04/06/2020
Singabantu asboni ngokufana, Sinjalo njr asithandi ngokufana, Sithi sinjalo njr futhi sibe singaphumi kuma background afanayo, Siphinde futhi singayi kuma destination afanayo.
Hlahlama mtasekhaya umuntu nomuntu uzele ukuzodlala eyakhe indima, Phaphama ngane kamama iloyo naloyo uzele ukuzobamba elakhe iqhaza. Isotsha nesotsha lifela emsebenzini walo. Kusinwa kudedelwane esitikini, Vuka uzibambele ngane yakwethu uthathe uhlaka lwakho nawe uyempini.
Haabe!! ma Africa amahle kwenzenjani nalibala ukudidiswa amalungelo, Impela kwelakithi kusenjr ngeke alunge lo. Kazi kwakhala nyonini kwelaseningizimu afrika, kutheni sihlulwa ukuzicabangela kahle kahle kungani sihlale sigxeka abokufika.
Khumbula njalo singabantu asboni ngokufana, Sinjalo njr asithandi ngokufana kanti futhi asihlakaniphile ngokufana, Sithi sinjalo njr asiphumi kuma background afanayo, Siphinde futhi singayi kuma destination afanayo.
Imali esheshayo ngeke ikuse ndawo, Inye njr kuphela indawo lapho iyokufinyelelisa khona ikwagoq'nyawo. Impumelelo eshehsayo ifana nomlilo wamaphephe, Angithi nawo awushisisi ndawo yinto njr ephelela emoyeni okodumo lakuma social media alunayo inqubekela phambili.
Kamen bakwethu ukuzodlala amalungelo, yonke into kuleli inamalungiselelo. Uma ungafunda ukulinda ungaybona nawe impumelelo. Khumbula phela nembila yasiswela isisila ngenxa yokulayezela. Nami njrbesengithi angibhonge emswanini ngindlulise umlayezo.
Izibhongile iyimbongi zakithi zikhale ngesifo esisodwa kodwa lutho ikhambi lesifo ukuvele, Zabhala zaphindelela kodwa lutho isixazululo ukuvele. Khumbula njalo isisho sisamile sithi inkunzi ikhethwa ematholeni, bhekani abakwazili ukubekezela batholeni. Nokubekezela lokhu akucoshwa akuwona usheleni. Wenake ngokujaha kwakho izinto uzuzeni.
M.K.S NKOSI (TOURIST THE LOVE IMBONGI) SINGABANTU ASBONI NGOKUFANA