Inzima Times

Inzima Times Sikulethela izindaba ngolimi lwasekhaya

Iphume phambili iKaizer Chiefs omdlalweni weDstv Premiership.IKaizer Chiefs ishaye AmaZulu FC ngo 3 : 0 namuhla emdlalwe...
26/08/2023

Iphume phambili iKaizer Chiefs omdlalweni weDstv Premiership.

IKaizer Chiefs ishaye AmaZulu FC ngo 3 : 0 namuhla emdlalweni obuse FNB Stadium kowe Dstv Premiership.

Namhlanje i-DIRCO iphiwe izimoto zohlobo olubizayo.Njengoba kuzoba nomcimbi we-BRICS kulenyanga esikuyona, inkampani yez...
18/08/2023

Namhlanje i-DIRCO iphiwe izimoto zohlobo olubizayo.

Njengoba kuzoba nomcimbi we-BRICS kulenyanga esikuyona, inkampani yezimoto i-Cherry inikezele ngezimoto eziwu 60 zohlobo lwe -Cherry Tiggo 8Pro Max
ezizosetshenziselwa ukuthutha izivakashi nezicukuthwane ezizobe zize emcimbini we-BRICS.

I-SADTU IGXEKA I-CROWTHORNE CHRISTIAN ACADEMY NGOKUCWASA NGOKWEBALAI-SADTU ikhiphe umbiko lapho igxeka khona isehlakalo ...
18/08/2023

I-SADTU IGXEKA I-CROWTHORNE CHRISTIAN ACADEMY NGOKUCWASA NGOKWEBALA

I-SADTU ikhiphe umbiko lapho igxeka khona isehlakalo esenzekile sokucwasa nokugxoshwa komfundi weskole ona 13 yeminyaka obekade enqaba ukugunda ama-dread ekhanda.

IBHODI YE-NSFAS IZOPHENYA IZINSOLO EZIBHEKENE NE-CEOI-NSFAS ikhiphe umbiko izolo othi iBhodi lizophenya i-CEO ngezinsolo...
17/08/2023

IBHODI YE-NSFAS IZOPHENYA IZINSOLO EZIBHEKENE NE-CEO

I-NSFAS ikhiphe umbiko izolo othi iBhodi lizophenya i-CEO ngezinsolo abhekene nazo, lokhu kuza emvakokuthi kuvele imibiko yokuthi kungenzeka ukuthi kunobugebengu abenzile.

IBhodi ithi kuzomele ashenxe eskhundleni okwesikhashana ngenkathi kusaphenywa izinsolo, kuzobe sekungena obekade ewu CFO uMnz Masile Ramorwesi esikhundleni sokuba iCEO. Iyaqinisekisa iBhodi ukuthi izoluhlolisisa loludaba, kodwa lokhu akusho ukuthi izinsolo zikhomba ukuthi iCEO ibekwa icala, kusayizinsolo.

KULIMALE ABANTWANA ABANGU 7 ENGOZINI YOMGWAQOIzolo ekuseni ithimba le IPSS Medical Rescue liphuthumele engozini yomgwaqo...
15/08/2023

KULIMALE ABANTWANA ABANGU 7 ENGOZINI YOMGWAQO

Izolo ekuseni ithimba le IPSS Medical Rescue liphuthumele engozini yomgwaqo lapho ibandakanya imoto eshayise isihlahla emgwaqweni uThembeni eduze nase Groutville. Lemoto ithutha izingane zesikole, kube sekutholwa ukuthi ezimbili izingane zilimale kakhulu, abanye abayithupha bebilimele okungatheni benamanxeba. Babe sebephuthunyiswa esibhedlela.

12/08/2023

Kuboshwe usomabhizinisi wase Stormhill Roodepoort, onebhizinisi lokwenza izingilazi.

Losomabhizinisi uxhume izindleko zebhinisi lakhe kuMaspala wase Joburg, okubalwa amanzi kanye nogesi, usehluke ukukhokhela lezizindleko esezibalelwa ku R6.4 wama million.

Ivideo ku Twitter:

Imidlalo yeMTN 8 yangempelaSonto imikanjena
11/08/2023

Imidlalo yeMTN 8 yangempelaSonto imikanjena

Kuthulwe indebe entsha yeMTN 8 izolo.
11/08/2023

Kuthulwe indebe entsha yeMTN 8 izolo.

KUNGENZEKA APHINDE ABOSHWE UNXAMALALAUngqongqoshe weJustice kanye Correctional Services uRonald Lamola uzothula isinqumo...
11/08/2023

KUNGENZEKA APHINDE ABOSHWE UNXAMALALA

Ungqongqoshe weJustice kanye Correctional Services uRonald Lamola uzothula isinqumo asithathile ngokuboshwa kukamongameli owedlule namuhle ngo 07:30 ekuseni.

09/08/2023

ISANTACO ITHI ISTELEKA SIYAQHUBEKA EWESTERN CAPE

ISANTACO ithi ithumele abameli ukuthi bathole incwadi yasenkantolo eyalela uMaspala waseKapa ukuthi adedele izimoto eziboshiwe, nencwadi evimbela ukuboshwa kwezinye izimoto futhi. Ibika ukuthi lenqubo izothatha amahora awu 48, ngakhoke abakazuyeka isiteleka besalinde impendulo.

ISHIYA PHANSI I-DSTV EMALAWIInkampani iMultiChoice iyayinqamula iDStv sethelathi eMalawi ngenxa yesinqumo esithathwe ink...
09/08/2023

ISHIYA PHANSI I-DSTV EMALAWI

Inkampani iMultiChoice iyayinqamula iDStv sethelathi eMalawi ngenxa yesinqumo esithathwe inkantoli inqabela lenkampani ukuthi ikhuphule amanani ayo.

09/08/2023

ISUNDOWNS IPHINDE EDUME NGAZO

IKaizer Chiefs ishawe ngo 2 : 1 emdlalweni obunamuhla bedlala ne Mamelodi Sundowns.

Sinifisela usuku oluhle.
09/08/2023

Sinifisela usuku oluhle.

UMNTWANA OBEKADE EHLUKUNYEZWA UNINA USENDAWENI EPHEPHILEEmva kwevideo ebikade ibatshazwa endaweni zokuxhumana yengane eb...
09/08/2023

UMNTWANA OBEKADE EHLUKUNYEZWA UNINA USENDAWENI EPHEPHILE

Emva kwevideo ebikade ibatshazwa endaweni zokuxhumana yengane ebikade ikhahlelwa umama wayo, umnyango wase Goli weSocial Development ugijime ukuyovikela ingane. U-MEC Mbali Hlophe uqinisekisile ukuthi umntwana usesendaweni ephephile manje. Amaphoyisa athi asaphenya ngokuhlukunyezwa komntwana.

KUDUTSHULWE ABANTU ABAHLANU BASHONA Izolo ebusuku ngezikhathi zasebusuku 23:15 kube nokudubulana okwenzeke endaweni yase...
08/08/2023

KUDUTSHULWE ABANTU ABAHLANU BASHONA

Izolo ebusuku ngezikhathi zasebusuku 23:15 kube nokudubulana okwenzeke endaweni yase Mbekweni, Western Cape. Amaphoyisa athole umbiko kukhala izibhamu kumuzi osemgwaqweni uChris Hani Street izolo ebusuku, afice abasolwa sebengekho, kutholakale abantu abawu 5 beshonile, abesilisa abathathu kanye nabesifazane ababili. Amaphoyisa athi awaboni ukuthi lesisigameko sihlobene nesiteleka samatekisi. Asaphenya amaphoyida akekho osaboshiwe okwamanje. Uyacelwa ukuthi uma unolwazi ngaloludaba ushayele amaphoyisa kule nombolo 08600 10111.

ISTELEKA SAMATEKISI ASIKHO EMTHETHWENIIMayor yase Cape Town uGeordin Hill-Lewis ubike izolo ukuthi iDolobha lase Cape To...
08/08/2023

ISTELEKA SAMATEKISI ASIKHO EMTHETHWENI

IMayor yase Cape Town uGeordin Hill-Lewis ubike izolo ukuthi iDolobha lase Cape Town lithole incwadi evimbela isiteleka samatekisi. Umyalelo wenkantolo uthi akukho muntu, imoto, itekisi noma umshayeli ovumelekile ukuthi avimbe noma avale ezinye izimoto emgwaqweni eDolobheni lonke.

Isithombe: Geordin Hill-Lewis ku Twitter

ISANTACO IGXEKA IZENZO ZOBUDLOBONGELAIstatimende esikhishwe iSANTACO namuhla igxeka izehlo esezenzekile eWestern Cape ez...
07/08/2023

ISANTACO IGXEKA IZENZO ZOBUDLOBONGELA

Istatimende esikhishwe iSANTACO namuhla igxeka izehlo esezenzekile eWestern Cape ezihlanganise ukuteleka kosomatekisi. Lenhlangano inxusa amalunga ayo ukuthi angenzi izinto eziphambene nomthetho, bathi bazama ukuthola isixazululo benedolobha lase Cape Town.

Ashabalala amathemba kwiSouth Afrika kowe Netball World CupISouth Afrika ishawa iUganda ngo 47 : 49 kumncintiswano weNet...
07/08/2023

Ashabalala amathemba kwiSouth Afrika kowe Netball World Cup

ISouth Afrika ishawa iUganda ngo 47 : 49 kumncintiswano weNetball World Cup izolo.

07/08/2023

Imiphumela yemidlalo yangempelaSonto yePSL

1. Mamelodi Sundowns 2 : 1 Sekhukhune United

2. Golden Arrows 1 : 1 Moroka Swallows

3. Supersport 2 : 0 Richards Bay

4. Royal AM 0 : 0 AmaZulu FC

5. Stellenbosch 1 : 0 Orlando Pirates

6. TS Galaxy 1 : 0 Cape Town Spurs

7. Kaizer Chiefs 0 : 0 Chippa United

8. Cape Town City 1 : 0 Polokwane City

ISIDLO SANAMUHLAIBanana Choc LoafIzithako: - Amaqanda awu 3- Amafutha awu 250ml- Inkomishi eyodwa (1) yashukela- Izinkom...
06/08/2023

ISIDLO SANAMUHLA

IBanana Choc Loaf

Izithako:
- Amaqanda awu 3
- Amafutha awu 250ml
- Inkomishi eyodwa (1) yashukela
- Izinkomishi ezimbili zika flour
- Amathisipuni awu 2 ka baking powder
- Amathisipuni awu ka cinnamon
- Izipuni eziwu 3 zika cocoa
- Izipuni eziwu 5 ze-plain yoghurt
- Obhanana abawu 2 abacutshiwe

ITopping:
-Isipuni esisodwa se-peanut butter
- Izipuni eziwu 2 zobisi
- Izipuni eziwu 2 zikashukela

Indlela yokwenza:

1. Ukushisa kuqala u-oveni uwubeke ku 180°C.

2. Hlanganisa amaqanda, iplain yoghurt, ushukela kanye namafutha kuze kube lula futhi kube fluffy.

3. Sefa uflour, ibaking powder, cocoa kanye ne-cinnamon ndawonye ugoqozele kwingxube yeqanda

4. Faka ubhanana ocutshiwe hlanganisa kuze kuhlangane.

5. Ukwenza uloaf, khiphela epanini lesinkwa eligcotshisiwe

6. Ukwenza itopping, faka ubisi, ipeanut butter kanye noshukela kwindishi (bowl). Hlanganise kuzekuhlangane.

7. Shwiba ngobunono ngesipuni ngaphezulu kwa loaf.

8. Bhaka imizuzu ewu 60 noma kuze kube brown, ubeke ku 180°C.

Umbhali we-risiphi: Perzarhos

Izithombe: Perzarhos

KUSHONE UMUNTU OYEDWA ENGOZINI YOMLILO WEMOTO KWAZULU-NATALIzolo ekuseni kube nokushayisana kwezimoto ezimbili emgwaqeni...
06/08/2023

KUSHONE UMUNTU OYEDWA ENGOZINI YOMLILO WEMOTO KWAZULU-NATAL

Izolo ekuseni kube nokushayisana kwezimoto ezimbili emgwaqeni wase Madadeni KwaZulu-Natal. Abezempilo bafike ngokushesha, bafike bahlola isimo bathola ukuthi abashayeli ababili balimele kakhulu. Babe sebephuthenyiswa esibhedlela, ngeshwa omunye wabashayeli obekade eshiswe umlilo emotweni ubelimele kakhulu washonela esibhedlela.

Isithombe: Arrive Alive

ISIFUNDA SASE LIMPOPO SAMA HAWKS SITHUNGATHA ABAPHANGIUbuqondisi bophenyo lobugebengu base Limpopo buthungatha abaphangi...
06/08/2023

ISIFUNDA SASE LIMPOPO SAMA HAWKS SITHUNGATHA ABAPHANGI

Ubuqondisi bophenyo lobugebengu base Limpopo buthungatha abaphangi abahlomile abasolwa ngokubamba inkunzi onogada bakwa Fidelity. Isigameko senzeke ngomhlaka 04 Agasti 2023 enxanxathela yezitolo eMasingita Mall kwa Malamulele.

Kuthiwa unogada osebenzela iFidelity Cash Solutions ubefaka imali emshinini weATM ngenkathi egagamelwa abasolwa abawu 6 bephethe izibhamu. Abasolwa bakhombe unogada ngezibhamu bese bathatha izikhwama ezimbili zemali engadaluliwe. Base bethatha izibhamu zenkampani, kuthiwe kube nokudubulana kodwa akekho olimele, emuva kwalokho abasolwa babaleke ngemoto iNP300 emhlophe. Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi onomkhondo ngalabasolwa athinte uKapteni George Mutavhatsindi kule nombolo 071 351 7275 noma ashayele amaphoyisa ku 08600 10111.

Ashabalala amathemba kwi Banyana Banyana okuya kumzuliswano wama Quarter Finals.INetherlands iqede amathemba kwi Banyana...
06/08/2023

Ashabalala amathemba kwi Banyana Banyana okuya kumzuliswano wama Quarter Finals.

INetherlands iqede amathemba kwi Banyana Banyana okuya kumzuliswano wama Quarter Finals ngenkathi bewina ngo 2 : 0.

USekgota usesayine kwiStellenbosch FC
05/08/2023

USekgota usesayine kwiStellenbosch FC

Sekuboshwe abasolwa abalinganiselwa ngaphezulu kuka 190 eRiverlea.Kubikwa ukuthi kuboshwe abasolwa abalinganiselwa ku 19...
05/08/2023

Sekuboshwe abasolwa abalinganiselwa ngaphezulu kuka 190 eRiverlea.

Kubikwa ukuthi kuboshwe abasolwa abalinganiselwa ku 190 endaweni yase Riverlea eGoli, ngenkathi amaphoyisa efunana nama zama-zama asehlukumeze umphakathi.

ABAFUNDI ABAWU 463 BAZOTHOLA UZICATHULO NEMIFANEKISO YESIKOLEUmnyango wezemfunzo wase Limpopo kanye neLimpopo Gambling B...
03/08/2023

ABAFUNDI ABAWU 463 BAZOTHOLA UZICATHULO NEMIFANEKISO YESIKOLE

Umnyango wezemfunzo wase Limpopo kanye neLimpopo Gambling Board bahlanganyele ndawonye ukuze baxhase isikole iMookgophong Primary School kanye neMokolo Primary School ngezicathulo nemifanekiso yesikole.

Iyabuya imidlalo yeDstv Premiership Imidlalo yangempelaSonto imikanjena.
03/08/2023

Iyabuya imidlalo yeDstv Premiership

Imidlalo yangempelaSonto imikanjena.

🚨IBANYANA BANYANA IGUQISE I-ITALY🚨IBanyana Banyana isiphumelele iyodlala umzuliswano weRound of 16 emuvakokushaya i-Ital...
02/08/2023

🚨IBANYANA BANYANA IGUQISE I-ITALY🚨

IBanyana Banyana isiphumelele iyodlala umzuliswano weRound of 16 emuvakokushaya i-Italy ngo 3 : 2.

Usegwetshiwe ubaba owadlwengula iNdodakazi yakhe.NgoSeptember wa2012, umsolwa wadlwengula iNdodakazi yakhe emusabisa ngo...
02/08/2023

Usegwetshiwe ubaba owadlwengula iNdodakazi yakhe.

NgoSeptember wa2012, umsolwa wadlwengula iNdodakazi yakhe emusabisa ngokuthi uzombulala uma engatshela abantu ngaloludaba, iNdodakazi yaze yamitha.

NgoMsombuluko ziyi 31 Julayi 2023, umsolwa utholwe enecala lokudlwengula kanye nokunukubeza ngokocansi yiNkantolo yeSifunda saseUpington, wagwetshwa izigwebo zikadilikajele eziwu 6 kanye neminyaka ewu 3 eboshelwa icala lokunukubeza ngokocansi.

IVenezuela isifake isicelo sokuba yingxenye yeBRICS.
01/08/2023

IVenezuela isifake isicelo sokuba yingxenye yeBRICS.

Address

Clermont
Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Inzima Times posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Inzima Times:

Videos

Share

Nearby media companies


Other Film & Television Studios in Durban

Show All

You may also like