeni.

Enze sakuzwa uQhamuka amane azibe,asuke ahambe.uThobani akazibekile phansi uzama ngawowonke amandla ukuphoqelela ukubuyelana nomama wengane,kepha okuxakayo akanaso isizathu sokubuyelana naye.ngokwakhe uzitshela ukuthi yingoba engasebenzi kanti cha kungenxa yamacala akhe okumele acele uxolo kuwo njengoba engazi nokuthi ingane ilala idleni,igqokani.

Usisi kaKhethiwe uyazama ukufunda incwadi ivaliwe lapha kudadwabo kepha akaphumi nenqina embizeni,akukho nanethemba lokuthi inhlwa engayibamba isavele ngekhanda.umane azibukele nje athi umuntu unwaya utwayi lwakhe,kepha ukungenami kukaKhethiwe kuphambanisa amalunga omzimba wakhe.

Sekumele azame ngawowonke amandla ukuphoqelela uQhamuka ukuthi angaqhubeki nezinhlelo zamalobolo njengoba engaphumelanga obala ngosuku lokufika kwencwadi Kanye nosuku lokufika kwabakhongi,phela umama wakhe angagiya aze aqephuze kwazise ukuthi uKhethiwe lo waqomiswa ngenkani kuQhamuka ngenhloso yokudla amandla akhe.

Ukusa kwaziwa uThabani ebheke kumngani wakhe uGobongo,bayizithupha ziya ogwayini abazi nokuthi liyaphuma noma liyashona ezimpilweni zabo.baphila ngakho ukuthatha ngozwane nokuqhekeza,ubulelesi phela ngenxa yamathuba omsebenzi kodwa ngenke sisolele wona ngenxa yobuvila bokuyofesa nokufaka incwadi yokuzichaza (CV).

Ufika nje uGobongo uqeda kuhlanza umzimba wakhe ngenhloso yokuwushayisa ngomoya ngoba basebenza seliyozilahla kunina nasezintathakusa,abantu naseMandeni sebethuka izanya uma behamba kulezindlela ezinqamulelayo.

Ikhava
03/07/2024

Ikhava

03/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESIBILI-2

Impela izinto zimanukwenzeka kuKhethiwe,uphakathi kwetshe nembokodo inkosi impela.abaphehli bodweshu abangani bakhe abamufaka otakwini wasala yena enkundleni abangani baqhubeka nempilo,ekuhambani kwesikhathi wazitholela umngani emtholampilo okugama lakhe uTholokwakhe wakwa Shandu isibongo.

Yimpelasonto uKhethiwe udibana nosoka lakhe anengane nalo uThabani enxanxatheleni yezitolo eMandeni Mall,ilanga libasile likhipha umkhovu etsheni lapho uyazihambela akanake nakunaka usethuka esebona ubaba wengane la okupakwa khona izimoto.
"Umthetho wakho uyongiziba kuze kubenuni ngempela?"
"Inkinga yakho iyodwa awufuni ukwamukela,ngoba nakhu umhlaba usukushayile usubuyela esilimeni esiyimina,wangibukanisa nezwe wahlekisa ngami izwe libhekile.konke lokho awukugqiziqakala konke kuhamba kahle kuwe,lalela-ke ngicela uphume kimi ngoba ngiphumile kuwe."
"Angizozwa ngawe futhi angenke ngenze intando yakho,iyodibana ntombazane"

Ekhaya kwaNgcobo umama uyaphaka uyathulula ngemicabango njengoba ehlohla impi ngentukuthelo yokuthi ingane yakhe ingadlali abafana,kusenjalo kungene umngani kaKhethiwe uTholokwakhe ezocela umngani wakhe,umama amuyalele ukuthi usesitolo uthunyiwe abonge ahambe azame nokumthola ocingweni kepha lumufake ezihlahleni,ngenhliziyo athi uzobuya ntambama ezozwa amanzi ngobhoko ukuze abone ukuthi iqhinga alicabangayo angalethula kanjani kumngani wakhe emethembayo,amthandayo futhi omukhathalelayo ngempilo yakhe nangezinqumo zakhe.

Endleleni eya ekhaya adibane noQhamuka eshaya kancane njengomozisi ehamba ngemoto yakhe ewuhlobo lwakwa VW TSI enombala ongathi iqhwa,abingelele isinqandamathe sakhe asibuze ukuthi sidliwa yini njengoba sibonakala nasebusweni ukuthi kukhona okumdlayo ngaphakathi,azihlangule abike imbiba abike Ibiza ephika elala ngomhlane ethi akonakele lutho konke kuhamba kahle.

Isahluko sesithathu-3 sizolandela

01/07/2024

ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO

ISAHLUKO SOKUQALA-1

Kusempondo zankomo izulu ligeze ngencukazi izinyoni zicula kamnandi kuthule kuthe cwaka,uKhethiwe uthatha uyabeka ngemicabango njengoba isoka lakhe lamushiya nengane,lapho umama wakhe uvutha engabaselwe nasekhaya kudliwa imbuya ngothi.avuke ahlanze indlu,akanake nakunaka.

"Umthetho wakho ucabange wafikaphi ngendaba esixoxe ngayo kusihlwa?" Ubuza nje umbheke nqo ezinhlamvini zamehlo
"Ngizokhuluma noQhamuka mama,futhi akulula ukumtshela ukuthi nginengane"
"Ngikengasho njalo? Ngithe mina zidlise satshanya ungalinge uphathe indaba yengane,musenge imali ngenke ngiphile kanjena nginengane"
"Akulula mama,uSipho ufuna sibuyelane silungise izinto."
"Ihhe wahleka ntombi kaSofia phaqa,ungitshela ngalokhu okungasebenzi ufuna ukushiya indoda esebenzayo? Uma usengaphansi kophahla lwami uzokwenza intando yami mina MaNgcobo" Asuke lapho ahambe

Kubenzima ukwamukela njengoba umama wakhe esekhulume kanjena,uZintozonke udadwabo akazi liyaphuma noma liyashona nasesikoleni akuhambi kahle.into ahlale eyihlalele nsuku zonke umakhalekhwini ezinkundleni zokuxhumana kepha ukunaka isikole abakwekazi.

Uyiqhathe wayishiya uMaNgcobo kwaxabana ubendle enqondweni kaKhethiwe,yinto azoyithini lena njengoba uQhamuka ebukeka ezimisele ngaye uKhethiwe,meke wezwa ngeyengane uzothini? Kuyokwenzakalani.luhambe usuku esazidliwelwa umcabango kukhale ucingo uThabani ubaba wengane,aluthathe alubuke alubeke phansi luphinde lukhale aluzibe kuthuleke kanjalo.naye njalo uKhethiwe akazange awuphothule umatikuletsheni wakhe ngenxa yokuthi wakhulelwa indoda yaphika ingane kwabe ukuphela kwempilo kanye nethemba,nakhu-ke uThabani esebona ngathi kuhamba kahle kuKhethiwe usefuna ukubuya.

Siphela lapho-ke isahluko sokuqala-1 ayidibane kusasa

Kunjalo ngane zakwethu,asidibane khona ukuze sicije ikhono lokulingisa.Yonke iminyaka yamukelekile,details on a photo/pi...
26/06/2024

Kunjalo ngane zakwethu,asidibane khona ukuze sicije ikhono lokulingisa.

Yonke iminyaka yamukelekile,details on a photo/picture

Isiphetho Ukufa By Vusumuzi Khumalo coming soon
25/06/2024

Isiphetho Ukufa By Vusumuzi Khumalo coming soon

18/04/2023

ISIHLOKO:UMASHONISA
ISIQEPHU:SESIBILI

[Ulwesihlanu usuku lokuhola ezika Msefi ziphume ngobuningi bazo zikoleka imali abanye bayoyikhipha emshinini]
Msefi:UMsefi usocingweni.Sqwayi ndoda ngiyakudinga kunomuntu ongafuni kukhokha ngifuna umthuse nje kancane
Sqwayi:Khululeka Mabaso kuwubala lokho uzoyikhipha lemali angazodlala yena.Uphi umfoka Mnisi?
Msefi:Ukhona uyena ozokukhombisa lomuntu engikhuluma ngaye
Sqwayi:Ngizwa kahle ungidinga nini?
Msefi:Kusasa Sqwayi ngezikhathi zasekuseni

Iyaqhubeka

15/04/2023

ISIHLOKO:UMASHONISA
ISIQEPHU SOKUQALA

Msefi:Pakla mfethu kumele uhambe nabantu osebenzisana nabo ukuyokoleka imali
Pakla:Ngiyakuzwa skhulu sami kodwa kunenkinga enginayo kunomuntu owuhlupho ulokhu ebaleka
Msefi:Kwakubi lokho usholo ukuthi ngabe usekulungele ukubhekana no Sqwayi amnike okumfanele?
Pakla:Usekulungele impela skhulu
Msefi:Awumfonele lomuntu wakho uzwe ukuthi uthini
Pakla:[ekhipha ucingo efonela uMgeshe]Mgeshe kuhamba kanjani ndoda anginaskhathi ibuyanini leyonto
Mgeshe:Pakla ngizokunika into yakho nawe usuyangujaha [Wavala ucingo umfoka Zwane engakezwa nokuthi uqhubeka uthini]
Msefi:Ngizothinta uSqwayi ambeke endaweni yakhe

Iyaqhubeka

15/04/2023

Sanibona

29/03/2022

KWAMTSHALI
SEASON 2
EPISODE 2
(uMaNdwadwe usegumbini likaPhathakahle umndeni,uzobona uNombuso)
MaNdwadwe:Makoti unjani?
Nombuso:Ngiyaphila mama lokhu okungatheni(ahlihlize izinyembezi)
MaNdwadwe:(ngamagama anendunduzo)Mtanami konke kuzodlula,beka idolo ibhekise kumdali.uqine ntombazane kuzodlula ngiyethembisa.
Nombuso:Kodwa mama uPhathakahle engayenza kanjani into enjena,ungifihlelelani indaba engaka?noma wena ubuyazi wangifihlela?
MaNdwadwe:Chabo Makoti angazi lutho,ngiyayiqabuka eyokuthi undodana wami unengane futhi eno10 years.angikwazi lokho.
Nombuso:Kulungile mama,angikubeki icala kepha ngizwa ubuhlungu benhliziyo.(uFanele ulungiselela ukuya esibhedlela ukuyobona umfowabo)
Fanele:Gogo ngiqhoke kahle?
MaZwane:Ehhe! Uqhoke kahle,futhi uhloniphekile iyabonakala ukuthi uthetha amacala(bahleke bobabili,kungene unogada)usuqedile?
Nogada:Yebo singahamba.
Fanele:Usale nenkosi gogo,ngizobuya ngikwazise odinga ukukwazi.
MaZwane:Uhambe nenkosi alulame umzukulu(ahambe uFanele,asale ekhuluma yedwa)ohh he! Kwaze kwanzima emzini wakwaMtshali,uma sekunjena idinga thina impela eseaibadala.ukuhamba kukamfowethu kuphehle udweshu olubi.ubugebengu buhlangile lapha ekhaya,ngifisa ukwazi ukuthi kubangwani njengoba undodana elwela impilo yakhe(asukume aye emsamu eyoshweleza ulaka lwabaphansi.ecela impilo kuPhathakahle Umndeni ukuba alulame abuye ekhaya.)

28/03/2022

KWAMTSHALI
SEASON 2
EPISODE 1
(KukwaMtshali emveni kwesibhicongo)
Fanele:Wonke umuntu uphephile,ngithumele onogada esibhedlela ukuba baqaphe isimo khona.okwamanje akekho ovumelekile ukuba ayobona uPhathakahle ngenxa yezimo ezithize ngiyema lapho.onombuzo(kubuze uMaZwane)
MaZwane:Thina siphephile yini njengoba silapha?
Fanele:Wonke umuntu uphephile mama,ungakhathazeki onogada bazokwenza umsebenzi abaqashelwe wona.
MaZwane:Ayi! Amashwa lawa avela lapha koHlabangani.ake ngiye emsamu ngibike lesisimo.(ahambe uMaZwane.ingoduso izivalele endlini ayifuni kuzwa lutho.)
Fanele:Makoti! Makoti! Vula imina uFanele(kube kwanya,aphume aye kuMagolide)isimo sonjani manje?
Magolide:Izinsizwa zigcwele izinkalo,izinto zihamba ngohlelo.unjani umama?
Fanele:Kuyabheda Mfowethu,akafuni ngisho ukukhuluma uzivalele.
Magolide:Ngizothinta uNgcobo ngenke isiqiniseko sokuthi leyandoda iphephile.phela abadlali osomatekisi.
Fanele:Izobonana ngisalingisa okonakele lapha endlini.(angenke abheke konke ukuthi kumi ngomumo yini,akukho okuzophazamisa.izingane zisemagumbini Azo kanye nomama bonke.uFanele nguye obheka ikhaya uma engekho uPhathakahle.)

24/03/2022

NEXT WEEK MONDAY SEASON 2 OF KWAMTSHALI

15/03/2022

KWAMTSHALI SEASON 2

COMING SOON 😊😊
SIZALWA NGOBANI WOULD CONTINUE NEXT TIME SORRY GUYS

11/02/2022

SIZALWA NGOBANI
SEASON 1
EPISODE 7
(Kusemathuneni la okutshalwe khona inkosi Vulamazwe Buthelezi,uThandekile uyobona ubaba wakhe ngaphambi kokuthi abebhizi)
Thandekile:(izinyembezi ziyazehlela)baba ukuphi makunjena,kungani singahlangani siwumndeni?omunye ukhomba omunye,omunye uvikela iso lakhe.ukube kusakhona uNgangezwe lakhe ngabe asikho kulolusizi,uSabela noSthembiso bazifake shi empini yokulwela umbuso wesizwe soNqengelele.isizwe sakho baba asihleli kahle.ubaba omncane uyazicanasela,uthi mina ngenke ngikwazi ukuphatha umbuso woMnyamana.ziveze baba musa ukubukelela.(asule izinyembezi,izinyawo zigcwale udaka.kusesigodlweni uNjengenja uvakashele uSandla Somthetho ukumethusa)
Njengenja:(ebubula)Yeyihh!!Yeyihh!!madoda amakhulu,zindlondlo Aybo!!(maqede ahleke).
Mthetho:Fuse***ufunani lapha wena ngoba wadingiswa.
Njengenja:(Ehleka)ngiyazi unesandla ekunyamaleleni kwenkosi,nakhu engizokutshela khona,gawula ubheke udlala ngegeja kuziliwe.Yeyih!!Yeyihh!! Madoda amakhulu zindlondlo zezulu,makhosi!(ashaye ishoba ngemumva macala wonke,amoyizele)
Mthetho:(ambone engasekho,akhulume yedwa)yesesi!kanti yini?kwenzakalani sizwe sonqengelele.angfonele uSbankwa.(afone)yeyi wena phuthuma lapha,ngithi phuthuma!(anxaphe yedwa,isimo simanzonzo.kungene uFezela)
Fezela:Yini ndoda yamadoda wanxapha wedwa?
Mthetho:Kushubile,lenja engu Njengenja kade ilapha kulamagceke.
Fezela:Amampunge lawo,yafa kudala leyondoda.
Mthetho:Ayifile leyanja ikhona iyaphila,kumele siphuthume sikhulume nomseshi aqhibe icala likaNgangezwe.
Fezela:Kwaze kwanzima,angiphuthume kuyonakala,Mthetho yawakhumbula amazwi ami?kusengamagama enkehli,akuvaleliswa.
Mthetho:Kuzomele afe uNgangezwe Lakhe(uyacabanga,udliwa unembeza.)angenke alibuse ngisadla anhlamvana,ngenke!ngimvunge umame la elele khona,yabona uNjengenja uzoyikhotha imbhenge yomile,phela awumbhiwa ndawonye.(ahleke yedwa emoyizela)uphindamshaye uzosebenza noma kanjani uzosebenza.yimina inkosi yaKwaMathonsi,imina engiphethe la!(kungene uCebisile enze umsebenzi wakhe

04/02/2022

SIZALWA NGOBANI
SEASON1
EPISODE 6
(KukwaNjengenja la ebhace khona njengoba adingiswa endaweni,inyanga lena eyayihanjwa inkosi uButhelezi)
Sthembiso:Skhulekile,Njengenja thambo lenyoka elihlaba elimzondayo,uzinja zihlangana ngaye.(aphume ame emnyango)baba.
Njengenja:Obani laba abazongikhulekela ekuseni kangaka.
Sabela:Ithina baba abantwana bakamufi.
Njengenja:Ngenani(bangene,abubule kabili kathathu)phuzani lapha nikhwife(benzenjalo)khulumani nifunani?
Sthembiso:Size ngodaba lukamfowethu nobukhosi boNqengelele.
Njengenja:Ohh..mhh..yahh,Aybo!!,yahh,yahh.umfowenu uyaphila usadla anhlamvana.
Sabela:Singamuthola kanjani?
Njengenja:Impendulo yalowombuzo anginayo,kodwa uma ningabulweli lobukhosi koqhuma nhlamvana ezinye zofeketha.uyingozi ubaba omncane wenu(aphinde abubule)thathani la,ningayikhiphi lento ezandleni.iyona eyonivikela kukho konke enizohlangabezana nakho,akukho okuhlula mina engaxoshwa njengenja(ahleke aze aqethuke)
Sthembiso:Akubongwa futhi akuvaleliswa.
Njengenja:Maningifuna nizongithola lana(asale ecule.kukwaNgwenya la uNomcebo okumele agane khona.)
Ngwenya:Lalela-la Lwandiswa,akukho ngane yomthakathi yagana kulamagceke,never!!
Lwandile:Kodwa baba,wazi ngani ukuthi kubo kuyathakathwa,uyathanda or awuthandi ngizomshada uNomcebo,izimpi zenu angihlangani nazo.(achayize aphume ngomnyango,ubaba kaNomcebo uBhudula wabulala umama kaLwandile ngempi yamatekisi.yingakho uNgwenya engavuni kuganwanwe.)
Sabela:Elamanqamu liyasondela,baba siphe indlela.kuzophela ngawe Sandlasomthetho,angenke ubulale ubaba kuphele kanjalo,nawe uzofa futhi kabuhlungu ayi kamnandi.

03/02/2022

SIZALWA NGOBANI
SEASON1
EPISODE5
NGWENYA FAMILY.
(Izikhathi zasemini,kufika umnumzane uNgwenya onebhizinisi lamatekisi lapha endaweni)
Ngwenya:Shenge,Nqengelele,Mnyamana.(uphakamisa izandla zedlula ikhanda)
Mthetho:Siyabonana ndoda yamadoda,savakashelwa nguwe kwenzenjani?
Ngwenya:angizile ngempi,ngizothi nje dudu ngokudlula kwenkosi Yakonqengelele.ake ngibuze,kwenzeka kanjani ukuthi wena uqwakele isihlalo sobukhosi ekubeni ungenalo igazi lasebukhosini?.
Mthetho:(ngokudinwa)Yabona-ke usukhuluma okungahlangene nawe.shaya isishwapha sakho uma uzongifundekela.
Ngwenya:Ay kulungile ndoda yamadoda,uma ngixoshwa nguwe ekubeni ngizosiza ukuth uqwakele ngokuthula kuleso sihlalo.nakhu okokugcina.ngenke kuhlale kunjena ngoba abantu abaneme.(Asho njalo ahambe,adinwe uMthetho)
Mthetho:kuzongifundekela lokhu,angifonele leliqili eliwuMadevu sibhunge indaba kaNgangezwe lakhe.(uSabela nomfowabo balalele)
Sabela:Ohh uMadevu uyazi ngaloludaba.
Sthembiso:Soyicela ivuthiwe,komele siyobona uNjengenja ukuze sihlale siqinile.
Sabela:Yahh ijampile manje,futhi konke akwenzeki ehhovisi.ifoni yakhe singayithola kanjani?
Sthembiso:Komele sijuthe uNomcebo,ukuthi ahlale eqaphile.uma elahla nje athathe ifoni bese siyayisebenzisa.
Sabela:Icebo elihle.(uMthetho ukhuluma noMadevu).
Mthetho:lalela yenza isiqiniseko sokuthi labafana abaliphazamisi icebo lethu,siyezwana!!?
Madevu:Siyezwana nkosi yami,ngizokwenza njengoba usho.(uSabela nomfowabo abapheli amandla ukufuna ulwazi ngomfowabo okuthiwa washona.sekuseduze ukuthi bathole iqiniso.)

27/01/2022

SIZALWA NGOBANI
SEASON1
EPISODE4
Cebisile:Sanibona!.
Sabela:Siyaphila,isikhathi asikho,nanku uR2000 sicela usifakele lezizinto ehhovisi likaMthetho.angenke abone uzozitshela ukuthi umhlobiso.
Cebisile:Akunankinga ngizokwenza njalo.(uSthembiso amnike izimbali ezinekhamera ngenke ubone ukuthi kunekhamera.bamnike imali emvakomsebenzi.)
Sthembiso:Akekho okumele azi ngalendaba,umgakhahlelwa ihhashi esifubeni.
Cebisile:Noma yini,inqobo nje uma ngizokhokhelwa.(bavumelane,asale ecabanga).ngifisa abanjwe uMthetho,umuntu uphila kabuhlungu.kazi washonaphi Ngangezwe Lakhe.(uNdlunkulu uxoxa nendodakazi yakhe)
MaNxele:Hlakaniphile,uze ungayingeni impi yabafowenu nobabomncane wakho,ngoba impi ezogcitha amagazi angenacala.
Hlakaniphile:Kodwa mama ngingahlala kanjani ngingayingeni,sohlukunyezwa kuze kube inini.umfowethu yena washonaphi ukuzothatha izintambo,ayi baqinisile uma bebuza bethi sizalwa ngobani?(kuthuleke kancane)Mama!.
MaNxele:Ngiyeke ngoba unenkani ufana nabafowenu.uma ufuna ukufa nawe balandele.
Hlakaniphile:Uchazukuthini?(athule uMaNxele ayozenzela itiye,uCebisile uhambisela uMthetho ukudla.)
Cebisile:Nkosi yami,nakhu okuya ethunjini.
Mthetho:Ngiyabonga ntombi,nguwe lo wezimbali?
Cebisile:Yebo imina nkosi yam.
Mthetho:Ngiyazithanda uzinakekele,zinhle,zinhle njengawe nkosazane yakwaZikhali.usungahamba-ke ntombi mningi umsebenzi.(ephuma nje adibane nomama wesoka lakhe uCebo Lozakha Mkhize,banothile kulomuzi.banezinkomo nesitolo)
MaMkhize:Makoti uyaphila?
Cebisile:Ngiyaphila mama.
MaMkhize:Siyaphila lokhu okungatheni,kwenzakalani ngempela ebukhosini? Nakhu sifa kancane kancane.
Cebisile:Ayi mama angazi.
MaMkhize:Kulungile makoti,angingene ngaphakathi,sinenkinga yamanzi no gesi.angisayiphathi-ke eyendlala.kwakungcono kabi kusakhona uPhathisizwe.sasingabulawa indlala.(bahlukane,angene ehhovisi)siyabonana nkosi yami.
Mthetho:Yahh MaMkhize,khuluma ushaye isishwapha sakho.
MaMkhize:(ayibheke emehlweni inkosi)izinkomo ziyafa indlala,amanzi asinawo nogesi awukho,awusukume ndoda.

Address

A
Durban
1094

Telephone

+27791672421

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezididiyelwe Ngolimu Lwesizulu Stories posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ezididiyelwe Ngolimu Lwesizulu Stories:

Videos

Share

Nearby media companies


Other Book & Magazine Distributors in Durban

Show All

You may also like