Kwasa Breakfast show Umoya 101.9 FM

Kwasa Breakfast show Umoya 101.9 FM Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Kwasa Breakfast show Umoya 101.9 FM, Radio Station, Lot Street, Durban.

Isililo besiqhuma phezulu kwabaqolwe imali e Verulam. Ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalula igama lalo libikele i...
01/07/2024

Isililo besiqhuma phezulu kwabaqolwe imali e Verulam. Ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalula igama lalo libikele ithimba lomsakazo u Moya Fm ,ukuthi lemali ibiqolwa ngo R5 abanekhanda lika Mandela. Izindawo ezithinteke kakhulu kulelibhanoyi elindize nezizumbulu zabantu kubalwa I Ndwedwe, Ntuzuma, Waterloo kanye no Mashu. Kubikwa ukuthi abantu bebethenkiswe ukuthi bazoyithola mhlaka 01 July imali yabo.Kabakholwanga ngesikhathi befica kulenga okhiye emahhovisi lapho bekuqolwa khona abantu. Ngoko mthombo ocashile uthi labalisa bahlala e Waterloo bude buduze nase Waterloo ,nokungenzeka nakhona ukuthi kabasekho sebedlulele phambili, kuchaza umthombo ongathandanga ukudalula igama alaso.

Kunxuswa umphakathi ukuthi uhlukane nezinto eziza kalula.

20/05/2024

Kugqame ubumbano kubafundi base DUT izolo ngesikhathi bekhombisa amakhono ahlukakene emcimbini ubulelwe abafundi bezinhlanga ezahlukakene kanjalo namabandla ahlukahlukene. Abafundi balesikhukhongo bathi bakujabulele okwenziwe isikhungo sase DUT eThekwini,bathi lokhu bazizwa bemukelekile kulesikhungo njengoba ezinye izinkolo kunzima ukuthi zamukeleke ezikoleni ezahlukene. Kulomcimbi abafundi bebevunule ngokwezinhlanga ezahlukahlukene nokuwuphawu olukhombisa ubumbano kubafundi base DUT. Intatheli yomsakazo u Zama Mabika ubekhona kulomcimbi wasiqiqela nanku u mbiko.

U Jabulani Khumalo osanda kuxoshwa qenjini le MK Party usebhalele inhlangano yokhetho ezimele ukuthi ihoxise igama lika ...
07/05/2024

U Jabulani Khumalo osanda kuxoshwa qenjini le MK Party usebhalele inhlangano yokhetho ezimele ukuthi ihoxise igama lika Mnumzane Jacob Zuma kwikist yabantu abazoya komela leliqembu e Phalemende ,u Khumalo uphinde wabhalela u Zuma ukuthi angeke esaba ubuso beqembu njengoba kuyiwa okhethweni.

Uzofihlwa ngolwesine u Dingaan the Rose of Soweto Thobela otholakale eflethin lakhe eshonile ngomsombuluko odlule
06/05/2024

Uzofihlwa ngolwesine u Dingaan the Rose of Soweto Thobela otholakale eflethin lakhe eshonile ngomsombuluko odlule

Owine u 13million kwi Power Ball uthi ufuna ukuthengela umalume wakhe umuzi nemoto. Lomlisa osemncane uthi emva kokushon...
06/05/2024

Owine u 13million kwi Power Ball uthi ufuna ukuthengela umalume wakhe umuzi nemoto. Lomlisa osemncane uthi emva kokushona Kuka baba wabo besebancane ,umalume wabathwala wabenza umthwalo wakhe. Uthi bebefundiswa umalume,ebathengela nezinto zokugqoka ,kanjalo nokudla.

Sekubanjwe imoto yemali Ku R34 phakathi kwase Mpangeni nase Nkwalini .
06/05/2024

Sekubanjwe imoto yemali Ku R34 phakathi kwase Mpangeni nase Nkwalini .

Kuthuse abantu abaningi ukudlula emhlabeni kuka Mpho Sebeng.Umpho ubengumlingisi othandwa abantu abaningi kuleli,ungomun...
05/05/2024

Kuthuse abantu abaningi ukudlula emhlabeni kuka Mpho Sebeng.Umpho ubengumlingisi othandwa abantu abaningi kuleli,ungomunye wabalingisi abahamba phambili.

Iqembu le Inkatha Freedom Party ilonaqembu elibonakale lizimisele kakhulu ekunyuseni izinga lokukhankasa njengoba sibhek...
05/05/2024

Iqembu le Inkatha Freedom Party ilonaqembu elibonakale lizimisele kakhulu ekunyuseni izinga lokukhankasa njengoba sibheke okhethweni . leliqembu ebelaziwa ngokuthi ligxile kakhulu Kwa Zulu Natal nase Gauteng, kodwa konke lokho sekuwumlando manje , njengoba selisabalele nakwezinye izifundazwe, esingabala kuzo , Mpumalanga Province , Freestate nase Limpopo. Leliqembu lengelinye lamaqembu amakhulu kuleli nasemlandweni wezwe lase Ningizimu Africa. Liyiqembu elingagudluki emigomweni yalo,liphinde line yiqembu eliqhakambisa kakhulu inhlonipho nokuziphatha kahle kwabaholi emphakathini abawuholayo. Ukudlondlobala kwaleliqembu kubonakale okhethweni lohulumeni basekhayo olugcinile lapho liwole omaspala abaningi KwaZulu Natal.Aligcinanga lapho, njengoba belizidlela amahlanga ezinkethweni zokuchibiyela. Kanti loyo ogaqele esobundunankulu esifundazweni sakwaZulu Natal uMnumzane Thami Ntuli ubonakala ezikhandla njengoba ehla enyuka kulesisifundazwe,eqinisekisa ukuthi leliqembu limuke naso lesilifundazwe. Nakubo zizwakala izigi zeqembu elisha elisanda kusungulwa u Mkhonto Wesizwe,kodwa abaholi be IFP bathi akubethusi nakancane lokho. Umbuzo okhona njengamanje uthi kungabe iyiphi inkunzi ezogcina iba umakhonya KwaZulu Natal.?

Ushonele endaweni yesgameko umlisa obesolwa ngokubamba inkunzi estolo e E Phoenix. Kube nokudubulana phakathi kwamaphoyi...
05/05/2024

Ushonele endaweni yesgameko umlisa obesolwa ngokubamba inkunzi estolo e E Phoenix. Kube nokudubulana phakathi kwamaphoyisa namadoda abebamba inkunzi e Westham nalapho omunye wabo eshonele khona endaweni yesgameko.

Umbango wezepolitiki kuleli usufike esigabeni sokukhipha izidumbu, njengoba amaqembu ezepolitiki kuleli eqhuba imikhanka...
05/05/2024

Umbango wezepolitiki kuleli usufike esigabeni sokukhipha izidumbu, njengoba amaqembu ezepolitiki kuleli eqhuba imikhankaso yawo ezindaweni ezahlukene.lokhu kulandela ukubulawa kwesishoshovu seqembu le EFF e Limpopo, ebelifaka izingqwembe zeqembu le EFF endaweni eyaziwa njengesigceme se ANC .abazibonele ngamehlo bathi kuqhamuke Imoto efike yama, kwathi abebephakathi babuza ukuthi wenzani lana , owazi yini ukuthi indawo ye ANC lena? Omunye wabalisa wavele wadedela inhlamvu khona lapho.

Umfundi owenza u Grade 12 kwesinye sezikole esise Phoenix,uthuse abaningi ngesikhathi efika ngemoto yezidumbu e hholo la...
04/05/2024

Umfundi owenza u Grade 12 kwesinye sezikole esise Phoenix,uthuse abaningi ngesikhathi efika ngemoto yezidumbu e hholo lase Sunford lapho bekubuthene khona abafundi. Ngesikhathi kutheleka imoto yezidumbu eskoleni bonke abafundi bebemangele ukuthi kanti kwenzakalani. Kodwa okubethuse kakhulu ukuphuma kwentombazanyana oneminyaka engu 17ebhoksini lezidumbu igqoke umfaniswano wesikole.

Lomlisa wabhubhudla imali engango 84 Million ngeminyaka emibili nje vo! Uthi Uma kungavela ithuba lokusebenza estolo uth...
04/05/2024

Lomlisa wabhubhudla imali engango 84 Million ngeminyaka emibili nje vo! Uthi Uma kungavela ithuba lokusebenza estolo uthi angalibamba ngezandla zombili, njengoba isimo sakhe songekho sihle nngakwezezimali. Uthi kuningi akufundile ,wazithethelela ngokuthi umuntu ufunda ngamaphutha

04/05/2024

OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma, neqembu Umkhonto Wesizwe (MK) bafake isicelo eNkantolo yoMthethosisekelo. Bacela ukuthi amajaji ayekhona ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuthi aboshwe ngokwedelela umyalelo wenkantolo, ashenxe uma sekulalelwa isicelo senhlangano yokhetho i-IEC ngesonto eliz...

Iqembu le ANC lesithathe isinqumo sokumisa isgcawu sokuqondiswa kwezigwegwe kuloyo owake waba ngu Mengameli kuleli uMnum...
04/05/2024

Iqembu le ANC lesithathe isinqumo sokumisa isgcawu sokuqondiswa kwezigwegwe kuloyo owake waba ngu Mengameli kuleli uMnumzane Jacob Zuma osengumholi weqembu Lo Mkhonto Wesizwe.leliqembu lithi sizothi ukuma lesigcawu kuze kudlule ukhetho.leliqembu lithi ukwenza lesigcawu njengoba kuza nokhetho nje akuphephile.

02/05/2024

Topic yethu yanamhlanje, yini Lena ekuhlabe umxhwele osukwini layizolo njengoba bekuyiholidi kugujwa usuku lwabasebenzi? 0698574778

02/05/2024

Kwasa Breakfast Show, Asibavuse, wena uvusa bani? Oyakuphi? Drop your comment now....

01/05/2024

Kwasa Breakfast Show, Siyabakhipha. Sikhipha abaya eskoleni nabaya emsebenzini or ezindaweni ezahlukene, Wena ukhipha bani oya kuphi. 06 to 09 Monday to Friday. Our Studio number is 0698574778.

Isishoshovu seqembu u Mkhonto Wesizwe uMnumzane Morgan Mbili ushe wangqongqa endlini ngomsombuluko ebsuku.Ngokusho lomak...
30/04/2024

Isishoshovu seqembu u Mkhonto Wesizwe uMnumzane Morgan Mbili ushe wangqongqa endlini ngomsombuluko ebsuku.Ngokusho lomakhelwane bathi bezwe U Mbili ekhala ecela usizo lesisehlakalo senzeke e Cato Crest Kwa Zulu Natal. Omakhelwane bazamile ukumsiza kodwa ilangabi lomlilo beseliphezulu njengoba bekuvimbanise intuthu bengakwazi ukubona umnyango lapho ungakhona.

Ayikaziwa imbangela yalomlilo Kanti amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanjalo nelokucekela impahla ngomlilo

Sakhula kunalomama enyangeni owayethwele izinkuni ebelethe ingane. Ukuphi owake wakuzwa ngaye?
30/04/2024

Sakhula kunalomama enyangeni owayethwele izinkuni ebelethe ingane. Ukuphi owake wakuzwa ngaye?

Akasekho emhlabeni u Dingan Thobela .Uthobela utholakale endlini yakhe esethuli💔💔💔💔
30/04/2024

Akasekho emhlabeni u Dingan Thobela .Uthobela utholakale endlini yakhe esethuli💔💔💔💔

30/04/2024
Usazikhumbula lezintokazi,uzazela kuyiphi Social network .kwakungumuphi unyaka?
29/04/2024

Usazikhumbula lezintokazi,uzazela kuyiphi Social network .kwakungumuphi unyaka?

27/04/2024
Noxolo Xolelwa, Busisiwe Sbo, Xoliswa Nobuhle, Bongiwe Buyisile, Cynthia Ntomb'eneskhwele, Intungwa Elisha Sha EMnambith...
26/04/2024

Noxolo Xolelwa, Busisiwe Sbo, Xoliswa Nobuhle, Bongiwe Buyisile, Cynthia Ntomb'eneskhwele, Intungwa Elisha Sha EMnambithi, CcLee Sitole Cc Oyelloe

Intandokazi yabathandi bomculo u Nkosazana Doughter ubanjwe inkunzi ephuma estudio,kwathathwa impahla elinganiselwa kwi ...
26/04/2024

Intandokazi yabathandi bomculo u Nkosazana Doughter ubanjwe inkunzi ephuma estudio,kwathathwa impahla elinganiselwa kwi nani lika R30 000

Zingamkhalela noma inini u Kelly Khumalo ,njengoba seyikhishiwe incwadi yokuthi aboshwe.
26/04/2024

Zingamkhalela noma inini u Kelly Khumalo ,njengoba seyikhishiwe incwadi yokuthi aboshwe.

26/04/2024

Siyithimba lekwasa Breakfast Show,sidlulisa ukubonga okukhula nge Support enisinika yona ohlelweni , abanye bathenga amadata ukuze basilalele online,ngenxa yokungafiki kwe Frequency ezindaweni abakuzona ,Siyabonga kakhulu 🙏 siyazithoba Kini. Sisazoqhubela sinibikele izindaba,siphinde siniphe ukudla kwendlebe. If ufuna I link yomsakazo ngicela ukhulume Nathi Ku what's app 0695674778. Kwasa Breakfast Show Umoya 101.9 Fm . Siyabonga kakhulu, niqhubeke njalo nokuseseka🙏🙏🙏

Usathukile u mphakathi wakwa Ngcolosi e Ndwedwe ku word 17 emva kwesigameko sokudutshulwa abane -4 abebeze koshadisa kuy...
21/04/2024

Usathukile u mphakathi wakwa Ngcolosi e Ndwedwe ku word 17 emva kwesigameko sokudutshulwa abane -4 abebeze koshadisa kuyo lendawo. Kubikwa ukuthi umshado ubusuka endaweni yakwa Ngoza ku word 16 khona e Ndwedwe.Kuthiwa amadoda angaziwa afike avulela ngenhlamvu izintathakusa ngesonto ,kwashona abantu abane. Imbangela yalokhu kuhlaselwa beyingakaziwa ,kanti amaphoyisa aaphenya. Bekungakabishwa muntu ngalesigameko.khona manjalo u sodolobha wakumaspala wase Ndwedwe uMnumzane Samuel Mfeka udlulise amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe ,nakuzihlobo kanye nabangani.

Kuhlukene imibono nge DNA yesintu, kuthiwa uma ingane izelwe ,kumele uthathwe leyongane ifakwe esbayeni esinezinkomo zak...
14/04/2024

Kuhlukene imibono nge DNA yesintu, kuthiwa uma ingane izelwe ,kumele uthathwe leyongane ifakwe esbayeni esinezinkomo zakuloyo muzi, Uma izinkomo ziyiluma kushukuthi akuyona eyalapho leyongane,umlingisi odumile u Fezile Makhanya ulwenzile lolosiko wwphinde wakuqinisekisa ukuthi ingane ngeyakhe.

Kuthini ukuphawula kwakho ngaloludaba......Kungabe lolusiko kumele silwenze njemaZulu noma siqhubeke nokusebenzisa I DNA yesilungu?

Owaduma kwi The Queen u Brenda Ngxoli ,uselaxaze ubungoma wakhetha ukusindiswa, eminyakeni edlule u Brenda waye phuphuma...
14/04/2024

Owaduma kwi The Queen u Brenda Ngxoli ,uselaxaze ubungoma wakhetha ukusindiswa, eminyakeni edlule u Brenda waye phuphuma injabulo ebonga ukuphothula kwakhe umsebenzi wokuthwasa,uthi uzizwa ezelwe kabusha manje, wanikela u Jesu njenge Nkosi no Msindisi

Address

Lot Street
Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Kwasa Breakfast show Umoya 101.9 FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Videos

Share

Category


Other Radio Stations in Durban

Show All