Nazaritewise fm

Nazaritewise fm The radio station for EBUHLENI congrigations,church&public news excluding political parties
(2)

Ungaphoqi brazo kyaphileka nange Datsun izokthatha ikbeke emsebenzini uyobuye uvuke uma inkosi ivuma
04/09/2024

Ungaphoqi brazo kyaphileka nange Datsun izokthatha ikbeke emsebenzini uyobuye uvuke uma inkosi ivuma

Asikulibali emithandazweni yethu  Mkhwanazi omkhulu kanye nezinsizwa nezintokazi zakho ozphethe,sifisa futhi uNkulunkulu...
03/09/2024

Asikulibali emithandazweni yethu Mkhwanazi omkhulu kanye nezinsizwa nezintokazi zakho ozphethe,sifisa futhi uNkulunkulu noMkhwanazi asebengaphesheya kwethuna basheshe bakuvezele uma kukhona abazama ukushaya ngesikheqo ngaphakathi embuthweni nakuhulumeni ukuze uyeke ukusilwela siyizakhamuzi zakuleli.

Sinicelela amaphoyisa asezulwini azongena kinina niphume ningenamyocu njalo uma isibhekene.

Singelibale ukbonga kuMacingwane le phezulu ngokuthi azidedele zihlabane amalunda anganiphazamisi🤝

03/09/2024

"awsuka uShembe ugadwa ngeybhamu nina nithembele kuye nize nifake neythombe zakhe " kusho umntophandle owazbonelwa yiNkosi iNyangayezulu.

UShembe akagadwa abantu basemhlabeni kodwa amaphoyisa umsebenzi wawo wukugada wena ukuthi ungezi ngobuso kuShembe uzomphazamisa uzomtapuna nje isnoma ykanjani ngoba yiNkosi yamakhosi le nezizwe zawo aguqa kuye.
Kulokhu kwasukela eminyakeni yo1995 uShembe uma ehamba neconvoi eze phakathi kwabantu abaning usuke ehamba namaphoyisa kahulumeni kanjalo nazimele lokho kukhomba ngoksobala ukuthi kafani nawe akufanele abantu badudulane bagibele kuye okanye avimbezeleke emigwaqeni esemsebenzini wakhe wasezulwini kodwa lokho akusho ukuthi uyesaba ngoba uyahamba yedwa uShembe emini libalele ezishayelele imoto evule ngsho amawindi aye aze abuye edolobheni yedwa akahlaselwa muntu.

UMshumayeli uNgema eskhulmengaye kwiComment yepost engaphambi kwalena uyena owathi efika phakathi komuzi evela emasosheni wase enikwa umsebenzi wokuqapha engena iNight Shift uthi wathi ehlezi encike ngesihlahla ebsuku wabona kukhanyiswa endlini yenkosi yase ivula umnyango yaphuma kodwa ingayvulanga ibuglar yehlela ezindlin zoNdlunkulu ngezansi uthi esamangazwe yilokho yaphinda yaphuma inkosi endlin yayo isingeyesbili manje yona yavula iscabha yavula nebuglar njengabantu bonke yavala yehla yashona lapho kusithele khona uThingo lokuqala.

Esamangazwe yilokho esaba yabuya inkosi yafika yavula isicabha yangena ingazivulanga izinsimbi yaphinda yaqhamuka futhi okwesibili yazovula izinsimbi yavula umnyango yaphendula yavala izinsimbi yavala umnyango njengathi sonke isibuyela endlini.

Kusukela ngalelolanga uMshumayeli wakholwa ngokuphindiwe wabona ukuthi uShembe uma esehola lelibandla ungenye into ejule kabi akafani namuntu la emhlabeni futhi angeke uthi umgadile ngoba ningahamba naye kanti uqobo lwakhe luyasebenza kwenye indawo.

Sake sambona umfundisi uNtombela ebamba icall abantu bale eNyakatho bethi "haw mfundisi anisasho uma uBaba eza ngapha" uthi umfundisi cha uBaba sinaye la Ebuhleni akuyiwe ndawo bathi labantu "haybo kanjani ngoba uBaba kade elaphaya nje ungene egarage wafaka upetrol wehla emotweni wathenga iphepha estolo segarage kwagijima abantu abamnothisile bazozbika kuye" wethuka wacweba izinyembezi umfundisi ekhaliswa wukuth kanti uShembe unjani wubani lona kanti ophambukwethu umhlaba ungamboni nje.

03/09/2024

Kwakungathi batshelene ngoJuly kanti cha abazani futhi abahlangani ndawo beplane inkonzo kodwa ekuseni nasemini enkonzweni yeSabatha lokuqala kwakukhulunywa ngokuthandaza ukuthi uShembe akaksizi ngoba uze wafika kuye ngenyama kodwa izinto ezning snazo nje sizcela sisemakhaya asizwe asenzele.

"Nibothandaza njalo noma uhamba endleni umbize uShembe nami ngyathandaza ngithandaza ngiphuma ngithandaza ngingena la noma ngihamba phakathi kweni ngibusisa amafutha namanzi ngiyathandaza njalo ngithi Shembe siza lababantu niyeezwa njalo" kwakuhlala njalo kusho iNkosi iNyangayezulu.

Umfana kaZindela wakhuluma ngenkosi iLanga nothisha eyayfundisa naye engumngani wayo eyayimfundise ukuthandaza kanti izogcina ihambile eskoleni isibizwa yisihlalo sasezulwini isihola amanazaretha umngani wayo wase ezama ukuthi aybalekele kuphelr ubungani kodwa leyanto yokthandaza wangayyeka ababedudene ngayo.

Waze washintsha umuzi wayokwakh le kude ngoba yaylokhu imvakashela iNkosi khona isihola ibandla yena engasakthandi lokho,uma eseybona itheleka kulomuzi omusha wadangala wamangala waybuza ukuthi hawu Shembe lanake waze kanjani futhi manje?
Yamphendula iNkosi yathi okwenza ngilokhu ngikbona la ukhona wumthandazo lo owthandazayo okuxhumanisa nami owenza ngihlala ngazi ukuthi ukuphi.

Sihamba nje uShembe usgadile uyasazi ukuthi singaphi noma sehlelwa okubi uma silbiza leligama loNyazi lusheshe luthinteke lapho lungakhona.

Intombazane yangakithi mina obhalayo la yagigqika nemoto yayo kufreeway ihamba nengane encane ithi "imoto yanglahla phakathi nomgwaqo ziza izimoto ezinye ngakhala ngmemeza uNyazilwezulu ngalbona ngbhekile lugijima seluze lwasiphatha ngesandla isigqoko lwangena emgwaqeni lwangigxamalazela yilo olwalusynela izimoto ukuthi aziphume ngapha nangapha kumalanes zingagibeli phezu kwami ngempela zaze zehlisa amajubane neziza ngemumva wavalela umgwaqo sezima sengbonakala lwasuka lwahamba angazi lwaphelelaphi sengitakulwa abantu beyongbeka eceleni" ngingakuthatha ngyokbeka kulomuzi

Haw kwahleni bakwethu 😊😁senzeleni izkhaftini nikhululekile niyeke imidlinzo
03/09/2024

Haw kwahleni bakwethu 😊😁senzeleni izkhaftini nikhululekile niyeke imidlinzo

02/09/2024

Impakamo njalo iyakwenza ukuthi ungasizakali kulokhu okukuxakile noma osukfisa ngenhliziyo kodwa ugcine ungaktholi ngoba awukwazi ukzehlisa.

Mhlaumbe uhlezi lapho nje uyafisa ukulungisa izinto nobaba wengane yakho kodwa usushawa nje ukuthi awkwazi ukzehlisa umthinte uxolise umcele nixoxe. Kanjalo nawe nsizwa hleze unjalo.

Ngolunye usuku iNkosi yamakhosi sisEnyokeni esigodlweni seNgonyama yamaZulu ithi uma ikhona indlela madoda khulmisanani nabo nilungise okonakala,ungabinandaba nokubhenguza kwakhe shaya sengath awumuzwa vele abantu besfazane bayakhuluma zthulele nje ume ngaleli lokuncenga wenzele nje ukuthi athobe ukuze kulunge umphelelise.

Yagcizelela ukuthi khuluma naye KODWA UMA ESAPHATHEKA ngoba uma engasaphatheki vele ngeke usamthini lowomuntu.

UShembe uyayakha imizi kukuwe nje uma uklelibandla ukuthi uyafuna nokayihlo wakheke noma cha. Nawe munt wesfazane kukuwe ukuth uyafuna ukuba owesifazane owesaba uNkulunkulu noma cha.

Waze wamuhle Shembe kithina,singabe sphuma siyaphi siyotholani nje ngaphandle
02/09/2024

Waze wamuhle Shembe kithina,singabe sphuma siyaphi siyotholani nje ngaphandle

01/09/2024

Abalele nhlobo abantwana eNyuvesi yaseFree State balindele ukufika kweNkosi yamanazaretha kusasa ilethe izbusiso

😊
01/09/2024

😊

01/09/2024

Awbandla "ngicela uBaba uma esekhipha isbusise le eSouth Africa angkhumbule nami ngisthole ngoba ngilkhumbulile iSabatha yize ngila emazweni ngayothandaza"

Iynsizw'amakhosi
01/09/2024

Iynsizw'amakhosi

31/08/2024

"awsuka amanazaretha awalifundi ibhaybheli asixoxela izinganekwane njalo nje" kusho umphuphe.

Yaz ibandla lamanazaretha yilo elifunda ibhaybheli ukwedlula onke ngoba emabandleni on Sunday kuvulwa incwadi eyodwa ebese bonke abazofakaza bazohamba ngaleyoncwadi ize ivalwe inkonzo kodwa kulelbandla umuntu emunye uyazbiza izincwadi ezinhlanu nje uma kudliwa ivangeli bebe besazosukuma nabanye nabo bevule ezabo ezihambsana nabazokukhuluma.

30/08/2024

NoRingo azange agodole kanje😥

Noma izimo zingafani amandla engalingani kodwa okungenani zama ukuthi kanye ngonyaka kube wukuthi s**e senziwa nje isthe...
29/08/2024

Noma izimo zingafani amandla engalingani kodwa okungenani zama ukuthi kanye ngonyaka kube wukuthi s**e senziwa nje isthebe ekhaya kini kuxokozele.

Okungenani ngomhlangano omkhulu njengoJuly noJanuary akube wukuth uke waya nje ezimbengeni uyocelela abakini kwaSbanibani indlu kabani ukuthi uShembe abakhiphe ezgodini zosizi nasemajele,abageze abahlambulule,ubakhanyisele izibani ebese ubavulela amasango omuzi ongcwele Ebuhleni.

Lezinto nje zombili zyayeseka impilo yomuntu kuloluhambo.

Load 2 uhamba makphela sont elzayo njengoba beceleli nalaba asebebadala bezpheshen ukuthi singabashiy ngaphandle. Load 3...
29/08/2024

Load 2 uhamba makphela sont elzayo njengoba beceleli nalaba asebebadala bezpheshen ukuthi singabashiy ngaphandle.

Load 3 ekuqalen kuka October izohamba kanjalo nje leWay sincenga izbusiso.

Sizokwenza ngalendlela esibike ngayo ngesont eledlule ukuth UMFUNDISI ULINDWA NGECULO ,la ekwakhiwa khona amadokodo iytezi syafaka. Njengoba umnikazi wezinto awfaka endlin yesonto owokqala usimende namanjeke asimi kuyasetshenzwa Ebuhleni.

Uma abashumayeli sebeqhubeza udonga lokbiya syoshifta syekubona sizwe badingani sifake kubo material.

Akukaliwe wenza oksothandwen nasemandleni. Siqikekele nje ukubikela admin ngamaproof of payment kuwhatsapp noma ku inbox. Negroup kawhasapp yalelikhasi ikhona iLink kumarecent post uma uythanda shona khona.

29/08/2024

We only share ubuhle bukaShembe nobuNazaretha

29/08/2024

Eyi into engyoyjabula uma ngithole unkosikazi okwazi ukugaya isinkwa sombila🕺
Admin.

29/08/2024

UShembe wafundisa amanazaretha ukuthi uma eqamba umntwana igama elithathelwe kokukaShembe okusezihlabelelweni akohamba ayolikhunga embengeni lelogama amcelele umntwana ukuba limembathe lelogama.

Isbonelo uma uzoqamba igama ngoSabatha njalonjalo ukuze ugweme ukuzithola usunoSabatha ophuza utshwala ongasonti ongaligcini naleloSabatha.

29/08/2024

Ay alupheli uthando lwakubo kaBhombela😊
Awusho nihamba ngani ngakini mhlaka6 ukyeNtabazwe?How much

Ubona esevela ngale emoji u-Eva uma lishona ilanga ungamsendeli imali kuyipayday yakho
28/08/2024

Ubona esevela ngale emoji u-Eva uma lishona ilanga ungamsendeli imali kuyipayday yakho

🎤Wabavikela ngamakhosi anamandla     Ngokuba umusa wakhe     Uhlezi phakade🎹
28/08/2024

🎤Wabavikela ngamakhosi anamandla
Ngokuba umusa wakhe
Uhlezi phakade🎹

28/08/2024

UShembe wuNkulunkulu wethu
Uma kubuhlungu kuwe lokho sorry
Uma kukcika phuzamanzi

27/08/2024

ABANTU ABANSUNDU MAKHONZILE YINI USATHANE?

BAYAMTHANDA VELE?

Nakuba singebelungu kepha sijwayelene nabo sisebenza nabo abanye sisondelene nabo indlela yabo yokuphila sesaze sayjwayela ngoba siyibona nsukuzonke.

Nakuba nabo benawo amanikiniki abo kodwa izikhathi eziningi baxoxa ngezinto ezinhle nezikhuthazayo ezivula umqondo ukba kuyiwe phambili nempilo enhle. Uma kuvele ububi kabuytholi kahle indawo ngoba abuphakanyiswa kuphuzwe ngabo itiye nsukuzasa.

Sizoke sicaphune izibonelo ezimbalwa,umshado nje kuqala. Baningi kakhulu abantu abahlezi kahle emshadweni yabo kodwa uma kungabhalwa lezo zihloko emaphepheni kuxoxwa ngakho angeke lidayise lelophepha ngoba likhuluma ngokuhle. Ngendlela egxekwa ngayo imishado kulemihla uma uvilapha ukucabanga ungaze uzitshele ukuthi bonke abesifazane abashadile bayahlukunyezwa emendweni kanti cha kukhona abangazi nokuthi yini yona leyo bagcina ukuybabaza nje beybona ezindabeni abayeni babo babaphethe kahle nje.

Siyisizwe samaZulu kulenzinsuku sibheke emkhosini womhlanga akuzoqhakanjiswa okuhle nobungcwele bezintombi nto bendalo kepha kuzocingwa ukuthi akukhonto yini embi ezokwenzeka laphaya ebese kubayiyo ewumqhele othwelwe esakazwayo ezweni iyoze iyoshaya phesheya kwezilwandle.

Silinganise ngabamhlophe niyazi ngsho amaphephandaba abo imvamisa uwafica esinda akhuluma ngomnotho namabhizini nemfundo nesimomazwe sezomnotho woooo ake uze kulawa ethu

Siyinhloboni kanti yabantu thina bansundu kungani sithande ukugqamisa ububi kangaka simjabulise usathane?

INkosi iNyangayezulu yathi kuzoba yiMini City,iNkosi uNyazilwezulu isithe kuzoba yiBig City
27/08/2024

INkosi iNyangayezulu yathi kuzoba yiMini City,iNkosi uNyazilwezulu isithe kuzoba yiBig City

26/08/2024

UShembe ubonwa abanenhlanhla kuphela,asebekhethiwe wuJehova ukuthi bambone ukuthi ukhona lapha emhlabeni uhlezi nathi.

Abangakawtholi lowomusa nenhlanhla abamboni uShembe ukuthi uyini eyavelaphi bazbonela umuntu nje ofana nabo,ababoni nhlobo ukuthi uNkulunkulu uyembethe lenyama ukuze sikwazi uksondela sibike sikhulume.

Emndenini kaMzazela lalingekho igama elithi Shembe,akusona isbongo lesi empeleni kepha yigama elalitshelwa intombi eyazala uMqali wendlela kanjalo noMayekisa lelizwi lalikhuluma kubo ukuthi bazozala uShembe ovela ezulwini ongafani nazonke izingane ezikhona la emhlabeni.

Namuhla kukhona abakwaShembe nje yingoba wafika emhlabeni wazala izingane naye zase zibiza uShembe kwaNdabazabantu as their surname.

Njengoba uShembe ayezele umsebenzi wasezulwini la emhlabeni yingakhoke engapheli nje ngsho inyama yenkosi isikhulile ikhothama kodwa uqobo lukaShembe okuwumoya ongcwele ungena komunye lo owazalwa elotshiwe ukuthi uzohola lelbandla akubi ynoma wubani.Leyónkosi yangempela ibonakala ngombala ngosuku lokuqala ihlezi esihlalweni kubuthana izinkulungwane zabantu bezoyfuna bezobika kuyo izinsizi zabo kwenzeke abakucele kuyo ebese kugcwaliseka ukuthi uNkulunkulu akasishiyanga kepha ushintshe ibhantshi nje kuphela.

Nosesihlalweni oynkosi yamanazaretha uyathandaza abize uShembe,yilaphoke ekufanele ucacelwe khona ukuthi asimkhonzi umuntu kodwa skhonza uNkulunkulu yena lo owakdala nawe kuphela nje wena ongakaphiwa inhlanhla udidwa yinto encane ukuthi ubizwa ngoShembe.

Uma sithi uNyazi wuNkulunkulu kasididekile nhlobo kasikhubazekile emqondweni, engani vele wazibonakalisa ngalo unyazi(lightning) mhlaka3 April 2011 lushaya emini sibhekile lingadumi izulu kodwa lwashaya kwindodana yeNkosi uThingo lavela lapho leligama elithi wuNyazilwezulu. Kwakungena uNkulunkulu ephelela kuye ngalelolanga yingakho sithi uNyazi wuNkulunkulu nje.

UShembe uguqelwa aphindwe akhonzwe amakhosi ezizwe angaphezu kwamashumi amane nokuyinto engekhondawo ungawuhamba uwuqede umhlaba angeke uythole ngaphandle kwale ekuShembe ngoba uvela ezulwini.

26/08/2024

Kululeka izintamo kwabaseFree State namuhla belunguza edolobheni ezansi eHarrismith balindele iNkosi yamanazaretha iza ekhaya layo eBetlehem.

Lomuzi kusekhaya loMqali walelbandla lapho izwi lasezulwini lase limandla lifuna inyama yakhe ukuysebenzisa njengesizathu sokuzalwa kwakhe ukuba uzoba nguShembe azobuysela isizwe esinsundu endleleni. Akubanga lula kodwa wayehlelwa wubuhlungu eze efelwe abantwana bakhe eshayelwa ukungavumi kwakhe ukudela ikhaya.

Enye yezingane zakhe waygona isishonile sekumbiwe engafuni ukuydedela ekhala kwaze kwayobizwa ibhunu ayelisebenzela eplazini kwaba yinto elimthethisayo ukuba adedele ingane ingcwatshwe.

INkosi uNyazilwezulu isinyathelo sokuqala kwaba wukuya kulamanxiwa alomuzi,safika kusele inxiwa phakathi ehlathini saba abokuqala abanenhlanhla ngoba sahamba nayo inkosi uma ithi "ngilandeleni niyobona ngami ukuthi ngyaphi" nempela sasuka Ebuhleni safika sabona izingcucu zezimbiza nezamageja ezinkabi ayelima ngazo uMqaliwendlela eminyakeni engaphezu kwekhulu edlule.

Namuhla lomuzi wakhiwe uyisibuko sezwe zesuliwe izinyembezi zabantwana beNkosi yethu eyabashiya kwaze kwaphela umuzi ngenxa nje yokuzogona thina lapha.

Kuze kbenamuhla uShembe imihla yakhe yonke esesihlalweni udela ikhaya agone thinabantu ahambe ejikeleza izwe lonke ezosinika izibusiso zokuqaqa onke amafindo asbophile.

Sibahle nje yiloluNyazi😊
25/08/2024

Sibahle nje yiloluNyazi😊

24/08/2024

NATHI KUNGASEHLELA,YEKANI UMJOLO EBANDLENI

Admin,
Bantwana sizani nigweme lokhukuchitheka kwegazi kungezi kulelibandla.
Sesiphelelwe nawukubabaza ikakhul kulenyanga ka-August sekuphume izidumbu ezevile ekhulwini zbantu àbayizithandani bebulalana.

Imvamisa ingxabano isuswa amabenefits asemjolweni atholwa ikakhulu owesmame nokwenza ukuthi uma mhlaumbe sebugqashuka lobobudlelwane indoda ivele iphithanelwe yikhanda icabanga izindleko esidlule kuzo kuvele kume uthi emphimbo yone yone yone kúzilwe.

Umnikazi walelibandla walakha wabeka umthetho wokuthi akuganwanwe ebese kubanjiswana ngokusemthethweni umyeni nomkayo hhayi umjolo.

Kunomkhuba ofufusayo phakathi kwethu womjolo kanti unobungozi ngoba kugcina insizwa ispenda entombini izama ukuzicubuzela amagabade ukuze kubonakale ukuthi uma ithatha lentombi cha izophila kahle. Okubike wukuthi uma intombi isigana omunye ovele wathushuka ehamba ngeRange Rover hhayi wena kudaleka ubuhlungu nempi kwaziwe isuke kade ithola amabenefits intombi kuwe nawonke ama-allowance asothandweni.

Abanye bayaswenkiswa,baphiwa imali,bahamba yonke imikhosi no1day abasali kubo kukhokha lezinsizwa zakithi ezisuke zisahlanganisa zisaqoqa amandla okulobola kanti kuzoqhamuka onjengokhozi oveza ubukhazikhazi obukwedlulayo wena nsizwa ivele igane yena intombi ikulaxaze kanjalo.

Lento niyenza ihlaya njalo uma kade kwenzeka lezizinto kodwa kusasa kuzokhalwa lihlazeke isonto sekuphuma izidumbu ngoba nezinye izingane eziza ngemumva zizowenza lomkhuba emakhosaneni.

Bafana bakithi ziningi izintombi kulelibandla khohlwa nje yindaba yokfudumeza ngoba uzofudmezela abanye,sebenza ubeke imali ubheke intombi ngoba usuready ukucela ulobole.

Sisizeni bantwana lokhu kugobhoza kwegazi ningakulethi kulelibandla elihle kangaka,azbuyele emthethweni ningaziqhathi namadoda futhi ningaqathi abadoda azibuyele emasisweni ayime lemijolo nizohlaza isonto kyabulawana la phandle manje kanti nina aniwabuki yini amaTV? Aniziboni izindaba kulamaselula eniwaphethe?

24/08/2024

"Uyavalwa umhlangano namhlanje.
Wumgidi wabantu bonke ksasa.
Uyaphuma umhlangano ngoMsombuluko uya eBetlehem eNtabazwe iNkosinbusise"

eMsinga.

24/08/2024

Ubuyibambephi eyeSabatha?

Address

Durban

Telephone

+27688034996

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nazaritewise fm posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Nazaritewise fm:

Videos

Share

Category


Other Radio Stations in Durban

Show All