07/06/2022
ABABEYIZINTATHELI ZEPHEPHANDABA ILANGA BEYINTSHA KA 1976
Lesi sithombe esingezansi esingasagqamile kahle, sathathwa kwelinye lamahholo aseMlazi, enkonzweni yomngcwabo yowayengu Mhleli weziNdaba ephephandabeni Ilanga, uWilmot Mbatha.
UMthiya wayenomuzi kwa F eMlazi, wagcina esegudlukele kwa W. Wayedabuka eMahlabathini.
Zonke lezi zintatheli zazisafunda ema High School ngonyaka wezibhelu zentsha yowe 16 June 1976. Owaduma ngele Soweto Uprisings.
Ezinye zazo zase zisebenza, kodwa ziseneminyaka yobudala engaphansi kwama 30. Yingakho zazivutha bhe kupolitiki yomzabalazo.
Yingakho ezinye zazo zaxolela ukulahlekelwa wumsebenzi kuleli phephandaba ngenxa yezinkolelo zazo kwezepolitiki.
Sizokhumbuleka isigigaba lapho cishe izintatheli zeLanga ezingu 80 % zabhikisha zaze zashiya umsebenzi ngoba leliphephandaba selithengwe yinkampane yabashicileli ezazingahambisani nemigomo yayo kwezepolitiki.
Ezinye zalezi zintatheli ezisesithombeni zisaphila, kanti ezinye sezasandulela.
ESITHOMBENI
(isithombe sathathwa ngu Sipho Dhlomo owayengumthwebuli weLanga onohlonze)
Kusukela kwesokunxele ngu Frazer Mtshali, owagcina esenguMhleli wephephandaba UmAfrika; uBancroft Hlatshwayo; kulandele uXolani Nxumalo, we Xolani Weekly Journal, owake waba nguMhleli we SMME News, eBallito.
Kulandele u Chris Ntuli (ongasekho), owayenguMhleli wezemiJaho yamaHhashi; kube ngu Chris Ngcobo, owayenguMhleli wayezeMidlalo ku UmAfrika.
Kulandela u Guy Vezi, oseyi Managing Editor yephephadaba lomphakathi laseThekwini i OKUHLE; alandelwe ngu Knowledge Simelane, odlule emhlabeni esebuyele ephephandabeni Ilanga.
Nguye owayeyi Producer yomculo owakhiqiza amaqembu omculo oPongolo Gospel Wagon, Amaphoyisa asoLundi no Vusi Ximba. Nabo Sikhosana noMathonsi ababehola iqembu lomculo Amaphoyisa asoLundi.
Kuze uSipho Ngobese, owagcina eseneziqu ze B. Theology, futhi esinguMhleli wephephandaba elasungulwa ngu Solwazi Otty Nxumalo, Inkazimulo. Waduma kakhulu eseyintatheli yezemidlalo.
Zizokhumbuleka ezinye zezindaba zakhe zasenkundleni yezemidlalo yaKwaMashu. Njengesendoda kacelemba eyavuka indlobane enkundleni yagenca kwasani ephambi kwayo. Neyokugqenywa ingozi kukanompempe ongowomdabu waseNdiya uRamlakan, egqenywa ngabalandeli be African Wanderers.
Kulandele u Cyril Madlala, owagcina esenguMhleli wo UmAfrika, wabuye waba yisikhulu esiphethe uPhiko lwezokuXhumana emNnyangweni kaNdunankulu waKwaZulu-Natal.
Kugcine u Clement Ntombela, osanda kwedlula emhlabeni. WayenguMhleli weziNdaba ku SABC, kuKhozi FM neminye imisakazo ka SABC.
Laba babeyintsha enensimbi emoyeni, ngokusho koMbhishobhi wamaSheshi, naye ongasekho, u Emeritus Archbishop Desmond Mpilo Tutu.