KZN Indaba

KZN Indaba News|Hustlers|Government|Politics|Tourism|Religion|Lifestyle live reality Special South African news

Kuyasetshenzwa eNkandla ku Ward 11
13/12/2024

Kuyasetshenzwa eNkandla ku Ward 11

Ayikaxazululeki eye zikhala zomphakathi waku Ward 10 no 11 eNkandla ngezinkinga zokuqasha emgwaqeni u P90 owakhiwayo.Ump...
26/10/2024

Ayikaxazululeki eye zikhala zomphakathi waku Ward 10 no 11 eNkandla ngezinkinga zokuqasha emgwaqeni u P90 owakhiwayo.

Umphakathi ukhala ngokuthi kumhlangano owawuhleliwe awunikezwanga izimpendulo kodwa wathola ukugwajiswa nokucindezelwa ngakho uthi usazoqhubeka nokuvimba ukusebenza.

Uthi kulomhlangano wawunganikwa ithuba elibulelekile ngoba wawusatshiswa ngamakhosi futhi uthi kunamadoda ayevele asukume akhulume ngaphandle kokuphakamisa izandla.

Ube sewufaka iziphakamiso zokuthi kungenelele inkosi yesizwe sakwaShezi ukuxazulula ukungenami kwawo.

26/10/2024

Iqembu le MK eNkandla ligasele ezitolo edolobheni eNkandla nalapho lithole inqwaba yokudla esekudlulelwe yisikhathi.

Leliqembu lithi likhathazekile ngezitolo ezithengisa ukudla okudlulelwe yisikhathi laveza ukuthi izimpilo zabantu zisengcupheni .

07/09/2024

UNdunankulu wesifundazwe i-KwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli usememezele ukuthi abokufika abakulesifundazwe ngokungemthetho ababuyele emazweni abo bonke beyolanda izimvume ezisemthethweni ezibagunyaza ukuthi bengene behlale kulesifundazwe.

Ekhuluma uGodide emva kokugasela behlola ezindaweni ezahlukene zokusebenza kwaSithebe eMandeni enyakatho nelikaMthaniya uveze ukuthi lokhu akukhona ukuthi bacwasa abokufika kepha bafuna ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu wangaphandle okulesifundazwe uyaziwa futhi kumfanele ukuba la.

03/09/2024
03/09/2024
Kufe abasolwa abayisithupha khathi betholene phezulu ngezulu lezandla namaphoyisa esakhiweni esise South Beach e Thekwin...
03/09/2024

Kufe abasolwa abayisithupha khathi betholene phezulu ngezulu lezandla namaphoyisa esakhiweni esise South Beach e Thekwini izolo ebusuku. Abasolwa bebefuneka ngoxhaxha lwamacala okubulala nokuphanga e Mariannhill na KwaNdengezi. U Khomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal u LT Gen Nhlanhla Mkhwanazi uyachaza.

08/08/2024

Babalelwa ku 11 000 abantu ababoshwe kwaZulu Natal ngoNtulikazi (July) walonyaka.

Namhlanje kufungiswe ngokusemthethweni  uCllr Sandile Nsele ozongena ezicathulweni zika Cllr Thami Ntuli obeyi PR counci...
02/08/2024

Namhlanje kufungiswe ngokusemthethweni uCllr Sandile Nsele ozongena ezicathulweni zika Cllr Thami Ntuli obeyi PR councillor ye-IFP nobengumeya wesiFunda iKing Cetshwayo manje osenguNdunankulu waKwaZulu-Natal ovela ku ward 11 ngaphansi kuka Maspala waseNkandla. UNsele ufungiswe ngokusemthethweni iMamtshi uSwanepoel eCouncil Chamber kuMasipala waseNkandla.

IMeya kamasipala uMlalazi uCllr Queen Xulu usingathe iMbizo yabalimi abasafufusa ngenhloso yokubacobelela ngolwazi kwizi...
02/08/2024

IMeya kamasipala uMlalazi uCllr Queen Xulu usingathe iMbizo yabalimi abasafufusa ngenhloso yokubacobelela ngolwazi kwizinto abazitshalayo. Phakathi kwezinye zezinto ezihlalukile ukuthi abantu abaningi bantula umhlaba ukuze batshale.

Eyama blesser ayihlasele iNkandla kuphela kodwa neTheku kanye noNewcastle...ucwaningo.
01/08/2024

Eyama blesser ayihlasele iNkandla kuphela kodwa neTheku kanye noNewcastle...ucwaningo.

Sebefikile eNkandla abasuka eLimpopo ngezinyawo.Umbiko ongakaqinisekiswa kuvela ukuthi usefikile eNkandla u-King Sebatha...
01/08/2024

Sebefikile eNkandla abasuka eLimpopo ngezinyawo.

Umbiko ongakaqinisekiswa kuvela ukuthi usefikile eNkandla u-King Sebatha nahamba nabo ohambeni lwabo olusuka eLimpopo ngezinyawo olwaqala mhlaka 16 July nalapho beveza izikhalo ngamavoti i MKP.

Imibiko ithi bazosuka e-Fortlouis bahambe ngo-P50 baze bayodlula eManzimnyama ku-P707, uma befika eThokoza bangene ngo-D1538 bayongena eNgwegweni baze bayongena eNkandla kwenye yama Shopping Center.

Sesingenela osukwini lwesibili isiteleka samatekisi  endaweni yase Port shepstone ogwini oluseningizimu nesifundazwe iKw...
30/07/2024

Sesingenela osukwini lwesibili isiteleka samatekisi endaweni yase Port shepstone ogwini oluseningizimu nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Phakathi kwezinti abakhala ngazo bafuna amaphoyisa omgwaqo azibiza ngoShanela ayeke ukubahlukumeka emgwaqeni, bafuna ama-permits, njengoba umnyango wezokuThutha ungawadedeli ngesikhathi.

Abanikazi bamatekisi izolo bebehlangene enkundleni yezemidlalo eMaburg, belinde kube nezingxoxo nomnyango wezokuThutha, okugcine kungenzekanga.

Kanti namhlanje (Lwesibili),umnyango wezokuThutha uthi uzoba nomhlangano ozobanjwa ngehora lesithathu ntambama Emgungundlovu, kanti phakathi kwezinto ezizobe zidingidwa ukuzama ukuxazulula izikhalo zabanikazi bamatekisi abatelekile ogwini.

Ezithombeni iselokishini eGamalakhe njengamanje, akungeneki, futhi akuphumeki. Kuvunyelwe izimoto zezimo eziphuthumayo kuphela.

Kuphenywa inqwaba yojele besfazane ngokudayisela iziboshwa inanasi.Ungqongqoshe wezamajele umhlonishwa Pieter Groenewald...
26/07/2024

Kuphenywa inqwaba yojele besfazane ngokudayisela iziboshwa inanasi.

Ungqongqoshe wezamajele umhlonishwa Pieter Groenewald ophume umkhankaso wokuqondisa izigwegwe kumnyango wezamajele ezweni lonke, uveze ukuthi bayinqwaba ojele nabaphathi bezamajele umnyango wakhe osubamisile emsebenzini ngamacala aminingi ahlukahlukene okuphula umthetho nobudedengu nenkohlakalo.

Okuvelayo kumbiko oshaqisayo okhishwe umnyango ukuthi ojele besfazane abaningi badayisela iziboshwa ezime kahle ephaketheni isinene nokuyinto labojele abayibiza ngokuphanta, kuthiwa iziboshwa ziyathintiswa zipotoziswe uma zikhiphe ibhola lemali ziyaliphiwa impela igquma.

Ngokomunyango bangu 1245 ojele besfazane asebehlaliswe ekhaya ngenxa yalomkhonyovu bahamba amacala angaphakathi kumnyango.

Bangu 589 ojele Okuthiwa bona bese bevule izipaza emajele bedayisa benza imali eshisiwe sebekhohliwe ukugada iziboshwa

Bangu 7689 Okuthiwa bebesebenza ukushushumbisela iziboshwa izidakamizwa imimmese namaselula notshwala obubizayo.

Kuphinde kwamiswa abaphathi bamajele angu 17 ngokuhlulwa umsebenzi abanye bathinteka ekweqeni kweziboshwa.

Ungqongqoshe uthi labasebenzi usebahlalise ekhaya waliqeda iphalishi labo bahamba amacala ahlukahlukene angaphakathi.

25/07/2024

UMongameli wezwe uMnu uCyrilRamaphosa, ngokweSigaba -174(3) soMthethosisekelo wezwe we-1996,uqoke iPhini LikaMehluleli Omkhulu uMehluleli uMandisa Maya njengoMehluleli Omkhulu kusukela mhla lu-1 kuMandulo wezi-2024.

Ibhodi lePassenger Rail Agency of South Africa (PRASA) libuyisele uZolani Kgosietsile Matthews esikhundleni sokuba yiGro...
25/07/2024

Ibhodi lePassenger Rail Agency of South Africa (PRASA) libuyisele uZolani Kgosietsile Matthews esikhundleni sokuba yiGroup Chief Executive Officer (GCEO).

Lesi sinqumo silandela isinqumo seNkantolo Yezabasebenzi mhla lulunye kuNtulikazi 2024, esaqinisekisa ukuba semthethweni kwenkontileka ka-Matthews, eqale yanqanyulwa yibhodi le-PRASA ngoDisemba 2021.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli u-Khumbudzo Ntshavheni umemezele ukuthi I-Ejensi Yezokuphepha Yombuso iqinisa imizam...
17/07/2024

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli u-Khumbudzo Ntshavheni umemezele ukuthi I-Ejensi Yezokuphepha Yombuso iqinisa imizamo yokulwa nezinsongo zokuphepha ku-inthanethi eNingizimu Afrika.

Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi kwethulwa ivoti lesabelomali ePhalamende ngoMsombuluko.

Address

Revonia Sandton Johannesburg
Randburg
3855

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when KZN Indaba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to KZN Indaba:

Videos

Share