PSL News

PSL News Izindaba Zemidlalo

PSL News

Woza Woza PSL

PSL Soccer Company

29/04/2024

|Lugqishe ngezinsepe uhla lwabaphelelwa yizinkontileka ngoJuni

KUFANELE ukuba kuconsa amathe emaqenjini eDStv Premiership azimisele ukuqinisa izikwata zawo ngesizini ezayo uma ebuka uhla lwamagama abadlali asebengaqala bakhulume nezesheli kwazise sebesezinyangeni eziyisithupha zokugcina ezinkontilekeni zabo.

28/04/2024

|USolomons usamethemba uJohnson ebhentshini leChiefs.

ISITOBHA seKaizer Chiefs, uDillan Solomons, sivikele umqeqeshi waso, uCavin Johnson ezinsolweni zokuphelelwa isithunzi saphika ukuba mapeketwane kwezinto ekhempini yabo.

27/04/2024

|IChiefs inqamule umgqigqo wenduku igingqa i-United.

Kaizer Chiefs 2️⃣1️⃣ SuperSport United

KUFANELE wukuthi bazolala bemamatheka abalandeli beKaizer Chiefs kulandela ukunqamula kwayo umgqigqo omubi wokushaywa emidlalweni yeligi ilandelana ngokunqoba kwiSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

25/04/2024

|IPirates izofika siyilindele: Maduka.

NAKUBA engeneme umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, ngebhola elidlalwe ezakhe, zicazelana amaphuzu nomkhaya baKwaZulu-Natal, iLamontville Golden Arrows, wethemba ukuthi bazokwenza kahle emdlalweni olandelayo ne-Orlando Pirates.

"Ithina esenze lo mdlalo wanzima. I-Arrows ayidlalanga ibhola elitheni, beyihlale ibheke thina ukuthi sizokwenzenjani. Bekumele siyijezise ngalokhu. Ubuthaka bethu buze baholela ekutheni singenelwe igoli ebesingalivimba kalula. Nakuba bekungekho okutheni obekuza ne-Arrows kodwa silehlisile izinga ikakhulukazi kusanda kuqala umdlalo. Esiwombeni sokuqala bekumele silishaye igoli," kubeka uMaduka.

25/04/2024

|Abalandeli beChiefs sebefisa kuboshelwe abadlali abasebancane

SEBEFISA ukubona abadlali abancane begijima enkundleni abalandeli beKaizer Chiefs abangagculisekile ngendlela leli qembu elidlala ngayo.

Iningi seliphelelwe nayithemba lokuthi iqembu labo lizobalwa nayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwiDStv premiership ekupheleni kwesizini.

25/04/2024

| Inkakha yeKaizer Chiefs uPollen Ndlanya isiphakamise imibuzo ngokuthi ubani osayinisa abadlali eNaturena yaphinde yaveza isifiso sayo sokuthi kubuyiswe u-Arthur Zwane kwesokuqeqesha.

23/04/2024

|URiveiro ufuna abePirates basike iphethini kuSaleng noKimvuidi.

INHLOKO yabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ibona abadlali ebafake esiwombeni sesibili njengesibonelo nokhiye ongavulela leli qembu amasango empini elikuyona yombango wegunya lokumela iPremier Soccer League (PSL) emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo.

23/04/2024

|Sicela ukuxolisa uFacebook ka Admin uhekhiwe yingakho besinga tholakali.

Kodwa manje sesizo tholakala ngicela ngiqhubeke ne Support.

16/04/2024

| Owayengumdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana, uTeko Modise, uthi kuwehlise izinga amaqembu aseKZN ukugijimela abadlali abahlulekile kumaqembu amakhulu.

15/04/2024

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usebonge abalandeli beBucs ngokuphuma ngobuningi babo emdlalweni wabo naMaZulu FC ngoMgqibelo. Uthi umdlalo bawunqobele bona.

11/04/2024

| Owayengumdlali we-Arsenal neFC Barcelona, uThierry Henry uthi uPhil Foden usengabalwa nabadlali abaphambili emhlabeni njengamanje ngoba useyakwazi ukuthwala iMan City.

11/04/2024

|ULarsen ubona sebengenile kweyokuhlungela iPremiership.

UBONA sebesisongile isigaba sokuqala, sokuzibekela indawo emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiDStv Premiership, uClinton Larsen ongumqeqeshi weMagesi.

IMagesi iqhwakele kwi-log yeMotsepe Foundation Championship. Ngempelasonto edlule leli qembu eliteketiswa ngeDikwena tsa Meetse, liqhubekile nokuvulela umpetshisi lishaya i-Orbit College ngo-2-0.

11/04/2024

|Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola ubefake iwashi leRichard Mille elibiza u-£1.1 million (R25 million) ngesikhathi ezakhe zibhekene neReal Madrid koweChampions League ngoLwesibili.

11/04/2024

|USithebe nenselelo yokugeza igama kwiChiefs.

UMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe, kubukeka ebhekene nenselelo yokubhukula akhombise ukuthi kungani kufanele leli qembu limgcine ekupheleni kwesizini.

Lokhu kufakazelwa yinkulumo yomqeqeshi waleli qembu, uCavin Johnson, ngemuva kokubuya kwakhe engadlali isikhathi eside, lapho encome khona lo mdlali ngokwenza kahle emdlalweni waleli qembu neCape Town City okwaphela zibambene ngo 0-0.

UJohson ngenkathi ekhuluma nezintatheli ngemuva kwalowo mdlalo, wakubeka kwacaca ukuthi akazi ukuthi kungani lo mdlali ebengadlaliswa (ngaphambi kokufika kwakhe uJohnson). Wathi selokhu efikile eqenjini ubonile ukuthi lo mdlali kade ayelilindile ithuba okuyingakho ayemncoma ngokudlala kahle kwakhe.

10/04/2024

|Amaphoyisa asebophe abasolwa abayisithupha ecaleni lokubulawa komdlali weKaizer Chiefs uLuke Fleurs ngesonto eledlule eHoneydew, eGoli.

09/04/2024

| Umdlali wasesiswini kwiManchester United uCasemiro uthi uselala obenyoni ngenxa yendlela abasele ngayo kumaqembu enza kangcono kunabo kwiPremier League.

08/04/2024

|IChiefs idinga umqeqeshi ongawubambi umshini - Spencer.

OWAYENGUMDLALI weKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uDerrick Spencer ukholwa wukuthi umqeqeshi waleli qembu osabambile uCavin Johnson ungumqeqeshi osezingeni nonamava kodwa ongakulungele ukuliqeqesha.

Lo mqeqeshi ufike wasebenza noDillon Sheppard obengelinye lamaphini kaNtseki ngaphambi kokukhonjwa kwakhe indlela.

“UCavin ungumqeqeshi onamava futhi osezingeni eliphezulu, into nje ukuthi ungulomuntu olunge kakhulu kangangokuthi abanye abadlali bagcina sebesizakala ngokulunga kwakhe, badoje umsebenzi.

“Ngakho ngokwami yize engumqeqeshi osemkantshubomvu kodwa akakulungele ukuqeqesha iqembu elinjengeChiefs.

“IChiefs idinga umqeqeshi oqinile ongawubambi umshini futhi ozofika nethimba lakhe labaqeqeshi, njengoba loya mqeqeshi okwakuthiwa uyeza (uNasreddine Nabi) kwavela ukuthi ufuna ukuza nethimba lakhe labaqeqeshi,” kusho uSpencer, oke wasebenza noJohnson kwiPlatinum Stars.

08/04/2024

|OwoSuthu negqubu lePirates koweNedbank.

KUVELE izimpawu zokuthi umgadli waMaZulu FC, uVictor Letsoalo usayibambele igqubu i-Orlando Pirates ngokwenzeke ngesizini edlule lapho eyiweze khona engaqondile yagcina igoduke nesicoco seNedbank Cup.

ULetsoalo osegadlela Usuthu ufisa ukuba senkundleni uma iqembu lakhe selibhekene nePirates kowe-quarter final yeNedbank ngo-Ephreli 13 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

08/04/2024

|Umgadli wase-England obalwa nabaphambili emhlabeni, uHarry Kane, ngathi kuzophela isizini eshwiba izandla noma esedlalela iqembu elivame ukushanela izicoco kwiGerman Bundesliga.

07/04/2024

|Usuthu lukhiphe isikhwakhwala seligi ngeCity.

AmaZulu (0) 1

AMAZULU ajabulise abalandeli bawo eqeda ishobolo lokunganqobi isikhathi eside emidlalweni yeDStv Premiership.

Ashaye iCape Town City, ngo 1-0, emdlalweni obungeSonto, eCape Town Stadium.

Aweliswe igoli alivalelwe phakathi uJunior Dion obesuka ebhentshini.

07/04/2024

UKhuboni usakhala ngokudedelwa kukaPitso kwiBafana.

OMUNYE wabadlali abebeyingxenye yeBafana Bafana koweNdebe yoMhlaba ngo-2010, uThanduyise “Gonondo” Khuboni, usakhala ngethuba athi layekwa iSouth African Football Association (Safa) ngesikhathi idedela, uPitso “Jingles” Mosimane, emuva kwalo mqhudelwano owawulapha eNingizimu Afrika.

06/04/2024

| Umqeqeshi weYoung Africans uMiguel Gamondi uthi akusakhanga isithombe esihle ngebhola lase-Africa okwenzeke kwezakhe iVAR 'ibancisha' igoli athi lingenile emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns.

05/04/2024

|ISundowns isidlulele kuma-semifinal eCAF Champions League.

Idlule ngokushaya Yanga ngi 3-2 kumapenalty.

05/04/2024

|UKanu ufisa iBay ibhodlele kwiSwallows.

UFUNA izinhlungu zokulahlekelwa yiphuzu umdlalo usuyophela bazithobe ngokunqoba iMoroka Swallows emdlalweni olandelayo weDStv Premiership umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi.

"Siyakwazi ukuhlasela yize kungabonakalanga kulo mdlalo esiwudlale neSundowns ngenxa yokuthi besihlele ngenye indlela. Siyiqembu eliwakhayo amathuba, sekusele ukuthi sikhuphule isibalo samagoli esiwashayayo,” kuqhuba uVilakazi.

05/04/2024

|Namanje awakapheli amathikithi kaR20 omdlalo weMamelodi Sundowns neYoung Africas weCAF Champions League.

Umdlalo ungo-8 ebusuku namhlanje.

04/04/2024

|UJohnson ubona esawubambe ngendlela umkhumbi weChiefs.

UZIBONA kusenguyena umqeqeshi ongaguqula isimo esibi iKaizer Chiefs ebhekene naso, uCavin Johnson, obanjiswe izintambo zokushayela umkhumbi waMakhosi kuze kube sekupheleni kwesizini yeDStv Premiership ka-2023/2024.

“Angikungabazi ukuthi abadlali basayilandela imithetho yami okufakazelwa indlela abebezinikele ngayo ngoLwesibili kwasho khona ukuthi besibhekene neqembu elicoboshisa kwasani olubekwa phambi kwalo kulezi zinsuku,” kusho uJohnson esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo neStellies.

“Ngiyakholelwa ekutheni ngikwenza ngendlela ebengikulandelwe iChiefs. Ngiyazi futhi ukuthi leli qembu ngeke lithule linganitsheli lutho uma kukhona elingeneme ngakho.

“Ibhadi elikhona ukuthi amagoli awafuni ukungena enethini. Ngaphandle kwalokho iqembu lami libumbene ngomqondo owodwa wokubuyisa udumo lweChiefs lweminyaka edlule,” kuqhuba yena.

04/04/2024

| Amathikithi omdlalo weMamelodi Sundowns neYoung Africans weCAF Champions League adayisa ngoR20 eTicketPro.

04/04/2024

|UMashego ufuna abaphathi bePirates bangene emakethe.

OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uKatlego “Mahoota” Mashego uthe nakuba zingaba ziningi izizathu eziholela ekutheni leli qembu lihluleke ukubamba umgqigqo omuhle emidlalweni yeDStv Premiership, okuningi kungalungiswa ukuthengwa kwabadlali abasha.

“Ukuze iqembu lenze kahle kwiligi lidinga abadlali abafanelekile kanjalo nomqeqeshi.

“Yingakho sijwayele ukubona abaqeqeshi nabadlali abathile benqoba isicoco seligi namaqembu alukene. Uma usukwenzile kanye usuke usuqonda ukuthi kudingekani,” kusho uMashego.

04/04/2024

|IPirates ibuyise ukuqagela ngeyeCaf ibambana neSwallows.

Moroka Swallows (1) 1

Orlando Pirates (0) 1

I-ORLANDO Pirates iziyekele ithuba lokuqinisa amathuba ayo okusondela endaweni yesibili kulandela ukucazelana kwayo ngamaphuzu neMoroka Swallows emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.

03/04/2024

|Imidlalo yanamuhla isiphelile kanti kugqame iGolden Arrows ejikele ISuperSport United esiswini njengo kudla.

Moroka Swallows 1⃣1⃣ Orlando Pirates

Golden Arrows 2⃣2⃣ SuperSport United

Chippa United 2⃣0⃣ Cape Town Spurs

TS Galaxy 3⃣0⃣ Royal AM

Address

Thawin
Pietermaritzburg

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00

Telephone

+27769123255

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when PSL News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category


Other Newspapers in Pietermaritzburg

Show All