Izindaba Zomphakathi Ukhozi FM

Izindaba Zomphakathi Ukhozi FM Ezanamuhla 5-6 AM
Ezisematheni 12-12:30 PM
Abasiki Bebunda 6-7 PM
Ezangempelasonto 6-7 AM (weekends)
(57)

ABASIKI BEBUNDA PODCASTLowo owakhululwa ngoshwele emuva komyalelo wenkantolo yomthetho sisekelo, u Janusz Waluś, usegcin...
09/12/2024

ABASIKI BEBUNDA PODCAST

Lowo owakhululwa ngoshwele emuva komyalelo wenkantolo yomthetho sisekelo, u Janusz Waluś, usegcine ebuyiselwe ezweni adabuka kulo iPoland.

Kuzokhumbuleka ukuthi u Waluś wadubula wabulala owabe engumholi we SACP u Chris Hani ngo 1993 ngenkathi elengabadi lalizilungiselelwa ukuqeda uhulumeni Wobandlululo.

Ukubheka ezinye zezinto ezenzikile ngaphambi kokubuyiselwa kwakhe ePoland, sibe nengxoxo no Mnu Singabakho Nxumalo okhulumela umnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo.

Lowo owakhululwa ngoshwele emuva komyalelo wenkantolo yomthetho sisekelo, u Janusz Waluś, usegcine ebuyiselwe ezweni adabuka kulo iPoland. Ngeledlule uhulumeni umemezele ukuthi u Waluś uzobuyiselwa kwelakubo emuva kokuphela kwesikhathi sikashwele abebekelwe sona. Kuzokhumbuleka ukuthi u Waluś wad...

09/12/2024

Ezinye zezindaba esiziphethe namuhla ohlelweni Ezanamuhla;

Siyasondela isinqumo esingumnqalajuqu esimayelana nokuxhaswa kwabafundi ngezimali, i NSFAs, njengoba befake izicelo zokuxhaswa ngalezimali.....sixoxisana nokhulumela lesikhwama mayelana nalokhu.

Uma unombuzo, umbono ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela ne Whatsapp VN ku 071 613 6667

EZANGEMPELASONTO PODCASTUNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni iKwaZulu-Natal uSiboniso Duma kanye nenhlangano yamateki...
08/12/2024

EZANGEMPELASONTO PODCAST

UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni iKwaZulu-Natal uSiboniso Duma kanye nenhlangano yamatekisi ahamba amabanga amade eThekwini, sebefinyelele esivumelwaneni sokuqeda isiteleka esiqhubeke isonto lonke saphinde sashiya abagibeli besele dengwane.

Ekhuluma no Qiniso Mbili ohlelweni Ezangampelasonto, uDuma uveze ukuthi amatekisi azoqala ukusebenza namuhlanje.

UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni iKwaZulu-Natal uSiboniso Duma kanye nenhlangano yamatekisi ahamba amabanga amade eThekwini, sebefinyelele esivumelwaneni sokuqeda isiteleka esiqhubeke isonto lonke saphinde sashiya abagibeli besele dengwane. Osomatekisi bakhala ngokushaqwa kwamatekisi abo, kan...

06/12/2024

16 Days of Activism against GBV

Namhlanje sinethulela inkulumo ngxoxo ekhethekile ohlelweni Abasiki Bebunda, ukubungaza izinsuku eziyishumi nesithupha z...
06/12/2024

Namhlanje sinethulela inkulumo ngxoxo ekhethekile ohlelweni Abasiki Bebunda, ukubungaza izinsuku eziyishumi nesithupha zokuqwashisa mayelana nesihlava sokubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane.

18:00 - 19:30

EZANAMUHLA PODCAST : Sizongenela osukwini lesikhombisa namhlanje isiteleka samatekisi ahamba ibanga elide eThekwini. Umn...
06/12/2024

EZANAMUHLA PODCAST : Sizongenela osukwini lesikhombisa namhlanje isiteleka samatekisi ahamba ibanga elide eThekwini. Umnyango wezokuthutha kanye nenhlangano emele amatekisi ahamba ibanga elide abakafiki kwisivumelwano kulandela ukushaqwa kwezimoto zabanikazi bamatekisi kanjalo nodaba lwezimvume zokusebenza ama Permits.

Sixoxisane nomnyango wezokuthutha esifundazweni i KwaZulu-Natali kanye nenhlangano emele amatekisi ahamba ibanga elide eThekwini.

Sizongenela osukwini lesikhombisa namhlanje isiteleka samatekisi ahamba ibanga elide eThekwini. Umnyango wezokuthutha kanye nenhlangano emele amatekisi ahamba ibanga elide abakafiki kwisivumelwano kulandela ukushaqwa kwezimoto zabanikazi bamatekisi kanjalo nodaba lwezimvume zokusebenza ama Permits.....

Sizongenela osukwini lesikhombisa namhlanje isiteleka samatekisi ahamba ibanga elide eThekwini. Umnyango wezokuthutha ka...
06/12/2024

Sizongenela osukwini lesikhombisa namhlanje isiteleka samatekisi ahamba ibanga elide eThekwini. Umnyango wezokuthutha kanye nenhlangano emele amatekisi ahamba ibanga elide abakafiki kwisivumelwano kulandela ukushaqwa kwezimoto zabanikazi bamatekisi kanjalo nodaba lwezimvume zokusebenza ama Permits.

Sixoxisana nomnyango wezokuthutha esifundazweni i KwaZulu-Natali kanye nehlangano emele amatekisi ahamba ibanga elide eThekwini.

Uma unombuzo, umbono ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela ne Whatsapp VN ku 071 613 6667

EZANAMUHLA PODCAST : Balinganiselwa ekhulwini namashumi amahlanu abavukuzi abangekho emthethweni abavaleleke ngaphakathi...
05/12/2024

EZANAMUHLA PODCAST : Balinganiselwa ekhulwini namashumi amahlanu abavukuzi abangekho emthethweni abavaleleke ngaphakathi emgodini oshiywe eSabie, esifundazweni i Mpumalanga.

Ama-zama-zama ayisithupha aphumile emgodini . Ababili babo bangabantu bakwamanye amazwe kanti abane baseNingizimu Afrika, bathi abantu ababathumba babaphoqa ukuba bambe igolide ngaphansi kwezimo eziyingozi nezibuhlungu.

Sixoxisane nokhulumela umnyango wezokuphepha komphakathi esifundazweni i Mpumalanga u Moeti Mmusi....

Balinganiselwa ekhulwini namashumi amahlanu abavukuzi abangekho emthethweni abavaleleke ngaphakathi emgodini oshiywe eSabie, esifundazweni i Mpumalanga. Ama-zama-zama ayisithupha aphumile emgodini . Ababili babo bangabantu bakwamanye amazwe kanti abane baseNingizimu Afrika, bathi abantu ababathumba....

05/12/2024

Naku esikuphathele kona ohlelweni Ezanamuhla

- Izisulu zodlame olusekelwe ebulilini zithi azizizwa ziphephile ngenxa yokuthi abenzi bobubi bayabasabisa noma bevalelewe emajele.

- Umhlaziyi wezepolitiki ukhala ngokukhishwa emnyangweni kukaloyo obengungqongqoshe wezokuthuthukiswa komthethosisekelo u Thembi Simelane obhekene nezinsolo ezithinta ibhange i VBS..

Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667

ABASIKI BEBUNDA PODCASTNamhlanje ohlelweni Abasiki Bebunda sibe nengxoxo ekhethekile nokhomishana wamaphoyisa esifundazw...
04/12/2024

ABASIKI BEBUNDA PODCAST

Namhlanje ohlelweni Abasiki Bebunda sibe nengxoxo ekhethekile nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Phakathi kwezinto ebesizidingida namuhla, isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade, izinga lobugebengu esifundazweni, iziteshi zamaphoyisa ezingawenzi umsebenzi ngendlela, izinhlelo abanazo njengomnyango ukuqinisa ezokuphepha njengoba sekusondele amaholidi okuphela konyaka, kanye nokunye.

Uma ikuphuthile lengxoxo ungayilalela kwi podcast...

Namhlanje ohlelweni Abasiki Bebunda sibe nengxoxo ekhethekile nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. Phakathi kwezinto ebesizidingida namuhla, isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade, izinga lobugebengu esifundazweni, iziteshi zamaphoyisa ez...

04/12/2024

Inkukumongxoxo ekhethekile nomkhuzi wamaphoyisa wakwaZulu Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.

Uhlelo: Abasiki Bebunda.

Namhlanje ohlelweni Abasiki Bebunda sine ngxoxo ekhethekile nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal, umnum...
04/12/2024

Namhlanje ohlelweni Abasiki Bebunda sine ngxoxo ekhethekile nokhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal, umnumzane Nhlanhla Mkhwanazi.

Uma ufuna ukuphawula noma unemibuzo ngezokuphepha kanye nokunye, ungaphawula kuleli khasi noma usithumelele i-voicenote engaphansi kwa 30 seconds ku 071 613 6667.

Le ngxoxo uzoyithola bukhoma kuleli khasi kusukela ngo-6 kuya ku-7 kusihlwa.

04/12/2024

Naku esikuphathele kona ohlelweni Ezanamuhla

- Abaholi bomdabu ngaphansi komaIpala uMlalazi enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali basebenzisana nezinhlaka zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi izitolo zabokufika ezindaweni zasemakhaya zidayisa ukudla okuphephile baphinde bafundiswa nangemithetho yomasipala

-Umnotho wase Ningizimu Afrika wehle ngo zero-point-three-percent kwikota yesithathu usuka ku zero-point-three-percent obukhule ngawo kwikota yesibili yonyaka.

Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667

03/12/2024

Naku esikuphathele kona ohlelweni Ezanamuhla

-Abanikazi bomhlaba abaphucwa wona ngesikhathi sobandlululo bathi ihamba kancane inqubo yokubuyiswa kwabo njengoba isola ukuthi abalimi abamhlophe ibona ababekwa eqhulwini.

-U Nobhala Jikelele we ANC u Fikile Mbalula ukhuluma ngokungenzi kahle kwezifundazwe i KZN ne Gauteng, uthi akuthi shu okushiwo u Nobhala we ANC esifundazweni i KwaZulu-Natali u Bheki Mtolo ngokungenzi kahle kweqembu kuzwelonke.

Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667

ABASIKI BEBUNDA PODCASTInkantolo yamajaji eThekwini isichithile isivimbelo esiphuthumayo ebesifakwe ungqongqoshe wamapho...
02/12/2024

ABASIKI BEBUNDA PODCAST

Inkantolo yamajaji eThekwini isichithile isivimbelo esiphuthumayo ebesifakwe ungqongqoshe wamaphoyisa u Mnu Senzo Mchunu, sokuvimba uhambo lwamalunga ebandla lama Nazaretha oluya entabeni engcwele.

Sithe akesizwe kafushane ngaloludaba njengoba sixhumane nommeli womnyango wamaphoyisa u Advocate Mduduzi Kulati.

Inkantolo yamajaji eThekwini isichithile isivimbelo esiphuthumayo ebesifakwe ungqongqoshe wamaphoyisa u Mnu Senzo Mchunu, sokuvimba uhambo lwamalunga ebandla lama Nazaretha oluya entabeni engcwele. Izinkulungwane zamalunga alelibandla kulindeleke ukuba abambe loluhambo lwaminyaka yonke ekuqaleni kon...

02/12/2024

Naku esikuphathele kona ohlelweni Ezanamuhla

-Kulindeleke ukuthi u ngqongqoshe wezokuthutha esifundazweni i KwaZulu-Natali uSiboniso Duma ahlangane nabamele imboni yamatekisi kulandela ukuthi inhlangano yamatekisi i Durban Long Distance Taxi Association iqale isiteleka ngo Lwesihlanu esishiye abantu abaningi besele dengwane.

-Ikhomishana ebhekelele abathengi kuleli i National Consumer Commission (NCC) isikhiphe isexwayiso kubathengi, ibakhuthaza ukuthi baqaphele uma besebenzisana nabathengisi abathile ngalesi sikhathi seBlack Friday.

Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667

29/11/2024

Namuhla ohlelweni Ezanamuhla kunkulumo nxoxo nosihlalo wekomidi elibhekele ukusebenza komnyango wokuthuthukiswa komphakathi ephalamende u Bridget Masango sikhuluma ngombiko wesikhashana okhishwe ithimba elizimele ebeliphenya ngenkohlakalo eyenzeka ngemali yesibonelelo eyayibhekelela abantu abahlwempu ngesikhathi izwe libhekene nobhubhane i covid 19. Lombiko uthole ukuthi kunabantu okuthiwa bafaka izicelo zalesibonelelo kuhlanganisa nabafundi ku South African Social Security Agency (SASSA) bengakaze kodwa bazifake lezocelo. Lesisenzo basenza besebenzisa omazisi babanye abafundi besikhungo semfundo i Stellenbonch e Cape Town. Lombiko uveze ubuthaka bohlelo bokufaka izicelo zesibonelelo kwa SASSA ngenxa yokuthi kuba lula ukwenza ubugebengu uma kufakwa izicelo. Asizwe owakho umbono ngenkohlakalo eyenzeka uma kufakwa lezicelo kusetshenziswa imininigwane yabantu kodwa bona bengazi.

Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667.

28/11/2024

Phakathi kwezinye zezindaba esiziphethe kweZanamuhla ngalolu suku;

Inhlangano yezitolo ezingama spaza shops, i Township Economic Commission, ithi kwakulula ukwenza ibhizinisi ngezikhathi zakudala;

kanti

Abaphila ngokukhubazeka kwisifundazwe i Eastern Cape bakhala ngokunganakekelwa uhulumeni.

Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667.

Address

100 KE Masinga Road
Durban
4001

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba Zomphakathi Ukhozi FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Videos

Share

Nearby media companies


Other News & Media Websites in Durban

Show All