Amanoveli koyac

Amanoveli koyac izincwadi ezimnandi zesizulu NGICELA UYIFUNDE UCOMMENT UNGAYIFAKI INHLAMBA THOKOZELA UBUCIKO UMA K*K

23/03/2021

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 34

Kusampondo zankomo uNxumalo avuke alungisele ukuya emahhovisi ala ebesebenzela khona azithele kuNombulelo exhibeni egqoke econsa kukhombise ukuthi khona la alibangise khona okanye la abuya khona uNxumalo ambuze ngomoya ophansi engasambingelelanga "NTOMBI YAMI UYAPHI NGALESKHATHI "uNombulelo amphendule ngezwi eliqaqazelayo "ZWIDE NGIZIZWA NGINOMKHUHLANE NGIBONA K*KUHLE NGIYE EMTHOLAMPILO"uNxumalo engabe esaba nembuzo emningi ngoba ingane yakhe uyayethemba kakhulu ayigixabeze ngemali yokugibela Kanye neyokudla nenye yokuthi ithenge ingubo ezozigqoka emshadweni .

U-Amanda aphaphamiswe ilanga eselingena ngefulastela avuke adonse ucingo lwakhe aluhlome kumpendulo ngokushesha alubambe "MASOKHULU OMUHLE"U-Amanda engabe esabuza kwampilo "UNGITHEMBISILE UKUTHI SIZOVUKA KAKHULU SIYOTHENGA INGUBO ENGIZOYIGQOKA EMSHADWENI WETHU KODWA NGIKUBINA SENGATHI USUKHOHLIWE NJE ZWIDE ELOKUGCINA LOLUSUKU KUSASA SIYASHADA BAKITHI" uMpendulo amehlise umoya umuntu wakhe "NTOMBI YAMI ENHLE NGIYAXOLISA NGIZUMEKILE NJENGOBA NGIZE NGIVUSWA UWE NJE NGICELA ULUNGE UGIBELE SOTHOLANA EDOLOBHENI "bavumelane U-Amanda avuke endlule .

Useze wangena ngaphakathi udokotela usemxilongile ukuthi yini le emphethe kungapheli skhathi udokotela amtshele ukuthi uzithwele unesonto ezithwele uNombulelo avele akhihle esikanandi aze agcine esephimsela lamazwi "NGICELA UNGIPHA IMISHANGUZO YOKUSKHIPHA NGIYACELA BANDLA"esho esikhihla islilo udokotela amyale bese eyamtshela ukuthi ingane iyisibusiso esivela kumdali kanti futhi ayinacala kodwa ucela abuye kusasa esecabange Kahle ukuthi uyasihushula ngampela yini....

❤️Koyac❤️

31/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 33

Imemo zomshado seziphume zaze zagcina sezifike kuThabani avele afikelwe isu elisheshayo njengoba nomshado ususeduze adonse ucingo lwakhe aluphose kuSgqoko "BAFO SENGIKHOLIWE OWAWUNGITSHELA KHONA SENGIYAZI NOKUTHI USUKU LOMSHADO LUNINI WENA NGIFUNA UHLANGANISE INSIZWA UKUZE SONGENA EMSHADWENI SIQOTHE IMBOKODE NESISEKELO"uSgqoko amthembise ukuthi uzokwenza njengoba eseshilo maqede uThabani avale ucingo.

uShabangu adonse ucingo lwakhe afonele uNgcobo kungapheli skhathi alubambe "BAFO NGALE KOKUTHANDABUZA IMNININGWANE OWAWIFUNA NGENOMBOLO NANSI THOLA IPHEPHA UBHALE BAFO NGOBA ANGIFUNI UNGITSHELE UKUTHI USUKHOHLIWE"kungapheli mzuzu uNgcobo asho ukuthi iphepha uselitholile "UNOZICI SHEZI UHLALA ESGODINI SASENHLWATHI UHLELI EMNINGI EMZINI OSEDEZE NESIKOLE SAMABANGA APHANSI ENKONJANE "uthe engaqeda uShabangu abonge uNgcobo bese bevalelisana kahle uNgcobo aqhubeke nomsebenzi wakhe.

Lukhale ucingo luka Nxumalo ileya nombolo eyayimhlupha kudala angayibambi futhi kuphele iskhashana luphinde lukhale ucingo ujohn umlungu owayemphethe esasebenza etiyeni alubambe uNxumalo ucingo "JOHN YINI NDODA UFUNANI"uJohn amphendule"NDODA KUNGANI WENA UNGAYIBAMBI IFONI UZOPHUTHELWA OKUNINGI "maqede avale ucingo luphinde lukhale ucingo ilenombolo futhi ayibambe "NGABE NGIKHULUMA NOMNUMZANE T.B NXUMALO"avume uNxumalo maqede alalele okulandelayo "MNUMZANE KADE USEBENZA ETIYENI ANGITHI KUZOMELE UZOGCWALISA AMAPHEPHA BESE UTHOLA IMPESHENI YAKHO YALOMSEBENZI "uNxumalo abuze ukuthi lamaphepha akalelwe izinsuku ezingaki futhi kumele ezowagcwalisa nini baxoxisane nalomuntu amchazel yonke into.

Thokozela esilandelayo
Umbhali ngu Kwandile Shange
❤️koyac❤️

31/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 32

Inxenye yesgaba

uMpendulo ilokhu egqolozele uNombulelo njengoba umaShezi esayaluza ephaka uNombulelo yena windwazele njengoba ephethwe ikhanda nesyezi kungene uNxumalo abingelele ahlale nabo alindele ukudla maqede atshele umaShezi ukuthi "MASHEZI KUZOMELE UBHALE IMEMO UMFANA KANYE NAMI SIZOSHADELWA NGOKUPHAZIMA KWESO KULO LELISONTO UMFANA UYOSHADELWA EKUSENI KOTHI UMA SELIYOZILAHLA KUNINA BESE KUSHADA MINA NAWE NKOSIKAZI"umaShezi ajabule avume ukuthi yonke into izoma ngononina kungekudala nje uNxumalo alunqume usuku lomshado kuvunyelwane ngalo , aqhubeke umaShezi aphake kudliwe bese beyahlukana beyolala njengoba sekuhlwile nje.

U-Amanda avuke unina esewuphekile umdokwe"MAMA AWUNGIVUSANGA NGANI NGOBA NAMI SENGIZOBA UNKOSIKAZI KUMELE NGIFUNDE UKUVUKA KUSAMPONDOZANKOMO"u-Amanda atshele unina lamazwi ebe emamatheka unina amphendule ngokujabula "MNTANAMI NGIYAKUPHUMUZA NGOBA USAZOVUKA LA OYAKHONA UMENDO AKUYONA INTO YOKUDLALA "umaNdlela ebe emmukeza umdokwe badle kukhale ucingo lukamaNdlela uNxumalo ofonayo alubambe umaNdlela"MKHWENYANA"uNxumalo amphendule kahle bese eyamtshela imbangela yokumshayela ucingo "MANDLELA UMFANA UNGITHUMILE LAPHA UKUTHI NGIMCELELE UMSHADO NGESABATHA LELI ESIYAKULO NGEHORA LESHUMI EKUSENI"umaNdlela amphendule ngokulilizela bese eyamtshela ukuthi konke kuzoya ngamagama ekehli.

uNombulelo ubona iskhindi sakhe sangaphansi kanye nesikaMpendulo umqondo umbuyele kancane ukuthi bagcine behlulekile ukunqanda imizwa yabo "kodwa mdali ngabe sigcine silalile ngempela yini nobhuti ngizokwenzenjani uma ubaba engathola ngalento "uNombulelo aphazamiswe ilo osenqonqoza emnyango"NGENA"uNombulelo esholo phansi kungene uMpendulo"DADEWETHU NGABE KWENZEKALENI PHAKATHI KWETHU NGIPHAPHAME NGILELE NAWE NGINJENGOBA NGANGIZELWE BUKAFUTHI ISKHINDI SAMI "esho eskhomba uNombulelo evele amtshele kwezikabhoqo ukuthi kunjengoba becabanga bese eyamtshela ukuthi abakhulekele ukuthi uyise engatholi ngalento ebe ecosha iskhindi sampendulo emmukeze .

Thokozela esilandelayo
Umbhali ngu Kwandile Shange
❤️Koyac❤️

29/12/2020

LEZELAMANI
YEDLOZI
SEMPUMELELO
LAMI BABA
ZONKE (INDABA EMFISHANE)
MAMA
❤️COMING SOON ❤️
❤️Koyac❤️
Umbhali❤️ Kwandile Shange ❤️

28/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 31

uMpendulo asukume anyonyobe acoshe ibhulukwe lakhe kuqathake iskhindi sakhe sangaphansi engabe esasibona aphume enyonyoba njengoba sekuhwalele akasenandaba nokuthi unqunu aze ayongena elawini lakhe.

uThabani uzihlalele phezu kwedwala elisenhlakomuzi wakubo sekumnyama yena ulokhu ecabanga ngentombi yakhe u-Amanda kukhale ucingo uSgqoko alubambe ngokushesha"SGQOKOSAMASULUMANE "uThabani ambingelele kahle umngani wakhe kodwa uSgqoko amtshele ukuthi umphathele ezibuhlungu maqede amlandise"BAFO UBUSUZWILE UKUTHI LEMANZI OYITHOLILE ISILOTSHOLIWE "uSgqoko amtshele lamazwi kube useyinyathele emsileni uThabani emthuke amfungele"YEYI! WENA ANGIYONA INTO YOKUDLALA MINA MUSA UKWENZA INTOMBI YAM ISEQAMGWAQO MINA ZOKUYISA KWAGOQANYAWO NGOBA AWUNGIBONI UKUTHI NGUBANI"uSgqoko angakush*tshi asekushilo "BAFO NGIQINISILE NGEKE NGIKUPHOSE EWENI LOMUNTU ULOTSHOLWE KUTHANGI ILOMFANA OBUTHI UYAMNYANYA BATHI UMPENDULO"esachaza uSgqoko kuphele umoya wokushayela ucingo kuphele iskhashana uThabani esamangele kungene umqafazo "BAFO LOMFANA KUTHIWA UZISHAYE ZAPHELELA INKOMO AKASAKWELETI LUTHO U-AMANDA SEKUNGOWAKHE BENGICABANGA UKUTHI SIMENZE UMHLATSHELO WAMATHONGA ,BAFO CABANGA NGOKUSHESHA MINA NGIZOHLANGANISA INSIZWA"uThabani aqede ukufunda lomqafazo zizehlele izinyembezi asukume ehlele ekhaya angene endlini yakhe alale.

Sekusebusuku umaShezi useyaxakeka ukuthi uMpendulo noNombule kungani bengezi ukuzodla namuhla kanti nobaba wabo akabuyile umaShezi abone kukuhle avele emnyango amemeze uMpendulo nebala enzenjalo kungapheli skhathi asabele uMpendulo bese umaShezi emtshela ukt akabize uNombulelo bezomaya ukudla koze kuphole nebala uMpendulo asukume ulokhu edliwa unembeza ukt ulale nodadewabo kodwa abuye aziduduze ngokuthi ubedakiwe futhi akanaso isqiniseko sokuthi balalile anqonqoze efasteleni legumbi laNombulelo amtshele ukuthi uyababiza umama wabo nebala avuke uNombulelo ushawa ikhanda futhi unqunu nasendlini kumnyama mawala avuke aphumputhe ingubo yakhe ayigqoka uma elala ayithole agqoke aphume ayomaya

Thokozela esilandelayo ngiyaxolisa ngokubuye ngilahleke ngibuye ngibe busy mawala
Umbhali ngu Kwandile Shange
❤️Koyac❤️

22/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA nguqedele or nginibhalele inovel esihloko sithi

LEZELAMANI

11/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 30

UmaNdlela ilokhu ebuka indodakazi yakhe maqede amamatheke agcine esephahluluka"NTOMBI YAMI NGIYABONGA NAMHLANJE UNGENZE UMFAZI OZIQHENYAYO "aphimsele lamazwi maqede enganaki aqhubeke abale inkece okulobolwe ngayo u-Amanda, u-Amanda yena ilokhu ebheke phansi zigobhoza ngokudedelan inyembezi usecabanga nokuzibulala uma ebheka ilambu lekusasa lakhe elicisha yena eskhathi singakafiki"MDALI KUNGCONO NGANDELE KWELAMATHONGA KANTI KUNGANI KUYIMI IMBANGELA YOKUBEKA IMPILO ZABANTU ENGIBATHANDAYO ENCUPHENI "asdinde islilo u-Amanda uma ecabanga ngobunzima asengene kubo ngokuvumela uthando lubuse kuye "NGABE KUNGCONO UKUBE AKAZE NGIFUNE UKUFANA NEZINYE INGANE NAMI NGIBE SEMATHANDWENI NGOBA NGABE AYIKHO YONKE LENTO "kuhlale kancane aziphendule yena futhi "KODWA ANGINA CALA MINA YAZI PHELA UMPENDULO UNGILINDE NGINGAMQOMANGA KODWA NGIYAMTHANDA "esazibuza aziphendule u-Amanda ezwe ngonina esemiphambi kwakhe ekhuluma"UKHALELANI UNGAZOPHAPHA WENA LA NGATHI WENZE INTO ENHLE KANJE MUSAKE UKUNGIPHAPHELA MUKELA NANSI IMALI BESE UYAPHUTHUMA UYONGITHENGE AMAJUBA AMATHATHU NOSHUKELA OMFIPHA "u-Amanda asule izinyembezi amukele imali ahambe

Inxenye yesgaba

U-Amanda angene estolo ezwe esemenyezwa umuntu"SWIDI LAMI........SWIDI LAMI"aphenduke Uma ethi nhla uThabani usephakamise isandla uyamqweba "WE! NGIZO KWENZENJANI ,CHA ANGIMTSHELE UKUZE ENGEKE APHINDE ANGILANDELE "u-Amanda acabange lokhu maqede ayekhona uThabani amhlangabeze esevule izandla ethi ufuna ukumengama "WO! AWUNGIMELE THABANI "uphimsela lamazwi nje usebeke isandla esfubeni uyamphusha uThabani amphendule ngokungcokola"AYI! NAWE SWIDI UYATHANDA UKUNQABA NGISHO ISDINGO SESINGEKHO PHELA WENA USUNGOWAMI MANJE FUTHI UMA KUNGAKHONA ONGIPHAZAMISAYO KUYOMELE AYOLUSA AMADADA "u-Amanda abone kukuhle angabe esamtshela uThabani avele angabe esamphendula ahambe.

uMpendulo buthi damu utshwala egazini avuke uma ethi nhla ulele eduze kwaNombulelo unjengoba wayezelwe amangale azame ukuvuka uNombulelo engamuzwa uma ebuka ibhulukwe lakhe liphansi kanye neskhinyana sangaphansi saNombulelo.......

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile Shange
❤️koyac❤️

10/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 29

Kusedolobheni kwaHlabisa uNxumalo kanye nabangani bakhe abahlanu uSguqa,uThibhothi,uMsayipho,kanye noKhula bazihlalele lapha endaweni yokuncebeleka bayaxoxa ngomsebenzi okumele bawenze ophuthumayo "MADODA NJENGOBA SESIHLANGENE KUMELE SIKHUMBULE AMAZWI ESIPHILA NGAPHANSI KWAWO KULELIBUTHO "uthe uNxumalo engaqeda amadoda akhulume wonke kanye kanye esesho islandelo abaphila ngaphansi kwaso "IGAZI LOSULWA ZINYEMBEZI ZOGQOKE INZILO SIBUSE THINA SIYAWUKHALELA UMPHEFUMULO ONGENACALA "uNxumalo abonge inkabi zakhe uma ezibona zisawakhumbula lamazwi angabe esaya kude ahlale odabeni "MADODA OBULALE UMNDENI WAMI SENGIMTHOLILE NGIMENZE UMFAZI WAMI LAPHAYA EKHAYA NJENGOBA NGIMSONDEZE KIMI NGENZELA UKUMLAHLA UKHANDA NGIFUNA UKUNQUMA USUKU LOMSHADO LA NINA ENONGENA KHONA UMA SESIFAKANA INDANDATHO NINGABUZI LUTHO NIFIHLIZE APHELE NYA MINA NGIYOSULA IGAZI NGEZINYEMBEZI ZAMATHE "uNxumalo asho lamazwi libonge ibutho bese ebiza uSguqa okuyena amthembe kakhulu"SGUQA NIYOTHI UMA SENINGENA EHHOLO USHAYE INDEBA UKUZE MINA NGISUKE EDUZE KWALOMFAZI "kuvunyelwane bese uNxumalo ekhipha imali kuthengwe iphuzo bethibe ilanga.

Likhipha umkhovu etsheni nengoma isholo phezulu lapha emzini kaNxumalo umaShezi akhekho usathe shwi ekhaya lakhe njengoba kade wahamba ushiye uNombulelo noMpendulo lokhu beshaya iphuzo ezidakayo ukuze bathibe ilanga uNombulelo loluphuzo seluqala ukungena egazini njengoba beqala kwakuliphuza nje Kanti uMpendulo yena usevele wayisithothobala uNombulelo asukume adanse iskhathi eside aze abone kukuhle asukumise uMpendulo badanse ndawonye nebala badanse kuze kufike ekutheni babhekane ezinhlamvini zamehlo uMpendulo aphimsele lamazwi"NOMBULELO INHLIZIYO YAMI ISIKHETHE OMUNYE UMUNTU KODWA WENA UNGOWOKUQALA ENGIKUTHANDAYO KUNAYE NGIYAZI UKUTHI USUWUDADEWETHU KODWA INHLIZIYO YA.."aphazamise uNombulelo osebeke umunwe wakhe omncane emlonyeni wakhe "SHIII MPENDULO MUSA KUNGIVUSELA AMANXEBA NJENGOBA NGIPHUZA NGIZAMA UK*KHOHLWA ILENTO"uMpendulo athule baqhubeke badanse baphinde babukane sebebambene bayadiyazela akekho osekwazi ukuma iskhathi eside phakathi kwabo uMpendulo atshele udadewabo ukuthi abahlukane bayolala kepha uNombulelo azame ukusukuma kodwa ahluleke aze asizwe uMpendulo amhambise egunjini lakhe afike ambeke embedeni babhekane emehlweni ivuke inyama ogqokweni.....

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile Shange
❤️ Koyac ❤️
0812583230 Whatsapp

09/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 28

Abalande umaNdlela esengweni abahole baze bayongena endlini yangenhla afike abahlalise ebhentshini yena athathe incansi lakhe alindlale emseleni ahlale phansi bese bengabe besananaza kuhlalwe endabeni yamalobolo , uNxumalo kube uyena ofeza lowomsebenzi wokukhonga u-Amanda baxoxisane nomaNdlela ababalele ukuthi indodakazi yakhe uyikhulise ngaphansi kwasiphi isimo"MKHWENYANA UYABONA MINA NONDODAKAZI IMPILO AYIKAZE IBEYINHLE LOKHU SASHIYWA USOKHULU BENGIMFUNDISA LOMNTWANA ,NGIMGQOKISA ,NGIMONDLA NGEMALI ENGITHOLA NGOKUDAYISA INTSHALO NINAKE UMA NIMTHATHA KUZOMELE IMALI ITHI XAXA NJENGOBA SEKUFANA NOKUTHI NGIFUNDISELE NINA"uNxumalo angaphiki lutho ayikhiphe yonke imali efunwa umaNdlela baxoxe baze bafike emaphethelweni bese uNxumalo ecela ukuthi njengoba sebezoba yindlela ucela ukuthi bahambe sebembonile umakoti wabo nebala umaNdlela ambize kungapheli skhathi atheleke esegqoke ingubo yakhe ehusha phansi washo nangomhezo wakhe omesha nengubo ushuqule ekhanda sekuvela ihwanqa njengoba ewumuntu ophuphuzela uboya angene ahlale phansi maqede uNxumalo amncome bese emupha imali bese becela indlela umaNdlela acele ukuba behambe sebezithibile intuli.

Zilokhu zihamba kancane ikhathi njengoba kusayimini yasekuseni uThabani uhlezi lapha estolo nabangani bakhe abayiziswelaboya baxoxa ngomsebenzi abagcina ukuwenza bengakaboshwa kodwa ababoshelwanga wona uSgqoko ungcoma uThabani ngokungabi nanembeza uma esenza umsebenzi"THABANI BAFO WENA UYINKUNZI EKHONYA YODWA UNESBINDI ESIHLELI NONEMBEZA ESUSHUSHUZELAYO UMA UQALA UTHI UYASEBENZA YABONA KULOYAMSEBENZI NGAKUVUMA ,UNGANQUMA UYISE WENTOMBI OYIFUNAYO KUNGABINDABA ZALUTHO"uThabani amthathele phezulu ehleka"WESGQOKO SAMASULUMANE MINA NGINDODA ENGENANKINGA NGOBA NAWE UMA USUNGIFIHLELA INDUKU EMQUBENI NGIYOQEDA NGAWE ,LOYABABA WABUKISA NGAMI PHAMBI KWEZINGANE ZESKOLE WANGISHAYISA OKWENCANGA YINGAKHO NGAMBULALA NJE KODWA..."aphazamiswe ukuqamuka kukaMpendulo ezidlulela emgwaqeni ambuke maqede anxaphe "NXA NANGU LOMFANA ENGIMNYANYAYO AKAZE ANGONE NGALUTHO KODWA NGIYAMNYANYA FUTHI MHLA ENGISUKELE NGIYOMKHOMBISA AMABELE ENYOKA NGIYOMTHENA KUNGABINDABA ZALUTHO"uThabani ukhuluma lamazwi nje ilokhu ebuka uMpendulo njengoba ezidlulela emgwaqeni ehamba ecula....

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile shange
❤️Koyac❤️
0812583230 Whatsapp

08/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 27

UNonto ilokhu edlala umdlalo okumakhalekhukhwini umuntu ongazi engaze ethi uphithene ekhanda ulokhu egqunquzisa ucingo aze atshekise nekhanda aphazamise uyise osembiza egunjini lokufunda aphuthume ayekhona"NTANDOKAZI KABABA UBANI OKE WAFONA , UTHE UFUNANI"uShabangu abuze indodakazi yakhe imphendule ngokushesha"AKAZISHONGO UKUTHI UBANI KODWA UWUSHIYILE UMQAFAZO UBABA UZOWUBONA"esho ebe ephuma ngesivinini uNonto ejahe ukuyodlala lomdlalo wakhe asale uyise ebuka lomqafazo"UNGCOBO UDLALELANI NGAMI NJENGOBA NAMI NGIMATASA KANJE NGIBHEKENE NAMACALA AJULE KANJE UZONGILINDAKE "uShabangu aluthathe ucingo alubeke aqhubeke nomsebenzi kungene umqafazo alidonse ucingo awufinde "BAFO NGICELA UNGISIZA LELICALA LIBALULEKILE UMA ISTESHI SAMI SIHLULEKA UKUTHOLA LESGILAMKHUBA MINA NGIZOKWEHLISWA UKUBA UMPHATHI WESTESHI "awufunde maqede ajule kakhulu uShabangu bese eyamphendula "BAFO KUZOMELE UNGILINDE EMVAKWEZINSUKU EZIMBILI NGIZOKUNIKA ULWAZI MAYELANA NALENOMBOLO " aqede ukuthumela lomqafazo aluvale ucingo aqhubeke nokunaka umsebenzi wakhe

Sekumpondo zankomo kunesthwathwa esiqhamuka emfuleni umaNdlela kunamazwi awezwayo kodwa uwazwela kude aqhubeke alale"MAMA ....MAMA"u-Amanda usememeza unina kwasakuhleba unina amphendule ngokunganaki"AMANDA AWULALE KUSASEKUSENI ANGIYI ENSIMINI "u-Amanda amphuthume "MAMA KUNABANTU ABAKHULUMA ESANGWENI "avuke eseyubhuzela umaNdlela athulise u-Amanda bese beyalalelisisa ukuthi obani laba abakhuluma esangweni "SKHULEKILE EKHAYA KOSOKHULU ZONDO ITHINA BAKWANXUMALO OZWIDE SIZOCELA ISHLOBO ESIHLE "umaNdlela ezwe lamazwi amamatheke bese ekhuluma nendodakazi yakhe"UYABONAKE AMANDA NANGUKE UMFANA OZAZIYO UFUNANI AYI LO WEZIBHAMU NEJELE ,KUZOMELE UPHUTHUME ULUNGISE ENDLINI YANGENHLA BESE UYOPHEKA UKUDLA OKUNQENQAYO UKUZE BAHAMBE SEBEDLILE"umaNdlela akhulume lamazwi ku-Amanda kodwa kube sengathi akashongo lutho njengoba u-Amanda esephazamiswa ilomcabango osumfikele "NGIZOYITHINI LENTO UMPENDULO UNGITHANDA NGAMPELA KUSAZOSHUBA LA UMA UTHABANI ESETHOLA UKUTHI UMPENDULO KADE EZONGILOBOLA KUYILAPHOKE NGEKE NGIKWAZ UKUVIMBA UMPENDULO PHELA YAMTHANDA INTO OKUZOMELE NGIYENZE KUZOMELE NGINGAHLANGANI NJE NOTHABANI NGIQINISEKISE NGAMPELA SINGANGIBULALA LESASPHUKUPHUKU EYI NGOBA UMDALI UYADALA ZONKE INHLOBO ZABANTU NABANGENA NEMBEZA AYI NGATHWALA KANZIMA KAZI UBANI OWANGITHATHELA UBABA"aphazamise unina osephenduke ingonyama njengoba esethetha u-Amanda angabe esamnaka aqonde endlini ngenhla ayolungisa khona ....

Thokozela.

Send a message to learn more.

07/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 26

U-Amanda ilokhu ekhala nezwi alisaphumi sekugobhaza inyembezi nazo sezithi gqa gqa aze agcine esefikelwa ubuthongo alale unina engafikile kuthe seligamaxa ihora lesishagalombili uvuleke umnyango angene umandlela esecathama abeke opulasitiki abanenyama kanye namancamnce abone kukuhle avuse u-Amanda njengoba esefikile ukuze amphakele uthe eseqala ephakamisa isandla efuna ukumthinta abone amaphepha asendlini encane egcwele phansi emanzi "HAWU! U-AMANDA EBESE EKHALISWA UKUTHI MINA ANGIKHO LAYIKHAYA UQALENINI UKUNGIKHALELA NGOBA MINA NGIKE NGIYOPHUZA UBUSUKU BONKE "umaNdlela azibuze aziphendule maqede amthinte "AMANDA VUKA FUNA UK*KHULUMA NAWE" nebala u-Amanda avuke agwajaze angafuni ukumbheka emehlweni"AMANDA NGIBHEKE KWENZENJANI UBUNUKU OBANI UMUSHA LAMAPHEPHA ABEKWELENI KANJE"u-Amanda asokole aliphakamise ikhanda ambheke bese eyakhuluma"MA..MAMA"asukume amengame aqale phansi akhihle esikanandi nonina kugcine sekusa namanzi amponjwana naye askhihle.

Inxenye yesgaba

Inkanyezi ilokhu ibelethe kunyezi nezikhathi sezihambile kakhulu sekuyihora leshuminanye u-Amanda nonina bayaxoxa ngokwenzakele"MAMA UYAMKHUMBULA UTHABANI LO OWAYENGISHELA OWAZE WASHAWA UBABA NGISAFUNDA IBANGA LESKHOMBISA"umaNdlela avume ukuthi uyamazi maqede aqhubeke nodaba U-Amanda"MAMA ANGIMFUNI KODWA NGIMQOMI...."ethi usachaza U-Amanda unina amngene emlonyeni"AMANDA WENZENI UQOMA UMGULUKUDU BESE BEPHELILE YIN ABAFANA NOMA USUYAHLANYA "U-Amanda azehlise acele unina ukuba amuphe indlebe engamlwisi nebala unina enzenjalo njengoba esewajwayela ukuthi indodakazi yakhe le isifana nodade wabo kuye sukela mhla eshiywa uSokhulu owaduka inyanga esiyisthupha waze watholakala inyanga isigoqwa etholakala esocongiwe enqunyiswe okwembuzi "NDODAKAZI QHUBEKA NGIKULALELE "u-Amanda aqhubeke achaze"UNGIVIMBILE BEKUHWALELE WAKHIPHA ISBHAMU WAFUNA NGIMQOME NGENKANI MAMA IBINGEKHO INTO EBENGIZOYENZA BEKUMELE NGIMQOME UKUZE ANGANGILIMAZI KODWA MINA MAMA NGITHANDA UMPENDULO"umaNdlela umoya wakhe usuphansi akazi athini agcine esebuza kundodakazi wakhe ukuthi uMpendulo owaphi u-Amanda amchaze "MAMA UYAMKHUMBULA UMAZONDI LO ENANIDLALA NAYE ISTOKOFELA , UMPENDULO INGANE YAKHEKE ILOMFANA ENGANGIKUTSHELA NGAYE UKUTHI UHLAKANIPHE KUNATHI SONKE EKILASINI "kuqale kubuye ihlathi kumaNdlela amamatheke baqhubeke bakhulume ngoMpendulo baze bafikelwe ubuthongo bendlale balale...

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile shange
❤️Koyac❤️

04/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 25

U-Amanda amphendule ngezwi eliqaqazelayo useze washobinga uvalo"THABANI NGIYAKUQOMA NGOBA UTHANDO ULIFUNA NGENKANI KULUNGILE KODWA ENGIKWAZIYO NGEKE UPHELELE NDAWO"u-Amanda uthe engaqeda ukukhuluma uThabani ajabule mawala wangabe esanaka ukuthi u-Amanda unokumshwabulela aphakamise inganono ayikhombe phezulu ayikhulumise amahlandla amahlanu maqede wayikhulula intombi ukuthi isingabuyela ekhaya nebala u-Amanda asuke ngesvinini eyongena kubo.

uNxumalo usezihlalele nomndeni wakhe njengoba kade beqeda ukudla kwakusihlwa "MUZI KAZWIDE KUSASA MINA NONDODANA SIZOVUKA SIYE KWASOKHULU SIYOKHONGA U-AMANDA OKUNGUYE OSEKHETHWE UNDODANA UKUBA AMENZE UMAKOTI "uthe engathula lenkulumo uNxumalo alilizele umaShezi asukume agqize abuye ahlale phansi aphimsele lamazwi"NDODANA WAKHULA MFANA NGIKUFISELA INHLAHLA "umaShezi esangcoma amiswe ukubona uNombulelo eciphiza izinyembezi avele asukume aye egunjini lakhe uMpendulo ethi uyamlandela avinjwe uyise bese kuya yena "NOMBULELO NTOMBI KUMELE UKWAMUKELE UKUTHI WENA UNGUDADEWABO KAMPENDULO NGEKE UKWAZI UKUTHANDANA NAYE NAWE ZAMA ISOKA"uNombulelo angaphenduli aqhubeke agubuzele ngengubo akhihle esikanandi uNxumalo amshiye abuyele la behlezikhona afike baqhubeke nenxoxo kodwa uMpendulo inhliziyo yakhe isibihlungu uma ebona uNombulelo ekhala ngenxa yakhe"UMAKE SENGIBUYA KOKHONGELA UMFANA KUNENDLELA ENGIZOYITHATHA WENA MASHEZI UNGITHWISHILELE LELIYA YEMBE LAMI ELISKOSHO NGOKUSASBHAKABHAKA "uNxumalo atshele umaShezi lokhu bayiqhube inxoxo yabo kuze kufike ekutheni bahlukane bayolala

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile Shange
❤️ Koyac ❤️

03/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 24

Sekuze kwakathathu uNgcobo ezama ukuhloma ucingo kumngani wakhe osebenza kwesiye isteshi samaphoyisa efuna ukuba amsize ngokumcingela lenombolo ukuthi ekabani kuthe esengazelele lubanjwe ucingo "YEBO SAWUBONA UCINGO LUKA SFISO SHABANGU LOLU LO OKHULUMA NAYE NGUNDODAKAZI WAKHE ,UBABA UKHOHLWE UCINGO LWAKHE EKUSENI ESEYA EMSEBENZINI "uNgcobo angabe esaphendula aluvale ucingo maqede acabange ukuthi akavale ashiye umqafazo kuyo lenombolo kaShabangu useyothi uma efika uShabangu aphendule angabe esathandabuza awushiye umlayezo "SHABANGU BAFO KUNECALA ELINGIBHINCISE NGENXANYE LA ITHEMBA LAMI LIKUWE NGOBA KUNOWESMAME OWAZIBIKA UKUTHI UYENA OYIMBANGELA KULELICALA INKINGA WANGAZISHO IGAMA MANJE NGICELA UNGIBHEKELA LENOMBOLO UKUTHI EKABANI UKUPHI NENDAWO 0712583230"uNgcobo awubhale lomlayezo maqede athi ukuthatha isthongwana.

Aphume endlini U-Amanda ebona seliyozilahla kunina kodwa lutho umama wakhe ukufika amqalaze aze abone ukuthi akayombheka ehle ngendlela ebheke ensimini kanina eseduze nomfula azithele kuThabani njengoba ehlezi ezulazula ngakubo "THABANI NGEKE SENGITHANDA UK*KHATHALA UWE MANJE NGITHE SOBONANA NGELINYE ILANGA NJE"U-Amanda azizwe edinwa kodwa uThabani angakugqiziqakala lokho "AMANDA NGIYAKUFUNAKE MANJE FUTHI NGIMISELE NGOKUTHI NGIBUYELE EKHAYA USUNGIQOMILE UMA KUNGENJALO AWUBUYELIKE KINI"uThabani usho lamazwi nje u-Amanda uyabona eqolo likaThabani kuqhumbile okusho khona ukuthi unkabi lo uphethe inganono"THABANI CELA UNGAYENZI INTO EZONGIHLUKUMEZA BANDLA "u-Amanda useqala ukuciphiza izinyembezi njengoba ebona ukuthi sekuqala ukubamfipha "AMANDA NGIQOMA UKUZE MINA NAWE SOPHILA IMPILO EMNANDI SINDAWONYE"uThabani abe eyidonsela inganono eqolo ayitoboze ikinobho ikhiphe okuyisitshana esinezinhlamvu ezishaye uhele maqede asibuyisele ayihlohle inganono yakhe bese embheka eyinhlamvini zamehlo "AMANDA AWUFUNI UK*KHULUMA"uThabani avele agane unwabu u-Amanda amphendule ngezwi eliqaqazelayo useze washobinga uvalo "THABANI.......

Thokozela esilandelayo
Ibhalwe nguKwandile Shange
❤️ Koyac ❤️

03/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 23

Amanda amamatheke"MPENDULO CELA UHAMBE BANDLA MINA NGIFUNA UKUQEDELA UKUWASHA"nebala uMpendulo amdedele avalelise athathe uyise bahambe

uNombulelo abone kukuhle abuze umaShezi ngokuthi kungani engakhulumanga iqiniso"MAMA KUNGANI UTHE WAWUNGAQONDILE UKUBULALA USWELIHLE"umaShezi amngene emlonyeni"LALELA MINA NGENZE UMUSA NGANGAFUNA UK*KUQATHA NOMNDENI WAKHO UKUTHI NGUTSHELE UKUTHI UKUFA K*KASWELIHLE INGENXA YAKHO NGOBA WAWUNGIBELESELE NGOKUTHI IBONA ABAKUVIMBILE EKILASINI UKUBA UPHUME UNOMBOLO WANI "umaShezi asho lamazwi maqede amduduze"MNTANAMI UNGAKHALI PHELA NAWE WAWUNGAZI FUTHI WENA UMSULWA IMINA ENGINEZANDLA EZIGCWELE IMPHEFUMULO YABANTU ABAFA NGEYINDLELA EZIHLUKENE"umaShezi baduduzane bobabili noNombule, uMpendulo Kanye noNxumalo bangene umaShezi noNombule sebesulana izinyembezi.

Inxenye yesgaba

"MNDENI WAMI NGIYABONGA UMA SESIBUMBANA KANJE NGIZOCELA UKUNITHUMA ESTOLO NOMBULELO NONYOKO MINA KUNODABA ENGISAFUNA SILUMANE INDLEBE NGALO SINONDODANA"uNxumalo acele lokhu kumaShezi noNombule nebala bamlalele bathathe imali bayothenga ukumaya okuzodliwa kusihlwa, uNxumalo noMpendulo basale uNxumalo aqonde egunjini lakhe lokulala abuye neskhwama eskhulu owafika esphethe atshele uMpendulo ukuthi akavale umnyango namakhethini bese esqukula leskhwama esikhombisa sikhombisa ukuthi siyasinda asbekephezu kwetafula bese ephimisela lamazwi"MFANA KUSASA SOVUKA NGOVIVI SIYOKHONGA UMASOKHULU VULA ISKHWAMA UBONE OKUPHAKATHI NDODANA"uMpendulo asho ebe esxumela iskhwama esivule kuphume izumbulu zemali enye inamachaphazelo egazi"ZWIDE KAMKHATSHWA IMALI ENGAKA UYITHATHAPHI FUTHI KUNGANI IGCWELE IGAZI "uNxumalo achaze into engazwakali kodwa uMpendulo angabe esanaka ngenxa yokuthi umqondo wakhe usuhungulwe imali bavumelane ukuthi kusasa bayokhonga uMpendulo asavune imali eyanele ukuyolobola ayoyifihla eginjini lakhe abuye bethathe le eseskhwameni bayoyimbela ehlathini.

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile Shange
❤️ Koyac❤️

01/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 22

U-Amanda uma ethi uyawasha lapha emfuleni lokhu ezwa loluvalo olumshaya maqede kugedezele amadolo aluzibe loluvalo aqhubeke awashe kuqamuke uThabani amxavune kabuhlungu emqaleni "THABANI UYANGILIMAZA "U-Amanda aphebeze uThabani usecwebe nezinyembezi "AMANDA SESISIDE LESKHATHI NGILOKHU NGIKUNCENGA NGICELA UTHANDO KODWA ULOKHU UNGIMISILE NAMUHLAKE ELAMAQAMU"uThabani asho lamazwi ube umbambe kabuhlungu emqaleni U-Amanda amphendule ngokusaba "THABANI NGIZOKUQOMA KANJANI NGINGAKUFUNI OKOKUQALA UNGUMBULALI WENA KUNEZIDUMBU NEGAZI ELIGCWELE EZIKALWENI ELICHITHEKE NGENXA YAKHO NEZINYEMBEZI ZEZINTANDANE EZIKHALA NGENXA YAKHO KODWA UFUNA MINA NGIKUQOME USAKWAZI UKUNGIBAMBA KANJE SINGATHANDANI UMA SESITHANDANA KUYACACA UYOBE USUSINA WIBETHELA WENZA MATHANDA"u-Amanda asho lamazwi maqede uThabani amdedele alibone iphutha lakhe axolise aze aguqe ngedolo "AMANDA NGIYAZI NGISONI KODWA SENGISH*TSHILE MANJE YACELA UNGIQOMA "u-Amanda amtshele ukuthi akobuye abuye uzobe esecabange kahle bavumelane ahambe uThabani.

Inxenye yesgaba

Lingakapheli ihora uThabani ehambile kuqamuke uNxumalo nendodana yakhe iMpendulo bambingelele kahle u-Amanda bese uNxumalo ekhuluma kuqala "NTOMBI YAKWASOKHULU UYE UMFANA WAMI LO OZIMISELE NGOKUJABULISA INHLIZIYO YAKHO EMHLENI YAKHO YONKE" uNxumalo uthe uma eqeda uMpendulo amngene emlonyeni"ZWIDE SICELA USDEDELA KANCANE "uNxumalo abadedele kwazise Mpendulo usalokhu eyibuka lentokazi osekungathi uyayiqala esho ngomzimba oyizidufuza ophuphuzela uboya ,enhle ngendlela eyismanga "MASOKHULU NGIYAXOLISA UKUTHELEKA NONXUMALO LAPHA PHELA AKAFUNI UKUSALELA EMUMVA ,EMPELENI ENGIZE NGAKHO LA UKUTHI...."abanjwe amalimu aphinde aqhubeke nenkulumo yakhe"AMANDA UMUHLE UFANELWE IMPILO ECHICHIMA INJABULO NJENGALE ENGIFISA UKUNIKA YONA YAKUTHANDA AMANDA"uMpendulo asho lamazwi ebe embuka emehlweni u-Amanda maqede u-Amanda amphendule ngezwi eliphansi "MPENDULO NGIYAKWAZI KAKHULU NGIFUNDE NAWE SUKELA EMABANGENI APHANSI KUNGANI UKHETHE MINA "uMpendulo amendlalele zonke izinto ezenza amthathe "AMANDA UMUHLE MINA YAKUTHANDA FUTHI NGIFUNA UKUBANAWE NGIFEZE UKUTHI LOBUHLE BAKHO BUHLEZI UNJE FUTHI UYIQATHANZIPHO UNGAKWAZI UKUGUQULA UMUZI KANXUMALO UBE UMUZI OFANA NEMINYE IMIZI "u-Amanda avele akhulumele phansi sengathi akafuni"MPENDULO NGISAWASHA NGICELA UHAMBE SOKHULUMA KUSASA "uMpendulo angakhombisi ukulwisana naye kepha aveze ukuhlonipha isnqumo sakhe maqede acele ukuba amgade aze aqede ukuwasha kodwa ale u-Amanda amamatheke

01/12/2020

UMPHEFUMULO ONGENAKUTHULA
Isqephu 21

Ababuyele emsebenzini lebala benze njalo

Sekumpondo zankomo umaNdlela buphele ubuthongo maqede adonse umetshiso alayithe isbani bese ememeza u-Amanda ulele ohlangothini olungaphesheya kuyo lendlu "AMANDA...AMA" asheshe asabele u-Amanda okukhombisayo ukuthi ubhekile akalele "AWULELE HE! KAZI KWENZENJANI NGOBA PHELA WENA UZE UVUSWE ILANGA SELIGCWELE INDLU ,AWUNGITHATHELE INGUBHU YAMI LAPHO NGITHI QABU BESE NGIYOLIMA " umaNdlela asho lamazwi ebe ethatha umhlabelelo ewuculela phansi ,u-Amanda asukume athathe ijuba likanina nenkomishi amnike "MAMA UNGAPHUZI KAKHULU KUSASEKUSENI NGIYACELA MASOMPISI WAMI " umaNdlela avume ngekhanda aqhubeke athele ijuba lakhe.

Lukhale ucingo lukaNxumalo maqede aphaphame aludonse ebe elwa nokuvula amahlo alubuke kwasakufifiyela abone inombolo angayazi ayivale abuke umaShezi eduze kwakhe"NTOKAZI USUVUKILE NJALO "umaShezi azithulele njengoba elokhu egqolozele intungo lapha endlini aphinde amqwebe uNxumalo" MASHEZI NGIKHULUMA NAWE NJE YINI KWENZENJANI "athuke umaShezi" NGIYAXOLISA BABA NGILWA NOKUCABANGA UKUTHI KUNGANI UKHETHE MINA SENGIKUMOSHELE KANGAKA IMPILO YAKHO EKHONA AMANYE AMAKHOSIKAZI "umaShezi asho lamazwi maqede uNxumalo ashaye olude uhleko " LALELA MASHEZI UTHANDO ENGINALO ALIWAFANELE LAMAKHOSIKAZI OKHULUMA NGAWO LOLU UTHANDO OLUSHA LOMUNTU OMUHLE NJENGAWE"umaShezi amamatheke kwazise ukuba nomuntu wesilisa kuyinto entsha kuye ,besaxoxa baphazanyiswe ilolucingo lukaNxumalo lokhalayo aludonse alubuke "KUFONA USGUQA,NTOMBI NGICELA UNGIPHA ISKHATHI NGIBAMBE LOLUCINGO " esho emamatheka nebala avuke umaShezi aphume ayolungisa isidlo sasekuseni .

Inxenye yesgaba

"GALAKAJANA NSIMBA EYEQA UMGWAQO PHAMBI KWEYINCANGA ZIVALILE" kusho uSguqa eSho uNxumalo ngeyibongo zakhe ebebemthaphuza ngazo egoli maqede uNxumalo amemukele "MFANA KWENZENJANI WANGISHAYELA EKUSENI KANJE" uNxumalo uthe engabuza uSguqa maqede amtshele ukuthi ebembheka nje ukuthi unjani uNxumalo yena amethulele udaba oluyinkinga"MFANA OMDALA KUMELE UNGIHLANGANISELE ONKE AMAJITA EBESISEBENZA NAWO UMUNTU OSOCONGE UMNDENI WAMI SENGIYAMAZI NGIFUNA SIHLANGANE EDOLOBHENI KWAHLABISA KUSASA UKUZE SIXOXE KAHLE" uNxumalo uthe uma eqeda uSguqa ajabule"SIYABONGA NKOSI YETHU BESE SIPHATHEKE KABI SINGASEBENZI NGIZOWATHOLA ONKE AMAJITA NJENGOKUSHO KWAKHO MPHATHI"ebe evala ucingo uNxumalo ebona kungena uNombulelo .

Thokozela esilandelayo
Umbhali nguKwandile Shange

1.ngabe ufuna aboshwe umashezi noma abulawe?

❤️Koyac❤️

Address

Kwavekeza
Eshowe

Telephone

+27812583230

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Amanoveli koyac posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category



You may also like