Izindaba NeDlamini News

Izindaba NeDlamini News Sikwethulela izindaba ezenzakala emhlabeni wonkana nezikaqeda isizungu

02/10/2023

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯UMLILO WEMPELASONTO πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

Isilomo somculi kamaskand uKhuzane Ndlamlenze Mpungose uphuthume, unontandakubukwa uQuality ngolabhabha wempama engachazeki.

Nami angazi awuzihlaziyele nawe πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

12/05/2023

ISILO SIKHALA NGOHULUMENI WAKWA-ZULU NATAL.πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

Isilo samabandla onke kaZulu SIKHALA ngokubanjwa ngobhongwane uhulumeni wakwaZulu-Natal. Isilo sithi uhulumeni wakulwai sifundazwe usenza isichuse lokho okusenze sadinwa sabikela amakhozi a*o.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Ilaka lukaZulu

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ULWAZI NGOKUGCOTSHWA KWESILO
17/08/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ULWAZI NGOKUGCOTSHWA KWESILO

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ SIZOGCOSTHWA ISILO SAMAZULUNgesaba KwaKhangela amankengane kuzobe kuzogcotshwa iSilo samabandla onke uMntwana uMisiZ...
16/08/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ SIZOGCOSTHWA ISILO SAMAZULU

Ngesaba KwaKhangela amankengane kuzobe kuzogcotshwa iSilo samabandla onke uMntwana uMisiZulu kaZwelithini Zulu, nokuyilapho okuzoqhubeka khona umcimbi wokuthi iSilo singene esibayeni siphume sesiyingonyama.

Ukuphuma kwengoma uMisiZulu uzobe esekhuluma nesizwe sakhe abeke nalokhu okuzimiso zakhe. Hlangana mhlathi eyazanayo hlangana Zulu siyokotha iSilo sethu, hlanganani zintombi siyosibeka esethu iSilo qede sisikhothamele.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯BAYEDE WENA WENDLOVU!

11/08/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ AKUYENA UMNGANI ISITHA.

- Yabona loluhlobo lo mngani oluvele lizokutshela ukuthi ubani kade ethi ngawe qaphela ugibe lolo.

- Yabona lo mngani enithi uma nihlezi mese ekhuluma kabi ngabanye qaphela ugibe lolo.

- Yabona lo mngani ovele azingenele kini ukhona noma ungekho qaphela unoxhaka uzokubamba.

-Yabona lo mngani ohlezi ezibona encono phakathi kwenu qaphela imizamo yakho kungabi eyeze ebusweni bakho.

- Yabona lo mngani othi uma ekuncoma ebese ethi 'KODWA' akuyena umngani lowo.

- Yabona lo Mmngani othi uma ephumelela ebese umngani wakhe ezomkhuluma kabi kini qaphela imfezi inganishayi.

-Yabona loluhlobo lo mngani elongakwazi ukubongela omunye uma enze kahle qaphela umthakathi lowo.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

11/08/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ AKASHAWE UMUNTU WESIFAZANE

Uma usashaya umuntu wesifazane awuyonda indoda uyinyoni yomfana.

- Uma usanomngani oshaya umuntu wesimame awuyona indoda nizinyoni zabafana nomngani wakho.

- Uma ungumuntu wesilisa ongamhloniphi umuntu wesifazane awuyonda indoda uyinyoni yomfana

- Uma ungakazi ukuthi umuntu wesifazane uligugu kuwo wonke umuntu uyinyoni yomuntu.

- Uma ungakazi ukuthi ismile somuntu wesimame sinomsoco uyinyoni yomuntu.

- Uma ungachazwa umuntu wesifazane unesidideko ophila na*o.

- Uma ungakazi ukuthi umuntu wesifazane uza kuqala kukho nkoke uyinyoni yomfana.

-Uma ungazi ukuthi imbokodo inamandla uyinyoni yomuntu

Lalela umuntu wesimame uyimpilo yakho πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

Send a message to learn more

05/08/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ USESULILE UNDUNANKULU WAKWA-ZULU NATAL

Iqembu le ANC selimemezele ukusula kukaNdunankulu waKwa-Zulu Natal umnuz Sihle Zikalala.

Lo Ndunankulu izinto lokhu zamubhedela engena izindaba sasendlunkulu nezinye izigameko, nebhadi alithelwa isangoma sakwaMchunu esingabhuli uNgizwe Mchunu.

Dudu baba uZikalala izimoto zamalambu abuhlaza ebezikulandela zikwenza uzibone ungaphezu kwabantu namhlanje nawe uzobe uzibuka kanye nabantu ababekukhuphulile wabakhohlwa.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

10/06/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ UMISWE NGOKUZUMA UMVIKELI WOMPHAKATHI.

Umengameli wezwe Mnuz Cyril Ramaphosa umise umvikeli womphakathi uBusisiwe Mkhwebane ngokukhulu ukuzuma.

Ngabe useqalile uMengameli ukususa okume endleleni yakhe.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Sasha!!!

08/06/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ USEBENZISW AMANDLA OWOHLELO LA SABC.

Sekuqubuke umsindo phakathi kwabaphathi bohlelo iKHUZANI BO! Nomculi kamaskand uKhuzani Mpungose. UKhuzane ukhale ngokungakhokhelwa kuze kube manje, nokuthe kungakapholi maseko waphawula umphathi waloluhle uLegend's Manqele.

ULegend ukhale ngokuthi lo mculi ubebasebenzisa kabi ebaqophisa namanga, akakuphikanga nokuthi uKhuzane ikhona imali ebebengakamniki yona. Okuyindida ngaloludaba ukuthi uSABC uziqhelanisile naloludaba waveza ukuthi wakhipha yonke imali yaloluhlelo nyakenye.

Imali esatholwe uKhuzane selokhu kuqubuke lo msindo uR50 000 kanti uthe uKhuzane udaba selukubameli bakho ngoba umphathi wohlelo usebuye amsongele.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Abashwe!!!

07/06/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯BAYADUNGUZELA ABAKA-350

Izinguquko ezitsha eziza nesibonelelo sabangasebenzi sishiye abantu abahola le mali benemibuzo eminingi.

Imigomo eyindida ile ethi abantu abathola lesi sibonelelo kumele kube ukuthi umuntu uhlupheka ngampela, umuntu ongenelwa imali ekhadini lakhe lasebhanga uzogcina ukuhola le mali.

Umbuzo weDlamini news uthi ngabe uhulumeni wakuleli kuyamjabulisa ukubona abantu bakuleli behlupheka?

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Ashwe!!

07/06/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ AKABUYELI EJELE UZUMA.

Umnyango owengamele amajaji ukhiphe phambili lowo owayengumengameli wezwe Mnuz Jacob Zuma, uphikisana nesinqumo esathathwa inkanto yasePitoli eyayivuna isicelo seDA sokuba uZuma abuyele ejele.

Basebeshile πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Mayashamanje

06/06/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ SEBEBOSHIWE ABANTU BAKWA-GUPTA

Usuboshiwe umndeni wama Gupta e-United Arab. INingizimu Africa yenza isivumelwano nalelizwe ukuthi uma betholakala kumele babuye bezoshushiswa kuleli.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Bayashamanje

05/06/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ NGIZWE MCHUNU

Baba Ngizwe Mchunu yehlisa manje awucabangele umndeni, noma lezinto ozenzayo zikhokhela kangakanani kodwa ihlazo siyisizwe samaZulu siyalesaba.

Okwengxabano ka-Ndunankulu ka-ANC noMchunu akungasenzi sigiye ngoba inxeba le ndoda alihlekwa.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯siyabashisa

28/04/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ UMDLALI UDINWE UKUTHETHISWA WADUBA

Umdlali weqembu elikhulu lase Soweto iKaizer Chiefs uNjabulo Ngcobo, udinwe ukuthethiswa ngemumva kokwenza iphutha ephase umgadli we-Arrow nokube yigoli lokulinganisa le Arrows.

Ukudinwa kwalomdlali kubonakale ngesikhathi ekhishwa enqaba ukuxhawula isandla somqeqeshi wakhe nokungehlanga Kahle kwabanye. Tata Kaizer shisimpepho konakele emadlozini.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

28/04/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ UBOSHIWE UMELI WABASOLWA.

Agasele enkanto epitoli amaphoyisa abopha uMmeli waba*olwa kwelika Senzo Meyiwe.
Kuyodela umakhasana inkosi impela kuboshwa kudedelwa.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯  AKASEKHO EMHLABENI UDADEWABO WESILO.USEDLULILE EMHLABENI UDADE WABO WESILO ESIKHOTHEME UMNTWANA UTHEMBI.
08/04/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ AKASEKHO EMHLABENI UDADEWABO WESILO.

USEDLULILE EMHLABENI UDADE WABO WESILO ESIKHOTHEME UMNTWANA UTHEMBI.

Sekushone umtwana uThembi Zulu. Kumthe nje gwaqu wahamba umtakaNdaba.

07/04/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ SIZOGCOTSHWA ISILO SAMAZULU.

Sekuqinikesiwe ukuthi Isilo uMisiZulu kaZwelithini uzobe egcotshwa ngokusemthethweni ngomhlaka 28 May 2022.

Hlomani Zulu ngemvunulo yenu sijabulele umholi wethu ubaba wesizwe samaZulu, siphinde sizizwele ngokwethu ethula umgomo uzulu okumele ahambe phezu kwayo.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

01/04/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ UYASHIYA KWA-SABC UMETHULI WEZEMIDLALO.

Umethuli wezinhlelo zemidlalo kwaSABC uThomas Mlambo kubikwa ukuthi uyashiya kulo msebenzi. UMlambo kwabasebemkhohliwe ubethula iSport @ 10 njalo ngolwesithathu kusihlwa.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

01/04/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ FIFA WORLD CUP ⚽

Aseqhathiwe azodlala endebeni yomhlaba kuwo lo nyaka eQatar.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

22/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ ZISAZOGQOKWA IZAMFONYO

Umengameli wezwe umemezele ukuthi izamfonyo azisezukugqokwa esidlangaleleni kodwa zizoqhubeka zifakwe ezindaweni zamashishini.

Ush*tsho alukho ngoba lokho bekuvele kwenzeka abantu bebezifaka uma beyongena ezitolo uma sebeqedile ukuthenga bezikhiphe.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Elethu izwe

15/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Ugqekeze imoto wabanjwa isithongwana esengaphakathi

12/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ SIKHONA ISILO

Asibhali ngokuqhubakala ebukhosini ngoba, ungangezwe lakhe Isilo uMisiZulu sakubeka kwacaca ukuthi abantu bayasazi Isilo sabo ("Isihlalo akusona esikamntwana umbonisi noma umntwana uthembi abantu bayayazi inkosi yabo").

Ngeke sathatha uhlangothi asiwona uSABC ophethwe nguhulumeni ka-ANC. Amakhosi nezinduna zikaZulu kanye namabutho kaZulu, asemukela ngezandla ezimhlophe Isilo samabandla onke Isilo uMisiZulu kaZwelithini.

Uma iDlamini News ingathi kusekhona umbango wobukhosi kuyofana nokuthi siphikisana noNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangena (inkosi uMangosuthu Buthelezi) kanye na*o Isilo uqobo.

Umbango wobukhosi awukho kodwa kukhona umbango wezombusazwe nobukhosi bamaZulu. Undunankulu ka-ANC uZikalala kanye namalunga ka-ANC awamazi nokuthi uyini uNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangena.

Nina besilo umntwana uMisiZulu kaZwelithini umbango kawukho.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Bayede wena wendlovu

10/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ INHLOKO YAMAJAJI

Umengameli wezwe uCyril Ramaphosa useqoke uJustice Raymond Zondo nje ngenhloko etsha yamajaji.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Elakho leli

07/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Stage 2 load shedding

Lindela ukuhamba kukagesi ngamuhla ngo-9pm kuya ku-5am ngolwesibili, kuphinde futhi kusasa ngo-9pm kuya ku-5am ngolwesithathu.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Load shedding πŸ”‹

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯MAYINE PRODUCTION πŸŽ₯Kuzoba impela sonto enhle futhi sibheke nasemaholidini ephasika sithi asikukhumbuze ngeMAYINE PROD...
04/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯MAYINE PRODUCTION πŸŽ₯

Kuzoba impela sonto enhle futhi sibheke nasemaholidini ephasika sithi asikukhumbuze ngeMAYINE PRODUCTION ekuthathela umcimbi wakho iwubeke ezingeni uphinde ube yisikhumbuzo.

IMayine production ikushuthela umcimbi wakho ngendlela ofisa ngayo uma wakhele lezifunda ihamba ifike Zululand, Mkhanyakude kanye nakoMelmoth

Ungabathola kule mininingwano bayelana nemininingwano eminingi :

Call : 072 461 5516
Email : [email protected]

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Sibangena ngevosho

04/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ 😒😒😒

Lisaqhubeka nokuchitheka igazi e-Ukraine nje ngoba kusalokhu kubikwa ukuphangalala kwabantu kwimpi ekuleliya lizwe ephakathi kwe-Ukraine ne-Russia.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

02/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯DSTV

Bazolimala abakade bezithokozisa ngeziteshi zakwa e-tv ngemumva kokuthi kube khona inhlukwana phakathi kwalezinkampane.

Lokhu kuzoba nomthelela ongemuhle kulabo akade bekhokha inani eliphansi nje ngoba lezinteshi ezine zakwa e-tv zingeke zisavela kwaDSTV.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

Send a message to learn more

02/03/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Bayede Wena Wendlovu!

Inkantolo enkulu yase PMB ebisingethe amacala asendlunkulu isiwachithe onke amacala abefakwe uhlangothi oluphikisa ukubekwa kweSilo esibusayo yaseka uMntwana wakwaPhindangena neSilo.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Uzulu una*o isilo

25/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Ramaphosa

Uyinyathele emsileni uMengameli uCyril Ramaphosa kubantu bakuleli ephawula empini ephakathi kwe-Russia ne-Ukraine. Intukuthelo yabantu bakuleli idalwe ukuthi umengameli mzukwana kufa abantu ePhoenix wathula kodwa la angahle alethe khona iyinkinga uyaphawula.

Nokunika abantu bakuleli uvalo ukuthi ezombutho wokuvikela kuleli abazazeli lutho ngaphandle kokuphuca abantu ukudla nokuvulela abantu bokufika emnceleni.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Bha*obha mengameli

25/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Maskand

Umculi kaMaskand uKhuzane Ndlamlenze Mpungose usesondezele umphakathi wangakubo eNkandla intuthuko yamanzi. Khuzane nkoke lokhu ukwenza akha ikhaya lakubo, nokuthe uma kutholakala amanzi wabe esethi nomakhelwane bayokhongozela kulomthombo wamanzi aphuma phansi.

Amanzi asayinkinga enkulu kule ndawo yaseNkandla abantu basawaphuza kanye nezinkomo emfuleni. Isenzo salo mnculo sibonise ukuwukhathalela umphakathi wangakubo, nje ngoba ethe la manzi uzowadonsela ngaphandle komuzi ukuze umphakathi ukwazi ukukha ngokukhululeka.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Intuthuko kumaskand

25/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ ASIBE SONKE

Uma uqeda ukufunda mfundi wethu sicela u(like, comment and share) siyacela kuwena mfundi wethu.

24/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Bayede!!!Kutheleke Isilo umntwana uMisiZulu ephelekezelwa ngamabutho kwisishayamthetho saKwaZulu Natal, kwama inkulu...
24/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Bayede!!!

Kutheleke Isilo umntwana uMisiZulu ephelekezelwa ngamabutho kwisishayamthetho saKwaZulu Natal, kwama inkulumo kaNdunankulu wakwaZulu Natal uMnuz Sihle Zikalala.

Ukutheleka kweSilo kumise yonke into asukuma onke amadoda abesimame bathoba basho ngazwi linye bonke emkwenyosi yesilo bathi "Wena wendlovu! Wena wendlovu! Wena wendlovu! Bayede! Bayede! Bayede!"

Ongakaboni ukuthi uZulu unayo inkosi ngeke aphinde abone.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯Wena wendlovu!

24/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ ZIYAKHALAKE MANJE

Isisukile impi ephakathi kwe-Ukraine ne-Russia. Izikhondla khondla zase Russia ezingemavaka sezigaselile kwelase Ukraine nesekushone khona abantu abangu 8.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Nansimpi

23/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯😭😭😭

Sekudlule emhlabeni umculi we-Hip Hop uRicky Rick nokusolakala ukuthi uphangalale ekuseni kusempondo zamkomo.

Sithi dudu kumndeni kanye nabathandi bomculo okudaliwe singekuvimbe ngalutho ilale ngokuthula insizwa.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Duduzekani mndeni

23/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ AMANDLA

Ubani omkhulu ohulumeni nobukhosi? Kubukeka engathi osombusazwe bayazikhohlwa ukuthi abekho ngaphezu kobukhosi, lokhu sikusho ngoba kusayindida ukuthi isishayamthetho sakwaZulu Natal sizovulwa ngubani uhulumeni esaphika Isilo esaziwa nayingane ekhasayo Isilo uMisiZulu kaZwelithini.

Usomlomo wephalamendi uthi bazomema isilo ukuba sizothula inkulumo ya*o uma sesigcotshiwe, isishayamthetho siyavulwa ngeyi 28 nokufanele ukuthi sivulwe ungangezwe lakhe Isilo samabandla onke. Le nkulumo eyobe ithulwa isilo sesavulwa isishayamthetho kuyobe kungeyani kuyobe kungekhona yini ukululaza ubukhosi bethu?

Lo hulumeni kubukeka ezikhohlwa ukuthi akekho ngaphezu kobu khosi.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Bayede!!!

23/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ ISIMANGA SENJA.

Kuthiwa kuhlasele inja engawubheki umphambili kwabesilisa kwaNongoma. Kuthiwa lenja kuthi lingathamama ebese ibhekana nabesilisa ehlangana nawe. Lesi Senzo salenja sesihlalise amadoda akule ndawo ovalweni.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Gada umphambili

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ ASIMTHOLE Sanibona boDlamini abahle! This is Nomusa Sifunmba, umama wami uJewel Mathibela washadela kwaNkuna. Ubaba ...
20/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ ASIMTHOLE

Sanibona boDlamini abahle! This is Nomusa Sifunmba, umama wami uJewel Mathibela washadela kwaNkuna. Ubaba uGibson Dlamini wahlangana noMama ngo-1963 and yena uNomusa wazalwa ngo-1964, bobabili babesebenza eKing Edward uJewel engu-Nurse and ubaba eyi clerk from ePietermaritzburg and then bahlukana ngoba uJewel Mathibela wahamba waya eGoli ngomsebenzi inamba kaNomusa ithi 0727268080 mina ngise KZN yena uhlala e-East London but uJewel Mathibela naye usaphila uhlala lana eKZN ngiyabonga πŸ™πŸ˜‡ God bless you

Bafundi uNomusa Sifumba lo ocela ukufuniswa ubaba wakhe uGibson Dlamini owahlangana nomama wakhe uJewel Mathibela ngo1963 bathola umntwana ngo1964 okunguyena uNomusa osesithombeni. Umama wakhe wayengu Nesi eKing Edward Hospital kanti ubaba wayeyi Clerk eKing Edward/Pietermaritzburg bahlukana ngoba uGibson Dlamini athola umsebenzi eGoli.

Uma umazi ubaba uGibson Dlamini noma umndeni/izihlobo zakhe sicela uxhumane nosisi uNomusa 0727268080 noma neDlamini News. Siyabonga.

Izithombe umama uNomusa okunguyena ocela ukufuniswa ubaba.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ Masimthole

16/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ IHLABENE INKATHA EKZN

Iqembu le IFP selihlabene nesikhundla esikhulu kwaZulu Natal sokuhola inhlangano ephethe oMasipala eKZN yonkana iSALGA.

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ IYAPHI INDLOVU

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ MAYINE PRODUCTION πŸŽ₯Ubuhle bezithombe esibunikwa iMayine Production Bathinte bakwenzele nawe Nongoma, Hlabisa, Mtubat...
15/02/2022

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯ MAYINE PRODUCTION πŸŽ₯

Ubuhle bezithombe esibunikwa iMayine Production

Bathinte bakwenzele nawe Nongoma, Hlabisa, Mtubatuba, Pongolo, uLundi, Melmoth nawe Showe.

Call/WhatsApp : 072 461 5516
Email : [email protected]

Address

Ematheni 979
Nongoma

Telephone

+27727214875

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba NeDlamini News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share


Other Media/News Companies in Nongoma

Show All