Impilo ayikho Lula

Impilo ayikho Lula Community
(1)

12/10/2023

-πŸ₯Ίβ€οΈWena obona Le post sengathi okufisayo kungafezekaπŸ™πŸ€.ulale Kahle

11/10/2023

Noyedwa nje othi zwide ngyaku booker πŸ˜πŸ“Έ

Unsizwa zimkhotha amanxeba kwababazi isalukwazi sasemdletsheni esizalwa umamthethwa sathi lalihle ibhungu lika mali 😁❀
06/10/2023

Unsizwa zimkhotha amanxeba kwababazi isalukwazi sasemdletsheni esizalwa umamthethwa sathi lalihle ibhungu lika mali 😁❀

15/06/2023

Nixolele ngoba nibona kwesinye iskhath ngathi angibhali ngu cameraman gys so suke buye khathele if kade ngyoshutha πŸ“ΈπŸ™Œso anychance engitholayo ngzokwenz sure ukth ngiyanibhalela πŸ™πŸ½β€

15/06/2023

Isiqephu sesine
Isihloko : kant kufa soneni na?

UJabulani wathatha imithwalo yakhe wabheke emakhaya ngesimo sokuthi ingane zisele zodwa

Ujabulani wayehamba ebuka iskhathi neyindawo ejahe ukuthi asheshe afike ekhaya

UNontobeko wathula wayicabanga lento yokuthi uma kungaze kufike ubabomcane wabo bengakhile noma bengenawo amandla kodwa ubabomcane wabo uzobahlukumeza ekubeni ingekho futhi into abazoyenza kwacono ukuthi abonisane no dadewakhe uNondumiso

Nontobeko : dade somisa kanjani ngoba ubabomcane ngizwa egazini ukuthi uyeza

Nondumiso : dadewethu akukho esizokwenza noma ngabe usihlukumeza kanjani ayikho into esizoyenza ngoba kusekhaya lakhe thina asina khaya futhi umama wasishiya singenakhaya ayikho into esizoyenza

Nontobeko : yoooo dade kwanzima awuthi ngiyopheka mnhlampe ngizohlakazeka nekhanda lami kacane (ebemshiya ehamba)

UNontobeko wathi uyoqala amabhodwe wezwa ngemonto isisemnyango waxakeka ukuthi ubani ozongena ngemonto ebizayo layikhaya ngoba asilindile muntu wahlala wavele wama emnyango wabambelela eqolo wathula wabuka wathula wabuka uma ebuka ubona ubabomcane wakhe ujabulani wehle emontweni

Wahawuzwa ibhadi eya kuye emjabulela kodwa inhliziyo ithi la sobuthwala ubunzima wazenzisa uNontobeko engathi uyamjabulela ujabulani waphuka no Nondumiso wajabula baphatha oshekhasi owayebaphethe bangena endlini behageni bonke injabulo

Nontobeko : kodwa baba kade sakugcina sekuze kwahamba umama ungaze ubuye

Nondumiso : ngempela njalo

Jabulani : ngane zami ikinga umsebenzi ebengikuwo awudedelani kalula bekunzima sengaze ngayeka ngawushiya nikahle kodwa nina buka nje senikhule kanjani ngane zami

Nontobeko : siyazama noma kunzima kodwa ayi asiswele lutho

Nondumiso : khona kunjalo siyazama baba

Jabulani : kuncono ngane zami hambani nophekeka nansi inyama (ebehleka kacane ebuka uNondumiso nonontobeko)

Lindela isiqephu sesihlanu❀
Ngicela nishare ni comment πŸ™πŸ½

08/06/2023

Isqephu sesithathu
Isihloko : Kant kufa soneni na?

Wafika elila uNontobeko ekhakubo ethwele izandla ekhanda engazi nokuthi bazosala nobani banqala lapho ukubona impilo engathi ithanda ukuba nzima ngenhlahlake umawabo washiya ewenzile umshwayilense wakhe bakwazi ukumfihla ngesihle basaphothwa nangomakhelwane ujabulani ubabomcane akaze afike noma bemshayela ucingo akaze alubambe wavele wathula nje kanjalo

Izingane zazinikwa ukudla zasala zabamba ikhaya noma kunzima kodwa uNondumiso wamtshela nkoke uNontobeko okwakushiwo umawakhe banqala lapho banganaka okuningi ngoba bakwazi ukubamba itoha bobabili benzela ukuthi bekwazi ukuziphilisa

Basebephila ngokwesaba ngoba bangamantombazane behlala bodwa becabanga ukuthi sekungangeni umuntu eba dlengule kodwa bahlala ethembeni lokuthi lokhu bafika endawenj abakaze bezwa ngezigebengu

Nondumiso : sisi wami uma engafika ubabomcane ujabulani sobayini thina ( ekhala )

Nontobeko : khuleka sisi wami hlala ethembeni socupha lana noma kuzoba nzima kodwa sobesenzela ukuthi sibe sakha la esokwakha khona( emhaga)

Nondumiso : kulungile dade ake washe izitsha sbone ukuthi senzanjani kusasa (ebesukuma )

Nontobeko : lungile nami sayokusiza mtasekhaya ungaze ubulawe izitsha usisi wakho omdala ekhona ( ehleka emlandela)

Ujabulani wezwa ngonhlaka zimuka nomoya ukuthi ujabu intombi yakhe ayisekho emhlabeni wavele wakha isu lokuthi ayeke umsebenzi eye emakhaya eyobona nase mzini wakhe ukuthi kuhamba kanjani ukuze afeze izifiso zakhe

Lindela isiqephu sesine
Ngicela comment ulike ushare β€πŸ™πŸ½

07/06/2023

Isqephu sesibili
Isihloko : Kanti kufa soneni na?

Unontobeko wahloma ucingo ku sisi wakhe unondumiso

Nontobeko : Nondu umama usenjani (ngomoya ophansi)

Nondumiso : akufani khona kodwa kuyamqinisa umama elala angazi kudalwa yini

Nontobeko : mmm lungile sisi wami nama amatoho azongiphelela manje la ngibuye ekhaya angazike ukuthi sesobuye simise ngani

Nondumiso : lungile sisi wami kodwa kune...(wangabe esaqhubeka)

Nontobeko : yini sisi khuluma

Nondumiso : umama ungitshele ukuthi akuyena ubaba wethu nqo loyana ubabomcane owethu washona

Nontobeko : ngazile sisi wami yikho engasinaki kodwa lungile (evala ucingo)

Ujabu wathi elala wezwa into engathi iyamgwaza engazi ukuthi uzomvusa kanjani unondumiso ngoba wayelokhu epanquza waze wamvusa uNondumiso

Jabu : Nondu (ngezwi eliphezulu )
Nondumiso : mama kwenzenjani (eya kuyena)

Jabu : niziphathe kahle batabami noma ngazi ukuthi nginishiye ebunzimeni kodwa nibambane nodadewenu ( ebe gqiha)

Nondumiso : mama washo njena kwenzakalani manje (ehlengelezela inyembezi )

Jabu : mtanami nisebenzi nakhe umuzi ngoba ukubuya kwababa wenu omcane nohlukumezeka (zibe zehla inyembezi )

Nondumiso : mama (emmemeza ) mama ;mama

Wamshiya kanjalo nalawo magama wakhala kwaze kwasa uNondumiso ngomawakhe ngoba wahloma ucingo ku sisi Nontobeko wamtshela ukuthi usesishiyile umama emhlabeni wavele wangachitha skhathi uNontobeko wagibela ekuseni wabuya ekhaya kubuhlungu ngomawakhe

Lindela isqephu sesithathu siyeza kungedala β€πŸ™πŸ½

05/06/2023

isqephu sokuqala
Isihloko : Kanti kufa soneni na?

Unontobeko no Nondumiso bahlala no mawabo uJabu kanti umama unokugula okungapheli

Umuzi abahlala kuwo oka babawabo othandana nomawabo ohlala egoli ubaba wabo ujabulani wahamba kumuntu obeya emsebenzini egoli wangabuya ekhaya noma bemfonela engalubambi ucingo lwasekhaya

Bahlala ngokuhlupheka ukudla bengenakho ingane zaze zayeka eskoleni ngesimo sokuthi akuhlangani lutho uNontobeko wakhetha ukuyofuna umsebenzi ngoba uyena owayethe ukukhula uNondumiso wasala wabheka umawakhe kanti uNontobeko wayede eyifaka imali kodwa wayelokhu ebuza umawakhe uJabu ukuthi umsebenzi okanjani akawusebenzayo uNontobeko engafuni ukusho uNontobeko ngoba wabona ukuthi umawakhe uzolokhu ecabanga izinto eziningi eshawe inhliziyo ashone kanti nase mzimbeni akaphathekile

Isqephu sesibili
Siyeza asiqhubeke noku like si comment β€πŸ™πŸ½

05/06/2023

Ngafikelwa izinyembezi mhla ngizwa ukth usesishiyile emhlabeni kant kufa soneni na

KANTI KUFA SONENI NA?

asilindile noma inini izophuma❀❀

19/05/2023

Sanibonani β™₯️♠️

17/12/2022

Ngicela ningixolele ukungabhali namuhla ngizobhala ntambama or kss ekseni
I'm cameraman so ngi bookiw bafwe2 🀝❀

16/12/2022

Isihloko: Islilo 05
Izethameli
Iskhathi: 05:51

UNosipho wamangala ukuthi U Banele wazikanjani ngendaba yakhe no Thandolwethu.
Bahamba baze bafika la okuhlala khona uSakhile no Thandolwethu uma befika kuthiwa bathuthile uSakhile uthole itoho kwandonga ziyaduma
Wavele wabona U Banele ukuthi ngeke phinde ambone udadewabo akavele khohlwe ngaye bavele bajika beno Nosipho.

Wahamba ekhala indlela yonke UBanele ecabanga ukuthi uzothini kubabawakhe uzophatheka kanjani ngalento
Wayehamba emthulisa indlela yonke Nosipho bakha icebo lokuthi bengamtsheli ubabawakhe ngoba angeke aphatheke kahle ngoba namanje akekho kahle emoyeni

UBanele wacela uNosipho ukuthi amphelezele eye ekhakubo kubabawakhe ngoba uyedwa uNosipho wahamba wayocela kumawakhe ukuthi eyosiza UBanele ngoba uyedwa ekhakubo
Wavuma egijima umaka Nosipho wathi.khuleka mtanami kumele umsize UBanele usisi wakho lowo.
Wanganaka lutho uNosipho wabonga kumawakhe badlula baya kubo ka Banele

Uma befika egcekeni UBanele abe nokwesaba ukuthi ubabawakhe uzomthethisa ukuthi kade kuphi sonke leskhathi ngoba akavamisile ukuhamba kangaka
Banele wacela uNosipho ukuthi abanyonyobe beze beyongena ekwamelweni lakhe

Banyonyoba baze bayongena uma bengena ekamelweni bafika balungisa bendlula kahle bathi ukuhlala badlala baze bajumeka balala.

Uma bevuka waxakeka UBanele ukuthi kungani engafiki ezobavusa ubabawakhe wacabanga ukuthi noma udiniwe kwenzenjani waphuma u Banele ekamelwenj lakhe waya la akajwayele ukuhlala khona ubabawakhe wangamfica waya ekamelweni lakhe wafika wanqonqoza kabili kathathu wayeka wabona ukuthi mnhlampe ulele uyamphazamisa wajika u Banele waya kwelakhe ikamelo wayohla no Nosipho

Wacela uNosipho u Banele ukuthi amphelezele beyokha amanzi bathe bezofika empompini kwafika izwi ku Banele.
Phuthuma manje uye ekhaya
Phuthuma manje uye ekhaya
Phuthuma manje uye ekhaya
Lalilokhu liphindile ngoba UBanele wayelokhu eliziba walahla ibhakede phansi.

Scene 6 coming soon β€πŸ™πŸ½

15/12/2022

Yazi uma nginitshela iqiniso istory lezi engzosibhala INYEMBEZI ZOTHANDO istory esizoshuthwa maduze kodwa esibhaliwe njengamanje esiqediwe THE BLIND MAN isona esizoshuthwa manje uma ngibhala ngane zakwethu angibhaleli ubala suke ngibhala into ezoshuthwa β€πŸ“Έ so ngicela ningiphe uthando nitshele nabanye bezoba kanye nathi πŸ™πŸ½β€

15/12/2022

Ngicela si share indaba sicomments sibize nabangani bethu kuleli page sili share nalo lande β€πŸ™πŸ½

15/12/2022

Isihloko : Islilo 4
Izethameli
Iskhathi : 06:38

UNgubane wayehlezi ecabanga umkakhe zide zizehlela inyembezi eyisula kacane esenokucabang nengane yakhe ukuthi ngaba ikephi ingasabuyi ngisho nasekhaya

Nosipho watshela uThandolwethu ukuthi akabuye ekhaya umawakhe ekasekho emhlabeni uThandolwethu waqoqa impahla zakhe zonke wahamba egijima indlela yonke ecabanga umawakhe ekhala

Ubanele wabona ukuthi engath ubabawakhe akasekho kahle emoyeni uma elokhu ecabanga kanje akasadli nokudla

UThandolwethu wayegijima indlela yonke abuye acabange ubabawakhe ukuthi engase emshaye futhi ambuze ukuthi usukaphi wavele wajika wabuyela emumva la akahlala khona

UBanele uhleli nobabawakhe ede embuza ukuthi ubaba nkoke kuhamba kahle kodwa wayengasezwa ngisho umuntu ekhuluma eduze kwakhe uNgubane waphinda futhi ubanele wambuza

Banele : baba ngabe ukahle na
Ngubane: yebo mtanami hheeee (ehleka kacane sambuqo) ngikahle
Banele : kumele siyobona udokotela baba .
Ngubane : cha mtanami ungazikhathazi ngami zixake ngo dadewenu manje .
Banele : kunzima baba angimazi ukuthi ngabe ukuphi (ebekhala)
Ngubane : uzomthola mtanami niwunakekele lomuzi.
Banele : washo njalo manje baba.(ebekhala).
Ngubane : bengisho nje mtanami (ebesukuma eyekamelweni lakhe)

Banele waxhuma ifoni wacela Nosipho ukuthi akatshele uThandolwethu ukuthi akabuye ekhaya isimo asissihle kahle wavele wahawuza Nosipho wathi namanje akakabuyi ngimtshelile wavele wazisola uNosipho ngento akayenze ku Thandolwethu wajika wamshiya kanjalo

Kusebusuku uNgubane ubhala incwadi wayibeka phezu kombhede wathatha intambo wazihenga

UBanele wabona ukuthi ubabawakhe usalele akavele ahambe eyofuna uThandolwethu wabe ecela uNosipho amphelezele bevele beyomlanda nje kuphela

Bathi behamba endleleni wavele wahlambuluka uNosipho washo ukuthi uyena ofake uThandolwethu kulolubishi wahleka kacane u Banele wathi ayi akunanking bevele azi kuphela nje akusizi ukulokhu sbambelana amagqubu.

5 uyeza β€πŸ™

14/12/2022

Uhloko zami enginazo njengamanje ngaphandle kwe slilo uthanda sibhale ngasiphi wena

1.Inyembezi zothando
2.Ubuhle buka zodwa
3.Ukufa kuyisitha
4.Islilo kumaskand
5.Ithuna lokugangwa
6.Stepmother
7.The blind man
8.wathi angikhiphe isisu

14/12/2022

Isihloko : Islilo 3
Izethameli
Iskhathi : 08:40

Ngeskhathi uNgubane eshaya uThandolwethu kwabangathi uyezwa kodwa wayelokhu ephindelela uThandolwethu eqhubeka ehamba nabangani bakhe ebuya ebusuku uNgubane wayengapheli moya ekumshayeni waze wathi kuzogcina yena uma engafuni ukuzwa lutho akathathe impahla zakhe ahambe ngoba lomuzi usewenza owakhe .

uMashandu wayelokhu emhlalisa phansi uThandolwethu ekhuluma naye emyala kodwa kubengathi inhlanga zimuka nomoya engafuni lutho engafuni nokuzwa uThandolwethu

Wakhetha ukuhamba uThandolwethu eyohlala nendoda yakhe igama layo kungu Sakhile esana 4 weeks ehlala khona

uMashandu kulo 4 weeks waphathwa iphika engakwazi ngisho ukudla wayehlezi ecela uBanele ukuthi akambizele uThandolwethu ufuna ukukhuluma naye ikinga ka Thandolwethu wayengafuni ukuthi bazi abakubo ukuthi uhlala kuphi nobani

Wazama u Banele ukufuna uThandolwethu ehambe eyocela uno Sipho amkhulumele no Thandolwethu ebuye ekhaya umama uyamdinga futhi uyagula

Uno Sipho waqaba ekuthenini kusho uThandolwethu ukuthi ako nqaba ngisho bethini futhi akasafuni ukubuya ekhaya

UBanele wahlala phansi wabona ukuthi vele uThandolwethu akasafuni ukubuya ekhaya kanti nomama engase ehambe noma inini emhlabeni

UBanele ukhuluma nobaba mayelana nomawakhe ngoba engathi uyabona ukth sekuyabheda

Banele : baba ngicela sithandezele umama (ebekhala)

Ngubane : lungile mtanamj (begunqe bethandaze)

UBanele wabona ukuthi sebemyavalelisa umawabo ngoba wayazi ukuthi useyahamba emhlabeni ngoba kuwumunt oboniswayo

UThandolwethu isimo asisihle kahle ushawa uSakhile uma ebuya ukuyophuza useze wacipha naze mzimbeni

4 month's ago

UBanele no Ngubane baqede ukucwaba uMashandu

Banele : baba usishiye ngempela umama (ebekhala)

Ngubane : qina mtanami ngiyacela (ebekhala) umawakho ngiyamthanda Banele ngizosala nobani mina

Banele : 😭😭

Bahagana bethulisana nalo uyakhala nomunye uyakhala egcekeni kwakuphendula islilo ngisho sekudala bamfihla uMashandu

4 uyeza β€πŸ™πŸ½

14/12/2022

Morning gud people πŸ’πŸ»β€β™€οΈβ€β˜•

13/12/2022

Isihloko : Islilo 2
Abathameli
Iskhathi 18:52

Unosipho no Thandolwethu babheke emadodeni abo njengoba be dudene

Sekusebusuku manje uThandolwethu akakabuyi umawakhe umashandu selokhu ebuzile njer kuBanele beno ubabawabo uNgubane usediniwe usetshela uBanele ukuthi akafonele kumnganiwakhe unoSipho ukuthi ukhonani

Banele πŸ“² efona

Maka no sipho : yebo banele ngane yami

Banele : yebo mama cela ukubuza ukuthi ukhonani uThandolwethu lapho

Maka nosipho : cha mtanam kanti no Banele naye akekho layikhaya

Banele : yebo ma Ngiyabong (ecima ifoni ubanele akhulume no baba wakhe)

Banele : baba kuthiwa akekho uthando kwa nosipho kanti naye unosipho akekho kubo shuthi bandawonye la abakhona

Ngubane : mashandu ngiyenzenjanike lengane yakho mina

Mashandu : cha baba angazi nami kodwa induku ebalulekile kulomtwana usedlobile

Ngubane : iskhathi iskhombisa manje futhi sekuyogamanxa kushagalombili angimazi ukuthi ukuphi (banele)(embiza)

Banele : baba

Ngubane : akashongo ukuthi uyaphi usisi wakho

Banele : chabo baba

Ngubane : lungile mtanami (ebeyolala )

UThandolwethu uhleli no noNosipho bakhuluma indaba yokuya ekhaya kodwa bayasaba ngoba babona kusebusuku bavele balala kubantu babo

Ubanele ulokhu eboniswa ebusuku uThandolwethu ehleli ebumnyameni ezama ukumkhipha ehluleka wavele waphaphama wakhala wathandaza acabanga usisi wakhe ukuthi ukephi namazwe

UThandolwethu uyabuya ekuseni kube ngathi akwenzekanga lutho nje ubona ubanele uyambingelela

Thandolwethu : awu mtase (ebeyongena endlini)

Banele : ayi wena (ebe mdonsa kamhlungu ) ubuyaphi Ngempela uzobulala abazali ngalento yakho uyazi ukuthi umama uphathwa iphika unoshukela enjalo wena wenza nje thando

Thandolwethu : awuyeke utetemela ngimdala ngine pasi sisi awuyeka( ebengena endlini)

Ngubane : thando usukaphi

Thandolwethu : kuno Sipho baba

Ngubana : fonile kade ungekho khona yini kinga yakho thando (ebedonsa imvubu )

U 3 uyeza ungakhohlwa uku invite abangani bakho πŸ™πŸ½β€

13/12/2022

Manje nisizwa sinjan islilo 😊❀

13/12/2022

Isihloko : ISLILO 1
izethameli
Iskhathi 07:00
Umbhali : Zwide

uBanele uhlala nomawakhe nobaba wakhe kanye no sisi wakhe omcane uThandolwethu

Ubanele unokuboniswa kodwa engasho lutho ngalokho engabatsheli abazali bakhe bahlezi beno Thandolwethu endlini yabo bayaxoxa

Banele : dadewethu kufanele uyeke labangani bakho ababhedayo bazokufaka kwenkulu ikinga bekushiye kanjalo.

Thandolwethu ; hawu mtase ngeke bakithi skhonzene kabi nalababantu yini washo njalo.

Banele : cha mtaka ma bengikutshela nje ngoba phela bayabheda ubaba nomama nawe uyazi abayifuni into ebhedayo

Thandolwethu : ngiyakuzwa wena sisi wabo kodwa abangani bami labana

Banele : ngiyakukhuzha wena thando ngimdala njalo kumele ulalele

Thandolwethu : cha ngiyezwa kodwa abekho abanye abangani bami ngaphandle kwalabana manjeke ngeke sisi wam ( ebedinwa)

Banele : soyicela ivuthiwe ( ebesukuma eya ekhishini)

Wasala uThandolwethu wacabanga enikina ikhanda waxhapha waphuma waya kumngani wakhe

UThandolwethu uhleli nomnganwakhe bayaxoxa

Thandolwethu : mnganami yazi usisi wami useqala ukungicika manje ayi

Nosipho : yini manje ngaloyo

Thandolwethu : uthi angiyeke abangani ababhedayo nibheda kuphi mnganami yini le enake nayenza ebhedayo ngempela

Nosipho : ayi myeke loyo mnganami asambeni sobona amadodethu nawe uyazi ( ebecasuka ngalento eshiwo ubanele ngoba efuna ukuthi uThandolwethu emithe mase bayamxosha ekhakubo)

Thandolwethu : asambe mnganami vele namuhla ngifuna ukumnika u Sakhile ngoba uyangidina u Banele

Bephume behambe beyobona amadodabo ebejabula uNosipho ngoba ufuna ukubona uThandolwethu ehlupheka ayeke nokuba litsh*tshi

P2 coming ❀
Bizani abangani be like be follow page ngiyacela

13/12/2022

Cela invite nabanye abangani bakho kuleli page πŸ™πŸ½β€

12/12/2022

Nilalekahle bantu benkosi πŸ™πŸ½β€

Syaqala ukubhala ksas ekseni πŸ™πŸ½β€

12/12/2022

Ngicela ukuqala ukubhala senibuyile πŸ™πŸ½πŸ’”

11/12/2022

Isimo sempilo besingesihle kahle kodwa yonke into isiryt manje cela sibuyisele nabangani bethu ni invite nabant kwi page lethu πŸ™πŸ½β€πŸ™πŸ½πŸ”β€πŸ˜₯

11/12/2022

INYEMBEZI ZOTHANDO story coming soon β€πŸ”πŸ™πŸ½πŸ”₯ stay with

Seziyakhala manje πŸ™πŸ½πŸ”₯

11/12/2022

Sanibona bantu benkosi sebuyile umbhali wenu xolise kakhulu kulemnyaka edlule ngingekh ngineyinkinga kodwa ngo nkulunkulu ngalungisa nganqoba sekuzoba ukudla kwendlebe udu manje β€πŸ”πŸ™πŸ½πŸ˜₯

04/03/2021

Cela nibabize abant Nkosi yam 😞 😭 sengbuyileπŸ™πŸ™

Isqephu 01Ishloko UKUTHEMBEKA IQALE NGO 13:04IZETHAMELINABADLALI ABASEZINGENI ELIPHEZULU INDABA uNontando uhlala no Gogo...
04/03/2021

Isqephu 01
Ishloko UKUTHEMBEKA
IQALE NGO 13:04
IZETHAMELI
NABADLALI ABASEZINGENI ELIPHEZULU

INDABA

uNontando uhlala no Gogo wakhe no Bhuti uSfiso Kanye no Sisi wakhe Nothando bangamawele abahlukaniseki ngoba ngisho nase skoleni bahamba ndawonye bayazwana kakhulu 😌futh bazimisele ngesikole bafunda ibanga elilodwa ugrade 11(9)

uNontando uvamise uma ephuma eskoleni alinde usisi wakhe Nothando ❣️ ngoba uNothando bevamise uma ephuma eskoleni eqale ejole no Sizwe ongumunt wakhe 😘 uSizwe bengakwazi ukuhlukanisa lezingane zakwa Mthethwa ✍️ ngesimo sokuthi ziyafana uNontando lokhu elinde uNothando akaphumi eskoleni sekuze kwashaya iskhathi sokuth ngabe basekhaya ngoba mabefika ekhaya bayabhala bafunde manje uNontando akakwazi ukth ahambe ashiye uzakwabo uNothando πŸ˜₯ sehamba embheka iskole sonke ememeza

Nontando : πŸ—£οΈNothandoooooo ukuphi Kanti ngyahamba mina πŸ—£οΈ Nothandoooooo πŸ—£οΈ Nothandoooooo

Kuthe ebona iphoyisa leskole wabuza kulo ukth akaze emboneni usisi wakhe Nothando πŸ˜₯

Nontando : Yebo baba cela ukubuza awukaze umbona udadewethu sithembisene ukth uzosheshe aphume manje angimboni πŸ˜₯
Phoyisa : cha mtanami angikaze ngimbone hambe ekhaya kuyoze kuhlwe ungabusafika ekhaya πŸ™„
Nontando : Yebo sazama nokumfonela πŸ˜₯

Umbona ukuthi ukhathazekile uNontando ngo sisi wakhe akangamboni akazi nokuthi uzothini ekhaya ko bhuti wakhe no Gogo wakhe πŸ˜₯

uNontando uzama ukufonela uSizwe indoda yakhe uNothando πŸ˜₯ ngoba uba gcine bendawonye

Nontando πŸ“²
Sizwe πŸ“² Yebo
Nontando : Yebo Sizwe nontando lona kant ugcinephi uNothando πŸ˜₯ akekho
Sizwe : ayibo ngisheshe ngamdedela mina Nkosi yam 😞
Nontando : akekhok angaz nokuthi ngzothin ekhaya kugogo nje futh kakhulukazi 😭
Sizwe : ungakhali mft sizomthola 😞
Nontando : lungile kodwa angazi ngzothin ekhaya 😒
Sizwe : lungile ngzombheka nami ngzokuthinta ngeyikhathi😞

uNontando ubheke ekhakubo uhamba ekhala ngewele lakhe akangalazi ukth lishoniphe nokwenza eskoleni

2 uyeza plz like ❣️

04/03/2021

Sacela ukuqala enye indaba Lena sobuye siqhubek ngyanicela

Empilweni ninjan kodwa πŸ˜žπŸ’”

Address

3880
Durban
225361

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Impilo ayikho Lula posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Impilo ayikho Lula:

Share

Category


Other Magazines in Durban

Show All