Igula TV

Igula TV Art I Culture I Heritage I Politics I Social & Traditional News. Please press the subscribe button
(1)

23/08/2023

Ninebesela ntongande ngelawobaleka

Imbokode isulane izinyembezi ngesikhathi senyanga ka Ncwaba okuyinyanga yabesifazane eningizimu Africa. Usuku langesabatha mhla ziyishumi nesishayigalombili kwephezulu
Omama basezigodini ezahlukene ezakhele indawo yakwaCeza noNongoma besule Ingodosi uMabuthelezi wakwaMasondo izinyembezi zeminyaka.

Lomama waseNdaweni yaseMakhalathini Osuthu ubese nhluphekweni yokuhlala nenzilo iminyaka emithathu engenaye ozomkhumula emuva kokushiywa uMnyeni wakhe weminyaka eMhlabeni.

Imibiko ithi lomama waqoma ebutsh*tshini bakhe kulomuzi wakwaMasondo kodwa akaze aqholiswe eminyakeni engaphezu kwengamashumi amane nesishayigalombili, ogcine ehanjelwa umyeni wakhe wamshiya nosizi lwezingane nenzilo angazi uyoyethulwa ngubani.

Izinhlangano ezingezi nzuzo ithola uthando nemfudumalo Kanye nekaNdlunkulu woMntwana wakwaPhindangene.

iQueen Mamzila Buthelezi foundation babuthe omama basezigodini ezahlukene kwaCeza ukuba bakhumule Umama inzilo baphinde bamnikelele ngenkomo nemali.

Ngokusho kuka Slindile Mthinkhulu ongumphathi we Thola uthando nemfudumalo uthi njengamanje balungiselela ukuba aqholiswe okuyisiko lwaMazulu olugcwalisa ukugana kowesifazane olulungisela Yena umlando nezingane zakhe ,lokhu kuzokwenzeka njengoba eseyikhiphile inzilo ukuze naye ahlale Kahle we emzini wakhe ngaphandle kosisi nezinyembezi

Lokhu kuyingxenye yokulwa nokuhlukunyezwa kwabasho besifazane nezingane, ngoba akusho ukuthi kumele uze ushaywe ukuze kubonakale uhlukumezekile kodwa ukuphoqelelwa ukuba uzile ungaqholisiwe ngokosiko uphinde ungezukubanaye umuntu womndeni ozoba khona sekumele ukhunyulwe lokho kungenye yezinto ezihlukumeza abesifazane.

Ukhansela weSigceme sakwaWard 15 Mntwana Killer Zulu uthembise ukubambisana nomndeni ekubhekelezi izingane imfundo yazo nokulekelela Umama ukuba amfake ezinhlelweni zakhe zentuthuko.

Izipho zokudla nemali yikhona abashiye nakho Umama ukuze asale edla nezingane zakhe ezindabeni zegula TV siboniso Buthelezi.

Ngaphandle kwamaguqa abotha ngawo Omdala yini engothiwa nangentuthuko.Kususa imibuzo okweNziwa zikhulu zikaHulumeni Kany...
23/08/2023

Ngaphandle kwamaguqa abotha ngawo Omdala yini engothiwa nangentuthuko.

Kususa imibuzo okweNziwa zikhulu zikaHulumeni Kanye namaqembu ezepolitiki kuleli ngoba njalo uma eyakoMdala aphatha amaguqa kodwa intuthuko do,sibika lokhu nje ngeNyanga kaMandulo izintombi zomhlanga Zizobe zizokotha oMdala kodwa uMgwaqo obheke eNyokeni kwaNongoma awukaze uphele ukwakhiwa lokhu wakhiwa kusekhona iSilo esibuzile Zwelithini kaBhekuzulu.

Imbube nabantu bayo kungani bephile ebubheni bokungalungiselwa izinqalasinda ikakhuluzi izithinta Sona iSilo neNdlunkulu kaZulu kodwa abaphathiswa bebefika bezokotha iMbube ngezineme kuphela.

Imibiko yakaMuva iveza ukuthi uhulumeni wesifundazwe sakwaZulu Natal nakuZwelonke Kanye nobuholi be Anc Kade buzokotha iMbube esigodlweni kwaKhangela Amankengane eNyakatho yesifundazwe umbuzo uthi kuxoxwa ziphi ngoba okumele kulungiswe lokhu kungalungi.

Impilo ibasengela phansi abanye abasho besimame langaphandle.Esithombeni.Ngumama wakwaButhelezi obegodose kwaMasondo waz...
21/08/2023

Impilo ibasengela phansi abanye abasho besimame langaphandle.

Esithombeni.Ngumama wakwaButhelezi obegodose kwaMasondo wazehanjelwa indoda yakhe ingamqholisanga lokhu aqoma lensizwa engadalulwanga igama layo ebutsh*tshini bakhe kodwa ize yendela kwelaMathongo lutho ukumqondisela yena nezingane zakhe.

Lomama uhlezi kwaMasondo Osuthu endaweni yaseMakhalathini kulomuzi kaMnyeni wakhe uZilile akasanaye umuntu okumele amkhiphe inzilo asehlale nayo iminyaka emithathu kuya kowesine.

uMesiya oLungileyo uhambele kwiNhlangano yoNdlonkulu woMntwana wakwaPhindangene Queen Mamzila Buthelezi ne Thola uthando nemfudumalo okuyibona abahlanganise imbokode ukuba ibumbane izokhumula uMabuthelezi ebumnyameni benzilo yeminyaka.

Ngosuku langwesabatha imbokode yezigodi eziningi zakwaceza ihlangane eMakhalathini ukuba izogubha lolusuku lwembokode yenza okuhle esizweni.

Bafike nenkomo yokumkhumula umama nemali engumnikelo.uKhansela wesigceme sakwaWard 15 kwaNongoma Mntwana killer Zulu ufikile ulomcimbi wathembisa ukuthi umuzi uzowufaka ezinhlelweni zakhe zentuthuko uphinde wathembisa ukuba uzobhekela imfundo yezingane zakhe umama.nempela kube usuku oluhle lokuhlonipha omunye wesiMame ehlonishwa ngamanye Amakhosikazi njengoba kuyinyangayabo.

18/08/2023

"Amabheshu wethu anxanye Zulu "umlando usifundisa ukuthi lamazwi ashiwo iNkosi Cetshwayo kaMpande ngesikhathi esevumile ukuthi kuhlawulelwe iMboza uSihayo kaXhongo wakwaNgobese efunwa umangisi efuna kuyomshushisa ngenxa yokukhipha uMyalelo wokuthi endodana yakhe uMehlokazulu Ngobese ayilande onina phesheya koThukela inede ibagwaze ibabulale lokho kwadala ukuba Theophelious Sherptone atheleke Ondini ezofuna uSihayo kodwa Amamboza anqaba naye. Kodwa iNkosi yabona kuzodaleka impi yathi amabheshu ethu aNxanye Zulu yazikhipha Izinkomo iNyoni kayiphumuli.

17/08/2023

Uchunge chunge lezinqalasizisinda ezakhiwa uMkhandlu waSondini.

uMaspala wasoNdini uqhubeke Kahle nanamhlanje Njengoba Kade uhambele kwaCeza eNsukangihlale uzohlaba isoyi lokwakha ihholo lomphakathi.

Umphakathi uphume ngobuningi ukuzobona iziphathi Mandla zomkhandlu zizokwethula usoNkontileka ozokwakha leliholo.

usoNkontileka uthembise ukulekelela intsha yendawo ngemishini yoku photocopy njengoba intsha ibifake isicelo ngenxa yezinhlupheko Zayo zokuhamba ibanga elide Uma iyofuna ukuphotocopy nokunoprinter.

I-unemployment Insurance  Fund isikhokhe imali ebalelwa ku R9.3 Billion kubasebenzi abangango 774370 kwaZulu Natal ukusu...
17/08/2023

I-unemployment Insurance Fund isikhokhe imali ebalelwa ku R9.3 Billion kubasebenzi abangango 774370 kwaZulu Natal ukusuka ku March 2020 kuze kube namhlanje njengohlelo Covid 19 Temporary Employer-Employee Relief Fund Scheme.

Imali engano 2.4 Billion yakhishwa UIF kubasebenzi abangango 272889 njengemhlomulo yabo kusuka kwaBakhulelwe abagulayo nabashonayo.

Lokhu kubekwe UIF Comminssioner Tebogo Maruping izolo esithangami sabezindaba eRoyal Hotel Ethekwini.

16/08/2023

Sıma SWATI 🇸🇿 NDEBELE 🇲🇺 SOTHO 🇱🇸 s'cela kubona i flag lama Zulu.

?????

Izinkampani zakuleli bezidla eningi imali ngesikhathi se Covid 19 ngonyaka ka 2020 ngomhlomulo owawukubizwa phecelezi iC...
16/08/2023

Izinkampani zakuleli bezidla eningi imali ngesikhathi se Covid 19 ngonyaka ka 2020 ngomhlomulo owawukubizwa phecelezi iCovid Fund.

ikwaZulu Natal ihamba phambili ngobugebengu obenziwa zinkampani zisenga ezimithiyo ngemininngwane ezaziyiletha zifuna imali ye Covid Fund. Kodwa uhlelo onalo uMnyango olubizwa ngokuthi Follow the money yilo oluzolungisa lesisimo lapho bezophenya zonke izinto ezisolisayo ngokwemigomo nezinhlelo uhulumeni anazo ngokunikezela UIF kubantu.

uMnyango wezabasebenzi kuZwelonke Namhlanje use Thekwini esithangamini sabezindaba eRoyal Royal uzocacisa ngezinhlelo abanazo ukuzama ukuqanda ubugebengu obenzeka kwa UIF.

uSihlalo kaZwelonke we African People First Bee Hlongwa uthi namanje abantu abakhahlanyezwa zikhukhula eThekwini ngonyak...
15/08/2023

uSihlalo kaZwelonke we African People First Bee Hlongwa uthi namanje abantu abakhahlanyezwa zikhukhula eThekwini ngonyaka ka 2021 namanje basahleli koLindela uMkhandlu weTheku uhluleke wancama ukusiza abantu abamnyama.

UHlengwa ukhuluma kanje Ethekwini Royal Hotel lapho kuqoshwa uhlelo Selintabazibomvu lweNongoma FM ngokuholwa Mnz Welcome Ntombela baxoxa njengoba kugujwa inyanga yabesifazane ukubheka Zonke izinqinamba ezithinta abesifazane.

15/08/2023

Usolwazi Otty Nxumalo uchaza isizathu kungani abasho basoNdini kungamele basho ukuthi kuSoLundi olumahlikihlikana.

Umbhoshongo wesikhumbuzo sempi yaSocwecweni phakathi kuka Zulu naMangisi.Inhlupheko ezabhekana nesizwe samaZulu  ngonyak...
11/08/2023

Umbhoshongo wesikhumbuzo sempi yaSocwecweni phakathi kuka Zulu naMangisi.

Inhlupheko ezabhekana nesizwe samaZulu ngonyaka ka1879 zinkulu ngaphansi kombuso weSilo sasoNdini Cetshwayo kaMpande lapho amangisi ayengenisa kwaZulu ezodla izwe.

Umhlaka 4 July 1879 kwaba usuku olumnyama kwaZulu ngoba amangisi ngalelilanga yilona suku ashisa ikomkhulu lesizwe samaZulu Ondini.sasha sanqonqa isigodlo senkosi nakuba yase iphumile ngezintuba iphephisa impilo yayo yayocasha eNgome.

Amabutho alwa ngalolusuku.

uMxhapho
InsukaMngeni
uDududu
uDloko
IQwa
uNokhenke
INdlondlo
uMcijo
iSangqu
iMbube
uMbonambi
INgobamakhosi
uVe
uThulwane
iNdluvengwe.

Izinto ezinkulu eyefuna kuqeda ngazo uhulumeni wamaNgisi kwaZulu ukuthi inkosi Cetshwayo ihlakaze amabutho ingabe isaba nawo.

Mhla zizine kuNtulikazi ekuseni bathi Amangisi anqamula imfolozi ehamba ngo Nolela Drift ehlome ezimbeva ngezikhali zonke.

Ayebalelwa ku 5124 Amangisi bese kuba uZulu owayelwa ngasemangisini ongu 958 okungamavolotiya amangisi amambuka ngelakwaZulu.

Amabutho azama ukuvala kodwa ahlakazwa ngenhlamvu bathi yalwa isigamu sehola yehlukana bawela intuku babheka khona esigodlweni oNdini bafika basinqonqisa.

Abalelwa ku 1500 Amabutho kaZulu abulawa amangisi
Amangisi kwaba 12 kwathi abangu 88 balimala empini yaSocwecweni.

Lesikhumbuzo sivulwe ngo April 4 1943 nguhulumeni wase Natal provincial Administration.

Nina bakasikhukhula sikaNdaba esakhukhula omama sabathela ezinkwazini zemifula ngiyakhule kunina ngingu Shenge.Intshisek...
10/08/2023

Nina bakasikhukhula sikaNdaba esakhukhula omama sabathela ezinkwazini zemifula ngiyakhule kunina ngingu Shenge.

Intshisekelo kwakufunda uMlando njengento engayithanda mangizwa kukhulunywa.

Kodwa ukusebenza kulomkhakha weziNdaba kwangibonisa ukuba kuningi okungaxoxwa ngezinto ezithinta imiphakathi yaseMakhaya kanye nezinto ezingamagugu esizwe samaZulu ikakhulu kungakho sathatha isinqumo sokuqala iGula TV ngenhloso yokufundisa nokwazisa abantu ngezinto zethu. Ngalokho sifusa ukukhula ngokuthi siqale okubizwa ama podcast ukuze sandize ukufundisa nokuhamba izwe lonke sicoshela izinto ezizofundisa isizwe.
Please Donate ngoku bheka account noma inumber ongafaka kuyo kuqala kun10 rand

IGula TV livakashele uMcimbi woMhlonyana kaThando Msibi kwaCeza eZembeni. Lomcimbi kukhona oNomehlo okungomama abahlola ...
09/08/2023

IGula TV livakashele uMcimbi woMhlonyana kaThando Msibi kwaCeza eZembeni.

Lomcimbi kukhona oNomehlo okungomama abahlola izintombi abasuka ebaQulisini uMama Nikiwe Buthelezi ekuShumayeleni uthi ugquqguzela omama ukuba basukume izindawo banake izingane ezisencane ukuze bazozigadela ikusasa lazo zingamoshwa ngabafana zincane ngoba eziningi izingane zikhulelwa zincane nje ukuthi kufe komama abangasukumi kwakhiwe isizwe ukuze izingane zizoziqoqa ziziqoqele ikusasa elihle.

Kulolusuku lwesibhuda "Women's Day "nginxusa ukuba sonke sithande isizwe singomama ukuze izingane zethu zizokhulela ezandleni zethu.
Bese kuthi amatsh*tshi awaqhubeke azilonde angaphiki nalabo ababagxekayo.

09/08/2023

Mrs Nikiwe Buthelezi ekuShumayeleni unomehlo wezintombi zomhlanga.namhlanje bakwaCeza eZembeni ukwenza uMhlonyane kaThando Msibi ona (30 ) njengoba ezokwemula kulempelasonto.

Inkatha Freedom party kade ibambe isithangami sabezindaba ekomkhulu layo eThekwini namhlanje izocacisa ngoqhekeko oluthi...
08/08/2023

Inkatha Freedom party kade ibambe isithangami sabezindaba ekomkhulu layo eThekwini namhlanje izocacisa ngoqhekeko oluthinta leliqembu

Njengoba sikesabika phambilini ukuthi ihlangene phezulu phansi ingamahele njengoba amanye amalunga nabaholi beqembu befuna ukuketula uMholi waleliqembu Mnz VF Hlabisa owakhethwa yilowo ongumsunguli weNkatha Dr Mangosuthu Buthelezi

Umbango waleli qembu uphakathi kuHlabisa noMnz Thami Ntuli lokhu osekugovuze amalunga aleliqembu ukuba lihlukane phakathi okususa imibuzo ukuthi lizowina kanjan ukhetho langonyaka ozayo uma befuna kugudluza umholi wabo.

08/08/2023

Iminyango kaHulumeni wakwaZulu Natal ithole umbiko ongenagcobo kunyaka wezimali ka 2022/2023

KwaZulu-Natal Premier congratulates the Provincial Legislature and the following departments for attaining a Clean Audit for the financial year 2022/2023

Office of the Premier

Economic Development Tourism and Environmental Affairs

Provincial Treasury

Cogta

Com Safety and Liaison

Agriculture and Rural Development.

INgonyama ithi phansi ngengevu eMkhosini.ISilo samabandla onke Misuzulu KaZwelithi uthi umkhosi wesivivane akuwona owezi...
06/08/2023

INgonyama ithi phansi ngengevu eMkhosini.

ISilo samabandla onke Misuzulu KaZwelithi uthi umkhosi wesivivane akuwona owezinkulumo uma kukhona okumele akhulume kumele kube inkosi.lolu yusuku lokuba omama badlale ngezigodi zabo bayeke ukushiswa yilanga bethamele izinkulumo.

Zulu lomkhosi sawukopela eswatini wafika nomtanenkosi kwelakwaZulu kodwa asingakopeli kabi,kubusa mina manje ngathi zonibusa ngebhayibheli ayihlehle imikhonto,isilo besikhuluma kanje esiGodlweni kwaKhangela Amankengane izolo ngesikhathi kuqhubeka umkhosi wesivivane.

Kuhlonishwa iNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe Dlamini Zulu ngomkhosi wesivivane.uMntanenkosi wabamba iqhaza elikhulu ukuqin...
05/08/2023

Kuhlonishwa iNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe Dlamini Zulu ngomkhosi wesivivane.

uMntanenkosi wabamba iqhaza elikhulu ukuqinisekisa ukuthi imikhosi yeSizwe samaZulu iyama futhi ayipheli ngesikhathi sakhe .namhlanje kwenziwe umkhosi wesivivane esiGodlweni kwaKhangela Amankengane lokhu kwadlula iNdlovukazi ngo Nhlaba ngonyaka ka 2021.

INdlovukazi yakha ibutho lomama elibizwa ngesiphithiphithi okuyilona eligcwele kwaKhangela Namhlanje lizohlonipha uMkamuhle ngeQhaza lakhe elihle lokwakha isizwe.

Umkhonto ukhomba abadala INgonyamaya Mazulu Misuzulu KaZwelithini ithi ayazi ukuthi iNgonyama trust board ibiyenzani kus...
04/08/2023

Umkhonto ukhomba abadala

INgonyamaya Mazulu Misuzulu KaZwelithini ithi ayazi ukuthi iNgonyama trust board ibiyenzani kusuka eminyakeni engamashumi amabili eyedlule.

Ingonyama icashunwe kwenye yezinkulumo ngezikhathi ihambele umcimbi kaMnumzane Maponya eHowirck kwaZulu Natal lapho ithi ush*tsho lunzima ngoba luza nenzondo kodwa luyadingeka njengoba sekuyiyo eqhoqhobele izintambo zebhodi leNgonyama trust sekuqalile khona okwenzakalayo njengoba noMaponya sebebekhona bayalungisa isanda nokuvula izimayini eNewcastle.

INgonyama ithi ayinikwe iminyaka embalwa nje kuzoba nomkhulu umehluko ngoba ayazi ukuthi kade kwenziwani ku Ngonyama trust.

Okungaba yindida kulokhu okuthi ngabe iSilo Zwelithini kanye neJaji elikhulu Jerome Ngwanya akaze bazi yini abangayenza ngalomhlaba kazulu.

Isithombe u Whatsapp.

uGonya uthi ufuna ababulale uKhansela wakwaNongoma.uMajor General T.E Gonya uthi ufuna batholakale ababulali baka kansel...
03/08/2023

uGonya uthi ufuna ababulale uKhansela wakwaNongoma.

uMajor General T.E Gonya uthi ufuna batholakale ababulali baka kansela we NFP kwaNgoma odutshulwe abantu abangaziwa ufuna baboshwe bathole isigwebo esifanele abenzi bokubi.uGonya ukhulume kanje Izolo oLundi Saps Academy ngezikhathi kuqhubeka umcimbi wokuklomelisa amaphoyisa angaphansi kweSifunda iZululand.

Lomcimbi obubizwa ngokuthi iZululand District Police Medal Parade ubuhanjelwe ziMeya zemikhandlu ehlukene engaphansi kwalesifunda kanti iMeya saseZululand ubonge kakhulu iqhaza alibanjwe ngamaphoyisa akulesi sifunda wazibophezela ukuthi nabo njengomkhandlu bazoqiniseka ukuthi bayingxeye ekulweni nobugebengu.

03/08/2023

Uyamemeza okaNdaba

Zululand District  Police Medal Parade Namhlanje  Ondini police Academy  kunomcimbi wokuklomelisa amaphoyisa ngezindondo...
02/08/2023

Zululand District Police Medal Parade

Namhlanje Ondini police Academy kunomcimbi wokuklomelisa amaphoyisa ngezindondo kulomcimbi kulindeleke ukuthi Major General T.E Gonya kube nguye ohola lomcimbi

02/08/2023

Siyakhuleka nina beNdlovu enamandla sanibonani🤣

IGula TV lifisa ukudlulisa ukubonga kulensizwa yase Portshepstone igama layo Kaizer Seyisi. Ingumsebenzi wakwa GCIS Gove...
01/08/2023

IGula TV lifisa ukudlulisa ukubonga kulensizwa yase Portshepstone igama layo Kaizer Seyisi.
Ingumsebenzi wakwa GCIS Government Communications information systems ubesebenza njengo Communications

Iqhaza layo libonakele ngesikhathi isebenza eZululand indlela ehlonipha ngayo izintatheli zemisakazo yomphakathi ne online Media yenze lokhu kwabonwa nangubani ibikwazi ukubiza ilocal media izozi presenter ezikhungweni zomaspala no hulumeni wesewkhaya lokhu kwakuyindlela yokubonisa ukuthi local Media ibalulekile nayo ngoba okuncane izikhungo zikakhulumeni ezikupha abe local media kwenza omkhulu umehluko kulezokhungo.

Esikubonile eminyakeni eminingi eyendlule ukuthi uhulumeni wasekhaya uthatha imali yasekhaya ayise ezinteshini ezinkulu zikamabonakude nemisakazo ekubeni ivele unoxhaso lukahulumeni eminye ivele izimele ngokwezimali.

Siyahalalisa mfoka Seyisi sengathi nala usukhona manje ungathuthukisa imiphakathi ngokwezindaba ngoba baneqhaza elikhulu ukukhuluma izinto zesizwe nokuzithuthukisa ngokubiza abafanele ba phendule lapho imiphakathi isele khona.

31/07/2023

Inyosi uMphako ihola izinsizwa eMdletsheni kwaHlabisa eNhlwathi

Impelasonto ebinkulu OndiniImicimbi yokuhlonipha uMntwana wakwaPhindangene Prince Mangosuthu Buthelezi eyaziwa nge legac...
31/07/2023

Impelasonto ebinkulu Ondini

Imicimbi yokuhlonipha uMntwana wakwaPhindangene Prince Mangosuthu Buthelezi eyaziwa nge legacy cup ebiqhubeka oNdini ngempelasonto ibe impumelelo enkulu.

nakuba okaMagogo engabo bonakalanga kuyo njenganyakenye kanti ezinsukwini ezimbalwa kubikwe ukuthi uyalulama esibhedlela.

Lomcimbi unyuse kakhulu izinga kunanyanyakenye ukuzama ukufaka yonke iminxa ukuze abantu basoNdini nakwaZulu Natal bezithola behlomula ngawo ngokuhlelwa ngumkhandlu wesifunda iZululand.

 .
29/07/2023

.

AMAGAMA ABABULAWA UMANDLAKAZI ONDINI IZIKHULU NAMADUNA. MHLA ZINGAMA 21 NTULIKAZI 1883.1.GODIDE KANDLELA NTULI2.VUMANDAB...
28/07/2023

AMAGAMA ABABULAWA UMANDLAKAZI ONDINI IZIKHULU NAMADUNA. MHLA ZINGAMA 21 NTULIKAZI 1883.

1.GODIDE KANDLELA NTULI

2.VUMANDABA KANTETHE NTSHANGASE

,3.SIHAYO KAXHONGO NGOBESE

4.NDWANDWE KAMDLAKA LANGA

5.BHULANGETHE KAMAGIDI BIYELA

6.DILIKANA KAHLAKANYANA MBATHA

7.SIMUKANAYE KADILIKANA MBATHA

8.NTSHINGWAYO KAMAHOLE KHOZA

9.MNQANDI KATSHANA SIBISI

10.SEKETHWAYO KANHLAKA MDLALOSE

11.MPIYAKHE KAKLWANA KAKHOBOYELA BUTHELEZI

12. MNGOMA KAMANGXANGA NTSHANGASE

13.MBOPHA KAWOLIZIBI HLABISA

14.LUMBI KAMBOPHA HLABISA

15.MAHLUKWANA KAMBOPHA HLABISA

16.NKABANINA KAMBOPHA HLABISA

17.SONILE KAMBOPHA HLABISA

18.GEDLEGEDLE KANDLELA NTULI

19.MNTWANA HHAYIYANA KAMAPHITHA ZULU

20.MNTWANA GAMUNDANA KAMAPHITHA ZULU

21.MATOKWANA KAMASONGEYANA MLOTSHWS

22.NGALOTSHENI KAKHOKHELA NTSHANGASE

23.MHLABA MKHONZA

24.MLESHE DLADLA

25.MJEKULA KANOGWAZA SIBIYA

26 MNTWANA NGCONGCWANA KAMQUNDANE ENJIKINI

27. INKOSIKAZI OKANSIYANE QWABE YASEZULWINI ISILO UCETSHWAYO ESAFAKWA ESIZALWENI SAYO.

28.KHOLOKHOLO KAMZALELA

29.MATHUMBENDLOVU SIYAHLA.

30.LOHODOLO MJEZI

31.SIQHOTHO KAMKHANYILE.

32. MATOKWE KAMDAMBA.

LA MAQHAWE ABULAWA NGOKUXATSHANISWA KWAMAZULU NGABELUNGU, UHULUMENI WAMANGISI.

IZIKHULU NAMADUNA AZONELA NGOKUNGABONGI KUTHEOPHILUS SHEPSTONE, USOMTSEWU KASONZICA(1845-1877) EMTHONJANENI 29 MASINGANA 1883 NGOKUTHI UBUYISE INKOSi Cetshwayo

ESIKHUNDLENI SOKUBONGA KUTHEOPHILUS SHEPSTONE, ZAMPHONSA IMIBUZO EHLULEKA UKUYIPHENDULA ZATHI(UBUYISWA NJE EKUDINGISWENI UJINININDI UZODLANI NGOBA ZONKE IZINKOMO ZAKHE ZASE ZITHATHWE NGAMANGISI NAMAMBUKA?

IZIKHULU ZAKHULUMA NGAZWI LINYE KULOKU NESILO UCETSHWAYO. NGALESO SIKHATHI UTHEOPHILUS SHEPSTONE WAYETHATHWA NJENGOMESIYA WABELUNGU WATHUKUTHELA WAKLELA WABOMVU.

WATSHELA OMNTWANA UZIBHEBHU NO H F FYNN JR, UGWALAGWALA UKUTHI BABULALE ZONKE IZIKHULU KUNGASALI MUNTU, IMBOKODO NESISEKELO.

UMNTWANA UZIBHEBHU WAPHAKA AMABUTHO AKHE MHLA ZINGAMA 21 NTULIKAZI 1883. WAYALA IMPI INKANISE KHONA ONDINI UKUZE IZIKHULU ZINGANGCWATSHWA, ZONKE IZIDUMBU ZIDLIWE NGAMANQE.

WAZIPHINDISELA KANJALO UTHEOPHILUS SHEPSTONE. UZIBHEBHU ESEMCHAZELE NGOKUBALULEKA KWEZIKHULU NAMADUNA.

UZIBHEBHU WASHAQA ZONKE IZINTOMBI ZESIGODLO SASONDINI OLUMAHLIKIHLIKANA AMABUTHO AKHE ALUTHUNGELA NGOMLILO.

KWAKUNGAMADODAKAZI ENKOSINYAKWASITHOLE, UMATSHANA KAMONDISA AWAZANGE AKHULELWE AMABILI KWAZE KWALETHWA UGEJA OWABA YINKOSIKAZI YAMA 75 EMAKHOSIKAZINI KAMNTWANA UZIBHEBHU. YAZALA UBHOKWE OWAYENEZINYANGA EZIYI 17 EKUSHONENI KUKAZIBHEBHU NGONCWABA 1904. WANGCWATSHWA KHONA EMZINI WAKHE OMKHULU EBHANGANOMO

IZIKHULU ZIBULAWA NGEYAMAGASA NJE UYISE UMNTWANA UMAPHITHA KADE KUYIWOMBE ELAHLABANA KWAGQOKLI KWEKAZWIDE NELEMBE. NAYE UZIBHEBHU KADE EWUMXHAPHO IBUTHO LAKHE ELALWA NGOBUQHAWE ESANDLWANA.

UMKHONTO UWUBHEKISE EKHAYA NGOKUSETSHENZISWA NGUHULUMENI WAMANGISI KUSUKELA NGONHLOLANJA 1880-1904 SEBULELE AMAZULU ANGAPHEZULU KWEZI 5000.

27/07/2023

Happy Birthday Nhlangalezwe

Intsha ihlezi endlaleni amathuba oMsebenzi Mancane.Iphume ngobuningi bayo intsha yakwaCeza emuva kokubizwa zinduna ezing...
27/07/2023

Intsha ihlezi endlaleni amathuba oMsebenzi Mancane.

Iphume ngobuningi bayo intsha yakwaCeza emuva kokubizwa zinduna ezingaphansi kwesigceme sika ward 3 ngaphansi kobukhosi bakwaButhelezi bafuna kuqashwa njengoba kuhlongozwa ukuvulwa kwemayini yelahle endaweni yakwaCeza eNhlohlela.

Ibamba bukhosi laKwaButhelezi Mnz Mpikayise Buthelezi kulindeleke ukuba lethulele izinhlelo lentsha yalulendawo okuzonkwenzeka njengoba intsha ithenjiswe amathuba oMsebenzi.

27/07/2023

Khula Hlangalezwe:Umoya wakho ube ngangezintaba zondi nokhahlamba. Ongangawe akafi kepha uyakothama
Happy Birthday Silo samabandla

We dont own the copyright of this Audio so as the image

uMbono kaSihlalo we Action SA kwaZulu Natal uZwakele Mncwango ngodaba lwezikibha abathi zimba eqolo zabaholi beNkatha(IF...
26/07/2023

uMbono kaSihlalo we Action SA kwaZulu Natal uZwakele Mncwango ngodaba lwezikibha abathi zimba eqolo zabaholi beNkatha(IFP).

Kade ngibona umsindo ngalezithombe zabaholi beIFP ,kuthiwa bafake izikibha ezibizayo.

Umbuzo enginawo owokuthi zibiza ukudlula ezikabani? Ubani owathi abaholi akumele baswenke.

Cha bazalwane, umona uqala esweni. Amaqabane namuhla asebanga umsindo ngathi Ambulance 🚑 kodwa bona bafaka ama Louis Vuitton , Gucci and other international brands. Izingane zikaTambo zifaka ama Watch ⌚️ abiza R300k, angazike sebekhaliswa isikibha sa R9k.

Okumele sikuncome ukuthi labaholi bafake Local brands , meaning its a contribution to local economy and empowerment.

Mina angisabike nje zonitshela, nihlushwa umona. Nezwa kuthiwa yonke into enhle ifanele umuntu owuKhongolose .

26/07/2023

🔻Archices🔺️

Inyosi Buzetsheni Mdletshe efundisa Amabutho amahubo ngonyaka ka 2021 22 June njengengxenye yokukhumbula iSilo Zwelithini kanye neSilo saseMkhontweni Dinuzulu kaCetshwayo Royal Palace kwaCeza

i Anc  yaba ngumbono weSilo uDinuzulu emva kokuboshwa kwakhe eSt Helena waxhashazwa ngamaNgisi amshayela umthetho wokuth...
25/07/2023

i Anc yaba ngumbono weSilo uDinuzulu emva kokuboshwa kwakhe eSt Helena waxhashazwa ngamaNgisi amshayela umthetho wokuthi kakuphuma kwaNongoma ngaphandle kokuyocela imvune kuKhomishana oliNgisi kwaNongoma.

Bathi akasesiyo iNgonyama kaZulu kodwa ungowasoSuthu kuphela.
INgonyama yakubona ukuhlakazwa kukaZulu phakathi kanye nezinye izizwe ezimnyama zixhashazwa zenziwa ukuba zivukelane zodwa ngenxa yamaNgisi anenzondo.

INgonyama yandinda nomoya ingazazi iyofelaphi "Zulu ngandinda nomoya ziyadela izintaba eziyodla mina kwaZulu kanty kuyoze kube nini umkhonto uzenzela"(iSilo uDinuzulu)
Sakubona konke lokhu Sabiza uMfu Mafukuzela John Dube(The man of the cloth) sabiza Pixley Seme kwaba Josias Tshingana Gumede (Bonke abagcina bengo Mengameli kaANC) sathi kubo abahambe baye emakhosini,emasontweni ezimayini lakuhlangene khona isikhumba esimnyama beyothi isikhumba esimnyama asihlangane sigqibe izinxabano zakudala sibhekane nesitha esingumcindezeli omhlophe.

Yingakho ngo 1906 eMelika eColombia University kwi Speech day isifundiswa esingu Pixley kaIsaka Seme sawethula lombono weBhubesi sithi " The brighter day is rising upon Africa yes the regeneration of Africa belongs to this new and powerful period...the African people possess a common fundamental sentiment which is everywhere manifest.." okwathi ngo October 1911 yena uSeme ngokuthunywa njalo nguYisezala iMbube kwinqophamlando yembizo wakubalula ukubaluleka kokuba abantu abamnyama abahlangane benze umzabalazo Wakula nokubhozonyelwa ungumbuso wamaKoloniyali( Colonial and White domination) Wakeman abantu benzene yezwe laseAfrica ukuba beze kwinkomfa bang bangcwabe konke ukwahlukana nokungaboni ngasolinye kwakudala kuzohlanganwa kuxoxwe ngekusasa labantu abamnyama.
Nebala bahlangana bonke iSilo esasiyalele ukuba bacelwe kulombono izifundiswa,amakholwa amakhosi abangaphandle kwezwe ngalelo langa lomhlaka 08 January 1912 eSontweni eMangaung.nokulapho izihambeli zabonga iqhaza leNgonyama uDinuzulu zaze zamhlonipha ngokuba uMengameli wokuhlonishwa kaKhongolose noma wayengekho yena esekudingisweni e Middleburg ngenxa yokubambi qhaza kwimpi yamakhanda.

Usodolobha woMkhandlu waseDumbe ukhansela Sibusiso Mkhabela uthi kungekudala wonke umuntu ozohamba ngezinyawo ephuza uts...
25/07/2023

Usodolobha woMkhandlu waseDumbe ukhansela Sibusiso Mkhabela uthi kungekudala wonke umuntu ozohamba ngezinyawo ephuza utshwala edolobheni uzothathwelwa izinyathelo zomthetho.

UMeya ukusho lokhu ngesikhathi kubanjwe umhlangano nabanikazi bezitolo abadayisa uphuzo oludakayo nalapho bekukhona abasebenzi abasebenza ngaphansi komnyango wezokuphepha esifundazweni sakwaZulu-Natal kanye nabasebenzi abasebenza komasipala abahlukene.

Imenenja kamasipala waseDumbe umnumzane JFK Khumalo uthi inhloso yomhlangano bebezocela indlela yokubambisana kubadayisi abadayisa uphuzo oludakayo ukuze kuliwe nobugebengu osebubhebhetheka eDumbe.

24 July 2023USWELE AMAZWI OKUBONGA UMNDENI WAKWA BUTHELEZI ODILIKELWE UMUZI. SEBENEKHAYA elisha abakwaButhelezi eMemulwe...
25/07/2023

24 July 2023

USWELE AMAZWI OKUBONGA UMNDENI WAKWA BUTHELEZI ODILIKELWE UMUZI.

SEBENEKHAYA elisha abakwaButhelezi eMemulweni eMashona ngaphansi kukaWadi 8 namhlanje njengoba uMasipala wasOndini evule lomuzi ngokusemthethweni.

Isimo salomuzi sithathwe ngesinye sezinhlekelele ezenzeke Ondini kudilika udonga lwaqhumisa izindlu izindlu zawa zonke. Udonga beluwa, ludabuke udonga luholele ekutheni indlu igcine isiwa. Umasipala wasOndini wavakashela lomuzi uyobheka isimo mhlaka 27 ku February 2023 wabe usuthembisa ukuthi ukuthi uzoyonxusa abaSamariya abalungileyo ukuba bengenelele.

"Kuyasithokozisa ukuthi namhlanje njengoMasipala sizofezekisa isethembiso sethu esasenza sathi kukhona esizokwenza. Namhlanje silethe naba okhiye bendlu entsha sha, enamagumbi amabili okulala, eyokugezela, eyokuhlala neyokuphekela. Sibe sesiphatha negilosa yokudla ukuze umndeni usale ugoqoza. Umnyango wezokuHlaliswa kwabantu yiwona okufanele engabe wakhela abantu izindlu, kepha baseMgungundlovu. Zibalelwa ku 460 izindlu okufanele zakhelwe abantu bakithi abadingayo lapha Olundi. Yingakho sihlaba ikhwelo lokuthi abantu bakithi abaphume ngonyaka ozayo beyovota kubuyiswe i-Phalamende lapha Ondini. " kuphawula Imeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase

Imenenja kaMasipala wasOndini uMnu Sandile Khomo ubongele umndeni wakwaButhelezi ngokwakhelwa indlu. "Isimo sasibucayi kakhulu safika bukhoma sazibonela sihambisana nobuholi bomkhandlu. Sizoqhubeka sethembeke kumphakathi wasOndini sihambise izidingo."

Ilungu lomndeni uMnu uButhelezi ubonge uMasipala ngokubuyisa isithunzi salomndeni. "Kwasethusa kakhulu esasikubuka kudilika udonga, uma luwa kuvele kudabuke izindonga. Zawa izindlu enye emuva kwenye saze sasala dengwane. Indlu inhle kakhulu, inesithunzi. Kumanje siyacabanga nje ukuthi uma sesakha enye indlu kuyofanele sikhuphule amasokisi sisike iphethini. Siyabinga kumasipala wasOndini neqembu le-IFP. "

Umasipala wesiFunda iZululand unikele ngokwakha izindlu zangasese ezimbili kwafakwa namanzi emathankini amanzi amabili. UMeya uMgazi ubonge kakhulu iMeya yaseZululand uMfu Thulasizwe Buthelezi ngokulekelela nokusebenzisana okuhle.

Bahlangane  phezulu phansi bangamehele.uMbango wokuba Ndunankulu eNkatheni usha phansi njengoba iGula lahosha ukuthi Mnz...
24/07/2023

Bahlangane phezulu phansi bangamehele.

uMbango wokuba Ndunankulu eNkatheni usha phansi njengoba iGula lahosha ukuthi Mnz Thami Ntuli onguSihlalo we IFP kwaZulu Natal kanye noMongameli waleli qembu lezepolotiki IFP Mnz VF Hlabisa bonke bagaqele isikhundla sokuba UNdunankulu uma kungenzeka abavoti bebethembe okhwetheni lukaZwelonke ngonyaka oZayo bawine isifundazwe.

Inkatha isakholelwa ukuthi lokhu okwenziwa yiAnc ukususa iphalamende oNdini balise eMgungundlovu bese kuchithwa izimali ezinkulu kuqhashiswa amabhilidi akulungile ngoba likhona iphalamende Ondini elilungele ukwenza umsebenzi kakhulumeni kahle ngaphandle kokuchitha izimali ezingingi.

Labaholi beNkatha babonakala besibenzisana ngoba imicimbi eyenziwa iMeya yaseKing Cetshwayo uba khona Nobulawayo kodwa futhi isikhundla bobabili sokubaNdunankulu basicothele osekudlulele nakumalunga eqembu khona asekha uNgotsha khona aseka uMphemba.

Khula Hlangalezwe ,Khula Mnguni oMnyama uhole abantu bayakihlo ngeqiniso.uMlando  weSilo esbuzile kwakukuthi ibisebenzis...
23/07/2023

Khula Hlangalezwe ,Khula Mnguni oMnyama uhole abantu bayakihlo ngeqiniso.

uMlando weSilo esbuzile kwakukuthi ibisebenzisana nezinhlangano nemikhakha eminingi lapho ilwa nezindlela zokuphila kwabantu bakayise.

Namhlanje sibona iMbube Misuzulu KaZwelithi eqhuba okuhle okulifa gugu likayise lapho ema ethi cha ngeke kube ngeminyaka yakhe ukuthi kungahlukunyezwa abantu bakayise athule abukele. Izolo EThekwini INgonyama ihlangane nezinhlangano ezahlukene ukukhuza lomkhuba wokuhlukumeza abasho besifazane nezingane.

Udlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuyinsakavukela uMchilo wesidwaba lapho imbokode izithola izisulu zokuhlunyezwa ngamadoda , nokwenza kube yinto etholakala inzima ukulawuleka ngenxa yalabo abazidlova abaphilela ukunukubeza izingane ezincane ngokocansi.

Izinkomo zamaNguni kwakuzimpahla zeMpepho kwaZulu.UMlando usifundisa ukuthi izinkomo zamaNguni Kwakuzineme eziligugu kak...
20/07/2023

Izinkomo zamaNguni kwakuzimpahla zeMpepho kwaZulu.

UMlando usifundisa ukuthi izinkomo zamaNguni Kwakuzineme eziligugu kakhulu kwaZulu ngesikhathi seNkosi yasoNdini Cetshwayo kaMpande nangemuva kusuka kwiSilo sakwaDukuza uShaka kaSenzangakhona.

Loluhlobo lwezinkomo zaziwa ngokuthi iNyoni kayiphumuli bathi zazingafuywa umuntu Uma izelwe yayithathwa isiwe eNkosini.

Yizo Phela lezinkomo ezaqhatha uZulu namangisi ukuze igcine idumelane eSandlwane.
uMa Theophelious Shepstone etheleka esigodlweni ONdini ezofuna usiHayo Ngobese amangisi efuna kumjezisa ngoba ekhiphe uMnyalelo wokuthi INdodana yakhe uMehlokaZulu wathi ayihambe Iyolanda oNina phesheya koThukela mayiqeda ibagwaze ibabulale amangisi Afika azomfuna ethi afuna kumjezisa ngokumbopha inkosi uCetshwayo yaphika yathi Cha loludaba ngolwethu sizolulungisa ngendlela yakwaZulu.

Amangisi aphoqa ukuba athathwe uSihayo Uma kungenjalo akahlawule ngezinkomo zeNyoni kayiphumuli okuzinkomo zamaNguni bathi iNgonyama yathi amabheshu ethu aNxanye ngalokho yathamba iNgonyama yamazulu ukuba aziphume lezinkomo ezingu 300.ngoba yayibona kuzosuka uthuthuva phakathi kwaMangisi noZulu.

uMlando uthi Amabutho ayehambise lezonkomo azigwaza endleleni azibulala athi Uma singeke sifele izinkomo zakho silo sofelani.

Phela kwaZulu bekufelwa iNhlabathi,Izinkomo namakhosikazi.Amabutho abuya lapho eselindele impi nempela bayikhomba eSandlwane yathathana.

Address

Ulundi
Ulundi
3838

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 17:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 17:00
Friday 09:00 - 03:00

Telephone

+27767158180

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Igula TV posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Igula TV:

Videos

Share


Other Media/News Companies in Ulundi

Show All