Ezomphakathi News

Ezomphakathi News Please Follow this page Ezomphakathi Newspaper ukuze uzothola Izindaba Zomphakathi

25/07/2024
25/07/2024
25/07/2024

Kutholakele amaTV, amaCellphone,Playstation kwelinye lamaseyili aseJohannesburg Correctional Centre neyaziwa ngokuthi i-Sun City SowetanLIVE

Amalungu eNdlu Yabaholi Bendabuko kanye NabeKhoisan YaseLimpopo athamele ukuhlala okukhethekile e-Bolivia Lodge ePolokwa...
24/07/2024

Amalungu eNdlu Yabaholi Bendabuko kanye NabeKhoisan YaseLimpopo athamele ukuhlala okukhethekile e-Bolivia Lodge ePolokwane.

Lombuthano wezinsuku ezimbili ungowokulungiselela umhlangano phakathi kukaNdunankulu nabaHoli boMdabu abadala ohlelelwe ukuphela kukaJulayi 2024.

Izindaba okuxoxwe ngazo ohlelweni zihlanganisa ukulima kweCannabis (Industrial H**p), Spluma (Spatial Planning and Land Use Management Act) kanye namathuluzi okuhweba Abaholi Bendabuko.



Engama-30Yentando Yeningi

Undunankulu weSifundazwe sase Mpumalanga uMandla Ndlovu uthi namuhla babambe umhlangano wabo wokuqala we-EXCO.Sithole im...
24/07/2024

Undunankulu weSifundazwe sase Mpumalanga uMandla Ndlovu uthi namuhla babambe umhlangano wabo wokuqala we-EXCO.

Sithole imibiko egcwele eminyangweni futhi saba nezingxoxo eziphusile, okwagcina ngokuthi kube nezinqumo zokuqhubezela uhulumeni wethu wesiFundazwe phambili.

Sigxile kakhulu ekuletheni izinsiza ezisezingeni eliphezulu kubantu baseMpumalanga kanye nokwenza umthelela omuhle emiphakathini yethu.

Kusasa uNgqongqoshe wakwa Public Works & Infrastructure u-Dean Macpherson uzohlola inqubekelaphambili yomsebenzi owenziw...
24/07/2024

Kusasa uNgqongqoshe wakwa Public Works & Infrastructure u-Dean Macpherson uzohlola inqubekelaphambili yomsebenzi owenziwayo wokwakha kabusha iphalamende

UPitso Mosimane uhlomule ngeziqu zobudokotela eNyuvesi yaseGoli namuhla.
24/07/2024

UPitso Mosimane uhlomule ngeziqu zobudokotela eNyuvesi yaseGoli namuhla.

Kuthini ukuphawula kwakho nge jersey elisha leKaizer Chiefs
24/07/2024

Kuthini ukuphawula kwakho nge jersey elisha leKaizer Chiefs

UMEYA WOMKHANDLU WASE-CHIEF ALBERT LUTHULI IMEMEZELE IKOMIDI ELISHAIMeya yoMasipala iChief Albert Luthuli uCllr MP Magub...
24/07/2024

UMEYA WOMKHANDLU WASE-CHIEF ALBERT LUTHULI IMEMEZELE IKOMIDI ELISHA

IMeya yoMasipala iChief Albert Luthuli uCllr MP Magubane umemezele amalungu ekomidi lakhe namuhla kumhlangano obuse Carolina.

Enkulumeni yakhe, uKhansela Magubane uveze izinhlelo eziningi eziphuthumayo ikomidi elizogxila kuzo. Lokhu kuhlanganisa ukufakwa kwamanzi, ukulungiswa kwemigwaqo ewubhuqu nenemigodi, ukulungiswa kwemigodi namathuna kanye nokuthuthwa kukadoti ezindaweni zokulahla udoti ngokungemthetho.

Amalungu eKomidi leMeya elisanda kuqokwa yilawa:
• Cllr Gugu Zulu-Khumalo: MMC for Corporate Services
• Cllr Snana Dlamini: MMC for Community Services and Public Safety
• UCllr Raider Motaung: I-MMC Yezinsizakalo Zezezimali
• UKhansela Simphiwe Nkosi: I-MMC yezokuHlela nokuThuthukiswa koMnotho
• UCllr Sibusiso Dube: I-MMC Yemisebenzi Yezobuchwepheshe kanye Nophiko Lokuphathwa Kwephrojekthi
• UKhansela Jabu Mathebula: I-MMC Yezinhlelo Ezikhethekile eHhovisi leMeya yesiGungu

EzemidlaloUsihlalo wePSL uDkt Irivin Khoza usememezele iBetway njengabaxhasi abasha bePSL Betway Premiership ezoqala ngo...
24/07/2024

Ezemidlalo

Usihlalo wePSL uDkt Irivin Khoza usememezele iBetway njengabaxhasi abasha bePSL Betway Premiership ezoqala ngomhlaka 3 August 2024

24/07/2024

Ushone eshiywe neStepmother uPhilasande Mthiyane oneminyaka emihlanu ubudala

UPhilasande ubehlala ekhabonina kuthe ngonyaka odlule ngoDecember uyise wamkhokhela wahlawula wase ecela ukuyohlala naye kubo lapho ehlala khona nestepmother.

Kuthe uyise kaPholasande esayolapha njengoba eyinyanga,kwafona istepmother sizofonela uyise sithi ingane seyivele yashona.

Uma efika uyise wayithola ilimele inemivimbo yokushawa kodwa istepmother sithi asazi naso ukuthi kwenzekeni ngoba ayikaze ishawe wumuntu.

Okuthukuthelise umndeni wase khabonina ukuthi uyise uyigcabile seyishonile ethi uyayivusa,nokho uyise uthi naye ubese emane enza amazaba nje njengomuntu wamakhambi ezitshela ukuthi izovuka.

24/06/2024

Kunenkinga enkulu ekhona yokuvalelwa ama Page ezindaba sicela ukuthi si-followe lekhasi Ezomphakathi Online Newspaper lingelinye esizolisebenzisa 🙏🙏🙏🙏

 Sithanda ukuhalalisela iqembu leKruger United ngokukhuphukela kuMotsepe Foundation Championship League
23/06/2024



Sithanda ukuhalalisela iqembu leKruger United ngokukhuphukela kuMotsepe Foundation Championship League

23/06/2024
23/06/2024
23/06/2024

I-BORN TO WIN ACADEMY EVENTS IKWETHULELA U-MISS PHOLA PARK OKOKUQALA

UYAMENYWA NAWE MHLALI WASEMKHONDO UKUBA UZE UZOBUKELA ONOBUHLE BASEMKHONDO BENZA INTO ENHLE.

USUKU:29 JUNE 2024
INDAWO:SKYFIN HALL
ISIKHATHI:10:00 EKUSENI LIZE LIYOSHONA

KUNGENWA NGEMALI ENGU-R50 KUPHELA

NGEMINININGWANE EMININGI USHAYELA NANSI INOMBOLO 066 435 0446.

UTHOLAKELE ESHONILE OWESIFAZANE OWAGCINA UKUBONAKALA NGOMGQIBELO NGEVIKI ELIPHELILE Nawu umlayezo ovela emndenini obucel...
05/03/2024

UTHOLAKELE ESHONILE OWESIFAZANE OWAGCINA UKUBONAKALA NGOMGQIBELO NGEVIKI ELIPHELILE

Nawu umlayezo ovela emndenini obucela ukufuniswa owesifazane ogcine ukubonakala ngeviki eliphelile

Sanibonani mphakathi wasekhaya siyabonga ukusikhulekisa sesimutholile umama noma sebamusontile sibonga ukuthola ithambo lakhe😭💔

Umndeni uthi uthanda ukubonga kumphakathi wase Mkhondo kanye nakumaphoyisa ngokuzikhandla ukuze kutholakale ilunga labo lomndeni

Address

Piet Retief
2380

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezomphakathi News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ezomphakathi News:

Share


Other Media/News Companies in Piet Retief

Show All