04/11/2024
Lamentation
Kusile svukile syahleka kumnandi syaxhawulana.
Kusile svukile injabulo igcwele emehlweni engan
ithuba lokphilel'usizi nezikhubekiso lisekhona,
syahleka kumnandi mngan'wami ngyekthemba.
Kusile svukile beng'azi ukuba lobudlelwano esinabo
bungayingozi ngeny'imini, namuhla syahleka kumnandi
phezu kohlelo lokuthwebula injabulo yami, namuhla
syaxhawulana phezu kokuthwebula amandla wami.
Sekukonke leynyembezi ezichithekayo beng'azi kuba
uzikhangeze ngokhamba maliphum'ilanga uzihlamba
ngazo.
Yeka ngesenzo sobungani ..bengingazi kuba ungibuza
kuthi ngikuhlebe ngani..Mngani. lenkumbulo kuba sasi
ngumndeni ongazelene ibuyis'ukujula phezu kwesbonakaliso
ukuthi umndeni uphind'ube zinyoka ngokwawo,
ukukhumbula kwami ngezinkulumo ebesiphilelana ngazo
kuletha makhaza empilweni yami engan usungbulele
sengilele kwelibandayo.
Kusile ngvukile kwelokuqala mina ngingelahle themba
phezu kwempilo yami, ngingekhathalele ukungcola
kwephimbo lakho elibhonga mihla namalanga engan
amazwi akho ngiwabeke kumdali.. losizi ongifaka kulo
ngeny'imini iyophenduka inkazimulo ezweni, lesililo
engisikhihla phezu kwegama lakho siyophenduka isphuzo
sami sempumelelo.
Kusile svukile syahleka kumnandi bengingaz ungibuz'ukuba ngikuhlebe ngani..Mngani!.