TerryboyLenny, umlobi

TerryboyLenny, umlobi The Living Power of God Your life will never be the same again

09/03/2024

Try something new

X6BED5B15

BETWAY CODE

27/03/2023

Ukuthi wakhula kanzima akusho ukuthi usungawakha umuzi nom sewungaganwa uhlale kamandi.

yamshintsha umuntu...... Nhliziyo yeqiniso ubunguwena bakho buyovela mhlazane wathola lokho bewukade ukudinga

16/02/2023

INKINGA EMHLABENI.

Kwaqala nina madoda nenza sengathi
Nilingisa omama, sakubona sathula
Nithe manibona ukuthi abanye benu
Niyafanelwa nangabe nisayiyeka lento.

Nayithatha indalo kaThixo nayiphendula
Ukuthanda kwenu. Beza kanjalo abenye
Benu banishela beyibulili obufanayo
Nani navuma nasheleka ngob nicabanga
Ukuthi nibukisa umhlaba ningazi
Ukuthi umhlaba uzobukisa ngani.

Pho sokhala kuzwe bani , ayisalungiseki
Lento, sekuseduze phambili ,sekukude
Emuva ngisho ngoba naku umhlaba ushabalala sibuka, kwaze kwalukhuni
Emhlabeni siphila ezinsukwin zokugcin

31/12/2022

Ngithanda ukubonga uNkulunkulu kunye nezinyanya zami ezingibheke kusuka unyaka uqala kuze kube semaphethelweni . Angizange ngazibona ngise Jele , nom ngilele emibhedeni yasemtholampilo, konke lokhu akusikho ukuhlakanipha kwami nom ukwazi kangcono kodwa kungumusa wakhe..... sengathi nangalo nyaka esiyakuwona kungaba njalo kuvuleke iminyango ebeyivaliwe Amen

23/12/2022

Inganekwane ezinemfundiso

Kusukasukela kwakukhona inyamazana zonke zomhlaba. Kodwa ke soxoxa ngonogwatya🐇 nemfene🦧..... kwabakhona ilanga lapho umfene🦧 wacabanga ukwenza umcimbi ngakwakhe, njengoba umfene🦧 kwakuyinyamazana enoma ngakho ke wawenza lomcimbi wababiza bonke omkhaya bakhe nabangane , kuthe kunjalo wasefaka izwi lokuthi umcimbi uzokuba khona kodwa kuyodliwelwa phezu kwezihlahla, ngoba esazi kahle kamhlophe ukuthi unogwatya🐇 nomdeni wakhe abakhoni neze ukugibela isihlahla,

Kuthe kusenjalo kwenzeka ngempela njengokufisa kwakhe umfene 🦧 badla baze baqeda umdeni wakwa nogwatya🐇 lutho ukuthola ukudla.

Zabuphindela emakhaya zonke inyamazana zisuthi izisu zicwacimula zibabaza kodwa unogwatya nowakhe umdeni bebe bekhala ngendla. Kwathi kungekedluli amalanga angatheni unogwatya🐇 nomdeni wakhe basebekhanda icebo lokuyiphindiselela kulesenzo asenziwe ngumngane wakhe umfene 🦧. (ANGEKE NGENZIWE KANJE NGUMNGAN WAMI BESEKUYAPHELA KANJALO) Kusho unogwatya🐇 ekhuluma eyedwa. Njengoba sonke sazi ukuthi unogwatya🐇 yisilwane esinobuhlani ukwedlula zonke inyamaza emhlabeni wonke jikelele. Nakanye walakha icebo unogwatya🐇 nomdeni wakhe laphumelela , wasukake unogwatya 🐇 wabanxusa bonke ngisho nabonkawu🐒 imbala. Wapheka kwabamnandi unogwatya 🐇 wasuke waseshisa utshani wabubeka kusukela ngaphandle esangweni kuze zonke inyamazana ezingenayo zonyathela lapho...... bezake omfene🦧 bedlula benyathela Lobo tshani besela besiyafika lapho okunokudla khona izandla zasezisesabeka ngobumnyama..... abajikise unogwatya 🐇 athi mababuyele bayogeza akekho umuntu uzodla ukudla kwakhe engcole ngalolohlobo , awuu bagijime ngokushesha bayogeza mabebuya baphinde bahambe kulobo tshani...... wakwenza unogwatya 🐇 waze waphela umcimbi nabo babuyela emakibo omfene bengazange basiyise ngasemlonyeni isandla .

Cosi cosi yaphela.....

20/12/2022

Kuba mnyama kakhulu masekuzokusa🙏🙏🙏

❤❤❤❤Khula mntaka Maa uze ubone isizukulwan sakho ❤❤❤sesine ❤❤❤ngithi nwele olude kuwe dadewethu❤❤❤❤❤❤
06/10/2022

❤❤❤❤Khula mntaka Maa uze ubone isizukulwan sakho ❤❤❤sesine ❤❤❤ngithi nwele olude kuwe dadewethu❤❤❤❤❤❤

29/09/2022

Ingandiza idlule amafu kodwa amanzi iwathola phansi

14/09/2022

Ngubani Owayesazi

Isahluko 1

[KUSEMINI ENKULU UDUNGIMPI NO NOMAQHAWE BAHLELI NGAPHANSI KWESIHLAHLA BAZIDLALELA UMLABALABA] Liyashisa ilanga kuzwakala umsindo wezinyoni zicula kamnanjana zisho khona ukuthi ziyalizwa lelolanga elishisa okwelangabi lomlilo. UDungimpi no dadewabo uNomaqhawe basele ekhaya lapho abadala bephumile ukuyo bheka izihlobo ngaphesheya yomfula uThululela. Kuthulisekile lapha ekhaya kubona ngisho nongeban ukuthi abekho abadala. UNomaqhawe uyintandokazi lapha ekhaya akathontiswa phansi ngabazali bakhe besekuthi lo UDungimpi yena owayebuye ukuzoncedisa omalume emva kokusweleka kwabazali bakhe bobabili. Ngakho ke ekuswelekeni kwabazalibakhe kwenza isimo sabamuncu kuDungimpi ngoba kwasekungekho ongambheka ngakho ke kwasekuphoqa ukuthi ayogcinwa komalume wakhe ngaphesheya komfula ongekude nakubo la ahlala khona. [Dungimpi! Dungimpi! Wee Dungimpi ngiyakubiza awungisabeli ngani? ] Kukhwaza uNomaqhawe yena owayesuke wagijima wayo shobela ekamelweni lakhe. Njengenhlalayenza uNomaqhawe wayesewujwayele umkhuba wakhe wokuthi uyakhwela azehlele kuDungimpi lokho wayekuthathela kubazali bakhe. Asukume uDungimpi athi uyalapho abizwa khona athi uma efika emnyango wekamelo likaNomaqhawe akazange asangqongqoza wavele nje wayithela phakathi. Awuu yeyen bo! Nomaqhawe kodwa ungenzani? Awuhlabe awulawule naye uNomaqhawe okwenkomo ehlatshwe ngomkhonto. KUZWAKALE IZWI NGAPHANDLE KWESANGO LOMUZI.

31/08/2022

Kulomhlaba esiphila kuwo kunzima ukuthola umuntu okuthanda ngokweqiniso ngoba labo esibathandayo bona abasithandi nabo bathanda abantu babo abangabathandiyo njalo

19/04/2022

Ukona kwethu nom isono sabokhokho bethu.

Ngaze ngayithwala ingidi enelahle
Ngangingazi ukuthi umhlaba uyah-
aba njengegama lawo.
Maye ngaluthwal'usizi ngimncane
Bonke abantu bakushaya indiva lokho.

Ngizokhala kuzwe bani , zinyembezi sewaphenduka imifula kwezami izihlathi, wabuye wazakhela iziziba embhedeni wami. Nami ngangithi
ngizofana nabanye abantwana
kanti ngisho ngizikhohlisa.

Kungabe kuyikona kwethu nom isono sabokhokho bethu. Wangifulathela mhlaba abantu bebuka. Ukukhala kimi sekwaphenduka iculo eselaziwa nazinyoni zasendle. Ngiyangithi mengikhala ngizwe nazo sengathi zizwelana nami.

Ngavele ngabona ukuthi mhlaba awulungile neze mhla ngifika ezandleni zabazali bami.
Vuleka mhlaba ungigwinye ujubalale nami ungise endaweni enamadlelo amahle.

21/03/2022

Siphundu awuboni impela

Ngangenzeni na kuwe Mhlaba?
Wabukisa ngami abantu bebona
Ngaphenduka ize nje into engan-
alo uncedo.

Babesho ligcwale umlomo abadala
uma bethi SIPHUNDU AWUNAME-
HLO.
Ekukhuleni kwami nami bengifisa
Ukubana kuyenzeka ngibe nawo nami amehlo esiphundu kodwa
konke lokhu kuyikwenza kuka Mvelinqangi.

Beza bengilandela emuva bechathame okwamabhubezi efuna inyamazane. Banyonyoba okwekati lasendle , konke lokhu kwenziwa ingoba mehlo awukho esiphundu.

Kube nganginawo amehlo okubona okusemuva , kube angizange ngayihamba leyo ndlela , ngoba ngangizoshesha ngikubone konke okungilandela emuva.

25/12/2021

Merry Christimas To You All My Friendz❤❤❤❤❤❤❤❤❤❤❤🙏

04/12/2021

Intandane enhle ngumakhothwa ngunina

Pg 2

KUSEKUSENI NGOVIVI LAPHO UMAMTHEMBU OWATHOLA KHONA UDUMA EKHA AMANZI"

Wakhuza imhlolo okaMthembu , engabe wayeyowuhlaba kuzwe bani, njengokuba onke umuntu wakuleyo ndawo wayevuma ukuthi uDumanezwe ngumtana ophethwe kahle , kulendawo , kwayena imbala wayengomunye wabo abathathwa ludumo. (engabe ngamehlo ami lawa okanye angiboni , kahle, KUKHULUMA UMAMTHEMBU , NGOBA ENGAYIKHOLELWA LENTO AYIBONAYO]

Athi ukusondela kancane , athole nembala kunguye uDumanezwe,

15/10/2021

Intandane enhle ngumakhothwa ngunina.

Sahluko 1

(KUVELE ISIBANI NGASEKAMELENI LIKA DUMANEZWE). Duma! Duma! Weee Duma umuntu sengaze alale kube sengathi ufile, Kumemeza uManyathi umama wakhe omncane, onguye owasala esiba ngumngenandlini ngemva kokuba umama kaDumanezwe amzalayo sewasweleka emhlabeni. UGuduza yena ngumuntu ohlala e semsebenzin kumazwe angaphesheya ngoba ezama ukuthi abambe isimo salana ekhaya, kanti ke nezinto zazivele zimi kabi kulelozwe.

15/10/2021

Ezimtoti kwabasasemkatjivovo

31/08/2021

Akekho owazi usuku lokubuya kweNkosi

03/08/2021

Noma ungambhekela phantsi omunye umuntu kodwa okusalayo phambi kwamehlo akhe siyefana

Address

Midrand Kaalfontein
Johannesburg
LENNY

Telephone

+27640322423

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when TerryboyLenny, umlobi posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to TerryboyLenny, umlobi:

Share

Category


Other Media in Johannesburg

Show All