Izindaba ZaseJele

Izindaba ZaseJele Scott
(1535)

18/02/2025

"Isigebengu kuphela esinenkinga nephoyisa" - Tamara

18/02/2025

Uma umuntu wakho ekhuluma nocingo ngicela ukhohlele. Ukhohlele nje kancane. Ungibonge kwi inbox

"Fokof, nikhothana izinto zokuchama la noma niyadonsa"Kuthiwa basho njalo abakwa DCS befika eMedium E bezosesha ebesifaz...
18/02/2025

"Fokof, nikhothana izinto zokuchama la noma niyadonsa"

Kuthiwa basho njalo abakwa DCS befika eMedium E bezosesha ebesifazane. Phela nabo bayaziphatha izinto ezingekho emthethweni kanti benjalo nje bayajola strong.

Kuthiwa bakhothana izinto zokuchama, I-Department ayikufuni lokho!!!!

Sisuke sesi Pretenda ke lana sesifuna ukuya emnyango. Sifuna i-Parole ngenkani.
18/02/2025

Sisuke sesi Pretenda ke lana sesifuna ukuya emnyango. Sifuna i-Parole ngenkani.

18/02/2025

Mangabe uboshelwe icala lokubulala umuntu iziboshwa ziyakwenza ukuthi uphinde wenze amanye amacala ngaphakathi. Akunqeni sithi isiboshwa kuwena "Ei ayikho lento yakho wena wafika isidumbu sesifile, akekho umuntu ongabulawa uwena"

Ziyohleka ezinye iziboshwa nawe ucasuke, shuthi sekumele uzivezele manje ukuthi uyakwazi ukuyenza, sekumele uphinde ushaye noma ulimaze esinye isiboshwa zibhekile lana ejele bese uyiswa eKokstad.

Alikho icala elingcono ejele, nalaba ababoshelwe ukubamba imoto yemali iziboshwa ziyayiphika leyonto zithi "Wena wawudlula wase uyaboshwa, ayikho imoto engabanjwa uwena ukhathele kanje"

Zisuke zifuna ukukwenzisa amacala, kumele uqine. Mangabe u-weak nawe uzongena enkingeni!!!!

Yimina lo ngibhala izindaba zasejele
18/02/2025

Yimina lo ngibhala izindaba zasejele

17/02/2025

Umuntu wayengeke angaboshwa, othisha bethu babefonela amabhubesi nge-duster 😭

Usisi lo inkantolo imnike ibheyili ka R2000 yathi akahambe ayolala ekhaya.Ngangivele ngishilo kule-post ukuthi umthetho ...
17/02/2025

Usisi lo inkantolo imnike ibheyili ka R2000 yathi akahambe ayolala ekhaya.

Ngangivele ngishilo kule-post ukuthi umthetho wase South Africa unobulili. Ngiyawazi lomthetho nami sengike ngaba i-victim yawo.

Abafwethu laba ababulala Omama bezingane zabo nathi sicela banikwe amabheyili phela.

Ayikho lento!!!

Kuthiwa ilona igunyakazi leli elidubule uBaba wengane yalo nge AK-47 uNokulunga Mthethwa.

Kodwa ngoba vele umthetho wase South Africa uthatha uhlangothi. Hlampe uzogwetshwa 15 usisi alengiselwe u-10 years bese edonsa 5 years.

Imantshi izothi "Ngiya andastenda bewuhlukumezekile" Women and Children abuse ntoni ntoni. Ukuba indoda edubule yena ngabe kunemashi ebheke enkantolo njengamanje ethi " Men are Cruel" amadoda azilwane.

Double standards!!!!!

17/02/2025

Ngicela niqaphele la.

Abantu abaphuma emajele enibaziyo abaphenduka osikhotheni ilabantu abadonse less than 10 years. Umuntu odonse 15 years nangaphezulu kukancane kakhulu aphenduke uskhotheni uma esephumile.

Angeke futhi umuzwe ecula inombolo esigangeni, qkazihlanganisi nabafana abancane, akahlalahlali estolo. Uma enemibhalo emzimbeni uyayifihla agqoke izinto ezimboza umzimba. Angeke futhi umthole exoxa ijele. Very rare futhi ukuthi ungamthola emza elinye icala.

Inkinga esibhekene nayo ilabantu abadonsa o-5 years baphume, nalegenge egcina ezitokisini. Sinenkinga ngempela ke lapho straight. Iyona le egcwele emgwaqeni edla izidakamizwa nasema-Rank ewasha amatekisi ibambe nabantu inkunzi ebusuku.

Anoke nibabhekisise nani abangakini, hlampe nizoyibona lento. Angisho ukuthi bonke banje, abaningi babo engibaziyo. Ningasho ukuthi nginamanga. Yes nginamanga but ,not all the time moss πŸ™‚

Ngyabonga

17/02/2025

Umthetho wezinkabi (ongalotshiwe phansi)

Umuntu akadutshulwa phambi kwezingane zakhe.

Ngyabonga.

16/02/2025

"Amadada aduda edamini"
"WeNomathemba ushaywe ubani?"

Umuntu wayengeke angaboshwa, sawufunda kakhulu umsangano 😒

Owesilisa uma ekhande itulo lokubulala athandana naye ugwetshwa isigwebo esinzima. Kubhikishwe kuvalwe imigwaqo abesifaz...
16/02/2025

Owesilisa uma ekhande itulo lokubulala athandana naye ugwetshwa isigwebo esinzima. Kubhikishwe kuvalwe imigwaqo abesifazane bemfunela isigwebo esiqinile.

Nansi inja yowesifazane ethenge inkabi yathi akubulawe umjita wethu. Ilele kobandayo manje ingane yabantu lowo ebeyimthanda ithi uzoba unkosikazi wayo uyiqashele abantu yathi abayibulale.

Buka nje ihleka kanjani imenza islima umjita wethu.
Ei banesihluku abanye abantu 😒

Ngendlela izwe eselife ngakhona, abantu besilisa sebedlwengulana bodwa manje.Kuthiwa uDriver weTruck bamfice emotweni ba...
16/02/2025

Ngendlela izwe eselife ngakhona, abantu besilisa sebedlwengulana bodwa manje.

Kuthiwa uDriver weTruck bamfice emotweni bamthathele izinto zakhe base bemfaka into ecijile. Ngizizwa ngingekho safe 😒😭

Isimangaliso!!

Uyothathe uyothenga ngayo bese uyaboshwa ugwetshwe 25 Years!Uthathwe uyohlaliswa eKokstad ugqoke Red, uhlaliswe wedwa ku...
16/02/2025

Uyothathe uyothenga ngayo bese uyaboshwa ugwetshwe 25 Years!

Uthathwe uyohlaliswa eKokstad ugqoke Red, uhlaliswe wedwa kuthiwa kusaphenywa amanye amacala kusamele ukhiphe owawuhamba nabo.

Uhlale ejele uze uhlanye, after 9 years ubhadla ejele udedelwe kuthiwe siyaxolisa wabopheka ngephutha.

Uyovula icala ufuna ukubophisa i-state, uhambe inkantolo kuze kuphele imali yokugibela. Ugcine ungasayi enkantolo.

Unye!!!!

16/02/2025

Kuyethusa ukugwetshwa.

Njengoba ngake ngasho ukuthi mina ngike ngigwetshwe kanye. Ngaphambili kwalokho ngangiye ngiboshwe izikhawu kodwa ngigcine ezitokisini.

Uma nisezitokisini nihlolwa njalo izifo nasesikalini niyanjalo. Ngikhumbula kahle ukuthi siya enkantolo sizogwesthwa sasiphuma eClinic ngafika ngashaya u-70KG. Ngafika enkantolo ngagwetshwa.

Ngangithuke kakhulu ngavele ngancipha ngaso lesosikhathi. Uma senigwetshiwe niyogqoka niyabhalisa imininingwane yenu nihlolwe nezifo ninikwe nempahla. Ilapho futhi engafike ngakalwa khona isisindo somzimba. Ngafika ngashaya 62KG.

4 days ago bengenza 70KG kodwa emva kokuthuswa isigwebo ngalahlekelwa u-8kg wonke. Ngafika eSectionini ngalahlekelwa kakhulu futhi ngoba ngahlala 2 days ngingadli, nasebusuku ngingalali. Ngaze ngancengwa esinye isiboshwa sathi "Yidla ndoda, nathi kwakufana nawe sisafika kodwa uzojwayela".

Kwabaningi abangakaze bagwetshwe, angifisi bayizwe leyanto

15/02/2025

Nomoya uyavuka enkantolo, ayikho into engenzeki!!!!

15/02/2025

Kunina nonke enigqilazwa amandiya emsebenzini. Nami ekhaya kukhona engiliqashile elingelusela izinkomo zakithi nezimbuzi.
Angiligqilazi kodwa mina!!!

Next week ngfuna ukuqasha i-China elizosebenza egcekeni, bese ngivala ngomlungu ozohlakula amasimu akithi.

"Hambani Majita, Ngisagquma" πŸ˜ƒ
15/02/2025

"Hambani Majita, Ngisagquma" πŸ˜ƒ

Address

IZINGOLWENI
Port Shepstone
4240

Telephone

+27729511932

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba ZaseJele posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Videos

Share