11/07/2022
Mon, 11 Jul 2022 16:05:26 GMT
Khulekani Maseko, Zimbili Vilakazi
July 11, 2022
KUSHIYE umphakathi Knemindeni yabagilwa bedidekile ukubulawakwabantu abangu- 21 ezindaweni zokucima ukoma ngempelasonto, ezehlakalweni ezehlukene ezenzeke KwaZulu-Natal naseGauteng.
Lishone elayizolo kusabikwe abane okuthiwa badutshulwe bashonela endaweni yesigameko endaweni yokucima ukoma eseSweetwaters, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ebusuku, abayisishiyagalombili kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela belimele.
UMnuz Nkosingiphile Nsele (33), ungomunye wabane abashone kulesi sigameko.
Udadewabo, uNksz Silindile Nsele ekhuluma neSolezwe, uthe bathole ucingo obeluvela kwelinye ilungu lomphakathi ebelibazisa ukuthi sekudutshulwe umfowabo.
βSisuke ngaso leso sikhathi saqonda endaweni okwenzekekuyo isigameko, safika abantu bedindilizile, sekukhona namaphoyisa. Izidumbu bezilele kabuhlungu zingamboziwe okuthe uma sizama ukungena simboze lo wakithi, amaphoyisa asinqabela.
βAgcine ngokusidubula ngezinhlamvu zenjoloba okuholele ekutheni kulimale amanye amalungu omndeni okuyimanje asemtholampilo. Sisiphathe kabuhlungu lesi sigameko nokugudluzwa ngesankahlu ngamaphoyisa ekubeni besizele ukuzoqinisekisa isidumbu sikamfowethu,β kusho uNksz Nsele.
Elandisa ngokwenzekile, umnikazi wendawo yokucima ukoma ngesikhathi ekhuluma neSolezwe, uMnuz Mbuyiseni Mtambo, uthe ubekwelinye igumbi eliphezulu ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.
βNgesikhathi ngiphuma, ngitshelwe ukuthi kwehleabesilisa emotweni efike yama ngaphandle, bangena bangabuzalutho, badubula bebhekise kwabebephakathi. Ngikholwa wukuthi bebemazi umuntu abebemfuna, abanye bathelwa ngamachaphazelo.
βBekunemoto yohlobo lwePolo ebivele ipakile ngaphakathi, okuthe emva kokudubula, umnikazi waphuma ngaphakathi ephethe isibhamu ehamba nentombazane isikhashana.
βUbuye wangena kule moto washaya wachitha,β kusho uMtambo.
Uthe isigameko esifuze lesi besingakaze senzeke selokhu aqala ukusebenzela kule ndawo kusuka ngo-1992, wathi simshaqise kakhulu. U