MEGGA Network

MEGGA Network This Megga Network

12/01/2025

10/03/2024

10 March, an IFP day

10/03/2024

I MK mayixoshe uBonginkosi Khanyile mayifuna ukuba nekusasa eliqhakazile. Kusho abantu.

05/03/2024

Qaphelani imililo equbuka eskhaleni. Kunomoya omubi womlilo eKZN, ungaveli ulahle ugwayi esigangeni. Nawe awuphephile mawubhema kulo moya oshisa kanje.

05/03/2024

Facebook is back ubuqulekile ungethuki.

05/03/2024

Cha cha sonke lesi sikhathi beningebona ontandokazi, unele wavela lowa mtwana seniyasha. Cha thulani nje ningakhulumi amadoda asazincomela untandokazi. Kuxoxa leli qulu lamadoda la eKFC.

05/03/2024

Umphakathi wakwaDukuza uzonikwa amanzi yimeya yoThukela District Municipality.

Imeya yoThukela District Municipality inkosi Ntandoyenkosi Shabalala izonikeza umphakathi wakwaDukuza isihlanzimanzi esikhafula amanzi esiwadonsa emfuleni UThukela. Le ntuthuko yamanzi izophakela imizi ewu 8000 yakuwa ward 4 ngaphansi koKhahlamba Local Municipality. Umlando uthi sekuphele 15 weminyaka lo mphakathi uhluphekela amanzi yize wakhe eduze kwedamu I Woodstock elingashi ngoba liphakelwa uThukela amanzi. Lo masipala we IFP waqasha usonkontileka ofike wayilungisa lento, bazonikwa manje lamanzi ngosemthethweni.

Usuku: 6 March 2024
Indawo: Edukuza Sports Field
Isikhathi: 10:00
Abaculi nguBig Zulu noGatsheni ukhona nebhodlela nabanye-ke. Usihlalo weSALGA eKZN uThami Ntuli uzokhuluma kulo mcimbi.

05/03/2024

Izinsizwa ezimbili zakwaNdimande zivela namuhla eNkantolo kwaManzini eSwatini. Yizo okusolwa ukuthi zabulala uAKA noTibz

05/03/2024

Kuzobashubela abasebenzi bakadoti Ethekwini, besingekho emthethweni isiteleka sabo.

Kuza unswinyo namacala kubasebenzi bakamasipala weTheku ebebebhikisha balimaza impahla. Bathi bafuna ukuhola njengabanye abasebenzi bamanye ama metros. UNDUNANKULU omuhle waseKZN uNomusa Dube-Ncube uthi kuzobukwa ama videos nezithombe bese besetshenzwa bonke oqhathizwe ababulale impahla. Njengamanje amaloli kadoti alo masipala asegadwa njengemeya.

05/03/2024

Kulenga ingulube erank yegazi.

Kuse kulenga ingulube eZonkizizwe Taxi Rank eKatlehong eGoli. Le rank idume kabi kulezi nsuku ngokuthi kuyadutshulwana kalikho elamahhala. Le ngulube akwaziwa ukuthi ilengiswe ngaziphi izizathu. Kumbe eyabathakathi, akwaziwa.

05/03/2024

Aybo! Ngezikhathi zokhetho abantu benze nje! Kuse Verulam Durban. Umhlali walapha utshele Megga Network wathi: "Sifuna amanzi nogesi, udlala ngathi umasipala. Kade sawagcina amanzi sesiphila ngokuwathenga ezitolo." Usho kanje.

05/03/2024

Umkhokha usuphenduka Uzalo yini? Sicela kuphendule abantu abanama dish please, sibuza iziqumama zodwa.

05/03/2024

Udliwe inhlamvu wafa obengcweka ne NIU, wanyamalala eMelmoth ebulale 2 wabesifazane.

I NIU iginqe phansi ngenhlamvu owesilisa (30) obefunelwa amacala okubulala abesifazane, uNomvula noNoluthando bakwaZulu. Wababulala ngezi 19 November 2023, eHawayi eMelmoth. Kuthe entathakusa yanamuhla ezikaCele zasondela eduze kuye. Bese kuzwakele ukuthi usehlala kodelunina bezindlu baseCeto Crest. Bathe we ndoda sesikhona woza phela sikubophe, yena wathi akeni vike la madoda, ebazama impela edubula. I-NIU yathi awu uchomela amaChina ngekarati, bamba la, kwathi gqebhu gqebhu wafa egomonqa. Wena wabona imbhokodo iphoswa entabeni. Utshikize tsiki tshiki tshiki eyobayoba phansi, inzima inhlamvu engene endlebeni. Kutholwe isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezintathu, kwathiwa done captain sebengamlanda abakubo.

04/03/2024

Impilo ka Khuzani "Gatsheni" Ndlovu:

Ayibanga lula neze yingakho imgqugquzela odonsa kanzima or oselahle ithemba.

UGatsheni usebenze eGoli as i-security for 5 years, then wathola umsebenzi onconyanwa eMpumalanga. Uthe eseseMpumalanga wafonelwa umphathi wakhe uThobani umfokaMmema wathi akabuye eGoli bezozama again lento yomculo ngoba wayekholelwa kulelikhono lakhe lomculo.

Then uThobani wathi uyena uzomrentela aphinde athenge nokudla for 3 years while bezama lento yomculo, ngenhlanhla ke akuphelanga no 2 years umculo kaGatsheni waqala ke wenza imadlana yokuziphilisa wakhula wakhula ke waze wafika kulelizinga ke akulo namhlanje 🙌🏽

04/03/2024

USIHLALO we Action SA eKZN uZwakele Mncwango, usemphendulile uNdunankulu kaZulu uThulasizwe Buthelezi omneke wamneka eMkhosini wamaganu eNgwavuma wathi, uthe Isilo masivalwe ukukhuluma ESishayamthetho saseKZN, wathi uthe simosha imali. Le nkulumo ibucayi ngoba ikhulunywe emabuthweni yakhulunywa ngesikhathi sokhetho lapho enyundeleka khona uMncwango neqembu lakhe.

04/03/2024

Umphakathi wase Matiwane kanjalo nowase Jonono usuvale umgwaqo N11 ngamatshe namathayi avuthayo.

Lomphakathi uthi ufuna izimpendulo ndlelala ekuqashwa ngayo nokuthi5 kungani u Sandral ungafuni ukuzoxoxisana nawo uma uwubiza.

Uphiko lwamaphoyisa omgwaqo selucele abashayeli basebenzise eminye imizila ngaba u N11 usavalekile.

Thola inkulumo ezindabeni emsakazweni wakho
100.5fm

04/03/2024

Uphenyane (pink eye) luhlasele abantu baseThekwini. Kuthiwa sithanda amadixa. Qikelela ukuba ugeza izandla njalo, kusho abezeMpilo, qaphelani abaseThekwini kodwa.

Address

Okhukho
Ulundi

Telephone

+27637906534

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when MEGGA Network posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Videos

Share