20/07/2022
UKUYOCELA ISIHLOBO ESIHLE:
Majongo mawuyocela umfazi emzini wendoda wenza nje. . .
ugaya utshwala ukhanjana nje isicathulo sasemsamo bese uthatha lemali enizohamba niyocela ngayo isihlobo esihle uye nayo emsamo ufike ushise impepho ubikele amakhehla nezakulazi zomuzi ukuthi usufuna ukwandisa umuzi wabo ufike ubike ukuthi sewufuna ukuganwa ngakhoke n**i izinkomo oyobacelela ngazo umalokazana bese leyomali uyilalisa emsamo that night endlini yangendla hhayi kwagogo, its important ukuthi lomuntu oshisa impepho ekhaya uma ebika asho ukuthi niyothatha kwabani sifuna ukuba abe ilunga lalomndeni awakhe lomuzi awuzalele iy'ngane agugele lay'khaya abe isalukazi salomuzi, ay'ke izobe isilala emsamo leyomali, kuzovukwa kusasa kuyocelwa nizovuka kusasa bese nibuyela khona futhi emsamo seniyobika ukuthi seniyahmabke nicela uhambo oluhle, uma kunesibaya ekhaya nizoqeda ukubika emsamo bese niya nasesibayeni nifike nenze the same thing nakhona, lo obikayo kumele aphathe isihlangu salay'khaya nomkhonto walay'khaya hhayi igala but umkhonto walay'khaya bese niyaphumake senininkela khona ekhweni but umkhonto womuzi wona awuphumi uyasala ekhaya kuhambe kuphela isihlangu negala, uma nifika ekhweni nima esangweni bese lo ozokukhongela umkhongi omkhulu aqale amemeze. . .
e.g ''sikhulekile ekhaya nina bow'Mbulazi, Mntungwa Ndabezitha nina... enadla umuntu nimnyenga ngendaba nina enisengela inkomo emeveni, Mantungwa amahle yithi laba e.g singow'Mbomvu asizile kabi nina bakaBheje eseNgome kepha silana nje ukuzocela ubuhlobo obuhle lay'khaya blah blah blah''
hhay'ke abasekhweni bazothumela umfana omncane esangweni ukuba azonilanda but kumele nimkhunge, ilento ebizwa ngokuthi ''ukumthula esihlahleni'' bese kutho leyomali ibizwe ngokuthi. . .
1. Inkwelamthini.
kuyaye kube imali engango R100.
Seniyongeniswake endlini, niyothi manifika emnyango wendlu la enizongeniswa khona, kubakhona umama osuke evimbe emnyango okumele nimsuse ngenani lemali, leyomali ibizwa ngokuthi. . .
2. imvuka kam