16/10/2022
Akazange aphinde avuke.
Bengicabanga ukuthi uyophinda aphenduke.
Kade ngimhemeza akasabeli,
Wehlula sengikhala akahlabeki,
Mhlampe ukobud' ubuthongo akaphazamseki.
Walal' ukuthula,
Wangishiya Nokuthula.
Sithandwa sami ngizokumbula,
Nkulunkulu ngisiz' alingeni izulu.
Umgqokis' ingubo ezimhlophe njenge ngilosi,
Phela ubeyintandokazi yengilosi.
Uma ukuthi unezono ngiyozifela,
Ngoba mina ngaye bengizifela.
Mfazii wami shukuma,
Nokuthula wami sukuma.
Nkosikazi sulala vuka,
Ukufa kwakho kuyasiquka.
Uthi mina ngisale nabanii,
Iqiniso ngami uyalazii ukuthi angisenabanii.
Sthandwa sam than' uyadlala,
Lokhu ukwenzayo kuyangidlala.
Kuyimanj' imicabango yami iyagadl' emqondweni wami,
Konke lokhu kuyawuthunuk' umoya wami.
Ekhaya ngizobaxoxela kanjanii loludaba??
Ekhaya kini ngizobabikela kanjanii lendaba??
Khona uMha wakho ngizombuka kanjanii??
Impendulo zemibuzo yakhe mina ngizozithatha kuphi?
Khona mina ngizophila kanjanii ngidliwa ngumzwangedwa?
Usungishiye dengwane,
Wangishiya nezingane.
Nkosikazi vuka buka unkulunkulu usiphil' amawele,
Izifiso zethuu ziphumelele.
Ngu Banele noSanele,
Vuka sthandwa sam uzibonele.
Bahle bahlee bakufuz' impela,
Vuka uzibonele ukuzu ujabule phela.
Yithii uyadlala sthandwa sam uzovuka,
Nokuthula vuka siyagoduka.
Ekhaya basilindile bafun' ukusibuka,
Umuzi kabab' uvukile buka.
Nokuthula wami!!!!!!!!
Ngicel' ungayenzi lento vuka,
Khumbula izifiso namaphupho wethu.
Khumbula izithembiso zethu.
Sathembis' ukuthi siyokwakh' ikhaya,
Siwe suvuka nemizamo yethu simel' ikhaya.
Ngibeyinhloko yekhaya,
Wen' ubeyinhliziyo yekhaya.
Manje uma inhliziyo isiphukile,
Nekhanda liyaduma lihlephukile.
Doookootelaa ngisiz' umvuse bayamding' ekhaya,
Doookootelaa ngisiz' umvuse ingane ziyamdinga phela,
Angisakhulumi ngami ngiyamdinga.
Doookootelaa ngisiz' uvus' ithemba lami,
Ngisiz' uvus' ubambo lwami.
Doookootelaa doookoooo