Buhlebamanguni online radio

Buhlebamanguni online radio Buhlebamanguni online radio is a multifaceted online radio aimed to capture the hearts of millions of
(1)

Buhlebamanguni online radio now available on Google Playstore. Indaba

Buhlebamanguni online Radio umsakazo ohamba phambili ukwethulela lengcithabuchopho kwezokudayiswa, ukuthenga nokuthengis...
03/03/2021

Buhlebamanguni online Radio umsakazo ohamba phambili ukwethulela lengcithabuchopho kwezokudayiswa, ukuthenga nokuthengiswa kwezindlu nezindawo zokwakha phecelezi (Property Development). U Nksz Stella Jele uzobe esichushisa ngolwazi lonke ecacisa ukuthi udingani Uma kufanele uthenge umuzi, ulithola nini itayitele, nakho konke nje okuqondene ne Property. Qiniseka ukuba ingxenye Yale interview, bukhoma (Live) ekhasini lethu likaFacebook, noma uDownload I App yethu Buhlebamanguni and subscribe ngokwenzenjaloke uyobe usungumlaleli wezinhlelo zonke zethu. Kumanje nje sinesipesheli sika R 40 rands for an annual subscription... Cabanga nje unyaka wonke golokoqo.

Le interview kaNksz Stella Jele izobe yenziwa uqweqwe lomsakazo wethu u Mnu. Zipho DLAME wohlelo Injobo Ithungelwa Ebandla, 12h00- 15h00 usuku, 04 March 2021.... Injalo Indaba....

Ulwesine loMama ulwethulelwa Khokha amandla noBuhle Bamanguni Online Radio kuhlelo lwethu Senza umehluko 09H00-12H00.Hop...
25/02/2021

Ulwesine loMama ulwethulelwa

Khokha amandla noBuhle Bamanguni Online Radio kuhlelo lwethu Senza umehluko 09H00-12H00.

Hope you are tuning in. App yethu iyatholokala kuGoogle Playstore naku www.buhlebamanguni.online

Uphiko loklebe esifundazweni saseLimpopo luveze ukuthi seluphinde labopha abanye abantu abayisithupha ngaphezu kwalaba a...
24/02/2021

Uphiko loklebe esifundazweni saseLimpopo luveze ukuthi seluphinde labopha abanye abantu abayisithupha ngaphezu kwalaba abayishumi nambili okubalalwa kubo izikhulu eziphezulu esintathu zenhlangano eholela isbonelelo sahulumeni kuleli uSASSA izolo ntamabama.  

Okhulumela loluphiko kulesiyasifundazwe ukapteni Matimba Maluleka uthi lezizikhulu zabhalisa izimpesheni zabantu abakhubazekile ngokungemthetho, kubantu abangakufanele. Uphenyo lwabo luveza ukuthi bangaphezu kwamashumi amabili abantu abaholela lesi sibonelelo sabantu abakhubazekile, nabahola uR 3500 umuntu emunye phakathi konyaka ka2018-2019. Lenhlangano isilahlekelwe u-R300 000. 

Ukapteni Maluleka uthi laba basolwa ababoshiwe abaneminyaka ephakathi kuka31-59 ukudala bazovela maduze enkantolo kamantshi yaseTzaneen ngamacala enkohlakalo Kanye nokukwabanisa, uphenyo luyaqhubeka

Osomnotho bakuleli laseNingizimu Afrika bathi lowo ongungqongqoshe wezezimali uMnu. Tito Mboweni akufanelanga ukuthi akh...
24/02/2021

Osomnotho bakuleli laseNingizimu Afrika bathi lowo ongungqongqoshe wezezimali uMnu. Tito Mboweni akufanelanga ukuthi akhuphule intela ngoba kumele kuxhaswe izwe lakuleli  ngohlelo lwemigomo yeCorona.  Lokhu kuphawula kosomnotho kuzangemuva kokuthi uMnu. Mboweni ulindeleke athule isabelo mali sakulonyaka namhlanje ntambama. 

Ocwepheshe kwezezimali bathi ungqongqoashe uMboweni kumele agxile ekusebenziseni kancane imali ukuze enze imadlana engabhekelela uxhaso lwemigomo. 

Baphethe ngelokuthi uMnu. Mboweni kemele ancike kakhudlana emkhakhweni ezimele ukuze athole ukwesekwa kwezimali, njengoba kungahke abhekane nensele yokugcina umnotho ungekho ntekenteke ngokuxhasa kwakhe uhlelo lwemimgomo ngo20 billion lwamaramdi.

iMayor yomkhandlu iTheku uMnu. Mxolisi Kawunde usekuqinisekisile ukuthi wesulile emsebenzini oyiphini lakhe uNkk Belinda...
24/02/2021

iMayor yomkhandlu iTheku uMnu. Mxolisi Kawunde usekuqinisekisile ukuthi wesulile emsebenzini oyiphini lakhe uNkk Belinda Scott. Uzogcina ukusebenzela lomkhandlu ekupheleni kwenyanga kaFebruary.

Kuzokhumbuleka kuthi phambilini UScott owayeyilunga ekomidi lezokushintshwa kwezimali kulomkhandlu aphinde abe ugqongqoshe womnyango wezezimali ngaphambi kokuba adilizwe iqembu elibusayo kuleli Ianc ngenyanga kaMandulo ngonyanga ka2019.

Okhulumela umkhandlu weTheku uMnu. Msawakhe Mayisela useqinsekisile isgameko sokwesula esikhundleni sowepini le mayor yalomkhandlu, uqhube ngodlulise ukubonga ngeqhaza alimbambile emkhandlwini, ikakhulukazi kwezezimali Kanye nokusimamiswa komnotho.

Umnyango wezempilo kuleli laseNingizimu Afrika useveze ukuthi bangu 998 abantu abasha abathaleleke ngegciwane kuleli ema...
24/02/2021

Umnyango wezempilo kuleli laseNingizimu Afrika useveze ukuthi bangu 998 abantu abasha abathaleleke ngegciwane kuleli emahoreni angu-24 adlulile okwenza isbalo sabo sinyuse izinga sifinyelel ku 1505413. 

Ungqongqoshe walomnyango uDokotela Zweli Mkhize uthi bangu263 abantu abashonile ngaleskhathi ezweni lonke, Isifundazwe saKwaZulu-Natal isona esihambe phambili ngabashonayo. Isibalo sabantu asebeshonile selokhu kwaqala iCovid-19 ngu49413. 

Abantu asebehlolile bangu 8 923 950, asebesindile kulegciwane bangu 1 419 459. Asebegomile bangu 32 315 okuyizisebenzi zempilo.

Iqembu leKaizer Chiefs liwuvule ngokuthola iphuzu elilodwa umkhankaso walo weCAF CHAMPIONS LEAGUE njengoba lidlale ngoku...
24/02/2021

Iqembu leKaizer Chiefs liwuvule ngokuthola iphuzu elilodwa umkhankaso walo weCAF CHAMPIONS LEAGUE njengoba lidlale ngokulingana neHoroya yaseGuinee kuba u0-0 namhlanje ntambama eFNB STADIUM.

UMlekeleli Double M Magwaza uyi-mediaholic, uthanda lonke uhlobo lwe-media. Unenhliziyo enhle, uthanda ukuhleka, ukujabu...
23/02/2021

UMlekeleli Double M Magwaza uyi-mediaholic, uthanda lonke uhlobo lwe-media. Unenhliziyo enhle, uthanda ukuhleka, ukujabulisa abantu nokunikela.
UyiGraduate yeMedia Studies, noDirector weBayekhulu (PTY) LTD.
Uyindoda enobubele, eyafunda ngempilo ngokubuka amaMovie angaphezu kuka600 eminyakeni emibili. Lokho okwamenza lendoda ayiyo namhlanje.

Muthole kuGoduka nathi Drive Monday-Friday 3-6pm

Lala ngoxolo Sphuzo Sabantwana
23/02/2021

Lala ngoxolo Sphuzo Sabantwana

Kulelisonto sizobe sinalensizwa bukhoma ezindlini zokusakaza phakathi kuka 19:30 no 21:00
23/02/2021

Kulelisonto sizobe sinalensizwa bukhoma ezindlini zokusakaza phakathi kuka 19:30 no 21:00

23/02/2021

Isifundazwe saseWestern Cape sigxeke igciwane leCovid-19 ngokukwehla kwezibalo zokuphasa kukamatikuletsheni wakulesiya sifundazwe, njengoba kungokokuqala kulonyaka ukuba lesi sifundazwe sibe namaphesenti angaphansi kuka80% okuphasa kwabafundi kusukela ngonyaka ka2010.

Lesi sifundazwe siveze ukuthi ukuphasa kwabafundi baso ngonyaka odlule kwehle kwafika ku79.9% kusuka ku82.3% wangonyaka ka2019. Sithi noma lehlile izinga lokuphasa kodwa anyuka amazinga okuphasa iMathematics and Mathematics Literacy.

uNgqongqoshe womnyango wezemfundo kulesiya sfundazwe uDebbie Schafer uthi kwehlile ukuphasa kuzo zonke izifundazwe ngenxa yokuthikamezwa igciwane leCovid-19.

Inhlangano elwela amalungelo abantu besifazane inxusa inkantolo ukuba ingamniki ibheyili uNtuthuko Shoba, owakhokhela uM...
23/02/2021

Inhlangano elwela amalungelo abantu besifazane inxusa inkantolo ukuba ingamniki ibheyili uNtuthuko Shoba, owakhokhela uMuzikayise Malephane ukuba abulale intombi yakhe eyayikhulelwe uTshegofatso P**e ngonyaka odlule, ngenhloso yokufihlela unkosikazi wakhe ukuthi ukhulelisile.
Lenhlangano iveze lokhu ngemva kokuba uShoba kade evele enkantolo izolo, icala lakhe lahlehliselwa umhlaka 01 March.

Ongusihlalo wekhomishana uMnu. Zondo ephenya ngamacala okubhozonyelwa kombuso unxuse inkantolo izolo ukuba igwebe lo way...
23/02/2021

Ongusihlalo wekhomishana uMnu. Zondo ephenya ngamacala okubhozonyelwa kombuso unxuse inkantolo izolo ukuba igwebe lo wayengumongamneli waseNingizumu Afrika uMnu, Jacob Zuma iminyaka embili ngecala lokungalandeli imiyalelo yenkantolo eyayimyalele ukuba avele phambili kwalenkomishana ngesonto eledlule.

Esicelweni sakhe uMnu. Zondo uthi kufanele atholakale enecala uMnu.Zuma lokuhluleka ukuhluleka ukuvela phambi kwalekhomishana noma inkatolo ephameke isimyalele yona mathupha ngasekuqaleni kwalenyanga. Uthi ufuna inkantolo ikuqiniseke ukuthi unecala uMnuz. Zuma futhi agwetshwe.

Uqhube ngokuthi uMnuz. Zuma uyadelela ngamabomu imiyalelo yenkantolo ngoba wazi ukuthi ngeke aboshwe njengoba egadwe amasosha omokhonto wesizwe.

Ikomidi lephalamede linxuse iNational Prosecuting Aurthority ukuba ibuyekeze amanye amacala enkohlakalo. Lo owayeyinhlok...
23/02/2021

Ikomidi lephalamede linxuse iNational Prosecuting Aurthority ukuba ibuyekeze amanye amacala enkohlakalo. Lo owayeyinhloko yesifundazwe iNorth West uMoipone Noko wanqaba ukuwashushisa.
UChina Dodovu ongusihlalo weNational Counsil of Provinces uthi wonke lamacala okwenqatshwa ukuba ashushiswe ngaphambilini. Ikomidi linxusa ukuba abuyezekwe ngoba akuzange kushiwo izizathu zokushushiswa kwawo noma ezokuwahoxisa.
Izolo ikomidi leAd-hoc litshele uphiko oluphenya amacala akhethekile iSIU ngemphumela yamaphoyisa azimele ukunqabaela yophiko i-IPID ngenqubekela hambili lophenyo lwenkohlakalo oluhelele ekutheni banxuse ukubuyekezwa kwawo wonke amacala anqaba ukuwashushisa ngeskhathi eseyinhloko yesifundazwe saseNorth West.

Amaphoyisa asesifundazweni saseMpumalanga anxusa ukuthungathiswa uMnu. Kevin Chitapaza(48) odabuka ezweni lase Zimbambwe...
23/02/2021

Amaphoyisa asesifundazweni saseMpumalanga anxusa ukuthungathiswa uMnu. Kevin Chitapaza(48) odabuka ezweni lase Zimbambwe owalahleka ngoJuly wonyaka ka2018.
Kubikwa ukuthi lona weilisa wayehlala nomndeni wakhe emqashweni womnyango wezemfundo esondelele isikole afundisa kuso samabanga aphezulu imadzuma esisendaweni yasemashonamini trust ecalcuta, nokuvezwa ukuthi wanyamalala ehamba ngemonto yohlobo lweBMW.
Kunxuswa ongaba nolwazi mayelana nalomlisa ukuba athinte amaphoyisa akulesiya sifundazwe ngokuphuthuma.

Ungqongqoshe womnyango wemfundo ephakeme kuleli laseningizimu Afrika nophinde abe yilungu lekomidi elibhekelele umgomo w...
23/02/2021

Ungqongqoshe womnyango wemfundo ephakeme kuleli laseningizimu Afrika nophinde abe yilungu lekomidi elibhekelele umgomo wegciwane Minesterial Vaccination Committee uDokotela Blade Nzimande uzwakalise ukukhathazeka ngezibhedlela ezingakulungele ukugomela igciwane lecorona esifundazweni sakwaZulu Natal.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uDokotela uNzimande ehambele esbhedlela saseMgungundlovu i-Edandale esihlonzwa njengesikhungo sokugomela igciwane kulendawo nakubeke kwacaca ukukhathazeka kwakhe ngesikhathi exhumana nabaphathi besibhedlela abebengazi nanyaka mayelana ngokufika kwemigomo kulesisikhungo.
Kanti-ke

UDokotela uNzimande uqhube wathi lesisibhedlela sisasebenzisa uhlelo lokubhalisa ngesandla esikhundleni sokusebenzisa elobucwepheshe okuzokwenza kubenzima okobona iskali sabantu asebegomile.

Kuzokhumbuleka ukuthi izwe lakuleli lamukela isigaba sokuqala semigomo yeJohnson and Johnson engu80 000 ngesonto eledlule.Kwakuhlelwa ukuba ufakwe ngaphansi lkohlelo lokugonwa kwezisebenzi zempilo zahulumeni

Imbali yamaLanga onke intomb'eyazokhokhobayo ngamagama ntombe'mhlophe ngokzalwa ntandokazi kababway mafohlak'valiwe qand...
23/02/2021

Imbali yamaLanga onke intomb'eyazokhokhobayo ngamagama ntombe'mhlophe ngokzalwa ntandokazi kababway mafohlak'valiwe qanda qhofo ngoba ungugcibo,Magabango ,Nyazolwezulu Sothole . umaqinasi.
Catch her on Saturday on ikhethelo lasebuhleni .

Iqembu elidonsa kanzima esigabeni seGladAfrica Championship iBizana Pondo Chiefs selihlukene nomqeqeshi walo uTshepo Mot...
23/02/2021

Iqembu elidonsa kanzima esigabeni seGladAfrica Championship iBizana Pondo Chiefs selihlukene nomqeqeshi walo uTshepo Motsoaneng kanti indawo yakhe izothathwa uJulius Dube nozobamba okwesikhashana.

Halala to the station's youngest presenter Nandi Nene owenza uhlelo Ingosi Yamanguni njalo ngeSonto from 15H00 to 18H00....
23/02/2021

Halala to the station's youngest presenter Nandi Nene owenza uhlelo Ingosi Yamanguni njalo ngeSonto from 15H00 to 18H00.

UNandi upase umatikiletsheni wakhe ngeBachelors pass and 5 distinctions. Siyisteshi sithi nje HALALA siyaziqhenya ngawe.

Ukuzimisela kwakho kuyisbusiso esihle kwabalingani bakho. Usifundisile ukuthi noma ngabe unaliphi italenete, imfundo, nokuzimisela kubalulekile. UQhubeke ube isbonelo esihle but today, We CELEBRATE!!! 🎊🎉📚🎓

As South Africa's number  #1 digital radio station sithi nje HALALA KWAPHASHE UMATIKILETSHENI KULO NYAKA!!!Ungqongqoshe ...
23/02/2021

As South Africa's number #1 digital radio station sithi nje HALALA KWAPHASHE UMATIKILETSHENI KULO NYAKA!!!

Ungqongqoshe wezemfundo Eyisisekelo ubekile wathi uzishaya ihlombe futhi uyaziqhenya ngemphumelo yaMatikeletsheni wanyaka ka2020.

IsiZulu siyasho ukuthi uvuna okutshalile. Ukuzikhandla kwenu nokuzimisela esikhathini esinzima kangaka yikho okwenze niphumelele.

Siyisteshi, kanti nje neNingizimu Africa yonke, siyanibongela. Halala class of 2020 🎉🎊👏🏾👏🏾

CAF CONFED CUP DRAWGROUP AOrlando Pirates, Enyimba, ES Sétif, Ahli Benghazi GROUP B RS Berkane, JS Kabylie, Cotonsport, ...
22/02/2021

CAF CONFED CUP DRAW

GROUP A

Orlando Pirates, Enyimba, ES Sétif, Ahli Benghazi

GROUP B

RS Berkane, JS Kabylie, Cotonsport, Napsa Stars

GROUP C

Etoile du Sahel, CS Sfaxien, Salitas, Jaraaf

GROUP D

Raja, Pyramids, Nkana FC, Namungo SC/Primeiro Agosto

Izangoma zezulu zakuleli abakwa SA weather service sebexwayise izakhamuzi ngezimvula ezinamandla okulindeleke ukuba zihl...
22/02/2021

Izangoma zezulu zakuleli abakwa SA weather service sebexwayise izakhamuzi ngezimvula ezinamandla okulindeleke ukuba zihlasele izingxenye zezindawo sesifundazwe saseGauteng osukwini lwanamhlanje.kanye nesonto lonke.
Ngokusho kweZangoma zeZulu zithi lezizimvula ezinamamndla zizohlasela izingxenge zeyindawo zesifundazwe saKwaZulu-Natal kanyeizifundazwe ezilindeleke ukuba zihlaselwe izimvula mpumalanga naseLimpopo.
Kunxuswa abasebenzisa izimoto emigwaqeni ukuba baqaphe zona lezizimvula

22/02/2021

Owayengumengameli wakuleli umnu jacob zuma usuze ukugxeke umthetho wakuleli ngendlela osebenza ngayo
Umnu zuma uthi umthetho wakuleli iwona ontekenteke kwizigeluthi lowomuntu ulenzile. noveza ukuthi umuntu nomangabeekeqe, nokwandisa izenzo zobugebengu abantu bengaboshwa noma umuntu engaboshwa aphinde aphume.
Ngokulandisa kwakhe umnu zuma uthi umthetho wakuleli awukazi ukuthi umangabe umuntu enze icala ukubeke kucace uk useboshiwe bamcashisa ngesithupha kuthiwe ungumsolwa.
Umnz uZuma kulindeleke ukuba avele ksasa enkantolo ngamacala enkohlakalo.

Ungqongqoshe womnyango wezempilo uDr Zweli Mkhize uveze ukuthi zilinganiselwa ku15 388 izisebezi zezempilo esezithole um...
22/02/2021

Ungqongqoshe womnyango wezempilo uDr Zweli Mkhize uveze ukuthi zilinganiselwa ku15 388 izisebezi zezempilo esezithole umgomo weCovid-19 selokhu ufikile lomgomo wakwaJohnson & Johnson oyisamba esingu80 00 ngesonto elidlule.
Lomgomo wokuqala wafakwa ngaphansi kohlelo lokugoma izisebenzi zezempilo kuphela. UDr Mkhize uthi bangu 1429 abantu asebehaqwe igciwane leCovid-19 ngokwezibalo zakamuva, kanti bawu113 abashonile ngenxa yaleli gciwane.
Uveze ukuthi isifundazwe saseNorth West sihamba phambili ngesibalo sabantu ababulawe iCovid-19, silandelwe esaseGauteng.

Inkantolo ephakeme yaseGoli im’gwebe iminyaka engu-20 ebhadla ejele uMuzikayise Malephane owagcina ezivumele icala lokug...
22/02/2021

Inkantolo ephakeme yaseGoli im’gwebe iminyaka engu-20 ebhadla ejele uMuzikayise Malephane owagcina ezivumele icala lokugwaza abulale uTshegofatso P**e ngonyaka odlule endaweni yaseRooderport. Nalapho uMalephane eveze khona ukuthi wakhokhelwa ubaba wengane eyayikhulelwe uTshegofatso ukuthi am'bulale.
Amaphoyisa athi uMalephane ugwetshwe iminyaka engu-20 ngecala lokubulala, neminyaka emihlanu ngecala lokuphazamisa ukusebenza komthetho nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kanti izigwebo zakhe uzozidonsa kanye kanye.

KwezemidlaloImibiko evela eMorocco iveza ukuthi umdlalo weCAF CHAMPIONS LEAGUE phakathi kweWYDAD ATHLETIC CLUB yaseMoroc...
22/02/2021

Kwezemidlalo

Imibiko evela eMorocco iveza ukuthi umdlalo weCAF CHAMPIONS LEAGUE phakathi kweWYDAD ATHLETIC CLUB yaseMorocco kanye KAIZER CHIEFS yaseNingizimu Africa obekumele udlalwe kwelaseMorocco ngempelasonto eyedlule usuzodlalelwa eBurkina Faso mhlaka 28 kwephezulu

Sesibala amahora ambalwa sithole iLive Jazz Show on Inqalabutho show with Judge Sosibo from 18H00-21H00 with the legenda...
21/02/2021

Sesibala amahora ambalwa sithole iLive Jazz Show on Inqalabutho show with Judge Sosibo from 18H00-21H00 with the legendary, South African born jazz Saxophonist baba McCoy Mrabata.

Bab Mrabata has played alongside legends afana with the late BabHugh Masikela and Paul Hamner.

Usinike amaculo afana noIcamagu livumile, Tears of Joy, Abukho namanye amaningi esisawathokozela namanje.

Ukuze ungaphuthelwa yenza nje!! Thola iApp yeBuhlebamanguni online radio. Now available on Google Playstore for all Android users. IOS users can subscribe via our website www.buhlebamanguni.online uthole ukuthoza nathi. Buhlebamanguni online radio!!

Meet one of the station’s youngest presenter : Nandi NeneUbuwazi ukuth:*uNandi uneminyaka ewu19 nje kuphela*uMbhali wezi...
21/02/2021

Meet one of the station’s youngest presenter : Nandi Nene

Ubuwazi ukuth:
*uNandi uneminyaka ewu19 nje kuphela
*uMbhali wezingcwadi
* uNobizo, Thokoza Gogo🙏🏾
* Uphinda futhi abe 'IMotivational Speaker
*She has Trypophobia (fear of a cluster of small holes or patterns)

Ungaphuthelwa uhlelo lwakhe namhlanje Ingosi Yamanguni from 15H00-18H00.

Umlandele kwiPage lakhe ukuze umazi kangcono. Uphinde uthole ukuxoxisana naye.

Lalela uMbali Hlophe on IKHETHELO LASEBUHLE uhlelo lwangesabatha 12:00 to 15:00 uzoba enesvakashi uMshumayeli Shozi usuk...
19/02/2021

Lalela uMbali Hlophe on IKHETHELO LASEBUHLE uhlelo lwangesabatha 12:00 to 15:00 uzoba enesvakashi uMshumayeli Shozi usuka ewestville correctional services
bexoxa under these following features
*ONGCWELE NOBUNGCWELE* batshela abantu ngomlando wobunazaretha inqubomgomo
*ZIZWE ZONKE*
Bazobe betshela abantu ukuthi uShembe owabobonke abantu abaphansi komthunzi welanga

TOMORROWDSTV PREMIERSHIPKAIZER CHIEFS VS SUPERSPORT UNITEDCHIPPA UNITED VS TS GALAXYBAROKA FC VS BLACK LEOPARDSGLADAFRIC...
19/02/2021

TOMORROW

DSTV PREMIERSHIP
KAIZER CHIEFS VS SUPERSPORT UNITED

CHIPPA UNITED VS TS GALAXY

BAROKA FC VS BLACK LEOPARDS

GLADAFRICA CHAMPIONSHIP
JDR STARS VS ROYAL AM

PRETORIA UNIVERSITY VS CAPE TOWN SPURS

SEKHUKHUNE VS TS SPORTING

STEENBERG UNITED VS PRETORIA CALLIES

ENGLISH PREMIER LEAGUE
SOUTHAMPTON VS CHELSEA

BURNLEY VS WEST BROM

LIVERPOOL VS EVERTON

FULHAM VS SHEFFIELD UNITED

USanelisiwe Magubane oyiNkosazane Yonyazi uzokthatha akbeke ukut kahle hle ubunazaretha buhle ngani aphinde athi ukugxil...
19/02/2021

USanelisiwe Magubane oyiNkosazane Yonyazi uzokthatha akbeke ukut kahle hle ubunazaretha buhle ngani aphinde athi ukugxila impela emakhosazaneni nakumuntu omusha. Umsakazi waseBuhle bamanguni

Yaze yayisibonelo esihle inkosazane Yonyazi...Sizobe sigqamisa ukut kungani umuntu wesfazane engaligqoki ibhulukwe ksasa...
19/02/2021

Yaze yayisibonelo esihle inkosazane Yonyazi...
Sizobe sigqamisa ukut kungani umuntu wesfazane engaligqoki ibhulukwe ksasa ngo6-9am noSamke Magubane... Ungaphuthelwa

USamkelisiwe Buthelezi *ungusomabhizinisi umsunguli weEzokwanda Pty Ltd*umsakazi waseBUHLE Bamanguni online radio*Unguml...
19/02/2021

USamkelisiwe Buthelezi
*ungusomabhizinisi umsunguli weEzokwanda Pty Ltd
*umsakazi waseBUHLE Bamanguni online radio
*Ungumlingisi
*BRAND INFLUENCER
*umphathi wohlelo
* Hosted Black Coffee Music festival(Music By the sea)
*Founder of POSITIVE IMPACTS/BUSINESS with Samke Buthelezi (social media show, I discover & profile small businesses and help them grow in my community
She has Ailurophobia(intense fear of cats)

Noxolo "Da Knoxinator" Ndlovu usisi othanda oncamnce.  Usakaza ngoMonday-Friday from 6-9am Vuka Nguni breakfast showBuhl...
19/02/2021

Noxolo "Da Knoxinator" Ndlovu usisi othanda oncamnce. Usakaza ngoMonday-Friday from 6-9am Vuka Nguni breakfast show

Buhlebamanguni online

Sekuhlehliswe omunye weCAF CHAMPIONS LEAGUE othinta iqembu laseNingizimu Africa. Umdlalo ohlehliswa obukemele ube phakat...
19/02/2021

Sekuhlehliswe omunye weCAF CHAMPIONS LEAGUE othinta iqembu laseNingizimu Africa. Umdlalo ohlehliswa obukemele ube phakathi kwe CR BALOUZIDID ne MAMELODI SUNDOWNS nobekumele udlalwe mhlaka 23 kwephezulu kwelase Algeria.

Kodwa ke izolo iCAF iyalele iSundowns ukuthi ingabe isaya eAlgeria ngoba kunokukhathazeka ngenxa yeCovid19 kanti iDowns ithole lezi zindaba isendleleni ebheke eOR TAMBO INTERNATIONAL AIRPORT nalapho ibizothatha indiza ezoyibeka eDOHA.

19/02/2021

Inkantolo kamantshi yaseBloemfontein ilidlulisele enkantolo ephakeme namhlanje icala likanobhala jikelele weqembu leANC nowayengundunankulu esifundazweni saseFree State uMnu. Ace Magashule lokusebenzisa budlabha imali yesifundazwe ewuR255 million.
UMnu. Magashule obesekwe iqulu lamalunga eANC nawoMkhonto wesizwe, ubevele namhlanje enkantolo nabanye ozakwabo abangaphezu kweshumi, badedelwa ngebheyili. Icala labo lihlehliselwe umhlaka 11 August enkantolo ephakeme.

Amaphoyisa asendaweni yakwaMsane esifundazweni saKwaZulu Natal anxusa ukuthungathiswa izingane zamantombazane ezimbili e...
19/02/2021

Amaphoyisa asendaweni yakwaMsane esifundazweni saKwaZulu Natal anxusa ukuthungathiswa izingane zamantombazane ezimbili ezinyamalale maphakathi nesonto eMtubatuba.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uCol. Thembeka Mbhele uthi uZanamuhla (5) noSambulo (6) bakaMchunu bagcine ukubonakala ngaphandle kwesikole sabo iKwamtholo ngoLwesithathu zigake umfaniswano wesikole, iziketi ezimnyama namayembe aphuzi.

Tune into Injobo Ithungelwa Ebandla now on Buhlebamanguni online from 12h00-15h00 with  and
19/02/2021

Tune into Injobo Ithungelwa Ebandla now on Buhlebamanguni online from 12h00-15h00 with and

19/02/2021

Injobo Ithungelwa Ebandla now on Buhlebamanguni online from 12h00-15h00 with and .

Do tune in!!!

Abashadikazi uSandile Zulu no Nokuthula Cibane Bahlangana  emshadweni entuzuma ngonyaka ka  2016 bahlanganisa unyaka  we...
19/02/2021

Abashadikazi uSandile Zulu no Nokuthula Cibane Bahlangana emshadweni entuzuma ngonyaka ka 2016 bahlanganisa unyaka wesihlanu bethandana ...ngosuk lomhlak 07 March 2021 sekuzoshada bona endaweni yaseShowe emagazini kwesakwa Ntshangase...Sithanda ukuthi halala kubona. U shembe awenze ube impumelelo umshado wabo

Address

12 Scott Road, New Germany Pinetown
Durban
3610

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Buhlebamanguni online radio posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category


Other Radio Stations in Durban

Show All