Isiphethu Samaciko News

Isiphethu Samaciko News Arts News blog

Today in history or history making Isiziba Sokuphila NPO launches as a community organization based in UNzalabantu Reser...
08/07/2023

Today in history or history making Isiziba Sokuphila NPO launches as a community organization based in UNzalabantu Reserve. The Programme starts Isiphethu Media will bring updates.

19/01/2023

IZINDABA: INgonyama yamaZulu ivule izichuse zamaqhawe aseSandlwane. UNtshingwayo kaMahole Khoza umdidiyeli omkhulu wempi. UMnyamana kaNgqengelele uNdunankulu kaZulu wangalezo nsuku. Isifundo ngeNgonyama uCetshwayo sethulwe yilowo onguNdunankulu kaZulu uDkt. M. Buthelezi uMntwana wakwaPhindangene. Ukhulume wathi; amaNgisi ayefuna ukuhlakaza uMbuso kaZulu ngale mpi. Uthi ahluleka ngoba lo mbuso usamile futhi uqinile nanamuhla kuhleli abazukulu bakhe uJininindi esiHlalweni sobukhosi. Lo msebenzi wenza izizukulwane zamaqhawe ayeyibambe eSandlwane baziqhenye ngokhokho babo. Amadelamzimba oqobo.
Kuyaphawuleka njalo ukuthi laba likhulu iqhaza le ntsha kaZulu kule mpi ibutho iNgobamakhosi ukubalula oMehlokazulu kaSihayo waseMaQungebeni. Zonke izinsizwa zeNgobamakhosi zazisencane kepha zazisencane.
Umbuzo uthi uZulu oyintsha uzowuvikela yini yena umhlaba neFagugu?
Sobantu

IZulu eladum' eSandlwane umbani lawuphons' emankankane. Nani belungu ningamshayi ngezibhamu niyobe nimbangile. Animphath...
19/01/2023

IZulu eladum' eSandlwane umbani lawuphons' emankankane. Nani belungu ningamshayi ngezibhamu niyobe nimbangile. Animphathela amaphanda angawezinhlendla!!!
Leyo iNgonyama uCetshwayo kaMpande kaSenzangakhona kaJama. Yiyo eyaphaka impi yokuvikela ilungelo lezi ngane ezimpisholo lokuba nezwe lokuhlala nokulima. Kulo mbango owasuka ngezwe laseZungwini elathathwa ngamaBhunu amaplazi nokuthe iNgonyama mayithumela inxusa layo uNkinsimane nezikhulu zombuso ukuyoyizwela emaNgisini zaboya nempendulo ethi: AkuluHlanga lwalahlana lodwa!
Nango-ke uMehlokazulu kaSihayo esebulala onina ngale koThukela. Wo wawokhela umlilo wothathe. Ithi imbube mayishweleza ngenyonikayiphumuli engamashumi amahlanu bathi bafuna amaphuzu ayisithupha. Sizobhala ngawo ngokukhethekile sibabaza ukushinga kwentoyoMnkinsimane. Nokwaholela ekutheni amaNxusa kaZulu ahlangane nawamaNgisi ngaphansi kwesihlahla Somnqamulajuqu. Wabe eseShikizela uMashikizela omnyama ephikelele oLandandlovu Royal Palace a Military Kraal- Isigodlo SamaButho. Kuyazi-ke ukuthi yabe isijuba uNtshingwayo kaMahole Khoza benoVumengwane kaNtethi kanjalo noNdunankulu kaZulu uMnyamana kaNgqengelele ukuba bayiphathe ngobunono impi yayo.

Kuloba uSobantu

Isiphethu Media Sethula umdlalo weshashalazi osihloko sithi: Nomhoyi And Other Stories.  Obhalwe uThandokuhle Sobantu Dl...
07/08/2022

Isiphethu Media Sethula umdlalo weshashalazi osihloko sithi: Nomhoyi And Other Stories. Obhalwe uThandokuhle Sobantu Dlamini. Abadlali ngoLucky Ngema noSobantu. Ngomhlaka 12 kwephezulu. Ziyobe zibulalana. UR30 emnyango. Ungaphuthelwa umlando amahubo nendaba kaShembe

  Akasekho Emhlabeni uMncedisi Shabangu. Le ngwazi yeciko yafunda ukulingisa eState theatre laboratory.  Yakhula kule nd...
24/07/2022

Akasekho Emhlabeni uMncedisi Shabangu.

Le ngwazi yeciko yafunda ukulingisa eState theatre laboratory. Yakhula kule ndima. Yadlala emdlalweni; Woza Albert noHamilton Dlamini la eyakhombisa elicokeme ikhono lokulingisa. Ibhale yaphinda yakhiqiza eminingi imidlalo yeshashalazi ebibuye iyiqondise. Ubebonakala ewumfokaNgobese kwi Rhythm City lapho abecikoza khona.
Namuhla sivuka nezithi ezintatha namuhla iguqile le ngwazi yeshashalazi. Ezobuciko azisobuye zifane ngokuhamba kwale ngwazi.

Phumula Mbhele ukulwile ukulwa okuhle. Sidabukela iwele lakhe uHamilton Dlamini abakhiqize naye eminingi imidlalo yeshashalazi. Phumula Shabangu omkhulu.

Kuloba uSobantu

Ithuba
05/07/2022

Ithuba

09/06/2022

UMNCINTISWANO WEZINKONDLO: Ukubhalwa kweSonethi!

Isonethi yinkondlo emfishane edume ngokuba nemigqa eyishumi nane( 14) kuphela. Kepha ukubhala inkondlo enemigqa eyishumi nane bese uthi iyisonethi ungayibhekanga eminye imithetho yayo kungayiphutha. Ngokomsuka wayo indikimba yayo kwakuwuthando yagcina isizimumatha nezinye.
Izinhlobo zayo: EyaseNtaliyane( Italian sonnet) ebumbeka ibe nezigaba ezimbili okuyimigqa eyisishiyagalombili ( 8) enemvumelwano ( abba) noma ( cdcd) bese esesibili sibe nemigqa eyisithupha(6) esuke isisonga umongo wenkondlo. Bese kubakhona eyamaNgisi( Shakespearean sonnet) yona izigaba zayo zihluka zibe zine bese ezokugcina ezimbili zibe nemvumelwano efanayo. ( abab, cdcd, efef, gg) bese kuba eka John Milton: Milton's Sonnet yona ethi ayifane nalezo ezande kwezamaZulu ethe ukukhululeka ekuhlelweni kwayo edumileyo ilena ethi( On His Blindness) Le mvumelwano sigcino ekulenkondlo eyisonethi yakha isigqi nomgqumo omnandi osamculo mayihaywa!

Siluleka ukuba obhala le nkondlo ake aphonse iso kwezinye izinkondlo ezike sashicilelwa bese ethatha usiba alobe izaqheqhe azihlomulele kulomncintiswane othulwa okaZihlandlo.

Ishashalazi
07/06/2022

Ishashalazi

Singakhohlwa! Entries close on the 1st of July 2022.

06/06/2022

UMNCINTISWANO WEZINKONDLO 2022!

Umncintiswano uhlelwe uSolwazi Zamokwakhe Mkhize owuMbhali wemidlalo yomoya oKhozini kanjalo nezincwadi ezinye zazo: Ikhanzi, Zidlana Imilala nezinye. Udume njengomunye wabagqugquzeli bomncintiswano wakwaAvbob Poetry.

Umncintiswano uqala mhlaka- 1 June 2022 uzovala mhla- 30 June 2022. Imali yokujoyila uR150.00 kuphela. Imiklomelo imi kanje: Number 1: R5000, Number 2: R4500 Number 3: R4000. Kuzokwamukelwa imingenela ewu 750 KUPHELA ngenxa yesikhala. Kanti imiphumela iyomenyezelwa ngomhlaka 09 July 2022. Kuyobe sekuba nesifundo semibhalo( Worshop) mayelana nomunye umncintiswano ozoqala mhlaka 1 August 2022.
QAPHELA: Kubhalwa ngenkondlo yothando kuphela. Inkondlo yakho ayibe nemigqa eyishumi nane( Sonnet)
Kungenela abaneminyaka eli- 16 kuya phezulu. Izihlobo zomhleli kanye namajaji azivunyelwe ukungenela. Isinqumo samajaji singujuqu.
QAPHELA: Kungenelwa ngenkondlo eyodwa kuphela.
Imbila yaswela umsila ngokuyalezela!

Ngu: Sobantu

28/05/2022

The KwaZulu-Natal Film Commission sends heart felt condolences to the Bartlett family, friends and fans following the untimely passing of the South African actor, Jamie Bartlett who was popular for his role as the devious David Genaro on e. tv's Rhythm City.

May his soul rest in peace. The film and television industries appreciate him for the contribution he made during his career.

27/05/2022
New Hope Development ezobuciko  beziphambili kulo mcimbi. Bekudlala osonkondlo nezimbongi zihamba nomaskandi emcimbini w...
15/12/2021

New Hope Development ezobuciko beziphambili kulo mcimbi.

Bekudlala osonkondlo nezimbongi zihamba nomaskandi emcimbini wokuqwashisa ngodlame lwasekhaya kanjalo nezingozi zezinsuku zamaholidi.
Uhaye inkondlo ethi: The Voice of A Silent Man uKatlego Dube ongowesifazane osemncane ofunda enyuvesi yasePitoli. Ibikhuluma ngesililo esingazwakali samadoda nezwi lawo elithule lingathule.

UMshini weMali yena ujabulise abalandeli bakhe nezihlwele ebezethamele ngengoma yakhe yodumo Dali uNgavumi eyenza kahle kakhulu kuma Digital Platforms. NoHlobisile Mbuyazi akasalanga ngaphandle kanjalo noSobantu ubephethe inoni likaDkt. ML Langa elithi: Ngo-Uyinene Mrwetyana; uLanga uqweqwe lukathisha oyikazela iminyezane ogxile ekucwaningeni nge-Feminism.
Muhle umlayezo mawethulwa ngendlela engasindi ezwakalayo kubaNtu. Sibonge kuNkszn. A. Mpanza oyi MD yalo msebenzi ngokukhumbuza abasha ukuba bajabule bazibheke.

Kuloba
USobantu.

KWAHLENI BAFANA; UBUHOLI BAMACIKO ESIFUNDENI. Isho kanjalo ingwazi yomsakazi engasekho uDr. Bhodloza esakaza kuRadio Ban...
22/11/2021

KWAHLENI BAFANA; UBUHOLI BAMACIKO ESIFUNDENI.

Isho kanjalo ingwazi yomsakazi engasekho uDr. Bhodloza esakaza kuRadio Bantu/Zulu/ UKhozifm. Nathi sithi libambemi bafana bakithi nilidlale kahle ngoba kini amadolo asavuma. Gijimani impela impela zithunywa zethu THINA MACIKO!

Nijutshwe yisikhathi nomlando emihleni evumayo ubuciko bubhekene nempi yokubukelwa phansi. Imihla ivuma ngoba sethembe ukuthi nizosukuma nilwe. Nilwe ngezikhali zobuchopho. Ubuhlakani yibo obuzonichumisa.
USya Nzima ongusihlalo wekomidi siyamazi ephatha imicimbi eyihlela futhi. UKingM-Zet Khumalo siyamazi ecula useke wagudlana nezingwazi esteji nezaphesheya kwezilwandle noSjava. Umculo wakhe uwodwa uyamweza ukuba engagijima emele amaciko. Kanjalo noMa-Afrika Mpanza uwumhleli wemicimbi engahlulwa yini ukuhlela ekomidini intuthuko siyibone ngamehlo?
NomfokaNdlovu uThabiso uwumlingisi esesike sambona enza kahle pho umfana engahlulwa yini ukigijima? NoTommy Mdletshe uzodansa ebheke khona la simthuma khona.

Ke bafana bakithi nithweswe ijoka elesindayo kanti futhi kuShaywa edonsayo ningethuki uma sinikhahla koba ukuthi niyasebenza kodwa uma sesithule singasho lutho koba ukuthi sekonakele anisenzi enikuthunyiweyo. Incwadi yamakholwa ithi; OTHUNYIWE KAMKHULU KUMNOTHUMILEYO!
Nakanjalo futhi Zulu isithunywa asoni. Ke ningathunywa ugwayi nibuye nenhlaba nobe nisilimeze.

Ningalibali yibukhwebezane futhi okonwabu luthunywe izindaba zempilo nize nedlulwe intulo iletha ukufa size sibambe ele Ntulo!
Bathunywa ICIFSA ukuba basimele.

Kuloba: uSobantu

INGQAYIZIVELE YOBUCIKO KULELI GUQA!ISENCANE  le nsizwa kodwa ubuciko bayo buyababazeka. Bushiya othanda ubuciko nesibuke...
22/11/2021

INGQAYIZIVELE YOBUCIKO KULELI GUQA!

ISENCANE le nsizwa kodwa ubuciko bayo buyababazeka. Bushiya othanda ubuciko nesibukeli nje sikhexile ngenxa yokungajwayeleki kohlobo lo msebenzi.

UNkosinathi Ngwenya ungowokudabuka eSifundazweni saseMpumalanga ezintabeni zaseNhlazatshe; ungumdwebi nombazi. Uthi mayeyixoxa indaba yogqozi lwakhe nathi lwaqutshulwa ukufuna ukuzikhipha otakwini iningi le ntsha yakithi elibisha kulo lokungasebenzi. Akabukanga kude naye kwangenakho kodwa wabheka izandla zakhe wabona ukuthi yizo ezinokumphilisa.
Wasondela emahlathini angakubo efuna zona zohlobo izigxobo nopende washa umshawushile ibhodwe lasehhotela.

Ikhono lika Mntimande liyababazeka nakuba esanda kuqala ukuba yiciko ngokuphelele ngonyaka wezi-2016. Imisebenzi yakhe iyatholakala kuye uma umthinta. Kobe usuyawubona ususegumbini lokubukela umabonakude elokudlela; nasehhotela nakuBnB yakho uheha izivakashi zomhlaba?
Mlandele umthinte: Nkosinathi Art Email: [email protected]

Ngu:Sobantu

16/11/2021

Indabuko Yethu Written and Directed by Bongani Ngcobo

Address

Makhosini Street
Richards Bay

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isiphethu Samaciko News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Isiphethu Samaciko News:

Videos

Share