Umkhaya Media Group Pty Ltd

Umkhaya Media Group Pty Ltd UMKHAYA wakho wezindaba nezingxoxo
(1)

UKHOZI FM LUNEMBILE NGABASAKAZI ABASIFAKE KU-2025
02/01/2025

UKHOZI FM LUNEMBILE NGABASAKAZI ABASIFAKE KU-2025

Ngu Sphamandla Mthethwa NAKUBA kungelula ukugculisa bonke abantu kodwa ozenza ongaboni kuphela ongathi Ukhozi FM alwenzanga kahle ngokwenza ekuphatheni umncintiswano

KWAPHELA UKUKHULUMA: Selidume ledlula ngomncintiswano woKhozi FM wengoma ehlukanisa unyaka ka-2024 no 2025. Kuthe mazith...
31/12/2024

KWAPHELA UKUKHULUMA: Selidume ledlula ngomncintiswano woKhozi FM wengoma ehlukanisa unyaka ka-2024 no 2025. Kuthe mazithi ngqo phakathi kwamabili abasakazi, u-Selbyonce Mkhize no MaFresh bamemezela ingoma ethi 'Gucci' kaMthandeni SK no MaWhoo njengedle umhlanganiso. Le ngoma ikhale yemuka nemoto yakwa-VW ngokuziqwaqwada zonke amakhanda ngamavoti angu-976 000 ezinye izingoma eziyishumi ebeziku-Top 10 kulo msakazo. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

*Udaba olugcwele luyalandela.

OWAYELIBAMBA KU-PIRATES USEFANISE UMOFOKENG NOMQOMBOTHI
31/12/2024

OWAYELIBAMBA KU-PIRATES USEFANISE UMOFOKENG NOMQOMBOTHI

AKUNGATSHAZWA ukuthi kube unyaka angasoze wawulibala lona empilweni yakhe umdlali we-Orlando Pirates osemncane, uRelebohile Mofokeng. Lo mdlali oyibamba esiswini kwezimnyama

WASHA AMEHLO: Nganasi isingqazu esingu-DJ Zinhle ebesigubha iminyaka engamashumi amane nambili ngoMsombuluko. www.umkhay...
31/12/2024

WASHA AMEHLO: Nganasi isingqazu esingu-DJ Zinhle ebesigubha iminyaka engamashumi amane nambili ngoMsombuluko. www.umkhaya.co.za

EZASEMGWAQENI: Kufe abantu abayisikhombisa (7) kule ngozi enyantisa igazi eyenzeke emgwaqeni u-N4 phakathi kwe-Wonderfon...
31/12/2024

EZASEMGWAQENI: Kufe abantu abayisikhombisa (7) kule ngozi enyantisa igazi eyenzeke emgwaqeni u-N4 phakathi kwe-Wonderfontein neBelfast esifundazweni iMpumalanga ngoLwesibili ntambama. Kule ngozi kushayisene izimoto ezimbili ezingama-BMW 'ebezindiza'. Abe-Road Traffic Management Corporation (RMTC) ne-Arrive Alive eMpumalanga baxwayisa abashayeli ukuba behlise isivinini emgwaqeni ukugwema izingozi ezifuze lezi. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

📷Arrive Alive

KASAWUBONANGA OZAYO: Utholakale efile emotweni yomsebenzi uKhensani Mabaso oyiphoyisa likamasipala waseGoli, i-Johannesb...
31/12/2024

KASAWUBONANGA OZAYO: Utholakale efile emotweni yomsebenzi uKhensani Mabaso oyiphoyisa likamasipala waseGoli, i-Johannesburg Metro Police Department (JMPD). UKhensani oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) utholwe enenxeba lokudutshulwa esemzini wakhe oseDiepkloof eGoli ngoLwesibili emini. Ngokombiko wesikhashana wamaphoyisa kusolakala ukuthi ubebanjwa inkunzi njengoba umakhalekhukhwini wakhe ungatholakalanga kuyena. Kuthiwa ngesikhathi edutshulwa ubengakashayisi emsebenzini. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

EZAMAZWE OMHLABA: Sekuboshwe abantu abahlanu e-Argentina ngokufa komculi  wase-Britain, u-Liam Payne (osesithombeni) owa...
31/12/2024

EZAMAZWE OMHLABA: Sekuboshwe abantu abahlanu e-Argentina ngokufa komculi wase-Britain, u-Liam Payne (osesithombeni) owathanqazeka phansi esuka phezulu endlini ayengenise kuyo ehhotela i-Buenos Aires Hotel ngoMfumfu nonyaka emuva kophuza mawala utshwala futhi wasebenzisa izidakamizwa eziyingozi. Labantu abangadalulwanga amagama abo okuthiwa baboshelwe icala lokubulala, umuntu ayehamba naye, owesifazane ongumphathi wehhotela okwafela kulo u-Payne, nenhloko yabasebenzi abamukela izivakashi ehhotela.

Abanye ababili ababoshelwe ukulethela lomculi oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) izidakamizwa umsebenzi wasehhotela afela kulo nomunye umsebenzi ohambisela amakhasimende ukudla ahlangana naye ndawana thize edolobheni.

Ukufa kwalo mculi wodumo lwengoma ethi 'Strip That Down' ayenza no-Quavo kwanyakazisa abantu abaningi emhlabeni, ikakhulu endimeni yomculo. Uphenyo ngecala lokufa kwakhe luyaqhubeka. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

INYONI KAYIPHUMULI: Ungqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali, u...
31/12/2024

INYONI KAYIPHUMULI: Ungqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMfu. Thulasizwe Buthelezi uhlele ukuba nomhlangano namakhosi ezizwe ezindlini zesishayamthetho ezindala oLundi ngehora lesishiyagalolunye ekuseni (09:00) ngoLwesihlanu. UMKHAYA awukwazanga ukuthola ukuthi iziphi izihloko ungqongqoshe afuna ukuzidingida namakhosi. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

UKHOZI FM LUZOYIDLALA NGEHORA LABATHAKATHI INGOMA EHLUKANISA UNYAKA
31/12/2024

UKHOZI FM LUZOYIDLALA NGEHORA LABATHAKATHI INGOMA EHLUKANISA UNYAKA

SEKULELE kubalaleli boKhozi FM ukuthi bavote kanjani ngengoma ezohlukanisa unyaka emsakazweni wesiZulu, Ukhozi FM. Ukuvotela ingoma ehlukanisa unyaka kuyavala namuhla

ISIMO SEZULU: I-South African Weather Service (SAWS) isikhiphe isexwayiso sesimo sezulu sesigaba sokuqala lapho kungalin...
31/12/2024

ISIMO SEZULU: I-South African Weather Service (SAWS) isikhiphe isexwayiso sesimo sezulu sesigaba sokuqala lapho kungalindelwa imvula nokuduma kwezulu ezingxenyeni ezisentshonalanga yesifundazwe iKwaZulu-Natali namuhla [ngoLwesibili].

Izifunda ezizothinteka kakhulu uThukela noMngungundlovu. Nokho nezinye izingxenye zesifundazwe zingalindela imvula engu-30% ehambisana nokuduma kwezulu ngalolu suku lokugcina ku-2024.

Isangoma sezulu u-Wiseman Dlamini uthe: “Uma ubheka okungase kwenzeke kusasa [namuhla] singalindela izihlambi zemvula ezingxenyeni eziningi zesifundazwe i-KZN. Sixwayisa abantu ngesimo sezulu sesigaba sokuqala esilindeleke ezingxenyeni ezisentshonalanga yesifundazwe i-KZN okuhlanganisa izifunda, uThukela noMgungundlovu ubheke njalo eGoli.

"Kungalindelwa imvula engu-30% nokuduma kwezulu kwezinye izingxenye zesifundazwe i-KZN, kodwa kulezindawo ezizothinteka kakhulu kungalindelwa imvula engu-60% ehambisana nakho ukuduma kwezulu". FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

Umthombo: SABC News

OKHULUMELA amaphoyisa kamasipala waseThekwini i-Durban Metro Police Service, u-Colonel Boysie Zungu udonse ngendlebe aba...
31/12/2024

OKHULUMELA amaphoyisa kamasipala waseThekwini i-Durban Metro Police Service, u-Colonel Boysie Zungu udonse ngendlebe abantu bakulo masipala abazoqala ukuqhumisa iziqhumane (fireworks) imizuzu ingakabi ishumi nanhlanu ngaphambi kwehora leshumi nambili ebusuku (23:45) nangemuva kwemizuzu eyishumi nanhlanu lishayile eleshumi nambili ekuseni (00:15). Uthe lokhu kuwumthetho kamasipala futhi labo abangeke bawulandele bazobhekana nolaka lwembokodo ebomvu engabashushisa kanti bengakhokhiswa inhlawulo ka-R2500 uma betholakala benecala. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

UMBONO: UNGAKHATHAZEKI30 Zibandlela 2024 | GqugquzelekaSONKE sinezimpi esizilwayo, kwesinye isikhathi Izimpi esibhekene ...
30/12/2024

UMBONO: UNGAKHATHAZEKI

30 Zibandlela 2024 | Gqugquzeleka

SONKE sinezimpi esizilwayo, kwesinye isikhathi Izimpi esibhekene iyaphuza ukuphela. Kodwa endleleni yokunqoba siba nokulingwa ukuthi siphele amandla, size sifise ukuduba siyeke. Kepha lokho akufiki sisenamandla kufika ngalesi sikhathi sesi khathele.

Ibhayibheli lisexwayisa njalo ngengozi yokuphela amandla, noma ngabe ubhekene nayiphi impi ungayeki ukulwa. Esikhundleni sokulokhu ubalisa ngempi engapheli kufanele uthi
"Ngiyazi ukuthi okwamanje ngilapha, kodwa angihleli lapha, nalokhu kusazodlula".

Umuntu okhathalayo ugcina esebona izinkinga zodwa kunesi sombululo. Kumenza akhulume ngesimo akuso kuno kube akhulume ngafuna ukuba yikho, noma afuna kwenzeke. Benza kanjalo nabantwana bakwa Israeli bazibona befana nezintethe bathi ngeke bekwazi ukudla izwe uJehova owaye banike lona.

Kanti uSmakade uthi labo abamethembayo uJehova ubanika amandla amasha, bayondiza njengo khozi benga khathali. Nawe usazondiza nalabo kade bekubukela phansi uzoba mangaza, inqobo nje uma uhleli ethembeni elinguSimakade . Kufanele utshele izinkinga zakho ubukhulu bamandla kaJehova, hhayi ukutshela uJehova ukuthi zinkulu kangakanani izinkinga zakho. www.umkhaya.co.za

Ngu: Bhekinhlanhla Mdletshe

EZASEMGWAQENI: Laphaya okuhlangana khona imigwaqo u-Kenilworth no Brickfield sekubhidene izinto elolini lakwa-Jackknifed...
30/12/2024

EZASEMGWAQENI: Laphaya okuhlangana khona imigwaqo u-Kenilworth no Brickfield sekubhidene izinto elolini lakwa-Jackknifed Truck njengoba inqola ifuna ukusala phansi emgwaqeni.

Okwenzekile, inqola ivele yanqumisa yavala umgwaqo okwenza kube nzima ukuhamba kwezinye izimoto. Kuxwayiswa abashayeli bezimoto ukuthi beqaphele uma besondela kuleya ndawo. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

EZASEMGWAQENI: Kunengozi esanda kwenzeka laphaya ku-N2 ngasohlangithini oluseningizimu ungakafiki e-Westwood Mall, eband...
30/12/2024

EZASEMGWAQENI: Kunengozi esanda kwenzeka laphaya ku-N2 ngasohlangithini oluseningizimu ungakafiki e-Westwood Mall, ebandakanya itekisi. Ngenxa yayo sekudaleke isiminyaminya njengoba nabezimo eziphuthumayo besazama ukulekelela abalimele. Kunxuswa abashayeli ukuthi beshayele ngokucophelela, beshiye nebanga elifanele futhi besebenzise ezinye izintuba. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

SEKULINDWE USUKU NGE MANDENI SHUTDOWN NYE 202430 Zibandlela 2024 | Ezikaqedisizungu SEKUQINISEKISIWE ukuthi bazobe bekho...
30/12/2024

SEKULINDWE USUKU NGE MANDENI SHUTDOWN NYE 2024

30 Zibandlela 2024 | Ezikaqedisizungu

SEKUQINISEKISIWE ukuthi bazobe bekhona emcimbini omkhulu waseMandeni wokuvala unyaka osaziwayo abangaconsi phansi kubalandeli babo, u-Emtee ongumculi we-Hiphop kanye no-King Ginger wodumo lokukhipha izimfihlo zabajolayo.

Lo mcimbi osubizwa ngeMandeni Shutdown NYE usuneminyaka eyishumi nane (14) ukhona kanti uke wabhekana nezinselelo eziningi kusuka ekushintsheni izindawo obubanjelwa kuzo kuya kubaxhasi kodwa umhleli wawo, uBitso Thwala uyaqhubeka nokulikhuphula izinga lawo.

Okuhle okwenziwa ile nsizwa ephinde ibe ngu-DJ ukuthi inika amaciko angabantu bendawo ithuba lokubonakala kanye nabadayisayo ukuthi bekwazi ukuhweba. Mayelana nemininingwane ukuthi ungalithola kanjani ithuba lokudayisa kulo mcimbi ungafonela kule nombolo: 077 373 7080.

Amathikithi eMandeni Shutdown NYE engomhlaka-31 Zibandlela kwaNgcedomhlophe Stadium azotholakala esangweni ngo-R100 kuphela. Ama-Cooler Box angena mahhala. Ngenxa yokuthi kuzogcwala kakhulu kuzovunyelwa izimoto ezingamashumi amathathu (30) kuphela ezizongena kuqala ukuthi zipake mahhala ngaphakathi ezinye zizokhokha. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

ABANOMONA BABIKA IKHASI LETHU KU-FACEBOOK UKUZE SILULAZEKEIZOLO [ngeSonto] kwisizindalwembu sethu esithi www.umkhaya.co....
29/12/2024

ABANOMONA BABIKA IKHASI LETHU KU-FACEBOOK UKUZE SILULAZEKE

IZOLO [ngeSonto] kwisizindalwembu sethu esithi www.umkhaya.co.za sibhale n**i izindaba ezike zasabalala ku-Facebook ngalo lolu suku. Udaba lokuqala lungoSizwe Mdlalose, bese kuthi olwesibili l**e ngoKing Zoso. Sibe sesizifaka ekhasini lethu lika-Facebook, kwase kuba khona abasibika ku-Facebook zakhishwa ekhasini lezindaba kwathiwa azihambisani nama-community standards aku-Facebook.

Siyazi ukuthi lo mkhuba omdala wokusibika ku-Facebook imizamo yabanomona ngempumelelo yethu futhi abasibona senza kahle manje bafuna ukusicindezela, ukuze no-Facebook usihlawulise ngokuthi usinswinye ngama-restrictions futhi uyeke ukwenza ama-recommendations ngekhasi lethu.

Lo mkhuba awumusha, ukuthi asivamile ukukhala ngawo kodwa lokhu kwakwamuva kwenza singathuli. Phezani bomonase ukwenza lo mkhuba, phushani nani ngendlela yenu.

www.umkhaya.co.za

UKHALA ESIKANANDI NGOKUQOLWA UMLISA OBEMAKHELA INDLU U-KING ZOSO
29/12/2024

UKHALA ESIKANANDI NGOKUQOLWA UMLISA OBEMAKHELA INDLU U-KING ZOSO

UMLISA odume ezinkundleni zokuxhumana uKing Zoso usebhale ku-Facebook lapho abikele khona abangani bakhe ukuthi useqolwe umlisa obemakhela indlu. ambize ngoMangazi

Address

Macambini
Sundumbili

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umkhaya Media Group Pty Ltd posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Umkhaya Media Group Pty Ltd:

Videos

Share