Sphiwo FM

Sphiwo FM It's a radio station that is running online and it's is here to educates ,inform and bring entertainment to the whole world

EzingenayoIndodana igqibe unina endlini.. Kube umunyu nosizi ngeskhathi Indodana iphumela obala Ukt unina akalahlekile k...
05/04/2024

Ezingenayo

Indodana igqibe unina endlini.. Kube umunyu nosizi ngeskhathi Indodana iphumela obala Ukt unina akalahlekile kodwa ugqitshiwe kwenye yezindlu..

Uma ebuzwa Ukt yini imbangela yokuthi enza lokhu .. Wathi utshelwe omunye umculi odumile Ukt akabulale unina ukuze naye ezoduma Abe umculi odumile njengaye .. Ngebhadi kwangamsebenzela okubuhlungu unina akasekho.. emva kwalokhi kuqhume isililo esihamba nosizi esidonse amahora amaningi Baze baquleka odadwabo bathi "Bhuti ukwenzeleni"

Umthombo nodaba oluphelele TV Production

Source : amajuba fm

uTholakale eseshonile owesilisa wase Mtubatuba endaweni  yase Ntandabantu uSbu Ntuli, obelahleke ngeSonto, nobekungaziwa...
27/03/2024

uTholakale eseshonile owesilisa wase Mtubatuba endaweni yase Ntandabantu uSbu Ntuli, obelahleke ngeSonto, nobekungaziwa ukuthi ukuphi, kanti namhlanje ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu uMphakathi ube usubona uMzimba womuntu obuntanta eDamini lase Ntandabantu, nokugcine kutholakala ukuthi uyena lo obelahlekile.

OMunye welungu lomphakathi okhona njengamanje eDamini uveze ukuthi sibathusile kakhulu lesigameko, nothe basalinde aMaphoyisa ukuthi etakule isidumbu eManzini, nokuyilapho okuzobonakala khona ukuthi kwenzakaleni nokuthi uMonakalo ungakanani, njengoba lesidumbu sibheke phansi emanzini, uqhube wathi kuzogcina kuphoqa ukuthi lelidamu limpontshwe amanzi liphele ngoba abantu bayaphela.

Source: Ezivuthayo eMaputaland

Owesifazane ongaziwa uhlala ehlathini laseRichards Bay.Niwuhlabe niwulawule, owesifazane osemncane ubonakala ehlala ehla...
06/03/2024

Owesifazane ongaziwa uhlala ehlathini laseRichards Bay.

Niwuhlabe niwulawule, owesifazane osemncane ubonakala ehlala ehlathini akwaziwa inkinga yakhe ikuphi. Kusukela ngoMsombuluko weviki eledlule ukuleli hlathi. Lapha kuse Richards Bay ngasekolishi Richteck. Omaziyo kaphuthume asithinte simxhumanise nabazi la ehleli khona. Ubonwe ngabasebenzi bamanzi abasebenzela kuleya ndawo. Banokumnika ukudla namanzi,.kodwa ulala lapha kambathi lutho. Mayebuzwa kakhulumi nakahle uke wathi usuka kwesaKwaBiyela kodwa nina bomndeni sukumani nimlande esaphila.

Source : ezivuthayo eMaputaland

Sanibonani ngbhala inhliziyo yami Ave ibuhlungu ngcela ongbonela lengane awuhlabe awulawule ingane yami Istory Simi kanj...
18/01/2024

Sanibonani ngbhala inhliziyo yami Ave ibuhlungu ngcela ongbonela lengane awuhlabe awulawule ingane yami

Istory Simi kanje:nge 30 wahamba waya kubo engashongo manje ngathi usesaba ukubuya ekhaya uthi bazomshaya ....u anti wakhe ubemphelezele namhlanje wajika mabefike estobhini ngasekhaya wathi uphindela kubo uyesaba

Guys ngsabela imfula mayingagcwala ngcela ombonayo angthinte bath begqoke ijezi Eli Green elino ku red

Ngakwaphewa, mnyaba, njikjela, mtholo mvutshini cela ningsiza
I number yami:0714150809

Gama lakhe umkhehle

Guys plz lokhu zivuliwe ikole akaze aye eskoleni plz plz plz

From : khanyie khanyie

Imeya kamasipala uMfolozi uCllr Xolani Bhengu uthi ushaqekile ngesigameko sokubulawa kowesifazane uSnenhlanhla uMbokazi ...
16/01/2024

Imeya kamasipala uMfolozi uCllr Xolani Bhengu uthi ushaqekile ngesigameko sokubulawa kowesifazane uSnenhlanhla uMbokazi ogwazwe njengohlonzwe njengesoka lakhe uNdumiso Khumalo.

Umndeni wakwaMkhwanazi ekhaya komama kaKhumalo uveze ukuthi uNgubane ubhokode ngombese umama wezingane zakhe ezine(4) maqede wazibulala naye ngokuzilengisa.

Izigameko ezifuze lezi ngaphansi kukamasipala uMfolozi zibonakala zanda njengoba ngonyaka owedlule kwabulawa uLindeni Ngubane waseNtuthunga nowatholakala elahlwe ehlathini eliseduze nendawo yokucisha ukoma.

"Sikhathazekile ngezigameko ezifuze lezi ziyishwa futhi kumele zigxekwe kakhulu ngoba zikhomba ukuthi siphila nabantu abanobulwane nabahlukumeza abantu besifazane. Lesisigameko siyakhathaza kakhulu futhi siyashaqisa, okuthusa kakhulu ukuthi ngesikhathi siqhuba umkhankaso wokuvikelwa kwabesifazane nezingane sacosha ukuthi izindawo zakulomasipala ziyisizinda sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kumele silwisane nalesiaihlava" kubeka uBhengu.

"Esikuthola emndenini ukuthi njengoba kade kungamaholidi nje izingane zabo ezimbili bezikhona ekhaya nezihambe ziyolungiselela ukubuyela eskoleni, umama wazo uMbokazi yena ube esebuya ngenhloso yokuthi bazovuka noKhumalo bayothenga izinto zesikole zabatwana" kuphetha uBhengu.

Source : umfolozimunicipality

20/12/2023



Ingabe uyalibona yin ithemba kwiqembu lezetolitiki elisematheni ngalesiskhathi

Kuthithi okwakho ukuphawula

Trafficlanguage N2 kwaShikishela Mtuba ingozi embi
15/11/2023

Trafficlanguage
N2 kwaShikishela Mtuba ingozi embi

15/11/2023

News update

KWA HLABISA.

Uzivumele yena emaphoyiseni umlisa wakwa Hlabisa obulale umakhelwane wakhe.

Ngoku chaza kwakhe utshele amaphoyisa ukuthi wabona umakhelwane wakhe ephuma ezitolo kwa Hlabisa wase.Edlula ngaphandle kwakubo wase emcela ukuthi akadlule kubo bexoxe lento ahambe eyikhuluma ngaye emphakathi.

Uthi ke ngempela angene lo bhuti wakamakhelwane bese kuba noku hilizisana kugcine ku xatshwana.Acoshe istina amsakaze ngaso enhlafunweni.Awele phansi bese emhudula amhudulele endlini yakha.Nala aqala khona wamutoka wena owabona kuhlinzwa islwane.Wamutoka wase ecosha zonke izicubu waziphonsa kupulastiki omnyama.
Wahambanawo wayowu phonsa estamkokweni esesingasa sebenzi,maqede wacosha amaplangwe zinkuni opulastiki wakufaka khona.Wachela uphethiloli Wamshisa kanjalo.

Wabuyela kubo wahlala emnyango waqhubeka no bhiya .Uthe engadakwa kahle wafonela umndeni wakubo waziceba.Waboshwa kanjalo

Everyone

Ezingena manje Bashiswe yilangabi lomlilo  abangalazi KwaManqele koSeme.Isimanga somuzi wakwaManqele koSeme KwaHlabisa, ...
26/09/2023

Ezingena manje

Bashiswe yilangabi lomlilo abangalazi KwaManqele koSeme.

Isimanga somuzi wakwaManqele koSeme KwaHlabisa, KZN uvele ushe kungaziwa ushiswa yini. Kuthiwa kuvele kuqhamuke ilangabi lishise kwasani kawubhuleki futhi. Omunye womakhelwana uthe uzwe kancane amazwi "shiyashisha manje" uthi kwathi gqamu ilangabi. Kuthe sebemiselwe itende lokuthi bahlale kwafika umoya walishwabadela nalo walenza izicucu kabasazi benze njani.

IZIGEBENGU ZISHAYE ZACHITHA NAMALI KUBANJWA IMOTO ETHWALA IMALI.Izinswelaboya zishaye zachitha nezindodla zemali ngesikh...
28/07/2023

IZIGEBENGU ZISHAYE ZACHITHA NAMALI KUBANJWA IMOTO ETHWALA IMALI.

Izinswelaboya zishaye zachitha nezindodla zemali ngesikhathi kubanjwa imoto yemali enxanxatheleni yezitolo iBridge City Mall KwaMashu namuhla ntambama ngezikhathi zabo 6.

News updates

Kubikwa ukuthi izigebengu zisebenzise amabhomu ukuqhumisa imoto yemali badubula nangezibhamu ezinkulu. Umshayeli kanye nonogada abalimalanga.

03/07/2023

News updates

Sekudutshulwe kwabulawa ikhansela le-IFP ngaphansi kwamaspala wesifunda UMkhanyakude u-Innocent Killer Mkhwanazi.

Kuvela ukuthi lesigameko senzeke endaweni yaseMtubatuba.

03/07/2023

News updates

UNDUNANKULU kaZulu uMntwana Mangosuthu Buthelezi ukhiphe umbiko wokuthi iSilo uMisuzulu KaZwelithini siyalashwa esibhedlela eSwatini ngemuva kokuhlatshwa wukugula okungaqondakalali.

Yize silulame iSilo kuthiwa asifunanga ukwelashwa kuleli Kwazise iNgonyama neNdlovukazi bahlatshwa wukugula balashwa kuleli kodwa bangasinda.

News updatesUsathuka izanya umndeni wakwaMlungwana endaweni yaseMchakwini, eMtubatuba enyakatho nelikaMthaniya kulandela...
30/06/2023

News updates

Usathuka izanya umndeni wakwaMlungwana endaweni yaseMchakwini, eMtubatuba enyakatho nelikaMthaniya kulandela isigameko sokubulawa ngesihluku kwelunga lalomndeni uCabangile Mlungwana (66), obulawe ngokuxhonxwa ngogodo wazewashona, ebulawa ubhuti wakwamekhalwane.

UZamile Mlungwana oyilungu lalomndeni uthi kabasazi isizathu esenze ukuthi kubulawe ugogo wabo ngalendlela ngoba bekungakaze kubenengxabano phakathi kwabo.

Sphiwofmnews

13/06/2023

New updates

UBULALE UMAMA WEZINAGNE ZAKHE NGOMKHONTO KANYE NESANDO OWESILISA WASE MTUBATUBA.

Usagcwele amathafa owesilisa uJabulani Mthembu wase Mtubatuba eDukuduku obulele uMama wezingane zakhe wakwa Mdletshe olinganiselwa eminyakeni engamashumi amabili nantathu (23), kubikwa ukuthi lona owesilisa ufonele lona wesifazane wathi akuphuthume eze kuye ezolanda izinto zengane nama Pampers, nokungaziwa ukuthi ikuphi abafike bakubanga, ngoba lona wesilisa ube esebulala uMama wezingane zakhe, njengoba kubikwa ukuthi umbulale ngoMkhonto kanye neSando nokuyizona zikhali ezitholakale eduze nesidumbu, kubikwa ukuthi lona wesilisa uthe mayeqeda ukumbulala wase ekhiya emnyango washiya ukhiye lapha ejwayele ukuwushiya khona wahamba nokungaziwa ukuthi ukuphi kuze kube yimanje , kanti kubikwa ukuthi ingane yakubo kalowesilisa ithe mayiyovula kulendlu ngenhloso yokuyokhuphula ama switch yazithela phezu kwesidumbu salowesifazane.

Ikhansela lakulendawo eMtubatuba ku ward 2 ukhansela uMkhawuleni Zulu usiqinisekisle lesigameko, noveze ukuthi uthe uma ebikelwa ngaloludaba waphuthuma khona nofike kusahlanzwa igazi ebeligcwele indlu nobekubonakala ukuthi lowesifazane ubulawe ngesikhulu isihlungu, uZulu uqhube wathi siyabathusa lesigameko ukuthi umuntu omncane abulawe ngalohlobo , ukhansela uthe nomndeni wakhe lomfana awukaze usole lutho ukuthi mhlampe khona inxabano abake babanayo nomama wengane , kodwa umfana wake wenza incwadi ye Protection order ethi akasafuni lentombazane isondele kuye kodwa nayo leyonkinga bahamba bayilungisa njengoba bekumele ngoLwesine beye eNkantolo, njengoba lowesilisa esebiza lowesifazane Kubo ethi akazolanda izinto zengane kanti ufuna ukumbulala, ukhansela uZulu uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi ugogo walowesifazane ubeloku elindile ukuthi uMzukulu wakhe uyabuya njengoba ehambe elanda ama Pampers kodwa manje usethola izindaba zokuthi sebembulele umzukulu wakhe.

kubikwa ukuthi lesigameko senzeka ngabo 7 e

News updatesUkhala ezimathonsi umndeni weNduna engaphansi kobukhosi bakwa Mpukunyoni eMtubatuba uNgcebo Mkhwanazi odutsh...
05/06/2023

News updates

Ukhala ezimathonsi umndeni weNduna engaphansi kobukhosi bakwa Mpukunyoni eMtubatuba uNgcebo Mkhwanazi odutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe ngoLwesihlanu kusihlwa.

Ngemuva kokuqhuma kwesibhamu amahlandla amathathu, uMkhwanazi ube esetholakala eseshonile budebuduze nomuzi wakhe esigodini sakwa Nomathiya.

INkosi yesizwe sabaKhwanazi uNtokozo Mkhwanazi, usesigxeke kakhulu lesi senzo.


26/05/2023

News updates

UMntwana wakwaPhindangene uthi usebe nguNdunankulu kaZulu ebekwa yiSilo uCyprian KaBhekuzulu kwaze kwabe siyabuza kanye neSilo esisanda kwebuza uZwelithini kaBhekuzulu, njengoba esakulesikhundla namanje ngaphansi kweSilo esikhona iSilo UMisuZulu KaZwelithini uthi akanqabile ukwehla ngoba ukulesikhundla emseni waso isilo.

copied

22/05/2023

News updates

KUNXUSWA UMPHAKATHI UKUTHI ULEKELE KUTHOLAKALE IZINSWELABOYA EZIGQEKEZE EZIBUKWENI EJOZINI.

Basashaqekile abafundi kanye nothisha abafundisa esikoleni samabanga aphezulu eZibukweni eJozini kulandela ukungena kwezinswelaboya ezifike zagqekeza izisefo ezigcina ama-Tablet abafundi maqede zayogqula ubonda zabhora imbobo yokungena ukuze zishaqe ama-Laptops okusebenza. Lesigameko esenzeke ngoLwesine ebusuku siphazamise nokubhala kwabafundi njengoba kuphoqeleke ukuthi kuhlehliswe amaphepha obekuhlelwe ukuthi bawabhale. Abafundi bathi lesisimo sibaphazamise kakhulu Njengoba bekumele bebhale.

Usihlalo wesigungu esilawula ukusebenza kwesikole uLinna Nkosi ukhihle esikanandi ngesikhathi elandisa ngalesisigameko wathi kubashaqisa kakhuluukuthi kungakhona abantu abazophuca izingane ikusasa lazo ngkuti bazothatha impahla ezifunda ngayo wanxusa umphakahi ukuba uwuhlabe uwulawule uma ubona umuntu odayisa i-Tablet noma i-Laptop ukuze zibanjwe izigilamkhuba.

Ngakolunye uHlangothi Ikhansela laku-Ward 7 lapha okukhona khona isikole uMnu Nhlanhla Gumbi uhambele lesisikole ukuyobheka umonakalo nokulapho elifike lathola khona ukuthi kutshotshwe amaTablet angu 40 kanye nama-Laptops angu 7 okukhishwe esisefeni sokugcina impahla. uKhansela Nhlanhla Gumbi usikhahlele ngazozombili lesigameko wathi usazoyolwethula emkhandlwini udaba babone bangangenelele kanjani ukulekela abafundi ukuze kuqhubeke ukufunda.

Copied

20/05/2023

News updates

"intombazane ibulele ingane yayo"

Intombazane eneminyaka ewu-23yrs ibulale ingane yayo elinganiselwa ku-3yrs ubudala ngenxa yokuba isoka belingayifuni ingane, abazi kahle ukufa kwalengane bathi intombazane yaqhoyiswa isoka emnyakeni eyedlule kanti lizoboshwa isoka, intombazane yaqhubeka nempilo yaze yagcina isikhulelwa ikhuleliswa omunye umuntu,isoka belinokuyifonela intombi mzukwana isoka Lise jele kthiwa intombi kwakumele ikhiphe isisu ingane ingakazalwa kodwa intombazane ayisikhiphanga isisu yakhetha ukuba ingane izalwe bese iphinda iyazibulalela Yona futhi,

Umfana obethandana nentombi waphuma ejele wase etshela intombazane ukuba inqume ingane yayo umqala, intombi yathatha almost 2yrs ukuba ibulale ingane yayo kepha ekugcineni ukufa kwagcina kuyanele ingane engazilutho ngomhlaba, intombazane yafungisa isoka ukuba lingamshiyi Mase esebona abancono ekubeni intombi yona ithathe isinqumo sokukhuphula usana lwayo 😭 isoka laphinda lafungiswa intombi ukuba lingayithi vuu kubantu eyokufa kwengane kumele kube yimfihlo yabo bobabili, amaphoyisa akuqinisekisile ukuba intombazane eneminyaka ewu23yrs ibulale ingane yayo ngoku yisonta umqala,lokho kuvezwe umngane wentombazane obelwazi udaba lwalaba ababili, umngane uzinikele emaphoyseni ngolwesihlanu ngemuva kokuphuma kwesidumbu sengane ebingaziwa ukuba ibulewe ngubani,

Abomphakathi bachazile bathi intombazane engumama wengane icala ibifuna ukulithwesa umalume wayo,oksolakala ukuba umalume ubenakho ukthinteka kulesgameko kangango kuba umphakathi wase Ntuzuma uzifikele mathupha eskhumbeni sakhe umalume,lokho kuphethe ngokuba mngane wentombazane agonyuluke iqiniso ngoba ebona ukub kuzofa umuntu ongenacala,

Abasolwa bazovela kuleli sonto enkantolo yase bridge city kwa Bester endaweni yaKWAMASHU

18/05/2023

News updates

Iphunyuke isibheke phesheya ingane ebithunjwe kuleli.

ingane yase Thekwini ethunjwe eThekwini yayofakwa emkhumbini obheke phesheya ikwazile ukuphulukundlela yabaleka.

Imibiko ithi lomfana oneminyaka engu 16 ubelinde imoto kamalume ngesikhathi bemthatha ngendluzula ethathwa Imdlambila emithathu ngaphandle kwesikole esise Chartwoth ngeviki eledlule

Ngokusho kwengane ithe baythathe bayoyfaka kwi Container emkhumbini emtanteni qede bayivalela khona , kuthe beyobheka beyihambisela ukudla ingane yavele yabaleka yayogxambuza emanzini qede yashaya idadamu yaphumela ngaphandle.

Okhulumela amaphoyisa kwa Zulu-Natal u Robert Natshuenda uthi kube inhlanhla nje ngoba uMkhumbi ubungakasuki ubusalinde uKapteni ukuthi awunike umhlahlandlela wokuthi uhambe kanjn , Lezigilamkhuba zisathungathwa futhi zingene ngomkhoshosho emkhumbini azaziwa

copied

17/05/2023

News updates

Kushone ingane yomfanyana eneminyaka emibili (2) okubikwa ukuthi ibambe intambo kagesi ephukile egcekeni ekhaya kubo kayise wayo, endaweni yakwaHlabisa esigodini sasOphaphasi ngaphansi kobukhosi baseMdletsheni.

Lesi sigameko esenzeke ngosuku lwangolwesihlanu ngezikhathi zantamba sishiye umphakathi ubambe ongezansi njengoba, kubikwa ukuthi izingane bezidlala egcekeni, nokungazeki ukuthi lena ebambe intambo ifinyelele kanjani kuyona njengoba kuthiwa ibivalwe ngetshe intambo, futhi ingaphansi komthangala.

Ingane eshonile kuthiwa ibivakashele ugogo wayo njengoba ihlala ekhaya komama wayo kwabe sekuvela lomuga, kanti kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa aseZibayeni.

CPD

28/03/2023

News updates

SEKUPHOQELEKE UKUBA KUKHISHWE BONKE ABANTU NGAPHAKATHI EMAHHOVISI KAMASPALA UMHLATHUZE:

Lokhu kuza ngemuva kokuqubuka komlilo ngaphakathi emahhovisi kaMaspala eRichards Bay. Abezimo eziphuthumayo sebekhona endaweni yesigameko. Kuvela ukuthi umlilo uqubuke maduze ne-Council Chamber okuyindawo la umkhandlu ubambela khona imhlangano.

27/03/2023

News updates

Sekudutshulwe kwabulawa owesilisa osemncane eSfiso Restuarent and Bar eNkodibe eMtuba. Kufike umuntu ongaziwa wamhlaba umfana. Ushonele endleleni eya KwaMsane Clinic.

23/03/2023

News updates

Yimina ophethe elakuleli: amazwi ashiwo umholi we-EFF uJulius Malema!”

Ngesikhathi kuqubuka umsindo, umholi we-EFF uJulius Malema ujabulise amalungu ePhalamende ngamazwi awakhulumile.

I-Economic Freedom Fighters iphinde yafakazela ukuthi ubani ophethe kuleli.

“Yimi ophethe ngikubambe ngesihluku futhi akukho eningakwenza njengamalungu ePhalamende. Ungamemeza noma ukhale okusalayo yimi ophethe.” Kusho uMalema.

“Futhi ngifuna lokho kucace, baletha amasosha namaphoyisa ngoba oniphethe ethi akuvalwe izwe.”

Iqiniso likaMalema nokho lihlukile kulokho abantu bakuleli abakubona ngoMsombuluko.

Zonke izifundazwe, amadolobha, namalokishi ziwuchithile umbhikisho we-EFF zanqaba ukujoyina.

Imiphakathi ebhikisha masonto onke ifuna ukulethwa kwezidingo kubantu nokuphikisana nokucinywa kukagesi ayizange ivumele i-EFF ukuthi icekele phansi uMengameli uCyril Ramaphosa.

Imiphakathi eyazitapela enxanxatheleni yezitolo yaphinde yabhekana nemiphumela yesikhathi eside yezibhelu zika-2021 ayizange isiphendule isicelo sikaMalema.

NasePhalamende, amalungu ePhalamende asichithile isiphakamiso se-EFF sokungamethembi uSomlomo uNosiviwe Mapisa-Nqakula.

Udedele ezokuphepha ePhalamende kanye noPhiko Lokuvikela uMengameli kumalungu e-EFF ePhalamende azama ukuphazamisa inkulumo yesizwe mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlolanja.

IPhalamende liphinde lasichitha isiphakamiso se-DA sokusungulwa kwekomidi lesikhashana elizobhekelela udaba lwepulazi lasePhala Phala olwenzeka ngoNhlolanja ngonyaka ka-2020.

USotswebhu weqembu eliphikisayo, uSiviwe Gwarube ufake lesi siphakamiso ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo sikaRamaphosa sokufinyelela eNkantolo yoMthethosisekelo ukuze aphonsele inselelo umbiko weSigaba-89 mayelana naleli hlazo.

Ithimba eliholwa umphathi wamaJaji uSandile Ngcobo lithole ukuthi uMengameli angase abe necala azoliphendula ngendaba yokufihla loludaba.

Amalungu omthetho aphikisana nalesi siphakamiso athi uMengameli akanacala ngokusho kombiko

23/03/2023

News updates

Umuzi kaNdunankulu uMxolisi Dukwana e-Free state ushe wangqongqa ngoLwesine ekuseni.

Okhulumela uDukwana, uSello Dithebe usiqinisekisile lesi sigameko.

“Ngilapha emzini kaNdunankulu oshiswe umlilo,” etshela i-News24.

UDithebe wengeze ngokuthi abezicishamlilo nabanye abezimo eziphuthumayo bebesendaweni yesigameko.

Imbangela yomlilo ayikaziwa.

Okhulumela amaphoyisa ase-Free State, uBrigadier Motantsi Makhele akakaphawuli ngalolu daba kodwa ukuqinisekisile ukuthi uphenyo lusaqhubeka.

23/03/2023

News updates

Umndeni wakwaPolo ukhungethwe usizi nokuhlukumezeka ngemuva kokuthi isidumbu sendodakazi yawo uNomthandazo sitholwe sicwiywe emzini wakhe e-Geluksdal, Ekurhuleni ngeSonto ebusuku.

Ngemuva kwezinsolo zokuthi umbulele, isoka lakhe lesikhathi eside uKagiso Thobela ushayele abangani kanye nomndeni wakhe ucingo ebatshela ukuthi umbulele futhi uzozibulala.

Izitho zakhe zomzimba bezisikwe nge-angle grinder.

Umama kaNomthandazo, uSenzeni Ngoma utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhlushwa izithombe zesidumbu sendodakazi yakhe esidindilize edamini legazi.

“Kuzongithatha iminyaka ukuthi ngikhohlwe ngalesi sigameko esinyantisayo,” esho.

Kuthiwa besekuyiminyaka eminingi uNomthandazo evaleleke kulo budlelwano obuhlukumezayo nokuthe uma ethola ukuthi uKagiso ukhulelise omunye wesifazane amawele wanquma ukuqeda ubudlelwano babo.

“Unqabile ukuphuma endlini abebeqashe kuyo wamshaya waze wangakwazi nokukhuluma nokuhamba,” esho.

“Ngibone kungcono ngishayele umama kaKagiso ucingo ngamcela ukuthi angenelele akhulume nendodana yakhe mayelana nezindlela zayo zokuhlukumeza njengoba benginovalo lokuthi ngelinye ilanga izobulala indodakazi yami.”

Umama kamsolwa uye wahlala nabo izinsuku ezine ukuze abasize balungise izinkinga zabo. Uhambe ngoMgqibelo kwathi ngeSonto ebusuku umsolwa wabulala uNomthandazo.

Umama ososizini uthe indodakazi yakhe ibihlalele ovalweni futhi sekuneminyaka ihlukumezeka.

“Ugcine ezifezile izinsongo zakhe wambulala ngesihluku esikhulu,” esho.

“Manje lolu daba silushiyela iNkantolo yeMantshi yase-Tsakane ukuthi ikhiphe isijeziso esinzima kunazo zonke.”

Kuthiwa ezinsukwini ezandulela lesi sigameko uThobela (29) waKwa-Thema Ekurhuleni ubebuza abangani bakhe abake baboshwa ngokuthi kunjani ejele nokuthi uzokwazi yini ukuphila khona.

UThobela uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Tsakane ebhekene necala lokubulala ngoLwesithathu ekuseni.

Icala lihlehliselwe mhla zizine kuMbasa ukuze kufakwe isicelo sebheyili.

06/03/2023

News updates

uMengameli we kuleli uMnuz Cryil Matamela Ramaphosa uzokwenza izinguquko kwiKhabhinethi lakhe namhlanje ngehora lesikhombisa kusihlwa.

Kulindeleke ukuthi aqoke iphini likaMengameli elisha kulandela ukusula kukaMnuz Divid Mabuza. uMengameli uzophinde aqoke uNgqoNgqoshe obhekelele ugesi njengoba ayememezele Kanye nongqongqoshe wezokuthutha omusha njengoba uMnuz Fikile Mbalula esesebenza njengonobhala we ANC.

Zikhona ezinye inguquko angahle azenze.

22/02/2023

News updates

Inkulumo yesabelo mali ethulwe uNgqongqoshe u-Enoch Godongwane.

Isibonelelo soxhaso lwemali yabantwana sinyuke kusuka kuR480 ukuya ku-R510 ngenyanga

Igranti yabantu abadala kanye nabaphila nokukhubazeka kumbe abakhubazekile inyuke kusuka ku-R1,985 kuya ku-R2,085.

Uxhaso-mali ebhekelele abantwana ihleli ku-70%.

Intengo kabhiya osekanini unyuke ngo 10 Cent

Ibhodlela lewayini R0,18 Cent

Ibhodlela lespirithi R3.90

CPD

21/02/2023

News updates

Isemanzini iNdlunkuku kaZulu ngemuva kokudlula emhlabeni kukanina omncane weSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama,uMntwana u-Alice kaSolomon kaDinuzulu.

UMntwana u-Alice udlule emhlabeni ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokugula. Ubengubabekazi weSilo Samabandla esibusayo, uMisuzulu kaZwelithini.

UNdunankulu weNgonyama nesizwe samaZulu uMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi umemezele lezi zindaba.

“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi nginazise ngokudlula emhlabeni kukaMntwana u-Alice, obeyindodakazi yeSilo uSolomon kaDinuzulu,” kusho uButhelezi.

UMengameli uCyril Ramaphosa naye udlulise amazwi enduduzo kwiSilo Samamabandla kanye naseNdlunkulu.

“Egameni likahulumeni kanye nabantu bakuleli, uMengameli Ramaphosa udlulisa imithandazo nemicabango yakhe kwiNdlunkulu kaZulu kanye nesizwe sonke samaZulu ngokulahlekelwa uMntwana,” fundeka isitatimende sehhovisi likamengameli.

UMntwana u-Alice wathola udumo ngokuhola umkhosi womhlanga wokuqala ngo-1984.

Ukudlula kwakhe emhlabeni kulandela ukudlula komshana wakhe obengundabamlonyeni, uMntwana Thembi Zulu-Ndlovu, obethathwa njenge linye lamavukelambuso eNdlunkulu.

INdlunkulu kaZulu selokhu yakhungathwa izigigaba ezimbi kulandela ukushona kukaMntwana uLethukuthula ngo-2020. UMntwaba uLethukuthula ngomunye owayebhekwe ukuthi athathe isihlalo sobukhosi, kodwa wadlula emhlabeni ngaphambi kokukhothama kukayise iSilo Samabandla uZwelithini kaBhekuzulu.

Kuthe besadlulisa ubuhlungu abasebukhosini bazithola sebegubuzelwe ifu elimnyama ngemuva kokukhothama kukaNdlunkulu uMantfombi kaSobhuza waKwaKhangelamankengane lapho bekuhlala khona uMntwana u-Alice.

Ukukhothama kukaNdlunkulu uMantfombi kaSobhuza kulandelwe ukukhothama kukaMntwana uMgidlana obelwela ukuthi iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini sithathe izintambo zobukhosi.

UButhelezi uthe iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini zimuzwisa ubuhlungu kakhulu lezi zindaba.

“Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo kwiSilo naseNdlunkulu kulesi sikhathi es

21/02/2023

News updates

Iqiniso elibuhlungu lenkinga yokucishwa kukagesi kuleli izoba iphupho elibi kuleli sonto njengoba izakhamizi kanye namabhizinisi ezohlala amahora ayisishiyagalombili kuya kwangu-12 ngosuku engenagesi.

Isigaba sesithupha sivamise ukuba into embi kakhulu ezinyathelweni ezahlukene ku-Eskom zokulawula igridi kagesi egugile yezwe.

Kodwa ngoMsombuluko abaphathi bakwa-Eskom bathe benza konke okusemandleni ukugwema ukukhushulwa kokucishwa kukagesi ukuthi kuye esigabeni sesishiyagalombili.

Lokhu akuzwakali kodwa bekulokhu kuyinto engenzeka.

Isikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter uthe ukucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha kuzoqhubeka kuze kube uLwesithathu kusihlwa.

Uma konke kuhamba ngohlelo isigaba sesine sizoqala ngoLwesine ekuseni bese kuthi ukucishwa kukagesi kwehlele esigabeni sesithathu ngempelasonto.

Esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko isikhulu esiphezulu esiphumayo sithe okungenani amayunithi ayisishiyagalombili aphehla ugesi ahlulekile kanti ukutholakala kwamalahle kubeke izingqinamba ezinkulu kwigridi kagesi.

“Sibheke i-Lethabo kwiyunithi yesine, yesihlanu neyesibili nakwiyunithi yase-Camden.

“Ngemuva kwalokho sibheke ukuthi sibuyele esimweni ekupheleni kosuku lwangoMsombuluko cishe ngamandla angu-3,000MW kulandele angu-2,000MW ngoLwesibili, ngoLwesithathu nangoLwesine.

“Lokho kuzonciphisa kakhulu ingcindezi esibhekene nayo mayelana nomthamo wokukhiqiza futhi kuzonciphisa ubungozi,” kusho uDe Ruyter.

Ukugwema isigaba sesishiyagalombili uDe Ruyter uthe basebenzisa kanzima izinjini zabo zegesi ezijikelezayo wengeza

ngokuthi balwa nenkinga yokushoda kwamandla okukhiqiza angaphezu kuka-6,000MW ngezikhathi okusetshenziswa ngazo kakhulu ugesi.

“NgoMsombuluko silahlekelwe ngokuphelele amandla angu-12,318MW okuyisibalo esiphezulu kakhulu nesizathu sokucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha.

“Sibe sesilahlekelwa ingxenye yomthwalo wethu – ngezinga eliphezulu kakhulu – amandla angu-5,993MW futhi sibe nokulahlekelwa kwamandla okuhlobene ikakhulu

21/02/2023

News updates

Kutholwe uhlobo oluyingozi lomiyane olusongela ukusabalalisa umalaleveva e-Kenya.

Umiyane i-vector ebizwa ngokuthi i-Anopheles stephensi itholakale ezindaweni zasemadolobheni nasezindaweni zasemakhaya.

Laba omiyane batholwe abacwaningi abavela e-Kenya Medical Research Institute (Kemri) ezifundeni zase-Laisamis, e-Saku kanye nasenyakatho ye-Marsabit.

USam Kariuki oyibamba likamqondisi we-Kemri, uthe unovalo lokuthi ukufika komiyane kungase kwenyuse kakhulu ukusabalala kukamalaleveva ezwenikazi lonke.

Ngokungafani nabanye omiyane e-Afrika, ukugcwala nokuhlala kwabo kwenziwa isimo semvula kanti i-Anopheles stephensi isabalalisa amagciwane kamalaleveva unyaka wonke.

UKariuki uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi igciwane elisha elingafani nomiyane bendabuko ababanga umalaleveva aligcini nje ngokuhlasela, kodwa lisabalala ezindaweni ezahlukene.

Laba omiyane bahlala ezindaweni ezinamathayi, amathange avulekile, imisele yendle, amathange ashisayo kanye nasezindaweni ezingcolile.

UKemri uzibandakanye ekugadeni izifunda ezisengozini ye-Anopheles stephensi ukuze anqume izinga lokusatshalaliswa kwama-vector kanye namazinga okusuleleka komiyane.

“Sicela abasebenzi kanye nomphakathi ukuthi baqhubeke nokusebenzisa amathuluzi okulawula umalaleveva atholakalayo njengokusebenzisa amanethi omiyane nezinto ezixosha omiyane.” Kufanele bagqoke izingubo ezinemikhono emide ukuze bagweme ukulunywa omiyane.

I-Anopheles stephensi ngaphambilini bekwaziwa ukuthi ivela futhi iletha umalaleveva e-South-East Asia, e-Middle East, nase-Arabian Peninsula yase-Arabia.

Kodwa lolu hlobo belusabalala ezindaweni eziningi kule minyaka eyishumi edlule okubalwa i-Djibouti (2012), i-Ethiopia kanye ne-Sudan (2016), i-Somalia (2019) kanye ne-Nigeria (2020).

I-Kenya yenze intuthuko enkulu ekulweni nomalaleveva, kodwa lesi sifo sisawumthwalo ohlelweni lwezempilo ezweni.

Udaba luvezwe i-All Africa.

Address

Town
Hlabisa
3937

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Sphiwo FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Sphiwo FM:

Share

Category