30/01/2025
Ifa Lami 33
Ibhalwe ngu:MH Vilakazi
Usemajujukwini obuthongo ulele obengane impela uSkhindi ungamehlisa embhedeni umbeke phansi angezwa lutho ubhizi uhudula izikhumba."Ufunani la?"kusho izwi lapha ebumnyameni lisho sakuziphinda sadoshiba nyana linjalo.Kube engathi uyaphupha unkabi "Ngifunani kuphi wena Ufunani la?"ephendula esebuthongweni.Liphinde futhi izwi into efanayo naye aphinde agoloze kuthi nya amanenjana "Pha Pha "kusho impama lapha ebumnyameni wavuka eqhasha kuhle kukanogwaja ubona izinja uSkhindi.."Hhayii yeyii yeyeii Hayi khona yeei yini leyo?"eklewulisa okomdlwane unkabi.Iphinde ize "Pha" igcwale ubuso manje kuveke kube mnyama amehlo wathi galo yephuka isicabha wasishaya ngamehlo enqondi kwase kuduma ikhanda.Weboleka empunzini nje usele ngendathawozi wanaphaza ngejubane lase likude kakhulu isango wajomba ucingo wagcwala igceke lakwaGrace.
Wahlaba ngemicondo phansi Waze wayongena nesicabha salapha ekhishini kwaGrace."Lekelelani booh Ngafa hhee"eklabalasa eqonde ekamereni uSkhindi afike angene nesicabha nakhona maqede asivale ngci aze asiyame ngomhlane.Ngalesi skhathi usesakaze amehlo wawahlahla impela ungathi azoqathaka.
Avuke gubhu akhuze imihlola uGrace"Hhayi bo!Hhayi bo!Mameshane Nansi imihlola Makhelwane ungihlolelani ngempela yini Jesu!!"esho ebamba ongezansi.Ababaze aze aqede lutho ukuphendula inkabi kunalokho isuke idinde isililo."Hawu kodwa Makhelwane ngangishilo ukuthi wenza elikhulu iphutha awubheke manje.Seziyakunetha..Angithi awutshelwa wena"abhinqe ithawula lakhe uGrace usevele wayifunda ivaliwe uzwile ngenkathi ibhonga okokuqala lendoda kade elulindile lolusuku kuze kuthi akahleke azibambe."Kwenzenjani Makhelwane wagulukudela usubhonsa nj lapha kwami Kwenzenjani?"
"Hhayi Hhayi Uye impela uyena"esho izinyembezi zigcwele amehlo.
Iyaqhubeka