Cmbol-tee weather

Cmbol-tee weather SIKUTSHELA NGOKUSHINTSHA KWE SIMO SEZULU

29/10/2023

-S01
EPISODE-04

•UBUKHOSI BUKA STHULI

STHULI:eeh bantu bakababa namuhla ngizon**isa ngezinhlelo ezishintile
MAJOLA:khuluma mageba sikulalele
ZONDO:mina nje sengijahe ukuzwa
STHULI:namuhla bantwana benkosi ngizokhuluma ezindaba ezimnandi sonke siyazi ukuthi ubaba wayethe umuntu osebenza layikhaya uzohola kanjani
MAJOLA:kambe wena Zondo uhola malini ngoba uyinduna nje
ZONDO:awukahle majola usakhuluma umntwana
STHULI:eeh ingakho ke...eeh Zondo anikame lapho nomajola ngisakhuluma
ZONDO:umajola Ndabezitha lo okhuluma kakhulu ngithi akangiyeke
STHULI:eeh umuntu ongakwazi ukuthula akaphume phandle ngoba niyangiphazamisa
MAJOLA:yobee Mageba kube yiphutha
ZONDO:awuthule Mchunu hawu
STHULI:eeh Zondo nawe awukwahle kobaninike ngiyakhuza nawe uyakhuza
MAJOLA:khani uyogcina usuyinkosi yini nawe noma ungumlomo wenkosi
STHULI:ayike angiyeke lendaba
ZONDO:cha cha cha Mageba khuluma sengithule mina mmh
MAJOLA:kokusiza lokho ndoda
STHULI:mmh mmh mmh ayi futhi bantu

NGWENYA:uzophuma ke manje majola khuzeka
MAJOLA:Aah kwakhuluma igora zakhona awuthule wecingwane
ZONDO:udakiwe yini wena majola awuthule
STHULI:ngiyayeka ukukhuluma umhlangano uphelile

(APHUME USTHULI NGAPHANDLE)

ZONDO:yazike yabona yabona ukuthi wenzeni lokhu ukungezwa kwakho majola
MAJOLA:awukahleni ninabo abantu bengaka la yimi obekhuluma..ayi Shuthi Mele ngibe inkosi nami ukuze ngizozwakala mangikhuluma
NGWENYA:eeh Zondo majola inkosi idiniwe ngicela niphume esigodlweni
MAJOLA:ooh kulungile mtimande

(ENDLINI KASTHULI)
MAMHLONGO:hawu baba wabuya eli kangaka manje kwenzenjani
STHULI:akumajola yini ngibhizi ngiyakhuluma naye uyakhuluma manje bekumele ngenzenjani
MAMHLONGO:hawu manje bazozwa kanjani ke
STHULI:ngisaya ehhovisi lami mina etown ngiyabuya Njomane
MAMHLONGO:ok baba akunankinga vele nokudla sekulungile ungayogeza
STHULI:ooh ok ngiyabonga mama

(ESANGWENI)
MPANDE:yazi sakhile umajola wenze into engalungangile
SAKHILE:ubaba wakho yazi udiniwe
MPANDE:uqinisile mfo ya nami ngiyambona
SAKHILE:ayi umajola naye...hawu engathi uyaphuma ubaba wakho
MPANDE: hawu yaz uqinisile Kazi uyaphi
SAKHILE:ayi nangu eza ngapha ngemonto awumvulele isango
MPANDE:yah ok
STHULI:yaah bafana
BEVUME:yebo baba
STHULI:sakhile uyithathile inyama kababa wakho izolo
SAKHILE:yebo baba ngilandile
STHULI:ok uma seyiphelile ukhulume no Mpande uzokunikeza
SAKHILE: Ndabezitha
STHULI:eeh mpande ndodana
MPANDE:yebo Ndabezitha
STHULI: ngisahamba ngisaya ehhovisi lami ngiyabuya
MPANDE:yebo baba..eeh ubaba ngabe uzodlula yini ezitolo
STHULI:kungenzeka ndodana yini ufunani
MPANDE:ayi baba bengicela ubaba angiphathele iData
STHULI:hahaha haha ayi madoda yey thina ngezikhathi sethu sisengangani sasingamceli lutho nje ubaba uma ehamba
MPANDE:hawu ngobani baba
STHULI:unenhlanhla wena mina ubaba wayengangifuni nje sdalo ngangizocela kanjani ngakho nje ngaze ngayohlala ekhaya komama
MPANDE:awu yoooh..hawu webaba
STHULI:yebo ndodana
MPANDE:ngifuna ukwazi la ozalwa khona yazi
STHULI: kwamkhize,weee awu akusekho muntu laphayana mshana no Mzala uhlala le eGoli ubuya ngo December nje...hayibo bafana akwengiphuthume ngishawa isikhathi
MPANDE:yebo baba
STHULI:ngizokuphathela iData lakho
MPANDE Ndabezitha wena kaZulu bayede
STHULI: ungakhohlwa ukuthelela leyankomo amazi le enenkonyane
MPANDE:yebo baba..Sakhile awungisize ndoda siyothelela leyankomo amazi
SAKHILE:asambe Mr Data
MPANDE:Mr Data?...ayibo wen Musa kungijwayela(ehleka) ubani manje loyo nawe hamba uyolicela kubaba wakho
SAKHILE:uhlekisa ngami ndoda
MPANDE:kambe awusenafoni eashh sorry boy
SAKHILE:ayi wena nxa ..asambe


like comment shar

28/10/2023

-S01
EPISODE-03
•UBUKHOSI BUKA STHULI

MPANDE:hawu baba selihambile lobaba okuthiwa umajola yini le obuthi ufuna ukungitshela yona
STHULI:mmh ayi sengicabangile ndodana ngizothi ngiyakutshela bese wena ugijima uyotshela unyoko
MPANDE:awu baba ngeke kanti lento iyahlangana yini nomama
STHULI:yah kunjalo kanti futhi engadinwa kabi kabi mangase ayizwe
MPANDE:ngiyacela baba ungitshele ngeke ngize ngimtshele umama
STHULI:angikuthembi nje mfana ngeke hamba uyokwabela abantu inyama
MPANDE:awukodwa baba bekufanele Ungasho yazi ayi...buka manje indlebe uyibulala ngendlala uyigabisela ngokudla
STHULI:hahaha hamba uyoyinika inyama uyisikele iqatha ulifake phakathi
MPANDE:ayi kahle baba ukudlala ngami awuthi ngihambe futhi
STHULI:hahaha awu sorry ndodana..awu ngeke lomfana uzotshela unina ukuthi sengithole intombi yakwa Dlamini ngeke mmmh yazi akwengiyobuka ukuthi lomfana wenza njani

(KWA MAJOLA EPOYISENI LENDAWO)
MANDLELA:kodwa baba yazi wena uyasenza izilambi layikhaya yazi uyangicasula yazi
MAJOLA:awukahle Mandlela mina ngiyayithanda inyama hawu
MANDLELA:nawe nje uyafana nalabafana abahlala laphaya estolo kwamaThema
MAJOLA:ayike mina angiphuzike ungangimatanisi nezidakwa mina ngifuze umkhulu ngokuthanda inyama...awuthi ngisike iqatha (ehlafuna) mmmmh mmh uyazi ukuthi imnandi kanjani lenyama kodwa Mandlela uyashoda usawoti la
MANDLELA:awukahle majola muningi usawoti lapho
MAJOLA:awungithathela usawoti ekhishini Mandlela
MANDLELA:awu kanti lenyamayakho izongimoshela usawoti wami ngizopheka ngani mina
MAJOLA:ngizowuthenga nkosiyami Mandlela letha itswayi boo

(KWAZONDO ENDUNENI)
ZONDO: sthandwa sami awungilungisela ukudla namuhla phela Mele ngiye emhlanganweni ebukhosini
MAXULU:hawu ngiyezwa baba manje awusho usthuli uzoniholela malini
ZONDO:awu asazi mina ngingene indaweni ka Mkhize angithi umkhize waye hola u 10k futhi ke isiminingi iminyaka
MAXULU:yah khona siningi phela sekuphele 20yrz washona umkhize mmh asethembe ukuthi izonyuka
ZONDO:asethembe kanjalo mama

(KWAZULU EBUKHOSINI)

STHULI:awu Kahle nje mamhlongo lengane inamanga
MAMHLONGO;cha wena baba usuqala ukungixaka manje usunezimfihlo
STHULI:mina??..ayibo imfihlo zani ok ke manjomane uMpande bengifuna kumutshela ukuthi ngizomupha inkomo ayi lengane isigijime yeza kuwe yazokutshela ukuthi ngithe ngizoyitshela imfihlo ayi
MAMHLONGO;Oooh awu ngiyambongela bakithi inkomo pho mmh ay kuhleke
STHULI:uyàkhumbula usakhulelwe lengane ukuthi wawuphalaza kanjani
MAMHLONGO:ayi awume kancaneke wonke umuntu wesifazane uma eqala ukuzala okanye ukukhulelwa uyahlanza nje
STHULI:ey wawunuka umphalazo wakho ndoda ahahahah hahaha (ehleka) ayi wawushibisa
MAMHLONGO:awuthi ngiphume ngoba uyangisukela
STHULI:ngiyadlala wena phakadelami ngiyakudlalisa usucasukile njalo
MAMHLONGO:angifuni mina umuntu angisukele
STHULI:ukhulelwe yini futhi wanama modes nje
MAMHLONGO:ayi Shuthi ngingu Maria inkosi impela ngimithiswe uNkulunkulu
STHULI:phela vele ngiyinkosi mina kuwe
MAMHLONGO:Zulu angikhulelwe mina hawu angifuni nje kuphela umuntu angisukele
STHULI:ayi ngoba phela ungowaselangeni elangeni ninenhliziyo ezincane
MAMHLONGO:Ukuthathaphi lokho ayibo sthuli nifike nisukele umuntu bese nithi Ingoba ufuze kubo kahleni bakwethu hawu
STHULI:manje babe ngilambile kanti kumele ngilungiselele umhlangano Bayeza manje abantu
MAMHLONGO:ngizokwenzela ukudla hamba uyogeza udle sewugezile
STHULI: Njomane ngizwa ngawe

(EMADLELWENI)
MPANDE:mmh yabona ke ukuphapha kunjani kunjaloke
SAKHILE:ayi yazi bengingazi ndoda kanti mina ngabe ngihlala ehostela
MPANDE:yebo phela ubaba wacela ubaba wakho azomsiza ngobukhosi bakhe obabuthathwe omunye umuntu nje owayengahlobile nje ekhaya
SAKHILE:wena mabethatha obakho uzokwenzanjani
MPANDE:mina...ngeke obami mina ngingambulala loyo ephila makukhothama ubaba mina kuningi nje engokush*tsha


like comment share

27/10/2023

-S01
EPISODE-02

•UBUKHOSI BUKA STHULI

ZONDO:eeeh Mphathi wakithi njengoba n**i ukuthi mina ngiyinduna yesigodi sala ebukhosini kuzoba nomhlangano kusasa esigodlweni usthuli ucele wonke umphakathi uphelele ngobuningi bawo
MAJOLA:hawu wezondo yazi ngizwe kuthiwa inkomo ka Sthuli ayikho ryt yini inkinga
ZONDO:hawu Macingwane ingane azikwazisanga
MAJOLA: impela mnewethu kunjalo
ZONDO:ayi ngicabanga ukuthi uMpande uhambile nabangani bakhe bayoyixazulula
MAJOLA:ikuphi kanti mthiyane
ZONDO:ibhajwe odakeni ibithi iyaphuza amanzi kwasho ukuthike kunodaka yabisha kanjaloke
MAJOLA:ayi komele uma ingaphumi beyiqedele abafana yazi ngihalela inyama namuhla
ZONDO: hahaha awuzwe umajola yini ukuba yikoza kangaka Mchunu hahaha ayi wena
MAJOLA:hawu wena Zondo awazi ukuthi njengoba kungena ihlobo nje umuntu usezohashuka mina nje sengiqalile ngiyazingela mangingebhizi
ZONDO:mmh kuhle ndodayamadoda nami kade ngiyodoba izolo inhlanzi zingango baba
MAJOLA:ushokanje mfwethu awungizwise phela
ZONDO:uthumele umfana azokulandela vele umkami akazwani nezinhlanzi uthi zinukisa Isiqandisi
MAJOLA:weeee abafazi Ave behlupha mthiyane ay ngizomthuma ke umfana
ZONDO:ayi akwengiye ekhaya nami ndoda izobonana
MAJOLA:kuhle mfwethu usuyohamba kahle

(KWAZULU EBUKHOSINI)
STHULI:Ukuthathaphi wena lokho okushoyo
MPANDE:ngizwe ngo sakhile nami baba uthe wena unjenje Ingenxa kababa wakhe umtimande
STHULI:haaaw nomtimande bahambe bexoxela ingane izinto ezilongo ayi...yazi ukuthi ndodana
MPANDE:yebo baba ngilalele
STHULI:khohlwa ilento yalengane ifuna kungixabanisa nomngani wami umtimande ihlushwa ukungazi ukuthi ubani owenza ukuthi ihlalela ehlezi khona uyeke
MPANDE:yebo Ndabezitha kulungile
STHULI:iphi inyama yenkomo
MPANDE:ngithe labafana abayibeke eqhugwaneni ukuze izokoma kahle igazi

(AQHAMUKE UMAJOLA)

STHULI:ok ndodana kulungile ngiyabonga kakhulu...hawu wempande
MPANDE: Ndabezitha
STHULI:yazi kunento engifuna ukuxoxela yona kodwa...
MAJOLA:ndabeziiiiitha!!!
MPANDE:hawu yini...ubani ke loyoMAJOLA:awuyimi bondabezitha
STHULI:ngena jolinkomo
MPANDE:Baba ngiyabuya ngisayobheka la bhadle
STHULI: hamba ndodana kulungile...MAJOLA savakashelwa nguwe kwenzenjani

MAJOLA:hhawu Mageba ukuzwe makuthiwa "isisu somhambi asingakanani"
STHULI:singanenco yenyoni
MAJOLA:yebo Mageba nxaa umshayelani khona(emkhomba) mmh Mageba kunjalo
STHULI:ukhala ngani Mchunu
MAJOLA:eyi Ndabezitha ngizocela nje okuliqatha bakithi ngafa indlala ekhaya mmh
STHULI:hawu majola ukube ayifanga inkomo yami ubuzodla ini konje
MAJOLA:awu Ndabezitha ngiyacela nje awu
STHULI:ayi futhi madoda..weeee Manjomane
MAMHLONGO:yebo Ndabezitha
STHULI:awungibizele lomfana uMpande ezelana
MAMHLONGO:yebo baba ngizomboza

STHULI:uzwe ngobani wena majola ukuthi kunenyama layikhaya
MAJOLA:aay wena Mageba ngizwe ngo Zondo ukuthi kunenkomo elimele Ndaba
STHULI:ooh wena wase ubona ukuthi ufike ungabizwanga
MAJOLA:awu Yobe Ndabezitha

MPANDE: Ndabezitha uthi undlunkulu uyangibiza
STHULI:awuhambe uye la enibeke khona inyama ufike uthathe umlenze uwufake oqhokweni uzenawo la
MPANDE:yebo baba
STHULI:usehambile yini umfana ka Ngwenya
MPANDE:uthe usaphuthuma ebholeni
STHULI:weee ingane zongwenya ok hamba wenzenjalo uphathe umeseke

MAJOLA:awu isandla sedlula ikhanda Mageba
STHULI:ubonga ini manje
MAJOLA:hawu inyama Mageba
STHULI:sengikunikile yini Mchunu
MAJOLA:awu Mageba yini kodwa awu
STHULI:majola yenkani ukuphapha uma nibona inyama emzini yabantu hlabani majola

(KWANGWENYA)

SAKHILE:baba yazi lomfana kaZulu uma ngimtshela ukuthi kungenxa yakho ukuthi bebela abakhona namuhla uyaphika
NGWENYA:lalelake mfana wami sakhile nawe udla kanjena nje Ingenxa yabo
SAKHILE:uthini manje baba
NGWENYA:silana nje Ingenxa yabo mina bengihlala ehostela KwaMashu yingakho nje ngila usthuli
SAKHILE:awuu kodwa phela nabo ngabe abekho la abakhona ngenxa yakho
NGWENYA:yazini awuphume uyokhetha amathole usuqala ukungicika
SAKHILE:hawu baba kodwa
NGWENYA:hamba sakhile hamba...hawu yazi lezingane ziyanyanyisa nje


like comment share

13/12/2020

Tomorrow
33°c☀️🌩️

18/06/2020

Today weather

🌡️16°c 🌨️🌧️

Stay informed

02/02/2020

Today
33•c☀
Drinking water

21/12/2019

Created by cmbol-tee
🎄❄🎉🎉🎉🎉🎉
🎄🎄 ❄🎉🎉🎉🎉
🎄🎄🎄 ❄🎉🎉🎉
🎄🎄🎄🎄 ❄ ❄ ❄
🎄🎄🎄🎄🎄🎁🎁
🎄🎄🎄🎄 ❄ ❄ ❄
🎄🎄🎄 ❄🎉🎉🎉
🎄🎄 ❄🎉🎉🎉🎉
🎄 ❄🎉🎉🎉🎉🎉

Create yours

29/08/2019

TOMORROW IS 27•c☀

26/08/2019

Today is

32•c☀

25/08/2019

Tomorrow

32•c☀

25/08/2019

MORNING 21•c☀

25/08/2019

-KZN WEATHER-

TONIGHT 19•c🌙❄
TOMORROW 32•c☀

.com

Address

Melmoth

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Cmbol-tee weather posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Cmbol-tee weather:

Share

Category


Other Melmoth media companies

Show All