The Group Of Love Doctors

The Group Of Love Doctors We are the group of love doctors led by Dr Tebogho Gumede, your well being is our first priority.

23/08/2024

Wadedeleni amaqiniso zikhale yonkindawo kwabesilisa nabesifazane, ngicela iziyalo zenu ziqinise kodade njengoba kuyinyanga yabo ngoba lezimi esifuna ukuyakha angeke yakheke makubheda bona, umuzi umuzi ngokubakhona komuntu wesifazane, qinisani isitshwebhu kakhulu ngakubona musani ukuganga nina.

ASIWAKHE LOMUZI

10/08/2024

Abakhongi mabengeniswa bahlaliswa kosofa endlini enkulu noma eRoundini?

Official sponsorPLEASE VOTE
05/08/2024

Official sponsor
PLEASE VOTE

15/07/2024

NGICELA UKUBUZA KUBONA BONKE ABANTU BESIFAZANE ABANAMA EX, NJENGE The Group Of Love Doctors YINI ESINGAYENZA UKUZE NILAPHEKE NINA ENINGASENATHEMBA NENILIMELE EZINHLIZIYWENI?‼️‼️‼️‼️

‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️*Kusasa sizobe sikhuluma ngemikhuba nobulima bomuntu wasilisa ebalimazay...
15/07/2024

‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️‼️
*Kusasa sizobe sikhuluma ngemikhuba nobulima bomuntu wasilisa ebalimazayo*

Kodwa namhlanje ngicela sibheke
👠👙 *IMIKHUBA NOBULIMA BOMUNTU WESIFAZANE* 👠👙
..... Amaphutha abalimazayo ukuze nongakalenzi ezoqaphela‼️

👒 Umithe ngamabomu ngoba ucabanga ukth uzakuthanda kakhulu or ashiye umnakwenu lo okumise kabi.

👒Spend thousands kumuthi neziwasho ngethemba lokuthi uzakuthanda wedwa; adlubulundele kunjalo. Lapho omunye akasebenzi engabe atleast uzama umuthi womsebenzi (mangabe ukhona).

👒Akunikeze amasigns okuthi cha!✋ akazimisele ngawe & make you feel less of a woman; insult you etc kodwa uloku uthe kuzalunga uthanda mina ngoba ngihlala naye futhi uyaxolisa.

👒akubhonye acishe kukukhipha amazinyo uloku uthe "uxolisile uthe akasophinde fth uyangithanda". Akuphinde kuze kube kaningi fth mhlampe kuze ugcina uyafa⚰️

👒Uqhoshiswe ngu5yrs kuyaphezulu osuwuhlale naye uthi "ngsuka kude kabi naye akukho ntombazane ezongikhipha la uthanda mina/ngihlala naye. Uhlezi ejola bahluleke." Guess what? Mhla efuna esedelile sefuna ukuqhubeka ngempilo uzwa ngendaba ukth uyashada ksasa umbuze aphike ame entabeni. Umukholwe usale ungakwazi ukuthi uzaqalaphi lapho nezesheli azisabonwa uzwiwa naluhlanya ukth usenkingeni.

👒Ulalele umbhedo wokuthi umbambe efeba athi "hhay! ng'funa imali kuloya alukho olutheni angimthandi fth nguye owangishela" kulale kuthi mbaaa! Kuwe u4nele loyo girl umtshele ngendlela abamsebenzisa ngakhona nangendlela othandwa ngayo.

👒Kube yisthuphethu esaliwa wubaby daddy simithi saphika kwaleyo ngane. Sivume masethi uyabuya naye esaxakwe yintombi yakhe ayithandayo efuna ukuyihlabekisa. Ugijime ke wena wale kwasoka obusunalo ngoba sekubuye ubaba kaboy kanti sazohamba mhlampe akushiye nesinye isisu.

👒Ujole nendoda eshadile ngethemba lokth izolahla umfazi omunye aze ayizalele abange udweshu ke ngoba izethembiso lendoda ayisazigcini.

👒Omunye ondle isoka lakhe ngethemba lokuthi lizomthanda nanokuthi uzalicontrol lizwe ngaye ekugcineni kungenzeki.

Kuningi nje anibale okunye nani....
Asilwi

CONFERENCE
DEAR DOKOTELA WOTHANDO

Limited seat
14/05/2024

Limited seat

16/04/2024
14/02/2024

Umbuzo obuzwa abosisi kuFacebook uma beyalwa noma bekhuzwa ezenzweni zabo ezimbi baphendula ngikuthi ABANTU BESILISA BONA!

Lafa elihle kakhulu osisi bethu abazifuni iziyalo!

27/12/2023

PART 3- ONDLA INGANE NDODA UTHULE PHANSI
By Dr Love Tebza

UnoMawengane ongasebenzi, yonke into ibheke wena njengesondlo sanyanga zonke, izimpahla zengane zokugqoka, uniform ne stationery.

Angithi la sikhuluma ngoMawengane ongasebenzi ngeshwa senahlukana, lomuntu wakwenza uBaba, uyakukhulisela ingane.

Uthi uDr Tebogo Gumede, Mfowethu, mawuneqiniso futhi uyithanda ingane yakho uzokwenza sho ukuthi iyondleka, ikhule kahle yondliwa ibona bobabili abazali yize bengasathandani.

Uzokwenza kanjani lokho, njengoBaba wengane oqotho nonakekelayo, hlala phansi noMawengane umxhase ayofundela iShort course enjenge iBaking course or security bese wena uyamkhokhela noma ngabe senahlukana, lokhu ozobe ukwenza uzobe ungenzeli yena kodwa uzobe wenzela umntanakho beside that nawe uzobe investa kuyena, uziphungulela nezindleko zengane ngoba masetohoza okunye sekothengwa uyena, noma kwenzeka udlula emhlabeni ingane yakho ingalambi wena awusekho noMama akasebenzi.

Le enye indlela yokondla by investing kuMawengane ongasebenzi KUNOKUFUNDISA INTOMBI!

 #  DAD'S GOLD SEMINAR*  #18-19 NOVEMBER 2023 :*@08:00 :* Sakha abanumzane whatsapp groupBonke oBaba bezingane bayamenyw...
17/11/2023

# DAD'S GOLD SEMINAR*
#18-19 NOVEMBER 2023
:*@08:00
:* Sakha abanumzane whatsapp group

Bonke oBaba bezingane bayamenywa kwi Seminar la esizobe sicobelelana khona ngolwazi ngamalungelo ethu njengoBaba bezingane nokuthi:

THEME:
* KANJANI ZONKE NGOKULINGANAYO IZINGANE ZAKHO OZIZALE KOMAMA ABAHLUKENE*

EZINYE IZIHLOKO ESIZOZIDINGIDA:
1. Ukuvulwa kwe account yezingubo zezingane.

2. Ukubhalisa zonke izingane emsebenzini.

3. Ukuzikhava zonke kumshwalense.

4. Ukubaluleka kokuba khona empilweni nasekukhuleni kwengane.

5. Ukubaluleka kokugeza umuzi owone kuwo nokuqoqa zonke izingane zakho.

6. Amalungelo akho as uBaba wengane!

To join our group please whatsapp Qedakusemnandi @063 607 0147

Proudly brought to you by
GROUP OF LOVE DOCTORS
"Your well being is our first priority"

  FINAL EXAMBy Apostle SN MkhizeAka Dr Sythokoza MkhizeQUESTION 4Bomama wenzenjani uma uthola ukuthi indoda is a Mama's ...
05/10/2023

FINAL EXAM
By Apostle SN Mkhize
Aka Dr Sythokoza Mkhize

QUESTION 4

Bomama wenzenjani uma uthola ukuthi indoda is a Mama's boy uyisiza Kanjani indoda ukuthi iyeke ukuba uMama's boy ibuswe umama wayo ngoba a Mama's boy becomes too childish!

Bobaba uma uMama wakho ekwenza uMama's boy wenzenjani ukumtshela ukuthi awuyithandi lento yokwenziwa uMama's boy?

Proudly bro2u by
Institution
abanumzane association
lemfudumalo
Lomuzi
dokotela wothando

02/10/2023

MARRIAGE FINAL EXAM
*With Dr Love Tebza*

In favour of MEN AND WOMEN BASIC LAW OF LOVE

*QUESTION 1*

Bhuti wami ungamshada yini umuntu wesifazane "ongasebenzi futhi ongafundile"

*Sekela impendulo yakho!*

Sisi wami kunesiyalo esithi *"Imfundo isala esangweni"* ngabe sichaze ukuthini

(20 marks)

Proudly bro2u by:
group of Love Doctors

26/09/2023

Guyz
I KFC Inyama🍗 noma iShop? 🤷‍♂️

WAKHIWA KANJANI UMUZI(THE BASIC LAW OF LOVE for women, 21 March 2022) Compiled by Dr Tebogo Gumede*Ukuba umfazi oqotho u...
20/08/2023

WAKHIWA KANJANI UMUZI

(THE BASIC LAW OF LOVE for women, 21 March 2022)
Compiled by Dr Tebogo Gumede

*Ukuba umfazi oqotho ukuqala manje ebuntombini, awukuqali emendweni*

1. Lapha oyakhona awuyile ukuyobhidliza kepha uyokwakha Uma ufika kunoqhekeko ungaluqhubekisi, zama indlela yokuthi kulunge izinto,bahloniphe abasemzini kungabi khona ozothi awumthandi.

2. Uma indoda inezingane zithanda uzinakekele njengezakho, uzifake ngaphansi kwamaphiko akho.

3. Njengoba usuyogana nje ungabe samemeza emzini womuntu ngaphenduli uma indoda ikhuluma, uzothe uthande ngisho ikati lakhona.

4. Umngan wakho umyeni wakho,
Umama womyeni wakho sekumama wakho, Osisi basemzini odadewenu,

5. Muntu mengena akaphumi engadlile

6. Mucasukile ungabo khuluma
Ubophuza manzi uwabeke emlonyeni uwagwinye sehambile okulwisayo emzini

7. Umuzi wendoda uyahlonishwa, awufaki ma high heel 👡 egceken abanga umsindo ugqoka ngendlela yokuthi akukhanyi okugqokile awavezi izindololwane namadolo.

8. Awukhulumi nobaba noma umama kamyeni ume ngezinyawo

9. Emzini kuyahlonishwa uhlonipha ngisho ingane encane, abafowabo bakaMyeni awubabizi ngamagama, khona ubhuti umncane, ubhuti ophakathi noBhuti omdala

10. Abangani uyahlukana nabo umngani ngumnyeni wakho manje.

11. Inkinga zikhona umyeni uzoqonywa ukulindele Lokho.

12. Indoda ayithethiswa ukhuluma kahlenayo Uma kukhona ongazwisani nako ngayo thula igama elihle lelo lokuphendula indoda.

13. Idliso elihle inhlonipho, ukuzithoba, nokuzithanda.

14. Uma ungumakoti uhlala ekhaya awusazuli uphuma uye endaweni ubuye uqonde ekhaya.

15. Indoda ingalambi, ingaze iphumele ngaphandle ukhona.

16. Azixoxwa izindaba zasemzini wakho nabantu bakini

17. Layikhaya awushayi awuthethi awukhulumi umile emsamu awumemezi egcekeni

18. Uma kuphakelwa imfene nawe uzakwenza loko okwenziwayo.

19. Kusukela manje ufile layikhaya uyovuka ngale, akusekho okwakho okula.

20. Uthobe uthobeke
Ulalele ufundiseke 3uhloniphe.

21. Kukwa mfazongemama lapho uyakhona akusi kini so uzolandela umthetho wakhona wenze abakuyalela khona noma ngabe awukuthandi.

22. Uzothobela indoda yakho
Uthobele abazali bayo ubazise njengabakho ukulindele ukuthi Ngeke bekuthande njengabakho wena Gcina iside lakho lilihle ngokulindeleke kuwe kukuhle noma kukubi.

23. Emendwen uhlala ngesibindi nenkani yakho.

24. Okubalulekile uyosimela ka mlingani so kumele ube isthombe sethu esihle
Upheke uphake nxazonke, enhla nangezansi.

25. Uhlale uhlanzekile uphane
Ungakhulumeli ukudla.

26. Awumisi izigcawu emzini awukho umhlangano ozobizwa nguwe.

27. Awubangi msindo mzini wendoda awukhulumi macingweni nabangani

28. Imfundo isala esangweni mususe magcekeni omuzi ungumakoti.

29. Uthande umnyeni nomndeni noma ngabe awukufuni wena uwuthande.

30. Ungandi ngamazwi wande ngokwenza okuhle uhlale edolweni mazikunetha.

31. Ukhale ekameleni lakho uphume uhleke ngaphandle

32. Uphekele umnyeni wakho ndawo zonke ekhishini nasekameleni

33. Inxabano igcina ngenxa kokhalo ayehleli ngezansi

34. Njengoba usuphuma ekhaya kini lapho uzalwakhona useyabulawa manje sekuzoba negama elisha ozophiwa lona

35. Awusezukufaka izingubo lezi obuzigqoka lapha ekhaya njengoba ibhokisi lakho sikufakel izimpahla ezintsha phakathi isona style sakho esihambisan negama lakho elisha ozosufaka emzini lapho uyakhona.

36. Uma kwenzeka nithenga umuzi wenu/ nakha owenu, uze ungashintshi lutho usengumfazi uzogqokisa okumfazi awuhambi nqunu emzini, awuzohamba ngekhanda khona till ingane yakho yomfana iganwe nayo ilapho emzini wayo lapho uyofika ufake okuthandayo muvakashile kuyo.ungahamba utshekis nesigqoko /uhambe ngekhanda khona ngoba ikwakho. Kodwa uma ungakabi nendodan esinomuzi ai mama khohlwa uyohlala ungumakoti even ningahlala nodwa.kumel ushuqulile ubhulazel ngezingubo ngoba ungumakoti wena la.uhlonipha abangasekho okuyibo abaphathi bomuzi.

37. Lelibhokisi lisho ukuth uyofela khona wazi ukuth umkhumb wakho wokugcina lo esikukhipha ngawo siyokubeka ekhaya lakho lenguna phakadze. yingakho sith siyakungcwaba as intombazan yalapha ekhaya usuzoba isihambeli sethu nje lapha ekhaya.wena usuyoba mfazi manje

38. Sisi asiding ukuzwa izinkinga zakwakho nezindaba zakho nomndeni wakho omusha osuya kuwona.
Konke usuyokuxoxa nenkosi.
If udinga umuntu ozomxoxela kuno nodoli mtanami engikufunel wona.ngizocela ubuxoxa nawo uhlale nawo ubikele wona yonke inkinga yakho ungalokoth ubikele abantu ngoba ksasa bazokubuka ngenye indlela/ bakuhleke ngezinkinga zakho,kanti udoli uzolalela nje uzithulele ungatsheli muntu ngaphandle.

39. Mntanami ngicela umphathe kahle umkhwenyana, umhloniphe umphekele kahle ungalokothi uqophisan naye ngamazwi, uyindoda means uyinhloko kuwena. if uhluleka ukumthobela as ubaba kusho ukuthi noNkulunkulu awumhloniphi.

40. Mntanami ngicela uziphathe kahle kunalokho kube nguyena owona wena ai kube nguwena owenza amanyala.

41. Mntanam anginayo imali yokukuhlawulela ngicela konke ukuphathise okwezikhal zamaNtungwa.
Uhloniphe ngisho ikati lakhona🧎‍♀️😢🙏

42. Uma usungumfazi ngizocela ulandel umyeni wakho lapho ekhonza khona ngiyazi ukuthi akulula kodwa iyona ndawo osuzohamba uye kuyona.angeke ufike nemthetho yalapha ekhaya emzini yabantu.uzokwenza okwakhona ai lokhu okhuliswe ngakho.

43. Ungaphikisani nabasemzini yenza konke okwakhona amasiko awafani nhlobo mntanami usuyoqala impilo nesiko elisha manje.

44. Hamba kahle uzithobe ubonakale uhamba le kude ukuth umfazi lo.

45. Zithande, uhloniphe, uthobeke njalo uze ungasiphoxi nakancane🙏siyakuthanda sifuna basibone kuwe nabangasazi. uyosimel mntanami.
Phansi ngolaka, nodlame nenconsi.

46. Ungakhulumi isingisi ukufunda okwakho kokusiza wena ngakho yiba yisifundiswa esifundisekile

47. Isigaba ongena kuso sinezinselelo eziningi ezidinga umqondo hhayi umlomo namandla.

48. Kokusiza ukubulala intombazane kuwe kuvuke owesifazàne.

49. Abantu bakwakho bayahlonishwa bese uthanda umyeni wakho ungakuphambanisi kuzokuhlupha lokhu.

50. Umyeni wakho umbiza ngoBaba nje yingoba sekunguye ubaba wakho onikezelwe ezandleni zakhe ngakho uzomhlonipha umthobele njengobaba wakho.

51. Intobeko nenhlonipho yakho yikho okuyokwakhela ugazi emzini uma uzwa kukhona okukuthinte kabi ngena egumbini lakho ukhàle ukhuleke maqede ugeze ubuso uphumele phandle.

52. Intando engikupha yona idolo lakho ntombi hhayi àbantu ufunde Izanga 14 v 1-5 no 2 Samual 24 v 14.

53. Fika ube ngu Nkosikazi owehlukile onefundiso ezinhle nabo bazibonele ukuthi bathole umuntu obekufanele bamthole.

54. Uziphathe Kahle emzini hloniphe konke oksegcekeni lasemzini uzhloniphe nawe uthande uSokhaya umnakekele bese kugugidolo

55. Lomendo usize uwuphathise ukweqanda lomendo uwuphiwe abakini kanye nomvelinqangi kuzomele ufike uwakhe lomuzi ubemkhulu uma umkhwenyana ebengabondli abazali bakhe ngokufika kwakho uzobondla uma ekhaya bekungazwana ngokufika kwakho kuzomele kuzwanwe uma umyeni wakho enengangane ngaphandle angayondli ngokufika kwakho kuzomele ayondle konke lokho kuzomele wena wenze umyeni wakho akwenze ngani ngoba wena uzokwakha umuzi kababamkhulu uzokwakha lana awuzile ukuzobhidliza

56. Indoda sisi ayijwayelwa kabi akumele ngoba nakhu usuganile usuzolala ngeskibha uthi senibadala cha yenza njengoba ubuwenza

57. Ungayincintshi ukudla indoda ungasho ukuthi namuhla ukhathele uma indoda ifuna ukudla kwayo kwasebusuku

58. Othandweni luhlale lulusha alukaze lwabaludala uthando ungabe usungazi usuthi umyeni kade ngathandana naye noma ngincolile akanankinga cha cha ungayenzi leyonto

59. Umhloniphe umyeni wakho makwenzekile wakha imfino ngaphandle umyeni ungamthethisi kodwa hlala phansi naye umbize nje kamnandi uthi umthakazele uthi uyazi u1 no2 awungiphathi kahle, uyobona uyoyeka lento obethi uyayenza

60. Umphathe kahle umyeni uqhubeke nenhlonipho uyandise kakhulu ke manje ngaphezulu kwalena obunayo ujehova uzobanawe akuphe isibindi namandla okuba unkosikazi oqotho endodeni yakho nasemzini wakhe.

61. Umfazi ke izindaba zakhe wixoxa nomdali akazixoxi nomakhelwane umuntu wesfazane ubanekhona lakhe lokubika lonke usizi lwakhe asuke ebhekene nalo ngoba muntu uyakwazi kuthi athathe indaba yakho ayenze eyakhe ahlekise ngendaba zakho wenake uzibikela umdali wakho ngikufisela inhlanhla nenhlalo emnandi emzini.

62. Ibhulukwe nje kunkosikazi alibukeki nhlobo ngoba awunasithunzi ngisho uyintombazane, uma-ke ungunkosikazi othatheka kancane. Uma ke usubhushuzela ngalo emzini wendoda wenza igceke lalowomuzi lingabi nasthunzi uqobo. unkosikazi ubukeka egqoke njengomama abe nesizotha ukuze kuhlonishwe umuzi wakhe nomyeni wakhe uqobo.

Compiled by Dr Tebogo Gumede in association with THE GROUP OF LOVE DOCTORS

THE GROUP OF LOVE DOCTORSPresents  OF THE YEAR AWARD 2023This award goes to the woman, ostrong, okhuluma iqiniso, ongali...
06/08/2023

THE GROUP OF LOVE DOCTORS
Presents

OF THE YEAR AWARD 2023
This award goes to the woman, ostrong, okhuluma iqiniso, ongalimbathisi, ongalinabukelisi, obeka into injengoba injalo, ongakhathalelwe kuthenjwa nokuthandwa Ilaba abalizondayo iqiniso, othukwayo, agxekwe, ongajikelezi mayeyala umuntu ngeqiniso, akamzumi, akamgudli, umqonda ngqo!!

Ngikhuluma ngomuntu wesifazane omele abanye besifazane ngeqiniso, ongancethezi, akukhipha ngomlomo wakhe nakubhalayo kuyakha kuyaphilisa.

NOMINATIONS ARE NOW OPEN!
Whatsapp me with a name and surname omuntu omvotelayo to 063 607 0147

Proudly bro2u by
group of love doctors
Abanumzane association
imizi yobabamkhulu
lemfudumalo on whatsapp
dokotela wothando
lomuzi

05/08/2023

*Indlela Yokuziphatha Othandweni*
By Dr Love Tebogo Gumede

1. Makube khona uthando oluyisinqumo senhliziyo olungaphezu kwemizwa yosuku nosuku ngoba imizwa iyashintsha.

2. Kube ukunakekelana omunye nomunye ngoba uyingxenye ebalulekile yempilo yakhe.

3. Kube khona ukuxolelana nokubekezelelana nokuqonda ukuthi omunye ungumuntu unamaphutha njengawe.

4. Kuhlalwe ngokuxoxisana kuxoxwe ngezinto ezijwayelekile ezenziwa kulesisikhathi samanje ezingalimaza ubudlelwane benu.

5. Kuhlelwe impilo ndawonye nangokubambisana inamuhla kanjalo nakusasa.

6. Kucaciselwane nganoma yini engamcaceli omunye eyenzeka komunye nomunye.

7. Kuchithwe isikhathi ndawonye ngendlela ekhethekile.

8. Uma kwenzeka kufika umntwana noma abantwana kubanjiswane ekubakhuliseni.

9. Kuxazululwe izinkinga ngesikhathi zenzeka zingalindi izinsuku noma amaviki.

10. Kumele uphathe lowo othandana naye ngendlela nawe ofisa ukuphathwa ngayo. Yenza komunye njengalokhu ofisa kwenziwe kuwena.

11. Khumbuza isithandwa sakho ukuthi singothandiweyo kangakanani kuwena ngaso sonke isikhathi.

12. Zithobe zikhathi zonke usihloniphe kodwa ungasesabi futhi ungasiqhathanisi namuntu.

13. Uma kukhona ongakuthandi musa ukuthetha noma utshele abangani, sitshele kahle ungabi nokwesaba.

14. Mkhumbuze indlela aletha ngayo uthando nemfudumalo empilweni yakho.

15. Mkhumbuze ngezinto ezimnandi ezenzeka empilweni yenu.

16. Xolisa uma wenze iphutha ungabi wuhlobo lomuntu olungakwazi ukwamukela iphutha. Ayikho into ebaluleke njengokuzehlisa uxolise uma wonile.

17. Khombisa ukumlalela uma ekhuluma nakuba ungahambisani naleyo ndlela bese wena umvezela uvo lwakho ngalokho.

18. Othandweni lweqiniso ingxabano ayibi ngaphezu kwenjabulo, ngoba injabulo uyazenzela othandweni ayiwona umlingo futhi ayizi ngesoso.

19. Ungakhulumi usadiniwe lokho kungenza isimo sibe muncu kakhulu ngoba ungagcine ukhulume amazwi abengafanele, uma ukhuluma naso ngena ngendlela ungavele usibhozomele.

20. Musa ukujaha ukumbuza into ungenabo ubufakazi bayo obugcwele

21. Mazi ukuthi uphathini iziphi izinto azithandayo nangazithandi.

22. Musa ukuhlala ucela usizo njalo kusithandwa sakho ngoba lokho kungasenza sicabange ukuthi uyasisebenzisa.

24. Yenza isithandwa sakho senze into ngoba sithanda ngaphandle kokusicela, lapho singabala ukukupha imali yokudla, eyokwenza ikhanda noma eyokukhokha ama account akho ezitolo zezingubo.

25. Musa ukudinwa uma kukhona into angakwazanga ukuyenza akade ekuthembise yona kodwa qala uzwe uhlangothi lwakhe, mtshele ukuthi kodwa awuzwani nomuntu ongazigcini izethembiso.

26. Awudingi imali njalo ukwenza isithandwa sakho sizizwe sibalulekile, ngamazwi nje okuthi uyamthanda asho konke

27. Mfundise ukuthi angatatazeli ukwenza izinto njengokushada noma ukuyisana emakhaya ningakafundani kahle.

28. Uma kukhona akwenzile mnike isikhathi sokuchaza musa ukumahlulela ungakezwa uhlangothi lwakhe, musa ukumvusa phakathi nobusuku kuphela uma kukhona akwenzile okucasulayo.

GROUP OF LOVE DOCTORS

01/08/2023

Siyigroup yodokotela bothando silungiselela ukubungaza inyanga yabantu besifazane ngeqhaza abalibambile kuwowonke ama group esiwaphethe sizotomula abesifazane abayi 5 abavelele bese niyavota 2023 WOMAN OF THE YEAR sisazochaza ukuthi Iziphi naziphi izinto enizozibheka kulowomuntu!

NGAMAPHUTHA ABAWENZILE ASIBAKHULISE NGEZIYALO UKUZE BEZOBA ABASIFAZANE ABAQOTHO!

By Dr Love Tebza
GROUP DIRECTOR

27/07/2023

MEN GOLD SEMINAR
Sakha Abanumzane Association

DEAR BABA WENGANE

Ingane Uma Isingena Eskoleni Akunasdingo Sok'hambisa iMali kuMama Wakhe.

•Khokhela uMalume Direct.
•Izingubo Zithenge Wena Uz'hambise Azi Ukuthi Izingubo Ngiz'lethelwe uBaba.
•Megula Buza Iphethwe Yini Ingane Bese Ushona eChemist Baknike i Prescription Uhambise iMedication Kubo kweNgane Yazi Ukuthi Imithi Ilethwe uBaba.
•School Fees Askhokhwe Uwena Ngqo.

Lo R510 Ke Sekyoba owok'khera Noma amaChips nje Lezintencane.

Ukuba uBaba Akukona Ukuba uBaba Ngoklokhe Ufuqa uBaby Mama ngeMali But iba Present iNgane ikhula iKwazi Ukuthi uBaba Ukhona Uyangenzela Ukuthi Nokuthi.🤷🏼‍♂️"

23/07/2023

*MEN GOLD SEMINAR*
Starting line up

*SUNDAY@20:30*
Intro IKhuliswa kanjani ingane yomfana

*MONDAY@usuku lonke*
Ukubaluleka kokuzihlanza kwennsizwa

*TUESDAY@usuku lonke*
Ngo kwakho ukubona why kuwumsebenzi womfana ukuvikela isbaya sakubo?

*WEDNESDAY@usuku lonke*
Kubaluleke ngani ukuba khona kwakho Baba empilweni yengane?

*THURSDAY@usuku lonke*
Uyifundisa kanjani ingane yakho yomfana ukuthi ingafohli esibayeni somnumzane?

*FRIDAY@usuku lonke*
Uyifundisa kanjani indodana yakho ukuthi umfazi womuntu uyahlonishwa?

*SATERDAY@usuku lonke*
Uke ubize indodana yakho uhlale phansi uyidodise UNGATHINI KUYO?

*SUNDAY@usuku lonke*
Ngo kwakho ukubona kuchaze ukuthini ukuthi "umuzi ozokwakhiwa indodana yakho umuzi wakho?"

Sisi wami ngiyavuma ungayikhulisa ingane ngawedwana KODWA ANGEKE UYIDODISE.Bhuti wami noma ngabe awondli kodwa uyadingek...
22/07/2023

Sisi wami ngiyavuma ungayikhulisa ingane ngawedwana KODWA ANGEKE UYIDODISE.

Bhuti wami noma ngabe awondli kodwa uyadingeka Kule MEN GOLD SEMINAR ukuzofundiswa ukuthi UYIKHULISA KANJANI INGANE YOMFANA nokuthi kubaluleke kanjani ukuba khona kwakho ekukhuleni kwendodana yakho!

TONIGHT@19:00
Abanumzane whatsapp group

MEN GOLD SEMINAR lapho sizobe sibonisana khona ukuthi IKHULISWA KANJANI INGANE YOMFANA kuzona zonke izigaba. Sekukhuluny...
18/07/2023

MEN GOLD SEMINAR lapho sizobe sibonisana khona ukuthi IKHULISWA KANJANI INGANE YOMFANA kuzona zonke izigaba. Sekukhulunywe kakhulu kuyalwa abesifazane ukuthi baziphathe kahle, what abt izingane zabafana? Abesifazane bazoziphathela kahle OBANI Uma abayeni babo bengadodiswa?

Izingane zamanje zabafana azazi lutho ngokuphathwa KOMUNTU wesifazane, azazi lutho ngokuhlonishwa besbaya somnumzane, azazi lutho ngokuhlonishwa komfazi womuntu.

Ngimema bonke oBaba, ongoti, izingcithabuchopho, izinsizwa kulengqophamlando yeSeminar sizocobelelana ngolwazi sincelisane kulombele ogwantshile!

ABANUMZANE ASSOCIATION SOUTH AFRICA

27/06/2023

5/10 Reasons why intombazane eyogana wena bhuti iyobe inenhlanhla?
BOSISI ABANGAGANILE ANILALEL OBHUTI BEZIBIKA!
🥰🥰🥰🥰🥰
5/10 Reasons why indoda eyoganwa nguwe Sisi iyobe inenhlanhla?
BOBHUTI ABANGAGANIWE ANILALELE NABA ABAFAZI BUSASA

dokotela wothando
imizi yobabamkhulu
Iphakade Lakho
abanumzane associatiom

26/06/2023

Baningi abantu bebanjwa inkunzi ngezindlela ezehlukene, ibanja ngaphandle kokusebenzisa indluzula, abanye babanjwa phakathi nangaphandle emaSupermarket, Kuma parking, scams, swimswap njalonjalo. Sihlezi sikhuzwa ukuthi DO NOT WITHDRAW OR CARRY TO MUCH CASH! Kodwa asilaleli ngoba akekho umuntu ongakutshela ngemali yakho!

SHARE YOUR STORY
Kwenzakalani ngenkathi ubanjwa inkunzi?

15/06/2023

UBUNGOZI BOKUSEBENZA KOMUNTU WESIFAZANE
By Bongi Agie
(Member of The group of love doctors)

1.Ongenasimilo kulapho kubonakala khona ubuthaka bakhe.

2.Omunye uyakuthwala ekhanda lokho ebese elahlekelwa inhlonipho ekumele ayinike umnyeni .

3. Ovele ongenakhanda uvele angabesalawuleka kakhulu angahlaliseki nasekhaya ubumnandi baziwa nguye wenza nomiskanjani ngobethi unezimali zakhe.

4. Akasitholi isikhathi sokunakekela umnyeni wakhe nezidingo nje zasekhaya ziyasalela ngoba phela naye uyakhathala.

UBUHLE BOMUNTU WESIFAZANE OSEBENZAYO

1. Uma ungumuntu weslisa uthole umuntu wesfazane osebenzayo kodwa onenqondo usuke ubusisiwe
-ngoba usuke uthole umlekeleli wakho akazobheka wena kukhokonke .uyakwazi nokuvalihlazo ekhaya kuthi umnyeni mehola ksncane kodwa yena ahlanganise avale kungabonakali .
-uyakwazi ukuthi kuthi mekuphelinyanga acele umyeni wakhe nje kuyiweyyolo maqede athenge yonki grosa maqede athi asihambisele umama ekhaya (ozalindoda)
-osebenzayo onengqondo nophiwe indoda enengqondo kuningi okuyisibusiso okuhle ababambisana ngakho

15/06/2023

Umuntu wesfazane onengane akakwazi ukuba uNkosikazi wokuqala endodeni njengoba engakwazi ukuba uNkosikazi westhathu futhi… konke kusalele ekuziphatheni kwakhe kahle, uNdlunkulu neQadi bacishe badlale indima efanayo emzini ngoba uma uNdlunkulu ehluleke ukuzala iNkosana ngeke izalwe ikhohlo(uNkosikazi wesibili) kepha izozalwa iqadi(uNkosikazi wesithathu)

Address

1 Ballito Drive
Ballitoville
4399

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when The Group Of Love Doctors posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to The Group Of Love Doctors:

Videos

Share

Category


Other Magazines in Ballitoville

Show All

You may also like