Itafula lezindaba

Itafula lezindaba Sikulethela izindaba njengoba zinjalo, uhlezi etafuleni

Phakathi nezwe lase-South Africa kunezwe ekuthiwa i-Orania.I-Orania yizwe eliphakathi kwe-South Africa mubuka kwi-Map. L...
21/02/2023

Phakathi nezwe lase-South Africa kunezwe ekuthiwa i-Orania.

I-Orania yizwe eliphakathi kwe-South Africa mubuka kwi-Map. Lendawo encanyana yaqalwa amabhunu athize. Lokhu akwenze ngenhloso yokuphila impilo eyehlukile nabathi, ayinabo ubugebengu futhi ikhulisa isiko labo.

Nokho banazo izinto ezinhle abazenzayo, njengengqalasizinda yabo yinhle kakhulu. Lamabhunu asebenzisa imali yawo, umthethosisekela wawo, aphinde asebenzise iFlag ekade lisetshenziswa uhulimeni wobandlululo khona eSouth Africa.

Abakhala ngakho ukuthi kungani bengadedelwa uHulumeni ngokusemthethweni bazimele gelekeqe njengamazwe okubukeka kwi-Map emaphakathi ne-South Africa, okubalwa kuwo i: Lesotho, ne-Eswatini.

Sidlule omunye ebuza ukuthi kuyiwa nini ukodijizwa leyanto eqalwa ngamabhunu kuleyandawana.

UPitso Mosimane usaloke ekhuphuke njalo eSaudi Arabia.Umqeqeshi oke wangaba nawo umsebenzi eMzansi, kodwa kade kubukeka ...
21/02/2023

UPitso Mosimane usaloke ekhuphuke njalo eSaudi Arabia.

Umqeqeshi oke wangaba nawo umsebenzi eMzansi, kodwa kade kubukeka ukuthi amaqembu acwilayo afana noChiefa ayamfuna. Usegila izmanga eEurope lapho eqeqesha iqembu elidlala esgabeni sesibili. Sixoxa nje uhleli phezulu kwiLigi, usevule negebe lamaphuzu ayisishiyagalombili.

Kunamahebezi athi abalandeli beChiefs bacasuke kabi ukuthi wayengaqashwa ngani. Kwazise phela ingcindezi iphezu komqeqeshi uZwane owaphoqelelwa ibona njalo abalandeli.

Sithi nje Pitso hlala lapho, mengabe ukhuphukele esgabeni esiphezulu unamathuba okubhekana neshlabani uChristiano Ronaldo odlala kuleso sgaba ngesizini ezayo.

Iyadida impela eyaseNdlunkulu.Sekuqhamuke elesithathu igama kulabo ababanga isihlalo seSilo. Okhulumela iNdlunkulu uMntw...
18/08/2022

Iyadida impela eyaseNdlunkulu.

Sekuqhamuke elesithathu igama kulabo ababanga isihlalo seSilo. Okhulumela iNdlunkulu uMntwana wakwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, akananazi mebuzwa ngaso lwaihlalo ukuthi ngempela ngesikabani. Ukubeka kucace bha njengezinqa zesele ukuthi kwakhona manje iSilo sesihleli esihlalweni sokubusa uZulu. Isuke esho uMisizulu ka-Zwelithini, ukuthi wuye osesiqhoqhobele lesihlalo.

Igama elivele phambilini elomntwana uSmakade (Sma) mebencokola abantu kwezokuxhumana, uBuzabazi yena uvele mhlaka 18, evezwa abanewabo baka-Mdlokombane, abakubeke kwacaca ukuthi akakazokhuluma yena ngenxa yosiko okusazodlulwa kulo.

Kwenzeka lesphithiphithi, nje kubhekwe khona emcimbini, ngomgqibelo lona womhlaka 20, lapho eyogcotshwa khona uMisuzulu. Ukuvela kwegama lika-Buzabazi kuvusa imbuzo ngoba uMbonisi uvele ufake icala inkantolo elivimba ukugcotshwa kuka-Misuzulu, nangu futhi esenabanewabo bephakamisa elinye igama.

UBuzabazi, bamqambe ukuthi i'Silo sengubo kwezokuxhumana.' Kuzobe kusindwe ngobethole kugcotshwa uMshana ka-Makhotesive sisho uMswati phela iNkosi yeMaswati, eyobe ikhona egcotshwa uMisuzulu.

Umongameli wezwe uCyril Ramaphosa, olengelwa yifu naye ekhanda lakhe ngenxa yePhalaphala Farm Gate Robbery, uyobe ekhona ezonika iNkosi yamaZulu istiketi esimgunyaza simnika wonke malungelo ngaphansi komthethisisekela waseNingizimu Afrika. Ukuthi ngempela uzohola, athole lonke uju nobisi olumfanele njenge-Nkosi.

Sithi nje sihole Misuzulu kaZwelithini.

Wena weNdlovu Bayede.

Ezimnyama seziphinde zalanda omunye umlungisi wamapayipi, yona embiza ngomqeqeshi.Lombhemu kuthiwa owaseSpain, uke waqeq...
25/06/2022

Ezimnyama seziphinde zalanda omunye umlungisi wamapayipi, yona embiza ngomqeqeshi.

Lombhemu kuthiwa owaseSpain, uke waqeqesha elinye lamaqembu akhona eSpain. Uqeqeshe imnyaka engaphansi kwemine.

Lomqeqeshi uzofika nethimba lakhe azosebenzisana nalo. UNcikazi yena uzokwehlela kwelokuba umsizi wakhe elekelelana naye belu lona ozofika naye uJose Reviero

I-Orlando Pirates ezkamagebhula, ethubeni lokuqopha umlando.Ezagebhula umhlaba kamaspala zawbhekisa phezulu, zisethubeni...
18/05/2022

I-Orlando Pirates ezkamagebhula, ethubeni lokuqopha umlando.

Ezagebhula umhlaba kamaspala zawbhekisa phezulu, zisethubeni lokudla umqhudelwano wase-Africa iCaf Confederation Cup. Lendebe isezingeni eliphezulu ngoba ilama iCaf Champions League, lena ejwayele ukuthathwa i-Ahl ahly, yaseGibhithe eqeqeshwa owakuleli uPitso Mosimane.

IPirates iya kulomdlalo ithwelwe ngeqoma kwazise yenze kahle kakhulu kuwo lomqhudelwano kusuka kowamaqoqa kwaze kwazofika kowemkhumula jezi.

IPirates aydlalanga kahle emlenzeni wesbili kowandulela owamanqamu, njengoba yaguqiselwa i-Ahl Ahly Tripoli yase Lybia, kwelika Ghadafi. Nokho ke yayishaye amagoli amabili kowokuqala umlenze. Ukuguqa ngelilodwa akwangabalimaza kakhulu.

Lona wamanqamu uzobanjelwa kwelaseNigeria, enkundleni ebizwa ngeGod's Will. Abathandi bebhola baseNigeria sebekubeke kwacaca ukuthi bazokweseka indlu emnyama, bathi nje abangani eye RS Berkane, yase Morocco.

Okubuhlungu ukuthi kunabanye bakhona eMzansi abangayeseki iPirates, ize iyosekwa lena enhla ne Africa yenzeni lana ekhaya, ngoba ilwela ukungena kutop 8 njengoba iwunumber 7 kwiLigi yaseMzansi.

Siyitafula sithi siyiseka ezingeni lomhlaba indlu emnyama, sithi buyani nayo indebe.

Umdlalo uzoba mhlaka 20 May 2022, ngo 21:00 ebusuku.

11/03/2022

Kuputshuke umbiko ngomgomo we-Pfizer, ngemthelela engaholeni ekuphumeni kwemiphefumulo yalabo abagome ngawo.

Sekuqubuke omkhulu umsindo ngenkathi kuputshuka incwadi equkethe imphumela engehlela labo abathathe umgomo we-Pfizer.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekuphele imnyaka embili golokoqo kutheleke ubhubhane loKhuvethe. Umhlaba wonke wathatha iznqumo zokuvikela umphakathi ukuze usinde kulolubhubhane. Kwabe sekudedelwa ososayensi ukuthi bakhiphe amava abo ekutholeni ikhambi lalolubhubhane.

Nokho ke akubona bonke abavunyelwe ukukhiqiza imshanguzo yokulapha izifo ezibucayi njengoKhuvethe. I-World Health Organisation, inhlangano yezempilo yomhlaba yiyo egunyaza ukuthi kwakhiwe kuphinde kusabalaliwe lemshanguzo. Ikhona imshanguzo noma imgomo ekhiqizwe amazwe ahlukene. Imshanguzo eyakhiqizwa amazwe ahlukene kubalwa, i-Pfizer, Sputnik, Mordena, Johnson and Johnson ukubala nje imjovo embalwa. Lemijovo iyo ke eyagunyazwa i-WHO.

Kuphutshuke incwadi equkethe okungaba yimphumela enobungozi emva kokuthatha lomjovo. Okucasule abantu ukuthi ngokubika kwe-FDA lombiko bekfanele ufihlwe okungenani imnyaka ecela kwelikhulu. Umbuzo uthi kungani I-Pfizer izindle ngalokhu. Kucace ngokusobala ukuthi bebengafuni ukuthi labo abathathe lomgomo bangazi ngalemiphumela emibi kangaka.

11/03/2022

UMengameli Cyril Ramaphosa uthinte ngomakhalekhukhwini uVladmir Putin.

Omele i-South Africa kwinhlangano yamazwe i-African Union, wacacisa ngolokungavezi ukuthi imiphi iSouth Africa ekuvoteni kudaba oluthinta amaLashiya ne Ukraine.

Kulokuvotwa kwakubekwe izinto ezntathu. Kokuqala kwakuwukuthi, iLashiya ayihoxise amasosha ayo ukudla elase-Ukraine, okwesbili ukuthi awangahoxiswa awalidle, okwesithathu ukuzqhelelanisa kukho kokubili lokhu.

I-South Africa yabalwa nalawo mazwe angazibandakanyanga. Nokho kwasusa umsindo lokhu, abanye bethi isinonya kanje iSouth Africa ngoba kubalawa abantwana nezngane nje. Abaningi bebeyiphoqa ukuthi aycacise ukuthi ingakuluphi uhlangothi.

URamaphosa uhlale ocingweni lwakhe edonsa sona isihonga esiwuMengameli waseLashiya. Nebala walugxumela ucingo, baxoxa kahle. URamaphosa unxenxe oka-Putin ukuthi akaqhubeke impela nezngxoxo nelase Ukraine ezizogcina ziqinisekisa ukuthi womabili lamazwe aphuma nesisombululo.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSouth Africa engilinye lamazwe akwi-BRICS okuyi, Brazil, Risia, India, China, nayo ke iSouth Africa.

URamaphosa uwadlale kahle amakhadi akhe, kwazise iLashiya labhala incwadi eybhekise khona eSouth Africa incoma ukubambisana sekuze kuphela imnyaka ew-30.

Ngokubhala lencwadi kungenzeka ukuthi yaykhumbuza elakuleli ukuthi ningalinge nithathe icala ngoba ngeke kusaletshe phezu kwelinye.

Asazi ke ukuthi uzoxokiza kanjani uRamaphosa ngoba ubezncengela ngendlela ekade ingaqondakali kuPutin wase USA. Kanti uMsholozi walikhipha elakuleli eNtshonalanga nase-US. Abesifazane bazokutshela ke ukuthi kunzima kanjani ukubhangqa amadoda amabili ayizidlamlilo.

08/03/2022

Ikapakele emhlabeni wonke ephakathi kwaMalashiya, neUkraine.

Sekophela cisho amasonto amabili iUkraine idonswa ngezhluthi yizwe lamaLashiya. Izwe laseLashiya lakhelene kakhulu nalelizwe laseUkraine okuyizwe elizimele emva kokuzuza inkululeko ngo1991.

Lelizwe lalibalwa namanye ayelawulwa inhlangano eseyaqedwa okuthiwa iSoviet Union okwakuyiwo amaLashiya ayeshaya iscathulo. Indlela akhelene ngayo lamazwe kuze kube nezngxenye ezlawulwa amaLashiya khona eUkraine. Kubalwa i- Donetsk ne- Luhansk, kulezingxenye kuhlala amaLashiya kuphilwa sona futhi.

Lempi ayqali ukuba seqhulwini manje, kuzokhumbuleka ukuthi ngo2013 kuke kwaba khona ukungquzulana phakathi kwalamazwe nokho kwabukeka engathi kuyashabalala. OnguMongameli waseLashiya -Vladmir Putin ubuzwe kaningana ngenkathi andisa amasosha akhe emngceleni esondele eUkraine waphendula ngokuthi cha akezile kabi kodwa uqinisekisa ezokuphepha kulamadolabhana akhe amabili. Lokhu kucace ngenkathi esegasela ngamasosha akhe emadolobheni amakhulu okubalwa I-Kyiv ne Kharkiv okuyilo dolobha lesbili kwamakhulu.

Ngenkathi egasela amasosha aseRussia aqale abhekisa imicibisholo yawo ezizindeni zamasosha aseUkraine, okubukeke kuba nzima ukuthi ayzange izbeke phansi i-Ukraine. Kulwe amasosha kwaze kwasukuma nemiphakathi yathi maLashiya khohlwani angeke nilidle izwe lobabamkhulu.

Ukuqina nokuvika kwe-Ukraine kubukeke kuqina kakhulu, iholwa uMongameli wayo uVladomir Zelenskeyy. amaLashiya aqinise isandla kakhulu kwaze kwafa nabantu abangesiwona amasosha.

Okubangwa kakhulu kulamazwe, ukuthi i-UKraine ifisa ukuzibandakanya ne- NATO. Lenhlangano izinze eNtshonalanga kanye nase US, lapho iqinisekisa ezokuphepha kulamazwe. UVladmir Putin udinwe waveva mezqina lezingxoxo phakathi kwe-Ukraine ne-Nato. Umbuzo wakhe uthi kulandelwani ezokuvikela ezizobeka izwe lakhe engcupheni ngoba phela yena akayona ingxenye yeNato. Uthi labantu mese bezosondezwa emgngceleni yakhe kuyamsolisa, ukuthi akukhona nje kphela lokhu abakushoyo kodwa bangamvukela.

11/02/2022

USteinheusen noMazotti bahluleke nokuzbamba injabulo, uRamaphosa ethala inkulumo yesizwe.

Bathi uRamaphosa lenkulumo uthathe ebhukwini labo okuyilo abalisebenzisayo elingalekelela iSouth Africa ukuthi iye phambili.

UJohn okunguye owumholi we-DA uthe ukujabulela kakhulu ukuthi uRamaphosa wenza ngalendlela. Kuzokhumbuleka ukuthi iDA iqembu eliphikisayo ngakho akuvamile ikuthi livumelane naloyo osuke ewuMongameli we ANC.

Ngakho uRamaphosa kubukeka esebenzisana kahle neDA umbuzo ke uthi engabe sibona lokhu okwashiwo uMachel ukuthi, mhla ngashayelwa izandla abamhlophe anokwazi ukuthi senginidayisile bantu bakithi abamnyama.

Nanka amavideo ngenzansi.

uRamaphosa usanganelwe ikhanda.URamaphosa usanganelwe ikhanda ngaphambi kokuthi ethule lowo azombeka eskhundleni sokuba ...
08/02/2022

uRamaphosa usanganelwe ikhanda.

URamaphosa usanganelwe ikhanda ngaphambi kokuthi ethule lowo azombeka eskhundleni sokuba iNkosi yamaJaji. Kuzokhumbuleka ukuthi iningi lalabo abavotayo eMzansi bebengakunaki kakhulu ukuqokwa kwaloyo ozoqhoqhobala lesikhundla.

Kucace ngenkathi sekunokuvela ukuthi uMengameli Zuma ubezwana nalowo oseqede ibanga lakhe kuso leskhundla, uMogoeng. Ngenkathi eqokwa nguNxamalala lona wakwa Mogoeng iJSC (Judicial Service Commission) yayiqoke uJudge Moseneke. Nokho amandla ancika kumengameli osuke ephethe. Ngalokho uMsholozi wazkhethela UMogoeng emva kokuthi ahlolwe yiKhomishana.

I-JSC iqoke uPresident Judge Mandisa Maya ukuthi aqhoqhobale leskhundla, lokho osekunyakazise kakhulu ongxiwankulu ngoba bebephusha ukuthi kuthathe uJudge Mlambo, okusolwa ukuthi basebenzisana kahle naye. Kwazise phela iculo nje leli elithi iNingizimu Africa iphila ngaphansi kwentanto yeningi.

INingizimu Africa iphila ngaphansi kwengcindezelo yabayingcosana abamhlophe abasebenzisa indlanzana labamnyama ukuthi kubukeke engathi lenkululeko ikhona kanti cha aykaze yaba khona. Laba ke abampishilo banikezwa izkhundla eznkulu mese befumbathiswa imali ukuze bangabi nazwi futhi basebenzele labo abasuke bebafumbathisile.

UDali Mpofu ongomunye wabameli abakhulu bebala elimnyama, usethole okukhulu ukugxekwa ngenkathi epheke ethulula ngembuzo labo ekade begaqele sokuba inkosi yamaJaji. Kucaca ngokusobala ukuthi sekulwa omnyama nomhlophe nokho ke likhona idlanzana elimnyama leli elifumbathisiwe eleseka amaJaji nabameli abamhlophe kuloludaba. Okuyilabo abafumbathisiwe.

Sekuqhamuke iqembu labameli abamnyaba abamesekayo uDali bathi sizofa lana efa khona. Emva kokuthi ethukwe intatheli ye New24 uBasson.

uRamaphosa ekugcineni kufanele kube wuye ozoqoka inkosi yamaJaji ingakho ikhanda lakhe lisangene nje ukuthi uzoqoka bani.

Umbuzo kanti khona yini ovikelwayo ngamaJaji noma amaJaji enza ubulungiswa?

UPitso usethole olubi uswazi!Emva kokuphonsela inselelo izntatheli ukuthi zimdlulisele kwiFifa indlela okuphathwa ngayo ...
08/02/2022

UPitso usethole olubi uswazi!

Emva kokuphonsela inselelo izntatheli ukuthi zimdlulisele kwiFifa indlela okuphathwa ngayo amaqembu ase Africa mekuza kwi Club World Cup. UPitso usethole uswazi eshawa iqembu lase-Brazil ngo 2 kwelingekho. Kumdlalo obewandulela owamanqamu.

UPitso ukhale ngokuthi abanikezwa iskhathi esanele ukuzilungiselela. Kanye nokuthi iParlmeiras lena yase-Brazil iqhamuka isizodlala ama- Semi Finals ibiqophisane nobani yawina, kuqhuba okaMosimane. I-Al ahly iguqa nje yiyo esakhonya kwelase Africa ekunqoba iphindelela iChampions League okade kukhona nawakuleli iMamelodi Sundons neChiefs yabantu.

Yobe mfoka Mosimane, vuma ukuthi uguqile, kodwa usulinqamulile izwe njengoba lemdlalo kade ibanjelwe eAbuh Dhabi.

08/02/2022

UNkosana Makete uselinqobile Ola- Please Call Me...

Sekuyimnyaka ethi ayibe amashumi amabili okaMakete elwa nenkampani yezokuxhumana uVodacom. Lenkampani ibingavumi ukumnika intshontsho lakhe lokhu wuye owaqhamuka neqhinga lokuthi usebenzise umakhalekhukhwini wakho ukuthumela umyalezo. Ukuthi ukwazi ukufonelwa ngohlelo luka Please Call Me.

Lenkampani isebenzise ezomthetho ukuthi imchithe lomlisa kwaze kwaba bafika kweyokugcina inkantolo nokho ke waphuma phambili okaMakete.

Kuzokhumbuleka ukuthi bamthembiza imali engaphezudlwana kuka 40 Million. Kodwa akenelisekanga lombhemu wathi incane kakhulu lemali. Wabe eseqhuba icala. UJudge Wndy Hughes uthe lenkampani kaVodacom kuzomele ikhokhele uMakete u5% emalini ekade ingena kusuka ngo- 2001 kuze kube kalokhu.

okaMakete uzwakala ejabule kakhulu ngalesinqumo senkantolo yokubuyekeza amacala.

Sengzoba umngani wakhe uMakete phela kade ngaqala ukubhaza, ngize ngithi plz cl ngyz.

07/02/2022

UNcikazi ongomunye babaqeqeshi bePirates, usekhulume inkulumo enqunu.

Emva kokuthi iPirates inqobe owe Nedbank lapho kade ishikilisana neqembu laMazulu. IPirates inqobe ngegoli elibekwe phakathi uDeon Hotto. Emva komnyakkazo omuhle kushawa ikhona emfishane uThembinkosi Lorch. Ube esengena nabo bephila wathola uMonare okade engaphandlana kwe18. Ulihlabe ngesthende, wathola yena uHotto oshiye uMothwa engathi udwetshiwe epalini.

UNcikazi ushiye abaningi benkemile ngenkathi ephawula ngokushiwa ngaphandle uGabadinho Mhango oshaye into ecokeme emdlalwe ye Caf ebibanjelwe eCameroon.

UNcikazi uphendule wathi iPirates inikwa abadlali ithuba ngenxa yokuzikhandla kwabo ngenkathi bezilolonga. Uqhube wathi banabagadli abaningi eqenjini lokho okwenza ukuthi banikeze loyo abasuke bembona ukuthi uwufanele. Njengalokhu benzile benikeza ithuba uLepasa osehlale cisho unyaka engadlali ngenxa yokulimala.

Uthe abaphiki ukuthi uMhango ugile izmanga kwelaseCameroon kodwa lokho akwenzi mehluko kwindlela abaqhuba ngayo njengeqembu. Uthe iDSTV okuyi League yaseSouth Africa ingaphezulu kakhulu kweCaf muyiqhathanisa ngokudlala. Ilokhu ke okushiye abaningi benemibuzo. Bezibuza ukuthi engabe okushiwo ilomqeqeshi ongakayenzeli lutho iPirates loke efikile kuyiqiniso noma umbhedo nje.

Cisho oNcikazi baphila komunye umhlaba bebhola thina sikomunye ngoba akukho okusimangazayo esebekwenzele ibhola laseSouth Africa kodwa sebekhuluma kanje.

Nansi ivideo ngenzansi

24/01/2022

Nakhu okufanele ukwazi nge Modernization.

IModernization noma iMpucuzeko eza ngokwezombusazwe yinhle iphinde ibe yimbi. Ake sibuke nje kakhulukazi emakhaya. Lempucuzeko akusikona nje ukuthi kuthuthukiswa abantu kodwa kwenziwa ukuthi kube lula ukubalawula. EAfrica siyisizwe esinobuntu siyanakekelana futhi siyazisana. Ama-Afrika asebenzisana kusuka ekhaya lana ezalwa khona umndeni, kube umphakathi akhe kuwo mese kuba izigodi akhelene nazo. Kuyabanjiswana kukho konke.

Lezingcitha buchopho zokuphucuzeka ziyazi ukuthi akulula ukufaka lomkhuba eSouth Africa nasemazweni ase Africa yonkana. Kodwa asebenzisa ezombusazwe ukuthi afezekise lokhu okuwumbono wabo wokuthi bagcine bebuse kuwo wonke amazwe besebenzisa labo esisuke sibakhethe bayosimela ePhalamende.

N**i izinto ezimbalwa abafuna ukuzbulala mese bekwazi ukusilawula ngendlela ethandwa yibo. Bafuna kuphele ubuntu ukuze engabi khona ozokhathalela omunye.

Lokho kwenza ukuthi umuntu angasizani nomunye ukuze ezosizwa uHulumeni. Kuvuka ubulwane kubantu bebodwa okungaholelana ekubulalaneni ngenxa yokuthi bakhathalela ukugcina imthetho yalabo asuke belawula ePhalamende. Kufanele ukuthi unembeza ufe ngalendlela yokuthi awumbingeleli umakhelwane. Kwenziwa isqiniseko sokuthi umuntu angakholelwa komunye kodwa akholelwe yilokhu okukhulunywa uHulumeni. Ezenkolo ziyagcindezelwa zingabi nazwi ngoba kufanele wonke umuntu akholelwe entweni eyodwa noma engabe kuthiwa yimbi.

IModernasation iyahambisa ne-Bureaucracy lapho uHulumeni besebenzisa labo abasezikhundleni zokuhola ukuthi kube yibo abathatha iznqumo balawule, kuthi labo abavotile bagcindezelwe izwi labo lifane nomsuzo wempukane.

Lokhu kwenziwa ukuze kulawulwe abantu kusetshenziswa labo esisuke sithi yibo abangabaholi bethu. Ngakho vuka Indlu EMnyama.

24/01/2022

Kuyasha eSouth Africa

Kuqale kwangqongqa ngenkathi kunezibhelu ngoJuly. Lokhu kwenzeke ngenkathi inkantolo enkulu ithola owayengumengameli enecala lokwedelela inkantolo. Kwabe sekusuka izibhelu azashiya leli lilimele kakhulu kwezomnotho kwalahleka imsebenzi eyizinkulungwane.

Khona manjalo kuthe kuqala unyaka ka 2022 kwasha iPhalamende. Lapho kuboshwe insizwa ekuthiwa uZandile Mafe, okuthiwa ubezihlalela emgwaqeni. Nokho kuthanda ukuba imbedumehlwane ukuthi kusolwe lensizwa, kwazise phela iPhalamende liqashwe ngonogada abathathwa njengochwepheshe. Nokuthi ezobunhloli zalo lelizwe zimelwe ukuzihlonza zingakenzeki lezizigigameko. Nokho labo abakhuluma bengezwanga ngamuntu, bathi cisho umMengameli Cyril Ramaphosa unesandla kulokhu ngoba esola ukuthi bazomgcindezela meke kwavezwa iPhalamende ukuthi aphume kwesobuMengameli.

EWolaterkloof okuyindawo yamaSosha eTswane nayo ibalwa njengesezike zawuzwa lomlilo oshiya izkhungo ezbalwa njengezimqoka eSouth Africa. Nokho kutholakala ukuthi awukho umonakalo omningi owenzekile kodwa konke kokhulunywa ngakho mese kwenziwe uphenyo, kwatholakala nembangela yalomlilo.

Esikwaziyo ukuthi aynuki ingosiwanga. NgoJuly kwacaca ukuthi abantu babelwela uMsholozi, kwabe sekunanela nokuthi uHulumeni uhudulela izakhamizi zaseMzansi endlaleni, ngalokho zikhathele futhi zilambile.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli uyena owumkhuzi wamaSosha.

Labo abakhuluma bengatshelwanga muntu bayakuveza ukuthi amaSosha awahambisani nokuthi asetshenziswe yiyo lengwenya yaseVenda noma ikanjani. Ayawazi umzabalazo futhi kusenamanye amasosha asemingceleni eAfrica. Ngakho ukuthi bameseka ngokuphelele kuyangabazeka ngoba lendoda yaseVenda isolwa ngokusebenza nesitha.

05/01/2022

UZondo usewkhiphile umbiko ezinsolweni zokubhozomelwa koMbuso.

UMengameli Jacob Zuma ubeloke eseqhulwini ngenkathi usekela Jaji uZondo ewusihlalo weKhomishana ekade iphenya ngensolo zokubhozomelwa koMbuso.

Ekugcineni usebhalile iheheba eliveza ngalezinsolo. Nokho lana kwi Tafula sizoloke sikubhekela iziqeshana ezikulo leliqeqeba.

Kuleliheheba kuvela ukuthi kwasetshenziwa izindlela eziningi ukuthi kudliwe imali yoMbuso lokhu kwenziwa amaGupta. Kuvela ukuthi lokhu kwenzeka kakhulukazi ngenkathi izizinda zikaHulumeni okubalwa iGCIS iqinisekisa ukuthi izizumbuli zemali zizoya kwinkampani eyayilawula yiwo amaGupta lawa belu. Lenhlangano yayisebenza ngokusabalalisa ulwazi (iphephandaba) The New Age (TNA).

Lombiko uveza ukuthi lokhu ukuze kuqinisekiseke kuyenzeka. Kwasuswa uThemba Maseko kwi GCIS kwafakwa uMzwanele Manyi, lokhu kwenziwa wuye uZuma ngokubika kukaZondo.

UZondo uthi lokhu kwenzeka ngokushesha ongalinganisa ngesivinini sombani ukuze bakwazi ukuthi badle izimali zombuso ngokuthi baziphonse kuyo lenkampani eyayibizwa nge The New Age. Lombiko uphinde uveze ugcizelele ukuthi uMaseko wakhishwa eskhundleni ngopopayi uMzwanele Manyi, besebenza ngokuzikhandla ukuthi kuqulelwe imali yabakhokhi bentela kulenkampani yamaGupta kusetshenziswa ubuqhwaga.

Lombiko ushicilelwe uthathwe kulo iHeheba likaJaji Zondo.

Lishe langqongqa iPhalamende lase Mzansi.Emva kokuthi kushaqise wonke umuntu ukusha kwePhalamende laseMzansi eKapa. Kuph...
05/01/2022

Lishe langqongqa iPhalamende lase Mzansi.

Emva kokuthi kushaqise wonke umuntu ukusha kwePhalamende laseMzansi eKapa. Kuphinde kwashiya emningi imbuzo ukuthi engabe lokhu kwenziwe ubani futhi enayiphi inhloso.

Zizine kuMasingane kuvele enkantolo indoda egama layo uZandile Mafe. Lendoda kuvele ukuthi izhlalela emgwaqeni eduze kwePhalamende.

Okushiye imbuzo emningi nokuqagula ukuthi lokhu nje kuwukuybheca ngobubende ingaydlanga inyama lendoda. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokufihla okuthize. Umphakathi eznkundleni zokuxhumana lokhu ukunyamanise nalokhu okwenzeka kuSenzo Meyiwa lapho umphakathi uthi bayaziwa abambulala kodwa kusetshenziswa izindlela ezithize ukudidisa izwe.

Mekuvulwa unyaka ngokusha kwePhalamende engabe kothi kubhekwe kuZibandlela kobe kunjani eMzakazaka!

09/12/2021

USomlomo ePhalamende, uNosiviwe Mapisa Nqakula usekhulumile.

Emva kokuthi inkantolo ephakeme ivune i-ATM ngodaba lokuvota esithe lokususa umengameli Cyril Matamela Ramaphosa, iyale ngokuthi uMapisa wuye ofanele ukulawula ukuthi kuvotwe esithe noma obala. OkaMapisa usethe loludala ulufakele izbuko.

Akwaziwa Mbantshi kujiya kuloludaba lokususa umengameli, ngoba emlandweni iSouth Africa aykaze isuse umengameli ngesankahla. Amalunga ePhalamende ake azama amahlandla amaningana ukususa lowo owayengumengameli uJG Zuma kodwa akwangaphumelela.

URamaphosa uzobhekana nalengwadla okokuqala ngqa selokhu kwathi nhlo ewumengameli. Kwazise akuqaguleki ukuthi uzophunyuka yini ngoba i-ANC ibhekene nezinkinga eziningi ngaphakathi, kanti amaqembu aphikisayo ala ukhasha kokuthinta ikweseka uKhongolose.

Kuzokhumbuleka kuMsholozi ukuthi ngenkathi eshawa ngalo lelivoti lokungamethembi wayephunyuka kwazise I-ANC yiyo enezihlalo eziningi iPhalamende. Kodwa kwaba khona okwabonakala ukuthi base beqalile ukuvota bevumelana nokukhishwa kwakhe yize noma beyiyo belu i-ANC.

Kuzokhumbuleka ukuthi iningi labahlali baseMzansi abayile ukogoma ngoba bengavumelani nomgomo wokhuvethe. Kuke kwaba nezbhelu lapho uMengameli Cyril wathi lokhu kwenzeke ngenxa nje yobuhlanga kwenziwa ilabo ababeseka uMsholozi. Nokho wabuye wakuhoxisa lokho. Lokuvota kuzobe kungathinti izakhamizi kodwa labo abakhethwa yizo ukuthi zibamele ePhalamende. Ngakho ke asazi noma uKhongolose uzovikela ubunqunu noma uzothi mfana waseVhenda phumula manje akuhlale omunye sikushisile lesihlalo.

08/12/2021

Yaze yayinkinga yomhlaba (YYY)

Mhlaka ziyisikhombisa kuZibandlela kunyaka weZinkulungwane ezimbili namashumi amabili sekumane kwahla emini ezansi ne-Afrika.

Umhlaba ubukeka ungezobuyela kubanikazi bawo maduze.I-EFF yaphakamisa ukuthi umhlaba awbuyele kwindlu emnyama okuyiyo eyaxhashazwa yathathelwa ngendluzula abamhlophe. Lokhu kwakuyinto i- ANC vele eyayiseqhulwini yaphinda yakubuyekeza ngenkathi ihleli kwi-Nkomfa yayo ngomnyaka we-Zinkulungwane ezimbili neshumi neskhombisa lapho yayihleli iNkomfa yamaShumi amahlanu nane. Ukuthi umhlaba awbuyele kubanikazi ngaphandle kwesinxephezelo.

Kulenkomfa I-ANC yaveza ukuthi lokhu kufanele kwenzeke ngaphandle kokuphazamisa ezolimo, ukudla kanye ukubala nje okumbalwa.

Kusaqhubeka lumungunywa loludaba ibhodi eliphezulu elithatha iznqubo kuyo lenhlangano lakubuyekeza lokhu, labona ingozi ukuthi kungacishe kufane nokwenzeka eZimbabwe uma umhlaba ungathathwa ngendluzula.

Babe sebebheka izindlela lokhu okungenziwa ngakho, babe sebephuma neqhinga lokuthi umhlaba awabiwe kabusha kodwa kungabi yilokho i-EFF eyayikubeke etafuleni ukuthi umhlaba awbuyele kubantu noma ube ngaphansi koMbuso waseNingizimu Africa.

Lokhu kuzwakala kucishe kufane kodwa akufani neze. I- ANC ithi umhlaba awucazwe ngaphandle kokuphuca abathize, lokho kwenzeke ngenhloso yokuthi umhlaba usetshenziswe ukukhiqiza. I-EFF ithi awulawulwe uMbuso umhlaba.

Ilapho ke lana okwaba ingqinamba ngoba ngenkathi kwenziwa izthangami, abantu babekubeka kucace kuhle kwezinqa zesele ukuthi, umhlaba awphucwe amabhunu mese ubuyela kubantu abamnyama ngaphandle kwesinxephezelo.

I- ANC njengeqembu eselibuse imnyaka ecela kwengaMashumi amathathu yakubuka lokhu kungeke kube nobulungiswa. Kwazise iznhlangano ezfana no DA, FF+, Afri Forum awahambisani kwasanhlobo nalena yokubuyiswa komhlaba. Bekucacile vele ukuthi meziya evotini ngeke bakuvotele lokhu.

Okususe umsindo ukungaboni ngasolinye phakathi kwe EFF ne ANC kulo loludaba kube sekunanela ne ATM nayo eyeseke EFF...

02/12/2021

UJub Jub usegqemeke engeqiwa ntwala ngenkathi, ekhahlamezwa uAmanda Dupont.

UJub Jub ubesohlelweni luka Mac G, aba nalo lapho elanda osaziwayo mese kuyaxoxwa ngohambo lwabo kwezokungcebeleka, ezobumnandi kanye nangempilo yabo yasesithe.

UMac G, ubuze uJub Jub ngempilo yakhe esakhula, lapho ethe ey sbali wawuzbulala izngane usakhula, bencokola sakuhleka, uthe kulezongane no Amanda ungena kulabo owabasmesha, besebenzisa igama leslungu.

Ububuka nje ukuthi uJub Jub akayboni ingozi ngokuncokola kanje, ehlohlwa wuye UMac G wakhona lo.

UAmanda Du Pont akapholisanga maseko uye wagadla zaphuka kuJub Jub.

Uthi kahle kahle wena wangdlwengula, ngangiseyintombi futhi ngizmisele ngokuthi ngokwazi indoda isingfake ucingo.

Uthi imnyaka embili egilwa ilomlisa oke wabhantinta imnyaka emva kokushayisa anantwana ababezhambela emgwaqeni edle izdakamizwa ejaha imoto.

U Amanda uqhube wathi, no Lu umnganakhe uyazi ngalokunukubezwa kwakhe kodwa wayesaba ukukudalula ngoba lombhemu wayemsabisa ngenye indlela.

Ube eseveza nokuthi akugcinanga lapho kodwa wacishe wambulala lapho ke athatha isnqumo sokubaleka ngazo zombili. Uthi waze wakhipha nesisu ngoba ezwa ukuthi lengane aythwele wayephoqiwe, wafakwa amathambo esiswini ngaphandle kokuvumelana.

Unxuse bonke abesifazane abake banukubezwa uJub Jub no Mac G ukuthi baphumele obala ukuze bezojeza labafokazane ngokubi abakwenzile.

Siyitafula sithi phansi ngokuhlukunyezwa kwabesfane kanye nabantwana. Amandla abesilisa abanawo, abawasebenzise ukubavikela.

28/11/2021

uMengameli Cyril Ramaphosa, uzokwethula inkulumo emayelana nenqubekela phambili ngoKhuvethe...

02/11/2021

UJoe Biden uMengameli waseMelika, uthi ayphele eyamalahle eSouth Africa.

UBiden useveze ukuthi njengeMelika behlangene ne-EU, amJalmane baxoxa kabanzi ngendaba yokusetshenziswa kwamalahle ekuphehleni ugesi eMzansi.

uRamaphosa uke waba semhlanganweni we-G7 engikholwa ukuthi ikhona ke lana okwakhulunywa loludaba lokuthi gede indaba yamalahle,akusetshenziswe indaba yesmanje manje yamandla nokuphehla ugesi.

Akuveli ke ukuthi ledili lena izoybiza malini iSouth Africa nokho ke sesijwayele ukuthi liyadayiswa elakithi. Kodwa lokusetshenziswa kwamandla akwazi ukwenzeka kabusha (renewable energy) kuzoysiza kakhulu iSouth Africa ngoba izobe seyiyizwa ngendaba lena yelodi shedingi. Ukuthi siyadayiswa noma syathengiswa asinandaba uRamaphosa wenze kahle wacela usizo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ziningi izimbungulu ezizolahlekelwa ukumba imali ngamahalavu kiloluhlelo, kwazise phela kunama-truck athutha wona amalahle lawa abenza eningi imali ngawo. Nazo izmboni lezi ezikhiqiza amalahle zenza izndodla zemali ekubeni abasenzi bebanika utiki.

Aysheshise iG7 noRamaphosa benze le- Renewable Energy yabo ukuze singacishelwa ugesi sisaziphantela, uthi ugunda umuntu sekusele esphundu uqede, lwaphe ugesi.

27/10/2021

Umfowabo Senzo uthi uCele noSthole bayenzelela.

Sekuphele u-7 wemnyaka uSenzo Meyiwa adutshulwa wabulawa eGoli. Lona wayengumdlali we-Orlando Pirates kanye ne Bafana Bafana. Ongubaba kaSenzo Meyiwa uze waba kobandayo engafinyelelanga ekwazini uvuthondaba ngodaba lokuboshwa kwalaba abaphangalalisa indodana yakhe.

Umfowabo naye uzama ngayo yonke indlela ukuthi loludaba lufike ekugcineni kuboshwe abenzi bokubi.

Umfowabo kaSenzo uthi uCele wayesebathembisile ukuthi kukhona abazoboshwa, gwiqiqi uKhehla Sthole owumkhuzi wamaphoyisa wajuba abanye abaphenyi ukuthi basebenze loludaba. Ukusho wangahloniza umfowabo kaMeyiwa ukuthi khona abathize abavikelwayo kuloludaba yize noma nabo bebazi. Inkinga naye akalikhiphi igama lalabantu athi bayabazi oBheki noKhehla ukuthi yibo abasoconga uSenzo.

EMamelodi bekungathi idili ngenkathi uJohn Wick ebulala.UMphakathi wamasenhla neGoli ususheshe wathola ukhisimusi, emva ...
26/10/2021

EMamelodi bekungathi idili ngenkathi uJohn Wick ebulala.

UMphakathi wamasenhla neGoli ususheshe wathola ukhisimusi, emva kokuthi iqhawe labo abalifihlile Igama lelo balqamba ngoJohn Wick lihlabe ngenhlamvu omunye wamalunga eqembu elizibiza ngeBoko Haram.

Okujabulisa amalunga omphakathi ngaleliqhawe lawo uJohn Wick ukuthi umthathe on, one on one.. wanamathisela inhlamvu ekhanda kulendoda ekade ihamba ngemoto yohlobo lwePolo (VW) emnyama. Kuyagiywa kwelamaPedi. Kuthiwa gede indaba yeBoko Haram eSouth eSouth Africa.

Kuthiwa uJohn Wick wenze ukuhlela ngisho ezikandosi, phela zisolwa ngokuba amagwala lezo,zithi zisebenzela imndeninyazo.

UBiden usekhiphe isixwayiso kolwe China neTaiwan.Kuzokhumbuleka ukuthi muva nje iChina seyindlondobale yaze yafika kwizi...
22/10/2021

UBiden usekhiphe isixwayiso kolwe China neTaiwan.

Kuzokhumbuleka ukuthi muva nje iChina seyindlondobale yaze yafika kwizinga lokugolozela i-USA. I- US iyizwe elinzima kakhulu mekukhulunywa ngezokuvikela kanye nezkhali.

Usekhiphe isexwayiso ongumongameli wase-US ukuthi yey wemashayina ningalinge nithi asiniboni ukuthi nififiyela nje nibheke eTaiwan,ake nizame khona nizobona.

Okhulumela i-US e- White House uthi nokho abashintshile imigomo yabo. Kwelamamelika kunomthetho wokuthi ayingeneleli kwezokulwa kwe-Taiwan noma bezwana ngokudayiselana izkhali.

I-Taiwan isiqhingana nje esahlubuka eChina ngenkathi kunempi yomhlaba ngemnyaka yo-1940. I-Taiwan yakhetha ukuzimela ngokwayo yakhetha uhulumeni wayo. Kuze kube namhlanje iChina isabaselekile ngaleso senzo, futhi isakujula ukuthi ngelinye ilanga ibahlasele mese ithi yeyi nina niyisifunda saseChina ay izwe, lokho kwenziwa ngindluzula.

Ukuphawula kuka Biden kubukeka kuphikisana nomgomo we-US othi asingeni kwezokulwa kwelase-Taiwan. Okudidayo nokho ke ngoba uthe mexinwa ngemibuzo uBiden ongumengameli wakulelazwe wathi sizoyngena silwe futhi.

Ukulwa phakathi kwelezinhlangothi ezimbili i-China ne Taiwan kobe kusho ukuthi kuqhathwe abantu bandawonye futhi abanobuhlobo ngenxa yamandla nje. Ongumengameli waseChina uJing P, kobe wehlulekile ukugcina ukuthula futhi wabeka engozini abahlobo bakhe ukuthi babulawe ngesihluku nangezikhali eziwuhlobo oluphezulu kakhulu.

Noma iChina ingafisa kangakanani ukuthi ibuyisele lesiqhingi endaweni enkulukazi, kanti iTaiwan ayikufuni nhlobo lokho izmisele ngokuthi kungachitheka negazi.

Address

637 Imbali
Pietermaritzburg

Telephone

+27637142896

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Itafula lezindaba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Itafula lezindaba:

Videos

Share


Other Media/News Companies in Pietermaritzburg

Show All

You may also like