Usheshe wafika u Khisimuzi kuzakhamuzi esezikhulile e Dududu KwaZulu Natal kulandela izipho zezijumbane zokudla eziphuma enhlanganweni i Sandile Phakathi Foundation. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Umhlahlo wesimo sezulu. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Iphini lika ngqongqoshe wezokuthutha uMkhuleko Hlengwa selinxuse abantu ukuthi bethobele imithetho yemigwaqo. Lokhu kuza emva kokuba lomnyango udalule ukuthi isibalo sabantu abashone ezingozini zomgwaqo selokhu kuqale uZibandlela senyuke ngamaphesenti amathathu uma kuqhathaniswa nesangonyaka odlule. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Ulindeleke ukuba wande umthamo wezimoto emgwaqeni omkhulu uN3 obheke KwaZulu-Natal kulempelasonto njengoba abantu abaningi abayochitha amaholide belibhekise kulesifundazwe.
Abashayeli bezimoto banxuswe ukuthi baqaphele emgwaqeni. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Ungqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu kanye nezikhulu zalomnyango zihole umkhankaso wezokuphepha eBelhar eWestern Cape namhlanje. Lokhu kuyingxenye yemizamo yokuqinisa ezokuphepha kulelizwe ngalesikhathi samaholide. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Udlame olweyamene nobulili eNingizimu Africa luyaqhubeka nokuba yinhlekelele ebhekene nezwe. Izikhungo ezibhacisa izisulu zaloludlame ezifana ne Bet Sheekoom eGqeberha eEastern Cape zisengcupheni yokuvalwa ngenxa yokungatholi uxhaso lwezimali olwanele kuhumeni. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Iqembu i DA belingahambisani nezigatshana ezimbili ze BELA Bill ebekusaboniswana ngazo. Kepha manje ibukeka ngathi igobe uphondo. #izindabaku163 #NewsOnWethu
UMengameli Cyril Ramaphosa useyalele ungqongqoshe wezemfundo eyisisekelo uSiviwe Gwarube ukuthi agunyaze ukusebenza komthetho omusha othinta ukusebenza komnyango wezemfundo iBella Act. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Amaphoyisa ase Mkhomazi ogwini oluse Ningizimu ye KwaZulu Natal aphenya amacala amabili okubulala kulandela ukuthi owesilisa oneminyaka engamashumi amabili nane ebulale intombi yakhe eneminyaka engamashumi amabili nambili kanye nengane yabo eneminyaka emithathu ngaphambi kokuthi azibulale eMgababa. Izidumbu zabo zitholakale endlini abebehlala kuyo ekuseni namhlanje. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Amaphoyisa asemgwaqeni ukuqinisekisa ukuthi akekho ophula umthetho emgwaqeni kulamaholide asehlobo njengoba nomthamo wezimoto ubonakala wenyuka emgwaqeni. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Asikaziwa isizathu esiholele ekutheni owesilisa oneminyaka engamashumi amabili nane (24) abulale owesifazane abethandana naye obeneminyaka engamashumi amabili nambili (22) kanye nengane yabo eneminyaka emithathu (3). Izidumbu sowesifazane nesengane zitholakale namhlanje ekuseni kulendlu zinamanxeba okugwazwa kanti owesilisa utholakale elenga entanjeni abezikhunge ngayo. #izindabaku163 #NewsOnWethu
Usashaqekile umndeni wowesilisa wase Mgababa ogwini oluseNingizimu ye KwaZulu Natal emva kokuba ebulale owesifazane obethandana naye kanye nengane yabo naye wase ezikhunga. #izindabaku163 #NewsOnWethu