Izwi Le Africa

Izwi Le Africa We give you ground breaking news happening in and around Africa and Globally. True journalism is our

Bathi ke u Jesu no Nkulunkulu usengene khaxha kwezamabhizinisi. Usungalakha ke isu uyomthola nawe.
17/10/2023

Bathi ke u Jesu no Nkulunkulu usengene khaxha kwezamabhizinisi. Usungalakha ke isu uyomthola nawe.

Ugxume wabaleka nogodo owesifazane othi ubone into emshaqise umzimba Kade ehlangene nomlisa wase Venda. Namanje lowesifa...
11/10/2023

Ugxume wabaleka nogodo owesifazane othi ubone into emshaqise umzimba Kade ehlangene nomlisa wase Venda. Namanje lowesifazane, uthi umzimba wakhe usathuthumela kuyimanje. Bakithi umdlalo omuhle udinga izethameli. Khumuhhh

Nangu omunye wezintokazi ezishiya izinsizwa zibambe ongezansi, u Candice McGroobler, isiphalaphala sentokazi, esilishiyi...
08/10/2023

Nangu omunye wezintokazi ezishiya izinsizwa zibambe ongezansi, u Candice McGroobler, isiphalaphala sentokazi, esilishiyile noko igabade, intokazi Lena yaziwa kakhulu ngokuba intatheli yemisakazo ezimele kulo lonke leli laseNingizimu Africa. Cha akengithi khumu, suyosala uphakela ihlo okwalo.

Kuloku ke uthe bukani nidele, kodwa ningathinti, kusho u Zodwa wabantu emcimbini obungalempelasonto esibuya kuyo, izihlw...
03/10/2023

Kuloku ke uthe bukani nidele, kodwa ningathinti, kusho u Zodwa wabantu emcimbini obungalempelasonto esibuya kuyo, izihlwele zibonakale ziphuthuma ama cellphone azo zithwebula lomfanekiso ka Zodwa edeke itafula phambi kwezitha nabathandi bakhe.

Size safika qathatha ekhaya lenyama yengwenya. Cha bayayazi into yabo lapha ekhaya, lendawo cishe bonke abantu abangabah...
30/09/2023

Size safika qathatha ekhaya lenyama yengwenya. Cha bayayazi into yabo lapha ekhaya, lendawo cishe bonke abantu abangabahlali base Thekwini, kumele kebazojika kuyona, bazizwele nobumnandi benyama, angisayiphathi ke eyokuhla ezihlaweni zethayi.

Imbila yaswela umsila ngokuyalezela

Indaba isuke emavikini amabili Uma uNks Nicole Sithole osesithombeni beyodla ukudla endaweni ese Thekwini e Glenwood, ey...
23/09/2023

Indaba isuke emavikini amabili Uma uNks Nicole Sithole osesithombeni beyodla ukudla endaweni ese Thekwini e Glenwood, eyaziwa ngokuthi i Moment Of Magic, House of Fish and Croc Meat. Uthi Nicole Sithole bengazi ukuthi kuyiqiniso ukuthi Inyama Yengwenya iyaluqeda ngampela idliso. Uthi naye wamudlisa umyeni wakhe emnyakeni eyiShumi eyedlule, ngoba wayehlupha ngokuqonywa izingane ezincane Kanti babesanda kushada no mnumzane u Sithole. Uthi uyazisola ngokumyisa kulendawo umyeni wakhe, kodwa uthi yize kunjalo, ngeke abadlele umona abanikazi balendawo, bayayazi into yabo, imnandi Inyama Yengwenya yakhona, banendlela ethile abayenza ngayo. Uthi angabaxwayisa abantu ukuthi bangaziyisi izithandwa zabo kulendawo makungukuthi khona abakwenza kuzoba.

Ezimnandi ezokuthi, yize umyeni wakhe wamshaya wacishe wamubulala emvakokuzwa ukuqhuzuka kwedliso, kodwa noko sebezilungisile izinto nomnumzane Sithole, futhi umshado wabo uyasimama.

Futhi sophinde sibuyele e Moment Of Magic maduzane nje mangiphola, umyeni wami 😜 uthi uyangibonga ngokuthi ngimuyise khona, wayithanda Inyama yakhona.

Things could always be worse. Although that might not be the most optimistic way of looking at life, it can be helpful t...
06/10/2021

Things could always be worse. Although that might not be the most optimistic way of looking at life, it can be helpful to consider the issues that 'could' have gone wrong - but didn't. It's not surprising that you've had an innovative idea and sorted out a problem before anyone even noticed one existed. The challenge is to take things further and create a plan that will save future time and energy.

09/09/2021
Hi, Thanks for contacting us. Our project will commence early in the year 2021 at Reservoir Hills, Avoca, Verulam and ar...
19/09/2020

Hi, Thanks for contacting us. Our project will commence early in the year 2021 at Reservoir Hills, Avoca, Verulam and areas around Durban. Other provinces will be announced around April 2021. Bad ITC or Blacklisted, Earn R3500-R25000, Self employeed ALL welcome to apply. Please note " Our offices are temporarily closed due COVID19 Fumigation till the 1st of October" For further details or to apply please visit our website: www.hugme.org.za/Application

I agree to the Terms and Conditions. 1. HugMe Group is not obligated to build or hand over a house to me without paying down payment (deposit of 20%). 2. Applicant can only come to our office if they have secured the appointment with a standard consultation fee of R500 per consultation. 3. Administr...

15/03/2020

15/03/2020

We Empower People With Good and Important NEW That Brings HOPE

15/03/2020
07/10/2019

Life often seems to be constricted by a set of rules that can't be broken. There are always facts that need to be faced and difficulties to be reckoned. you can find an exciting exception and move beyond a restriction you've been bound by. You've cut your coat according to the only cloth you had access to. Now you're being offered something new to work with, in a bolder, more original style. You can reshape your future... Just stay focused and have faith in God's plan

16/08/2019

Kuphithene amakhanda kubaphathi bakaMasipala wasoLundi emuva kokuthi kugqekezwe amahhovisi awo kwebiwa u-R80 000 ngempelasonto edlule.
Imali kuthiwa ibigcinwe emahhovisi kamasipala ngenxa yokuthi izimoto eziyilandayo zingafikanga ngenxa yeholidi.
Kuthiwa indaba yokwebiwa kwemali ibifihliwe ngenxa yokuthi sekuvamisile ukuthi kugqekezwe kwebiwe imali enkulu.
IMeya yasoLundi, uMnuz Mfana Ntshangase, ithe bashaqekile ngoba kudaleke umonakalo omkhulu.
“Imali eyebiwe yileyo esuke ivela kubantu abazokhokhela ama-rates nogesi nokunye kumasipala. Ngenxa yokuthi kule mpelasonto esisuka kuyo bekuneholidi, izimoto zezinkampani zonogada ezisithathela yona, azifikanga yase igcinwa emahhovisi. Ngaleyo ndlela izigebengu zithole ithuba lokugqekeza zalimaza okuningi zashaqa imali,” kusho uNtshangase.
Uthe akusikhona okokuqala kwenzeka lokhu.
“Akungiphathi kahle lokho okushoyo kokuthi kuthiwa siyazifihla izindaba kulo masipala. Empeleni indlela obuza ngayo ikhomba ukuthi ufuna ukuhlanekezela izinto. Thina akukho esingakubiki. Ngisho kulahleke imali yokuqala sawabikela amaphoyisa kodwa akukaze kuboshwe muntu. Nakulokhu sibikile emaphoyiseni. Icala silivulie emaphoyiseni aseMagudwini, oLundi.Usungaziphenyela wena bakunike inombolo yecala,” kusho uNtshangase. UNtshangase uthe abagqekeze emahhovisi bafike babopha onogada base beshaya amafastela bangena bagqekeza isisefo semali.
Uthe okokuqala bafika bathatha unogada bambopha bamvalela endlini encane bagqekeza iminyango bangena bashaqa yonke imali.
Uthe udaba balubikile emkhandlwini wamakhansela njengoba behlale benza. Ukhulumela amaphoyisa, uthe bayaphenya ngalesiganeko

15/08/2019

uTD Jakes, uzokhuza ibuya eThekwini ngenyanga ezayo.
Abathandi bezenkolo nabamabhizinisi kulindeleke ukuba baphakelwe ukudla kwendlebe emcimbini ozobe ungoSepthemba 19 eDurban International Convention Centre (ICC).
Umcimbi obizwa ngeLeadership Summit & Business Masterclass kulindeleke ukuba uhanjelwe yizinkumbi zabantu kanti uzobe uqhakambisa ubumbano kosomabhizinisi, kubefundisi kuhulumeni nakubaholi bomphakathi.
Ngo-2017 uTD Jakes wayekuleli dolobha ehambele i-Essence Festival.
Okunye okuzobe kudingidwa kulo mcimbi yizinkinga ezivame ukubhekana nabaholi nezimiso ezisiza ekuthuthukiseni amabhizinisi.
UTD Jakes udume njengomethuli wezinkulumo ezakhayo, umbhali wezincwadi, usomabhizinisi nomculi kanti uzobe eshiyelana inkundla nabanye esingabala kubo uMfundisi Pushie Watson, Khaya Mthethwa (ozobe ephethe uhlelo), Mfundisi Phil Dooley, Mbhishobhi Vusi Dube, Mphostoli Collins Dhlomo, Dkt Basil Tryon noNksz Lindiwe Rakharebe (ongumphathi we-ICC).
UNksz Rakharebe ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini izolo uthe uyakujabulela kakhulu ukubanjwa kwemicimbi eyakha imiphakathi e-ICC.
“Umcimbi weLeadership Summit uhlanganisa abefundisi bamabandla ehlukene, abaholi bezimboni, uhulumeni nomphakathi ukuze bazodingida ngenqubekela phambili ezolwa nezingqinamba ezibhekene nezwe bese kuphunywa namacebo azothuthukisa imikhakha ehlukene,” kusho uNksz Rakharebe.
UNksz Rakharebe unxuse abantu ukuba bathenge amathikithi alo mcimbi ngokushesha angaze aphele.
Uthe amathikithi asuka kuR500 aze afinyelele kuR6 900.. Bangaphuthuma e computicket ke abanesifiso sokuba kulomcimbi

09/08/2019

Nigerian Students give South Africans 7 days to leave Nigeria
The National Association of Nigerian Students (NANS), has gven all South Africans and their companies operating in Nigeria to shut down within seven days and move out of the country, following the increasing number of Xenophobic attacks against Nigerians in South Africa.
Akpan made the call at a press conference organised by the Chairman, National Diaspora Commission, Abike Dabiri-Erewa, in Abuja yesterday August 7th.
At the press conference, Akpan said enough is enough with the xenophobic attacks. According to him, Nigerians have tolerated the attacks enough and a decisive action against South Africans must be taken to show strength by the Nigerian government. In his words.

08/08/2019

Ugwetshwe odilikajele abane ebhadla ejele owesilisa owaklinya amalungu omndeni wakhe amane ngentambo yesicathulo eMtwalume eSouth Coast.
UWesley Neil Julyan (31) watholwa enecala lokubulala umfowabo, abantwana ababili bomfowabo kanye nomkhwe womfowabo.
Ababulawa kwakungumfowabo kaJulyan uJeffrey, izingane zikaJeffrey u-Ethan (10) noKayla McKenna (16) kanye nomkhwe kaJeffrey uPeter McKenna ngenyanga kaDisemba ku-2017.
U-Ethan, uKayla noPeter babulawa ngokuklinywa kanti uJeffrey washaywa ngepiki wabe esemklinya ngentambo.
Ngemva kokubabulala washisa umuzi kanti ugwetshwe eminye iminyaka emihlanu ngokushisa.
Ngokobufakazi obusenkantolo bekukhona ukungezwani phakathi kukaJulyan noJeffrey, kanti ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwokubulawa kwabo baxabana mayelana nezimpahla ezazisuswe emzini oseMtwalume zigcinwe emzini kaJeffrey oseMtentweni.

08/08/2019

Ugwetshwe iminyaka engu-109 obedlwengula izingane KwaMashu
KwaMashu - Ugwetshwe iminyaka ewu-109 owesilisa obedlwengula izingane KwaMashu nakwezinye izindawo ezisondelene nale ndawo.
USiyabonga Hendry Cele (29)obecathamela izingane ezisuke sezihlukene nezinye kade zidlala sezihamba ngazodwa seziya emakhaya, azithumbe ayozidlwengulela kwenye indawo bese ezishiya khona lapho, ugwetshwe yiNkantolo yaseNtuzuma izolo.
UCele uzivumele yena ukuthi wadlwengula owesifazane oneminyaka ewu-21, izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kowodwa neyisikhombisa ngo-2014 kuya ku-2016.
IMantshi uNkk L Ndlovu ugwebe uCele iminyaka emithathu ngamacala amathathu okuthumba, icala ngalinye, odilikajele abathathu neminyaka engu-15 ngawokudlwengula amane nayishumi ngokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Owesifazane oneminyaka ewu-21 waseNanda amdlwengula wamkhomba ngesibhamu ehla etekisini, wamfaka emotweni yabangani bakhe bahamba baya endaweni ekude, wamdlwengula maqede wamphuca iselula yakhe.
Izingane ezimbili azidlwengula ngayinye wayibamba ihamba yodwa isiya ekhaya. Wazithatha waziyisa esigangeni wazidlwengula maqede wazishiya khona. Enonyaka eyodwa wayithatha egcekeni kubo ezinye izingane ezaziyigadile zingaboni wayidlwengulela ngemuva kwethoyilethi.
Ummeli wakhe uNkk Rajagopal ongathandanga negama lakhe emcelela emantshini ukuthi imehlisele isigwebo, uthe uCele wakhula engenabo abazali futhi unenkinga yokwehlulwa utshwala, wonke amacala awenza wayewenza ephuzile.
Wathi futhi akekho owalimala kubagilwa ngesikhathi behlukunyezwa. Ngaphezu kwalokho wazivumela yena ukuthi amacala uwenzile.
UMshushisi uNksz Lihle Ngcobo ukuchithile lokho wathi baningi abantu abakhule bengenabo abazali kodwa abanukubezi muntu.
“Ukudlwengula kushiya izibazi ezingeke zicishe kodlwenguliwe, abadlwenguliwe baphelelwa ukuzethemba, bahlala ngokwesaba futhi abanye ngesikhathi bedlwengulwa bayalimala.
“Omunye wabagilwa oyingane sizwile ukuthi wayopha ngendlela engachazeki esithweni sakhe sangasese ngoba waqhuma ngesikhathi enukubezwa. Ngesikhathi enza amacala uCele wayeneminyaka ewu-25, wayesemdala ekwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi kwakumele abuyeke utshwala uma ebona ukuthi buyamehlula. Icala akalivumanga ngoba ezisola, uvume ngoba ebona ukuthi usebanjiwe,” kusho uNksz Ngcobo.
UNkk Ngcobo uthe isenzo sikaCele sokudlwengula izingane kuzona okwakukhona neyayinonyaka owodwa siwubulwane.

07/08/2019

Always have something to look forward to.”
We look forward to positive experiences in life — vacations, weddings, time with family and friends — but life’s traumas, setbacks, and adversities will blindside us no matter what.
No one “looks forward to” getting breast cancer, her daughter being killed, depression, or having to go to rehab for addiction. These things knock us down HARD and leave us feeling helpless and hopeless, like getting back up will be impossible.
Here’s the thing though 
 we aren’t given the option to get up unless we get knocked down first ...

Kuxwayiswa umphakathi ngezinyanga mbumbulu eseziqole izindimbane zabantu, zibathembisa imali esheshayo, okhulumela uphik...
05/08/2019

Kuxwayiswa umphakathi ngezinyanga mbumbulu eseziqole izindimbane zabantu, zibathembisa imali esheshayo, okhulumela uphiko loklebe e Thekwini, uthe sekunoxhaxha lezigameko ezibikiwe neziphenywayo, lapho khona kuqolwe abantu izimali zabo zomhlalaphansi bethenjiswa ukuthi izophindeka ibe ningi, lomthombo uxwayise abantu ukuthi abaqaphele.

05/08/2019

Sekusuke umsindo ngengoma kaMampintsha entsha
Sekusuke umbango ngezinsimbi zengoma phakathi kwenkakha kaDJ uPrince Kaybee nophrojusa uTNS, okuthiwa uwuthathe wawunika uMampintsha waqopha ingoma yakhe esematheni kulezi zinsuku, iJoburg.
Umthombo wabezindaba ongashayi eceleni uveze ukuthi kumanje uPrince Kaybee usethathele uTNS izinyathelo zomthetho njengoba aqala ngokunika yena lo msindo waqopha ingoma yakhe yanyakenye, iChurch.
Kuthiwa ngesikhathi uTNS esehamba enkampanini kaPrince Kaybee njengoba sebexabene uthathe izinto zakhe nomsindo weChurch wawunika uMampintsha asesebenzisana naye manje.
Umsindo wengoma kaPrince Kaybee apike kuyona uLavish iChurch ufana ncamashi nowekaMampitsha apike kuyona uTNS, iJoburg.
“Le nto eyenziwe wuTNS ibe ngubuxoki ngoba ubazi kahle ukuthi lo msindo ususebenzile engomeni kaPrince Kaybee kodwa waphinda wawunika uMampintsha. Inkinga kaTNS ukuthi uzama ngayo yonke indlela ukuqhudelana noPrince Kaybee ngoba ezama ukukhombisa ukuthi naye useyakwazi ukuzimela njengoba bengazwani. Yingakho ethatha nezinto ayesezinike uPrince Kaybee wazinika abanye abantu,” kusho umthombo.
Ebuzwa uPrince Kaybee kuWhatsApp njengoba ebengaluphenduli ucingo lwakhe uma eshayelwa, ube wumuntu ongazi nokuthi ingoma kaMampintsha enezinsimbi ezifana nezeyakhe isiphumile. Ubuze ukuthi isiphumile yini ingoma, wathi akayazi.
U-TNS uthe akaliboni iphutha ngokuthatha lo msindo awunike uMampintsha ngoba vele owakhe.
“Ngangingamdayisele uPrince Kaybee lo msindo. Ngangimnikile nje ngoba sisebenzisana. Nginelungelo lokuthi ngiqhubeke nokuwusebenzisa ngoba owami. Futhi akukho engingakukhuluma naye ngawo ngoba vele sesavalelana nasezingcingweni asisaxhumani.
Njengamanje ngingathi asinankinga naye ngoba akukho vele okusihlanganisayo. Uqhubeka nempilo yakhe nami ngiqhubeka neyami.

Not illegal, but Ramaphosa should play open cards about CR17 fundsPresident Cyril Ramaphosa's successful campaign to bec...
05/08/2019

Not illegal, but Ramaphosa should play open cards about CR17 funds
President Cyril Ramaphosa's successful campaign to become ANC president in December 2017 was built on a "new dawn" agenda: away from the corrupt years of Jacob Zuma into a future of good governance, economic growth and job creation. Ramaphosa ran a good campaign and it was refreshing to see an ANC leader triumph, who vocally committed himself to the values of the Constitution, away from the state capture years where institutions and democracy were weakened.

Baqinisile mabethi "Uthando Luyayazi Indlela" Lomfanekiso ongezansi udwetshwe insizwa ogamalayo ligodliwe okwamanje, uth...
04/08/2019

Baqinisile mabethi "Uthando Luyayazi Indlela" Lomfanekiso ongezansi udwetshwe insizwa ogamalayo ligodliwe okwamanje, uthe mekhuluma nethimba lethu lezindaba e East London, wathi akaze adwebe ngaphambilini, kodwa lemidwebo uyenze ngenxa yothando analo kulowesimame osesithombeni, naye ogama lakhe ligodliwe, uthi lomlisa ugcine esekwazi ukudweba futhi ikhono lakhe selisezingeni eliphezulu, Cha nathi sithe masibuka siyithimba le Izwi Le Afrika, salibona ikhono kulensizwa, baqinisile mabethi "uthando luyayazi indlela" siyathemba laba ababili bayosimema ke mhlazane bebopha ifindo likasofa silahlane. :udaba uluthulelwa u Senzo, umthwebuli wezithombe ngu Alex Raphael.

03/08/2019

Kungase kubonakale okunye futhi ukulwa okunokuchwasa ngokobuzwe kulandela isigameko sokulwa kwezifikana_mthwalo kanye namaphoyisa eGoli, ungcweti kwezokuhlaziya ezepolitiki, uthi singase sibone kuvumbuka uthuthuva emadolobheni amakhulu akuleli. Kusolakala ukuthi izifikana_mthalo zenza izigidigidi ngezimpahla zomgunyathi ezingena ngokungemthetho kuleli, abantu abaningi bazwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezimpahla zomgunyathi ezingena kwelase Ningizimu Afrika, kusabelwa ukuba lomkhuba uyimbangela yesimo somnotho esintengayo, nokuphela kwemisebenzi kuleli. Umphakathi uthi kumele uhulumeni enze imizamo yokulwisana nalomkhonyovu obulala umnotho walelizwe.

29/07/2019

Kungase kubonakale enye futhi imbangi kwezokuthuthwa komphakathi. Kuvele ukuba kuzokwethulwa enye futhi i App ezosebenza njengo Uber, Taxify, Bolt njalo,njalo. Kanti abasunguli nababuye babe ngabanikazi bayo le App bathi lena i App izohluka kakhulu kunamanye akhona emakethe, futhi bathi izoba usizo olukhulu kubantu asebekhulile ngeminyaka kunye nalabo abaphila ngokukhubazeka, kwazise ukuba ibona Bantu abayimakethe yale App, bathi futhi lena I App iyona kuphela emhlabeni jikelele ezoba ne customer care ezinze kuzona zonke izingxenye zomphakathi wase Ningizimu Afrika. Iningi lamalunga omphakathi esike sakhuluma nawo, abonakalise ukulangazelela nentshisekelo yokubona kuthulwa le App ngokusemthethweni ukuba umphakathi usungaqala ukuyisebenzisa. Kuphinde kwahlaluka nezindaba ezithokozisayo zokuthi izaguga ezingaphezu kuka 200 zizohlomula ukuba zigibele simahla "mahhala" kuthiwa lomtitilizo uzoqhubeka kuze kuphele inyanga Ka Ncwaba "August" kwazise lena inyanga yokuguba usuku lomama. ::: udaba ludidiyelwe ngi: Sipho Langa

Address

320 Drive Pixely KaSeme
Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izwi Le Africa posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category

Nearby media companies


Other Newspapers in Durban

Show All