UMAKA Magazine

UMAKA Magazine IsiZulu Content: Factual News & Feature Stories
(4)

A division of Umaka Media, UMAKA Magazine is an IsiZulu online publication that covers Business, Entertainment, Fashion News and various features of such content.

MISS KZN QUEEN -Pageant | Thinasonke Mbuyisa |
28/05/2024

MISS KZN QUEEN -Pageant | Thinasonke Mbuyisa |

UQALE ukulandela umncintiswano wokumodela uMiss KZN Queen kusukela ngo-2022, ekhuthazwa ngababone benza kahle kuwona, naye waze wafisa ukuwungenela, ethemba ukuthi kuzomsiza ukumkhulisa njengabadlule kuwona.

Lulwandle Sindiswa Zulu | UMAKA Magazine |
27/05/2024

Lulwandle Sindiswa Zulu | UMAKA Magazine |

UKUKHATHAZWA wukungandi kwezigcawu ezivulelekile zokukhuluma ngobudlelwano bezothando ikakhulu kwabesifazane, ngoba yibo abavame ukufela ngaphakathi ngobunzima ababhekana nabo othandweni, ngesinye sezizathu ezenze iciko lacabanga indlela yokuzama ukuqeda leyo nkinga.

Miss South Africa | Cassandra Snenhlahla Mthethwa |   |   |
23/05/2024

Miss South Africa | Cassandra Snenhlahla Mthethwa | | |

INHLANGANO iMiss South Africa ilwethule izolo uhla lwezintokazi eziwu-30 ezizobanga isicoco salo mncintiswano kulo nyaka, nesiphethwe yintokazi yasePitoli uNatasha Joubert, osinqobe ngonyaka odlule.

Nomfundo Moh_Music | ZUKO SA |   |
22/05/2024

Nomfundo Moh_Music | ZUKO SA | |

ABACULI be-afro pop uNomfundo Moh noZuko Kupiso sebenqume ukuzwelana nesikhalo sabalandeli babo, obese kuyisikhathi eside becela ukuthi bakhiphe ingoma yabo yothando, kulandela ukuthi besabalalise isiqeshana sayo emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana.

MISS KZN QUEEN -Pageant |   |
22/05/2024

MISS KZN QUEEN -Pageant | |

UKUBHIMBA kohlelo komunye wemincintiswano yokumodela awungenela ngo-2020, kungasenzeki ayethenjiswe ukuthi kuzokwenzeka esewinile, kwenza wadikibala, waze wahlaba ikhefu leminyaka emithathu ekumodeleni.

MISS KZN QUEEN -Pageant |   |
17/05/2024

MISS KZN QUEEN -Pageant | |

NJENGABANYE onobuhle abasafika endimeni yokumodela uhlale elandela asebephambi kwakhe ukuthola, abone ukuthi benzani futhi benza kanjani ukuqhakaza, bazuze lukhulu kule ndima ayizwa ngaphakathi.

Khuzani KING Ndlamlenze Mpungose | Omo South Africa | UMAKA Magazine |
11/05/2024

Khuzani KING Ndlamlenze Mpungose | Omo South Africa | UMAKA Magazine |

ISITHANDWA sabalandeli boMaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose useqokwe yinkampani yensipho yokuwasha i-Omo ukuba yinxusa lomkhakhankaso wayo obungaza, uqhakambise amadoda aqotho emphakathini obizwa ngeQina Ndoda.

  UMAKA Magazine
10/05/2024

UMAKA Magazine

EMINYAKENI eminingi edlule ikakhulu ngezikhathi zohulumeni wengcindezelo kwakubhoke nezimpi zezigodi, abantu bezigodi ezahlukene belwa futhi abanye bebulalana ngenxa yezizathu ezahlukene zokwakwenzeka kudala.

ISITHANDWA sabalandeli baMaskandi uKhuzani KING Ndlamlenze Mpungose usememezele ukuthi useqokwe yinkampani yensipho yoku...
10/05/2024

ISITHANDWA sabalandeli baMaskandi uKhuzani KING Ndlamlenze Mpungose usememezele ukuthi useqokwe yinkampani yensipho yokuwasha i-Omo South Africa ukuthi abe yinxusa lomkhankaso wayo obizwa nge-Qina Ndoda.

Jacinta Zinhle Ngobese | Vuma FM |
09/05/2024

Jacinta Zinhle Ngobese | Vuma FM |

NGIQALA le ngosi ngasho ukuthi uthando enginalo ngomsakazo lwenza ngingachemi neziteshi noma izinhlelo zemisakazo nabasakazi abathile kuphela. Ngilalela iziteshi nezinhlelo okwehlukene, loko okusiza ngokuthi uma sengibhala imibono yami, ngikhulume into engiyaziyo nengiyizwile, ngingafuniseli.

UMBHISHOPHI uMpendulo Nkambule, oshade nomsakazi woKhozi FM uZanele Mbokazi, useveze ukuthi umkakhe uhaqwe wumdlavuza wa...
08/05/2024

UMBHISHOPHI uMpendulo Nkambule, oshade nomsakazi woKhozi FM uZanele Mbokazi, useveze ukuthi umkakhe uhaqwe wumdlavuza wamaphaphu (i-lung cancer). Udalule lezo zindaba namhlanje ekuseni ekhuluma ohlelweni lukaMroza noDJ Sgqemeza, kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi lomsakazi akaphilile, njengoba sekuphele amasonto amabili engazwakali emoyeni. UNkambule ubonge abantu ngokubeseka kulesi simo ababhekene naso, wacela ukuthi babakhulekele, ngethemba lokuthi umkakhe uzolulama ngokushesha.

Gagasi FM | Lusanda Lusdia Mnqayi |
08/05/2024

Gagasi FM | Lusanda Lusdia Mnqayi |

UMA kuqala isizini yezinhlelo ezintsha zemisakazo, okuvame ukwenzeka ngo-Ephreli emisakazweni eminingi, abalaleli bajwayele ukuthanda ukuzwa izinhlelo zaphakathi nezinsuku ikakhulu lezo okusuke kwenzeke izinguquko kuzona.

NAMHLANJE wusuku lokuzalwa lukaSimangaliso Simanga Iciko Ntshangase, umnikazi we-UMAKA Magazine Uhlanganisa iminyaka ewu...
03/05/2024

NAMHLANJE wusuku lokuzalwa lukaSimangaliso Simanga Iciko Ntshangase, umnikazi we-UMAKA Magazine Uhlanganisa iminyaka ewu-25. Mupheni uthando bakwethu...

Nontokozo Mkhize | UMAKA Magazine |
02/05/2024

Nontokozo Mkhize | UMAKA Magazine |

IZWE libhekene nesikhathi lapho kunendlala yamathuba emisebenzi, ngisho nabafundile baze bagogoda emikhakheni ethile, kunzima eningini labo ukuthola umsebenzi ngokwehlukana kwemikhakha abayifundele.

  | UMAKA Magazine |
30/04/2024

| UMAKA Magazine |

EMPILWENI kunezinto esizenza ngenhloso nangethemba lokuthi zizosiza ukusibeka esigabeni sempilo esizifisela sona, ukwenzeka nokufezeka kwaloko okuyosho ukufezeka kwamaphupho ethu eminyaka.

Sandile Sandy Nene | UMAKA Magazine |
23/04/2024

Sandile Sandy Nene | UMAKA Magazine |

ICIKO elenza imisebenzi eyahlukene kwezobuciko kubalwa nokuba semkhakheni wezindaba nokuxhumanisa amaciko nabezindaba ngokuzimele, uSandile Nene owaziwa ngelikaSandy, uhlabane ngendondo yomsebenzi omuhle awenzayo.

USUQALILE umshikashisha womncintiswano wonobuhle uMISS KZN QUEEN -Pageant 2024/25, njengoba namhlanje emini kubuthane iz...
20/04/2024

USUQALILE umshikashisha womncintiswano wonobuhle uMISS KZN QUEEN -Pageant 2024/25, njengoba namhlanje emini kubuthane izintokazi eziwu-42 eziwungenele, e-Albany Hotel, eThekwini.

Labo nobuhle basezindazweni ezahlukene zaKwaZulu-Natali bavivinywe ngemibuzo yokubahlola ubuhlakani babo, enye yezindlela esetshenziswa ukubheka ofanelwe yisicoco.

Maduze kuzoqala uhlelo lokukhankasela amavoti, futhi benze nemisebenzi eyahlukene andukuba kufike usuku lomcimbi wokuklomelisa onqobile.

Isicoco salo mncintiswano, okudlule kuwo onobuhle okubalwa no-Ayanda Thabethe kubona, wodumo lakuMiss South Africa, siphethwe wuNkazimulo Tshabalala (kwabadala) noPalesa Khanyile (kwabancane).

Melinda Ferguson Publisher/ Writer | UMAKA Magazine |   |
19/04/2024

Melinda Ferguson Publisher/ Writer | UMAKA Magazine | |

UKUSHISEKELA ukwazi okungale kokwabikwa kwabezindaba ngokufa kuka-Anele Tembe, owayeyingoduso yesithandwa sabalandeli beHip-Hop u-AKA, naye ongasekho emhlabeni, kwenze uqweqwe lentatheli, wumbhali nomshicileli wezincwadi uMelinda Ferguson wabhala incwadi eveza obekungaziwa.

Black Brain Pictures | IsiphethoDestinyetv |
19/04/2024

Black Brain Pictures | IsiphethoDestinyetv |

UKUCULA nokulingisa ngamakhono obuciko awakhombisa esasemncane, kwathi nalapho esekhulile akangabheka neze emuva, kunaloko ubehlale ezihlupha ngokuhlwaya amathuba okuchuma ngalamakhono kwezikaqedisizungu.

Sine Nene | Gagasi FM | UMAKA Magazine |
18/04/2024

Sine Nene | Gagasi FM | UMAKA Magazine |

EMPILWENI umuntu nomuntu unezinto azifisela zona nafisa ukuzenza, azifeze ngempilo yakhe, futhi asuke ekholwa wukuthi ukufezeka nokwenzeka kwazo kungukufezeka kwamaphupho noma kwephupho elithile kuyena.

  UMAKA Magazine
17/04/2024

UMAKA Magazine

UNGENISE kwezemfashini ngokusebenza nabemidlalo nezinhlelo okwehlukene kwakwithelevishini, egqokisa osaziwayo abethula lezo zinhlelo nabalingisi baleyo midlalo ethathwa ngokuthi ingeminye yemikhulu eNingizimu Afrika.

UMNCINTISWANO uvuleleke konobuhle besifazane, abazohlanganisa noma asebehlanganise iminyaka engaphansi kwa-30 kulo nyaka...
16/04/2024

UMNCINTISWANO uvuleleke konobuhle besifazane, abazohlanganisa noma asebehlanganise iminyaka engaphansi kwa-30 kulo nyaka. Ama-video kumele athunyelwe ngo-WhatsApp enombolweni ethi: 063 749 0060 ungakedluli umhla ka-21 Ephreli 2024. | UMAKA Magazine |

NGOLWESIHLANU lwesonto elizayo wumhla ka-27 Ephreli, usuku lokugubha inkululeko phecelezi i-Freedom Day, lapho Ningizimu Afrika izobe igubha khona iminyaka ewu-30 leli zwe laholwa wuhulumeni wentando yabantu.

Izwilomzansi fm | UMAKA Magazine |
15/04/2024

Izwilomzansi fm | UMAKA Magazine |

UKWEDLULA emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM uBheka “uBeekay” Mchunu, kwenze umbhali wezincwadi owayesondelene kakhulu naye uLungisani Mavundla wabuyela emsakazweni ukuhlonipha amagalelo akhe kule ndima.

  UMAKA Magazine
15/04/2024

UMAKA Magazine

INDLALA yabantu besifazane abangena, bachume emkhakheni wezolimo ngenye yezinto ezikhuthaza umlimi waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, ukuzimisela kule ndima, ukuze akhuthaze imbokodo ukulandela ezinyathelweni zakhe.

Nongcebo Vukile McKenzie | UMAKA Magazine |
12/04/2024

Nongcebo Vukile McKenzie | UMAKA Magazine |

INKAKHA yomsakazi esanda kushiya kwisikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM uNongcebo Vukile Mckenzie usepholise izinhliziyo zabalandeli bakhe abebephatheke kabi ngokushiya kwakhe kungalindele muntu emsakazweni.

UMAKA Magazine | Generations:The Legacy |
12/04/2024

UMAKA Magazine | Generations:The Legacy |

UMLINGISI nomqondisi wemidlalo yethelevishini uNompilo Mwelase ufanise ukujoyina kwakhe umdlalo wakwiSABC 1 iGenerations: The Legacy, nokufezeka kwephupho lakhe leminyaka ngenxa yokuthi ukhule elandela lomdlalo.

Black Brain Pictures | UMAKA Magazine |
05/04/2024

Black Brain Pictures | UMAKA Magazine |

UBUNGOZI bokufihla izinto ezenzeka ebuncaneni nokuthi loko kunamphumela muni uma usumdala, ngenye yezinto ezizogqanyiswa wumdlalo omusha wakwi-etv Isiphetho: Destiny, oqala ngoMsombuluko ngo-6:30 ntambama.

The Zulu Kingdom Choir | UMAKA Magazine |
05/04/2024

The Zulu Kingdom Choir | UMAKA Magazine |

IQEMBU lomculo we-opera i-The Zulu Kingdom ishaya ibuya ihlandla lesibili ngomcimbi walo weminyaka yonke i-Songs and Hymns, onhloso yawo wukugubha umKhosi wePhasika ngomculo nezintshumayelo.

Nomfundo Moh_Music | UMAKA Magazine |
04/04/2024

Nomfundo Moh_Music | UMAKA Magazine |

ISITHANDWA sabalandeli be-Afro pop uNomfundo Moh ukhiphe ingoma ethi Umusa, ukubabaza ubukhulu bamandla kaNkulunkulu futhi amtuse ngakho konke akuhle asemenzele khona empilweni yakhe.

  | UMAKA Magazine |   |
03/04/2024

| UMAKA Magazine | |

UKHUZA ibuya ihlandla lesithathu umcimbi oyisigcawu esivuleleke kwabesifazane kuphela ukubacobelela ngolwazi lokuqala nokufukula amabhizinisi abo iWomen Welcoming Entrepreneurship, ozoba seLIMEROOFTOP, eMhlanga, eThekwini ngoMgqibelo ngo-9:30 ekuseni.

Address

Durban

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 17:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 17:00
Friday 09:00 - 17:00
Saturday 05:00 - 17:00
Sunday 05:00 - 17:00

Telephone

+27637490060

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when UMAKA Magazine posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to UMAKA Magazine:

Videos

Share

Category


Other Magazines in Durban

Show All

You may also like