Mageba news

Mageba news Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Mageba news, Media/News Company, Skhawini, Richards Bay.

18/09/2022

Sekuqinisekisiwe: oseduze neSilo ubulawe ebuya eMhlangeni ebusuku.

uDr Dumsani Khumalo udutshulwe wabulawa eBhethan bude buduze nomuzi wakhe KwaNongoma esuka eMkhosini woMhlanga KwaNongoma. Uvukelwe ngabantu sekusele u50 wamamitha afike kwakhe bamsoconga. UKhumalo ubenguSihlalo woMkhandlu wasoSuthu Traditional Council. Ubesondele kakhulu esilweni esibuzile UMdlokombane uphinde wabaseduze nakwiNgonyama ebusa manje uMisuzulu kaZwelithini. Ingcwepheshi lena ebinomlando odephile wesizwe namasiko kaZulu. Abaningi bamazi ehlala ephatha uhlelo emicimbini yeSilo. Emngcwabeni kaMgilija wahhahhanyezwa kabi ngabantwana abangasifuni iSilo. Wayelethe isethulo senkomo esisasivela eSilweni. Kwathi ebakhulekisa ethi abathi Bayede bamenqaka kabi bathi ka**ke izindaba zakwaKhumalo. Ukubulawa kwakhe kakaziwa noma kuhlobene na nezinsongo ebezivele zikhona bethi kochitheka igazi. Kakukaboshwa muntu. Inqwaba yabantu badumele kakhulu kuhlanganisa noNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi.

18/09/2022

Induna uKhumalo ibulawe izolo ebusuku ibuya emkhosini womhlanga eNyokeni.

UKhumalo usebenze kakhulu neSilo esakhothama uZwelithini KaBhekuzulu kanye neSilo uMisuZulu.

16/09/2022

Namuhla Ngezintatha(ngehora lesibili)
Kukhishwe wonke umuntu okutholakala ukuthi akadingeki eNyokeni. Khona lapho icala lokwedusa kozibiza ngeSilo nalo selifakiwe

Umkhosi woMhlanga uzohamba kahle ezokuphepha ziqinisiwe.

Mageba news

16/09/2022

Abakwasidlodlo besebefuna nalezi zibhamu ezingekho emthethwen ebeziphethwe izinkabi zakhe uSma abevivele ngazo isilo Misuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu okugcine kungasenzekanga.Ngokubika kwemeya yakwaNongoba ubaba uMncwango ukuqinekisile ukuth kusukela manje kuze kube kusasa amabhasi azolokhu ethelekile kwaNongoma esgodlwen enyoken ukuzogubha umkhosi womhlanga nezokuphepha ziqinisiwe kakhul kunakuqala ngoba namaphoyisa kamasipala nawo aqaphile ukuth onke amabhasi abheke eNyoken ayafika khona awaphazamisek nanokuth uMkhosi womhlanga uyaqhubeka akukho okuzowuvimba


Sikuphathela ezinye izindaba ezithinta uMkhosi womhlanga kanje nendlunkulu nakho konje nje okwenzekayo kwaNongoma

20/08/2022

Umzamo wokugcina wokumisa umgcobo weSilo

Abazalwa indlunkulu endala umtwana uNtombizosuthu Zulu-Duma nodadewabo bafake amaphepha bafuna kumiswe ukugcotshwa kweSilo kuze kuphothulwe amacala eNkantolo. Yibo futhi abavunwe iNkantolo ukuba badlulise icala lokukokotelwa kwencwadi yefa. Phambilini iNkantolo yakuchitha ukumiswa kwalo mcimbi yathi abawumisayo kakubona abafuna ukuba sesihlalweni. Kuze kwaba kathathu iNkantolo ikuchitha lokhu. Namanje kulindeleke ikuchithe.

INkantolo isanda kubavuna nokho ekutheni badlulise icala lencwadi yefa abathi yakokotelwa isisayindo seSilo UMdlokombane. Le ncwadi yefa yabeka esicongweni indlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu ozala uMisuzulu ukuba abelibambabukhosi. Kodwa ngokwezazimthetho leyo ncwadi yefa, kayisenaso isisindo esihlalweni. Isizathu ukuthi abameli beSilo noNdunankulu kaZulu bawina eNkantolo kwelokuthi umndeni wahlangana (nanka amaminithi) wathatha isinqumo sokuqoka uMisuzulu kaZwelithini njengeSilo. Ikhona incwadi noma ingekho kakusathi shu kwasho bona. iJaji (lanqekuzisa ikhanda bheka) lathi yes I agree all rise.

20/08/2022

Amaxoki amaphixiphixi labo babomncane bangcolile qha futhi ukuba oPrince Buzabazi abayiboni le bayojeziswa zinyanya.
1. ungunamba 3, uzalwa ngumfazi waseKhohlo kutheni sengathi kwabona oBuza abazazi ,izinto zesintu
2. Khona endlini yakwabo kumaMathe angakwazi yini ukubusa ekhona ubhuyi wakhe omdala uPrince Phumzuzulu, hey bafakwe udongwe benziwa izimpatha.
3. Yena ngokwazi kwakhe usifanele lesisikhundla, siyeke eyokuthi ubehlala ehamba noMdlokombane akusho lutho lokho.

Yhoooo khona khona uMbonisi uzobabonisa ulwa izimpi zonina ke manje. Basazobona uma bengazihluzeli basebenzise ingqondo.

Kusho uQuqaba

20/08/2022

EZASENDLUNKULU

IPHUNZILE IMIZAMO YOKUGCINA YOKUMISA UKUNGENA ESIBAYENI KWESILO

Kubikwa ukuthi kube nemizamo kaMntwana uNtandoyenkosi noMntwana uNtombizosuthu yokumisa usiko lokungena esibayeni kweNosi uMisuzulu namhlanje ebusuku. Kubikwa ukuthi uMmeli wabo uBethuel Thusini waseVryheid ubezama ukumisa lomcimbi ngemva komphumela wasenkantolo wanamhlanje kodwa uMmeli weSilo wabayalela ukuthi bafake amaphepha engakashay' u19:00 kusihlwa kungenjalo usiko luyaqhubeka kodwa bagcine bengakwenzanga lokho.

Bayede 🙏🙌
20/08/2022

Bayede 🙏🙌

20/08/2022

Ukuba khona komncimbi wokungenisa Isilo uMisuzulu esibayeni sekudale namathuba okwenza inzuzo yabantu bendawo.

Kuzinto ezithengiswayo kubalwa imvunulo yesintu nobuhlalu.

20/08/2022

Amabutho alokhu engenile ngamabhasi esgodlwen kwakhangelamankengane njengoba kuzoba nomkhosi omkhulu wokugcotshwa kweSilo uMntwana uMisuzulu (indlulamith)

Address

Skhawini
Richards Bay

Telephone

+27638212484

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mageba news posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share


Other Media/News Companies in Richards Bay

Show All