FujiblckMusic

FujiblckMusic Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from FujiblckMusic, Johannesburg.

18/07/2024

Phakade lami
Ikhasi 8

"Ithemba, usanethemba. Ingani engakwazi ukuzinikezela kumina ngokuphelele emvakwayo yonkhe leminyaka?" Kwakucabanga uMalusi imoto yakhe ishaya kancane. Yize alele noZandile kukhona ayekubonile emehlweni akhe ayengakuthandanga "ITHEMBA. Noma UTHANDO? Wayezibuza eziphendula, UZandile kukhona aphezukwako noma hlampe uyangithanda ngempela? Ebusuku bayizolo uZandile wayenza ngenye indlela waze wathi uzomsiza ukuthi banyamalalise isidumbu salentombazana. Impela wayefuna ukuthi bazwane benze izinto ndawonye noZandile kodwa wayengakholwa ukuthi kungenzeka. Wayekholelwa ukuthi kukhona amasu aphezukwawo uZandile.

Wangena e garage "full tank" washo ephuma emotini wangena esitolo. Kwakukhala umculo omdala phakathi kushaya umoya wahamba waya lapho kukhona iziphuzo uthe eseyokhokha Wakhangwa yindoda ayibona kuphephandaba. Wayifanisa lendoda wazibuza ukuthi ngabe uyazelaphi. Walithatha iphephandaba waphuma nalo.

"Yinhle imoto mphathi" kubabaza isisebenzi sase garage sibuya nekhadi elimnyama lakwa nedbank, Wahleka kancane uMalusi, wathatha ikhadi wachazela isisebenzi ngemoto yakhe bathi ukuxoxa kancane. Wayengumuntu ozithandelayo ukukhuluma nabantu uMalusi futhi wayesijwayele lesisebenzi wasinika ushintshi obuye esitolo wathi sizobona sithengani wangena emotweni. Sajabula kakhulu siphethe imali engaphezulu kuka 150.

Uyayibona kancane lendoda enebala elimhloshana, inomzimba omkhulu kuyacaca iyajima, ine tattoo enkulu engalweni iveze amazinyo amhlophe qwa. Iphepha libhalwe ngamagama amakhulu OWESILISA UTHI ANGEKE APHUMULE BAZE BAPHEPHE ABANTU. Useyayikhumbula lendoda. Iyona lendoda asabambelele kuyo uZandile. UDumi wayengundaba mlonyeni kulezinsuku, abantu besmame bebabaza ubuhle balensizwa ko social media. Abanye baze basho nokuthi bona bangashiya imizi yabo for yena. Wahleka kancane uMalusi wabuka lendawo engemuvaa kwalendoda. Uyayazi lendawo.

(Emzini Ka Dlamini)

"Izolo mina ngikile nomaThabethe njengokusho kwakho ndoda. Izinto zonke bezilungile kodwa ke ufike udakwe.."(wayengasezwa luthu ephakamisa amehlo akhe uBafana) Wake wama wasula amehlo akhe ethi hlampe akaboni. Nanguya uMaThabethe ezidlalela no Adora behleka bobabili. Wayemphosa phezulu aphinde amncake ebese emfutha isisu bbrrrrr ahleke kakhulu u Adora. "Usho ukuthi asiyenzanga lento izolo?"
"ehene, ufike waxosha uMaThabethe wathi asisuke phambikwakho. Ukhale indlela yonkhe engazi ukuthi ukwenzeni ngimhambisa. Nginesiqiniso usakudinelwe lapho ekhona" kuphendula uMadlokovu.
Enhlizweni yakhe uBafana wabona ukuthi wayengeke ekwazi ukuphila ngaphandle kukaMaThabethe. Wavala ucingo ngokusheshe waya kuye wafike wambaba ngemuva. UMathabethe wayengamubunanga wathuka kodwa wazibona izandla zomyeni wakhe. Wafikelwa ukujabula wazizwa ekhululekile. Kulowo mzuzwana kwakungekho lapho efisa uba khona ngaphandle kwasezandleni zomyeni wakhe. "Ngiyeke Bafana! ungangibambi" washo ehlehla ezandleni zikabafana. Akekho umuntu wayekhuluma ngalendlela noDlamini kodwa uma kunguMaThabethe wayenganankinga kunaloko yayivele incibilike inhliziyo yakhe uma embona ediniwe. Muhle umntwanomuntu. Bakhuluma, ethetha uMathabethe ngokwenzeke izolo. uAdora wayemi phansi ebuka abazali bakhe edidekile ukuthi aye kumuphi noma ekhale ekugcineni wakhetha ukukhala. Wamthatha wangena endlini. "Angifuni ukukhuluma nawe Bafana". Wahleka kancane ubafana, wazi kahle ukuthi uzomthinta ngakephi. "Kumele ngikhulume noMaZoqo. Kufanele kube nenye indlela. Lena angeke isebenze" Wabona okomfana kwakhe kudlula kuqhuba izinkomo.
"Mazwakhe!"
"Baba"
"Gijima uye lapha kunyoko uthathe ukudla ufike udle lapha elawini lami, uthi uthunywe imina. Nangu ukhiye"
"ebo baba"
"Ihamba njani indaba ye licence?"
"badinga imali laba bantu, kodwa ngizoya khona ngolwesibili"
(wahleka kancane uDlamini)
"pho uzoyithathaphi imali ungasebenzi?(akaphendulanga uMazwakhe wazihlekela wabuka phansi wabhala ngenduku yakhe)
"Lapha esisefeni uzothatha lemali oyidingayo, ngiyayazi imali elapha ungathathi imali ethandwa uwena" Washo ehleka uDlamini ehamba. Uyayithanda insizwa yakhe, yize inenhloniphe uyazizwa izidumo zayo. Isihlule izinsizwa ezindala ngesibhakela noma izithandela ukuthula ulaka alufakwa "Kufuze mina impela loku"
Wadumisa imoto wayikhomba ezansi emzini wenyanga yakhe uMazoqo.

(Emzini KaMazoqo)
"Ikhona enye indlela Dlamini kodwa inobungozi obukhulu"
"Noma yini Mazoqo, kuphela nje uma umndeni wami uphephile" Kuphendula uDlamini.
Lapha emlilweni kukhona okubila iyashunqa intuthu.
"Lesilwane engakunika sona sinamandla kodwa asihlali kuwe, sisebenzela abantu abaningi nako ke okwamanje sikwezinye indawo." (wathula okweikhashana umazoqo wabhonga . UDlamini wayembuka azibuza ukuthi ngabe ukhona umuntu omubi ukudlula lomuntu emhlabeni.
"Esingakwenza, (kuqhubeka uMazoqo) ukuthi ngikunike esinye isilwane esinamandla ukudlula lesi onaso kodwa sona komele uhambe naso, uyohlala naso emzini wakho siyokuvikela kodwa konkhe okwakho kuyoba ngokwaso."
"Umndeni wami wona?"
"Uyovikeleka kodwa"
"Pho sisalindeni Mazoqo"

17/07/2024

Phakade Lami
Ikhasi 7

(Emzini ka Dlamini)
uMathabethe wayezilungisile impela. Agqoke ingubo yakhe ye gucci nezicathulo eziphezulu ezimnyama, aphethe isikhwama esincane esibhalwe MK. Ekhanda uzilungisile kodwa wase efaka esikhulukazi isigqoko sakanokusho wase izithi fa fa ngamakha amnandi ohlobo luka Armani.

Wayejabule kakhulu ngoba wayengakaze aphume nesoka lakhe nakanye solo kwadlula i honey moon yabo. Wavula umnyango wabuka indlu yakhe futhi wayekuthokozela ukuphuma ngoba wayezodlisela komnakabo ngaloku. Wazibuka kusibuko esikufridge wabuka lomuntu esenguye namhlanje. Kwamthokozisa akubona esibukweni. Wakhumbula ekhaya lapho ephuma khona. wayengakaze azicabange nasemaphusheni asendaweni enjena.

(Emzini ka Malusi)
Uthe lapho esephelelwe ngamandla esengalwi u Amahle. uMalusi wamukhumula isiketi wagwaza indawo yangasese ngombese, wawufaka wawukhipha amahlandla amaningi. igazi latshaza engathi amanzi, laligcwele yonkhe indawo. Uthe seqedile wase efaka i condom wamudlwengula kwimbobo yangemuva. wayengasakawazi nokukhala Amahle. ubuso bungasabonakali esebonakala ngokunyakaza kancane ukuthi usaphila. uMalusi wayebambelele emqaleni ngenkathi emdlwengula emncisha umoya abuye amuyeke kancane uma esebona engathi uyacisha. Wakwenza lokhu waze waqeda wase esukuma emshiya kanjalo esaphefumula kodwa ukufa kwasekusemnyango.

UZandile wayelalele awuzwa wonke lomsindo. Wayengaqali ukuwuzwa. Wayesekwazi okuzolandela. Wawuzwa umsindo tut tut tut. Wangena u Malusi agcwele igazi. Wayenqunu ekhala ehleka ebukeka engathi yisilwanyana. Wabuka uZandile wase esondela kuye evula ingalo wabamba uzandile wanamathela kuye okwesana. Wamubamba uZandile walwa nezinyembezi ezazifuna ukuphuma. Wathinta igazi wacabanga ingane yomuntu esanda kubulawa, waphindwa wezwa amaphimbo abanye abaningi abadlule kuloku kuleminyaka eminingi akulendawo. Wawubuka umnyango owawusele uvuliwe uZandile njalo uma kwenzeka loku umnyango wawusala uvuliwe wayesenalo ulwazi ukuthi ngelinye ilanga ilona thuba ayolisebenzisa ukuphuma leli. Okwamanje kwakumele ahlanganize icebo lakhe. Umzimba ka Amahle wase uhlukene nomphefumulo.

(Ngakusasa)
uDlamini wavuka embhedeni kaMazondi. Wayebuye ngayizolo edakwe efile ekhuluma izinto eziningi ezingahlangani. Yize babebobabili embhedeni uMazondi wayebizwe ngo MaThabethe ubusuku bonkhe. uMaZondi kwakumphathe kabi loku kodwa wayemhlonipha umyeni wakhe futhi wayemthanda ngenhliziyo yakhe yonkhe. Umfoka Dlamini uvuka nje kwelibi iphupho
"hamba moya omubi!" washo esukuma waya endlini encane wageza ubuso uthe ephakamisa amehlo ezibuka nangu uMaThabethe embuka enjengoba benjalo ephushweni wathuka woma uDlamini, "mayeee!" wamemeza iphimbo liphuma kabuhlungu kuwa nesitsha sensipho yokugeza izandla wawa wasima ngekhethini le shower.

Watheleka egijima uMazondi "Baba! kwenzenjani?"
wayebonakala uDlamini ukuthi kukhona okumthusile
"ngi ryt"
"baba, awukho right nasebusuku..."
(emngena emlomeni)
"MaZondi! Ngithe ngikahle, awuthi ngishawe umoya kancane" (washo evula umnyango ephuma)
(Emlandela)"kodwa baba, ngikwenzele ukudla be..
"ngiyabuya maZondi angiyi ukuyofa langaphandle!"
Waphuma uDlamini ikhanda linkenketha,
Akagqoke lutho ngaphezulu kuvele umkhaba omncane. Akakhumbuli ukuthi kwenzekeni izolo.
"Ngabe ngiyenze ngempela lento?, Naku phela useyapoka uMaThabethe, Umzimba wona ukephi? Ngeke angokholwa. Lezinto ebekumele ngizithathe zona?" Wezwa izinyembezi zishisa ezihlathini novalo lumshaya. wazisula ngokushesha wabuka ukuthi ngabe akekho oseduze ombonayo.

12/07/2024

Phakade lami
Ikhasi 6

"Amahle, ngiyacela usale uwuyeka lomsebenzi wakho, mina ngizokunakekela. Ngifuna ukukushada ungizalele abantwana sakhe ikhaya lethu"

"hayi Sipho, mina angikukholwa. uzongithembisa izulu namuhla ebese uyobukisa ngami kini ungihlukubeze ngoba vele angiyilutho ungithole ngizidayisela ngomzimba"

cha Amahle mina ngiyakuthanda nawe uyakwa.. yehheni! engathi yimoto yomphathi phuma sthandwa sokhuluma"

Waphuma u Amahle ku truck kaSipho. Ugqoke isiketi esifishane namatight anezimbobo, umhlophe umntwana ungamuphikela ukuthi udayisa ngomzimba umthole kwenye indawo. Kugcwele ama truck kulendawo namatombazanyana ayaphuma ayangena kuma truck. Kukhona nabadala omama obona kahle ukuthi umama osehamba ko 40 years noma ngaphezulu. kukhona izidudla, izilenda, amandiya, abakhubazekile, abafishane yonkhe nje inhlobo nabelungu imbala.

Empeleni usecala ukuyikholwa lendaba ka Sipho u Amahle, uyazibona naye esengunkosikazi womuzi, avuka emzini wakhe, embhedeni wakhe, achofa i remote ahleli nezingane zakhe. Impilo engcono. impilo lapho engadingi ukukhotha yonkhe imithondo le ukuze athole amasenti. Wathatha isinqumo sokuthi lolu kuzoba usuku lwakhe lokugcina kulendawo uzohamba no Sipho abone ukuthi izomfikisaphi leyondlela.

Akayibonanga nokuthi ivele nini lemoto esime phambikwakhe. Ithule du noma iduma. Imnyama bhukle kodwa imoto yemali lena. useyazazi izimoto zabantu abanemali njengoba esesebenze kundawo iminyaka edlulil kwemithathu. lavuleka kancane ifasitela wabona ibhungu lensizwa elifake isudu yize ingaphelelanga ngaba ibhanshi lalihleli sihlalweni ngemuva. akumthusanga ukuthi livuleke kancane iwindi ngoba baningi abantu abangosaziwayo abafika kulendawo abangafuni ukubonwa. Bakhuluma kancane nalensizwa bavumela wagijima waya kulendawo lapho kuhleli amanye amantombazana otha umlilo wafike wathatha isikhwama sakhe wavalelisa. Kwaba ngumsindo amemeza amantombazana ahleka kakhulu ngenkathi igijima aya emotweni naye ezihlekela. Wangena wahlala phansi yasho yasho isuka imoto yashaya kancane yangena kumgwaqo omkhulu.

uMalusi wawuvulela kancane umculo. wabuka kancane lentombazanyana eseduze kwakhe. isiketi sifishane kodwa hhayi kakhulu. ibukeka isancane impela kodwa ngathi inombazane ekahle nje.
"Sawubona bhuti. mina ngingu Amahle igama, ngabe ubhuti uhlala kuphi?"
"khona lapha eduze nje, sizofika kungekudala. uneminyaka emingaki?"
"I'm the the right age" kwaphendula u Amahle enza ubuso obusexy anyusa nesiketi kancane.
uMalusi wazibukela phambili.
"Yini ofisa ukuyenza ngempilo yakho?" kwakubuza uMalusi ehlisa isivinini kubonakala ukuthi sebafikile lapho baya khona.
Wajika kancane wakhipha iremote wathinta izinkonobho kwavuleka isango.
uAmahle wabona umuzi omkhulukazi empeleni wayecala ukubona umuzi omukhulu ngalendlela uke wathula wayibuka lendawo kwakungathi yihhotela thizeni okanye i mall.
Ithe isithule imoto waphendula u Amahle

"i wanna make your wildest dreams come true", washo ebamba uMalusi ithanga.
uMalusi wavula umnyango ngokushesha waphuma. kubonakala ukuthi ngathi akakuthandisisi ukuthintwa
uAmahle wakubona lokhu wazitshela ukuthi hlampe ilenhlobo enamahloni. Wahleka kancane waphuma emotini walandela uMausi. Lokhu wakubona njenge challenge ayithokozelako ngoba wayeziqhenya ngokuthi yena ukwazi uku seduce noma iyiphi indoda emhlabeni.

Bangena endlini wahlala phansi wabuka i TV. uMalusi wamuthelela isiphuzo waphuza wasehlala eduze kwakhe. Baxoxa ngezinto eziningi, baxoxa ngepolitiki, umculo nokunye okuningi. kwenzeka konkhe loku Akazibeki phansi uAmahle usazama kona ukuthi afake lendoda emoodini. Wayembamba ezindaweni eziningi abuye athathe isandla sikaMalusi asifake phansi kwesiketi sakhe esasinganaluthu ngaphansi. Uze ngomsebenzi kumele ayanelise lendoda ukuze azophuma nemali enengi hlampe ingaphinda imubize futhi kodwa kwakubonakala nje ukuthi ngathi ayimuzwisisi.

"Asambe" uMalusi wabamba uAmahle ngesandla wamusukumisa.wase embamba emahlombe wamuholela ebathroom kuhamba uAmahle phambili.
"Siyaphi?"
akaphendulanga uMalusi wazithulela waqhubeka waphusha uAmahle ngamandla. Uthe engena nje e Bathroom u Amahle wezwa engathi umoya wakhe awuvumi, wazizwa eshawa uvalo wathi uyajika wahlangabezana nempama encane. Wazitshela ukuthi hlampe ilamadoda athanda ucansi olunodlame kodwa wezwa ngesibhakela esamudimula wayoshaya udonga wawela phansi. Ngenkathi eshaya udonga washaya enye into ewumhlobiso eyamsika kwaphuma igazi eliningi. Wazama ukusukuma ebaleke kodwa lendoda yamphinda kabuhlungu. Wahabisa isandla wayithola lento emlimazile ekade isiphansi washaya uMalusi ngayo kodwa amandla wayenganawo yamthinta kancane. UMalusi wayithatha lento wamubonda ngayo ebusweni lathi tsha igazi wadangalala uAmahle.
"sfebe! abantu abanjengani abamosha izwe!"
wayesho lamagama engayeki ukumgqoba ngonyawo ebusweni. wayezama ukusukuma uAmahle kodwa wayengalitholi ithuba.
wamemeza ecela uxolo, ecela usizo kodwa lutho ukuma lendoda. ukumemeza kwakhe kwacala kukukhulu kwaya ngokwehla kwafana nokomuntu osemaphusheni.

06/07/2024

Phakade lami
Ikhasi 5

uDumi wayesebizwe amahlandla ayisihlanu emakhazeni eyobheka abantu okuthiwa kungenzeka babe nguZandile. Njalo wayehamba eyobheka yize wayesho ukuthi ngabe uyezwa ukube isthandwa sakhe asisekho emhlabeni. "Lapho ekhona uZandi uyaphila futhi uzama ngako konkhe okusemandleni ukubuya kimi."
Nanamhlanje wayethole olunye ucingo oluphuma kudective amaziyo olunjalo. wazitshela ukuthi uzohamba kodwa wayenesiqiniseko sokuthi akuyena uZandile.
"Hawu nana ufake idimas lika mommy" kubuza uDumi kungena uMandisa afake iruji ebovu emlomeni, icrown ekhanda, agqoke namadimas aka chanel amakhulu kunaye enza abukeke engathi impukane thizeni.
"how is daddys princess today?"
kubuza uDumi ephakamisa uMandisa emkitaza umucabula ezihlathini"
wahleka uMandisa kuonakala nje ukuthi ubudlelwane babo buhle kakhulu.
"eww daddy I'm too grown for that" kusho uMandisa ezisula isphongo ngenkathi uDumi emqabuza futhi

"Kahle wena...too grown?"kusho uDumi efile yinsini
"yes, the other kids laugh at me when u do that"
wahleka kakhulu u Dumi
"ubatshele labo ukuthi u will always be my little princess"
"sidlani namuhla vele kusho udumi avula i app yaka burger king adlulisela ifoni ku Mandisa wakhetha ukudla abazokudla.
Yize sebathutha kuleyandlu endala emqhashweni njengoba uDumi sekathenge umuzi othi yena izinto zika Zandile azikaze zilahlwe kunaloko sekukhona nezintsha ezimlindile mhla eyobuya.

Bathi uma beqeda ukudla uDumi wadumisa imoto yakhe baphuma bangena ku D383, Isendaweni yase Ballito lana imizi yonkhe ngathi eyaku wall street futhi indawo ephelile. Unenkampane yePrivate Security ayivula emvakpkuduka kukazandi izinto zimhambela kahle nje ngoba basanda ukusindisa ingane ka minister ekade ithunjiwe, yapostwa ezingalwei zokuqhumana yatrenda kuma socials lendaba loko kwabalethela amakhasimende amanengi izitolo, amabhizinisi, amafarm afuna ukuvikeleka. Wanyathela kancane wavula izindaba, uMelody washintsha wafaka okuthandwa nguye okwakuyingoma ethi Dance to me. Yinhle imoto yensizwa, Unyonyovu lohlobo luka Mercedez i AMG GLE 63. Ngalolusuku uDumi wakhetha ukuhamba ayodlula ngakhona kulesasitolo lapho agcina khona ukubonakala uZandi. Uthe
gokupaka behla, bathi bangakangeni esitolo kwavela insizwa yaziphosa phambi kwabo
"D D Diiimmi" yayikhuluma lensizwa ibonakala ukuthi ijabule kakhulu ukubona uDumi, okunye okwakusobala ukuthi ayiphilile kahle ekhanda
"Peter, wenzani usithusa kanje?" kuphendula u Dumi ngokujabula. uMelody yena wayesethe nama emva kuka Daddy kodwa wazibonela naye ukuthi uhlanya nje olunganabungozi.
"IPHH M MAAADAM?" uma ikhuluma lensizwa kwakuphuma amathe emlomeni futhi esinye isandla sasihleli siphezulu engathi imisa itekisi.
wawuziba lombuzo uDumi waqhubeka wakhuluma okunye nalensizwa yabalandela bangena estolo yasala yalinda ngaphandle. bathenga iziphuzo bayithengela nalensizwa izinto ezimbalwa. uthe eyinika uDumi yathatha ngokushesha yavula yadla engathi bazoyiphuca. Yayingahlafuni yayigwinya nje kuphela,
Wahleka uDumi wavalelisa lensizwa yayigcwele ukudla emlomeni
"Maa daaam hamb neM, hambe ne Zee"
uDumi akayizwanga lenkulumo kahle futhi akanakanga. Washaya ukhiye baqhubeka nendlela nentandokazi yakhe babheke edolobheni.

Emzini ka Dlamini
"Myeni wami uyayibona kodwa indodakazi isikhule kanjani, kumele ngabe isise creche manje?" Kwakubuza umaThabethe basembhedeni, Wayesanda kuvuka UBafana ebuka isthandwa sakhe wake wajabula ebona abantu bakhe abathandayo. umqondo wawusathe liba ngalokhu okumele akwenze kodwa akuphelanga mizuzu emingaki wabuya umqondo wezwa kukhona engathi kuyamhlaba ngaphakathi. Wasondela uMaThabethe waqabula isoka lakhe "ngiyakuthanda baba ka Odie yezwa" washo esukuma eyokwenza ukudla. akaphendulaga uBafana kunaloko wambamba wangamyeka iskhathi eside waze wathuka noMaThabethe ngoba yinto angayijwayele. Isoka lakhe yize linothando indaba ze romance alizingeni.

U Odera wayedlala ngonodola wakhe omnyama kudlala nokuthile kumabonakude. "Mkami ntambama ngifuna siphume kukhona lapho ngifune siye khona ungatsheli muntu ngoba yinto eyi Surprise. u Odie uzosala no MaHadebe. Wena uzoza kumina ngizokuyalela ngocingo uma ngiphuma emsebenzini." Wamamatheka umathabethe wanga uBafana wambuka emehlweni.
"Kazi yini le ongiphathele yona Sibbalukhulu, ubani othathe uBafana engimaziyo ngoba omunye umuntu lona and i love it". uBafana wasukuma wathatha iskibha wagqoka ngokushesha wavalelisa wathi usezodla phambili ngoba kukhona lapho ephuthuma khona.

04/07/2024

Phakade Lami
IKHASI 4

UBafana uyisigwili esikhulu endaweni yase ntabamhlophe yize imali ihamba iphele ngoba unabafazi abane, uthanda impilo yobukhazikhazi, izimoto notshwala obubizayo ngako ke imali ayihlali kodwa ihlezi ingena ngoba wathwala nokuthwala okungamuhluphi ngoba ukubulala akuyona inkinga kuBafana. Wakhe umuzi omkhulu onezindlu ezine. Amakhosikazi onkhe anezindlu zawo, kukhona nendlu enkulu lapho behlala khona bonkhe nabantwana, kube nelawu lakhe lapho elala khona uma engafuni ukubona amakhosikazi akhe, indlu yakagogo, isibaya, ihhoko lezinkukhu, amagarage amabili afaka izimoto ezilishumi ku garage elilodwa, indlu yezisbenzi, amasimu amathathu, indlu yamathuluzi kuningi nje. Indoda yesintu engaswele lutho.

uYindoda ehlonishwa kakhulu emphakathini. uwusizo emasontweni, ezikolweni, kuzinhlalakahle nasemangweni wonke jikelele. unokuthenga ama food parcel ahambisele imizi ehlwempu. Bonkhe abafazi bakhe amantombazanyana asendaweni ayewathathe asemancane ngezivumelwano nabazali bawo. Uzithandela bona laba abancane isikhathi esiningi ubathola uma ehambisa lama food parcel noma eya esontweni ebese ukhuluma nabazali bakhe. Isikhathi esiningi lamantombazana ayakuthokozela ukuba amakhosikazi ka Dlamini ngoba athole konkhe akudingako nempilo engcono.

Uthe engena nje emzini wakhe waqonda elawini lakhe wathela ugologo kabili waminyela wahlina kancane. Amagama akhulunywe yisangoma sakhe asahlaba akakakholwa namanje. Isho ukuthini lendoda uma ithi kumele ngigudluze umaThabethe umagcina wami kunguye engimthanda ukudlula bonkhe abafazi bami. iPhakade Lami ngilithanda kangaka. Angeke ngikwazi. Kucabanga uDlamini ebeke isandla emlomeni ikhanda liyankenketha inhliziyo iyabhakuza uvalo.

Inyanga yayichazile ukuthi umthombo usuya ngokuphela kumele avuselele kodwa kuloku akudingi igazi lomntwana omncane njengenjwayelo. Kuzodinga igazi likankosikazi wakhe amthanda ukudlula onke amakhosikazi akhe ongumaThabethe. Kungenjalo ukuzokwenzeka kuzobe kuphindeke kathathu futhi engazithola eselahlekelwa izingane zakhe umnotho wakhe kanye nempilo yakhe.
kwangena ukuyintombazanyana kugijima
"daddy daddy!" kulandelwa nguye uathabethe eshongezitho zakhe nezifaca zakhem emamatheka avele abe muhle kakhulu noboya ebusweni. Zavele zazehlela izinyembezi kuDlamini.

uZandile wayesezazi izikhathi zokubuya kukaMuzi. wayesewazi umsindo wezinombolo ezifacazwa nguMuzi ukuthi izinombolo eziyisithupha ezimbili zomsindo ofanayo. Uyazi nokuthi uma uke washaya imombolo wrong Kuvaleka yonkhe indlu. Wayekwazile ukufihla umbese wokudla amazambane wazilolela wona. empeleni icebo lokuphuma wayenganalo. Onke amacebo ayewacabanga wayengawaboni ephumelela ngoba uMuzi indoda enamandla futhi noma engamzuma emgwaze bangafa bobabili lana. Usekhulume naye kaningi ukwazi ukuthi akuyona indoda ungayijika umqondo okanye uyisabise.

tut, tut, tut, wawusho umsindo ngaphandle
"sthandwa sami, bengikukhumbule" kusho umuzi engena ephosa i briefcase phansi anga uZandile athi nama emabeleni ngohlangotho lobuso okwesana. Emuva kweminyaka eyishumi lwaselungamushayi uvalo kakhulu uzandile umakwenzeka lokuwayesegcwele inzondo nje kuphela. Wayezwa igazi lakhe engathi liyahamba noma kukhona ukuhamba ngaphansi kwesikhumba sakhe uma imthinta lendoda kodwa wayazi ukuthi kumele azenzise, noma yini ayizwayo kumele azenzise ngoba uma engazenzisi uyojeziswa ngendela ebuhlungu.
Bangana isikhathi umuzi wayevale namehl wawavula wabona uboya obuncane phakathi kwamabele aZandile
"You haven't been shaving? You have to shave ngifuna ube perfect for mina".
Wake wamdonsa wamsondeza esibukweni wavula ikhabethe wakhipha izinto zokugeza nokushefa wamuqaqa ubra wamqabula emqaleni wabe amthela ngalezinto zakhona. ubuhlungu emehlweni kaZandile kwakuwubuhlungu beminyaka ezibuka esibukweni nalendoda. Wakhumbula indlela wayengiyo nesoka lakhe uDumi umqondo wake waphuma kulelijele kwasala umzimba. Kazi uDumisani usamkhumbula na.

(For more episodes like and follow my page)

04/07/2024

Phakade Lami
IKHASI 3

(2013 izinsuku emva kokuthunjwa )

intatheli yangqongqoza emnyango kabili wavula umyeni kaZandile wayebonakala ukuthi akaze abuthi cuthu ubuthongo. Ngingu Leleti ngisebenza nabezindaba i obsever. Kwamthokozisa kubona ukuthi kukhona abalulandelako loludaba Wayalela ngezandla u Dumisani ukuthi ingene lentokazi wayenzela nesiphuzo i oros.

Yize ukukhathala nezinhlungu zazibhalwe emehlweni wayekhuluma konkhe akukhumbulako ngesithandwa sakhe, ukuthi babesanda kuthola indodakazi yabo uMandisa. Kwakumthokozisa kakhulu ukuthola ithuba lokukhuluma ngonkosikazi wakhe.
"ubehlezi ekhala ngefiga yakhe engasekho uZee, yazi lapho ubemuhle kanjani" esho loku emamatheka kancane uDumisani ngesandla sakhe esinye abambe waqinisa umunwe wakhe onendandatho.
"Ngiyamkhumbula uZandi! why, why is this happening?" washo lamagama zazehlela izinyembezi kuDumisani.

Intatheli ayishogo lutho yabhala ebhukwini layo yabuza imibuzo.
"Wawukuphi wena mzukwana enyamalala?"
Wazifundela kwezakhe ukuthi lentatheli ibuza ukuthi ngabe unaso isandla yini yena ekunyamalaleni komkakhe. Lombuzo awumphathanga kabi ngoba wayeke waba yisosha Wachaza ukuthi Ngalolosuku babefuna ukuthuma u anti esitolo wacela ukuba kuhambe yena uZandile ukuze azothola i exercise encane yize wayengafuni u Dumisani ngoba unkosikazi wayengazazi izitolo zakulendawo bajwayele ukuthenga edolobheni. Wamyalela u Anti waphuma wahamba uZandile. Banaka emvakwehora ukuthi kwakumele ngabe usebuyile uZandi. Bazama ukumthinta efonini, baphuma ngemoto bambheka bahamba bebuza, esitolo kwathiwa ufikile wazithenga izinto wahamba. Kwafonelwa abangani bakhe, umndeni, asebenza nabo kodwa kwakungekho onolwazi. Amaphoyisa athi babuye uma kuphela u 24 hours. Waphela u 24 hours lutho ukubuya isithandwa sakhe. Kwabhalwa ama poster afakwa yonke indawo, kwafika abaseshi, izintatheli nabanye kodwa lutho ukuthola usizo.
"Ngabe uyasidinga isithombe sakhe?" Kwabuza u Dumi izinyembezi zizehlela avula uwallet ekhipha isithombe esicane sangosuku lwabo lomshado. U24 hours waphenduka unyaka, uNyaka waphenduka eyishumi inumber yomseshi siyavalwa nokuvalwa kodwa akaze alulahle ithemba uDumisani Shezi.

(2023)
Sekuningi akutholile mayelana ngalolwa suku uDmu yize kukuncane uyalazi uhlobo lwemoto eyathatha isithandwa sakhe nokuthi i number plate yayibhalwe u MP. Wawulandela umkhondo walemoto waze wayombeka kwesinye isitolo lapho wathola khona isithombe esiveza uhlangothi lwalemoto kodwa akaze athole ulwazi ulusha emva kwaloko.
"sohlangana futhi PHAKADE LAMI, i won't give up on you"

(Edolobheni)
"Nduna, sizozitholaphi lezizumbulu ezibhalwe lana? bengithi nje mina inkampane isabhekene nezinkinga zemali"
"kona kunjalo Madlokovu" kuphendula uBafana Dlamini ekhululuma no Madlokovu ongomunye wabasebenzi bakhe okade ekhona kulomhlangano.
"Lelithuba bekungeke kulunge lingiphuthe ngako ke imali soyibona ngoba siyayidinga le deal yalomfana nalama truck akhe athutha izinto. Futhi njengoba kuyizinto ezinobungozi aziseshwa ema border futhi ne packaging zobe ibhekwe ithina. Le deal ingasisiza sithuthe okuningi ngaphandle kokuhlushwa amaphoyisa kunokuthi sikhokhele onke amaphoyisa lawa aphinde asijikelengelinye ilanga . akekho ozokwazi ngalomshika ngaphandle kwami nawe. Ingako negama enkapampane ngisebenzise elisha sha."

"ujulile Sibalukhulu yazi mina ngithi usuzama ukungena emabhizinisini aqotho kanti usangumgulukudu namanje". kuphendula umadlokovu ngokumangala
"Hayi ngibheme ngakholwa kuloko"

"Shaya imoto sihambe siyobona inyanga yami uZondi Madlokovu, siyayidinga lemali yale deal."

(For more episodes follow my page and like this post)

04/07/2024

Isizwe (The Nation)
(IKHASI 5)
(Esikolweni)
UVusi waziqinisa wanquma ukuphindela khona ahambise lezinto kuGugu yize esenamahloni ngokwenzeke phambilini. Wahamba ngokushesha waqonda ngqo lapho behleli khona oGugu

"Sanibonani" kubingelela uVusi, abangani baka Gugu babuka UVusi kusobala ukuthi bazama ngako konkhe okusemandleni ukungahleki.
"hi, singakusiza?" kuphendula uGugu emamatheka, empeleni uchazekile ilokubhayiza kwalomfana kuyacaca uyazifela ngaye.
"Ngithunywe uMenzi Uthe ngikunike lezinto" kusho uVusi elula isandla edlulisa uplastiki, wawubuka wakweqisa amehlo engathi ufikelwa ukudinwa uGugu kodwa wangawuthatha. Umngani wakhe wawumukela ngokushesha wabheka okuphakathi.
"yhooooo mngani"

"Yazi uMenzi ngimtshelile ngalento yakhe yokungithengela izinto, angizidingi lezinto zakhe mina"
umngani akakunakanga loko wayesahlanyiswa nayilemali ephakathi, izingubo zakanokusho, iwashi, ne necklace egold.
"yohhh mngani! zinhle. kuyacaca uyazifela ngawe uMenzi." kubabaza umngani engathi akayikholwa into ayibonayo. uGugu wayibona kancane eyodwa ingubo ivele kancane Ku plastic okumngani wakhe, noma ukudinwa kubhalwe emehlweni kwakukhona Loko kujabula okuncane.

"Asambe mngani" kwasho uJabu edonsa uGugu ngengalo belandelana baya ematoilet amantombazana, yabalandela nalentombazana ekade behleli mayo egama layo kungu Melody. Wasala Emile kanjalo uVusi.

Ematoilet abafana kwakumnyama bhukle intuthu engathi kusendumbeni yesangoma, abafundi babhema umthunzi wezinkukhu nogwayikatiki. kukhona namantombazana abhemayo ame ngaphakathi etoilet labesilisa.
"wosh doda! salute nangempela" kumemeza uBobo ephafuza intuthu emlonyeni, uphakamise izithupha zombili, uhlinile umnyama ujulukile ubeke ipensela endlebeni, ihembe leskolwa libhalwe ngepeni elibomvu u27 omncane.

Wathola okomfana kumile nabangani ekoneni kufake iwashi elihle wakudonsa ngekhanda
"woza la wena! osnaai abafana nawe ngeke badlubhe imjeje efresh sikhona thina" wakuphuca iwashi kwathi kuyakhuluma kwahlangabezana nenkulukazi impama wakuphushela le ngamadla kwadiyazela. waba khona nokuphelezela ngesicathulo kwashayiseka kwabanye nabo bazenzela kumfana omcane kuyacaca lempama yayimshayise ngesiyezi lomfana washo ehleka kakhulu uBobo.

"hosh layini, wavuka ntandane kababa" kukhuluma umngani kabobo uMahembe ehleka . "yazi mfana leyangane uJabu ingithatha kanane" kuqhubeka uMahembe

Bobo: "weee, kodwa wena ungu mr love, shaya lento mfethu mingafuni ukuvuma vele laba bezwa ngenduku"

Mahembe: "ukuthi bengithi izinto zihamba kahle nangalolwa suku lwephathi sasindawonye wangishaya ngelamza emnadi kanjani! kodwa manje usenza engathi akangazi"

Bobo: (wake wathula engathi usacabanga) "Relax boy, sizomthola loyo vele i olady lakhe lispanela o madam le ma surbub. phola wena loyo ungowakho. otherwise mfana, bopha sibheme"

(Ehhovisi lika Diggs)
UMenzi ungena uDiggs ubeke izicathulo phezukwetafula ukhuluma no ova ubhema isgazo kuyabonakala ukuthi ukhuluma nentombi okanye ukhuluma ngemali unkunzi ngoba umamatheka okungapheli. Kuthe emvakweskhashana waluvala ucingo

Bra Diggs: "Mfana ka Sticks, ngiphuthume ukhala ngani?"
Menzi: "Kukhona ispani esifuna ukusishaya nama gents, sekulambekile bengithi angizokwazisa mhlonishwa ngoba umsebenzi omkhulu futhi omuhle kakhulu"
Bra Diggs: "Bengishilo nje ukuthi kusamele nilinde kancane kudlule ukhetho kulendawo ingani uyazi uMayor uyisihlobo ngako ke kulezinsuku kuzomele sithi ukuma kancane ngizonazisa uma seningaqhubeka, uvale umnyago ungibizele u Pretty lapho" kusho u Diggs ekhomba uMenzi umnyango.
Menzi "kodwa mhlonishwa uyazi mina seside kakhulu isikhathi ngingakaze..."
Bra Diggs: we mfana ngithe phuma!
Menzi: ( uMenzi wasukuma wagobisa ikhanda kancane wavalelisa) "Mhlonishwa"
Waphuma uMenzi wabiza uPretty okwakuyintombazanyana ebukeka iyincane wangena ehhovisi uPretty wavala umnyango.

Ufika kubangani bakhe uMenzi ukudinwa kubhalwe emehlweni uyaphithizela akazi abambeni ayekeni "ucabanga ukuthi ungubani yena lona vele kukhuluma uMenzi amehlo abukeka engathi uzokhala"
Gwazinja: uthini lomkhufefe wekhehla?
Menzi: Shayimoto sihambe bafo lomuntu uzongidina lo, uzongihlanyisa lo. (Inzondo yayazibonakalela kuMenzi.

Ngokwazi kwakhe uMenzi kwakumele ngabe uyena ophethe ikasi ngoba ubaba wakhe kwakunguye ophethe waze wadubuleka kabi wahlala ku wheelchair wangakwazi nokukhuluma.
"hlanganisa amajita mfethu, namhlanje sishaya ispani" washo uMenzi emamatheka kancane walayitha ugwayi. Isilahla sakhe sihamba kancane babuka ubuhle bokushona kwelanga ziyasondela izikhathi zobumnyama.

Address

Johannesburg
2001

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when FujiblckMusic posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Videos

Share


Other Johannesburg media companies

Show All