Eyethu Durban

Eyethu Durban We are a newspaper that covers news from Umlazi (South), Intshonalanga (Inner West) and surrounding areas.

SELIVALIWE LELIKHASI: Landela ikhasi lethu elisha Eyethu Durban https://www.facebook.com/EyethuDurban2021  khona lapha k...
03/08/2021

SELIVALIWE LELIKHASI: Landela ikhasi lethu elisha Eyethu Durban https://www.facebook.com/EyethuDurban2021 khona lapha ku-Facebook https://twitter.com/DurbanEyethu. Khumbula naku-Instagram sisekhona Durban Eyethu

The latest Tweets from Eyethu Durban (). Iphepha lakho elikulethela izindaba ezihlabahlosile zaseMlazi (eNingizimu), Intshonalanga (Maphakathi neNtshonalanga) kanye enzinye izindawo

03/06/2021

I-Eyethu News isinethimba nekhasi likaFacebook okusha. Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo sizonethulela umhleli wethu omusha, uSabelo Mbatha nentatheli yethu, uXolani Dlamini, bobabili abayizintatheli ezimunkantshubomvu. Siphinde sibe nethimba elisha lezokukhangisa, ngakho-ke hlala ulindele isimemezelo emasontweni azayo. Njengoba kunezinguquko, sifuna ikhasi elisha lokuveza indlela yethu entsha yokucoshela izindaba. Sifuna ukuqhubeka sixhumane nabangani bethu kuFacebook, ngakho-ke silandele ngokuthi ujoyine lapha: https://www.facebook.com/EyethuDurban2021
Ngaphezulu kwalokho, sinamathikithi amafilimu aseNu Metro azohlonyulwa ngabalandeli bethu abaqotho abathande ikhasi lethu likaFacebook. Lithande futhi uphawule ngekheli lakho le-imeyli ezindabeni ezishicilelwe kuleli sonto ekhasini lethu likaFacebook kwazibani, hleze ube senhlanhleni yokuba ngowinile.

Iphepha lakho elikulethela izindaba ezihlabahlosile zaseMlazi (eNingizimu), ezaseNtshonalanga naphakathi neTheku.

UMayisela unxuse abashayeli bezimoto ukuba bahambe ngokuqaphela kanjalo nalabo abahlala eduze nemihosha bahlezi beqaphil...
03/06/2021

UMayisela unxuse abashayeli bezimoto ukuba bahambe ngokuqaphela kanjalo nalabo abahlala eduze nemihosha bahlezi beqaphile:

UMayisela uthe imvula enkulu ilindeleke kusuka kwihora lesishagalombili ekuseni (8am) kuya kweleshumi nanye emini (11am).

Laba babhali izincwadi zabo zizofakwa emitapweni yolwazi engaphansi koMkhandlu iTheku:
02/06/2021

Laba babhali izincwadi zabo zizofakwa emitapweni yolwazi engaphansi koMkhandlu iTheku:

UNks Mpofu waseKloof owashonelwa umyeni wakhe ngoNhlangulana (June) wezi-2018 uthi buningi ubunzima adlule kubo emva kwalesi sigameko.

UPooran uthe inhloso bekungukusiza abazali babafundi ngoba iningi labo kalisebenzi liphila ngemali yesibonelelo sikahulu...
02/06/2021

UPooran uthe inhloso bekungukusiza abazali babafundi ngoba iningi labo kalisebenzi liphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni kanye nokuphiwa ukudla:

UMbanjwa ubonge abanikele, wathi lokhu kudla kufike ngesikhathi esikahle lapho umphakathi ubhekene nobunzima obudalwe ukubheduka kokhuvethe.

Kuthiwa lokhu kungaholela ekutheni kuvalwe imigwaqo nokuthi abashayeli babe ngondingasithebeni ngenxa yesimo sezulu esin...
01/06/2021

Kuthiwa lokhu kungaholela ekutheni kuvalwe imigwaqo nokuthi abashayeli babe ngondingasithebeni ngenxa yesimo sezulu esingesihle:

UHlomuka unxusa izakhamuzi ezakhele isifundazwe ukuba zihlale ziqaphile futhi zihlele kahle izindlela zazo.

UPhindile uthe basungule uhlelo olusha olubizwa ngokuthi  i-2Slice ngenhloso yokuvakashela izikole ezahlukene benika izi...
01/06/2021

UPhindile uthe basungule uhlelo olusha olubizwa ngokuthi i-2Slice ngenhloso yokuvakashela izikole ezahlukene benika izingane ezingathathi ntweni isidlo sasekuseni:
https://eyethunews.co.za/75718/injabulo-abafundi-bethola-amasemishi/

UPhindile uthe abafundi bayadinga ukunakekelwa bathole isidlo sasekuseni ukuze bakwazi ukugxila ezifundweni zabo.

URamaphosa uthe ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule babone kunyuka isibalo sabantu abatheleleka ngokhuvethe saya kwizi-...
31/05/2021

URamaphosa uthe ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule babone kunyuka isibalo sabantu abatheleleka ngokhuvethe saya kwizi-3745 ngosuku:
https://eyethunews.co.za/75660/izinguquko-zokunqanda-ukubhebhetheka-kokhuvethe/

URamaphosa uthe lesi sinqumo sokubuyisela izwe kwisigaba sesibili (Level 2) sithathwe emva kokubona ukuthi isibalo sabantu abahlolwa batholwe ukuthi banobhubhane sinyukile emasontweni amabili edlule.

UKweyama uthe bebethumela umlayezo oqinile emphakathini ukuthi angeke kubekezelelwe ukuhlukunyezwa kwabesilisa nabesifaz...
27/05/2021

UKweyama uthe bebethumela umlayezo oqinile emphakathini ukuthi angeke kubekezelelwe ukuhlukunyezwa kwabesilisa nabesifazane:

UKweyama uthe baphinde basebenzisa lelithuba ukuxwayisa abafundi ngobubi bobugebengu kanjalo nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

UMbele uthe abatshuzi bafike bathola isidumbu sowesifazane obesiza endlini kulo muzi sintanta emanzini endaweni yokubhuk...
25/05/2021

UMbele uthe abatshuzi bafike bathola isidumbu sowesifazane obesiza endlini kulo muzi sintanta emanzini endaweni yokubhukuda egcekeni:

U-Ndlovu, 46, kusolwa ukuthi uminze kule ndawo yokubhuda esegcekeni watholwa eseshonile

U-Gwala uthe abasolwa batholwe namagaqa erock co***ne angama-676, izitrow ze-crystal m**h kanye nama-glass rollies angam...
24/05/2021

U-Gwala uthe abasolwa batholwe namagaqa erock co***ne angama-676, izitrow ze-crystal m**h kanye nama-glass rollies angama-33:

Amaphoyisa athi lezi zidakamizwa zibiza isamba semali eyizi-R70 000.

Zilungiselele ngobumnandi nokunethezeka kwifilimu ezobe ibukwa abakhethiwe kuphela engakokhishelwa emphakathini i-A Quie...
21/05/2021

Zilungiselele ngobumnandi nokunethezeka kwifilimu ezobe ibukwa abakhethiwe kuphela engakokhishelwa emphakathini i-A Quiet Place Part II:

Zilungiselele ngobumnandi nokunethezeka kwifilimu ezobe ibukwa abakhethiwe kuphela engakokhishelwa emphakathini i-A Quiet Place Part II.

U-Nyoni uthe ikhanda likamufi latholwa lifakwe kuplastiki omnyama lifihlwe emvakwesicabha egumbi lokuphumula kanti isidu...
20/05/2021

U-Nyoni uthe ikhanda likamufi latholwa lifakwe kuplastiki omnyama lifihlwe emvakwesicabha egumbi lokuphumula kanti isidumbu satholwa egumbini lokupheka:

U-Constable Sithobile Nyoni, uthe izicubu zomzimba zikamufi zatholwa endlini emagumbini ahlukene.

U-Mayisela uthe inkundla yezemidlalo kulindeleke igome abayi-2000, kanti ihholo lo mphakathi lizogoma abangama-600 ngosu...
19/05/2021

U-Mayisela uthe inkundla yezemidlalo kulindeleke igome abayi-2000, kanti ihholo lo mphakathi lizogoma abangama-600 ngosuku:
https://eyethunews.co.za/75192/itheku-lihlonze-izindawo-zokugoma/

U-Mayisela uthe inhloso yabo ngokuhlonza lezi zindawo ezihlanganisa amahholo omphakathi kanye nezinkundla zemidlalo ukuthi bakwazi ukufinyelela kwisamba sabantu abayizi-19 000 okumele bagonywe ngosuku.

Amafomu okufaka isicelo ayatholakala ehhovisi le-Grant in Aid e-Pinetown, ise-sizakala centres kanjalo nakumahhovisi ama...
18/05/2021

Amafomu okufaka isicelo ayatholakala ehhovisi le-Grant in Aid e-Pinetown, ise-sizakala centres kanjalo nakumahhovisi amakhansela:

U-Mayisela uthe ukufakwa kwezicelo kuzovalwa zingama-30 ku-June nonyaka.

U-Mbele uthe umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa efihla izidakamizwa kwi-deep freezer:
18/05/2021

U-Mbele uthe umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa efihla izidakamizwa kwi-deep freezer:

Uveze ukuthi leli thimba lamaphoyisa lisuke lapho lanikela e-Nazareth lapho lifike labopha owesilisa, 30, otholwe nezidakamizwa emva kophenyo olwenziwe kulesi sitolo esikwi-container.

Address

New Germany

Opening Hours

Monday 08:00 - 16:30
Tuesday 08:00 - 16:30
Wednesday 08:00 - 16:30
Thursday 08:00 - 16:30
Friday 08:00 - 16:30
Saturday 09:00 - 17:00
Sunday 09:00 - 17:00

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Eyethu Durban posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Eyethu Durban:

Videos

Share