18/09/2026
UBUHLE NOBUBI BOKUSETSHENZISWA KOBUHLAKANI OKWENZIWE (Artificial intelligence)
Intatheli: uMsawenkosi Mpofana
Usezakhele udumo owesifazane osemncane njengoba esesebenze kulomkhakha wezobuntatheli iminyaka eyishumi nambili, waze wayomela iNingizimu Afrika kwelaseMelika.
UNksz. Cassandra Zungu ongowokudabuka kwaNongoma enyakatho yesifundazwe sakwaZulu-Natal, useveze ukubaluleka kokwamukela ushintsho.
Uthi ziningi izinto esezike zafika singazijwayele sazixwaya, kodwa ngokuhamba kwesikhathi sazijwayela, nesidingo sazo sasibona, njengomabona kude, ukushintsha komakhalekhukhwini nokuningi nje bobuchwepheshe esingakubala.
Kamuva nje sekuvele ubuhlakani nokwenziwa (AI) okuyindlela yobuhlakani bobuchwepheshe bekhomputha obukwazi ukwenza imisebenzi edinga ubuhlakani bomuntu, njengokufunda, ukucabanga, ukuqonda ulimi nokuxazulula izinkinge.
Nakuba kukuhle ukusebenza kwe-AI kodwa kuhamba nezinkinga eziningi, ingakho nezinkinga eziningi, ingakho ngaso sonke isikhathi kudingeka umuntu ozoqinisekisa ukulungisa imininingwano ezikhiqizayi namaphutha ayo, futhi kungenzeka iqedele abantu abaningi umsebenzi njengoba ikwazi ukwenza izinto ezahlukene ngokushesha, kuchaza UNksz Zungu.
Uqhube wathi nobuhle bayo bukhona, njengoba ikwazi ukuhumusha izilimi ezahlukene, iphinde ikhiqize imibukiso ezahlukahlukene efana nokudweba izithombe, kanye nokuhlela ama vidiyo(video-editing), futhi iphinde ikuchushise nganoma yini.
Iqiniso lithi ukusebenza kwalobuchwepheshe kusasethusa ngoba kuyafika futhi kungenzeka kusiqedela amathuba emisebenzi kodwa angeke sikubalekele ukuthi kuzogcina busetshenziswa kuyo yonke imikhakha ngisho nasezikoleni imbala.