Injula FM

Injula FM Injula FM is a commercial radio station based at KwaDukuza, KwaZulu Natal Broadcasting in IsiZulu with the vision of Educating, Informing and Entertaining

14/04/2024

Injula FM made and created in Stanger KwaZulu Natal.

13/11/2022
insuku zokugcina
23/09/2022

insuku zokugcina

MOTIVATION YAKULELI SONTO ONENDLEBE UZWILE MAGEBA πŸ™
02/09/2022

MOTIVATION YAKULELI SONTO ONENDLEBE UZWILE MAGEBA πŸ™

Bamba Lah

Uma ungaholi njengabo, ungatholi mali njengabo, wena uyaziphantela, musa ukuthenga njengabo, musa ukuthenga lapho bethenga khona, uyazingcwaba uphila ube uzenza isikhokho.

Bona abaqhudelani nawe. Ungazami ukuziveza ngamandla ongenawo. Bona bathenga CASH, wena wenza amaLOAN, nezikwelethu....Bona bathatha kokuningi kwabo , wena uthatha kokungekho nongenakho.

Kancane kancane nawe uyofika kwelabo izinga, okwamanje funda ukuzibamba, uhambe nge Pace yakho.

Thutha Kuleyonto

KUKHONA OKUSENGENZEKA

01/09/2022
01/09/2022

Kubi kuCope kushe amanqimunqimu bexosha uMengameli wabo uLekota.

Usale ekhamisile uMengameli we Congress of the people uTerror Lekota begqimizana ngequba bemfuna naye abeCope. Ubesathi nje uyachaza ukuthi uphethwe umdlavuza wamalengiso. "Yey bengibambekile nkosiyami kungasahambe.....k (gahla gahla)." Zatheleka zimqonda. "Yey wena ugunyazwe ubani ukukhuluma la kawazi umisiwe.. hay hay yoh hhay." Obejijimeza uLekota bese befike kuye ngequpha. "Ubizwe ubani la sdwaba skanyoko hhe hhe! (Xhufu xhufu) kubambe la emtsitsileni lokhu nazo-ke. (Hhay wo wo)." Bamuka naye. ULekota ubefale ibhlukwe lamabhinca uBrentwood ehamba sengathi ufakwe izinti. "Laba abangimisile ngiyabamisa nami yimi uMengameli la. Uma kodwa nithi kanisangifuni kulungile okusalayo ngisewumengameli." Kusho yena esehefuzela.

01/09/2022

Umbusi we Reserve Bank usethumele imibuzo kuMengameli wezwe uRamaphosa. Uthi makachaze ngale mali yakwelinye izwe ebigcwele eplazini lakhe iPhala Phela. Angena ndlelani lama dola eSouth Afrika? Kubuza yena.

01/09/2022

Umphostoli ugwetshelwe ukuba Pipically disobedient kwabebathandazela.

INkantolo yase Eastern Cape igwebe u Apostle Hlumelo Dywili (35) odilikajele abawu 6 ngenxa nje yokuba pipically disobedient. Lo mpostoli waseBizane eMtata ulahlwe ngamacala okumekleza abesifazane abathathu (23-25) abafika kuye ezobathandazela ukuze bathole umsebenzi. Wabathola khona la kuFacebook. Bagcine sebehlala kuye ede ebathi mbibi mayebuya ukoshumayela abuye abaphe imali, kusho bona befakaza. Indaba iqale sekufika ingane yentombazane ena 17 ilethwa ngabazali izothandazelwa ukuba kuphele isifo sokuwa, yayivele ithi qimu phansi inqashanqashe.

Wathi lo Mpostol kubazali lekeree likhasha (eshaya ngezilimu) shiyani ingane le niyothenga izindwangu zayo zizokhulekelwa. Awu besahambile wasala wagcoba iminwe ibaby oil walokhu eyithintathinta ikhofo yengane eyigqisha iminwe. Ingane yatshela abazali sebebuyile ukuthi ubenzani. Awu bayomvulela icala waboshwa. Ilapho-ke kutholwe laba besifazane abathathu bakhululwa besenkingeni. Umka-lo Mpostol ubeyiphikela inceku kodwa kwathiwa thula wena. Bamgweba kanjalo-ke iyebo Inkosi.

01/09/2022

Abhaxabulana ngemisila njengoxamu amaxoki kupolitiki.

Obhekwe ukuba yisekela likaRamaphosa kwinkomfa ye ANC uRonald Lamola usephuzise uMalema umuthi wakhe obabayo. Uthi kungakuhle impela ukuthi uFlyod Shivambo abe nguMengameli we EFF bese kuthi uMbuyiseni Ndlozi abe nguNobhala-jikelele. "Kuzofanele sibakhankasele macomrades bangabaholi abaqotho laba. Lento yokuba nomholi oyedwa (uMalema) sengathi inkosi akuphele nya." kusho yena. Ubephendula eduzane inkulumo kaMalema ayikhulume ne News 24. UMalema uthe: "Uma kungathiwa I ANC ifuna kukhethwe manje uMengameli ngingabaluleka ukuba bakhethe uPaul Mashatile abe nguMengameli Bahlukane noKhalakhulu (esho uRamzin) ." kusho uMalema. Wee klibhi bantu lento engenamgogodla kusho uHelen Zille kuMalema. "Yey wena ezinyangeni ezingu 9 ezedlule kawushongo yini ukuthi uPaul Mashatile isigebengu? Namuhla ubona engaba uMengameli. Musa ukusibhayizela wena mfana" kusho ogwamanda iDA.

Halala
01/09/2022

Halala

Ukhozi FM lamukela ohlabane emcintiswaneni ka Winni Mahlangu

Ubeqwaqwade emakhanda u Londa Mbatha obengenele umcintiswano woKhozi FM

Lentokazi ibizwakala nje kwi Demo yayo ukuthi kukhona la ebheke khona. Izindaba ezingathathi Hlangothi Siyayihalalisela β€οΈπŸŽ‰πŸŽ‰

USEKHUKUMILE NDABEZITHA
30/08/2022

USEKHUKUMILE NDABEZITHA

"Love recognizes no barriers. It jumps hurdles, leaps fences, penetrates walls to arrive at its destination full of hope."

Wozani Sicobelelane. Sakha ikhaya elinokuthula.

Kukhona Okusengenzeka

Amen mbhishop πŸ‘πŸ‘
25/08/2022

Amen mbhishop πŸ‘πŸ‘

IZIKHATHI EZINZIMA

2 kuThimothewu 3:1‭-‬5

Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema

Blessed Thursday, I have prayed for you


24/08/2022

UMMANGALELI WABAZALWANE UPHONSWE PHANSI

IsAmbulo 12:10

Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: β€œKalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.

Blessed Wednesday. I have prayed for you


amen πŸ™πŸ™
18/08/2022

amen πŸ™πŸ™

UYISIHLANGU SETHU ESIMKHONZAYO

AmaHubo 7:10‭, ‬17

Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo. Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.

Blessed Thursday and I have prayed for you and your family.

17/08/2022

UKUHLABELELA KUYAMTHOKOZISA ODABUKILEYO

AYBO NASI SGEBENGU SESALIKAZI BO πŸ™†πŸ™†πŸ™†
16/08/2022

AYBO NASI SGEBENGU SESALIKAZI BO πŸ™†πŸ™†πŸ™†

kazi lelizwe libhekephi
14/08/2022

kazi lelizwe libhekephi

Useyi Silo ,usimakade ngokusho kwamabutho ebesendlunkulu ubusuku bonke.ugcine engenile esibayeni engumntwana uphume eseyisilo.

Iyakhula Indaba.

Bekungu 01:18 am lapho amabutho kaZulu akhuze uBayede ovala izindlebe ekhulekela iSilo uSimakadesamakhosi esibayeni.

Asazi iyozala nkomo,kodwa ingenile ZULU Inkomo emasimini abantu lingenile icala.

Siyakubongela
14/08/2022

Siyakubongela

sofa sidelile
13/08/2022

sofa sidelile

Zishaqekile izithandani ezifice izithombe zazo ethuneni lomuntu ongaziwa

Izithandani zase Nanda zithi ziyokhohlwa zikobandayo ngesigameko esishaqise wonke umuntu, lezithandani zithole umyalelo othi kubonakale izithombe zazo ethuneni lomuntu ongaziwa isithombe sibekwe khona, amakhandlela amabili elimnyama nelibomvu kwabekwa namaqanda amabili kanye nentambo ebomvu njengoba ubona ESITHOMBENI sichazela umuntu oku Freemode

Umuntu owenze lento Kusolakala ukuthi umuntu wesifazane eyy ayithakathi le Gender khona bese ihlangene nabafazi base Ladies House Maye! Maye! Maye! x10 Kusho uquqaba. Lezithandani sizame ngazozonke izindlela ukuzithola ngesikhathi sesibuyela kuzona okwesibili kodwa lutho
Izindaba ezingathathi Hlangothi

13/08/2022

ILO IBUTHO ELI SMAKADE SAMAKHOSI PHAKAMA

16/07/2022
14/07/2022

Uyabalisa oshaywe Amandiya endaweni yase Phoenix

Ufunge wagomela ukuthi ngeke aphinde alubeke unyawo lwakhe ePhoenix, enyakatho yeTheku KwaZulu-Natal umfanyana oneminyaka engu 18 ngemuva kokuthola imihuzuko enzima eshaywa yiqulu lamadoda lamandiya esingazi ukuthi abedakwe uPaku noma Usamusa yini

loMfana oneminyaka engu18 ubudala uveze ukuthi iqulu lamadoda lifike kuye egaraji likaphethiloli lambuza ukuthi ubefunani khona ebusuku ngoba abantu bebala lakubo abavunyelwe. Lase liqala ukumshaya ngayoyonke into elimazayo kwasiza ukuthi abaleke, icala lokushaya Livuliwe esiteshini samaphoyisa akekho uGobongwane osaboshiwe ONgqongqoshe bamaphoyisa bathule
Izindaba ezingathathi Hlangothi

11/07/2022

Ubanjwe oqotsheni enukubeza intombazanyana 7endaweni yase Phoenix

Owesilisa ubanjwe oqotsheni edlwengula intombazane eneminyaka eyisikhombisa ehlathini elise Phoenix
Ngokusho kwenkampani yonogada ezimele Reaction Unit SA (RUSA), amalungu omphakathi abikelwe ukuthi umuntu obehamba ngezinyawo endleleni yesiZulu ubone lomshophi wenzeka wangaqonda ukuthi kwenzakalani ngoba ubesaqhelile ngokwebanga lento eyibukela kude

Ingane eyase Mawoti eNanda EMAPHARENI

Umthombo uthi ngesikhathi usondela lendoda ebibonakala saphara ibiqhoqhobele ingane Ivele yadla phansi ngesikhathi ibona ukuthi isiboniwe, Umthombo uzamile ukumhubha kwashokhona ukuthi ibikude ngebanga yangamfica, ingane ihloliwe kwaqinisekiswa ukuthi inukubeziwe.
Izindaba ezingathathi Hlangothi

11/07/2022

Obehujwa Amaphoyisa ungene ebhilidini wanyuka nge Lift waya ekugcineni kwebhilidi qede wazisacaza phansi

Umsolwa oneminyaka engu-46 ubudala kusolwa ukuthi ugxume esuka ebhilidini ngemuva kokuhlasela iphoyisa ngokuligwaza wabalekela efulethini eliseManzimtoti, eningizimu yeTheku

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseManzimtoti abizwe kuBeach Road lapho ekhonjiswe khona isidumbu sowesilisa obedindilizile ozisacaze phansi esuka ebhilidini wafa

Kusolakala ukuthi amaphoyisa aseBrighton Beach abethungatha umsolwa obefunelwa amacala okubulala. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbopha ugwaze iphoyisa qede wadla phansi wayongena ebhilidini

"Angfuni ukuya EJele Mina Ahhhh Yiiiii Hhaa yiiii Aweeh ahhhweee-Maaah yiiiii 😭" Kukhala LoMsolwa ebamba ikhanda ephinde elyeka obeme esicongweni sebhilidi futhi. "Ngyazibulala Mina Angfuni ukuya eJele Aaahhhhhh 😭 ohk Absolutely Shabhuni-ke WAGXUMA Wafa

Amaphoyisa aphenya icala lokuIzindaba ezingathathi Hlangothihi

11/07/2022

UBaba uboshelwe ukudubula abulale indodana yakhe

Ubaba osolwa ngokubulala indodana yakhe uboshwe ngesikhathi esesibhedlela lapho ebelashwa khona ngemuva kwezinsolo zokushaywa ngesitini emvakwendlebe eshaywa yindodana yakhe endala ngesikhathi izwa ngokwenziwe nguyise OKUNGAZIWA UKUTHI KUYINI LOKHO

Okhulumela amaphoyisa Ezweni Lamahlazo uCol Priscilla Naidu uthe UMsolwa oneminyaka engu 64 ubekwe icala lokubulala indodana yakhe eneminyaka engu 35.

Isibhamu sohlobo lwe-9mm okuyisona adubule ngaso sithathwe ngamaphoyisa
Izindaba ezingathathi Hlangothi

Address

Stanger Main Road
Kwadukuza
4450

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Injula FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Injula FM:

Videos

Share

Category


Other Radio Stations in Kwadukuza

Show All

You may also like