LIT RADIO ZA

LIT RADIO ZA The home of good music and fresh content, born and bread in Newcastle.
(1)

EZAKUDALANisamkhumbula uThato Gaopatwe owayengunogada wenkampani ethwala nowaveza impilo yakhe ewubukhazakhazi on social...
17/01/2025

EZAKUDALA

Nisamkhumbula uThato Gaopatwe owayengunogada wenkampani ethwala nowaveza impilo yakhe ewubukhazakhazi on social media.

Amaphoyisa edolobha lase Tshwane amvakashela afike athola imali engu R1. 2 million endlini yakhe.

UPDATEAmaphoyisa as esifundazweni KwaZulu-Natal asebophe abantu abangu 12 kulandela ukuthi kugencwe kwabulawa abantu aba...
17/01/2025

UPDATE

Amaphoyisa as esifundazweni KwaZulu-Natal asebophe abantu abangu 12 kulandela ukuthi kugencwe kwabulawa abantu abahlanu elokishini Inanda eduze kwase Thekwini namhlanje ekuseni.

Kusolakala ukuthi ababoshiwe bekade belwisana nobugebengu emphakathini kanti abafile basolwa ngokuba yingxenye yezigebengu ebezihlukumeza umphakathi.
Amaphoyisa aseveze ukuthi kungenzeka abophe abanye abasolwa kuleli cala.

Iziboshwa zigile ezibukwayo ziphasa uMatric ngo 96 %Iziboshwa ezingu 171 zibhale u Matric emajele ase South Africa kwaph...
17/01/2025

Iziboshwa zigile ezibukwayo ziphasa uMatric ngo 96 %

Iziboshwa ezingu 171 zibhale u Matric emajele ase South Africa kwaphasa ezingu 165 kwathi eziwu 6 zangaphumelela, iziboshwa ezingu 104 baphase zona zithole ubachelor pass.

Ezikoleni eziwu 17 eziwu 13 ziphase ngo 100%

KUGENCWE KWABULAWA ABANTU ABAHLANU NAMHLANJE EKUSENI ENANDA-KZN Kutholakale izidumbu zabesilisa abahlanu abaneminyaka ep...
17/01/2025

KUGENCWE KWABULAWA ABANTU ABAHLANU NAMHLANJE EKUSENI ENANDA-KZN

Kutholakale izidumbu zabesilisa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka 19-26 ehlahlelwe ashona ndaweni yase Nanda namhlanje ngoLwesihlanu ekuseni.

Abakwa Reaction Unit South Africa bafike endaweni eseduze nase Newtown Comprehensive High School namhlanje ngo 6h40 bakhonjiswa izidumbu ezintathu ebezilimele emzimbeni nase khanda babe sebetshelwe ukuthi kungenzeka kube khona ezinye endaweni eseduze nalezi abazibonele.

Bathe mebehamba ibangana kulendawo evulelekile bathola ezinye futhi ezimbili ebezinamanxeba emzimbeni akhombisa ukuthi bezigencwa.

📷RUSA

KUBOSHWE ABADAYISA IZIDAKAMIZWA.Uvele kafushane enkantolo yase Odendaalsrus unkosikazi oneminyaka engu 28 kanye nendoda ...
16/01/2025

KUBOSHWE ABADAYISA IZIDAKAMIZWA.

Uvele kafushane enkantolo yase Odendaalsrus unkosikazi oneminyaka engu 28 kanye nendoda eneminyaka engu 32 ababhekene nezinsolo zokuthengisa izidakamizwa.

Laba bobabili baboshwe ngomhlaka 15 January eNyakallong, e-Allanridge ngemva kokuba betholakale nemandrax kanye nemali okusolakala ukuthi eyokudayisa izidakamizwa.

Isimo sezulu kusasa mhlaka 17 January 2025
16/01/2025

Isimo sezulu kusasa mhlaka 17 January 2025

CALLING UNEMPLOYED TEACHERS 🗣️The Unemployed Educators Database is LIVE, and teaching vacancies are waiting for YOU!👉 Re...
16/01/2025

CALLING UNEMPLOYED TEACHERS 🗣️

The Unemployed Educators Database is LIVE, and teaching vacancies are waiting for YOU!

👉 Register now: unemployededucators.gauteng.gov.za

New teaching vacancies are advertised weekly.

Don’t wait—register now!

16 January 2025EZOMPHAKATHIUcela usizo owashaywa amaphoyisa ase Memel ngo November 2024 ngoba emsola ngokweba ifoni. "Sa...
16/01/2025

16 January 2025

EZOMPHAKATHI

Ucela usizo owashaywa amaphoyisa ase Memel ngo November 2024 ngoba emsola ngokweba ifoni.

"Sanibonani, ngiyethemba ningangisiza kule nkinga, ngomhlaka 23 November 2024
ngashaywa amaphoyisa ase Memel athi ngitshotshe ifoni ngayithathanga.

Ngalala esbhedlela u 3days ngenxa
yokulimala kakhulu kumanje ngihamba iclinic ngenx ye Pepa spray abangifutha ngayo. Ngaphum esbhedlela ngahamba ukuyovula icala. Azange bangisize
ngaze ngahamba ngaya engogo balithumela nge computer bali registere. Banginika icase number negama lomseshi nge message.

Kuze Kube imanje akaze babuye kumina bangitshele ukuth kwenzakalani. Ngihleli ekhaya angisasebenzi ngenxa yamaphoyisa ase Memel. Ngiyaz mangilindlulisel kini ngizosizakala."

16/01/2025

16 January 2025

EZOMPHAKATHI

BUKA ISIMO SOMGWAQO OYE TEKU MALL

Izimvula zivele zawuqelela umgwaqo osuka ka Ntshangase to Theku Mall, uyibeke kanje umlaleli osibhalele.

"Sawubona Admin,

Bengicela bandla usicelela usizo sinenkinga yokugubheka komgaqo osuka kwa Ntshangase ubheke Theku Mall.Ngokuhlala sise Newcastle blaauwboch, akusahambeki nhlobo."

16 January 2025Sizojeziswa isisebenzi sakwa SASSA masitholakala sinecalauNkosazane Sandy Godlwana wakwa SASSA usephawule...
16/01/2025

16 January 2025

Sizojeziswa isisebenzi sakwa SASSA masitholakala sinecala

uNkosazane Sandy Godlwana wakwa SASSA usephawule mayelana ne video esabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho kuvela umsebenzi walenkampani ethethisa obezocela usizo kulenkampani.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba bazothumela umphathi wakwa SASSA KZN uMs Thamo Mzobe usejube isikhulu esiphethe Umzinyathi District ukuba siqhube uphenyo mayelana nalesigameko nokuzolandelwa ukuthi kuthathwe izinyathelo ezifanele kulolu daba.

16/01/2025

uMax Mqadi ongumnikazi Max's Lifestyle eMlazi usetshela umsakazo Ukhozi FM ukuthi uyaxolisa ngenkulumo ayenze kwi Podcast ye Lamountville Golden Arrows . Salami senixola nani bahlali.

Kubanjwe uholokoqo lwemamba emnyama Osindisweni - KZNKubanjwe iBlack Mamba engamamitha amabili ubude endaweni yas' Osind...
16/01/2025

Kubanjwe uholokoqo lwemamba emnyama Osindisweni - KZN

Kubanjwe iBlack Mamba engamamitha amabili ubude endaweni yas' Osindisweni izolo ngoLwesithathu mhlaka 15 January 2025.

uNkosinathi Ndaba wakwa Reaction Unit South Africa SA obhekelele indawo yas' Osindisweni ubizelwe emzini womuntu inyoka kade ibonakele imodela endlini ka roundavel. Uphuthume kulendawo wafike wayibheka wase eyithola icashe ngemva kwebhakede leplastiki. Ube esebamba lofeleba wamdedela endaweni ephephile.

Buka ingozi yeloli eyenzeke namhlanje ekuseni ku N11 phakathi ko Mnambithi ne Newcastle, akukacaci ukuthi ukwesiphi simo...
16/01/2025

Buka ingozi yeloli eyenzeke namhlanje ekuseni ku N11 phakathi ko Mnambithi ne Newcastle, akukacaci ukuthi ukwesiphi simo umshayeli.
▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️▪️
N11
HMVA between the R68 and R602 (between Newcastle and Ladysmith)

Uhambele e Danhausser uNgqongqoshe weZimbiwa uMnumzane Gwede Mantashe Ifike kwezwakala endaweni yase Dannhauser esifunde...
16/01/2025

Uhambele e Danhausser uNgqongqoshe weZimbiwa uMnumzane Gwede Mantashe

Ifike kwezwakala endaweni yase Dannhauser esifundeni Amajuba, KwaZulu-Natal iMining Qualifications Authority njengoba kade ihambisana no Ngqongqoshe wakwa DRME uMnumzane Gwede Mantashe ngaphansi kohlelo lokubuyela ezikoleni lwabafundi (Back to school Programme).

UNgqongqoshe bekade engahambi yedwa kulosuku olubaluleke kangaka njengoba bekukhona uNkosazane Phumzile Mgcina oyiSekela Ngqongqoshe kulomnyango kanti futhi udabuka khona la esifundeni Amajuba. Umcimbi uphinde wahanjelwa nayizimeya okubalwa kuzo uCllr Thembelihle Mthembu oyiMeya ebambile kumasipala Amajuba District kanye no Cllr Bongani Hadebe oyiMeya yase Dannhauser. Izikole ziluthokozele kakhulu lolu hlelo njengoba abafundi noThisha bephume ngobuningi babo ukuzothola ulwazi ngamathuba akhona kwi Seta ebizwa nge MQA.

UNQATSHELWE IBHEYILI UMUSA KHAWULA WOMGOSIUPhindi Mhonondwana okhulumela inhlangano yezokushushisa kuleli ebizwa nge Nat...
16/01/2025

UNQATSHELWE IBHEYILI UMUSA KHAWULA WOMGOSI

UPhindi Mhonondwana okhulumela inhlangano yezokushushisa kuleli ebizwa nge National Prosecuting Authority useqinisekise ukuthi uMusa Khawula unqatshelwe ibheyili inkantolo yase Randburg ngomhlaka 14 January 2025.

UKhawula ubheke necala lokucekela phansi isithunzi, icala lokuphula Section 19 of 2020 we Cybercrimes Act kanye nokwenza inkulumo enenzondo kulandela izinto azibhala ngo Zee Nxumalo phakathi komhlaka 10-12 October 2024. Izizathu ezenza anqatshelwe ibheyili ukuthi vele unecala lokubulala isoka lakhe eFree State elenzeka ngo 2022 kanye nencwadi egunyaza ukuboshwa ecaleni lokushayela budlabha.

UKhawula uzobuyela enkantolo mhlaka 21 January 2025 nokuyilapho abaphenyi bezobe sebethole nekheli lalapho ehlala khona nokuzobe sekuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili.

Amaphoyisa ase Goli abophe abalisa abathathu abasolwa ngokwebiwa kwezimoto ePitoli.Lamadoda aboshwe ngomhlaka 14 January...
16/01/2025

Amaphoyisa ase Goli abophe abalisa abathathu abasolwa ngokwebiwa kwezimoto ePitoli.

Lamadoda aboshwe ngomhlaka 14 January 2025 edolobheni lase Pitoli kulandela ukuthi etholakale nemoto yohlobo lwe Golf GTI okubikwe ukuthi yebiwe endaweni yase Hillbrow kanye nesibhamu. Labasolwa kukholakala ukuthi basebenzela inkampani yonogada yakhona ePitoli. Uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale obunye ubufakazi mayelana nalabasolwa.

Isexwayiso ngoqolo abantu kufacebook ❗❗"Ngithanda ukubingelela Mphathi 👏, Bengisacela usizo lapha ukuba isipostele kune ...
16/01/2025

Isexwayiso ngoqolo abantu kufacebook ❗❗

"Ngithanda ukubingelela Mphathi 👏,

Bengisacela usizo lapha ukuba isipostele kune account eqola abantu isebenzisa ingana La "Simlindele Thandolwethu Khumalo (Mzilikazi kaMashobane) owaba omunye wabafundi base KZN Olundi abaphasa ngamalengisa.

Lomuntu uthembisa ukusiza abantu ezifundweni bakhokhe ajike aba block sacela abantu basi reportele le account. Note *:u Simlindele Khumalo akanawo Facebook and akaze abenawo."

Please share this post on your timeline 🙏🙏

Kulimale abantu abawu 7 engozini eyenzeke izolo mhlaka 15 January eduze kwase' EmpangeniAbezimo eziphuthumayo bakwa KZN ...
16/01/2025

Kulimale abantu abawu 7 engozini eyenzeke izolo mhlaka 15 January eduze kwase' Empangeni

Abezimo eziphuthumayo bakwa KZN Private Ambulance Service bafike kulengozi eyenzeke ku R34 mawubheke Melmoth bathola ukuthi kushayisene iloli nezimoto ezimbili. Babe sebethola ukuthi kulimele abantu abayisikhombisa. Abalimele babe sebephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole olunye unyango.

Address

Amajuba Education Centre
Newcastle
2940

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when LIT RADIO ZA posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to LIT RADIO ZA:

Videos

Share