Evangelist SN Khoza

Evangelist SN Khoza Accept one another, then, just as Christ accepted you, in order to bring praise to God.

10/09/2024


Emhlabeni, sifana nemisizi esandleni sikaNkulunkulu, ngokwecebo likaNkulunkulu, nobani nobani kubhalwa uhambo lwakhe ngamunye. Kwesinye isikhathi singabantu s**e sifise ukuba nezinto abanye abanazo, sihalele izinto ezikude nathi kanti asazi abanazo badlulephi ukuze bazithole, ngoba uma sificwa izimo empilweni, sehlelwa ubunzima, ubaba wethu osezulwini usuke esicika, esilola ukuba sibe namandla okuzuza okusifanele. Omunye uthola umsebenzi emva kweminyaka ewufuna, omunye athole abantwana emva kwesikhathi ebafuna, omunye athole umshado, nakho konke umuntu angase akufise, konke lokhu akwenzeki ngoba uzondiwe, noma unamabhadi, kodwa yamkela icebo likaNkulunkulu lithathe indawo, vumela ubaba wethu abhale umlando ngawe, kusasa uyothula ubufakazi ngohambo lwakho noNkulunkulušŸ™

26/03/2024

BengiseClinic, ngilandelana nosisi obephethe ingane, eyincelisa ibele, incela lengane kwaze kwaphela imizuzu engamashumi amabili, yaze yafuna ukuxhilwa, losisi ube eseyikhipha ibele, wayibhodlisa. Ngifunde into eyodwa kulesimo ukuthi noJehova ufana nomzali kithi, uyakwazi okusilungele, ngesikhathi esifanele, yingakho kuMathewu 18 v 3 "Ngiqinisile ngithi kini, uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, ngeke niwubone umbuso wezulu". Jehova akasho ukuthi yibani abantwana kodwa nibe njengabantwana. Umntwana angazonda manje, kuphele ihora useyahleka Inkinga yabantu bafuna ukuba badala nakuJehova, batshele Jehova ukuthi enzeni ngesikhathi esifunwa yibo, abanye bafuna kutshela Jehova ukuthi abahambise kuphi, abanikeni, ngasiphi isikhathi, yingakho okunye sikubamba, kusiphunyuke ngoba vele asabelwanga kona, sazithathela. Isaya 30 v 18 "Babusisiwe abalinda ebukhoneni beNkosi".

26/03/2024

BengiseClinic, ngilandelana nosisi obephethe ingane, eyincelisa ibele, incela lengane kwaze kwaphela imizuzu engamashumi amabili, yaze yafuna ukuxhilwa, losisi ube eseyikhipha ibele, wayibhodlisa. Ngifunde into eyodwa kulesimo ukuthi noJehova ufana nomzali kithi, uyakwazi okusilungile, ngesikhathi esifanele, yingakho kuMathewu 18 v 3 "Ngiqinisile ngithi kini, uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, ngeke niwubone umbuso wezulu". Jehova akasho ukuthi yibani izingane kodwa nibe njengabantwana. Umntwana angazonda manje, kuphele ihora useyahleka Inkinga yabantu bafuna ukuba badala nakuJehova, batshele Jehova ukuthi enzeni ngesikhathi esifunwa yibo, abanye bafuna kutshela Jehova ukuthi abahambise kuphi, abanikeni, ngasiphi isikhathi, yingakho okunye sikubamba, kusiphunyuke ngoba vele asabelwanga kona, sazithathela. Isaya 30 v 18 "Babusisiwe abalinda ebukhoneni beNkosi".

23/03/2024

ā€œFather, forgive them, for they know not what they doā€ (Luke 24:34) Forgiveness is the release of resentment or anger and a decision to let go of negative feelings. When you don't forgive people who did you bad, it's like you've built a house (name), fully-Furniture'd (acts) on your mind because every time you see them, that house is trigged.
One may indicate that it's a certain maturity stage to forgive regardless of whether they rendered their apology or not, remember forgiveness is for your own benefit, and forgiving doesn't depend on whether the perpetrator apologized or not, because it happens people refuse to forgive after they've apologized, so your mind is worth of positive feelings and personal ambitions.

10/03/2024

Isambulo 3 v 15"Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa. Ngakho-ke, ngenxa yokuba usivivi, ungashisi, ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami." Siyathola nakwincwadi engcwele ukuba umuntu ongami aqonde, wenziwa njani, ngoba lento yokuba yiOli isebenza kuphela uma izingane zidlala. Sinenkinga kangaka emndenini, emsebenzini, kubangani nasemasontweni, abantu abayishaya ngapha, bayishaye ngale, ngoba sandelwe uhlobo labantu abafuna ukuthandwa nxa zonke, bakhohlwe kuthi lesenzo sabo, isona esixabanisayo. NakuJehova, silindelelwe ukuba uma sishisa, sishise noma uma sibanda, sibande ngoba akukwazi ukuthi emthonjeni owodwa, kuphuma amanzi amnandi nababayo.

01/03/2024

Izaga 18 v 21 "Ukufa nokuphila kusemandleni olimi". Qaphela sihlobo sami ukhipha amazwi athini ngomlomo wakho. Qaphela ukuba mazwi mani ahlezi ephimiselwa umlomo wakho, ngoba yonke into oyisho ngomlomo wakho, inamandla okuba idaleke, ibe njengokusho kwakho, khumbula kuthi ngolimi lwakho, ungaphilisa noma ungabulala. Khuluma ukuphila njalo empilweni yakho, isimo singangavuma, kodwa khuluma amazwi okuthemba nakhombisa okufunayo ngekusasa lakho.

26/02/2024

Ngike nganenhlanhla, ngayoshumayela kwiBandla laseCongo KwaMashu ngihamba ngeUber, into engiqaphelile, ngithole kuthi noDriver obengihambisa, akayazi lendawo esiya kuyo, basithumelela location, sakholwa kuthi lento abasinike yona izosifikisa la siya khona, kanti lomuntu ongihambisayo uyayazi enye indlela azitshela kuthi izoshesha, sithuke sesingena kwiGravel, kodwa yaqhubeka Navigator yathi "stay in this route because it is a fastest route", kwavuka enhlizweni yami kuthi noma ngibona gravel kodwa into ekhuluma nathi ithi masihlale kulendlela, kwesinye isikhathi asihlali ngoba izinto zizinhle, kodwa sihlala ngoba khona esikuzwayo, ubona kahle kuthi ayikho phela lento engihlalele lapha, kodwa kuqubuke ukukholwa kuwe ukuthi kuyisiqiniseko sezinto ethenjwayo, kodwa ezingabonwa. Mawungumuntu ophokophelayo, awudidiswa, izinto ozibonayo, izimo zesikhashana, nemigodi ongena kuyo, kodwa uyaye ubuswe into oyizwayo, ephila ngaphakathi kuwe.

24/02/2024

Abanye abahlupheki ngoba behlupheka, abaxakekile ngoba bezondiwe kodwa kubanjwe inyama yabo ukuba ingaphakami. Nkulunkulu ufana nomzali kithi, uyakwazi esikudingayo, okunye angasiniki, ngoba ebona kuthi sisebancane, asikabiFit, abanye balunge bengafundile, kube bafunda ngabe sitshelwa mihla namalanga, abanye balunge behlala kwindlu yomxhaso befuye izinja elumayo, masebeklinile athi "shoes off, shoes off nj" Nkulunkulu wabona kuthi mayenganoBig house lo! ngeke kwangenwa kwakhe, angafuya namabhubesi, abanye balunge bephila beneva enyameni, kubanjwe inyama yabo, ngoba Nkulunkulu ubonile kuthi lo! mayengakahle, impilo imhambele kahle, angashiya kwakukholwa lokho. Inyama kwamelwe ibanjwe ukuze ingaphakami. Omunye athi efundile enemali ekholwa, bangamfuzi sdalo abantwana bakhe, omunye athole abantwana emshadweni, abakhe bamithe nje, bangashadi, omunye esebenza kahle kodwa angabi nalutho ephathekayo, omunye achome ngomkakhe onefiga, athi angathola ababili abantwana, isisu singabe sisabuyela, kubanjwe inyama ingaphakami, Nkulunkulu wayenza lento yokuthi okunye kuhambe kahle empilweni yakho, ebese kuba khona lokhu othi mawukucabanga, uzwe nhliziyo yakho ingena esikhinsini, Lalela sihlobo sami, kubanjwe inyama yakho ukuba ingaphakami.

Good Morning,Umphako walonyaka, Nkulunkulu abe nanišŸ™
02/01/2024

Good Morning,

Umphako walonyaka, Nkulunkulu abe nanišŸ™

Good MorningšŸŒ¤
07/12/2023

Good MorningšŸŒ¤

Address

142 SCOTT Street SCOTTBURGH
Scottburgh South
4180

Telephone

+27794814201

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Evangelist SN Khoza posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Evangelist SN Khoza:

Share