Umthombo reading and writing club

  • Home
  • Umthombo reading and writing club

Umthombo reading and writing club Izindaba Ezimnandi ngesiZulu

Last month the owner of this car got up in the morning and discovered this circle round his car.  He avoided using the c...
21/11/2023

Last month the owner of this car got up in the morning and discovered this circle round his car. He avoided using the car and has been going to work by taxi since then. He even invited a mechanic to come and pull the car out but the mechanic too ran away without touching anything upon seeing the circle. Just this morning he woke up to see his son playing in the circle. He shouted and the son revealed that he was the one who had drawn the circle with corn flour that the mother asked him to go and throw away. The son is still receiving Beαtings as I post this...... Black man with too much sense 😏😏

21/11/2023

ISONDO LIYAJIKA
Isahluko 2

Kuthe uma bemtshela ubaba kamngani kaMondise wabachitha emicabangweni yabo. “Kungenzeka loya muntu ukuthi ubebuka nina ukuthi akujwayelekile ukubona izingane zabantu abamnyama zidlala igalofi kanti namafoni eniwaphethe ayawadonsa amehlo abantu ayakhombisa ukuthi ningomacaphuna kusale, engahlala kanjani ke enganibuki”, kukhuluma ubaba kamngani kaMondiwe. Bathula bamukele lokhu okushiwo umuntu omdala kodwa basaqhubeka emcabangweni yabo ukuthi loya muntu uyasolisa.

UMaMlondo akazwani nomamezala wakhe ukuthi kwabangwani akwaziwa muntu. Afone ugogo wezingane acele ukubuza ukuthi abaphathisele yini izitshalo zasemasimini ngoba sekuyisikhathi sokuvuna abakutshalile. Emakhaya banodeda ngendlala wensimu abatshale kuwo izitshalo ezahlukene ezivunywa inhlabathi yakhona. Le nsimu ivuma imifino, isipinashi, iklabishi nommbila. Umakoti kuyasoleka ukuthi isizathu sokuthi angafuni ukuya emakhaya ingoba usaba ukuthi kuzothiwa akayohlakula, alime namasimu akoJobe.

Umakoti phela uyazithanda kabi wayebona kahle nje ukuthi ubani uzoyovundululana nokhula kanye nenhlabathi ngezinzipho ezinde, nakanjani zizosala phansi enhlabathini noma zihambe nokhula. Angisayiphathi phela eyokuziphophotha ayisebenzi emasimini. Emakhaya ubantu besifazane uma beya emasimini bagcoba ibomvu ukuze ilanga lingabashisi kakhulu ebusweni bazivikele ngalo esikhunjeni nokuthi isikhumba sabo singashwabani besebancane.

Abazali bakaJobe bafonele ukumbuza ukuthi uyazifuna yini izitshalo. Avume ukuthi bazithumele ngebhasi uzobafakele imali yokuzithumela. Umakoti angayizwa kahle lendaba yokuphathiswa kwezitshalo, avele adinwe aganwe unwabu. Useya gqishizela endlini ungafunga ukuthi kuzoqhamuka indlovu. “We! Jobe ucabanga ukuthi uzokubeka kuphi lokho kudla okunenhlabathi yasemakhaya ngiyethemba awuthembile ukuthi uzokufaka la endlini yami ngoba cha engeke kuze kungene nokuphekela le ngaphandle ninezingane zakho lokho kudla. Angazi ngoba phela sinazo izitolo la eKapa usungaze ufake imali engaka ukuthi zigitshezwe”, kuthetha umakoti.

“Cha mkami akusikho ukuthi angeke sikuthole ezitolo zalapha eKapa lokhu kudla kodwa okwasekhaya kwehlukile kunokwala, phela emakhaya kukhula ngemvelo kanti lokhu okwalapha eKapa kukhuliswa ngezinsiza kukhulisa ukuze kusheshe kuvunwe ngoba izitolo ziyakudinga futhi bajahe nemali yazo. Umama ukudla kwasemasimini ukuthumela ngoba uyasithanda futhi akalindele imali ngakho wondla nje umndeni wakhe awuthandayo. Yazi mkami ngelinye ilanga kuzomele wehle uye emakhaya uzame nje kancane ukuthi uye engadini uzobona mhlawumbe uzogcina usuthanda ukulima kwazi bani. Ungagcina usuthanda ngisho nokudla kwakhona kwazi bani, singabona nje usuziqalela ibhizinisi usuneyakho ingadi la eKapa”, kukhuluma uJobe.

“Uthi uyazibona kodwa lezi zinzipho, izinkophe nesikhumba sami kuhle kanjani, ngathi ngiyabona sengibuya emasimini izintuli zigcwele izinkophe sekungathi zimpunga ngimusha kangaka Jobe wami uyazizwa kodwa ukuthi ufisa into engasoze yenzeka nasemadala judeni. Mina ngizofela khona la eKapa, ilanga lingawa phansi licoshwe izinkukhu”, kukhuluma umakoti

Iyaqhubeka

18/11/2023

ISONDO LIYAJIKAJIKA - (Bongiwe Mtambo)
ISAHLUKO 1

Badla izambane likapondo kwaJobe, bangomacaphuna kusale kwezezimali. Lo mndeni uhlala eKapa umuzi wabo useduze kolwandle, uma kushisa ilanga abahlupheki bayazipholela kuveranda wesitezi sabo beshaywe umoya wolwandle. Nakuba beseduze kolwandle banalo idamu lamanzi egcekeni ababhukuda kulo uma kunzima ukuya olwandle ngenxa yokushisa. Umuzi ubiyeliwe ngocingo lukagesi.

UJobe uzalwa emakhaya le Empangeni lapho kuhlangana khona uMfolozi oMnyama noMhlophe. Unezingane ezimbili uMondise noMatshini. UJobe wahamba eyofuna umsebenzi eKapa akabange esabuyela emakhaya. Wathenga umuzi waze waba nomakoti owaya kanye emakhaya, eyezingane yona ayiphathwa zagcina zincane. Ugogo nomkhulu babagcina ngokubabona kumakhala ekhukhwini. Izaguga nazo zihleze zilangazelela ukubona abazukulu kodwa umama wabo uMamlondo ogane uJobe akafuni ukuthi baye emakhaya.

UJobe uhleli egumbini lakhe lokusebenza usayinda amaphepha efayilini elikhulu. Kungene uMondise acele ukuthi ubaba wakhe amuphelezele aye koziqeqesha, phela inkabi le idlala igalofi kwazise alidlalwa yinoma ubani kodwa lidlalwa ngomacaphuna kusale. Ngenxa yokuthI ubaba kaMondise ubambekile umsebenzi, acele omunye wobaba wabangani bakaMondise ukuthi amphathele ingane yakhe njengoba vele bayaye bashintshane uma omunye ebambekile.

Amthole umuntu azomphathela uMondise, uJobe, bahambe beyoziqeqesha enkundleni yegalofi. Kuthe sesiphelile isikhathi bahamba uMondise nomngani wakhe beye koshintsha izimpahla ebebezilolonga ngazo. Uma behamba bekunendoda elokhu ibabuka iyasolisa futhi ilokhu ibuka uMondise ngaso sonke isikhathi esitholayo. UMondise aqale manje ezizwe engakhululekile futhi engaphephile basheshise babuyele emontweni beyotshela ubaba kamngani wakhe ngabakusolayo.

===========
Iyaqhubeka

lomlungu udliwe ilezinja waze wafa kuyanxuswa ukuthi abaNtu abafuye lezinja baziyise e SPCA  noma ke mawuyibona unayo in...
24/09/2023

lomlungu udliwe ilezinja waze wafa kuyanxuswa ukuthi abaNtu abafuye lezinja baziyise e SPCA noma ke mawuyibona unayo indlela uyibulale

12/12/2022

NGIMSULWA PRT 2
Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale.”
Kuhlengezela izinyembezi kuSanele. Ukwenzile lokho amuyala ngakho uMaKhoza, wabona ukuthi umsebenzi akawutholi, wasukuma. Bahlangana noSipho, umngani wakhe wakudala, baqala umsebenzi wama-tender. Konke bekuhamba kahle kodwa nakhu manje uSipho akasaluphenduli ucingo. Sekudlule isonto lonke uSipho engaphenduli.
“Kusobala ukuthi ngigibele isitimela esingeke singifikise lapho engifisa ukufinyelela khona,” kusho uSanele ekhuluma yedwa lapha emotweni, ephuthaza iduku ephaketheni lebhulukwe. “Usengishintshele uSipho ngimthembile? Kodwa ngizoqala ngimbheke kuphi uma ngingamtholi kwaKhumalo?”
Akasinakile nhlobo isivinini ahamba ngaso uSanele njengoba eyinyathela kakhulu imoto edlula eTheku Plaza.

Ihamba ngesivinini esiphezulu imoto kaSanele. Ungafunga ukuthi akanandaba nayo njengoba engasehlisi isivinini noma ezodlula kuwo amabhampu. Ukube kuya ngaye ngabe usefikile kwaKhumalo manje. Ufuna ukuma phambi kwakhe uSipho, babukane ezinhlamvini zamehlo, ambuze ukuthi ikuphi inkinga.
“Waze wangigila uSipho izolo,” kusho uSanele enikina ikhanda, enxapha. “Kumele ngimshayele izandla uma ngifika kuye. Uyayenza into yakhe. Ubukise ngami ngaphenduka isilima ngenzana nomsebenzi wakhe. Usewashabalalisile amaphupho ami. Angisayiboni inqubekela phambili.”
Ubuka imvelo ngaphandle-amathafa nezihlahla- njengoba enyusa isivinini semoto. Uzama ukwehlisa umoya ngokubuka ngaphandle. Akupheli umzuzu owodwa ebuka imvelo azizwe eshaya umthandazo omncane.
“Siza, Mninimandla wonke. Indlela eya empumelelweni isivele yaba mnyama. Siza Mninimandla wonke, ulethe ukukhanya. Ngenelela, ngingaze ngibe inhlekisa ezweni. Akuhambi kahle uma kunje. Asikaqedi ukhwakha nesokuqala isikole, kodwa uSipho wenza kanje? Sizoziqeda nini lezi ezinye ezisele uma yena eqhubeka kanje? Hawu, kanti ukuthemba umuntu kunje?”
Ujulile ngomcabango, akaboni nokuthi irobhoti leli asondela kulo ngesivinini esiphezulu. Futhi nalo irobhothi livalile. Kukhona inqwaba yezingane ewelayo. Uyimisa ngendluzula imoto erobhothini kuze kukhale amathayi.

“Lingenzani kodwa irobhothi? Ngathi liqeda ukuvula nje, seliyavala futhi!” kusho uSanele, ephefumulela phezulu kuhle komuntu obegijima. “O Nkosi! Sengicishe ngalimaza izingane ezingaka pho! Bengizochaza ngithini kubazali bazo?”
Uphakamise izandla, exolisa ezinganeni ezithukile. Amehlo akhe abheke ngqo emibaleni yerobhothi njengoba lisaveze umbala obomvu. Kunkenteza ikhanda ecabanga izizumbulu zemali ayiboleke ebhange

Cont.

Send a message to learn more

02/12/2022

NGIMSULWA PRT 1 (lendaba ibhalwe nguMsawenkosi Mtshali)

Kanti ngoneni ngempela? Zamosheka kangaka izinto zami? Angikaze ngiphoxeke kangaka empilweni yami!” kusho uSanele enikina ikhanda.

“Kanti ikuphi inkinga? Izinyanga ezintathu ezidlule bezinzima kakhulu. Konke ebengikuzama akuphumelelanga,” ukhuluma yedwa ezibuza eziphendula njengoba ebuka ibhasi lakwa-Transnat elithwele izingane zesikole.

Ugwinya amathe, aqalaze ngokuqaphelelisisa, abone ukuthi ayikho imoto eza ngaphambi kwakhe. Unyathela imoto, sinyuke isivinini, alidlule ibhasi lakwa-Transnat.

Uxakekile emqondweni uSanele, ujulile ngemicabango. Uzithola ecabanga ngogogo wakhe osewadlula emhlabeni, uMaKhoza. Ulikhumbula sengathi lenzeka njengamanje usuku lapho bexoxa noMaKhoza.

“Mzukulu,” kwasho uMaKhoza. “Uma sekuzokhanya kuyaye kube mnyama kakhulu. Kuyasiza ukubekezela.”

USanele wabuka uMaKhoza ngokumangala, wathi, “Ngiyezwa, Gogo.”

“Ungawiswa ubala, mzukulu. Unganciki kumuntu, umuntu uyashintsha. Konke kulele ezandleni zakho. Uma ungazisukumeli wena, angeke ukuthole okudingayo empilweni. Impumelelo ayizi kumuntu, futhi akulula ukuthi uphumelele uma ungazikhandli wena – ukulala angeke kukusize ngalutho. Abafundile bathi, ‘work like a slave if you want to live like a king in future.’”

“Kodwa nawe, uyabona ukuthi ngiyazikhandla, Gogo.”

“Ukube kuya ngami, ubungeke uzikhandlele umcebo wabanye abantu. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe, angeke kulunge uma wena uzofeza imibono yabanye abantu. Kuzuza bona ngamandla akho, hhayi wena!”

“Kunjalo impela, Gogo, kodwa kunzima. Kulukhuni ukuziqalela into ngingedwa ngoba imali anginayo. Yingakho kufanele ngincike kwabanye abantu okwesikhashana.”

Kuhlengezela izinyembezi kuSanele njengoba ekhumbula amazwi ayeshiwo uMaKhoza.

“Ungalinge ujabulele imadlana! Lomuzi kumele wakhiwe kube ikhaya elinomnyeni nonkosikazi – izingane zigcwale igceke. Ungalinge ulingise uyihlo owashiya unyoko nezingane wayokipita emzini womfelokazi eWitbank!” kwasho uMakhoza, ukuthukuthela kugcwele ebusweni.

“Ngeke ngenze njongobaba mina, Gogo,”
Ngiyojabula uma kunjalo. Okunye okufanele ukwazi ukuthi qhubeka ufunde, uhlukane nabangani abangathandi ukufunda! Uyayithanda yini lempilo osuyiphila? Ingabe kumnandi ukuhlala uthamele ilanga nsuku zonke?”

“Ngiyazama nje, Gogo. Ngivuka nsuku zonke ngibheke izikhala zemisebenzi ephepheni. Nawe, Gogo, ungisola noma isidingo singekho.”

“Lalela, mzukulu,” kwasho uMaKhoza ebuka uSanele ngamehlo agcwele uthando.

Isaqhubeka ....😉👍

19/05/2022



Endaweni yase Amaphuthu engaphansi kwenkosi TP Mbhele kunezigodi ezintathu eziyakhele okuyi Nkonisa, Thulani kanye naseZimambeni. Lendawo ingaphansi kukamasipala waseNkandla wona owenganyelwe ngumasipala wesifunda King Cetshwayo.
Kuyona lendawo kunesinye isigodi esibizwa ngokuthi kukwaCuphuchuku, naso singaphansi kwenkosi uMbhele wesizwe sase Amaphuthu. Leligama lesigodi laqhamuka ngemumva kokuba labantu abakhele lesisigodi bakha ngenkani emadlelweni ezinkomo zesizwe sikaMbhele, base bethi bacuphe uchuku. Bona ngokwabo bakhonza ngaphansi kwenkosi yaseMachubeni kwaShezi. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi indawo yase Amaphuthu yabe ingaphansi kwenkosi uShezi singakafiki isizwe Amaphuthu esaqhamuka kwaNobamba emvakokususwa ngamabhunu ngaleya Mnyaka yezikhathi zobandlululo. Kwaba nezivumelwano-ke phakathi kwamakhosi omabili kanye namabhunu ukuthi kudatshulwe umngcele phakathi kunikezwe Amaphuthu ingxenye yendawo.
Lendawo inemimfula okuyi Nkonisa, Xhaxhavane, Iwelandlovu Kanye noMdlelanga. Lemfula yonke kunye namahlathi kunezigigaba zakhona, sizokhuluma ngezigameko zayo ngokwehlukana kwazo. Imizi eminingi isakholelwa emfuyweni nasekulimeni yize kweminye imizi izibaya sezimila imbuya ngenxa yamasela emfuyo.
Kunomuzi wakwa Ntombela owawunemfuyo exaka uSathane ngobuningi bayo, abaziphoshozayo babika ukuthi umnumzane wakhona uneziko. Sobuye silichaze ngelinye ilanga ukuthi liyini iziko kwemfuyo nobuhle kanye nobubi balo. Kuwona lomuzi kwakunomfana wakhona owayeyikhonzile imfuyo kayise futhi kunguye oyelusayo.
Langalimbe wathi ebuya emadlelweni nezinkomo zikayise, kwatholakala ukuthi aziphelele kushoda eziyishumi. Wayethukuthele ethelwa ngamanzi umnumzane womuzi, waze walibeka ngembaba ukuthi angeke aze alale kwakhe lomfana singabuyanga zonke lezinkomo ezidukile. Lwalungafakwa lubuya nodaka kuNtombela, nabanye abanumzane bamazi kahle uMahlobo ukuthi akathi kusasa. Njengokusho kukayise uBhoboza okuyigama lakhe wahamba ngobumnyama ebhekana nemfuyo emahlathini.... Cont

Iyabhayizisa!Kalakatsha! Gilikidi! Xhugexhuge! Indoda ende emnyama engathi ukhuza izulu. Uyatabuzela ngetrunk iqimbile i...
17/03/2022

Iyabhayizisa!

Kalakatsha! Gilikidi! Xhugexhuge! Indoda ende emnyama engathi ukhuza izulu. Uyatabuzela ngetrunk iqimbile ijuluke imanzi ithe te. Liyashisa nelanga lanamhlanje ngathi liyazi ukuthi uMsombuluko, wonkumuntu uzicobekele.
Ikheleze njalo ngomgwaqo lendoda ileyijeqeza emuva uyabona nje ukuthi uyabaleka. Abantu ehlangana nabo endleleni bayayikha ngensini bakhiphe namafoni bamshuthe. Yize bengebaningi abantu emigwaqeni, bakhosele emithunzini ngenxa yokushisa nesivuthevuthe.
Kusenjalo kuqhamuke amadoda amabili ahlome ngezikhali zendabuko. Ahamba ayafokofisa "uphi lolwabishi wenja, ehamba idla amaqanda emzini yabantu". Uyabona nje ukuthi uma beke bamfica kuphelile ngaye uyophenduka mizimithi. Lamadoda uyabona ukuthi awagayelwa mphako angakudla luhlaza uma engakuthola.
Uma sebezikhininda abasiki bebunda, kuthiwa lendoda ebitabuzela ubanjiwe elele emzini wendoda emini ilanga libalele. Akwaziwa ukuthi umfazi ngabe usawuphosa yini umbala ne lakakhona. Kuthiwa lendoda yomkhaba ahamba emabili iqale ngaye umfazi yamqoba yamqoba ngobhushi. Nokuyilapho lendoda ende ethole khona intuba yaphulukundlela.
.. Sizoyiqhuba uma nizoyithakasela

29/08/2021

Sanibonani balandeli bepage, kade sagcina ukuniphakela izindaba ezihlabahlosile. Kungekudala kuzongena indaba esiyibhalelwe ngu Jimmy Sithembiso esihloko sithi "IYABHAYIZISA". Sicela niyithokozele nibize nabanye bazobhema eshungwini kunye nani👏

04/04/2021

Umuzi okuMakoro drive 2

Umama wakho ufonile wangitshela ukuthi uzobuya ngo 6:30, ngoba kukhona umuntu azomhlinza esibhedlela ngo 5 futhi akaboni ukuthi kukhona ukungambambezela.”

Umama kaZoey noTendai wayengudokotela esibhedlela esikhulu sikahulumeni, i-Princess Marina Hospital. Bathuthela edolobheni laseGaborone eminyakeni emibili edlule ngoba umama wabo wayethole lomsebenzi, kodwa uZoey uyazi ukuthi imbangela yokuba bathuthe kwakungukuthi umama wabo wayefuna ukuthoba inhliziyo emuva kokushona kukababa wabo. Noma kwakunzima ukuba athobe inhliziyo umama kaZoey kodwa wayematasatasa ngokusebenza ngokuzikhandla esibhedlela nokunakekela izingane zakhe okwakumenza abukeke sengathi ujabulile. Kodwa uZoey wayazi ukuthi unina akajabulile.

“Ngikuzwa kahle,” kwasho uZoey ephendula uLesego.

ULesego wagaxa isikhwama sakhe, wathatha amagxathi ambalwa, wabe esema. “Kukhona okubonile kulomuzi okuMakoro Drive endleleni ebuya esikoleni?”

“Engikubonile? Cha. Ubuziswa yini?”

“Ngizwa kuthiwa bamdedelile.”

“Lobaba wakhona oyiphoyisa?”

Wavuma ngekhanda uLesego. “Phela ubesesibhedlela sabantu abagula ngengqondo esiseLobatse. Kuthiwa useluleme.”

UZoey wayengakukholwa ayekuzwa ngezindlebe zakhe. Umuntu ulalama kanjani emuva kokubulala ingane nonkosikazi? “Angikholwa kodwa ukuthi uzobuyela emzini wakhe. Ngiyacabanga ukuthi angaphithana ingqondo futhi uma engase abuyele khona ngoba angaba nezinkumbulo ezibuhlungu uma efika endlini. Futhi wonke umuntu endaweni uyazi ukuthi yini ayenza kuloya muzi.”

“Ngizwa kuthiwa uzobuyela kuwona umuzi wakhe.” ULesego wanikina ikhanda. “Hhayi ngeke ngizohamba ngenye indlela namhlanje. Angifuni nje ukudlula kuloya muzi. Kuvele kuhlasimule umzimba uma ngidlula khona.”

Ebusuku sebedla isidlo sakusihlwa, umama wakhe wamunika ujusi maqede wambuza, “Awusho, Zoey, bekunjani esikoleni?”
Bekukahle, Ma. Uzwile ukuthi leliphoyisa elabulala umndeni walo kuMakoro Drive lizodedelwa esibhedlela sabantu abagula ngengqondo?”

“Uyazi angazi yini indaba wena noLesego nithanda kangaka ukukhuluma njalo ngalendaba ehlasimulisa umzimba.”

“Kodwa ngokubona kwakho ngabe useluleme loya muntu? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu alulame ekubulaleni umndeni wakhe?”

Kwaphela isikhashana ecabangisisa umama kaZoey. “Uma kuwukuthi kukhona ukuphithana kwengqondo okwamukhunga okwesikhashana kodwa manje odokotela bengqondo bakwazile ukukulingisa, yebo ngicabanga ukuthi angalulama. Kukhona ukuphithana kwengqondo okulungisekayo ngamaphilisi nemithi ethize.

25/03/2021

UMUZI OKUMAKORO DRIVE - ISAHLUKO 1
UZoey walishova kakhulu kunakuqala ibhayisikili lakhe ngesikhathi esondela emzini osekugcineni komgwaqo uMakoro Drive. Wayewudlula ngesivinini esiphezulu lomuzi njalo uma esaya noma esebuya esikoleni. Ngesikhathi uZoey nomndeni wakhe befika kuleli dolobha laseGaborone besuka kwaBulawayo uReggie wamuxoxela konke mayelana nalomuzi. Futhi akakaze akukhohlwe konke akuzwa uZoey. Indoda eyayiyiphoyisa eyayihlala khona yabulala ingane yayo nenkosikazi yayo phakathi kulomuzi eminyakeni emihlanu edlule. Akuzange kwaphinde kwahlala omunye umuntu kulomuzi selokhu kwenzeka lesi sigameko. Azikho izicabha kuwona, amawindi awasenazo izingilazi ezivimbela izimvula, izintuli kanye nomoya ukuba kungene. UZoey wayesenakisisile ukuthi kwakunezindawana ophahleni lapho uthayela owawungasekho khona. Wazibuza ukuthi kungani lomuzi ungabhidlizwa kwakhiwe omunye, kodwa wacabanga ukuthi mhlawumbe kwawona umhlaba okwakwakhiwe kuwo waqalekiswa ngesigameko esenzeka.

Wehlisa isivinini uma esejikile waphuma kuMakoro Drive. Wangena emgwaqeni okukhona kuwo umuzi wakubo. Umfowabo omncane, uTendai, wayemlindile esangweni nenja yabo, uMickey, njenga nsukuzonke uma ebuya esikoleni. Wamisa ibhayisikili lakhe uZoey, wehla kulona, waliqhuba wangena esangweni.
Zoey, uMa Dinky unginike i-gold star namhlanje ngoba ngiwubhale kahle u ‘B’,” kwasho uTendai ngesikhathi beyongena endlini ngesicabha esingemuva. “Buka nje inhle kanjani i-gold star yami!”

UZoey wabuka phansi wayibona i-gold star eyayinamathele esiphongweni sikaTendai. “Kuhle kakhulu lokho, T. Hawu, ekugcineni ukhumbulile ukuyimisa ngendlela efanele i-gold star?’

“Yebo.”
UZoey wakhiyela ibhayisikili esigxobeni esisekela umpheme wemoto maqede wafukula inja yabo, uMickey. “Sawubona mngani wami,” washo emamatheka eyiyekela lenja encane ewuhlobo lweDachshund ukuba imukhothe ebusweni. “Ikuphi eyakho i-gold star wena Mickey?”

Ngaphakathi endlini usisi osizayo, uLesego, wayesekuqedile konke okosuku eselungiselela ukuyogibela itekisi ezomhambisa eBlock 8 lapho ayehlala khona. “Lalela, Zoey, sengiwaqobile ama-veggie enizowadla nokudla kwakusihlwa. Asefrijini. Nizofudumeza i-rice nesitshulu ku-microwave uma senilambile. Umama wakho ufonile wangitshela ukuthi uzobuya ngo 6:30, ngoba kukhona umuntu azomhlinza esibhedlela ngo 5 futhi akaboni ukuthi kukhona ukungambambezela...

Iyaqhubeka
Ibhalwe: Lauri Kubuitsile

Address


Telephone

+27768092014

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umthombo reading and writing club posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Umthombo reading and writing club:

Shortcuts

  • Address
  • Telephone
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share