Izindaba Media

Izindaba Media Your Daily dose of NEWS, Sports and Entertainment.
(1)

12/12/2023

Morning Bangani, sthembe kulaleke kahle.
Indatshana iyaqhubeka namhlanje ngo 10AM.
Usuku oluhle.
❤️

🖼️ Zahara  🕊️
11/12/2023

🖼️ Zahara

🕊️

Lihlehlele umhlaka 5 February 2024 icala lika Molemo 'Jub Jub' Maarohanye, namhlanje e Nkantolo Yase Goli.U Jub Jub ubev...
11/12/2023

Lihlehlele umhlaka 5 February 2024 icala lika Molemo 'Jub Jub' Maarohanye, namhlanje e Nkantolo Yase Goli.
U Jub Jub ubevele ngamacala abekwa wona, okukhona kuwo elokudlwengula, elokushaya ngenhloso yokulimaza, elokuthumba kanye nelokuzama ukubulala.
U Mmeli ka Jub Jub, ukhala ngokubambezeleka kokuqulwa kwecala, uthi kuyamubezela u Jub Jub ekuqhubekeni nempilo, kodwa uthe bazoqhubeka belinde ngoba abafuni kube sengathi balwisana ne Nkantolo.

U Mlisa wase Hambanathi, obevakashele u Malume wakhe, e Magwaveni, Othongathi, udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu wash...
11/12/2023

U Mlisa wase Hambanathi, obevakashele u Malume wakhe, e Magwaveni, Othongathi, udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu washona.
Lesisigameko senzeke Ngesonto ebusuku, ngezithuba zehola leshumi. Abosizo oluphuthumayo, bafike esevele eshonile lo Mlisa, kungasekho mizamo yokumsiza ebebesangaba nayo.
Amaphoyisa avule icala lokubulala, kwase kuqala uphenyo. Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa.

11/12/2023

Uthi lo Sisi, ubeseba namaphupho anabi lapho azibona enza khona inkonzo yasekamelweni nomyeni wakhe, kodwa kukhona indle embhedeni abalele kuwo.
Imali abekade eyithola ku Myeni wakhe akasayitholi nendlela, encane ayitholayo izivele iphelele emoyeni.
Sekuyenzeka kwesinye isikhathi kugcwale ubukhuphe embhedeni wabo nowengane.

Ngenxa yalezizinto, ugcine eseya kwababonayo, lapho afike wathola khona ukuthi, kuthiwa u Mamezala omfakela isichitho. U Mama unengane eyodwa, okuyile eganwe ilo Sisi, manje u Mama usenomona wokuthi obekukade kuza kuyena before, sekuya ku Makoti.

*Enye inkinga esibhekene nayo, okungakhulunywa kodwa ngayo emakhaya.

🤔

Ungqongqoshe u Bheki Cele, usememezele ukuthi bazosabalalisa amanye amaphoyisa angi 10,000 njengoba sekuqale isiphithiph...
11/12/2023

Ungqongqoshe u Bheki Cele, usememezele ukuthi bazosabalalisa amanye amaphoyisa angi 10,000 njengoba sekuqale isiphithiphithi samaholide ka Khisimuzi nje. Lamaphoyisa azokwengesela kulawa akhona, abesevele etshaliwe ngesindawo nezindawo. Lo 10,000 uyihlandla lesibili, njengoba ababeqashwe kwelokuqala sebevele besemsebenzini, kanti laba abazotshalwa manje bazothola iziqu zabo ezinsukwini ezingengaki kusuka namhlanje. Uma beqeda nje ukwemukela iziqu zabo, bazosuka lapho bengene emshikashikeni wokulwa nobugebengu, obuvele budlangile.

 INDATSHANA   AYIZUKUBA KHONA NAMHLANJE, IZIQEPHU ZALELIVIKI ZIXOVENE KAKHULU, NGISAZOZAMA UKULUNGISA LELOPHUTHA UMA SEN...
11/12/2023



INDATSHANA AYIZUKUBA KHONA NAMHLANJE, IZIQEPHU ZALELIVIKI ZIXOVENE KAKHULU, NGISAZOZAMA UKULUNGISA LELOPHUTHA UMA SENGITHOLE INDAWO ENE NETWORK EKAHLE, NGOKUHAMBA KOSUKU.
NGIYATHEMBISA UKUTHI KUSASA NGO 10AM IZOBE ISIKHONA ISIQHUBEKA KU CHAPTER 19.

NIXOLE KAKHULU NGALOKHU BANGANI.


11/12/2023

Lilokhu linethile nje, kuyacaca sekuyizo izikhukhula okuke kwabikwa ngazo. Niqaphele Bangani, kakhulukazi thina esila e Durban and Surroundings, singaqiniseli uma sibona ukuthi izindawo esihlala kuzo zigcwala amanzi, sijwayele nokuvula imisele amanzi ehambe engami eduze kwezindlu. Nasemgwaqeni siqaphele amanzi, uma ungathembi kahle, ungahambi kulelo damu elisemgwaqeni.
Ukuphepha phambili.
Happy Monday and Happy New Week.
❤️

10/12/2023

FULL TIME

Sekhukhune United 0⃣-0⃣ Stade Malien


10/12/2023

Full Time!

Al Ahli 2-1 Supersport


10/12/2023

Full Time

Mamelodi Sundowns 0-0 Pyramids


10/12/2023

Full Time

Royal AM 3-2 Richards Bay


Imidlalo yabamhlanje.Dstv PremiershipRoyal AM vs. Richards Bay - 15:30CAF CLMamelodi Sundowns vs. Pyramids - 15:00CCC AI...
10/12/2023

Imidlalo yabamhlanje.

Dstv Premiership
Royal AM vs. Richards Bay - 15:30

CAF CL
Mamelodi Sundowns vs. Pyramids - 15:00

CCC
AI Hilah vs. Supersport United - 15:00
Sekhukhune United vs. Stade Malien - 15:00



10/12/2023

18. SPHINDILE
“Wena Sphindile, awukwazi nhlobo ukucabangela omunye umuntu, uzicabangela wena wedwa nje!” kubhoka u MaNdebele, sebeyongena esangweni. “U Yihlo uyagula, ngenxa yakho njalo lokhukuziphatha budlabha kwakho, lapho esathi uyazama ukukuxolela, wena futhi usuyabaleka ekhaya, inhloso yakho kanti yini vele, ukumbulala?” kuqhuba u MaNdebele.
Wayelokhu echiphiza u Sphindile. Babelokhu besuke Kwa Mkhize, engasho lutho, echiphiza nje kuphela.
“U Baba akangifuni vele Mama, manje uma ngihamba emzini wakhe, ikuphi inkinga?” ekhala u Sphindile. “Futhi ngizohamba, ngeke ningithole kulokhu!” esuka eyongena endlini yakhe ngejubane, u Sphindile.
Wanikina ikhanda u MaNdebele, wama wambuka.
“Nxah!” kusho yena, esuka eqonda endlini ka Dlakude. “Lo lwabishi wengane!” kumemeza yenaa, emlandelisa ngamazwi.
U Dlakude wayesalokhu ezicambalalele embhedeni, ngesikhathi kungena u MaNdebele. Wathi engezwa kuvuleka isicabha, waphakama, wahlala ngezinqa. Wangena u MaNdebele, wadonsa isihlalo, wahlala. Wadonsa umoya, wayesenikina ikhanda.
“Kwenzakaleni MaNdebele, aliqhamukanga yini isoka obuyolibheka?” kusho u Dlakude, ehleka, ethi uyazintelela nje. Waphinda wanikina ikhanda futhi u MaNdebele. “Hhayi bo Nkosikazi, kanti kwenzenjani?” esemgqolozele u Dlakude.
Waqala ke u MaDlamini, weza nendaba. Wayixoxa ksukela ekudibaneni kwakhe no MaDuma, Emtholampilo, ukuthi nguyena owayemtshele ngo Sphindile, ukuthi uhlala Kwa Mkhize. Waqhubeka njalo, waxoxa nokuthi kwenzakaleni esefike Kwa Mkhize. “Ngiyasola ukuthi lo Mfana wakwa Mkhize, kukhona aseyifake khona le Ngane Baba, ayizwa lutho nje ngaye, kumanje isabisa ngokuduka nezwe!” kusho yena njalo u MaNdebele.
Wathula u Dlakude, wabheka phansi. Kwathuleka endlini. Emva kwesikhathi kuthulekile, u Dlakude wanqekuzisa ikhanda, wayesedonsa umoya.
“Ngiyakuzwa ke MaNdebele!” washo lokho wayesededela umoya. “Lengane ihlose ukungibulala, futhi uma ngizophika nayo ngizomelwa inhliziyo, ngife, sengibone kahle!” kusho u Dlakude, ezwakala ukuthi ukhathazekile emoyeni. “Into engiyibonayo mina manje MaNdebele, ukuthi sivele simyeke u Sphindile, enze ngendlela afisa ngayo, uma efuna ukuyoziganisa Kwa Mkhize, akahambe!” kusho u Dlakude, ezibuyelela phansi.
Wahlahla amehlo u MaNdebele.
“Uthini manje Baba, wakhulumisa okomuntu odikilayo?” emgqolozele. “Baba?” kusho u MaNdebele.
Wangaphenduka u Dlakude, waqhubeka nokugqolozela phezulu.
“Akusikho ukudikila lokhu Nkosikazi, kodwa ngizama ukuvikela impilo yami, futhi ngizama ukwehlisa umoya, ngingalokhu ngicabangana no Sphindile!” kuphendula u Dlakude. “Hamba uyomtshela ukuthi, kusukela namhlanje ngiyamkhulula, akenze akufisayo, u Sphindile!” washo evala amehlo u Dlakude. Kwathuleka endlini.
Wahlala isikhathi eside u MaNdebele, ecabanga ngalokhu okwakushiwo u Dlakude. Emva kwalokho wasukuma waphuma. U Dlakude wayeseqedile. Njengoba wayesevale amehlo nje, ingoba wayengasafune kukhuluma, wayekwazi naye lokho u MaNdebele. U Dlakude wayeyisho kanye into, bese evala amehlo, wawusuke ungeke usambuza lutho ke emva kwalapho.
Laze laba mathunzi, lutho ukubonakala egcekeni u Sphindile. Umnyango wasendlini yakhe wawulokhu uvaliwe, ngisho namafasitela elokhu evaliwe. U Mandebele wayengakabi naso isibindi sokuyobheka u Sphindile, empeleni wayedinwe kakhulu, futhi edidekile. Indlela izinto ezaziyiyo Kwa Dlakude, kwasekukuningi kakhulu ku Mandebele, eyedwa. Wayefisa khona ukube kukhona umuntu axoxa naye, umuntu omlalelayo ezinsizini zakhe, emuphe nemibono. U MaNdebele, wayengenabo Abangani, nezihlobo zakhe zazikude kakhulu.
Waqala wabasa umlilo, wayesekhipha ayezokupheka, ekhabetheni. Umzimba wawukhathele, kulapho akekho owayezopheka uma kungaphekanga yena. Esematasa nokuqoba u anyanisi, u Mandebele, umxhopha nasemehlweni. Kwaba khona umuntu okhulekayo ngaphandle. Wathula. Walalela.
“Chushela!” kusho izwi lomuntu okhulekayo. “Ekhaya!” kuqhuba lo okhulekayo.
Wasula izandla u MaNdebele, waqonda emnyango. Waphumela ngaphandle, amehlo akhe laphaya ahlala ngasesangweni. Kwakungu Mbangiseni lo owayekhuleka. Wayehudula ibhokisi lezimpahla, lika Sphindile. Wathi engabona u MaNdebele, wasondela u Mbangiseni.
“Uxole Mama ukuthi ngivele ngitheleke nje, bengilethe n**i izimpahla zika MaDlakude, ngiyacabanga izinto eziningi azidingayo zilapha!” kusho u Mbangiseni, ngokukhulu ukuthobeka.
Wanikina ikhanda u MaNdebele. Wamgqolozela isikhashana, wayesededela umoya.
“Ilaphaya endlini intombi yakho, ihambisele khona!” ekhomba indlu ka Sphindile, u MaNdebele. “Kodwa ke nginesicelo, ukuthi uma nizokwenza lamanyala enu, ningakhohlwa ukuthi kusemini, nikhiye umnyango, siyezwana!” kuqhuba u MaNdebele.
Wahlahla amehlo u Mbangiseni, kwaba sengathi uyadideka ngalokhu okushiwo u MaNdebele, ekubeni wayevele exakwe uvalo lokuthi kuzophuma u Dlakude endlini.
“Angazi ukuthi u Mama ukhuluma ngani, mina ngilethe lelisudukesi nje kuphela, bese ngidlulela emadlelweni.
Wanikina ikhanda u MaNdebele, wamgqolozela futhi.
“Uyangixaka nje ukuthi wethuswa yini, yini ongayazi la?” kusho u MaNdebele. “Kanti namithisana kanjani uma ungayazi into engikhuluma ngayo? Waze wangenza isilima ke bo!” ekhomba u MaNdebele. “Hamba, ilaphaya intombi yakho!” wabuyela endlini u MaNdebele.
Ngokungabaza, wahudula ibhokisi lelo u Mbangiseni, waqonda khona lapho endlini ka Sphindile.
Wafika wangqongqoza u Mbangiseni. Kwathuleka. Waphinda futhi okwesibili, wagqongqoza. Lutho nakhona futhi impendulo. Kunomsinjwana ayewuzwa uqhamuka ngaphakathi endlini, kodwa engawuqondi kahle. Wathula wacabanga. Omunye umqondo wawuthi akashiye isikhwama, ephindele emuva. Wayengase ezithole esebhekene nezinja, lezi ezacishe zabulala u Malume wakhe kanye no Yise. Omunye umqondo wawuthi akadudule isicabha, engene ngaphakathi. Igazi lakhe lalimtshela okuthile. Wabe esedudula isicabha, wangena. Wathi engena, emehlo akhe ahlala embhedeni ka Sphindile, kodwa wayengekho yena kuwo. Kwakungathi akukho muntu kuleyandlu.
“Sphindile?” kumemeza yena, kodwa esholo phansi, wayengafuni kuzwakale ngale. Amehlo akhe aqala agijima yonke indlu. Wahlahla amehlo. “Hhayi bo! Sphindile wenzani?” kubabaza yena, ededela ibhokisi lelo, esuka ngejubane eqonde emsamo. “Sphindile! Uyazibulala?” etatazela u Mbangiseni. “Yelekelelani bo!’ kumemeza yena njalo u Mbangiseni.
U Sphindile wayelaphaya emsamo, emi phezu kwesihlalo, ezama ukufaka intambo eyayiboshelwe phezulu endlini, emqaleni. Wagijima u Mbangiseni, wambamba, wamdonsela phansi. Baze bayowa bobabili laphaya phansi.
“Ngiyeke Mbangiseni, ngiyeke ngife!” kukhala u Sphindile, ezama ukudlumbulundela. “Ngiyeke ngife! Ayikho vele into engiyiphilelayo!” ememeza kakhulu, u Sphindile. “Angithi nawe awungifuni, uthulile nje bengithatha kini, wangalwa ngisho nokulwa? Ngiyeke ngizifele, ngiphumule!” epaquza, ezama ukuphunyuka ezingalweni zika Mbangiseni.
Kwangena u MaNdebele, egulukudela. Wama ngasemnyango.
“Kwenzenjani? Umsindo wani lo olayindlini?” ebagqolozele. Kwaba ila ebona indambo, eyayilenga phezulu. Wathwala izandla ekhanda u MaDlakude. “Hawu kodwa Sphindile!” kukhala yena.
Wamudedela u Sphindile, u Mbangiseni. Wasukuma ngokushesha u Sphindile, wama ngezinyawo. Wasukuma no Mbangiseni, esemanzi te umjuluko, ehefuzela.
Khona lapho, kwangena u Dlakude, naye wama ngaku MaNdebele. Engakabuzi nokubuza, wazibonela naye intambo nesihlalo, laphaya emsamo. Wayebonakala ukuthi naye wethukile, kodwa akangasho lutho, wavela waphuma wahamba. Ngenxa yokwesabela impilo ka Dlakude, u MaNdebele naye waphuma ngejubane, elandela u Myeni wakhe.

Iyaqhubeka............

Please Like, Comment and Share...........

Izaga 3:6Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.Amen! 👏🕯️❤️
10/12/2023

Izaga 3:6

Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
Amen!
👏🕯️❤️

10/12/2023

Good Morning Friends, hope kulaleke kahle.

Happy Sunday.
❤️

09/12/2023

Full Time

Pirates 1-0 TS Galaxy


09/12/2023

Angikakazukuba nayo ifoni entsha, koze kuhlangane imali yokuthenga i iPhone, bese ngiba nefoni entsha ke. Angifuni noma iyiphi ifoni, ngifuna le ene aphula elilunyiwe kuphela.
Njengamanje ngiseno R50 kuma savings efoni, kusekude phambili.
🤔

09/12/2023

Fulltime

Chippa United 2-0 Golden Arrows


Abakwa South African Broadcasting Corporation (SABC) namhlanje, bamemezele ukuthi angeke bekwazi ukusakaza imidlalo ye C...
09/12/2023

Abakwa South African Broadcasting Corporation (SABC) namhlanje, bamemezele ukuthi angeke bekwazi ukusakaza imidlalo ye Cricket, ezodala maduze phakathi kwe South Africa ne India, ngenxa yokwehluleka ukuthola abaxhasi, njengoba lenhlangano ehlala inenkinga yezimali, ithembele kubaxhasi ukuze izokwazi ukusakaza imidlalo ekhokhelwayo.
Izikhulu zakwa SABC zixolise kakhulu ngalokhu, zaphinde zathembisa ukuthi zizoqhubeka zixoxisane nabakwa Cricket South Africa (CSA) uma ikhona enye indlela okungenziwa ngayo.

Belisuka e Mokopane, e Limpopo libheke e Sabie, e Mpumalanga, enkonzweni Yama Luthela (Evangelical Lutheran Church) ibha...
09/12/2023

Belisuka e Mokopane, e Limpopo libheke e Sabie, e Mpumalanga, enkonzweni Yama Luthela (Evangelical Lutheran Church) ibhasi elibe nengozi, esibike ngalo izolo ebusuku. Ingozi yenzeke ku R37, Long Tom Pass, e Mpumalanga.
Kulengozi kugcine kwedlule emhlabeni abantu angu 7, kwathi abangu 52 balimala kanzima.
Abanikazi benkampani yamabhasi kanye namaphoyisa basaphenya imbangela yalengozi.

09/12/2023

Full-time

Polokwane City 0-1 Kaizer Chiefs


KUMUHLUZANE ABEFUNDISI BEBANGA IMALI YOMNIKELO.konakele🤞
09/12/2023

KUMUHLUZANE ABEFUNDISI BEBANGA IMALI YOMNIKELO.

konakele🤞

Ungakhohlwa ukuthola Isolezwe Ngempelasonto ufunde lezi nezinye!

09/12/2023

17. SPHINDILE
U Sphindile no Zibuyile, babevuke baya emfuleni, benzela ukuthi lithi liqala ukushisa ilanga bebe sebeqedile. Yize yayikhohlisana ihlomelene, kodwa babenalo ikhono lokufihla imizwa yabo, ngomunye komunye. Imisebenzi yasegcekeni, eminingi, babeyenza ngokubambisana. U MaDlamini, yize wayebe nakho ukungabaza ekuqaleni, ebona sengathi laba bobabili, u Sphindile no Zibuyile, angeke bekwazi ukuhlalisana kahle, kodwa akubanga njengoba wayecabanga.
Sebeqedile okuningi ababekwenza ekuseni, babe sebethi ukukhokha umoya. Wayezosukuma ngokuphakama kwelanga u Zibuyile, eqalise amabhodwe asemini. Wangena endlini ka Mbangiseni, wahlala esihlalweni esiseduze kombhede. Wahlubula iduku waliphosa phezu kombhede, wadonsa umoya. Ngalesosikhathi u Mbangiseni wayesaphumile, esaye ngasesitolo.
“Mh, lentombazane ayizimisele ngempela ngokuhamba layikhaya, buka nje kumanje izenza u Makoti, ifuna ukwenza konke engikwenzayo, lapho akaze ngiyicele, iphethwe ukuphapha nje!” u Zibuyile, ekhuluma yedwa, ejulile ngomqondo. “U Nhlanhloh uthe wamxoxela u Mama wakhe, ngale ndaba yokuthi u Sphindile ula, kodwa nakhu izinsuku ziyaqhubeka, angizwa lutho!” enikina ikhanda. “Mxim!” ekhipha ucingo lwakhe, ephaketheni lephinifa. “Awuthi ngimshayele futhi u Nhlanhloh, ngizwe ukuthi kuhamba kanjani, mhlawumbe u…….!” esathi ucofa ucingo lwakhe u Zibuyile.
Kwavuleka isicabha, kwangena u Mbangiseni, wama ngasemnyango, wamgqolozela.
“Kwenzenjani MaButhelezi, wajula kangaka, uze ukhuluma wedwa?” kubuza u Mbangiseni. Wasondela ngasembhedeni. “Ngabe yonke into ihamba kahle?” kuqhuba yena njalo u Mbangiseni.
Waphakamisa amehlo u Zibuyile, wambheka.
“Cha Khabazela, akukho nje okuhamba kahle!” kusho u Zibuyile. “Umfazi okulesisimo engikuso, kuyenzeka egcine ekhuluma yedwa” Washo ebheka phansi futhi.
Wahlala phansi u Mbangiseni, wabheka ngaku Zibuyile. Kuningi ayesezitshela khona emqondweni wakhe, okwakungabe kukhathaze u Zibuyile, kodwa wayengafuni ukuqagela.
“Kwenzenjani, ngabe u MaDlakude uyakuhlupha yini?” kubuza u Mbangiseni. “Ngoba ngibona sengathi niyazwana nje, MaButhelezi?” u Mbangiseni njalo, emgqolozele.
Wadonsa umoya u Zibuyile, waphakamisa amehlo.
“Cha Khabazela, akuyena u Mnakwethu ongihluphayo, kodwa ngihlushwa nguwe uqobo!” ebheka phansi u Zibuyile. “Selokhu ngabuya ekhaya, u Mkhize ulala ebheke le, usebeka isandla nje kuphela, angazi noma inhliziyo yakho iku MaDlakude yini, angazi nje!” u Zibuyile njalo,. ededela umoya. “Mina bengizothi, uma ufisa ukuba no MaDlakude, kungcono uvele uyolala ngale kuye, kunalokhu kuhlukumezeka engikuthola layindlini, ngiyafa ukufisa kodwa angitholi lutho, kodwa ngilele nomuntu embhedeni!” washo esukuma, u Zibuyile. “Ngisayobeka amabhodwe!” wathatha iduku, walibopha ekhanda.
Wadedela umoya u Mbangiseni.
“Manje usukhulumile ke waqeda, mina awusangilindi nokuthi ngiziphendulele MaButhelezi?” kusho u Mbangiseni, embuka.
Waneka izandla u Zibuyile.
“Ebengikusho bengikusho, bengingabuzi umbuzo, futhi bengingalindele mpendulo Khabazela!” washo eqonda emnyango, waphuma, wavala.
Wasala ehlezi kanjalo u Mbangiseni, esezihambele u Zibuyile. Wanikina ikhanda u Mbangiseni.
“Uyazi lo Zibuyile sengimbone kahle, akazwani neze nokuthula, ngesingaye kufanele kuhlale kuthethwa amacala njalo nje, pho wakhiwa kanjani umuzi nomuntu onje!” esukuma u Mbangiseni. “Nxah! Kuphela kwento engingeke ngiyimele ke lena mina, le yomsindo njalo, ngeke nje!” washo ephuma ngomnyango naye.
Laseliphakeme ilanga, ngesikhathi u Zibuyile engena ekhishini. Kwakufanele ngabe uselibekile elokuqala ibhodwe, kodwa kwamlilo wawusucishile. Waqala wavuselela umlilo. Wathi ungavutha umlilo, wayesebeka ibhodwe, walilayisha amanzi. Wezwa kancane, kungathi kunomuntu okhuluma egcekeni, kodwa kungathi ukuzwela kude. Kwakulizwi lomuntu wesifazane leli ayelizwa. Wathula. Emva kesikhashana, wazitshela ukuthi, mhlawumbe ngu MaDlamini, u Nina ka Mbangiseni, ukhuluma nezinkukhu njengenjwayelo.
Okwesibili, lasho eduze lelizwi.
“Akukho muntu yini layikhaya!” kusho izwi phandle, selisho phambi kwendlu ayekuyo u Zibuyile.
Waqonda emnyango u Zibuyile. Wavela kancane, sakulunguza. Kwakungu MaNdebele, u Nina ka Sphindile lo owayekhuluma phandle. U Zibuyile wayemazi kahle u Mandebele ukuthi ungubani, wakuphi. U MaNdebele, yena wayengamazi u Zibuyile ukuthi ungubani. Waphumela ngaphandle u Zibuyile, wafola lapho eduze komnyango.
“Yebo sanibona Mama!” kusho u Zibuyile, ekhophozela. “Ngizocela uze ngapha, abadala bangapha!” ekhomba ulawondi, ababejwayele ukuhlala kuwona o Mkhize no MaDlamini, uma kusemini.
Khona lapho kwaphuma u MaDlamini endlini, babezwa ukuthi kukhona umuntu okhulumayo egcekeni, wayephuma ethi uyobheka ukuthi ngubani lowo. Wethuka uma ezithela ku MaNdebele. Bama, babukana.
“Hawu MaNdebele, kanti uwena lona okhulumayo?” ngokwethuka u MaDlamini. “Ngicela singene ngapha” naye ekhomba lapho okwakukhombe khona u Zibuyile.
Wama u MaNdebele, wanganyakaza, wamgqolozela.
“Uyazi ngiyamangala mina MaDlamini, ukuthi kanti layikhaya kukhona ngisho u Mfazi, kodwa kunengane ehleli khona, engaziwa kubo ukuthi yashonaphi, futhi lowo Mfazi akazikhathazi nangokuzongibikela ukuthi ingane yami ikuyena!” eshaya izandla u MaNdebele. “Cha ngikhulile namhlanje, hhayi ungcolile MaNdebele, ngangithi ungumuntu uyazi!” eseshinga u MaNdebele. “Lalela ke we Mfazi obolile, angizile ukuzoxoxa nawe lapha mina, kuphela nje ngizolanda ingane yami!” u MaNdebele njalo. “Khipha ingane yami! Iphi?” esememeza u MaNdebele.
Wezwa kushisa esifubeni u MaDlamini, kwaba khona isigaxa esikhuphukela emphinjeni.
“Chabo ke MaNdebele, awuzukusuka le kwakho uzongidelela emzini wami, ngeke nje kwenzeke lokho, khohlwa!” kubhoka u MaDlamini, eya lena nale. “Okokuqala nje lengane niyixoshile, ngoba imithi isisu salayikhaya, kwazise niyasizonda vele, manje bekufanele siyilahle kuphi, entabeni?” u MaDlamini esevutha engabaselwe.
Wahlahla amehlo u MaNdebele.
“Ixoshiwe, ixoshwa ngubani MaDlamini?” kubuza yena. “Nikuzwa ngayo lokho? Pho anisezi ngani nizothola isiqiniseko sokuthi ixoshwe ngempela? Ningabazali nani, nihlala kanjani nengane yomuntu iviki lonke, nangaphezulu?” kungathi usuyehla umoya ku MaNdebele.
Khona lapho kwaphuma u Mkhize, kuyo lendlu okwakuphume kuyo u MaDlamini, wasondela. Kwaphuma u Mbangiseni, elandelwa u Sphindile, kule eyayilala u Sphindile. Nabo basondela.
“Mama, ngicela uhambe bandla, ngiyacela, ungazosusa umsindo emzini yabantu, uzongonela nje lapha!” kusho u Sphindile, esondela. “Ngiyacela Mama, phindela ekhaya, futhi ungamtsheli u Baba ukuthi ngilapha Kwa Mkhize!” kuqhuba yena.
Wathwala izandla ekhanda u MaNdebele, uma ezwa u Sphindile ekhuluma kanjalo.
“Uthini manje Sphindile, ngizokonela? Ngizokonela ini?” kusho yena emgqolozela. “Ubaleka ekhaya uzoziganisa lapha, ungakhishelwe ngisho nenkukhu yodwa le? Hheh Sphindile? Manyala mani nje lawa owenzayo?’ washo edumela u Sphindile ngengalo, u MaNdebele. “Njengamanje siya ekhaya, angeke nje ngidlale wena mina!” washo eqonda naye esangweni. Wazama ukudlubulundela u Sphindile. Yaqhuma kwaba kanye impama, wazihambela yena emva kwalokho, ngale kokubanjwa, u Zibuyile.
Basala bemile kanjalo Kwa Mkhize, ebaleni, bebukela u MaNdebele no Sphindile beyoshona ezansi nomgwaqo. Kwenzeka konke lokho njalo, u Zibuyile wayepopola ngomfantu wesicabha. Inhliziyo yakhe yayisigxumagxuma, isu lakhe lalisebenzile. Wayesehambile u Zibuyile. Indoda yayisizokwazi nokumnaka, njengoba yayingasamnanki nje.

Iyaqhubeka................

Please Like, Comment and Share...................

09/12/2023

Kweye DStv Premiership kule Weekend.

Izolo ebsuku.

Stellenbosch 1-0 Cape Town City

Namhlanje.

Polokwane City vs. Kaizer Chiefs - 15:30
Chippa United vs. Golden Arrows - 17:45
Orlando Pirates vs. TS Galaxy - 20:00


09/12/2023

Happy Saturday Friends. Hopefully nilale kahle nani.

Nibe nosuku oluhle.
❤️

Iqembu le DA selimemezele umehlokaboni, wenani elingafika ku R1 Million, kulowo ongeza ngaphambili nolwazi olungaholela ...
08/12/2023

Iqembu le DA selimemezele umehlokaboni, wenani elingafika ku R1 Million, kulowo ongeza ngaphambili nolwazi olungaholela ekuboshweni kwalowo okanye labo abadubule babulala, u Sotswebhu wayo ngaphansi ko Masipala u Mngeni, u Khansela Nhlalayenza Ndlovu, odutshulwe mhlaka 5 December 2023.
Kunxuswa ukuthi, onolwazi, eshayele kulenombolo ebhalwe ku Poster, ikhona yonke imininingwane lapho.

08/12/2023

Kube nesiphihli sengozi, ku R37, Long Tom Pass, Esifundazweni i Mpumalanga. Lengozi ibandakanya ibhasi elilayisha 55 wabagibeli.
Lengozi edlule nemiphefumulo engu 6 kwalimala abangu 53, yenzeke ngezithuba zabo 4, khona namhlanje ntambama.
Umgwaqo uvaliwe, niengoba abezimo eziphuthumayo, bebesasiza abalimele, kanjalo nokukhuculula endaweni yesigameko.

🖼️ Zikhona Sodlaka ❤️
08/12/2023

🖼️ Zikhona Sodlaka
❤️

U Ngqongqoshe u Pravin Gordhan usememeze u Dan Marokane njenge CEO entsha yakwa ESKOM, emva kwesikhathi lesisikhundla si...
08/12/2023

U Ngqongqoshe u Pravin Gordhan usememeze u Dan Marokane njenge CEO entsha yakwa ESKOM, emva kwesikhathi lesisikhundla singenamuntu ohleli kuso ngokugcwele.
Isikhala sika CEO savuleka ngesikhathi kushiya u Andre De Ruyter owashiya isigubhukane, ekhala ngenkohlakalo kwabanye besikhulu zika Hulumeni.
U Marokane yize eseqokiwe njengozongena kulesisikhundla, kodwa akezukuqala ukusebenza njengamanje, kodwa kuqinisekisiwe ukuthi, kuyophela u March 2024 esekhona ehhovisi.

08/12/2023

16. SPHINDILE
Imizamo ka Mandebele yokuthola u Sphindile, ayiphumelelanga yonke. Laseliphelile iviki, engekho u Sphindile ekhaya. Nocingo lwakhe lwalungangeni. Kwasekuze kwamphoqa ukuthi, azise no Dlakude ngalokhu. Ngesikhathi embikela, akubanga njengoba wayelindele u MaNdebele, yena wayezitshela ukuthi, u Dlakude angeke ebe nendaba ngokunyamalala kuka Sphindile. Kodwa, u Dlakude wakhombisa ukuphatheka kabi ngalokhu, yize engakushongo ngomlomo.
“Kodwa Nkosikazi, usungaze ungifihlele indaba engaka, ukuthi u Sphindile akekho layikhaya, yinto yanini vele lena?” kubuza u Dlakude, ebhocobele.
Kwamethusa lokhu ayekubona u MaNdebele, ekubeni yena wayezitshela ukuthi uzojabula u Dlakude. U Dlakude wayemthanda u Sphindile, Indodakazi yakhe kuyiyo yodwa, futhi wayehlala njalo emufisela okuhle, kuyikho ke ukuthi izingane azikwenzi lokhu wena osuke ukufisa ngazo, ziyakudumaza.
“Ngelanga owabuya ngalo esibhedlela Baba, safika layikhaya engasekho” kusho u MaNdebele, ezwakala naye ukuthi unokukhathazeka emoyeni. “Inkinga nocingo lwakhe luvaliwe, kunjalo nje angikwazi nokuyaluza ngimbheke, ngoba nawe Baba awuphilile, angeke ngikwazi ukukushiya wedwa!” esechiphiza u MaNdebele.
Zaqhubeka izinsuku, lutho ukuzwakala umkhondo ka Sphindile, nocingo lwakhe lutho ukungena.
Ngelinye ilanga, u MaNdebele wayevuke walibangisa Emtholampilo, ukuyolanda amaphilisi ka Dlakude, njengoba wayebuye nencwadi Esibhedlela, yokulanda amaphilisi Emtholampilo oseduzane. Wayesheshe waphuma ekhaya enzela ukushesha ebuye. U Dlakude wayesele yedwa ekhaya.
Emtholampilo babenza kancane, njengenjwayelo. U MaNdebele wayezitshela ukuthi uzoshesha, njengoba wayevukile nje, kodwa laze laphakama ilanga, Abahlengikazi besabamba beyeka, kungekho okuqhubekayo. Kwaze kwagcwala ngaphakathi, sekufika Abantu owayefike yena Emtholampilo, besalele emakhaya. Wagcina eluthola ke usizo, bamnikeza amaphilisi ka Dlakude, wavalelisa waphuma ngomnyango.
“Sanibona we MaNdebele, ninjani noh?” kubingelela omunye Wesifazane, owayezongena emnyango, ngesikhathi u MaNdebele yena ephuma. Kwakungu MaDuma, u Mama ka Nonhlanhla, lo ongu Mngani ka Zibuyile. Babengajwayelene kangako, kwakungukwazana nje, nje njengo Mama basendaweni.
Wama u MaNdebele. Yize ukuma kwakhe kwakumumoshela isikhathi, kanti yena kwakufanele ephuthume ekhaya, u Dlakude wayesele yedwa.
“Yebo MaDuma, siyaphila thina, singezwa kini!” kusho u Mandebele, ngezwi elipholile, emamatheka futhi.
Cha, waphila ke no MaDuma. Bathi ukuxoxa isikhashana, bexoxa ngelanga elishisayo nangezimvula, nangezinye nje izinto ezingayindawo.
“Hawu, MaNdebele, anisasho ukuthi u Sphindile senamganisa laphaya Kwa Mkhize, ngizwe u Nhlah ethi u Sphindile usewagana, bahlala bobabili no Mnakwabo, lengane yakwa Buthelezi, Kwa MaDla…..!” kusho u MaDuma njalo, kwazise wayevele ezikhulumela.
Wahlahla amehlo u MaNdebele, uma ezwa indaba ka Sphindile.
“Ini MaDuma?” ngokwethuka u MaNdebele. “U Sphindile ukwa……..?” wanikina ikhanda, wayesecishe waphahluka. “Hhayi Ntombi, angiphuthume ekhaya u Baba usele yedwa, kudala ngihambile!” washo engena indlela u Mandebele. Wasala emile kanjalo u MaDuma, emangele, wanikina ikhanda, wangena ngaphakathi Emtholampilo.
Endleleni ebheke ekhaya, u MaNdebele wayehambisa okohlanya, uma ungazi wawungazitshela ukuthi kukhona okumjahayo, okanye abamjahayo, ngendlela owayeshesha ngayo. Wayengasaqalazi nasemaceleni, amehlo akhe ayesebheke phambili. Kuningi nokudideka ayenakho emqondweni, kakhulukazi ngalokhu ayekuzwe ngo MaDuma, okokuthi u Sphindile uhlala Kwa Mkhize. Pho uma ekwa Mkhize, abakhona babemfihleleni, kungani bengafikanga okanye befikise umlayezo ngalokho? Imibuzo ayezibuza yona u MaNdebele, kodwa owayengeke ebe nezimpendulo zayo, njengoba naye wayengazi lutho nje. Wayenakho ukungabaza ngalento, kokunye ezitshela ukuthi, lo vovo liyakhipha ongu MaDuma uzikhandele nje indaba engekho. Wayengeke u Sphindile ebalekele Kwa Mkhize, futhi nabo abakwa Mkhize babengeke bememukele, emva kwalento eyenzeka bezokhonga. Wayeseziduduza ngalokho u MaNdebele.
“Kufanele ngingayiphathi lento ku Dlakude, okungcono ngizozama ukuthola isikhathi, ngikhuphuke ngibheke khona Kwa Mkhize, ngiyozibonela lento eshiwoyo, mhlawumbe izoba khona incazelo ezwakalayo!” kusho u MaNdebele, ekhuluma yedwa endleleni. Ngempela lokhu kwakuzomgulisa kakhulu u Dlakude. Kwakwenele okokuthi u Sphindile ukhulelwe, ukhuleliswe u Mbangiseni, okokuthi uhlala khona Kwa Mkhize, kwakuzomqedela.
Wafika ekhaya u MaNdebele, wayaluza, ehlanganisa okwakuzodliwa emini. Yize wayesexhibeni ngomzimba, kodwa ngomqondo wayekude kakhulu. Lokho kwafakazelwa ukuthi, ukudla ayekuphekile kwasha, kakhulukazi uphuthu. Isishebo sona savele saba duma nje, kwaba sengathi siphekwe umuntu obeqala ukupheka. U Dlakude wakhalaza njalo, kodwa waqhubeka wadla, kwazise kwakufanele ephuze amaphilisi. U MaNdebele yena akadlanga, wagcina ephakile nje, kodwa kwangavuma ukuthi edle. Wayematasa emqondweni, ecabanga isu lokuphuma eye Kwa Mkhize, wena wabona intombi ifuna ukuphuma iye esokeni, kodwa ingazi ukuthi izobika ithini ku Mama wayo.
“Baba, angazi noma uzokwazi yini ukusala wedwa futhi, kufanele ngiye esitolo, izinto ziyashoda kakhulu manje lapha ekhishini, bengizohamba ngisheshe?” sekusho u MaNdebele, ngesikhathi esezoqoqa izitsha.
Wathula u Dlakude, isikhashana, kungathi usacabanga ukuthi ephendule ethini.
“Uyazi MaNdebele, ukube ngingumuntu ohlala ecabanga izinto ezimbi njalo ngawe, bengizothi uqomile ngesikhathi uya e Kiliniki namhlanje, selokhu ubuyile nje awuhlalisekile” kusho u Dlakude, ebheke phansi. “Buka nje ngisho ukudla okuphekile, kuyinganekwane, ngiyaqala mina ukukubona upheke into enjena, angiyazi nje lento, utatazelisa okwentombi kade inikela ngothando lwayo ensizweni!” enikina ikhanda. “Kwenzakaleni MaNdebele, khona okudidisile wazikhohlwa ukuthi uganile futhi umdala, wazibona usuyintombi?” kuqhuba u Dlakude, esemgqolozele.
Wahlahla amehlo u MaNdebele, kodwa washalaza.
“Hawu, ukuqoma pho Baba?” ebuza ngokumangala. “Hhayi kahle Baba, ngingabe ngisaqomela ukwenzani nje senginjena, kahle Baba, mina ngikhathazeke ngendaba ka Sphindile nje kuphela, hhayi lokhu okucabangayo!” u MaNdebele njalo.
Wathula futhi u Dlakude, wabheka phansi. Wayesenikina ikhanda.
“Ukuqoma MaNdebele akuyi ngaminyaka, angithi uke uzwe izalukazi ezingakuzala kuthiwa ziyajola, wena useko Foti, awukafiki nako Fifti, manje ungabanjwa yini ke?” embuka, ehleka. “Kulungile, hamba uye kulelo soka lakho olijahile, uvale emnyango, ukhiye nesango, ngizocambalala ngizilalelele umsakazo, angeke ngife isizungu!” washo nangempela ezigingqa embhedeni, u Dlakude.
Wasukuma u MaNdebele, wambuka, wanikina ikhanda. Wamamatheka.
“Wena Baba ngabe uyasho nje ukuthi ufuna ukuba no Mnakwenu, kulungile ke ngizozitholela okungu Mfanyana endleleni!” eqonda emnyango. Ngizobuya khona manje!” waphuma u MaNdebele, wavala isicabha.
Wayengazi ukuthi lapho eya khona, kuzokwenzakalani, kodwa wayekhulekela ukuthi emthole ngempela u Sphindile, kungabi ukuthi uhambela amahhala.

Iyaqhubeka............

Please Like, Comment and Share.....

08/12/2023

Happy Friday Family!
Nibe nosuku oluhle, niqale kahle Impelasonto.

❤️

Izindaba Media - YouTube Channelyoutube.com/
07/12/2023

Izindaba Media - YouTube Channel

youtube.com/

Your daily dose of NEWS, Sports and Entertainment

Le Drama edlala ku eTV ngo 6.30PM, ethi NIKIWE sekumenyezelwe ukuthi ngeke isaqhubekela ku Season 2, u Season 1 wakhona ...
07/12/2023

Le Drama edlala ku eTV ngo 6.30PM, ethi NIKIWE sekumenyezelwe ukuthi ngeke isaqhubekela ku Season 2, u Season 1 wakhona uzophela ngasekuqaleni konyaka ozayo.
Kuthiwa akuhambanga kahle ngokwama Ratings, iyaqanda qah!

Useqokwe njengozoba Inkosi Yesizwe Sakwa Buthelezi, u Mntwana u Maphikelela Zuzifa Buthelezi, oyi Ndodana Yomntwana Wakw...
07/12/2023

Useqokwe njengozoba Inkosi Yesizwe Sakwa Buthelezi, u Mntwana u Maphikelela Zuzifa Buthelezi, oyi Ndodana Yomntwana Wakwa Phindangene, i Mntwana u Mangosuthu Buthelezi, okhothame kuwo lonyaka.
Akubanga khona kuqophisana, mbango nakudonsisana ngokuqokwa kwakhe.
Simfisela impilo ende i Mntwana.
Shenge!

It's Giveaway Time!Ngaphansi kwale post, faka i Comment u Tag abangani bakho, ubacele ukuthi belandele i Page. Thina siz...
07/12/2023

It's Giveaway Time!

Ngaphansi kwale post, faka i Comment u Tag abangani bakho, ubacele ukuthi belandele i Page.

Thina sizobheka ukuthi kubantu obamemile, bangaki abangenile balilandela.

Uma abakho bebaningi kunabanye, le R30 Airtime kuzoba ngeyakho. (All networks)

Umcintiswano uqala khona namhlanje 7 December 2023 uze uvale Ngomgqibelo 9 December 2023 ngo 12PM (emini)

Usungaqala wenze njalo.


Iqembu lebhola i Kaizer Chiefs selikhiphe isitatimende ku Web Site yalo esiqinisekisa izindaba zokumiswa kuka Nozinti wa...
07/12/2023

Iqembu lebhola i Kaizer Chiefs selikhiphe isitatimende ku Web Site yalo esiqinisekisa izindaba zokumiswa kuka Nozinti walo u Itumeleng Khune. Emva kwesikhathi Abalandeli nabathandi beqembu bebambe umoya, kusukela ngemva kokusabalala kwezindaba ezithi, u Khune wafika ejimini engeyedwa.
Ngaphezulu kokumiswa kwakhe, uphinde waphucwa amanye amalungelo anawo eqenjini, okubalwa kuwo nelokuba u Kaputeni, iqembu lizophakamisa omunye u Mdlali njengo Kapteni omusha.
Uzoqhubeka nokuzibandakanye nezinye izinto zeqembu, njengokujima, kanjalo nokuhamba ululeko, ukwenzela ukuthi ehlale esesimeni sempilo kanjalo nomqondo.

Address

D395 Ekuthuleni Area
Melmoth
3835

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba Media:

Videos

Share


Other Media/News Companies in Melmoth

Show All