15/08/2022
Umbango wasebuKhosini uyaqhubeka!
Nina bakaMahlamvana abhul' umlilo eNdulunde, selithambene, selimathunzi, seliyozilahla kunina, ngithi anginukhumbuze ukuba ngeke kuhlale kunje.
Kuke kwaba mnyama ezweni. Uke waluthwala usizi uZulu. Ithemba like lafiphala, kodwa sizakukhumbula ukuba kuyaye kube mnyama kakhulu uma sekuzokusa. Lithwese ihlobo. Kanjalo nokukhanya kuyeza, imani njalo nina beSilo.
Cha, angipheze ukuguga iguma, angivele ngingene odabeni. Sizwe ngabo osondaba, nabasiki bebunda bekhuza umhlolo nechilo eselikhungethe uZulu. Konke lokhu kuqale mhla kuguqa iSilo, iNkosi uZwelithini kaBhekuzulu. Ukubuza komdala kushiye isizwe sididekile, sidangele, sizibuza siziphendula. Nanamuhla lutho izimpendulo. Kunokuba kukhanye, kuza imibuzo eminingi.
Ngomgqibelo kungumhlaka 13 kuNcwaba kowezi 2022, sibone ichilo lapho uMtwana uSimakade ethatha impi yakhe yombango wobuKhosi kubaZulu, osebukhonywa iSilo uMisuzulu, okulindeleke ukuba angene esibayeni kulempasonto esiya kuyo. UMtwana uSimakade wenze owakhe umcimbi kanye nalabo abamlandelayo wokungena esibayeni, wase ebizwa ngeNkosi, wakhulekwa.
Kuyichilo lokhu. Kubonisa ukungahloniphi iNkosi ebuzile kanye nobuholi bayo isadla anhlamvana. Lombango wobuKhosi oseNdlunkulu udicilela isithunzi sesizwe seLembe phansi. Isizwe esabunjwa ngegazi, isizwe esesimelane nezikhukhula, nezinkinga ezingapheli emlandweni. Sizokhumbula ukuthi amaNkengane ayesho ukuwuqeda lombuso ngenkathi kuboshwa iSilo sasoSuthu, iNkosi uCetshwayo. Lona umlando esiwazi kahle futhi esingadingi kuwukhunjuzwa, kodwa namuhla kubukeka engathi liyokufa ngathi.
Selokhu aguqa omdala, amehlo onke ezweni athe njo kwaKhethomthandayo, eNyokeni, kwaKhangelamankengane, Osuthu, njalo njalo. Wonke umuntu ubheka nje, kulindelwe ukubona lobukhosi bushabalala. Oh, hhee. Lifa ngabaNtwana. Nasekuqaleni lalifa ngabo, mhla uMtwana wakwa Ngenetsheni, uHamu eyozifihla kwabaMhlophe, echapha uCetshwayo ngenhlamba. Lalifa ngabo vele mhla iNkosi uDingane emema uJantoni kwaZulu ngo