Aqhathiwe namuhla amaqembu abafana namantombazane ka-Under-15 azogadulisana kwiSiyakhula Cup.
Le midlalo izobanjelwa eHollywoodbets King's Park Outer Fields (KP7 & KP8) ngoMgqibelo nangeSonto kusukela ngo-9 ekuseni.
Kungenwa mahhala.
Isitobha seRichards Bay FC uSiyabonga Dube nomqeqeshi uBrandon Truter bephawula ngomdlalo owandulela owamanqamu eCarling Knockout abazowudlala neMagesi FC eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
📹 Mthokozisi Mncuseni
Omunye wabaqeqeshi abasha baMaZulu FC, u-Arthur Zwane, uthi bayakwazi okufanele bakwenze ukuze iqembu lithuthuke njengoba lingayiqalanga kahle isizini ka-2024/25.
Uthe ubudlelwano bakhe nomqeqeshi abambisene naye, uVusumuzi Vilakazi, buhle.
Usuthu luzobhekena neStellenbosch FC kwiLast 16 yeCarling Knockout eKing Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
📹 Xolile Sports
Owake wagijima kwi-Orlando Pirates, uLehlohonolo Majoro, ulindele ukuthi kusiphuke izidindi uma Ezimnyama sezigadulisana neStellenbosch FC kowamanqamu eMTN8 ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-6pm.
Ubona ingcindezi enkulu izobe ikwiPirates njengeqembu elivikela indebe.
KUVELA ukuthi umgadli weMarumo Gallants, uGabadinho Mhango, ube sengozini yemoto eBloemfontein ngempelasonto.
Ngokubika kobesendaweni yesigameko ophinde wathatha i-video, uDarlington Mokgadi, imoto yalo mdlali ishayisane netekisi yohlobo lweQuantum.
📹 Darlington Mokgadi
UDuduzane Zuma ukhuthaza abantu ukuthi bazibandakanye emidlalweni ehlukene njengoba ezobamba iqhaza emjahweni wamabhayisikili, Amashova National Classic.
Lo mjaho ozoba ngo-Okthoba 20 unamabanga ahlukene kusukela ku-38km kuya ku-132 km.
Umjaho ka-132km uzoqala eNelson Mandela Capture Site eHowick, oka-106km uqale ngaphandle kwaseCity Hall ePietermaritzburg , oka-65km eCato Ridge kuthi oka-38km uqale ku-M13 e-Assagay/Shongweni/Hillcrest.
Yonke izophelela ebhrijini kuMasabalala Yengwa Avenue, eThekwini.
Imininingwane yokungenela itholakala kwi-website ethi ( www.shova.co.za)
Isolezwe livakashele KwaMashu laxoxa nomndeni womdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uThalente Mbatha, nabake badlala naye baphinde bamqeqesha esemncane kwi-KwaMashu All Stars.
Udaba oluphelele uzoluthola kwiSolezwe lakusasa 🗞
🗣️ UVEZA ukuthi ubeselahle ithemba umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngesikhathi uThalente Mbatha eshayela iqembu lakuleli igoli eliguqise iSouth Sudan ngo 3-2 kowokuhlungela i-Afcon eJuba Stadium.
Lo mqeqeshi ukhale ngamathuba amoshwe yiBafana kulo mdlalo namaphutha enzeke emuva, kodwa kumjabulisile ukuthi igcine ibuye namaphuzu aphelele.
INingizimu Afrika inqobe enye indondo yegolide kuma-World Athletics Under-20 Championships eLima, ePeru, ngesikhathi u-Udeme Okon ephuma phambili emjahweni ka-400m ngo-45.69.
Isiliva lithathwe nguJayden Davis wase-United States (46.08), umkhaya wakhe uSidi Njie wathola ithusi ngo-46.29.
📹 World Athletics
Wethulwe ngokusemthethweni umqhudelwano iPrince Mangosuthu Legacy Cup ozobanjelwa oLundi ngoSepthemba 7.
IRoyal AM izoqala ukuvikela isicoco eyasinqoba nyakenye ngokubhekana neRichards Bay FC.
Kumenywe neqembu laseSwatini, iNsingizini Hotspurs.
Kuzophinde kunandise umdlalo ozoba phakathi kwezinkakha zaKwaZulu-Natal nezeKaizer Chiefs.
Udaba oluphele uzoluthola kwiSolezwe lakusasa. 🗞
🗣️ Brandon Truter, John Maduka, Alexio Sigion, Siyabonga Nomvethe
📹 Xolile Sports
Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uthi bakulungele ukubhekana neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu eMTN8 ozodlalelwa eLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.
Umlenze wesibili uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
📹 Xolile Sports
Umqeqeshi weBlue Cranes, uBhekani Zondi, ugiye kanje ngesikhathi kuvulwa inkundla ye-netball entsha ceke ehostela iWema.
📹 Nkosingiphile Dladla