IVIDEO YOSUKU: Ikhansela laku-ward 8 ngaphansi kukaMasipala uMuziwabantu lixake abaningi ngale video lithi abantu bale ndawo babevotela Ikhansela elinjena babethembeni.
Mfundi weSolezwe zithini izigigaba zekhansela langakini?
UPHROJUSA uBlaq Major nomculi uBless The Gentlemen, bezibongela ebantwini abavotele ingoma yabo ethi Sdakiwe Sbali, ehlukanise unyaka kwiGagasi FM. Bebekhuluma emcimbini wokubahalalisela ngempumelelo yabo ohlelwe yiGagasi, ePlatinum Belt Lounge, eMhlanga ngoLwesihlanu 📹: Simangaliso Ntshangase
Kuhlukene imibono ngenkulumo kangqongqoshe emnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa yokuqeda ngezinkontileka zezinkulungwane zabantu abaneminyaka engu-55 naphezulu abangaphansi kohlelo lwemisenzi yomphakathi.
UHlabisa ube nengxoxo nabe-SABC echaza ngalesi sinqumo
EZEMIGWAQO: Ngabe seliyanyuka na iGoli?
Sikhulu isiminyaminya kuN3 phakathi kweMooi River nase-Estcourt ngenxa yengozi yasekuseni yeloli
Kulamule uDJ Tira kutholana phezulu izinkunzi embili ethendeni losaziwayo.
Ukukhuluma phakathi Mthandeni SK Big Zulu bekubonakala kuthatha elinye igxathu kuzwakala nomculi uLwa Ndlunkulu ekhuthaza 'ukuthula ezweni'
Abaphathi beMushroom Lounge bathi zinganampunge izindaba zokuthi lendawo yodumo eMhlanga, iphazanyiswe wumlilo oqubuke khona. Bathi phansi amaphaphu, namanje le ndawo iyasebenza njengokujwayelekile 📷 SITHUNYELWE
Badinwe bayavevezela abagibeli bebhasi abasola umshayeli ngokufuna ukuwela ngenkani ebhulohweni lomfula uMvunyane, ngaseFilidi, sekugcwele amanzi
Bangu-50 abantu besifazane abamukeliswe izingane zonyaka omusha esifundazweni Eastern Cape, omncane kunabo bonke uneminyaka engu-12. Umphathiswa wezeMpilo kulesi sifundazwe uNtandokazi Capa uthi, balolulandela lolu daba baqinise entshumayelweni yocansi oluphephile nokuvikeleka kwezingane ukuze kugwemeke isimo esifana ngalesi. 🎥 SABC News
UMNIKAZI womcimbi wokuhlukanisa unyaka ngomculo wokholo, iMayine Crossover Gospel Experience, uMnuz Sibongiseni "Mageza" Mbambo, ethandaza kulo mcimbi ose-ICC, eThekwini, ukungena onyakeni omusha u-2025. 📹: Simangaliso Ntshangase
INHLOKOMO kuhlukaniswa unyaka kwiMayine Crossover Gospel Experience, e-ICC, eThekwini. 📹: Simangaliso Ntshangase
UMSAKAZI woKhozi FM uPhindiP, ebusisa abantu ngendumiso, emcimbini wokuhlukanisa unyaka ngomculo wokholo, iMayine Crossover Gospel Experience, e-ICC, eThekwini. 📹: Simangaliso Ntshangase
KUSHUKUME inkundla, ingqalabutho yomculo wokholo uRebecca Malope, idilika e-stage, yacula nezethameli phansi, yaze yayophuma ngomnyango, emcimbini wokuhlukanisa unyaka ngomculo wokholo, iMayine Crossover Gospel Experience, e-ICC, eThekwini. 📹: Simangaliso Ntshangase