Izindaba zezwe RSA

Izindaba zezwe RSA Inhloso yaleli page ukuthola zonke izndaba zaKwaZulu Natal zishisa kancane ezezwe lonke syabonga

10/06/2023

BADLE phansi sebebona amaphoyisa abezobabopha abathumbi bosana olunezinyanga ezine ezimayini zaseRoodepoort, eGoli.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe ithimba lamaphoyisa elilwa nokuthunjwa kwabantu lithungathe futhi lathola ingane engakapheli amahora angu-24.

Udalule ukuthi ingane ithunjwe ngoLwesibili ntambama ngaphandle komuzi wakubo oseDobsonville, eSoweto.

“Emuva kokubikwa kwengane ukuthi ithunjiwe, kuhlanganiswe ithimba ngokushesha ukuze liqinisekise ukuthi ingane itholakala ingenamyocu, iphephile futhi kuboshwa abathumbi bayo,” kusho uBrig Mathe.

UBrig Mathe uthe amaphoyisa athole ingane endaweni eyizimayini eRoodepoort emuva kuka-11 ebusuku ngosuku ethunjwe ngalo.

Uqhube wathi ingane iyiswe esikhungweni sezempilo yayohlolwa ukuthi iphile saka yabe isihlanganiswa nabazali bayo.

25/03/2023

BAHLALI NIYAMAZI DR Ngunez lensizwa ijwayele ukuthi ifake amavidio ezizumbulu eheha ngazo abantu ukuthi iyasiz kanti yey izokulutha usale uxakekile so sengithi anginexwayise kakhulu .sekufike ama complain la kithi abantu bekhala so nawe ungabi isisulu sabakhalayo

04/12/2022
29/11/2022

November 29, 2022

INTOKAZI yaseMlaza iqophe umlando ngokuphula irekhodi lomhlaba le-Guinness ngokudla amanqina enkukhu amaningi ngomzuzu owodwa.

UVuyolwethu Simanile udle u-121g (4.26oz) wamanqina enkukhu ngemizuzwana engu-60.

Kuthiwa inani ebelidingeka wu-110g (3.8oz) ukuze ubhekelelwe kuleli rekhodi.

UVuyolwethu ungowokuqala ukuthola lesi sicoco, kanti konke lokhu kuqoshwe ohlelweni iStumbo Record Breakers, edlala kwi-e-tv.

Yena nabanye abantu abane bebeqhudelana eMashamplanes Lounge.

27/11/2022

UYATHUTHUMELA futhi ufuna izimpendulo umzali womfundi oshone esesikoleni, kwatholwa isidumbu sakhe silimele ekhanda ehhovisi likathishanhloko.

UMnuz Mthokozisi Khoza, onguyise womfundi uThabiso Mazibuko (osebenzisa isibongo sikanina) obefunda uGrade 7 eSandsfield Primary School, oThongathi, uthe ufuna izimpendulo ngokushona komntanakhe emagcekeni esikole.

UKhoza uthi lesi sigameko simshiye nesilonda esibhibhayo nemibuzo eminingi engaphenduleki.

“Kuningi nje okungixakayo mayelana nalesi sigameko sokushona kwendodana yami isesikoleni. Le nto ngempela iyangixaka. Ngiyazibuza ukuthi ushona kanjani umfundi esesikoleni,’’kubuza umzali.

Ngosuku ashone ngalo, kuvela ukuthi othisha bakulesi sikole bebematasa nomcimbi bezijabulisa ngeziphuzo, bengabanakile abantwana bedlala emnyango.

UKhoza uthi wathintwa ngocingo ngothisha besikole, bamcela ukuba aphuthume ngoba kunesimo esiphuthumayo.

Ngesikhathi engena ehhovisini likathinhloko wazithela phezu komntanakhe elele ebheke phezulu, kugcwele igazi ekhanda.

Uthi umbuzile uthishanhloko ukuthi kwenzenjani? Incazelo abamnikeza yona namanje uthi akayizwa kahle.

Uthi bamtshele ukuthi umntwana wakhe ushayeke epalini washona ngesikhathi edlala ibhola nabanye.

Lena yincazelo ayifanisa nenganekwane yoqobo. Kodwa uthi ushaya amakhala ngalokhu ngoba uxakwa wukuthi isidumbu somntanakhe sifinyelele kanjani ehhovisi likathishanhloko?

Uthi ekhanda lomntanakhe bekubonakala ukuthi ulimele kabi.

Ubuza ukuthi uma elimale edlala nabanye ubengaze alimale ekhanda pho?

Uthi ufuna ubulungiswa ngesigameko sokushona kwendodana yakhe.

Uthi okumnenga kakhulu wukuthi indodana yakhe ishone othisha bekade bejuxuza benomcimbi.

Umthombo okhulume neSolezwe ngoMgqibelo uthi kukhona okushaya amanzi ngokufa komfundi njengoba kukhona abanye abantwana afunda nabo abakuphikayo ukuthi walimala edlala nabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigamelo.

Uthe amaphoyisa athola ucingo, aphuthuma oThongathi okuyilapho afica khona isidumbu somfundi.

Uthe amaphoyisa asoThongathi amatasa aphenya icala lokubulawa komuntu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bazokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuthola umnyombo walolu daba.

Uthe njengoMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, kuyabakhathaza kakhulu ukuzwa ngodaba olufana nalolu.

Uthe bazoxhumana nesifunda, bazame ukuthola ukuthi lolu daba bayalwazi yini futhi sebehambe kangakanani ekulekeleleni umzali ukuthi athole iqiniso mayelana nalo.

27/11/2022

OWESILISA waseMandeni, usolwa ngokungqongqisa indlu ebilele izingane ngophethiloli ngenhloso yokuziphindiselela kunina wazo ngoba emalile.

Umthombo utshele Isolezwe NgoMgqibelo ukuthi umsolwa ubeyisoka likaNksz Phumzile Khoza (33), obese kunesikhathi aliwa kodwa eqhubeka encenga. Kuthe uma eqhubeka nokumfundekela, owesifazane wanquma ukuya enkantolo wayofuna incwadi eyisivimbelo sokuthi angasondeli kuye. Kuthiwa uvuke umbhejazane, wafunga wagomela ukuthi uzomgila uNksz Khoza ngenxa yokumala.

Kuthiwa utshele amaphoyisa abemhambisele incwadi yesivimbelo ukuthi unina wezingane zakhe uzomgila isilo sengubo.

"Lo bhuti uye wasongela uPhumzile ngokuthi uzombulala ngoba ngeke akwazi ukuhlukana naye. Kuhluleke ngisho amaphoyisa emkhuza ngalezi zinsongo kodwa waqhubeka nazo."

Uqhuba umthombo uthe phakathi kwamabili ngoLwesithathu, kube sekutheleka umuntu ofike wakhiya umnyango ngaphandle maqede waphonsa ibhomu likaphethiroli ngefasitela.

Esigamekweni kushe u-Olwethu Zulu (15), Selisiwe Zulu (9), Ntombifuthi Khoza (6) noSphephelo Ngiba (7), ogcine eshona esibhedlela.

"Sithe uma sibona izingane zisha, sazibamba sazikhipha ngamafastela. Ngenhlanhla bekungekho ama-burglar guards. Sibe sesibiza i-ambulensi," kusho uNksz Khoza.

Ebuzwa ngezinsongo zobeyisoka lakhe, uNksz Khoza uvumile ukuthi uyazazi. Wathi wahlukana naye ngoMeyi nonyaka ngoba ubemhlukumeza futhi ehlale emsabisa ngommese.

UNksz Khoza uchaze kanje: "Ubeza ngenkani ekhaya bese ethatha izingane. Bengithi ngiyamkhuza kodwa aqhubeke eze. Waze wayeka ngoba esexoshwe ngumfowethu owathi akasamfuni ekhaya. Ngenxa yokuthi ubengafuni ukwamukela ukuthi angisamfuni, ngibe sengimfunela incwadi eyisivimbelo sasenkantolo. Yilapho ethe kungcono angibulale. “

Uthe obeyisoka wake wazama ukumgwaza kwaze kwadabuka izingubo ayezigqokile.

UNksz Khoza uthe okubuhlungu ukuthi njengamanje abazi bazothathani bahlanganise nani ngoba besale dengwane. "Asazi sizolala kuphi futhi sidleni ngoba kufanele sibuyele ekhaya. Kushe yonke into. Izingubo zokulala nezokugqoka, ama-ID, izitifiketi zezingane, izitembu zesitikofela ezibiza imali engaphezu kukaR15 000, ifenisha, imifaniswano yasesikoleni sezingane ebengisanda kuyithenga."

Unxuse noma ngubani ongabasiza ngokubavusela umuzi nangokudla. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isehlakalo.

"Amacala okuzama ukubulala nokushisa aphenywa ngamaphoyisa aseSundumbili. Izingane ezilimele ziphuthunyiswe esibhedlela ukuze zixilongwe ngodokotela lapho zishe khona. Udaba lusaphenywa," kuphetha uLieutenant Colonel Gwala.

24/11/2022

November 24, 2022

UZOBA isicukuthwane esikhethekile kwindumezulu yomcimbi wezintombi udado wasoLundi odume ngomdwebo weDinasoli.

UNhlalonhle Mazubane (6) ohlala esigodini saKwalangakazi eNhlungwane ofunda uGrade R eMveloyamaswazi umenywe nokukhethekile emcimbini kaMiss and Mr Indoni Cultural South Africa ozoba se-ICC eThekwini ngoDisemba 16.

Lokhu kulandela ukuthi lo mfundi ebe ngundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana ngomdwebo wakhe weDinasoli. UNhlalonhle uchaze abaningi ngomdwebo wakhe abebewenziswa ekilasini uthisha wabo osedume ngoMem Dube, netemu eselisabalele kuleli elithi, “ Mem Dube Mfethu, angikwazi ukubhala,"

Uthisha wakhe uNkk Nonhlanhla Dube utshele leli phephandaba ukuthi njengoba behlala endaweni esemakhaya ziningi izinto odado abasalela kuzo nafisa abafundi bakhe bazazi njengokusebenza kwezobuchwepheshe.

Ukubadwebisa, ukubaculisa, ukubadansisa beziqopha ama-video ngezinye zezinto abazithakaselayo ukuzenza ekilasini. UNhlalonhle umdwebo wakhe kumanje usuyilebuli yezikibha zodado iDinasoli.

Uthe le nto yaqala bezidlalela kumnandi kanti usezophenduka isilomo. "Angizange ngizitshele ukuthi kungase kube nesasasa elingaka sasizijabulela sidweba sishutha sonke ekilasini. Ngimangele uma seyihambe kangaka le video nabantu bekhombisa ukusithanda," kusho uNkk Dube.

23/11/2022

UHLULEKILE ukuzibamba umculi we-Afro pop, uKelly Khumalo, ngesikhathi omunye umlandeli ehlanekezela inkulumo ayisho ohlelweni lwakhe, iLife With Kelly Khumalo kwiShowmax.

UColbert ufake isiqeshana sevidiyo kwiTwitter ecashunwe ohlelweni lukaKelly, maqede wabhala ukuthi: "UKelly Khumalo akabhedelwa."UKelly ekhuluma nonina ucashunwa ethi: "Ukube ngangingadakiwe, ngangiyoyihlephula leya ndawo ibe yizicucu nabantu ababephakathi. Angiqambi amanga kuwe," kusho uKelly kunina, uNtombi.

Uziphendulele uKelly kuTwitter ngokumthuka ngenhlamba uColbert, emyalela ukuba asidlale sonke isiqephu, futhi waze wamsongela.

“Wenhlun # kanyoko, uthanda ukubukwa ngamanga. Ngelinye ilanga uyovuka leyo minwe ingasebenzi. Sidlale sonke leso siqephu, sibone... dlala sonke isiqephu zingci$% zenja...Uma uzoqamba amanga, okungcono oba nobuciko [email protected] # kanyoko," kubhoka uKelly ngolaka.

Empeleni uKelly wayekhuluma nonina ngokwenzeka ngesikhathi bevakashile nomngani wakhe uWanda Baloyi, njengoba babuya sebeyinkukhu nempaka.

Kuhluleke ngisho abalandeli bakhe bemnxusa ukuba angamphenduli uColbert kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

UThabiso Lukhanya uthe akangaphenduli "abantu bakho bayakwazi, yilokho okusemqoka," kodwa uKelly wathi "Ngiyazi sthandwa, ayive icika le mgoho."UMiss Que uthe "Hhayi kodwa kwakungesikhathi sohambo noWanda." UKelly uphendule ngokuthi athi: "Yilokho engikushoyo. Bathanda kabi ukubukwa ngodoti," kusho uKelly.

Kwenzeka lokhu nje icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, liyaqhubeka eNkantolo eNkulu yaseTshwane. NgoMsombuluko ummeli kaKelly, uMagdalene Moonsamy, wenqatshelwe ukuthamela icala enkantolo. IJaji uTshifhiwa Maumela nabameli babamangalelwa abahlanu bavumelane ngokuthi uMagdalene akabukele konke okwenzekayo enkantolo kwithelevishini yakhe. Kulezi zinsuku basampheka ngemibuzo owayewumngani kaSenzo futhi owayekhona kubo kaKelly ngobusuku besigameko, uMnuz Tumelo Madlala.

NgoLwesihlanu icala lisheshe laguqa ngenxa yokuthi ummeli wabamangalelwa abane uMnuz Timothy Thobane, ucele ukunikezwa isikhathi esanele sokungqumuza okuthize nabamangalelwa abane abamele.

23/11/2022

November 23, 2022

UNKOSIKAZI kaKhathide "Tshatha" Ngobe, uSibongimpilo Sikhosana, uthi yize lesi silomo somsakazi sibuye sishaye amakhala ngomsebenzi wakhe wokulingisa kodwa siyameseka.

USibongimpilo (29) odabuka eLimehill, eMnambithi, oseke wabonakala emidlalweni eminingi okubalwa kuyo noZalo kwiSABC1, uthe abantu bazitshela ukuthi izinto zenzeka kalula kuye ngoba engunkosikazi kaTshatha, owethula uhlelo lwantambama phakathi nesonto kuKhozi FM kanti akunjalo.

"Abantu bathi kulula ngoba nginomyeni osemehlweni abantu kanti akunjalo, kumele ngisebenze ngokuzikhandla. Uyangeseka futhi akangivimbeli ukuthi ngenze engikuthandayo. Uhlala efuna ukuthi ngibe ngcono futhi nginenhlanhla yokuba nomyeni ofana naye," kusho uSibongimpilo.

"Uma sidlala iziqephu ezithile ubuye athi 'hhayi hhayi lo msebenzi wenu kodwa’. Uyazi kodwa ukuthi kusuke kulingiswa."

USibongimpilo ophothule izifundo ze-Accounting eDurban University of Technology ngo-2014, uthe ukhule ezifela ngokulingisa.

"Ngangithanda ithelevishini ngale ndlela yokuthi kusuka ngisemncane ngangihlala kwamakhelwane usuku lonke ngiyobuka amafilimu. Umama wayeze angithethise kodwa nami ngangizibona ngifana no-Angelina Jolie noViola Davis," kuchaza yena.

Uthe ngemuva kokuphothula ukufunda eDUT usebenze enkampanini ekhiqiza amafilimu kodwa esebenza ehhovisi nokuthe ngokuhamba kwesikhathi lwavuka uthando lwakhe lokulingisa.

"Ngibhalise ukufunda nge-internet ngathola ne-agency engifundise okuningi ngokulingisa. Ngiyathanda nokungena kwiGoogle ngibheke khona izinto. Ngingumuntu othandayo ukuzikhulisa ngokufunda."

Uselingise efilimini yakwiNetflix iThe Little Reader lapho ayedlala khona indawo kaNtombi. Udlale nakwiDurban Gen kwi-e.tv. Njengamanje udlala emdlalweni osanda kuqala kwiMzansi Magic, Uzulu Nomhlaba, lapho elingisa khona indawo kaVakashile.

"Le ndawo ingenze ngalingisa ngendlela engingajwayele ngayo futhi ingifundise okuningi. Ngifunde kakhulu nasebantwini engisebenze nabo."

MC Tshatha Isbatshazwa SakwaNongoma

23/11/2022

November 23, 2022

USHAQEKILE umndeni wowesifazane waseJilafohla eMbumbulu, obulawe ngokudutshulwa ngoMsombuluko, kufunwa imali yesitokofela.

Ngokusho kwelungu lomndeni, uMnuz Nhlanhla Gwala ababulali abadubule uNksz Ntombifikeleni Gwala (62), bazenze elinye ilungu lomndeni elihlala khona endaweni ngesikhathi bengqongqoza emnyango sekulelwe.

"Kuthe uma kubuzwa ukuthi ubani lo ongqongqoza ebusuku, waphendula oyedwa wathi uwusibanibani, esho umuntu wasemndenini esimaziyo," kusho uGwala.

Uthe ingane ebilele nomufi endlini obekungqongqozwa kuyo, ngokunganakisisi ukuthi izwi akulona elalomuntu abasolwa ebebezibiza ngaye nangobungane, ihambile yayovula, izitshela ukuthi uye ngempela lo muntu abasolwa ebebezibiza ngaye.

"Kuthe uma bevulelwa, kwabonakala ukuthi akusiye lo muntu ebebezibiza ngaye kodwa yizigebengu ezimbili ezigqoke izigqoko ezifihla ubuso ezihlome ngezibhamu," kusho uGwala.

Uthe bafune ngodli imali yesitokofela kumufi.

Uthe bayithola imali yesitokofela kanye namaselula, ekamufi neyengane ebavulele emnyango.

Uthe konke lokhu bese bekulandiswa yingane ezibonele konke ngesikhathi abahlaseli bedubula ugogo bembulala.

"Babe sebemdubula kaningi ke umufi ngaphambi kokuthi bashaye bachithe nemali yesitokofela namaselula," kusho uGwala.

Uthe amalungu omndeni abelele kwezinye izindlu, okukhona kuwo naye uqobo, avuswe umsindo wokuqhuma kwezibhamu.

Uthe abanalo ulwazi lokuthi imalini ethathwe abasolwa ngoba udadewabo ubengakaze adalule ukuthi imalini amalungu esitokofela amgcinise yona. Uveze ukuthi kodwa yena ubeyigcina endlini.

"Bese kunesikhathi impela bezidlalela isitokofela benomama bendawo. Sethukile ngoba besingakaze sicabange ukuthi sekungaze kube khona abantu abambulalela imali yaso," kusho uGwala.

Uthe bayafuna kwenzeke ubulungiswa, babanjwe abenzi bobubi.

Imizamo yokuthola amalungu esitokofela ayiphumelelanga

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseMbumbulu aphenya icala lokubulala emva kokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-62 edutshulwa ngoMsombuluko ebusuku.

“Kuthiwa ngabo-20.40 ngoNovemba 21, kungqongqoze umuntu emnyango maqede kwabakhona ovulayo. Kuthiwa kungene abesilisa ababili ebebegqoke izigqoko ezifihla ubuso, maqede bafuna imali, ngaphambi kokuthi bamdubule,” kusho uConstable Ngcobo.

22/11/2022

November 22, 2022

USATHUTHUMELA ugogo womfana okunguyena ofike kuqala ukuzokhomba isidumbu somzukulu wakhe ohlaselwe yizinja ezimbili zohlobo lwama-pitbull zambulala.

Lokhu kwenzeke endaweni yaseHennenman, eFree State ngeSonto ekuseni. UKeketso Innocent Saule (3) nomunye umntwana bahlaselwe yizinja, ngenhlanhla umakhelwane ukwazile ukusindisa enye ingane, kodwa wahluleka ukuhlenga uKeketso.

Lesi sigameko sithukuthelise amalungu omphakathi kule ndawo, avuke indlobane asho ukumqeda umnikazi wezinja, uLebohang Pali, oneminyaka engu-21 ubudala. ULebohang usindiswe ngamaphoyisa ngokuthi amgaxe ozankosi ambeka icala lokuphula imithetho yokufuya izinja eziyingozi.

Yize uLebohang esindile olakeni lophakathi, izinja zakhe kazibanga nayo inhlanhla efanayo njengoba amalungu omphakathi azokhele ngomlilo zasha zangqongqa khona lapho.

Kujutshwe amaphoyisa aqapha udlame emphakathini ukuba aqaphe isimo kuleya ndawo.

Lesi sigameko silandela esangesonto eledlule lapho izinja zalolu hlobo zihlasele zabulala u-Olebogeng Mosime oneminyaka eyisishiyagalombili eVista Park, Bloemfontein.

22/11/2022

November 22, 2022

UMFUNDI waseQalabotjha Secondary School eVlakfontein, eGoli uvele phambi kwemantshi yaseLenasia ngecala lokubulala.

U-Amogelang Nkomo (20) waboshwa ngomhla ka-17 kwephezulu kulandela ingxabano eyaqubuka ngaphandle kwamagceke esikole.

Imibiko ithi uSphiwe Cita wahlaselwa yiqulu labanye abafana okuyilapho yaqala khona ingxabano wagwazwa.

“Umgilwa waphuthunyiswa emtholampilo kodwa ngeshwa kwatholwa ukuthi useshonile. Amaphoyisa athungatha umsolwa okuyilapho okwaboshwa khona omunye umfundi wabekwa icala lokubulala,” kusho uMavela Msondo okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe.

Icala lika-Amogelang lihlehliselwa umhla ka-5 Disemba lapho azofaka khona isicelo sebheyili.

21/11/2022

November 21, 2022

SIKHULU isililo ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokudedela ngoshwele umbulali kaChris Hani.

Lokhu kulandela izethulo ezenziwe yiNhloko yamaJaji, uRaymond Zondo, ngesikhathi ikhipha isinqumo sokudluliswa kwalolu daba.

UJanusz Walus', odabuka ePoland, wagwetshwa udilikajele ngokubulala isishoshovu somzabalazo esasiwumholi weSACP ngo-Ephreli 10, 1993. Ngokwemibandela yesigwebo sakhe, wayefanelwe wukufaka isicelo sikashwele ngo-2005 kodwa waze wasifaka ngo-2011, nokho kasizange siphumelele.

Ngo-2020 uphinde wafaka esinye isicelo kodwa nalapho ungqongqoshe wezokuhlunyeleliswa kwezimilo wasichitha. Wasidlulisela eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala leso sinqumo, nakhona wafike wachithwa njengoba edlulele phambili waze wafika eNkantolo yoMthethosisekelo.

21/11/2022

“President Zuma Arther Fraser Zondo Chris Hani It is under Ramaphosa and Zondo that the killer of Hani is freed history will do it’s job come 2024”

21/11/2022

KUDUMA ikhanda kowesifazane waseMnambithi, obhadame umyeni wakhe embhedeni nomngani wakhe wesilisa bezitika ngocansi.

Lo wesifazane oneminyaka engu43, ocele ukuba ligodlwe igama lakhe nelomyeni, uthi akubonile uyokuxoxela amagwababa echobana.

Uma elandisa, uthi usebenza kwenye yezinkampani endaweni, kanti uzizwe engaphathekile kahle ephethwe yikhanda, wanquma ukubuyela ekhaya ngokushesha ngoba ungumuntu ophila nesifo esithize.

Ngokusho kwakhe, ubazi ukuthi umyeni wakhe oyiphoyisa usemsebenzini. Uthi uthuke woma nasozwaneni ebona isango lakwakhe lithe gengelezi. Ungene endlini ephuthuma ezitshela ukuthi kukhona izinswelaboya ezigangayo ngaphakathi.

Uthe kuthe uma engena endlini enkulu, wakhangwa yizingubo zabesilisa ababili zilaxazwe phansi, kubonakala nje ukuthi zikhunyulwe ngabantu abebephuthuma.

Esaxakwe yilokho, uthi uphuthumise iso lakhe kwelinye lamagumbi endlini, kwavele kwaduma ikhanda uma ebona indoda yakhe igila imigilingwane.

Uphume ngejubane ebaleka kodwa umyeni wakhe wamhubha, wambuyisela endlini wacela uxolo.

“Ngimbuzile ukuthi yini lena ayenzayo wathi yinto engatheni nje, asikho isidingo sokucasuka ngoba nale nto ayenzayo akayenzi nomuntu wesifazane uyenza nomngane wakhe. Futhi wathi alikho icala ngoba le nto bayaqala nokuyenza.”

Uthi ngemuva kwalokho umyeni wakhe ube esemthumelela isamba semali enguR8000 ebhange lakhe ethi yindlela axolisa ngayo. Kuyimanje uthi kuduma ikhanda kuyena ngoba akazi noma aqhubeke yini nalo mshado weminyaka emihlanu.

Uthe owesilisa ambhadame nomyeni wakhe naye ushadile nomunye wesifazane amaziyo. Udalule ukuthi kabanabo abantwana nomyeni wakhe.

Isolezwe ngoMgqibelo likhulume nomyeni ngocingo wancenga intatheli ukuba ingalubhali udaba ngoba luyihlazo futhi luyahlambalaza.

Kuthe uma intatheli iqhubeka imbuza ukuthi lokhu ubekwenzelani wase etshela intatheli ngokucasuka ethi: “We ndoda angikwazi, nawe futhi awungazi ngakho ngicela uphume ngaphansi kwamashidi ami,” maqede wavala nocingo.

Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi udaba selusingethwe ngabantu abadala bemindeni yomibili. Kuvela nokuthi umakoti ufuna ukuhlawulwa ngesamba semali esikhulu okuyinto kodwa ayiphikile entathelini.

Isolezwe ngoMgqibelo lihabule ukuthi umakoti kuyimanje uthola usizo lokwelashwa ngokomqondo njengoba ethi isimo simhlukumezile emoyeni.

21/11/2022

November 21, 2022

INKANTOLO eNkulu yokuDluliswa kwamaCala iveza ukuthi bekungekho emthethweni ukudedelwa kowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma ngoshwele.

Yize inkantolo ithathe isinqumo ngokudedelwa kukaZuma, iphikisane nesinqumo seNkantolo eNkulu esithi isikhathi esichithwe wuZuma engaphandle ngoshwele akufanele sibalwe njengesikhathi asichithe eboshiwe.

Le nkantolo iveze ukuthi inqubo yokuqhubeka kwesigwebo sikaZuma izokwenziwa wukhomishana wezokuhlunyeleliswa kwezimilo futhi uyena ongathatha isinqumo sokuthi asibale isikhathi esichithwe wuZuma ngaphandle ngoshwele uma umthetho ukuvuma lokho.

UZuma wadedelwa ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili kuphela zalesi sigwebo asigixabezwa iNkantolo yoMthethosisekelo kulandela ukuthi awushaya indiva umyalelo wayo wokuba ayophendula imibuzo phambi kweKhomishini ePhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.

Emva kokudedelwa kukaZuma ngoshwele wokugula ededelwa owayengumphathi wezamajele uMnuz Arthur Fraser, iDA, Helen Suzman Foundation ne-AfriForum babe sebenikela eNkantolo eNkulu ePitoli, benxusa ukuba ichithe isinqumo sikaFraser.

18/11/2022

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abahlasele abantu emngcwabeni endaweni yaseBityi ngoLwesithathu.

Umndeni nezihlobo zikaNovotile Mgxada (62) owadutshulwa wabulawa ngeledlule bebendawonye njengoba kulungiselelwa umngcwabo wakhe emzini oseTantseka, KwaSithebe eBityi ngesikhathi behlaselwa.

Kuthiwa abasolwa abathathu abebehlome beyizingovola bangene ngendluzula kulo muzi babhubhisa ngenhlamvu anduba babaleke.

“Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha, owesikhombisa ushonele esibhedlela,” kusho uColonel Priscilla Naidu.

“NgoLwesithathu ebusuku ngo-11.30 bahlasela izihlobo zakulo mndeni. Abasolwa bavulele ngenhlamvu kubantu abayisikhombisa, abayisithupha bashonele endaweni yesigameko, oyedwa ushonele esibhedlela.”

Imbangela yokuhlaselwa kwalezi zihlobo eziseminyakeni ephakathi kuka-29 no-68 ubudala, kayikaziwa.

UKhomishana wamaphoyisa uMajor-General Thandiswa Kupiso uzwakalise ukushaqeka ngalesi sehlakalo. UKupiso ujube ithimba elihlanganisa amaphoyisa asuka ezinhlakeni ezihlukene ukuba aphenyisise ngalesi sigameko.

18/11/2022

November 18, 2022

UBUHOLI bendlu yomdabu KwaZulu-Natal buthi bunethemba lokuthi izolulama maduze inkosi esinde isocongwa, uMnuz Patric Siphamandla Khumalo.

UKhumalo uphuthunyiswe esibhedlela emva kokusinda edutshulwa ngaphandle komuzi wakhe ose-Utrecht.

USihlalo wendlu yomdabu esifundazweni, Inkosi Sifiso Shinga, uthe isimo sikaKhumalo siyathembisa.

“Yize ngingakaze ngikhulume naye ngoba ngike ngathi ngiyayizama inkosi ngangayithola, ngingasho ukuthi akubanga kubi kakhulu ngoba inkosi ikwazile ukwazisa umnyango (wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal) ngalesi sigameko. Ngicabanga ukuthi ibisezinhlungwini ngesikhathi ngiyizama kodwa inkosi isindile.”

UShinga uthe kubathusile ukuhlaselwa kukaKhumalo, okuza emva kokusocongwa kwamanye amakhosi aKwaZulu-Natal.

“Angazi ngithini, umuntu uphelelwa amagama. Sishaqekile nathi ukuthi sithi sisabheka ukuthi amakhosi angavikeleka ngayiphi indlela bese kuhlaselwa inkosi ngale ndlela. Kuyasikhalisa kakhulu ukuhlaselwa kwamakhosi kulesi sifundazwe.

“Ugcina ungasazi ukuthi ikhona kuphi esikonile ukuze sizokhokha uma kukhona esimkweletayo. Izimpilo zethu zisengcupheni. Sizibona singavikelekile.”

Zenyukile izibalo zokubulawa kwamakhosi KwaZulu-Natal kule minyaka edlule.

Lokhu kuze kwaholela ekusungulweni kwethimba elizophenya izigameko zokusocongwa kwamakhosi.

Obambe njengongqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usigxekile lesi sigameko.

UHlomuka uthe ukuhlaselwa kukaKhumalo kubathusile.

“Siyazigxeka lezi zenzo zobugebengu ezibukela phansi ubuholi bomdabu. Sinxusa imiphakathi yakithi ukuthi ilwisane nalesi sihlava ngoba ubuholi bomdabu budlala indima ebalulekile ekuthuthukiseni imiphakathi. Ngaphandle kobukhosi bomdabu, kuzophazamiseka ukuhanjiswa kwezidingo.”

UHlomuka unxuse amaphoyisa ukuthi athole abenzi bobubi ngokushesha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa ase-Utrecth aphenya icala lokuzama ukubulala.

Ubukhosi bakwaKhumalo buke bagubezelwa wumbango wobukhosi owaze waphelela ezinkantolo.

Owayeyibamba bukhosi kulesi sizwe, uMnuz Latu Robson Khumalo, wazama ukuphonsela inselelo enkantolo ukuqokwa kukaKhumalo.

ULatu wabamba ubukhosi besizwe kusukela ngo-1984 kwaze kwaba u-2007.

Ngo-2007 waziswa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukuthi uKhumalo sekunguye oyinkosi yesizwe.

Ngaphambi kwakhe kwakukade kunamanye amabamba bukhosi ashona ingakaqokwa inkosi yesizwe kulandela ukukhothama kwenkosi, uWilliam Khumalo, owakhothama ngo-1963.

18/11/2022

UPHITHENE ikhanda unina wowesifazane waKwaMbonambi okuthiwa ugwazwe isoka lakhe liphindelela phambi kwamaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokubikelwa ngengxabano yezithandani.

Kuthiwa umufi, uNksz Amanda Mazibuko (24) ubengasayingeni eyokuthandana nesoka lakhe, okubikwa ukuthi beselimomkhuba wokumshaya uma bengaboni ngaso linye.

Umufi obehlala nonina wakhe , kubikwa ukuthi ubesengalifuni isoka lakhe ngoba ebalekela ukushaywa yilo.

UNksz Mazibuko nesoka lakhe bebeqashwe ngaphansi kohlelo lwabasebenzi be-Extended Public Works Programme (EPWP), bophiko oluthutha udoti ngaphansi kaMasipala waseMfolozi.

Kuthiwa ngosuku lwesigameko ekuseni besanda kufika emsebenzini bonke abasebenzi, isoka lakhe lamshaya ngempama phambi kozakwabo.

Echaza uNksz Sibongile Mthalane ongunina kamufi, uthe indodakazi yakhe yabikela abaphathi ngemuva kokuthi ishaywe ngempama.

Uthe ngezikhathi zasemini kwaphinde kwabonakala isoka libamba indodakazi yakhe ngobhongwane, licasulwa ukuthi umufi ufuna bahlukane.

"Abaphathi kuthiwa babike emaphoyiseni aphuthume emsebenzini wabo. Lamaphoyisa okungikhathaza kakhulu ngawo ukuthi ayekhona ngesikhathi lo mfana ( umsolwa) eya enganeni yami nommese. Kusukela enxebeni lokuqala kuze kufika lapho okucaca khona ukuthi ingane yami iphuma umphefumulo, ayekhona amaphoyisa. Angiqondi ukuthi kungani engangenelelanga ngoba nawo ayephethe izikhali zawo. Angikho kahle emoyeni futhi angazi noma sizodlula yini lesi simo," kukhala uNksz Mthalane.

Eqhuba, uthe okumuphula umoya ukuthi ubesesele nendodakazi vo njengoba indodana yakhe yashona ngo-2015.

Echaza ngendodakazi yakhe, uthe ibiphezu kwezinhlelo zokwakha ikhaya njengoba umfowabo ashona esethenge indawo.

"Amanxeba noma bengazange bangichazele ukuthi amaphi nendawo kodwa uma ngizwa indlela okuthiwa ubegwazwa ngayo u- Amanda, isidumbu sakhe sisale simanxebanxeba. Le eyokufikelwa umcabango wokuthi angisenayo ngisho eyodwa ingane ingiphatha kabi kakhulu. Ngiyafisa ukuthi umthetho udlale indima yawo ukuze ajeze umsolwa," kubeka unina kamufi.

Address

MANGOSUTHU Drive
Umlalazi

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba zezwe RSA posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba zezwe RSA:

Share


Other Media/News Companies in Umlalazi

Show All