
17/11/2022
By K. Nsele
Ngihlehla nyovana ngibuyel' emumva lapho sisuka khona mina nawe nothand lwethu.
Ngihamba ngiqalaz' iphutha lam' ukuthi ngabe laba kuphi kuloluthand lwethu.
Ngisho ngoba ngikuthandile ubonile, wena uhlulekil' ukungithanda uthi ngidlal' iskhwele ngawe.
Yin enye ibingabuye idlal ngami ngaphandle kweskhele, ngoba uyazi ngiyakuthand' angifun ngawe iwena owaziyo ukuth sisuka kuphi mina nawe nempilo.
Sisuka lapho bekunganathemba lempilo, kodwa ngami nawe nothandolwethu sibenaso isbindi sokubhekana nempilo.
Mina ngikuthande noma sengibona ukuthi ngithand' idwala laphakuwe, ngaqhubeka ngakuthanda ngabekezel.
Ngitshel' ukuthi konke lokhu engikushoyo ngiyaphupha nginamanga, ngifuna ukuphindel emumva ngiyozivus' emaphusheni ami ngiqhubeke ngikuthande nasemaphuthen' akho. Ngifuna ukuhamba ngikushiy kodwa umzimba wami ufun' izandla zakho ingath ungangibamba.
Ngicel' ungibamb' ungitshele ukuth uyangthanda, kulungile noma ungangikhohlisa ngiyazi awungthandi. Inkinga inhliziyo yami ayikwazi lokho. Mawufuna ukuhamba hamba uyeke ulokh ungitshela ukuthi uyangithanda. Yini eshintshile ngami ngob' uyazi ukuthi ayikh' eshintshile ngami? Ngaphandle kwaloluthando engikuthanda ngal' olunamandla.
Ngiyafisa ngoluny' usuku waz' ukuthi kuyini ukuthanda omunye umuntu. Ngoba ukubuyazi ubuzokwazi ukuthi ngamane kufe wena kunokuzwisa umntu omthandayo ubuhlungu.
Ubuhlungu bothando bufana nokulahlekelwa isitho somzimba. Ubuhlungu obungabekezeleleki sidalo, okubuhlungu lokhu. Umehluko ukuthi ukufa uyafa ugqitshwe kupheleliswe konke kushabalal konke. But lobuhlungu engibuzwayo bungaqhubeka nami impilo yami yonke. Uqhubeka kanjani nobuhlungu obudla wen noqobo lwakho, ulungisan kuwe ngaphakath uzobuyel esimeni sakho ubewuwe.