Zinoju Nyuswa News Media

Zinoju Nyuswa News Media Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Zinoju Nyuswa News Media, Media/News Company, R614 Sdumbini, Durban.

KweZemdlalo NetballLimuke nesicoco Se Syabangena Tournament iqembu le Scorpion Girls kwimidlalo ebise eMvoti eQabavu Spo...
02/05/2022

KweZemdlalo Netball

Limuke nesicoco Se Syabangena Tournament iqembu le Scorpion Girls kwimidlalo ebise eMvoti eQabavu Sports Group ,kule mpelasonto esibuya kuyona 30 April 2022.

Eziholwa umqeqeshi u Xolani Myeza zikhale zemuka nese Syabangena Tournament.
Kumaqembu ebekade eyisishiyaga lombili (8) ebhola lezemiqakiswano (Netball) ,nampa abadlali Kanye namaqembu enze Kahle kumuqhudelwano usuwonke.

1st Scorpion Girls
2nd BP Girls
3rd Mthandeni Girls
4th Dolphin Girls

Best players
Overall player of the tournament - Zinhle Zulu (Scorpion Girls)
2nd best player - Thembeka Mkhize (BP Girls)
3rd best Player - Londiwe Mwandla (Mthandeni Girls)
Best Center - Zanele Mavundla (Young Stars)

Osezakhele udumo kwezomculo u Lunge Jay  kulingeleke ukuthi akhiphe Single Track esihloko esithi (Umendo Wethu) osukwini...
15/04/2022

Osezakhele udumo kwezomculo u Lunge Jay kulingeleke ukuthi akhiphe Single Track esihloko esithi (Umendo Wethu) osukwini lwanamnanje 15 April 2022.

"Igama lami u Lunge Majola ngisuka Esdumbini ngakwaMhambi.ngakhulela khona nje,ngafunda amabanga aphansi Emkhambeni primary school(Engcongangconga),Esdumbini primary school, Esnembe secondary school ngaphothula umatikuletsheni e Qinisani sec school.

Ngaqhubeka ngaya e UKZN( Howard College Campus) lapho ke ngafundela B.A Music and Drama Performance ngaze ngaqeda khona, ngaqhubeka ngaya e Edgwood (UKZN) lapho ngenza Post Graduate Certificate In Education.

Manje ngiyafundisa eskoleni esibizwa “ Winnie Mandela Sec School” in Gauteng.

Ngenza nomculo futhi, eskoleni ngenza i Populer Music kodwa ke manje ngoba ngicula ngicula ama genre amaningi ahlukahlukene.

namhlanje,mhlaka 15 April ngikhiphile a single igama layo ‘Umendo Wethu’ by Lunge_Jay ft DJ Butter SA.ngi ngajabula abantu mangase bayi download and check it out on YouTube as well.

Mhlaka 29 April 2022 ngizokhipha EP ebizwa”Isihlabathi Solwandle EP” yona ke izoba inezingoMa ezu 6 nayo ngingajabula abantu Bangi support.

Ngisebenza no DJ Butter SA okwamanje bakhona abanye engsazosebenzisana nabo ngzoba memezela mase kuphuma umculo engiwenze kanye nabo.

Ngyabonga nkulunkulu anigcine aphinde abusise.

Niqhubeke nizame konke kuzohlangane mangabe nifaka ukuzmisela.syabonga"

Ukuzigqaja ngendawo yangakini kukwenza ungakhohlwa imvelaphi yakho . Besesivakashele ongumsunguli we Brand yase Mvoti od...
14/03/2022

Ukuzigqaja ngendawo yangakini kukwenza ungakhohlwa imvelaphi yakho .

Besesivakashele ongumsunguli we Brand yase Mvoti odume ngelika Xolani Myeza , owasungula Ezasemvoti Brand ngo 2018 .

Ube esesilandisa ngomlando wale Brand Ezasemvoti .

Ezase Mvoti zaqala emva kokuba approached by uSamukelo Mavundla engicela ukuth since ngiwumunt okwaziyo okwenza izinto zenzeke uyafisa ngibe necebo lokuvela nezinto eziqhakambisa Umvoti okuyindawo encinyane esidabuka kuyo ezinjengezemidlalo since kuyinto engiyifundele nochitha sizungu since ngiwudj nokunye okuningi nathi sigqamise indawo esvela kuyo sizenzele thina ubumnandi eMvoti.

Ngaqhamuka necebo lokuthi sibe nemidlalo ezoba nochitha sizungu ngezikhathi zamaholidi kaZibandlela wonke umuntu ebuyile emakhaya, emva kokuthi liphumelele lelocebo ngabe sengicabanga into ezokhulisa amafunds for izihlelo zonke zemicimbi yomphakathi esizozenzela yona ngase ngicabanga iclothing brand ezogqamisa kakhulu indawo yakithi.

Ngase ngixhumana noSboniso Manqele ukungiqhamukela nelogo ngimupha ama instructions okuthi kmele ime kanjani silekelelana, sesiqedile sayikhangisa bayithakasela abantu bazicelela izimpahla kwaba ukudlondlobala kwayoke ngokuphazima kweso bevezelwe. Okwamanje sisanezimpahla zehlobo nobusika oye uthi mawuzigqokile kugqame ube nokuzigqaja ngokuth uphuma emvoti, siye sibe nasoke ismanga sokuthi zigqokwe nawumunt ongahlali eMvoti othande nje indlela ezenziwe ngayo omunye uthole ukuthi unomlando othile ngendawo yaseMvoti. Mayelana nophawu lwezasemvoti, abanye baye babuze ukuth silwane sini lesi esikuloluphawu futhi sichaza ukuthini, impendulo ithi isilwane esikuloluphawu yinja yasendle iwolf eyaziwa ngomsindo wayo eyaye iwenze ehlane nasemaqeleni phakathi nobusuku. Nathi sizifanisa naso emadolobheni esihlanganisa kuwo impilo, kukho konke okuhle esibatshazwa ngakho bese sithi singezaseMvoti.

Sicela niseseke mphakathi wakithi .
T-shirts and Vests R200 each
Golf Shirts R250 each
Hoodies, sweaters and trackpants R300 each
Caps

Uze ungaphuthelwa!! Kwi Pool Tournament kwaMazibuko Sisterz Tavern ,lapho siyobe sizobona ozobagoba bonke kumdlalo wesin...
07/03/2022

Uze ungaphuthelwa!!
Kwi Pool Tournament kwaMazibuko Sisterz Tavern ,lapho siyobe sizobona ozobagoba bonke kumdlalo wesinukha (pool).

Izinkondlo zyaphilisa !!Osebuya eMsakazweni uKhozi FM  ngokuba imbongi enamandla nangokuhaya kamnandi ,usibikela ngohamb...
28/02/2022

Izinkondlo zyaphilisa !!

Osebuya eMsakazweni uKhozi FM ngokuba imbongi enamandla nangokuhaya kamnandi ,usibikela ngohambo aseluhambile kwezobumbongi .

Igama: Zothani Mpendulo Ngcobo. Stage name : FUZE ROVERBS.
Umbhali wezinkondlo odabuka esgodini saseziMpangeleni kwaMaphumulo emvoti ucela ukbonga I support abantu abamnike Yona njengoba ebekuhlelo u Sicikoza ngosiba kuKhozi Fm. izinkondlo zakhe zizotholakala kuwowonke ama digital platforms makuphela lenyanga."Ngifunde eHlalakahle primary school ngadlulela e Qwabe high school la ngphase khona umatekuletshen ngase ngizoqhuba impilo eThekwini".

Ukubhala waqala ngo 2016 kodwa ngbonga kakhulu u miss Mbongwae Qwabe high school,nomphakathi okuwuyena okuyena owacija isizulu Sami njengoba sjiye kanje, u nominated Kuma INK awards ka 2022 kwi best Poet imniningwane yokuvota izo izopostwa kwi page lakhe .Abathanda ukumbona e perfoma uzobe ese Tongaat hall Mhlaka 19 March e Tongaat Hall kwi tongaat art festival ezobe ikhona.

Ubahubhe ngepayipi abafundi ongumphathi weskole abafundi base Ntabinamafutha High School .Othisha Kanye nomphathi  wesko...
25/02/2022

Ubahubhe ngepayipi abafundi ongumphathi weskole abafundi base Ntabinamafutha High School .

Othisha Kanye nomphathi weskole base Ntabinamafutha High School ubathusile uMlando School Bag Challenge !!

Kungabe le Challenge ezikoleni ezizimele bazomelana nale challenge? Asizwe umubono wakho !

KweZemcimbi Sisabungaza inyanga yothando Uze ungaphuthelwa Mhlaka 26 February Ngomgqibelo lo ozayo eNsuze . Ama Ticket a...
21/02/2022

KweZemcimbi

Sisabungaza inyanga yothando Uze ungaphuthelwa Mhlaka 26 February Ngomgqibelo lo ozayo eNsuze .

Ama Ticket asatholakala nasemasangweni ayobe etholakala !!
R100 General
R150 VIP

Babize bonke !!!

14/02/2022

Happy Valentine's day ❤️

Makube usuku oluyisibusiso kulabo abathandanayo kungabe ubulile obufanayo ,noma obungafani kodwa sthi ibani moya munye othandweni lwenu ❤️.

Tshengisanani uthando osukwini lwenu zithandani ❤️

Happy Valentine's day kunina nonke!!

KwezeMcimbi Aseyatholakala Ama ticket KwaMazibuko okuba ingxenye yomcimbi wokubungaza inyanga yothando nongusosaziwayo o...
11/02/2022

KwezeMcimbi

Aseyatholakala Ama ticket KwaMazibuko okuba ingxenye yomcimbi wokubungaza inyanga yothando nongusosaziwayo odume ngelika Mampitsha ongumculi we Gqom .

Mhlaka 26 February eNsuze .
Mawudinga ama Ticket ungasithinta le Number : 0722533565
Noma uxhumane nodume ngelika Qatha Lasebumnandi otholakala ku Facebook .

General :R100
VIP :R150 include : Free photoshoots , Free refreshments , Free Alcohol .

Abayofika kuqala kulomcimbi bayoziwinela ibhodlela lesphuzo samanzi amponjwana (Sky Cruz) .

Uze ungaphuthelwa !!

11/02/2022

Abantu kwaba sengathi babechithwe istimela kumhlangano owawungolwesithathu eziMarket kwi Office Le Khansela Laku Ward 8 .

09 February 2022
eNdwedwe ku Ward 8 Mr Mfeka ikhansela le ward labiza umhlangono ophuthumayo .

Ngenkathi umbhobho uwumemezela lomhlangano inhloso yomhlangano abawuzwa umbhobho bathi ayishiwongo kodwa ingakho abantu abaningi babehlome ngama ID nangama caring bags ngoba babezitshela ukuthi kuzotholwa ama food parcels .

Inhloso yomhlangano kwakuzokhethwa ama Word commit kuwona wonke ama VD aku Ward 8 .

Ngendlela okwakugcwele ngayo kwaphoqa ukuthi abantu bangene ngama VD abo ngoba babengeke bekwazi ukungena kanyekanye kulendawo ababebizelwe kuyona ,ngoba incane kakhulu ukuthi ingaphatha umhlangono ka Ward 8 .

Emcathu bayikhetha ward commit yabo kanjalo nabase Msengeni bayikhetha namanye ama VD awakhetha kwasala iVD eyodwa okuyiyona eyavala umhlangono ungakapheli okuyi VD yase Qinisani .

Abasibikele lombiko bathi VD yase Qinisani inabantu abaningi abafuna leskhundla kanti into eyasusa umsindo kakhulu ukuthi kukhona owaphakamisa igama likalowo obekade eyi Ward commit yase Qinisani ukuba abuyele eskhundleni sakhe kwaba sekuba ukuphela komhlanganoke lokho kungakhethwanga muntu ozoba ward commit ye VD yase Qinisani .

Umhlangono kuthiwa awuphelanga kahle neze ngoba kwabonakala abanye babaholi beqhasha ngamawindi ngenxa ,yokubanga leskhundla esibukeka sigaqelwe abaningi kwi VD yase Qinisani .

Uthini umubono wakho ngaloludaba ?
Ubani omubona ekhathalele umphakathi ofanelwe ileskhundla ngokwakho ?

Wavuka esbhedlela ezwa ukuthi uselibophile ifindo  likasofa silahlane  onephupho  lokuhlangana nongu Mculi wokholo u Dum...
07/02/2022

Wavuka esbhedlela ezwa ukuthi uselibophile ifindo likasofa silahlane onephupho lokuhlangana nongu Mculi wokholo u Dumi Mkokstad .

"Igama ngingu Asibonge Ntaka ekhaya kuse Esidumbini okuyilapho ngikhule khona. Ngiphothule uMatikuletsheni ngonyaka wezi-2021.
Ngiyintombazanyana nje ekhule izithandela isonto nomculo wokholo nokuba uMlingisi😊❤️ namanje akukashintshi kusanjalo.
Ngingumlandeli omkhulu womculi wokholo uDumi Mkokstad ngiqale ukumthanda 2017 emuva kokuthi akhiphe ingoma ethi, “Mayenzeke”. Uyangibusisa uDumi angifuni ukuqamba Amanga njalo makudlala izingoma zakhe ngangizibona ngisezulwini elincane😩.

Kwaya ngokuya lakhula uThando enginalo ngaye kwaba isifiso Sami sokuba ngibe ubambo lwakhe😩 yeyi ngangithi usofa silahlane wami uDumi ngoba ngangize ngenze nephotoshop ngime naye. Ngebhadi kwakungasona isifiso sikaNkulunkulu sokuthi ngibe uNkosikazi wakhe😪 kuthe 2019 ngaboMay ngikhumbula kahle kwakuLwesine ngakusasa ngangiyobhala isivivinyo sePhysics ngabona ngezithombe Ukuthi useshadelwe😭 ngamelwa inhliziyo ngaze ngalala esibhedlela oDokotela bangixilonga bathi nginePanic Attack 😩 kwakungelula ukwamukela ukuba usemtholile amthandayo kodwa ubusisekile uMakoti wakhe ngokuba nomuntu onjengoDumi Mkokstad empilweni ngibafisela konke okuhle❤️❤️.

uThando enginalo ngoDumi alusoze lwaphela ngaze ngeqa ngelinye ilanga ngoba nginethemba Ukuthi ngizombona ngebhadi ngabanjwa izinswelaboya ethekwini 😭. Kuyisifiso Sami ukuba ngimbone nje ngithi ukujabulisa inhliziyo bakithi noma ngixhawule ke akusenani bakithi ngingaze ngihambe emhlabeni.

Kungaba intokozo uma ningangisiza ngixhumane nomfoka Mkokstad bakithi . Ngiyabonga ngethuba kwi Zinoju News .

Ukuba nephupho kubiza ukubekezela kusho owenza ezokuba Clinical Associates.Londiwe Queen HlatshwayoCottonlands VerulamTh...
07/02/2022

Ukuba nephupho kubiza ukubekezela kusho owenza ezokuba Clinical Associates.

Londiwe Queen Hlatshwayo
Cottonlands Verulam

They say dreams are achievable it's only up to us to have the courage to achieve them. uLondiwe intombazanyana esuka endaweni ekuthiwa iCottonlands ngase Ndwedwe
Ngaqala ukufunda amabanga aphansi eskoleni ekuthiwa UMdloti primary school, ngasuka lapho ngafunda eLihlithemba Secondary school ilapho engaphothula uMatikuletsheni wami ngo2017 kodwa nganga phasa kahle. Ngibe sengiphindela eskoleni eNkosibomvu Secondary school eTongaat ilapho engifike ngenza uGrade 11 and 12. Into eyangenz ngaphindela eskoleni ukuthi ngingumuntu owaziyo ukuthi ufunani empliweni nanokuthi ngiyazimisela uma ngenza into ethize.

Ngithe ngiqeda ukumatikuletsheni wami eNkosibomvu ngaphasa kahle ngoBachelor and one distinction. Ngathola iskhala in many universities at Rhodes, UJ, UKZN, Wits just to name the few. It was an inspiring moment to me to see that hard work pays off and that I've improved my marks from 2017 to 2020. When I got offered a place to study at Wits angikholwanga ngoba nganginokusaba ukuthi ngingaphasa kahle kodwa ngingathathwa. Ngosuku lokuphuma kwamaresults ngathola imessage from Wits ukuthi nginesikhala sokufundela iBachelor of Clinical Medical Practice engizothi mangiyiphathula ngibe iClinical Associate. Abantu abaningi abayazi leProfession because it's new.

But I'll define it for them. Clinical Associate are health professionals that assist doctors in surgery, do prescription and also do consultation. As of course we are alway mistakenly called doctors because we do what they do. Finding out about this profession was because of my wish to do medicine and be in a medical field. Kodwa ngiyazi ke ukuthi Izinto azihambi ngendlela osuke ufuna ngayo, ngathi uma uthisha wami engitshela ngayo ngaxuma ngahlala kuyona okwangisiza ngoba sekusele unyaka ngibe iGraduate. Into engingayisho ukuthi emhlabeni uyaziphathela impilo yakho futhi uzilungisela wena.

Kusayinyanga Yothando Izimbali Zezwe saze Durban University of Technology (DUT) ezikwi Campus yase   ePMB  . Zithi ukuzi...
07/02/2022

Kusayinyanga Yothando

Izimbali Zezwe saze Durban University of Technology (DUT) ezikwi Campus yase ePMB . Zithi ukuziphatha kwentombi nase University kusayigugu kuzona .

Besikhuluma nosengumholi welezi Mbali Zezwe u Anele Khuzwayo esilandisa kabanzi ngobuhle bokuziphatha kahle noma ususemabangeni aphezulu emfundo ephakemi .

"Igama ngingu Anele Khuzwayo ongumhololi wezimbali zezwe amatsh*tshi phaqa .

Izimbali Zezwe iqembu lezintombi nto elasungulwa u Wandile Sphesihle (uflathela zimubuke izinsizwa ngoba zisaba ukumeshela ) Khumalo ngonyaka ka 2018 . Inhloso yakhe kwubuyisa ithemba kubazali abacabanga ukuthi e University ukuziphatha kwezintombi kusuke kusegcupheni ngenxa yokuhlangana nabantu abaningi abasuka ezindaweni eziningi ezahlukahlukene . Inhloso enkulu kwaku ukuzigqhaja ngobuntombi bakho nokuzazi ukuthi unguMzulu noma UmXhosa kodwa into ebalulekile ukuziphatha kahle kukhona uzokwazi ukufeza amaphupho akho .

Ngakhoke izimbali Zezwe ilapho kusuke kuhlangene izintombi ikakhulukazi ezisuke Kade zihamba uMkhosi Womhlanga zihlolwa bese ziyahlangana e University ziqhubeke nokuziphatha kahle zigcine amasiko azo .

Kuyinyanga yothando uthe ongumholi weziMbali Zezwe u Anele Khuzwayo "kubalulekile ukuthi njengoba sekuzovulwa e University ukuthi bekhombise uthando kulaba abazothanda ukuba ingxenye yabo babe Izimbali Zezwe zase DUT ePMB kukhona bezokwazi ukufeza amaphupho abo bebe abantu besifazane abazimele empilweni."

Siphinde sathola ukuthi lezintombi ziyahambelana makukhona omulayo ziba ingxenye yomcimbi zimusinise . Kodwa uqinisekisile ukuthi basinela umuntu oyintombi nto kuphela .

HAPPY VALENTINE'S MONTH
Zimbali Zezwe 🌺🌻🌼

KwezemidlaloOngunobhala we  Sports Confed sase Ndwedwe Municipality u-Cebolenkosi Maphumulo   ukuqinisekisile , ukuthi s...
31/01/2022

Kwezemidlalo

Ongunobhala we Sports Confed sase Ndwedwe Municipality u-Cebolenkosi Maphumulo ukuqinisekisile , ukuthi sesakhiwe isigungu (Structure) Ndwedwe local Netball federation.

NgoMgqibelo odlule 29 January 2022 kwaba nenkomfa yokuqokwa kwalabo abazobamba iqhaza emphakathini yase Ndwedwe ukuqinisekisa ukuthi ezemidlalo ziyathuthuka yin ikakhulukazi kwi Netball .

Nalu uhlwa lwalabo abaqokwa.

1. Chairperson - Thando Shozi
2. Deputy Chairperson - Mukelisiwe Ngcobo
3. Secretary - Jabulani Maphumulo
4. Deputy Secretary - Minenhle Smamane
5. Treasure - Xolani Myeza
6. Transformer - Thobeka Mvuyane

Additional members
1. Nontokozo Mhlongo
2. Mthobisi Hlophe
3. Samkelo Maphumulo
4. Nompumelelo Gumede

Inhloso yalesigungu ukunakekela ezemidlalo ngaphansi kwaMasipala wase Ndwedwe lapho khona kuzobe kuqinisekiswa ukuthi abesifazane bayayithola Yini inqubekela phambili kwezemidlalo kulendawo yasemakhaya eNdwedwe .

Netball umdlalo odume ngokuba umdlalo wabantu besifazane abasakhula kanjalo nabadala odlalwa iwonawonke umuntu .
Lesigungu sizoqinisekisa ukuthi ukuqeqeshwa kwabadlali kusezingeni abalifanele yini ,siphinde siqinisekise uxhaso Kanye nemiqhudelwano ezogqugquzela ukuthi intsha yase Ndwedwe izikhandle kwibhola lezo mqakiswano .

Lesigungu siphinde saqinisekidla ukuthi nabaqeqeshi Kanye nonompempe bazothuthukiswa Kanye nabadlali njengoba inhloso enkulu kukuthi kube nenqubekela phambili eNdwedwe kwezemdlalo ikhulukazi kwi Netball njengoba neqembu I ( Ilembe District Netball team) yenzakahle kweze Netball .

Kuzobe kubhekwa ne development yamaqembu akhona e netball la eNdwedwe ukuthi ihamba kahle yin kusukela ku under 13 kuze kuyofika ku open .

Lesigungu siphinde sasibikela ukuthi abakhubazekile abazimisele kwezemidlalo nabo kanjalo sizobaxhasa la okumele bengenelele khona ngoba inhloso ukuthuthukisa wonke umuntu onekhono .

Inhloso yakho konke lokhu ukulwisana nezidakamizwa nokumitha kwabantwana besabancane .

31/01/2022

Isimemo

Umsakazi weZwi lomzansi FM Andile Andizo Mthembu uhlelela intsha esafisa ukungena emakhakheni wokulingisa iworkshop enkulu ezobanjelwa o Thongathi mhlaka 26 February 2022, le workshop inhloso yayo ekuthi wonke umuntu ukungena endimeni yokulingisa ebe nolwazi olwanele njengoba kuzobe kukhona abalingisi abaqhamuka emidlalweni eyahlukahlukene abaqhamuka kumabonakude esingabala uZalo , Durban Gen,Imbewu kanye neminye imidlalo ezocija intsha esafisa ukungenela emkhakheni wokulingisa .

u-Andile Mthembu wokuzalwa KwaMaphumulo eMvoti unenkampani ayibiza ngokuthi "Ubunye Agency" esiza kakhulu intsha emkhakheni eyahlukahlukene esingabala ,abaculi,osonkondlo,abadansi .Aphinde abe ngumhleli wemiqhudelwano eyahlukahlukene ,ekhuluma nabezindaba mayelana ne workshop ukuthi inhloso yale workshop ukuzocobelela intsha ngoba iningi layo liyafisa ukuzongena kulomkhakha kodwa abazi ukuthi kufanele benze kanjani yingakho ehlelele intsha ukuthi icaciseleke ukuthi ikuphi okufanele kwenziwe umuntu osafisa ukungenela kwezokulingisa .

Andile Andizo Mthembu akagcini kuphela ngokuthula ezemidlalo kwiZwi lomzansi FM njengoba aphinde abe ngumlingisi ongeziwe kuZalo oludlala ku Sabc 1 .wabe eseveza ukuthi umuntu osisa ukuba ingxenye Yale workshop ezoba mhlaka 26 February oThongathi abamthinte kulenamba 079369509/0623028818 ukuze umuntu onothando abhukhe isihlalo sakhe kusaneskhathi .

Uze UNGAPHUTHELWA!!

KwezeMdlalo Uze ungaphuthelwa KwaMaphumulo eMvoti mhla zingu 15 kuya ku 16 April eQabavu Sports Ground .Lapho ziyobe zib...
31/01/2022

KwezeMdlalo

Uze ungaphuthelwa KwaMaphumulo eMvoti mhla zingu 15 kuya ku 16 April eQabavu Sports Ground .
Lapho ziyobe zibulalana ngelikanobhutshuzwayo Kanye nelomqakiswano (Netball ).

Syabangena Tournament!!

Intendele iwe enkundleni kodume ngelika Maphama M ongumculi we Hip-hop . Lensizwa idabuka eNdwedwe ku Ward 8 endawani ya...
28/01/2022

Intendele iwe enkundleni kodume ngelika Maphama M ongumculi we Hip-hop .

Lensizwa idabuka eNdwedwe ku Ward 8 endawani yaso Zwathini esgodini sase eWewe esematheni kwimisakazo yakhuleli emikhulu , skhuluma nje namhlanje izintatha ebeso Khozini FM kwi interview .

Kulindeleke ukuthi Mhlaka 5 February Abe kwi Nanda FM .
Ube esecela umphakathi nabathandi bomculo we Hip-hop ukuthi bameseke ngokulalela umculo wakhe otholakala naku YouTube ngoku search igama elithi ( Maphama M) bese uzwa izingoma zakhe .

Mhlaka 5 singaphuthelwa!!

Bathi inkunzi isematholeni ku Amahle Gumede ongumdlali we Scorpion Galz okuyiqembu lakwa Maphumulo eMvoti . Uthi uzibona...
28/01/2022

Bathi inkunzi isematholeni ku Amahle Gumede ongumdlali we Scorpion Galz okuyiqembu lakwa Maphumulo eMvoti .

Uthi uzibona engumdlali wama Queens okuyiqembu elikhulu lase Ningizimu Afrika ,elidlala ibhola elihle futhi elinqobayo .
U-Amahle Gumede umdlali osasemncane oseke waqokwa njenge Player of the tournament ngo October 2021 ngonyaka odlule Qabavu Spot ground .

Ube esesilangisa ngaye wathi :
"Igama ngingu Amahle Gumede oneminyaka ngu (15). Ngizalwe ngakhulela kwaMaphumulo eMvoti lapho engizithole khona engidlalela iqembu le Scorpion Galz okuyiqembu elikhulu lase Mvoti . Ukudlala netball ngaqala ngineminyaka engu (10) ngakhulela kulona iqembu lami okuyiqembu engisalidlalela namanje .Ngidlala center position okuyi position engiyithandayo futhi engizizwa ngikhululekile uma ngiyidlala ,kodwa ngiyakwazi nokudlala wonke ama position uma ngibekwe kuwona umqeqeshi wami Xolani Myeza .

Scorpion Galz iqembu lokuqala elithuthukayo sukela kwafika umqeqeshi wethu u Xolani Myeza ongumqeqeshi owafika nosh*tsho ezimpilweni zabadlali wavusa nethemba lokuthi Netball iyosiphumelelisa noma sisendaweni yasemakhaya KwaMaphumulo eMvoti . Coach Myeza uyena leliqembu olifundise okuningi ngoba manje sesidlala Kwi District yonke okuyi iLembe District ko Stanger nase Ndwedwe iqembu lethu seliyaziwa ngokubathela induku .

Umdlali engibukela kuyena u Sphilile Dlamini ongumdlali wokuqala owaqokwa eqenjini lethu le Scorpion Galz ukuthi ayomela Ilembe District le e Pretoria kwimiqhudelwano Yama province ngonyaka ophelile okungunyaka ka 2021 . Nami ngiyafisa Netball ingihambise amazwe omdlaba ngoba ngisebenza ngokuzikhandla futhi ngiyayithanda kakhulu .

Omunye wabadlali ongigqugquzelayo engimthandayo u Mweni ongumdlali we South Africa netball , uyena mdlali engizibiza ngaye uma ngise Nkundleni ngoba wenza lento nami engifisa ukuyenza ngasosonke iskhathi mangisenkundleni .

Nginethemba lokuthi sonke kwi Scorpion Galz sizoba nayo inqubekela phambili , futhi ngiyabonga ngokubambisa na kwethu singabadlali .

21/01/2022

Kwezihamba phambili

Kwimiphumela kamatikuletsheni, izikole ezine(4) esasibhale ngazo ngonyaka odlule zikwazile ukuthola lemphumela ezaziyothembise imiphatha eyahlukene .
Yize imiphumela ye Gijimane high school ingabanga mihle kodwa benzekahle abaphumelele abafundi.

Ntabinamafutha 100%
Lukhasa 100%
Mahlube 100%
Gijimane 63.6%

Ungaphuthelwa !!Dukuduku eMsakazweni !! Dukuduku kumabonakude!!
17/01/2022

Ungaphuthelwa !!

Dukuduku eMsakazweni !! Dukuduku kumabonakude!!

Useqokwe njengephisi elivelele owalwa nohlobo lwenyoka iNhlwathi wayinqoba  ngommese . Lesgameko senzeka eNdwedwe ku War...
14/01/2022

Useqokwe njengephisi elivelele owalwa nohlobo lwenyoka iNhlwathi wayinqoba ngommese .

Lesgameko senzeka eNdwedwe ku Ward 8 Esidumbini .

Zwelakhe Zikhali owaziwa ngilika (Makhehlana ) ngolwesibili olwedlule 11 January 2022 beyozingela nozakwabo kwaqhamuka uhalakasha lwenyoka iNhlwathi ,babaleka ayehamba nabo wasala yedwa wabhekana nayo amahora amabili 2 hours waze wayinqoba isho ukumujuqa .

Ube esesibikela ukuthi "emvakokuba ngikwazile ukuyinqoba lenyoka ekhaya kwabaphoqa ukuthi bethenge imbuzi yokungigeza,kwaphinda kwaphoqeleka ukuthi ngigezwe ngenyongo yayo le nhlwathi engiyibulele ".

Lokhu kuwumkhuba ogcinwayo uma ubulele loluhlobo lwenyoka lwe Nhlwathi ngoba ingoka eyingozi kakhulu futhi enamandla .

"Ngizothanda ukubonga idlozi lami ngokungcina ngibonge nonkulunkulu okuyena owangipha amandla okunqoba lenyoka " kusho uMakhehlana .

Phuthuma !!
14/01/2022

Phuthuma !!

Amathuba omsebenzi ! REGISTRATION ON THE STATS SA HR DATABASE EXTENDED. Updated closing date: 31 January 2022.The databa...
13/01/2022

Amathuba omsebenzi !

REGISTRATION ON THE STATS SA HR DATABASE EXTENDED. Updated closing date: 31 January 2022.
The database will be used to find candidates for contract-based opportunities for the Census 2021 Pilot and other Stats SA surveys.
Click here to register: http://www.statssa.gov.za/?p=4685
NB: Applicants who have already registered on the HR database only need to update their information.

Statistics South Africa (Stats SA) provides scientific knowledge that enables society to understand complex socio-economic phenomena. It draws its mandate from the Statistics Act, 1999 (Act No 6 of 1999) and POPI Act 2013 (Act 4 of 2013). Stats SA strives to excel in the following five competencies:

Bekushunqa izintuli enkundleni yezemdlalo izolo e Khethimfundo spot ground . Kube usuku olube impumelelo kumcimbi obumkh...
10/01/2022

Bekushunqa izintuli enkundleni yezemdlalo izolo e Khethimfundo spot ground .

Kube usuku olube impumelelo kumcimbi obumkhulu obuhlelwe u Ntokozo Fish Mbokazi oyilunga lomphakathi waku Ward 8 eNdwedwe 09 January 2022 .

Ukubonakala kwamalunga omphakathi ephuma ngobuningi osukwini bezothi "Let's Fight Crime,Grugs and Woman Abouse" . Stop Bulling and Victimization School violence. Konke lokhu kukhombise ukuthi umphakathi waku Ward 8 uzimisela ngokubambisa nangokulwisana nakhokunke okulethe izinkinga emphakathi .

Abahleli bomcimbi Kanye nomphakathi bakujabulelile nokubana inkosi yesizwe samaNyuswa u Mr Ngcobo ezoba ingxenye yalomcimbi obumuhle . Lomcimbi into abantu abayijabulelile ngawo ukuthi ubuhlanganisa intsha Kanye nobaba bendawo kukhuliswana ngokuziphatha kumuntu ofuna ukuba nenqubekela phambili empilweni .

Lomcimbi ubungabungaziwe nje amalunga omphakathi waku Ward 8 kuphela kodwa bekukhona abasuka nakumanye ama ward ngengo ward 2 no ward 7 .

Ukubambisana emphakathini makube into abantu abayithathela phezulu kuze sizokwazi ukulwisana nezidakamizwa nokuhlukunezeka kwabantu besifane .

03/01/2022

Lonyaka abaningi abayijabulelanga ingoma eyahlukanisa unyaka ka Dj Hlo esihloko esithi " Isibani"

Kungabe u Dj Hlo ungumzala ka Khuzani Mpungose ongumculi ka Maskandi?

Kungabe amabhinca ayathinteka ekuvotelweni kwengoma ka Dj Hlo?

Kungabe ingoma ka Dj Hlo nisazoyidlala emakini na niyinike ithuba ?

Asizwe ukuphawula kwakho !

03/01/2022

Syakubingelela nyaka omusha 2022

Unyaka odlule udlule nokuningi wadlula nemphefumulo eminingi , kodwa unkulunkulu thina usasithandile .
Buka nje sisagciniwe esandleni somusa .

Makube unyaka wokufeza amaphupho lona ,ngokukholwa nangokwazi ukuthi esimukhonzayo akasoze asilahle .

Sinifisela okuhle kodwa kuMsombuluko wokuqala onyakeni omusha.

31/12/2021

Siyanibingelela ngokuhloniphelile .

Sithanda ukunifisela usuku oluhle lokubungaza unyaka omusha ka 2022 .
Makube unyaka ozoletha ush*tsho ezimpilweni zethu ,siphinde sibonge ngokusiseka nokufunda izindaba ezinoju .

Happy new year 🎉 kuwona wonke umuntu syanithanda !!

31/12/2021

Siyanibingelela ngokuhloniphelile.

Sizothanda ukunifisela usuku oluhle lokubungaza unyaka omusha ka 2022.
Makube unyaka ozoletha ush*tsho ezimpilweni zethu siphinde sibonge ngokusiseka nokufunda izindaba ezinoju.

Happy New Year to everyone 🎉

KwezeMcimbi Uze ungaphuthelwa mhlaka 25 December kwaMaphumulo Emthandeni spot ground lapho khona Intaba yase Dubai iyobe...
10/12/2021

KwezeMcimbi

Uze ungaphuthelwa mhlaka 25 December kwaMaphumulo Emthandeni spot ground lapho khona Intaba yase Dubai iyobe yenza ezibukwayo !!!

Walala wasala !! Ngifuna ukuba uSbali

Ukuziphatha kahle kwensizwa esakhula kusabungazwa kweminye imizi . Besivakashele Kwa Mhlongo eBhamshela ngomhlaka 5 Dece...
10/12/2021

Ukuziphatha kahle kwensizwa esakhula kusabungazwa kweminye imizi .

Besivakashele Kwa Mhlongo eBhamshela ngomhlaka 5 December ukuyobungaza 20st ka Sbonginhlanhla Mhlongo nomlingani wakhe u Nduduzo Mhlongo ebebegubha usuku lokuzalwa lwabo .

uNduduzo Mhlongo Kanye no Nhlanhla Mhlongo bawumukela kubuka wonke umuntu owayekhona kulomcimbi owawumuhle ukhiye wempilo . Loluhlobo lukakhiye lwalusho ukuthi lezinsizwa aziqhubeke nokuhlonipha umhlaba ziphinde zizimisele emaphupheni azo njengoba zisemabangeni emfundo ephakeme (university) .

Kwakungesibona ubuhle bomcimbi lobu wawungafunga ukuthi kukhona ababopha ifindo likasofa slahlane ,kanti Cha kwakubungazwa u Sbonginhlanhla Mhlongo Kanye no Nduduzo Mhlongo .

Address

R614 Sdumbini
Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Zinoju Nyuswa News Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Zinoju Nyuswa News Media:

Videos

Share

Nearby media companies